Jane(Maize)								IsiZulu
UNksz Jane uthi…
Folio strap: 
Photo: Use a photo of Jane 
Wo, bekuyinjabuliso ukuba ilunga leqembu elalikhetha Umlimi Wonyaka kulowo mncintiswano! Kungene imisebenzi eningi ethathe iminyaka neminyaka ukusebenzisa le phrogramu lethu lokuthuthukisa abalimi, futhi bekuyisimangaliso ukubona ukuthi abanye abakhiqizi baqhubeke baze bafike kuphi. Ukukhetha labo abaphakamisweyo bekunzima kakhulu ngoba bonke bebasebenza ngokukhuthala isikhathi eside futhi basebenze kahle. 
Nokho kuyisimangaliso nentokozo ukubona ukuthuthuka kwabanye abakhiqizi, kuyasidumaza inhliziyo ukubona abanye abantu abangathuthuki nakanjani. Ngokwaleka namanje sisabona abalimi abangenzi izinto zokuqala eziphansi ngendlela afanelekile – njengokulungisa umhlabathi kahle, ukusebenzisa umanyolo, ukukhetha izinhlobo zembewu nokubulala ukhula. Uma ungakwenzi lokhu ngendlela efanelekile awungeke uqhubeke ube ngumlimi wezomnotho. 
Kaningi abantu bayakutshela ukuthi abakwazi ukuzenza lezo zinto ezifanelekile bese bakunikeza izizathu zalokhu – abanye bathi abanogandaganda, abanye bathi izimbewu nomanyolo kudula kakhulu, abanye bathi ngugavumente ojezisayo. Kodwa, uma ufisa ukuba umkhiqizi omuhle, kufanele wakhe uhlakanise amasu ukuqhubeka. Sibone izitshalo ezinhle impela ezitshalwe ngezandla – indawana encane nje ingakhiqiza umvuno omuhle lapho ulungisa umhlabathi kahle, utshala izimbewu ezinhle, ufaka umanyolo ofaneleyo futhi ubulala ukhula kahle. Kungcono kakhulu ukutshala indawana encane (okwazi ukuyikhokhela imali) bese wenza konke ngendlela efanelekile nokutshala indawo enkulu kodwa umsebenzi wakho awenziwa ngendlela efanelekile. Lapho usukwazi ukutshala kahle indawo encane, angaqala ukwandisa umsebenzi wakho wokutshala. 
Sibokhumbula ukuthi le phrogramu lokuthuthukisa leGrain SA lisekelwa ngamatrasti (izimali ezisisiwe) okudla okuzinhlamvu ngemali (kakhulu iMaize Trust), lezo zinkampani zifuna ukubona ukuthuthuka. Uma kungabonakali ukuthuthuka emhlabeni, thina sizocindezelwa ukuvala amaphrogramu kulezo zindawo. Ngeqiniso kuzoba uzuku oludabukisayo ukukhawula ukusekela labo balimi – kodwa lokho kusezandleni zabo. Uma uthola usizo ngokusekela nangokuqeqesha kwethu, kufanele wena ushintshe ulandele izindlela ezinsha zokukhiqiza. Kunzima ukuba umkhiqizi ophumelelayo, kodwa konke kusezandleni zakho – thina sikhona ukunisekela nokuninikeza ukuqeqesha ngawo onke amandla ethu, kodwa nina nifanele nishintshe izindlela zenu zokusebenza! 
