Jane(Maize)									IsiZulu
Unkk Jane uthi…
Folio strap: 
Photo: Use a photo of Jane 
Ngokwamanje imidiya (iTV, irediyo namaphephandaba) ikhuluma kakhulu ngobugebengu nenkohliso. Kwenzekani kubantu bethu, umthetho wokulinganisa impilo yethu nenkambo elungileyo? Mhlawumbe kufanele sixoxe ngenkambo elungileyo. 
Enkambeni elungileyo emsebenzini kukhona isimo sakho, indlelo ukuziphatha, ukukhulumisana nokuzwana – indlela sizwana nabanye. Umbuzo omkhulu lapho sikhulumisana kuhambelana nalokhu okufaneleyo (okuqondile) nalokhu okubongekayo ubuza ukuthi lokho kumi kanjani nalokho okungalungileyo nalokhu okunamacebo. 
Ngeminyaka edlule kwakukhona izinkampani nabantu abangenenkambo elungileyo, babesebenza ebumnyameni futhi kwakungenomthelelo omuhle ebantwini abanye. Labo bantu abazange bayibheke ngokuqonda le nkinga, lapho abanye bebenza izinto ezilungileyo. 
Inkambo elungileyo emsebenzini njengobuqotho, ukusebenza kahle, ukubeka inani emsebenzini wakho, ukwazi ukuthi usebenzelani, konke lokhu kubalulekile. Kufanele sifise ukwenza izinto eziqondile. Izinkambo ezilungileyo zivela enhliziyweni, zivela phakathi. 
Ekulimeni kukhona amathuba amaningi ukuqamba amanga nokwenza izinto ezimbi. Cabanga ngabantu ababoleka imali kodwa abayibuyiseli leyo mali emva kokuvuna; abanye bayatshala, bathengisa umvuno bese bathi abazange bathole umvuno; noma labo ababoleka imali yokutshala inani lamahektheli elithile, bese batshala namanye amahektheli futhi (abasebenzisi leyo yokuqala ukulima maqondana nesivumelwano). Abantu abangakhokhi imali maqondana nesivumelwano, abaqamba amanga ngokungasebenzi ngamandla, abantu abathengisa izimpahla ezingasizo ezabo, abantu abathenga izimpahla ezintshontshiwe.... njalonjalo. 
Uma sifisa ukwakha nokukhulisa isigaba somsebenzi wezokulima ezweni lethu, kufanele sibuyele phansi, kufanele semukele futhi izimo zomthetho oqondile, izimo zokusebenza ngokukhuthaza nokuhloniphisana. Bonke abantu, nalabo abasebenza eminyangweni kagavumente bafanele benze umsebenzi ofanelekile njalo ngosuku. Lokhu kuyindlela eyodwa ezosiza ukuthi siphumelele phambili. Lapho ufuna ukushintsha indlela izinto zenziwa ngazo – kufanele kushintshe wena kuqala. Hamba phambili wena, thembeka. Masibuyele endaweni lapho sizokwazi ukuthi ngokuqonda: amazwi ami aqondile, ngikhuluma iqiniso. 
