UJane(Maize)									Isizulu
UNkz Jane uthi…
Folio strap: 
Photo: Use a new photo of Jane 
Lo nyaka sizame ngamandla ukuphatha ukhula, kodwa sithole ukuthi abalimi abaningi bahlulekile ukuphatha ukhula ngendlela efanelekile ngoba izulu belina kahulu. Lo nyaka bekuyisibonelo esihle esikhombisa ukuthi ukuphatha ukhula ngamakhemikeli kuyindlela yokuya phambili! Ezindaweni eziningi bekumanzi kakhulu, abalimi bebangakwazi ukuhlakula ngaphakathi kwemisele, futhi abaningi bhlulekile ekugcineni ukulwa nokhula. 
Manje kuyisikhathi esifanelekile sokubheka amasimu akho ngoba kanjalo uzobona ukuthi ungavelelwa izinkinga ezinjani ngonyaka ozayo. Ukhula alufanele lukwethuse – kungaba kngaba khona ukhula omila iminyaka neminyaka, uzobona nje ukuthi seluyamila, noma ukhula ozomila ngonyaka ozayo uzomila ngezimbewu eziwe emhlabathini ngesikhathi usebenza emsimini lo nyaka. 
Kusenesikhathi sokushintsha indlela osebenza ngayo emasimini akho. Khumbula okulandelayo:
Ungaziyeki izindawana ezincane lapho kumila khona ukhula, phatha leyo ndawana ingandi kakhulu. 
Bheka ukuthi nguhlobo luni lokhu – kufanele usazi isitha esifuna ukudala ingozi, sibulale masinya. 
Ungayeki isitshalo sokhula sibe nezimbewu, eziningi izitshalo zokhula ezimila iminyaka neminyaka ziyakwazi ukumila ngezimbewu nangezintanga.
Phatha ukhula ngendlela ejwayelekile lapho utshala. Khumbula ukufuna njalo amakhemikeli amasha abulala izinhlobonhlobo zokhula.
Ubovimba ukuthi ukhula ungamili emaceleni kwamasimu (wenakker). Ukwanda kokhula lapha kungasuka kungene ensimini yonke. 
Qinisa ukuthi uyilungise kahle insimu ngaphambi kokutshala, akufuneki kubekhona ukhula ensimini ngaphambi utshala. Lokhu kuzosiza isitshalo sakho ithuba lokumila ngaphandle kokuncintisana nokhula ukuthola ukudla. 
Uma kukhona izithombo ezimila iminyakana, cabanga ukusebenzisa indlela ebizwa ngokuthi “no-till” yokutshala. Kanjalo uzokwazi ukubulala ukhula ngamakhemikeli.
Lima amasimu lapho kukhona izithombo zokhula ezimila iminyakana. Ukulima kulimaza lolukhulu kakhulu (Bheka 7 ngaphezulu, ngesinye isikhathi kungaba ngcono ukusebenzisa amakhemikeli ukuzibulala). 
Qaphela ukuthi awusakazi ukhula ngemishini lapho uya kwenye insimu – izimpande nezigaxa zokhula zingasala emishinini. Uma ujahile ukuqala ukulima insimu ensha, ungakhohlwa ukuhlanza imishini yakho.
Yenza imaphu lepulazi lakho bese ukhombisa lapho ukuthi lezizinhlobo zokhula zimila kuphi, kanjalo uzokhumbula ukuziphatha kulezo zindawo ngonyaka ozayo. 
Sinenhlanhla ngoba kungathi intengiso yokudla okuzinhlamvana iyakhuphuka – ngikholwa ukuthi lokhu kusazoqhubeka ukuze wena ongumkhiqizi uzokwazi ukuthola inzuzo emva kokuvuna nokuthengisa umvuno wakho. Khumbula ukulima akusiye nje indlela yokuphila – kuyibhizinisi, ngakho-ke kufanele uqonde usebenze ukuthola inzuzo ukuze ube umkhiqizi osekela leli bhizinisi manje nakusasa. 
