Member (Maize)									Isizulu
Ngenza njani ukuba ilunga leGrain SA?
Folio strap: Ukwandisa inzuzo
Byline: Kubhalwe nguJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi
Bonke abantu abakhiqiza ukudla okuzinhlamvana bangaba amalunga eGrain South Africa. Kukhona izinhlobo zamalunga, kodwa ngokwejwayelekile kukhona kakhulu amalunga angabalimi bezomnotho nalabo abangamalunga equmbi lokufunda. 
Ukuba ilunga lezomnotho ngokugcwele kubiza R2 ngethani lokudla okukhiqizwayo, kodwa hhayi ngaphansi kweR570 (iVAT ihlanganisiwe lapha). 
Kukhona amaqumbi okufunda abiza R10 ngonyaka kuphela. Uma kukhona abantu abafuna ukwakha iqumbi lokufunda futhi ukuba amalunga eGrain SA, thintana noMphathi wokuThuthukisa endaweni eduze nawe – ikheli nezindlela zokuthintana naye uzokuthola ekugcineni kwale ncwadi yethu. Umgomo walamaqumbi okufunda ngukuhlangana njalo ukuxoxana ngazo zonke izinto ezihambelana nokukhiqiza ukudla okuzinhlamvana. Uma uyilunga lequmbi kusho futhi ukuthi uzokwazi ukuya kuzo zonke (ziningi) izifundo zokuqeqesha ezinikezwa iGrain SA njalo ngonyaka. 
Sithemba ukuthi abaningi abalimi abasathuthukayo abasakhulayo bazoba amalunga ezomnotho ngokugcwele eGrain SA ngenkokhelo yabo yeR2 ngethani abalivunayo. IGrain SA lidinga ubulunga bakho ukuze sizokwazi ukukhulumela nokulwela bonke abalimi abakhiqiza ukudla okuzinhlamvana lapha eSouth Africa. 
