Management (Maize)										Isizulu
Ukuphatha umsebenzi wakho ngendlela efanelekile kuzokusiza ukuphumelela phambili
Folio strap: Ukuphatha umsebenzi wakho
Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuwali elibizwa ngokuthi Ukuphatha Ipulazi ukuze kutholakale Inzuzo elibhalwe nguMarius Greyling
Redraw the diagram and make each factor a bright different colour
Uziphatha kahle izimfuyo zakho? Noma amadlelo epulazini lakho akhombisa ukuthi uwadlisa kakhulu? Uzwa okumnandi lapho ubheka umvuno wakho omuhle? Uphinde wawabheka futhi amasimu akho emva kokuvuna? 
Kuyini okwenza ukuthi omunye umlimi aphumele phambili kodwa omunye ahluleke? Singaxoxa ngalendaba isikhathi eside. Kodwa konke lokhu kukhombisa ukuthi izizathu zalokhu kuhambelana nendlela ibhizinisi lokulima kuphathwa kanjani – indlela yokuphatha ipulazi nokulima.
Ukuchaza ukuphathwa kwepulazi
Kukhona eziningi izincazelo zokuphatha ipulazi, kodwa uma sizihlanganisa zonke, zisho into ecishe ifane, zithi ukuphatha ipulazi “ngukusebenzisa nokuhlanganisa zonke izingcebo ngendlela egunyile ezoletha umphumela omuhle ebhizinisini lokulima”.
Abanye bazokuthi leyonto ingahle yenzeke, kungukucabanga nje, kodwa masibheke incazelo esiqale ngayo: inhloso nomgomo webhizinisi lokulima. Singasho ukuthi inhloso enkulu emi ngaphezu kwazozonke ezinye ngukuthola inzuzo, hhayi inzuzo nje yamanje kodwa inzuzo ezotholakala nakusasa. Yebo, kuzobakhona nezinye izinhloso njengokuthuthukisa isimo sempilo yakho, ukukhiqiza into ezodingwa ngabathengi nezinye izinhloso futhi. Kodwa onke magomo azotholakala kuphela uma kukhona inzuzo. Nokho akusiyo inhloso ngempela, abaningi abakhiqizi bakhetha ukuhlala epulazini baphathe ibhizinisi labo lokulima ngoba kuyimpilo enhle emnandi. Kodwa lapho kungasatholakali inzuzo, naleyo mpilo emnandi ayisemnandi kakhulu. Uma sikhuluma ngezindaba zezomnotho inhloso izoba lokhu: imali oyifakile ifanele ikubuyisele futhi enye imali, ngamanye amazwi, sifuna ukuthola inzuzo. Ngokuchaza kalula singathi inani lenzuzo (P) lizotholakala lapho sithatha imali engenayo (I) bese sidonsa imali epumayo (izindleko) (E): (P = I – E noma I – E = P).
Incazelo ngaphezulu ikhuluma ngezingcebo njengabantu nezinto zezomhlaba, lokhu singasho ukuthi ziyizinto eziphathelene nokukhiqiza: njengokuphatha ibhizinisi, okwezomsebenzi, umhlaba nemali ekhona. Okwezomsebenzi kuphathelene nabasebenzi abakusebenzelayo. Okwezomhlaba kuphathelene nomhlaba (umhlabathi (amasimu), okumilayo (amadlelo), amanzi). Imali ekhona isho leyo mali ekhona esandleni nezinye izinto ezingakwazi ukususwa zibekwe kwenye indawo njengezinto ezakhiweyo, uthango, izibaya, namashede njll., nezinto ezikwazi ukuhamba nokubekwa kwenye indawo njengogandaganda, imishini, izimoto, izimfuyo nemali engenayo ukuze kukhiqizwe futhi, njll.
Imisebenzi emine ephathelene nokuphatha umsebenzi
Umsebenzi wokuphatha uhambelana nemisebenzi emine: ukwakha amasu, ukuhlanganisa lawo masu, ukusebenzisa lawo masu nokuphatha lowo msebenzi. Lokhu kusho okulandelayo:
Ukwakha amasu kusho ukuthi kuzokwenzekani, kuzokwenzeka kanjani, kuzokwenzeka nini. 
Ukuhlanganisa amasu kusho ukuthi ngubani ozokwenza okuthile, uzokwenza nini, kuzokwenzeka kuphi (izingcebo zizoya kuphi).
Ukusebenzisa amasu kusho lokho vele: ukwenza nokuhlanganisa lowo msebenzi osemaswini.
Ukuphatha kusho ukulinganisa lokho okwenzekile – mhlawumbe bekuhle, mhlawumbe bekubi – nalokho okubekhona ngesikhathi kwakhiwa nokuhlanganiswa amasu, bese ukufuna izizathu ezizochaza izinto ezingalingani kahle ukuze kungaphindi kwenzeke amaphutha ngakusasa, kufanele konke kuhambe kangcono.
Ngesikhathi lapho umphathi/umenija esebenzisa imisebenzi ethile ehambelana nemisebenzi emine, kufanele ahambe phambili abambe izintambo, nguye ozokhombisa indlela eya phambili, nguye ofanele axoxane nabasebenzi bakhe phakathi ekulimeni nabanye abangaphandle, nguye ozonikeza umuntu othile umsebenzi othile, nguye ozohlanganisa izigaba zebhizinisi lakhe, nguye ozobanga abasebenzi bakhe ukuze basebenze kahle, futhi nguye ozobaphatha ngendlela efanelekile ngoba bafanele balandele yena balalele ukuthi uthini.
Ngaphezu kwalokhu, uma ibhizinisi lokulima lifisa ukuthola inzuzo njalonjalo nokufikela kuzo zonke izinhloso ezibekiweyo, kufanele lelo bhizinisi likwazi ukukhiqiza nokuthengisa lowo mkhiqizo – kanjalo-ke umkhiqizo ufanele ubeyinto ezodingwa ngabathengi. Lapho sikhuluma ngomkhiqizo ojwayelekile singasho kabanzi ukuthi ungaba ukudla, isitaluka (uzi/umuca), ithimba (amapulangwe) noma inyama nokunye kwezinyamazane. Uma sikhuluma “ngezidingo” zabathengi, bese sikhuluma futhi ngezinto njengalezi ezilandelayo: ikhwalithi nenani lomkhiqizo, isikhathi uzothokala noma uzotholakala njalo, indawo lapho uzotholakala khona futhi utholakala ngephakishi elinjani.
Masibuyele futhi ekubaleni kwenzuzo: inzuzo – izindleko = isandiso/okulahlekile (I – E = P/L). Kubalulekile ukukhumbula njalo ukuthi konke esikwenzayo noma esingakwenzi lapho siphatha ibhizinisi lethu kuzokonjiswa kulokhu kubala kwenzuzo. Inzuzo ingakhuphuka futhi ingehla, kanjalo izindleko zingakhuphuka futhi zingehla. Sicabanga ngalokhu njalo lapho sisebenzisa ucingo sonke isikhathi, kuyadingeka ngempela noma cha? Sicabanga ngalokhu lapho siya kaningi edolobheni? Siyazinikeza izimfuyo zethu ukudla okuyisilekelelo lapho zikudinga? Ugandaganda nemishini kuyahlolwa njalo, kuyalungiswa lapho kusekhona isikhathi? 
Kanjalo-ke ukuphatha ipulazi kungachazwa kanje: ukwakha amasu, ukuwahlanganisa, ukuwasebenzisa, ukuphatha abasebenzi bakho, umhlaba wakho nazo zonke izinto ezingakwazi ukubekwa kwenye indawo, nokuphatha zonke izinto ezikwazi ukubekwa kwenye indawo nemali engenayo ukukhiqiza. Lokhu kungenzeka kuphela uma umlimi ehamba phambili, ethatha izinyathelo ezidingekayo, exoxana ebanga abasebenzi ukuze balalele, bese uzokwazi ukukhiqiza umkhiqizo odingwa ngabathengi futhi uzothola inzuzo.
Isifanekiso esichaza lokhu: 
Ukuthatha izinyathelo
Ukuxoxana
Ukunikeza umsebenzi
UKUPHATHA =						 = PRODUCT
Ukuhlanganisa							 
Ukubanga
Ukuphatha ngokuqina 
Imibuzo eziyibuze ekuqaleni kwalo mbhalo ingaphinde ibuzwe futhi: uyawakha amasu, uyawahlanganisa, uyawasebenzisa futhi uyawaphatha ngendlela efanelekile ukubheka izimfuyo zakho? Uyawakha amasu, uyawahlanganisa, uyawasebenzisa futhi uyawaphatha ngendlela efanelekile ukubheka amadlelo akho? Uyawakha amasu, uyawahlanganisa, uyawasebenzisa futhi uyawaphatha ngendlela efanelekile lapho uqala ukukhiqiza ukudla – uwathathile amasampula omhlabathi ukuwahlolisisa?
Imisebenzi emine ingalinganiswa namasondo emoto noma ugandaganda. Isondo ngalinye linomsebenzi walo, kufanele lifuthwe ngokufanele ukuze imoto izokwazi ukuya phambili ngendlela efanelekile. Uma isondo elilodwa alingafuthwanga ngokwanele noma alinomoya neze, imoto isazokwazi ukuya phambili kodwa kanzima, ekugcineni kuzokwenzeka ingozi bese imoto izokuma, ngeka isazokwazi ukuya phambili. Nasemabhizinisini kuyafana. Uma umsebenzi owodwa wokuphatha ungaphathwa kahle, ibhizinisi lakho lisazokwazi ukuthola inzuzo, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, mhlawumbe ngeminyaka emihlanu, mhlawumbe ngeminyaka eyishumi, ekugcineni ibhizinisi lakho lizoshona phansi, lizokuma njengaleyo moto. Lokhu kuyinselele (ubovuka!) yakusasa: uma indlela yakho yokuphatha ibhizinizi lakho ingathuthuki ibe ngcono njalo ngonyaka, ekugcineni ibhizinisi lakho lizokuma, alingeke liye ndawo, ngoba awungeke usathola inzuzo. Awukwazi ukuphatha umsebenzi wakho ngokufana njalo ngonyaka, kufanele uthuthuke ngokwandisa inzuzo engenayo nokunciphisa izindleko zakho. 
Inzuzo ingakhuphukiswa ngentengiso engcono noma ngokukhuphukisa inani lomkhiqizo ehektheleni (ummbila – amathani/ehektheleni) noma ukulima ngenye indlela, njengokuhlakanisa amanye amasu okukhiqiza noma ungashintsha izitshalo ovame ukuzitshala noma ungazihlanganisa nalezo ozijwayele.
Izindleko zingehliswa ngokuzama ukuthola imvumelwano ngentengo encgono lapho ufuna imali yokuqala ukutshala, noma ukusebenzisa amasu athuthukileyo okukhiqiza (ukulima kahle hle) noma ukwehlisa izindleko ngokungaqashi abasebenzi abaningi kakhulu noma ukuhambisa abanye noma ukuphatha izindleko ngokuhlanganisa ibhajeti nokukhuphukisa umkhiqizo endaweni ethile (encane). 
Ebhizinisini lokulima kufanele umnini/umlimi/umenija/umphathi aphathe lokhu okulandelayo:
Ukuphatha ukukhiqiza (ukutshala umkhiqizo);
Ukuphatha ukuthenga okuthile (ukuthenga noma ukuthola imali yokuqala ukukhiqiza nezinye izinto njengemishini);
Ukuphatha ukumaketha (ukuhengisa umkhiqizo);
Ukuphatha okwezomnotho (ukuphatha izinto ezihambelana nezezimali njengentelo, ifa, i-inshuwalense nokuvikela izingozi ezingavela ezingaphandle kwezandla zakhe);
Ukuphatha i-administhreyisheni (ehhovisini lakhe namarekhodi);
Ukuphatha izingcebo njengabasebenzi (abasebenzi abasebenza kuleyo ndawo);
Ukuphatha ukuhlangana kwabantu bonke (ukuhlangana nabantu nokuxoxana nabo);
Ukuphatha yonke impahla (ukuyiphatha, ukuyibheka nokuyilungisa nokuthengisa impahla) nokuphatha ukudla/izinto okukhona (ukuphatha okudingekayo ukuqala ukutshala);	
Ukuphatha okuvamileyo (izinto njengempilo yabasebenzi emsebenzini basebenze ngokulondekile nokulondeka kwepulazi).
Nokho zonke lezi zinto zibhalwe ngokwahlukene, eziningi ziyahlangana ziyahambelana ngoba kungenzeka ukuthi ngesikhathi uphatha into inye (wakha amasu, uhlanganisa imisebenzi noma usebenzisa noma ubheka leyo nto) kungavela into enye ezodinga isikhathi sakho. Isibonelo: ngesikhathi uphatha ukukhiqiza kungenzeka ukuthi kudingeke uphathe izinto zezomnotho, zokuthenga izinto zokuqala ukutshala nezinkinga zabasebenzi bakho. Lokhu kwenza ukuthi ukuphatha ipulazi kungabanzima ngezinye izikhathi. 
Kodwa kuyiqiniso futhi ukusho ukuthi awukwazi ukuphatha konke lokhu ngaphandle kwemininingwane yolwazi evela ngaphandle nangaphakathi. Lolu lwazi lufanele lubuthwe lutholwe ngokufunda amaphepha, ukulalela ukuthi abanye abalimi bathini, ukubheka ukuthi abanye basebenza kanjani nokubhala phansi konke lokhu. Sonke siyamazi umusho othi “uma ungalinganisi, awungeke ukwazi ukuphatha”. Uma ungazi ukuthi ukuzala kwezinkomazi zakho kufika ku-60% kuphela, uzokwazi kanjani ukukhuphukisa lelo nani? Lapho-ke uqala ngokubhala phansi (rikhoda) yonke imininingwane ekhona ukuze uthole isizathu sale nani elingaphansi kangaka. Emva kwalokhu uzokwazi ukuzama ukulungisa lokho okudala inkinga lapho izinkomazi zizala. Kanjalo-ke uzobheka inani lomvuno wezitshalo zakho, umkhiqizo wobisi, umkhiqizo woboya, isikhathi sokukhula kwamatshwele ezinkukhu, njll.
Ekugcineni kufanele thina esingabalimi kufanele sikhumbule njalo ukonga izwi (umhlaba) nezinto zezemvelo lapho siphatha umsebenzi wethu ngokulima ngendlela enhle efanelekile. 
