Machinery (Maize)									ZULU
Ukunakekela imishini yakho lapho sekudlule ubukhwishikhwishi bokusebenza
Imiyalo:
Folio strap: Ukugcinwa esimweni esifanele
Byline: Ulwazi lutholakale esifundweni Sokugcinwa Kogandaganda Nezikhali Zokusebenza Epulazini Esimweni Esifanele
Ngesikhathi esimatasatasa sasehlobo, kuhlala kunobukhwishikhwishi bokuqeda umsebenzi ngesikhathi esitholakalayo. Ikakhulukazi esikhathini sehlobo eledlule, izimvula zifike ngemuva kwesikhathi, ngakho-ke isikhathi esitholakalayo besiligugu ukwedlula naziphi ezinye izikhathi zangaphambilini.
Okuvamile ngalesi sikhathi sengcindezi, ukuthi ukugincwa kogandaganda nezikhali zokusebenza esimweni esifanele kuba sekugcineni kohlu lwezinto ezibalulekile ezifanele ukwenziwa. Njengoba ubukhwishikhwishi sebedlule, zinike isikhathi sokunakekela izikhali zakho zokusebenza. 
Ukugcinwa kwazo zonke izikhali zokusebenza esimweni esifanele
Susa umhlabathi, udoti namafutha aqoqanayo ezikhalini zokusebenza uphinde upende izindawo eziklwebhekile noma ezonakele. Lokhu kuvimbela ukuthi ukuthomba kungonakalisi isikhali sokusebenza leso, futhi kwelula nempilo yaso.
Gcoba umshini/isikhali sokusebenza sonke ngamafutha njengoba uyaliwe encwajaneni eyenzelwe lowo osisebenzisayo.
Ukuze uzigcine ngokuphepha, uma kukhona izindawo ezisongekayo, zehlisele phansi emhlabathini. 
Vikela ingezansi nezinsimbi zegeja ekuthombeni ngokusebenzisa amafutha alugqinsi noma upende ovimbela ukuthomba kwingezansi legeja.
Yenza uhlu lwanoma yiziphi izingxenye noma ukukhandwa okudingekayo. Zithenge bese uzifaka ngaphambi kwesikhathi sonyaka esilandelayo.
Gcina izikhali zokusebenza ngaphakathi, uma lokho kunokwenzeka, ususe umthwalo ophezu kwamasondo (kwamathaya).
Beka izingqwembe ngaphansi kwengezansi lazo ukuvimbela ukuthintana nomhlabathi nokuthomba.
Susa amasilinda asebenza ngamandla amanzi, noma uwahoxise ngokuphelele amasilind,a ukuze uvikele izinsimbi zamasilinda ekuthombeni.
Ukugcinwa kwesikhali sokutshala esimweni esifanele
Ukugcinwa kwesikhali esitshala ngokwemigqa esimweni esifanele okwenziwa ngendlela efanele kungaba umehluko phakathi kwesivuno esinika inzuzo nokulahlekelwa okuphezulu. Ukukhetha, ukufaka, ukwemboza nokuqiniswa kwembewu yiyona misebenzi ebaluleke kakhulu emsebenzini wokukhiqiza izitshalo. Uma isikhali sokutshala singasebenzi kahle ngenxa yokunganakekelwa kwaso, umphumela ongahle uvele kuzoba yizivuno eziphansi kunebezilindelekile.
Khipha okusemabhokisini ezivundisi, ezibulalalukhula nawezibulalazinambuzane bese uwahlanza, kanjalo nengaphansi lezikhali zokutshala imbewu ukuvimba ukuthomba nokudleka. 
Cinga izindawo ezidlekile noma eziphukile bese esikhundleni sazo ufake eziphilile ngaphambi kwesikhathi esilandelayo sokutshala.
Gcoba izivulamsele, izembozo zemimmese nezamadiski kanye naziphi ezinye izindawo ezipholishiwe, ngowoyela noma amafutha ayigrisi ukuvimbela ukuthomba.
Gcoba amafutha kuwo wonke amabheringi. 
Valela izikhali ezisetshenziselwa ukubeka izimpawu zime sengathi zisendleleni bese ugcina isikhali sokutshala ngaphakathi kwesakhiwo. Isikhali sokutshala sihlalise usiphakamise amasondo aso angathinti emhlabathini noma phansi. 
