Livestock (Maize)								Zulu
Yandisa ikhono lakho lokuthola inzuzo ngemfuyo
Imiyalo:
Folio strap: Ukwengeza ukubaluleka
Byline: Umbhalo ubhalwe nguJane McPherson noWillie Kotzé 
Photo:	Cow pictures
Caption 1: Lo mdwebo ukhombisa izingxenye zomgudu wokugaya ukudla wenkomo.
Caption 2: Usu nokuqulethwe kulo
Caption 3: Isithombe esibukela eduze ubonda losu.
Caption 4: Ubonda lwesisu sesibili.
Caption 5: Umfanekiso wamalungu asongene obonda lwesisu sesithathu. 
Njengoba sonke sazi, umsebenzi wobulimi yibhizinisi kanti ukuze liphile kufuneka lenze inzuzo. Eminyakeni embalwa edlule, ubunzima bokwenza inzuzo ngemikhiqizo yommbila buye ngokuba nzima. 
Izindleko zalokho okusetshenziswayo ziya ngokwanda kanti nenani lentengo lezitshalo eziyizinhlamvu alikhuphuki ngokuhambelana nalokho. Abakhiqizi namuhla bazama ngazo zonke izindlela ukwandisa ikhono lokwenza inzuzo ngomsebenzi wokulima ummbila. Zikhona izindlela ezahlukahlukene zokukufeza lokhu kanti enye yalezi zindlela ukufaka umunxa wokufuya. 
Iningi labakhiqizi lifuyile, izinkomo, izimvu kanye/noma izimbuzi. Laba bakhiqizi bayakwazi ukufikelela emhlabeni ongamadlelo ovame ukwenela esikhathini sasehlobo, kepha ngokuvamile kuye kungabi namalungiselelo anele okondla imfuyo ngezinyanga zasebusika. Uma ngabe ufuna, noma ucabanga ukuba ngumkhiqizi wemfuyo, kufanele empeleni ucabange ngokuba ngumkhiqizi wokudla kwemfuyo (ifolishi); phela ungafuya kuphela uma unokudla kokondla leyo mfuyo. 
Ukuze wande umthelela wokufuya, kuyadingeka ukuqonda ukuthi uhlelo lokugaywa kokudla kwezilwane ezetshisayo lusebenza kanjani. Ngamafuphi nje, kunezinhlelo ezimbili zokugaywa kokudla ezilwaneni ezifuywayo okuyisisu esisodwa, ukwenza isibonelo, ingulube, ihhashi (kanye nabantu) kanye nezilwane ezetshisayo, ukwenza isibonelo, izinkomo, izimvu, izimbuzi (kanye nezinye ezidla utshani). Isilwane esetshisayo sinezisu ezine, okuthi ngasinye sibe nomsebenzi waso othe phecelezi.
Osukwini olwejwayelekile lwenkomo, amahora ayisishiyagalombili azosetshenziselwa ukudla (ukufaka ukudla okumahhadla), amahora ayisishiyagalombili azosetshenziselwa ukulala kuthi amanye amahora ayisishiyagalombili asetshenziselwe ukwetshisa. Ngemuva kokudla utshani, inkomo iphuza amanzi bese izinza ukuze iqale inqubo yokugaywa kokudla. Ubungako botshani obudliwayo bukhulu, ngakho-ke ukuze inkomo yetshise, obunye utshani iyabuhlanza ukuze ibuhlafune okwesibili ukuze izigaxa lezo zotshani zibe yizingcezwana futhi izixube namathe (adingekayo ukuze kugaywe ukudla). Lokhu kwehlukaniswa kokudla kwenza kube lula ukuthi izidalwa ezincanyana zidle lokhu kudla (lokhu kudingidwa kamuva kulo mbhalo). 
Umgudu wokugaya ukudla wesilwane esetshisayo
Masiyiqale le ngxoxo ngokubheka umgudu wokugaya ukudla wesilwane esetshisayo.
Umlomo
Umlomo uyisiqalo senqubo yonkana njengoba ukudla kufanele ukungena ngaphakathi. Umlomo uqukethe uphahla lwamazinyo, amazinyo (wona aqhuma ngemuva kokuzalwa), ulimi namadlala amathe. Kulula ukubona ubudala besilwane esetshisayo ngokubheka amazinyo, ngoba amazinyo athile aqhuma ezingeni lobudala elithile. 
Umminzo
Umminzo ungumbhobho ohlanganisa umlomo nesisu sokuqala (esibizwa ngokuba usu). 
Usu
Usu noma isisu sokuqala, lusebenza njengemphongolo omkhulu wembiliso. Akuna-okhsijini noma umoya oswini lolo, kungenxa yalokho lwaziwa njengolungenamoya. Usu lunokudla namahhadlahhadla (izinto ezisatshani) okudliwa yinkomo kanti lukwazi ukufaka amalitha ali-100 ukuya kwali-120. Ngosuku ngalunye, inkomo eseyikhulile kudingeka idle cishe amakhilogramu alishumi okudla okomile kanye namalitha angama-50 amanzi. Okuqukethwe usu kuhlala kunyakaziswa ngaso sonke isikhathi. 
Usu nokuqukethwe yilo
Oswini kunezidalwa ezincane impela eziqhephula amahhadlahhadla okudla abe sesimweni esizokwazi ukugaywa yinkomo. Ngaphandle kwalawa mabhakhthiriya (amagciwane) osu nama-phrothozowa (izidalwanyana), inkomo ayinakukwazi ukugaya nakuphi ukudla. Amabhakhthiriya osu agaya ukudla okumahhadlahhadla ukuze enze amafutha anama-esidi anomfutho, ukwenza amaphrotheni namavithaminii.
Izidalwa ezincane impela ezisoswini zisebenza ezinhlotsheni ezithize zokudla okumahhadlahhadla; kukhon nezidalwanyana ezahlukahlukene zokudla okwahlukahlukene. Yingako kudingeka ukuthi ukudla kwenkomo kuhlale kufana ngokusemandleni akho futhi izinguquko ekudleni zenziwe kancane kancane. Lapho ukudla kuguqulwa, kudingeka kube khona izidalwanyana ezehlukene ezizokwazi ukubhekana nokudla okusha, okuyinto ethatha cishe izinsuku ezintathu.
Isisu sesibili (i-reticulum)
I-reticulum yaziwa njengesisu sesibili. Sona senza uhlobo lwendlela eba phakathi kwesisu sokuqala nesesithathu (esiswini sesithathu kulapho ukumuncwa kwamanzi kwenzeka khona). Isisu sesibili sibuye sisebenze njengonoxhaka wanoma yiziphi izinto ezingagayekanga okungenzeka ukuthi ziye zaginywa yinkomo, isibonelo, isicucu socingo, noma ilitshe njll. 
I-omasumu (isisu sesithathu)
I-omasumu yisisu sesithathu futhi yakhiwe ngezicutshana eziningi ezisongene. Umsebenzi waso ophambili ukumunca amanzi. 
I-abhomasamu (isisu sesine)
I-abhomasumu yisisu sesine futhi esingesokugcina lapho ukudla okuhlafuniwe nokwetshisiwe kusetshenzwa khona ngama-enzayimu akuguqula kukwazi ukumuncwa yithumbu elincane. 
Ithumbu elincane 
Ukumuncwa kokudla kwenzeka ethunjini elincane. Ekugcineni ukudla kungena emgudwini wegazi lenkomo ukuze kuyiswe ezithweni ezahlukene zenkomo lapho kuphinda kuqhubeke khona ukusetshenzwa kwako. 
Isiphetho
Ngale ngxoxo elula engenhla, uqala ukubona ukuthi kubaluleke kangakanani ukondla imfuyo yakho ngendlela efanele. Isizathu sokufuya kungaba ukuthengisa imikhiqizo yemfuyo (efana nobisi, uvolo noma uboya bezimbuzi), noma ukuthengisa inzalo yayo (amankonyane, amazinyane ezimvu namazinyane ezimbuzi), noma ukusebenzisa inyama yayo. Uma izilwane zondliwa kahle futhi zinakekelwa, zizokwazi ukukunika umkhiqizo futhi ngaleyo ndlela, zifake isandla enzuzweni yebhizinisi lakho lokuba ngumlimi. 
