Jane(Maize)										Zulu
UNkk Jane uthi…
Folio strap: 
Byline: 
Njengomkhiqizi (noma njengekhaya) ngabe yini onayo? Ngabe uyakwazi ukuthola noma yimuphi umhlaba, izimakethe, ogandaganda noma izinto zokusebenza? OHlelweni lwethu Lokuthuthukiswa Kwabalimi, isisekelo sethu sithi “Ngabe yini onayo, futhi singakusiza kanjani ukuthi uyisebenzise kangcono?”
Uma ngabe unomhlaba okwazi ukuwuthola, ngabe uwusebenzisa kanjani njengamanje? Ungasetshenziswa kangconywana kunalokho yini, futhi ngabe yini ekuvimbayo ekwenzeni lokho? Sikholelwa ekuthini bonke abantu bangasizwa ukuthi bathole isivuno esingcono ngokusebenzisa kangconywana izinto abakwazi ukufinyelela kuzo.
Ukuba ngumkhiqizi osebenzela ukwenza inzuzo kusho ukukhiqiza ngaphezu kwalokho okudingwa nguwe nomndeni wakho. Uma uthengisa ukudla okukhiqizile, uphonsa itshe esivivaneni ekuqinisekiseni ukuthi kuhlale kunokudla futhi ufanele ukuxhaswa. Njengabakwa-Grain SA, sizimisele ukutshala izimali kuwe.
Lesi sikhathi sehlobo sibe nezinselelo kakhulu. Okokuqala, amanani entengo okudla okuyizinhlamvu aphansi akhinyabeze ukuthi kutholakale izimalimboleko zokukhiqiza. Noma sizame ngakho konke, uMnyango Kazwelonke Wezolimo wehlulekile ukusiza abakhiqizi bethu. Kulabo abakwazi ukuthi batshale, isiqalo sehlobo besomile futhi nezimo zokulima bezizimbi. Kube sekuqala izimvula futhi azikanqamuki. Manje inselelo sekulukhula olungalawuleki nezitshalo eziminzayo.
Okungenani amanani entengo ezitshalo eziyizinhlamvu nawezimbewu zikawoyela asethuthukile futhi labo abaye balima kufanele bathole umvuzo ngemizamo yabo. Nenani lentengo likakolweni selithuthukile nalo, futhi isikhathi esizayo sibukeka sikulungele kakhulu ukutshalwa kukakolweni (ezindaweni ezifanele).
Sisebenza kanzima ekwakheni ubudlelwane obuhle noMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamaphandle Nokuguqulwa Kwezomhlaba. Siyethemba ukuthi sizokwazi ukubika ngalokhu kwiPula elandelayo. Uma singasebenzisana nomnyango, singasiza abakhiqizi abaningana.
Sikufisela yonke impumelelo enyangeni ezayo – sengathi izitshalo zakho zingachuma futhi ube nethemba ngekusasa lezolimo eNingizimu Afrika. 
