 Fire (Maize)									IsiZulu
Vikela izitshalo zakho zingashiswa umlilo
Instructions:
Folio strap: Ukuvimba umlilo
Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi
Use a photo of a raging fire on lands
Ubusuku buyeza emva kwehlobo elimanzi elifike emva kwesikhathi nokwindla okumanzi futhi okuphuzile ukufika. Ngoba izulu line kahle ngaso sonke lesi sikhathi, amadlelo ezimfuyo mahle kahle, kodwa lokhu nakho kusho ukuthi ukusha kwendle namasimu kungaba ingozi enkulu lo nyaka. 
Umlilo ungadala ingozi enkulu emapulazini. Umentshisi owodwa ungakwazi ukushabalalisa nokubulala amahektheli ayizinkulungwane omhlaba emapulazini. Umlilo emasimini uvama ukuvela ngaphambi noma emva kokuvuna ngoba ngaleso sikhathi umvuno uvuthiwe namasimu omile.
Izindlela zokuvimba umlilo
Izingane azifanele zidlale ngomentshisi.
Ungaphonsi umentshisi ovuthayo noma usikilidi etshaneni obomile, noma emakhasini omile noma ezihlahleni ezomile.
Ungabasi umlilo ongavikekile ngaphandle edlelweni noma uma kukhona umoya ovunguzayo.
Qinisa ukuthi yonke imililo ebasiwe icishiwe kahle lapho usuqedile.
Uma ubona umlilo
Lapho ubona umlilo edleleniI noma emasimini, tshela masinya abakhelwane nomphathi obheka umlilo kuleyo ndawo. Batshele kahle ukuthi ukuphi lowo mlilo.
Shiya abanye abantu ekhaya abazonikeza imininingwane maqondana nomlilo kubanye abantu. Uma unerediyo noma ucingo, ungabokusebenzisi ukuze abanye abantu bazokwazi ukuthintana nawe lapho kuvela izindaba ezinsha maqondana nomlilo.
Uma ungesiye umnini wepulazi, kufanele wazise umnini masinya ukuthi ukuphi umlilo.
Susa zonke izimfuyo nemishini uzise endaweni engenangozi.
Amathulusi ongawasebenzisa ukucisha umlilo
Izinto zokucisha umlilo – ezifafafaza amanzi noma impushana eyomile.
Yenza izinto zokubhula umlilo usebenzise amabhande erabha amadala noma amasaka amanzi. Lapho ubhula umlilo ngamabhande noma ngamasaka ususa umoya (i-oksijini) odingekayo ukuze umlilo uvuthe. Uma kungekho i-oksijini umlilo uzocimacima kancane uze ufe.
Sebenzisa amaphampu aboshwa eqolo bese umanzisa utshani emaceleni nangaphambi komlilo. La maphampu angasetshenziswa futhi lapho utsheka ukuthi umlilo ofile zonke izindawo emva kwesikhathi sokucisha umlilo omkhulu.
Sebenzisa amathangi amanzi nephampu oku zonikeza amanzi akwanele.
Amafosholi namahaliki angastshenziswa ukwenza isivimbo etshanini esizovimba ukuthi umlilo usabalale kwenzinye izindawo. Ungokhela futhi omunye umlilo osuka kulesi sivimbo ovutha oya lapho umoya uqhamuka khona. Isimo somlilo siyindawo esicishe sifane nomgwaqo lapho kungekho khona utshani obuzokwazi ukuvutha. 
Sebenzisa amafosholi namahaliki ukucisha umlilo ngesihlabathi nagenhlabathi. Wasebenzise futhi ukususa utshani obomile obuzokusha kalula.
Sebenzisa izigamula ezibanjwa ngezandla zokusika utshani obungashanga ngaphambi kokufika komlilo.
Ukulwa nomlilo
Sondela kumlilo eceleni noma ngapha nangapha (omabili amaceleni lapho uvutha khona umlilo) ukuze unciphise ingaphambili yomlilo.
Uma kukhona isivimbo somlilo noma isivimbo semvelo njengomfula, zama ukusa umlilo kuleso sivimbo.
Beka abantu ezindaweni abazokulwa nokulwa nomlilo lapho umlilo ungaqala khona. Umoya uyakwazi ukuvunguza uhambise izinhlamvu zomlilo endaweni elingana nekhilomitha.
Kubalulekile ukubhula ngendlela ezobuyisela utshani obuvuthayo ngaphakathi emlilweni ukuze izinhlamvu zingaphuphuki zingene ebutshaneni lapho umlilo ungavuthi khona.
Hlola indlela umoya uvunguzayo ngaso sonke isikhathi – uvelaphi, oqonda kuphi?
Emva kokucisha umlilo
Emva kokucisha umlilo, kufanele wenze okulandeyo:
Qinisa ukuthi abekho abantu abalimele.
Hamba kuzo zonke izindawo lapho umlilo ubevutha khona amahora amathathu ukuqinisa ukuthi azikho izindawo lapho umlilo uqale ukuvutha futhi.
Buyisela yonke imishini ezindaweni zayo.
Phinda ugcwalise amathangi ngamanzi.
Lungisa imishini ephukile noma elimele.
Isivimbo somlilo
Bonke abanini bomhlaba noma abanamapulazi lapho kungaqala khona umlilo ozoshisa lelo pulazi noma ongaya kumanye amapulazi, kufanele bakhe isivimbo somlilo emkhawuleni wepulazi labo namanye amapulazi. Kuyisibopho sakho sokuqinisa ukuthi umlilo ungaqali epulazini lakho. Ukwakha izivimbo zomlilo epulazini lakho kungakusiza ekugcineni ngoba kungavikela wena nepulazi lakho (ipulazi, izakhi, izitshalo, izimfuyo) kungavelelwa ingozi. Abakhelwane mhlawumbe bangavuma ukwakha nokubheka izivimbo somlilo emikhawuleni yamapulazi. Isivimbo somlilo:
Sifanele sibe banzi sibe bude ngokwanele ukuvimba umlilo ukusuka kwelinye ipulazi uye kumapulazi amanye;
Asifanele sidale ukuguguleka komhlabathi;
Asifanele sibe nezinto ezingasheshe sivuthe bese zingahambisa umlilo emadlelweni.
Umgomo wesivimbo somlilo
Umgomo wesivimbo ufanele uhambelane nalokhu okulandelayo:
Ukuvimba ukusakazeka komlilo ophathwayo (njengokwenza isivimbo somlilo) nomlilo obalekayo ongaphathwayo;
Ukuthola indawo lapho umlilo ungacishwa khona;
Ukuthola izindawo lapho kungokhelwa umlilo emuva ozosiza ukuvimba umlilo obalekayo;
Ukuthola indawo lapho kuzoqalwa khona ukulwa (ukucisha) umlilo;
Ukuthola izindlela zokusondela nokufika kumlilo.
