Economy (Maize) (685 words)								IsiZulu
Abakhiqizi bangumgogodlo wezwe lethu
Instructions:
Folio strap: Ukwandisa inani
Byline: UJenny Mathews, usihlalo sePhrogramu leGrain SA Farmer Lokuthuthuthukisa Abalimi
Grabber: Umkhiqizi ulima njalonjalo kodwa awungeke umbone etshala? Ubhuqa umhlabathi sonke isikhathi kodwa akaze atshale? Akafiki ekugcineni endaweni lapho etshala zonke izinhlobonhlobo zezitshalo aziphethe ezindaweni zazo emasimini? Umkhiqizi wazi kahle ukuthi kufanele enzeni ngoba uNkulunkulu umenze ukuthi abone futhi aqonde....USomandla unguthisha omuhle onikeza umkhiqizi ukuhlakanipha. UJesaya 28:23 - 29.
Ukulima kwakungumsebenzi wokuqala emhlabeni futhi kwakungumlayezo ovela kuNkulunkulu. Kubalulekile empilweni. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi thina esingabakhiqizi sibheke lo msebenzi wethu ngamanye amehlo sibone ukuthi uyadingeka futhi ungumsebenzi obaluleke kakhulu. 
Akufanelekile ukuthi siqonde nje ukuthola inzuzo (imali) nokwandisa umkhiqizo kuphela, kungcono ukucabanga ngokukhiqiza izitshalo nokudla okunekhwalithi elihle elizonikeza abanye abantu ukudla okuzobumba umzimba wabo baphile impilo enhle.
Abakhiqizi banikela kanjani okokusiza umnotho wezwe?
Banikela okokusiza okukhulu emnothweni wezwe nasebhajetini lesizwe.
Lapho abakhiqizi bahlangane banikeza imisebenzi kubantu abaningi ezweni elidinga izindawo zokusebenza ngoba baningi abantu abangenawo umsebenzi.
Abakhiqizi batshala ukudla okunekhwalithi elihle okuphilisayo futhi okusiza ukuqinisa ukudla wezwe nakusasa.
Ezindaweni eziningi ezweni abakhiqizi banikela okokusiza kwezomnotho kuwo wonke umuzi lapho bahlala khona futhi bayadingeka ngempela empilweni yezinto zomnotho emadolobheni eduze nabo nasezweni lonke.
Abakhiqizi bangabalondolozi bomhlaba wethu, abakhiqizi abasebenza kakhulu ukuvikela umhlabathi, umoya, amanzi nalapho lezi zinto zihlangana khona ukuqinisa ukuthi kuzokwazi ukukhiqizela izizukulwana zakusasa futhi.
Umkhiqizi uyazisebenzela ukuthola ukudla kwakhe, ukhiqizela abanye ukudla, usebenza yedwa akasizwa ngabanye, usebenza ngamandla, usondelene nesigodi sezwe lapho esebenza khona futhi uthembeka njalo. Umkhiqizi ubumbezela (wenza) ummbila, ubhekilanga noshukela ngokusebenzisa ukukhanya kwelanga kuphela!
Ngokwaleka abakhiqizi abaningi njengamanye amabhizinisi bezwa ubuhlungu ngenxa ukwehla okukhulu kokwezimali emhlabeni wethu nasemhlabeni jikelele.
Lapho sibona ukuthi ngokwamanje izindleko zokulima ziyakhuphuka njalo futhi intengiso yokudla okukhiqizwayo ekulimeni iyehla, siyabona futhi ukuthi abaningi abalimi bangeke bakwazi ukuqhubeka ukukhokhela izikwenetu zabo zamapulazi ngezikhathi ezivunyelwe. 
Kanjalo-ke ngokwamanje kuzoba nzima ukuboleka imali ezosetshenziswa isikhathi eside – lokhu kudala ezinye izinkinga lapho umkhiqizi ezama ukuqhubeka ngomsebenzi webhizinisi lakhe. 
Kuliqiniso elibi kodwa abakhiqizi bacindezelekile ukuboleka imali ukuqhubekela phambili – ukukhokhela izimbewu, ukudla kwezimfuyo nokunye okudingekayo ukungenisa izitshalo emhlabathini ukuze zimile. 
Ngenxa ukungaqini kwenani lezintengiso emakhetheni zezivuno nezinkinga ezihambelana nezingozi zezulu, isiqiniso saleyo mali efakiweyo ayinayo igaranti. Izinhlangano ezivame ukubolekela abalimi imali seziyesaba ukunikeza abalimi imali futhi babamba imali yabo ngokuqina. 
Kanjalo-ke kufanele siqhubeke siphindaphinde ukucela ugavumente ukusekela abakhiqizi ngezimali ezibolekwayo ngendlela eqinile, enhle enomphumelo lapho kukhiqizwa khona ukudla. 
Inani lezintengiso emakhetheni aliqinile – liyehla bese liyakhuphuka – lapha sikhuluma ngentengiso yokudla nangezindleko zokukhiqiza njengomanyolo, izimbewu, ukudla kwezimfuyo nezinye izinto ezidingekayo epulazini libeka umkhiqizi endaweni yezimali enzima ngoba yena akanamandla ukuphatha okuvezwayo nokubizwayo ekudleni okukhiqizwa epulazi. Lapho intengiso yokudla okukhiqizwa ngumlimi iyehla, awungeke ukubone lokhu emashelfini – lokhu kuvusa izinsolo ezithi kusizakala abathengi bokudla nabanye kuphela, hhayi abakhiqizi nabathengi bokudla.
Lokhu kuzobathinta kanjani abantu baseNingizimu Afrika?
Uma abakhiqizi balahIekelwa amabhizinisi namakhaya abo futhi abakhiqizi abasha bahluleka ukungena kulo msebenzi, kuzobathinta kabi bonke abantu base Ningizimu Afrika. Abakhiqizi bangumgogodlo wesizwe sethu futhi bayisinyathelo sokuqala sezikhwelo sezimali. Uma amabhizinisi okulima ashona phansi, namabhizinisi amakhulu azoshona phansi. Okuphambene nalokhu kuyiliqiniso futhi – uma kukhula amabhizinisi asemapulazini namabhizinisi amakhulu ayakhula, nezigodi zomuzi ezinamabhizinisi ziyakhula.
Abakhiqizi badala ingcebo ngempela, inani eliqobo ngokusebenzisa izimbewu nokushisa kwelanga bese basilethela izinto ezisiza umzimba wethu (ukudla) nempilo yethu ngokwezimali. Lokhu ukwakha komndeni wasemapulazini kuyadingeka uma sifuna izwe eliqinile elikhulayo. Uma silahlekelwa umkhiqizi oyedwa nje noma senza izinto zibe nzima kulabo abasha abafuna ukungena ekulimeni, noma singasekeli labo abasaqala ukulima, sifaka imvelo yethu, ukulondeka kwezwe lethu nezimo zezimali zethu engozini.
