Cultivation (Maize) (410 words)							IsiZulu
Isikhathi sokuhlola ukuqina komhlabathi
Instructions:
Folio strap: Ukwandisa inani
Byline: Kubhalwe umkhiqizi osuthathe umhlalaphansi.
Ngesikhathi sohlobo lonyaka imvula ine 600 - 2 000 mm ezindaweni lapho kutshalwa khona ummbila, kwezinye izindawo bekune-50 mm kuya ku-75 mm ngosuku. Lokhu kudala ukusinda emhlabathini bese umhlabathi uyaqina ugcwala ngamanzi. 
Okunye okwenzekayo yilokhu: ukusinda kwemishini evunayo, ogandaganda, ukuhamba kwamasondo lapho kuvunwa nezinqola ezithutha ummbila ngesikhathi sokuvuna kuzokwenza ukuthi umhlabathi uqine ngaphezu kweminye iminyaka lapho kungekho imvula eningi kangaka.
Izinkomo ezifakwa emasimini ommbila ukudla izinhlanga ezisele nazo zizoqinisa umhlabathi lapho unamanzi omningi. Lapho kukhona amanzi amaningi kabi emasimini ungazama ukuripha ngaphambi kokutshala noma ngesikhathi sokutshala, mhlawumbe lokhu kungakusiza ukutshala ngesikhathi esifanelekile.
Ngalo nyaka bekubanda kakhulu ebusika futhi kwezinye izindawo izulu belina, ngakho-ke umhlabathi wayengakwazi ukoma ngokufanelekile. Kungakusiza ukuhlola isimo sohlangothi somhlabathi lapho ufuna ukutshala ummbila, bese ungasebenzisa umshini wokuripha ukuxegisa izindawo eziqinile ezingaphansi komhlabathi ongaphezulu. Umsebenzi lona uzosiza futhi ukungenisa umoya emhlabathini (kubalulekile lokhu). Ama’baktheriya’ omhlabathi nama’microbe’ aphila kuphela endaweni yangaphezulu emhlabathini efika ku-150 mm - 180 mm ngokujula. 
Igama elithi ‘aerobic’ lisho ukuthi kukhona umoya ne-oksijeni, inayithrojeni nomoya one’carbon dioxide’ lapho kuxegiswe umhlabathi. Umsebenzi wokuripha ubalulekile ngoba usiza ama’bacteria’ ukubolisa izinhlanga zomvuno wonyaka odlule ngaphambi kokutshala izitshalo ezinsha. Umsebenzi wama’bacteria’ uzoqala lapho ukushisa komhlabathi uqala ukwanda ekugcineni kwaAgosti kuye kuSeptemba kuze kufike kuOkthoba. 
Siyaphinda futhi sithi kubalulekile ukuthi umsebenzi wokuripha wenziwe masinya emva kokugcwala komhlabathi ngamanzi. Lapho ukuripha kungenziwa ngesikhathi esifanelekile kuzokwenza ukuthi ukuqina komhlabathi kwande, akungeke kwehle. Umkhiqizi kufanele ashintshe imishini yakhe ukuze ayisebenzise ngendlela ezomlethela umphumelo omuhle.
Umsebenzi wokuphatha nokulungisa (mhlawumbe nokushintsha) amapulantela ongazange wenzeke ufanele uqedwe ekuqaleni kwaOkthoba. 
