Crop (Maize)									IsiZulu
Ukubaluleka kwesilinganiso (ukuqagela inani) somvuno 
Instructions:
Folio strap: Isilinganiso somvuno
Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi
Ikomiti elibizwa ngokuthi I”National Crop estimates committee” (iNCEC) liqagela ukuthi inani lomvuno lizobangakanani ngesikhathi esithile, ngamanye amazwi, litshela abalimi ukuthi kukhona umvuno ongakanani emasimini ngesikhathi esithile. Lokhu kubalulekile ngoba lezi zilinganiso zihambelana kakhulu nenani lentengiso elizotholwa ngabalimi lapho bathengisa isitshalo esithile ngesikhathi esithile.
Ukuqagela inani lomvuno (isilinganiso) kuyini? 
IGrain SA liyaqonda ukuthi lokhu kuyinto ephikisanayo kakhulu. Sifanele sicabange kahle ngokusobala ngomsebenzi wale komiti ngaphambi kokubeka noma kokuphakamisa izinto ezifanele zishintshe ezingadalela abalimi ingozi ekugcineni.
Khumbulani ukuthi iNCEC iqagela inani lawo wonke umvuno, hhayi lokhu okuthengiswayo emakethe lezomnotho. Ngaphandle kwalokho, abakwazi nakanjani ukusho ukuthi amasimu ahlanyeliwe angakanani, futhi abakwazi ukusho ukuthi umvuno uzoba ngakanani – konke lokhu ngukuqakela nje. Ikhwalithi lalesi silinganiso singalinganiswa nekhwalithi salabo abanikeza imininingwane. Ekugcineni isisuko esikhulu seminingwane sisezandleni sabakhiqizi.
Obani abakule komiti leCEC? 
Amalunga eCEC ayalandela:
Kukhona abakhiqizi abacishe bafike ku-3 000 abasebenzisana abathumela imininingwane yabo kule komiti njalo ngenyanga. 
Izinhlangano ezinjengeSpatial Intel neGeoterra Image ezithola izindawo lapho kutshalwe khona isitshalo esithile ngama”satellite”.
IARC institute lezitshalo ezinhlamvana neSmall Grains Institute abasebenzana nabalimi ukubala ama”statistic”. 
Abameli bakaGavumente kuMnyango Wezokulima emaPhrovinsi abanikeza imininingwane mayelana nesimo sokukhiqiza ezindaweni ezithile. 
Ama-Agri Bhizinisi abenza isilinganiso somvuno ezindaweni lapho basebenza khona. Le mininingwane bayinikeza iCEC kodwa isilinganiso sabo samasimu atshaliweyo ayisetshenziswa iCEC ukuthola isilinganiso salo.
IDirectorate loMnyango Wezokulima osebenza ngama”Statistic” lithatha yonke imininingwane bese lihlanganisa inani lakho konke bese likhokha isilinganiso ngamandla esikhundla. 
Okulandelayo kuyimibuzo ebalulekile:
Uma iCEC likhawula ukwenza isilinganiso, ngeke kubekhona isilinganiso sezwe jikelele? Impendulo ithi: cha, ngoba kuzobakhona ezinye izinhlangano ezizokwenza izilinganiso zabo bese akungeke kukhanye ukuthi yisiphi isilinganiso esishaya khona, esiqondile.
ICEC lizimele noma lisezandleni zabanye abakhona kule bhizinisi abalicindezela ukwenza lokhu abakuthandayo? Asikwazi ukuthi kungaba khona umuntu oyedwa ozokwenza noma yini akuthandayo noma ukushintsha indlela iCEC lisebenza ngayo, kuzobanzima kakhulu ngoba kukhona abanye ababheka njalo ukuthi imininingwane ephumayo iqondile iyiqinso. 
IGrain SA lithini?
IGrain SA likholwa ukuthi:
Kufanele kudingeka isilinganiso samasimu ahlanyeliwe nenani lomvuno esikhishwa ngamandla esikhundla, esiqondile, esifika masinya ukuze imakethe lokudla okuzinhlamvana lisebenze ngokufanelekile. 
Abakhiqizi, iCEC nabanye abakule bhizinisi bafanele basebenzisane ukuze bazokwazi ukwenza lokhu. 
Amalunga eGrain SA nabo bonke abanye abakhiqizi nalabo abakulo msebenzi bafanele bacindezelwe ukunikeza njalo imininingwane eqondile manje nakusasa.
