Congress (Maize)									IsiZulu
Kuphakanyiswa izinkathazo emhlanganweni (eKhongolosi) 
Folio strap: IKhongolosi 
Byline: UIlana Koegelenberg, obhalela iGrain SA
Umnz Jan Botha waseThaba’Patchoa uphakamise izinkathazo eziningana eziphathelane nabalimi abasakhulayo kulo mhlangano womnyaka weGrain SA ngo-9 Mashi 2011. Ukhulume kakhulu ngezinkinga abakhiqizi abasakhulayo babhekene nazo nokwehluleka kukagavumente ukubasiza ngazo. 
Ngaphambi kokunikeza izibonelo zezinkinga abalimi babhekene nazo nokwehluleka kukagavumente ukubasiza uJan wathi, “Thina esingabakhiqizi abazakhulayo abamnyama sibhekene nezinkinga ezifana nalezo abalimi bezomnotho babhekene nazo, kodwa kaningi izinkinga zethu zinkulu ngoba asinayo imali ebekiweyo”. 
Waqala ngokhuluma ngenani lepH elisemhlabathini elingaphansi. Wakhombisa ukuthi ngonyaka obdlule iDAFF lithembise abakhiqizi ukuthi lizobanikeza umcako. Ngonyaka odlule kwakhiwa amamephu ngeGPS, kwathathwa amasampula omhlabathi, kwakhishwa umlayezo, kwaqondiswa ukuthi kudingeka inani lomcako elingakanani futhi imali beyikhona ebhajethini. Konke lokhu kwenzeke ngoMeyi 2010, kodwa ngokwamanje umcako usengakathelwa emasimini. UJan wathi, “Lokhu kwenze ukuthi umvuno wasehlobo ngonyaka odlule waba phansi futhi kuzokwenza ukuthi akungeke kuvunwe ukolo omningi lo nyaka.” 
Isimo esibi semishini nesawogandaganda kuyinto yesibili eyimhluphayo uJan. Wathi iGrain SA ihlole kahle ukuthi isimo semishini sabakhiqizi abangu-42 eFreyistata sinjani. IGrain SA laselacela iDAFF ukusiza labo balimi ngeR2,5 miliyoni ukulungisa leyo mishini. Wonke lo msebenzi weGrain SA wawulungisiwe ngo-12 Mashi 2010, kodwa ngokwamanje iDAFF alikenzanga lutho.
Okunye okumhluphayo ngukuyinhlawulo yamankontula emasimini nezindawo lapho kuhamba khona amanzi. Uthi, “IDAFF linephrogramu elihle lokuphepha umhlaba (Land Care) elenza umsebenzi omuhle, kodwa ibhajethi labo lincane kakhulu, umhlabathi uyagezeka ngaphambi bakwazi ukukuvimba lokhu.”
UJan uthintane futhi nesimo semigwaqo lapho emzini wethu esenza ukuthi abakhiqizi bangakwazi ukuthutha umvuno wabo ngendlela efanelekile – imigwaqo idala ingozi ngoba ilimaza amaloli. Wase waqhubeka waya kwenye inkinga, inkinga yokudlisa amadlelo kakhulu. UJan wathi, “Ukudlisa amadlelo kakhulu kufanele kuphathwe iDAFF ngephrogramu elalibizwa ngokuthi bodem beskerming,” 
Kukhona ezinto ezinye ezimbili ezimkhathazayo uJan. Ngokokuqala uthi omasipala bayahluleka ukuphatha umhlaba womuzi wonke ngendlela efanelekile. Ngokwesibili ukhulume ngezinkinga zabalimi zokutsheleka imali yokukuqala ukukhiqiza. UJan uchaze wathi ngonyaka odlule abakhiqizi abamnyama batshale amasimu angu-25% kuphela ngoba bahlulekile ukuthola isikwenetu sokuqala ukukhiqiza. Inzuzo incane kakhulu ukuthola isikwenetu. IGrain SA lenzele abalimi abangu-152 amasu ebhizinisi (business plans) kule phrogramu elizosiza abalimi abafuna ukutshala izitshalo zasehlobo. Abakhiqizi badinge amagranti esikhashane kodwa ugavumente akaze wathatha izinyathelo ngale ndaba. “Amahektheli angu-27 000 awazange watshalwa lo nyaka ngabakhiqizi abamnyama – amasimu amahle. Ogavumente abazange benze lutho ukusiza labo balimi, kodwa bathi njalo ukuthi bakhathazekile ngenkinga yokudla okuzobakhona nakusasa.”
 UJan waphinda wathi ukuthi unenkinga ngeziphathimandla eziqobelelana nolwazi ngoba bayahluleka ukusiza abakhizi. “Azinolwazi namakhono ngoba azizange zilime ngokwabo, eziningi azifiki nokufika emapulazini.”
Isibonelo sokugcina sokwehluleka kukagavumente ukusekela abalimi abasakhulayo yilesi: UMnyango Wezomhlaba unikeza abantu abangasibo abalimi umhlaba. “Abalimi abanekhono lokulima bayaqhubeka ukuhlupheka ngoba abanayo indawo yabo yokulima kodwa abantu abangakwazi ukulima banikezwa umhlaba manje lowo mhlaba awusetshenziswi.”
UMz Jan Botha wagcina wacela uSihlalo weKhongolisi ukuhambisa lo mbiko kugavumente. “Bayahluleka ukusekela abalimi abamnyama futhi abangeke bakwazi ukushintsha lesi sigaba sempilo lapho banganikezi abantu lokho okudingekayo.”
