Barley (Wheat)										IsiZulu
Ukuvuna uBhali Ohlelweni Oluniselwayo eTaung
Folio strap: Ukuvuna ubhali
Byline: UJohannes Kokome, Umphathi Wokukhiqiza uBhali, South African Breweries, Taung
2010 bekungunyaka owayefuna isineke lapho kutshalwa uBhali kulelo Hlelo Oluniselwayo eTaung. Bekukhona izinkinga eziningi, njengokuqala ukutshala uhlobo olubizwa ngokuthi i’cocktail’, isithwathhwa nokubanda okuqhubeke kwaze kwafika uSepthemba, imvula eningi, iwalakahla lesichotho nokulima okuncane nje (minimum tillage).
Ukuqala ukutshala ubhali olusha olubizwa ngokuthi i’cocktail’ Ohlelweni Lokunisela eTaung kulethe indaba enzima. I’cocktail’ likhombisile ukuthi liyinhlobo ekwazi ukukhiqiza umvuno omuhle ehektheleni. Uma sibheka umlando wokutshala ubhali, sibona ukuthi i’cocktail’ liyinhlobo yokuqala ekhiqize umvuno olinganayo ngeminyaka emibili elandelanayo. Kwakukhona amanye amasimu akhiqize amathani angu-7,9 ehektheleni. Uma bekungekho izinkinga esikhulume ngazo, i’cocktail’ belizokhombisa futhi ukuthi liyakwazi ukukhiqiza. Inkinga bekungukuhlolwa nenani lenathrojeni lalizange lilingane nomthetho obekwe iSABM. Kodwa lokhu sekuphendukile sekungcono ngokwamanje, amathani ehektheleni akhuphukile emva kokuqala ukutshala lolu bhali ngo-1981 Ohlelweni Oluniselwayo eTaung.
Unyaka lwa-2010 beluhlushwa kakhulu ngokubanda nokukhithika. Lokhu kuqhubeke kwaze kwafika uOkthoba. Lokhu kusho ukuthi isithwathwa besinomthelelo obhaleni sonke isikhathi, lapho luqala ukuhluma, lapho luqala ukuqhakaza, lapho lufika esikhathini inhlama iqala ukuthamba kuze lufike lapho seluvuthiwe. Isimo sezulu sibalulekile kakhulu lapho kutshalwa ubhali. Ngonyaka odlule kwavunwa amathani angu-1 129, kodwa 1,35 lamathani ayengaphansi komthetho weSABM, amanye amathani angu-33 athengiswe emva kokuhlolwa.
Imvula eningi kakhulu ibanga inkinga ekhwalithini lobhali. Ngesikhathi sokuvuna ngo-2010 kwasekuqala imvula yasehlobo. Ukuvuna kuqale ngoNovemba 8, kodwa ngoNovemba 12 izulu liqale ukuna. Ngaleso sikhathi kwakuvunwe ubhali oluncane impela. Amasimu lapho bekungavunwanga khona abanjwe yilelo zulu kwase kwaqala okubizwa ngokuthi “ukuhluma okungaphambili” (pre-germination). Kodwa iSABM laqhubeka layohlola le nkinga lasebenzana nabakhiqizi (abalimi) ukuthola izindlela zokusizana nokusebenzisa lolu bhali ngendlela ezosiza bonke.
Iwalakahla lesicotho naso singehlisa inani lom khiqizo. Amahektheli angu-140 alinyazwe isicotho ngaleso sikhathi. Isiscotho sifike kathathu ngokulandelana ngaleso sikhathi. Izinkampani zenshuwalense zithi umvuno osuka ku-45% oya ku- 47% ulimale ngaleso sikhathi. Lokhu kukhombisa ukuthi ingozi beyingakanani emkhiqizweni. Amasimu ajwayele ukukhiqiza amathani angaphakathi kwa-6 na-7 akhiqize amathani angu-4,9 ehektheleni kuphela.
Bekubalulekile futhi ukuthola izindlela zokwehlisa inani lezindleko zemishini . Ngakho-ke bekungcono ukusebenzisa ukulima okuncane nje. Le ndlela yehlisa ukusebenzisa imishini eningi – ukwenza imisebenzi eyahlukene ngokuhambisa umshini kanye. Kanjalo ungaripha, ungatshala futhi ungafaka umanyolo kanyekanye. Ngokusebenzisa le ndlela yokulima umkhiqizo ufike kumathani angu-6,8 ehektheleni lapho kutshalwe amahektheli angu-120. 
Ngalo nyaka abakhiqizi bebabhekeni nezinkinga eziningi, kodwa bafundile futhi izindlela ezinye zokulima. Amathani angu-3 688 omvuno asetshenziswe ukwenza ifoliji ngalo nyaka. 
