INKULUMO KANDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI, USIBUSISO NDEBELE EKUTSHALWENI KWENKOSI UMBONGELENI ZONDI ENGOME EDUZE NASE MGUNGUNDLOVANA NGOMGQIBELO MHLA KA 31 KUMASINGANA 2009



Mqondisi woHlelo: Mr Sipho Sithole Mongameli kaKhongolose : Mr Jacob Zuma Mfundisi S.W. Nxumalo



Mr S.M. Zondi Mr O.T. Zondi Inkosi N. Zondi



Mfundisi D.M. Mlangeni Izimenywa Eziphakemeyo Ithimba leziNtatheli Bafowethu noDadewethu



Namhlanje sihlangene lapha ukuzobeka ngesizotha Inkosi uMbongeleni Zondi, umzukulu weNkosi uBhambatha KaMancinza Zondi – iqhawe elahola impi yaMakhanda yango 1906, lapho uhulumeni waseNatali wamakoloni aphoqa intela kaKhanda Pondwe kubo bonke abesilisa besiFundazwe.









Inkosi uBhambatha Zondi wasocongwa amabutho amakoloni eMome Gorge ngenyanga kaNhlangulana ngo 1906. Inkosi uMbongeleni Zondi naye usocongwe ngesihluku elokishini laseMlazi, ezinsukwini nje eziyisishiyagalolunye ezidlule, ngomhla ka 22 kuMasingana. Inkosi uMbongeleni Zondi wabamba iqhaza elibalulekile ekwakheni ubudlelwane obuhle phakathi kukahulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali nesizwe sakwaZondi ngesikhathi sokugubha iminyaka eyikhulu yomzabalazo wempi yamaKhanda ka 1906. Amaphoyisa asezinyaweni zalezi zigebengu njengoba elandela umkhondo onzulu. Izicucwana zobufakazi aziqoqela ndawonye obuzoholela ekuboshweni kwale migulukudu masinyane.







1

Ubugebengu, nezenzo zobugebengu, inkinga enkulu le ekhathaza imiphakathi yethu. Abantu bethu baphila impilo yokwesaba ngenxa yalezi zigebengu. Njengoba izakhamizi eziningi zisebenza kanzila ukuletha ukuthula nokusimama lapha KwaZulu-Natali, izigebengu, eziyingcosane, zichitha isikhathi sazo zihlela ukubhidliza izimpilo kanye nempahla yabanye abantu. Nokho, sinethemba neqholo lokuthi, uma sibambene, singayiguqula yonke le nto, silwe nobugebengu, futhi siyaphumelela kulowo mkhankaso wethu.









Izibalo zamastatistics zonyaka zikhomba ukuthi lapha KwaZulu-Natali ngonyaka wesabelo-mali ka 2006/2007 kanye noka 2008/2009 ziveza obala lesi simo:



Ukubulawa kwabantu kwehla ngo 10,7% 



Ukuzama ukubulala kwehla ngo 6,6% 



Amacala okudlwengula ehla ngo 1,8% 



Ukushaya ngenhloso yokulimaza kwehla ngo 11,6% 



Ukubamba inkunzi kwehla ngo 16,4% 







Olunye lwezinhlelo oluhlongozwayo olokuthi kuzokwakhiwa ngokushesha iSikhungo sokuBuyisana nokuXoxisana (Centre for Reconciliation and Dialogue) ekuthuthukiseni ukuthula nokusiza intsha ukuziqhelanisa nodlame kanye nezenzo zobugebengu. IsiFundazwe sethu sesadlula esikhathini sodlame nesokuchitheka kwegazi. Sesasivala leso sahluko kulesi siFundazwe. Njengamanje sesikhuluma ngentuthuko nokuthula.

















2

Sifisa ukuthi siphile impilo engenabo ubugebengu. UHulumeni usebenza kanzima ubusuku neminni, engaphumuli, ekwehliseni izinga lobugebengu. Ngaphandle kwamaphoyisa akhona, uHulumeni wesiFundazwe ususungule uhlelo lwamaVolontiya oMphakathi azolwa nokuVimbela ubuGebengu (Volunteer Social Crime Prevention Programme). Lolu uhlelo lwamavolontiya azolwa nobugebengu emphakathini, azombandakanya amavolontiya aphuma emiphakathini ukwehlisa izinga lobugebengu nezenzo eziphambene nokulunga. La mavolontiya asebenza ngokubambisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abantu baphephile emiphakathini yabo. Lolu hlelo luyasiza ekuvaleni igebe elikhona phakathi kobugebengu nokwesaba izenzo zobugebengu.





Kuze kube yimanje, sesinamavolontiya ayi-1200 asehlonziwe, aqeqeshwa ezinhlelweni zosizo lokuqala kanye nokuzivikela. Ngaphezu kwalokho, izikhulu ezivela ku-Greater Manchester Police (Scotland Yard) seziqeqeshe amavolontiya azokwenza umsebenzi wokuhamba ehlola ubugebengu. Lokhu kwenziwa ngokubambisana nophiko lwamaPhoyisa ethu iSouth African Police Service. Ukuphakwa kwala mavolontiya athunyelwa ezindaweni ezithile ezikhethekile. Emuva kokubonisana kabanzi, iVolunteer Social Crime Prevention Programme yaqala ukuhlolwa komasipala abathile ababekhethiwe abafana nomasipala wasoGu, Uthukela, Amajuba, Ethekwini, Umgungundlovu kanye noMkhanyakude. Izifunda ezisasele nazo zizolithola lolu hlelo. Sizoqhubeka nokulwa nobugebengu.





Inkosi uMbongeleni Zondi yakhothama ngesikhathi lapho izinhlelo zikaHulumeni, zokuthuthukisa ubuholi bomdabu esiFundazweni ziqala ukuthela izithelo. UBuholi beNdabuko bukaZwelonke (National Traditional



3

Leadership) kanye neGovernance Framework Act, 2003 (Act No. 41 of 2003) kanye neKwaZulu-Natal Traditional Leadership and Governance Act, 2005 (Act No. 05 of 2005) waletha uhlelo olusha lokuphathwa kwezikhungo zamakhosi endabuko. Ngonyaka ka 2006 uHulumeni wasungula iNdlu yabaHoli beNdabuko kanye neziNdlu zaseKhaya zobuHoli beNdabuko eziyishumi-nanye (11).





Uhlelo lwenguquko ebuholini bezinhla zendabuko selube nomphumela ongaphezulu kwamaphesenti angu 90% okuguqulwa kwamakhosi ukuba abe amakhansela omdabu.





Lokhu kuhambisana noMthetho woBuholi beNdabuko noHlelo LokuBusa walapha KwaZulu-Natali, uMthetho ka 2003 (Act No.41 of 2003) kanye noMthetho walapha KwaZulu-Natali wobuHoli beNdabuko kanye nokuBusa ka 2005 (Act No. 5 of 2005). Ngokokuqala ngqa, abesifazane nentsha sebelindeleke ngokusemthethweni ukuthi bangabamba iqhaza ezindabeni eziphathelene nezikhungo zendabuko.





Ngonyaka ka 2007, Hulumeni womNyango waseKhaya neziNdaba zeNdabuko waphasisa imali yamaholo yezinduna ezingamalunga emikhandlu yendabuko. Izinduna zizohlomula umhlomulo wezimali ezozisiza ukuba zisebenze ngamandla, nangomdlandla nangokuthembeka ezindabeni zemikhandlu yendabuko.





Ngaphezu kwalokho, kwathi ngo 2008 kwanqunywa ukuthi zonke izindleko zokuhamba eziphuma emaphaketheni amalungu emikhandlu yendabuko ziyokhokhwa umNyango. Kanti futhi zonke izindleko zokuhamba



4

zamaKhosi zakhushulwa ukuze zilingane nalezo ezihlelwe umNyango wezokuThutha.



Ngonyaka ka 2008, umNyango kaHulumeni waseKhaya kanye neziNdaba zeNdabuko waqasha abaQondisi bazo zonke iziNdlu zobuHoli beNdabuko nezaseKhaya.





Ukukhuthaza ubudlelwane kanye nokubambisana phakathi kwezikhungo zendabuko kanye nomasipala, umNyango woHulumeni baseKhaya kanye neziNdaba zeNdabuko waba nomhlangano kaEXCO phakathi komasipala kanye nabaholi bendabuko. Kulowo mhlangano kwaphenjwa ama-Joint Coordination Committees phakathi komasipala nemikhandlu yabaholi bendabuko.





Ngonyaka ka 1994 kwasungulwa iNingizimu Afrika yentando yeningi. Namhlanje sesiphila esikhathini sethemba, nesokuhlonipha isithunzi soBuntu. Siphila esikhathini sethemba lokuthula, sentando yeningi kanye nesentuthuko. Okuningi kwalokhu inkosi uBhambatha yikho eyayikuphilela, futhi yakulwela yaze yakufela, esesikuzuzile manje. Okuningi kwakho, Inkosi uMbongeleni Zondi nayo yakuphilela lokhu, yakholelwa yikho, namhlanje sesikuzuzile.









Ngomhla ka 11 kuNhlangulana (Juni) 2006, sasihlangene khona lapha eNgome sizozwakalisa ukuhlehliswa nokuguqulwa kwesinqumo sika Lusibalukhulu wamakoloni aseNatali, esaphasiswa ngomhla ka 23 kuNhlolanja ngo 1906, esasiphuca Inkosi uBhambatha Zondi ubukhosi







5

besizwe sakwaZondi. Ngakho Inkosi uZondi yabuyiselwa esikhundleni sayo sobukhosi, seyakhothama, yilo Hulumeni wethu onakekelayo.



Ukuphumelela komgubho ka 2006 wokukhumbula Inkosi uBhambatha kwaba ubuhlakani nomsebenzi wenkosi uMbongeleni Zondi ngokuba neso elibuka impilo ngeso elinobuhlakani. Wayengumuntu owayekuqhakambisa ubuqhawe namasiko nokuguqula amanye amasiko ukuba avumelane nesikhathi samanje. Ziningi iziphakamiso ayezethula kuHulumeni, ezazihlose ukuletha impilo engcono kubantu balapha eNgome. Wayelwela intuthuko nenkululeko ebuphofini babantu bakhe, okuyinto ayincela kuyisemkhulu, Inkosi uBhambatha Zondi. Inkosi uMbongeleni Zondi wayewuphawo oluhle oluphemba ubudlelwano, okuwuphawu oluhle olukhomba ukuthi inkosi kufanele kube umuntu onjani kulezi zinsuku ekuthuthukiseni izimpilo zabantu bayo.





Ngomhla ka 3 kuJanuwari 2009, uMongameli kaKhongolose, uMnumzane uJacob Zuma, kanye nami sasilapha eNgome simenywe yiyo le nkosi esikhotheme, Inkosi uMbongeleni Zondi, kanye nesizwe sonke sakwaZondi. Wayesimemele ukuzohlonipha nokubungaza uMongameli kaKhongolose kanye nami. Inkosi uMbongeleni Zondi yayisebenza njalo isebenzela ukuqinisa amaxhama obudlelwane obuhle phakathi komphakathi wakhe nohulumeni. Sasingazi thina ukuthi lo mcimbi, wangomhla ka 3 kuJanuwari 2009 kwakungowokugcina ukuhlangana nenkosi uMbongeleni Zondi isaphila. Ekuhlonipheni lesi sishoshovu nesishabasheki sentuthuko, uHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uthathe isinqumo sokubiza lesi siKhungo seNtuthuko salapha eNgome, esesihlelelwe ukuthi sivulwe









6

ngenyanga  ezayo,  ukuthi  sibizwe  ngokuthi  “Inkosi  Mbongeleni  Zondi



Development Centre”.







Egameni likaHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali, ngifisa ukudlulisa ukudabuka kwethu okukhulu esizweni sonke sakwaZondi, nasemndenini, nasezihlotsheni, nakubangani, kanye nasemphakathini wonke waseMsinga, ikakhulukazi kubantu balapha eNgome. Ngempela, silahlekelwe umholi obeletha intuthuko futhi elwela inguquko, Inkosi eyayibeka izidingo zabantu bayo kuqala, owayebona uhulumeni engumlingani wentuthuko yabantu nendawo yayo. Sithi “Hamba kahle” kulo mngane wethu woxolo, nentando yeningi kanye nentuthuko.





Lala ngokuthula, Nondaba.







Ngiyabonga.































































7

