















UMTHETHOSIVIVINYO WOKUXHASWA NGEZIMALI KWAMAQEMBU EZEPOLITIKI WAKWAZULU-NATALI, 2008                                                                                          

	












UMTHETHOSIVIVINYO 



Wokuhlinzekela ukusungulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki ukuze kusimamiswe intando yabantu, kufundiswe futhi kuthuthukiswe ugqozi lwezepolitiki kwizakhamuzi zesiFundazwe saKwaZulu-Natali ngokwengezwa koxhasomali emaqenjini ezepolitiki ngendlela elinganayo nefanayo; wokuhlinzekela izinhloso kanye namaqhaza esikhwama; wokuhlinzekela ukuxhaswa ngezimali kwesikhwama; wokuhlinzekela ukwabelwa esikhwameni kwamaqembu ezepolitiki abhalisiwe kanye nokusetshenziswa kwalezo zimali; wokuhlinzekela ukushicilelwa kwezabelo ezithathwe esikhwameni; wokuhlinzekela isibopho sokubika  sawo wonke amaqembu ezepolitiki kwizabelo ezitholakale esikhwameni; wokuhlinzekela ukubuyiselwa kwemali esetshenziswe ngokungafanele ngamaqembu ezepolitiki; wokuhlinzekela izabelo ezingasetshenziswanga; wokuhlinzekela ukuphathwa nokulawulwa kwesikhwama; wokuhlinzekela ukuthi uSomlomo abike kwisiShayamthetho sesiFundazwe ngezindaba esimayelana nesikhwama kanye nombiko waso ngezimali; wokuhlinzekela izimali ezingasetshenziswanga uma isiShayamthetho sesiFundazwe sihlakazwa; wokuhlinzekela ukusungulwa kwemithethonqubo; kanye nokuhlinzekela okunye okuphathelene nalokho.





MAKUMISWE UMTHETHO yisiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali, kanje:-





UKUHLELEKA KWEZIGABA

Isigaba

ISAHLUKO 1

IZINCAZELO KANYE NENHLOSO YOMTHETHO 

1. Izincazelo		

2. Inhloso yoMthetho



ISAHLUKO 2

UKUSUNGULWA, IZINHLOSO KANYE NOKUXHASWA NGEZIMALI KWESIKHWAMA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI 

3. Ukusungulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki

4. Izinhloso zesiKhwama samaQembu ezePolitiki

5. Ukuxhaswa ngezimali nokufakwa kwezimali esiKhwameni samaQembu ezePolitiki



ISAHLUKO 3

IZABELO ZESIKHWAMA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI

6. Izabelo zesiKhwama samaQembu ezePolitiki

7. Ukushicilelwa kwezabelo zesiKhwama samaQembu ezePolitiki



ISAHLUKO 4

ISIBOPHO SOKUBIKA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI

8. Amaqembu epolitiki anesibopho sokubika ngezimali azabelwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki 



ISAHLUKO 5

UKULAWULWA KWEZIMALI, UKUPHATHA KANYE NOKUBIKA OKUMAYELANA NESIKHWAMA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI 

9. Ukubuyiselwa kwemali esetshenziswe ngokungafanele ngamaQembu

10. Imali engasetshenzisiwe ekupheleni konyaka wezimali 

11. Ukuphathwa kanye nokulawulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki

12. USomlomo uyobika kwisiShayamthetho sesiFundazwe ngesiKhwama samaQembu ezePolitiki 

13. Ukucwaningwa kwamabhuku kanye nezitatimende zezimali 





ISAHLUKO 6

IZINHLINZEKO EZEJWAYELEKILE 

14. Ukuhlakazwa kwesiShayamthetho sesiFundazwe

15. Imithethonqubo

16. Ukushatshalaliswa 

17. Isihloko esifingqiwe nosuku lokuqala kokusebenza koMthetho 





ISAHLUKO 1

IZINCAZELO NEZINHLOSO ZOMTHETHO



 Izincazelo

1. Kulo Mthetho, ngaphandle uma ingqikithi isho okwehlukile –

“uMthethosisekelo” kusho uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, 1996; 



“uMthetho weKhomishana yoKhetho” kusho uMthetho weKhomishana yoKhetho, 1996 (uMthetho No. 51 ka 1996);



"uMkhandlu oPhethe" kusho uMkhandlu oPhethe esiFundazweni saKwaZulu-Natali;



“unyaka wezimali” kusho isikhathi esisukela mhla lu-1 kuMbasa kunoma yimuphi unyaka kuya kumhla zingama-31 kuNdasa ngonyaka olandelayo; 



“iGazethi” kusho iGazethi esemthethweni yesiFundazwe saKwaZulu-Natali;



"iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali" kusho ilungu loMkhandlu oPhethe esiFundazweni saKwaZulu-Natali elibhekele ezezimali;



“iQembu” kusho noma yiliphi iqembu lezepolitiki elibhaliswe ngokwesigaba 15 soMthetho weKhomishana yoKhetho, 1996 (uMthetho No. 51 ka 1996), futhi elimelwe kwisiShayamthetho sesiFundazwe, kanti igama “amaqembu” linencazelo efanayo; 



“isiKhwama samaQembu ezePolitiki” kusho isiKhwama samaQembu ezePolitiki esisungulwe ngokwesigaba 3;



"uNdunankulu" kusho uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natali njengoba kuhlongozwe esigabeni 125 soMthethosisekelo; 



"okunqunyiwe" kusho okunqunywe ngumthethonqubo ngaphansi kwesigaba 15, kanti igama “ukunquma” linencazelo efanayo; 



"isiFundazwe” kusho isiFundazwe saKwaZulu-Natali esihlongozwe kwisigaba 103(1)(d) soMthethosisekelo;



"isiShayamthetho sesiFundazwe" kusho isiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali;



“uNobhala” kusho uNobhala wesiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali;



“uSomlomo” kusho uSomlomo wesiShayamthetho sesiFundazwe saKwaZulu-Natali; futhi



“lo Mthetho” kubandakanya imithethonqubo eyenziwe ngaphansi kwesigaba 15. 





Inhloso yoMthetho

2. Inhloso yalo Mthetho ukwenza izinhlinzeko zokusungulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki ukuze –

(a) kusimamiswe intando yabantu kwisiShayamthetho sesiFundazwe;

(b) kufundiswe futhi kuthuthukiswe ugqozi lwezepolitiki kubantu nokugqugquzelwa ukubamba kwabo iqhaza kwezepolitiki;  

(c) kuvunyelwe amaqembu ukuthi asebenze ngokufanele njengamaqembu ezepolitiki kwintando yabantu yesimanje; 

(d) kuhlinzekwe usizo lwezezimali nolokuphatha kumaQembu; futhi

(e) kuhlinzekelwe ukuphathwa nokulawulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki. 





ISAHLUKO 2

UKUSUNGULWA, IZINHLOSO KANYE NOKUXHASWA NGEZIMALI KWESIKHWAMA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI



Ukusungulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki 

3. IsiKhwama samaQembu ezePolitiki ngalokhu siyasungulwa ngenhloso yokuxhasa ngezimali amaQembu abambe iqhaza kwisiShayamthetho sesiFundazwe. 





Izinhloso zesiKhwama samaQembu ezePolitiki

4. Izinhloso zesiKhwama samaQembu ezePolitiki –

(a) ukwamukela nokutshala izimali ezifakwe kuso zisuka kwimithombo egunyaziwe ngokwalo Mthetho; kanye

(b) nokuhlinzekela ukwengezwa koxhasomali lwamaqembu ezepolitiki ngendlela elinganayo nefanayo. 





Ukuxhaswa ngezimali kanye nokufakwa koxhasomali esiKhwameni samaQembu ezePolitiki 

5.(1) IsiKhwama samaQembu ezePolitiki sixhaswe –

(a) ngemali eyabelwe isiKhwama samaQembu ezePolitiki yisiShayamthetho sesiFundazwe;

(b) yiminikelo kanye nezinkongozelo eziya esiKhwameni samaQembu ezePolitiki ezisuka kwimithombo evunyelwe yiLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, kungaba ngezivela esiFundazweni noma ngaphandle kwaso;

(c) inzalo yemali efakwe ngokwezigatshana (2) no (3) ngasenhla; kanye 

(d) nemali eyamukelwe noma eqoqwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki eqhamuka kunoma yimuphi omunye umthombo. 



(2) Yonke imali eyamukelwe noma esegameni lesiKhwama samaQembu ezePolitiki kumele ifakwe kwi-akhawunti yasebhange eseceleni evulwe nguNobhala esikhungweni esibhaliswe njengebhange ngokoMthetho wamaBhange, 1990 (uMthetho No. 94 ka 1990).



(3) Imali esesiKhwameni samaQembu ezePolitiki engadingeki ngokuphuthumayo ukwabela amaqembu ngokwesigaba 6 ingatshalwa koKhomishana bezokuTshalwa kweziMali zoMphakathi abahlongozwe eMthethweni woKhomishana bezokuTshalwa kweziMali zoMphakathi, 1984 (uMthetho No. 45 ka 1984). 



(4) Ama-akhawunti okungeyokulondoloza kanye neyokutshala imali azovulwa ngokwalesi sigaba kanye nanoma yiyiphi inzalo kulawo ma-akhawunti kumele kube ngawokuhlomulisa kuphela isiKhwama samaQembu ezePolitiki, futhi kumele abiyelwe futhi abekwe eceleni kunoma yiziphi ezinye izimali zesiShayamthetho sesiFundazwe. 





ISAHLUKO 3

IZABELO ZESIKHWAMA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI



Izabelo zesiKhwama samaQembu ezePolitiki

6.(1) Wonke amaqembu abophezelekile ekutheni abelwe imali esiKhwameni samaQembu ezePolitiki kunoma yimuphi unyaka wezimali elimelwe ngawo kwisiShayamthetho sesiFundazwe. 



(2) Ngokususela kwisigatshana (7), imali eyabelwe iQembu kumele isetshenziselwe izinhloso ezihambisanayo nokusebenza kwalo njengeqembu lezepolitiki elikwintando yabantu yesimanje. 



(3) Ukusebenza kweQembu njengoba kuhlongozwe kwisigatshana (2) kubandakanya, phakathi kwakho –

(a) ukuthuthukiswa kogqozi lwezepolitiki kubantu; 

(b) ukufaka umoya weQembu ekutheni ube nomthelela ekulolongeni imibono yomphakathi;

(c) ukuvuselela nokuqhubela phambili imfundiso yezepolitiki;

(d) ukugqugquzela ukubamba iqhaza okubonakalayo kwabantu ngabanye abayizakhamuzi kwezepolitiki;

(e) ukwenza umnyakazo kwipolitiki nakwinhlalo yezepolitiki; kanye

(f) nokuqinisekisa ukuxhumana okuqhubekayo phakathi kwabantu kanye nezinhlaka zombuso futhi, ikakhulukazi, phakathi kwabantu kanye nesiShayamthetho sesiFundazwe. 



(4) Izabelo zesiKhwama samaQembu ezePolitiki kumele zilinganiswe futhi zenziwe ngezikhathi ezinqunyiwe, ngohlelo lokukhokha olunqunyiwe, nangendlela enqunyiwe. 



(5) UNobhala kumele abe imali yesiKhwama samaQembu ezePolitiki kumaQembu ngokuhambisana nendlela enqunyiwe ngokugxile – 

(a) engxenyeni, ohlelweni lokulinganiswa, kubhekwa kakhulu ukuhambisana ngokuthi isibalo samalungu amele lelo Qembu kwisiShayamthetho silinganiswa nesibalo esiphelele samalungu akwisiShayamthetho sesiFundazwe; kanye

(b) nakwingxenye, ngokwenqubomgomo yokulingana, okungabhekwa, phakathi kokunye, isamba esingaguquki esitholwa yiQembu ngalinye elimelwe kwisiShayamthetho noma isilinganiso okanye ukumeleleka ukuze kunikwe izabelo eqenjini ngalinye elibambe iqhaza kwisiShayamthetho sesiFundazwe.



(6) Ulwazi kanye nemininingwane edingekayo ukuze kusetshenziswe uhlelo olunqunyiwe eQenjini kumele kuvezwe obala kwamanye amaqiniso nemibandela ngesikhathi sokwabelwa.



(7) Imali eyabelwe iqembu akumele isetshenziselwe –

(a) izinhloso okungaba ngokuqondile noma ngokungaqondile ezokuholela, ezokukhokha, ezokuklomelisa, ezezidingo noma ezokuhlomulisa umuntu omele lelo qembu, noma elinye iqembu kwisiShayamthetho, noma obambe isikhundla kuHulumeni; 

(b) umbono wokuxhasa ngezimali noma ukufaka isandla odabeni, enkingeni, esigamekweni noma embuthanweni, kungaba ngokuqondile noma ngokungaqondile, okungukwephula noma yimuphi wemithetho yemigomo ebophezele wonke amalungu noma abasebenzi besiShayamthetho sesiFundazwe, uma kungaba njalo;

(c) ngokuqondile noma ngokungaqondile izinhloso zokusungula noma ukuxhasa ngezimali ibhizinisi noma umsebenzi wezokuhweba, noma ukuthola okanye ukugcina ilungelo noma umhlomulo kwezezimali ebhizinisini noma emsebenzini wezohwebo;

(d) ukuthola ilungelo lempahla enganyakazi, noma ngabe ngeyaluphi uhlobo, ngaphandle uma lelo lungelo noma lowo mhlomulo kuleyo mpahla enganyakazi, noma eyolunye nje uhlobo, kusetshenziswa yiQembu kuphela ngenxa yezinhloso ezejwayelekile zeqembu okungezepolitiki; noma

(e) enye nje inhloso engahambisani nokusebenza kweQembu lezePolitiki kwintando yabantu yesimanje, njengoba kunganqunywa. 



(8) Ukwabelwa imali yesiKhwama samaQembu ezePolitiki kumele kuqedwe uma iQembu lehluleka wukufaneleka ngokwesigatshana (1), futhi ezinsukwini ezingama-21 ngemuva kosuku iQembu elehluleke ngalo ukufaneleka kumele libuyise yonke imali esele engasebenzanga kuyo yonke imali ebeliyabelwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki. 





Ukushicilelwa kwezabelo zesiKhwama samaQembu ezePolitiki

7.(1) Ngokushesha okungenzeka ngemuva kokuphela konyaka wezimali ngamunye, uNobhala kumele ashicilele isaziso kwiGazethi esisho izabelo ezenziwe esiKhwameni samaQembu ezePolitiki kuleso sikhathi. 



(2) Isaziso okukhulunywa ngaso kwisigatshana (1) kumele sibandakanye lolu lwazi olulandelayo lwalowo nyaka wezimali okukhulunywa ngawo –

(a) imali esivule sinayo isiKhwama samaQembu ezePolitiki ekuqaleni konyaka wezimali;

(b) isamba nemithombo yalezo zimali ezikhokhwe esiKhwameni samaQembu ezePolitiki;

(c) amagama amaQembu ahlinzekwe ngezabelo, kanye nezamba zalezo zabelo;

(d) izamba zemali etshalwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki ngokwesigaba 5(3) ngasenhla, kanye nenzalo etholakale lapho; kanye 

(e) nemali okuvalwe ikhona esiKhwameni samaQembu ezePolitiki ekupheleni kwalowo nyaka wezimali. 





 ISAHLUKO 4

ISIBOPHO SOKUBIKA KUMAQEMBU EZEPOLITIKI



AmaQembu ezePolitiki anesibopho sokubika ngemali ayabelwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki

8.(1) IQembu elabelwe imali esiKhwameni samaQembu ezePolitiki kumele – 

(a) livule futhi liqhube i-akhawunti yasebhange eseceleni egameni leQembu esikhungweni esibhaliswe njengebhange ngokoMthetho wamaBhange, 1990 (uMthetho No. 94 ka 1990), lapho kuyofakwa khona noma yiyiphi imali etholakale esiKhwameni samaQembu ezePolitiki;

(b) lifake lapho yonke imali eliyithole ngokwesigatshana (1); futhi

(c) liqoke isikhulu salelo Qembu njengesikhulu sezezimali mayelana nemali eyabelwe lelo Qembu yisiKhwama samaQembu ezePolitiki. 



(2) Umsebenzi wesikhulu sezezimali ngukubhekelela izimali ezabelwe lelo Qembu, futhi ubandakanya –

(a) ngaphezu kweminye imisebenzi enqunywe yilo Mthetho, umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi iQembu liyahambisana nezimfuneko zalo Mthetho; futhi

(b) ikakhulukazi, umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi imali eyabelwe ayikhokheli izinhloso ezingavunyelwe yilo Mthetho.



(3) Isikhulu sezezimali kumele sigcine zodwa izincwadi namarekhodi e-akhawunti, ngendlela enqunyiwe, mayelana nemali eyabiwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki, kanye nakho konke ukukhishwa kwemali okuthinta leyo mali.



(4) Esikhathini esiyizinyanga ezi-2 ngemuva kokuphothulwa konyaka wezimali isikhulu sezezimali kumele silungise isitatimende –

(a) esikhombisa yonke imali emukelwe yiQembu esiKhwameni samaQembu ezePolitiki ngalowo nyaka wezimali kanye nokusetshenziswa kwaleyo mali eyabelwe; futhi

(b) esichaza izinhloso zokusetshenziswa ngokwehlukana kwalezo zamba ezisetshenzisiwe. 



(5) Amabhuku kanye namarekhodi e-akhawunti okuhlongozwe kwisigatshana (3) kanye nesitatimende esihlongozwe kwisigatshana (4) kumele kucwaningwe ngumbalizimali womphakathi kanye nomcwaningimabhuku ababhalisiwe futhi abasebenza ngokwemibandela yoMthetho wabaBalizimali nabaCwaningimabhuku boMphakathi, 1991 (uMthetho No. 80 ka 1991). 



(6) Umcwaningimambhuku ocwaninga amabhuku ngokuhlongozwe kwisigatshana (5) kumele, embikweni womcwaningimabhuku, ethule umbono njengokuthi kungenzeka yini ukuthi imali eyayabelwe yasetshenziselwa izinhloso ezingavunyelwe yilo Mthetho.



(7) Esikhathini esiyizinyanga ezi-3 ngemuva kokuphothulwa konyaka wezimali, isikhulu sezimali kumele sithumele ama-akhawunti, umbiko kanye nezitatimende okucwaningiwe komcwaningimabhuku, kuNobhala. 



(8) Ngaphandle kwesigatshana (4) umCwaningimabhuku-Jikelele, noma kunini, angacwaninga amabhuku namarekhodi e-akhawunti kanye nezitatimende zezimali eziphathelene nemali eyabelwe iQembu yisiKhwama samaQembu ezePolitiki. 



(9) Ngokuthathela kwisigatshana (1), uNobhala –

(a) angayalela ukuthi imali eyabelwe iQembu lezePolitiki yisiKhwama samaQembu ezePolitiki imiswe, uma enelisekile ngokuzwakalayo ukuthi iQembu lehlulekile ngukuhambisana nezidingo zoMthetho; futhi 

(b) angaqeda lokho kumiswa uma enelisekile, ekucaciselekeni ngokuziphatha kangcono kweQembu, ukuthi ukumiswa akusenasidingo.



(10) Ukumiswa kwezabelo zeQembu kungayalelwa kuphela ngokwesigatshana (9) uma uNobhala – 

(a) azise iQembu ngesaziso esibhaliwe mayelana nokumiswa okuhlongozwayo nezizathu zakho; futhi

(b) abize iQembu ukuzocacisa ngezizathu, ngesikhathi esicacisiwe esazisweni, zokuthi kungani izabelo zesiKhwama samaQembu ezePolitiki kungamele zimiswe.



(11) Isikhathi okukhulunywa ngaso kwisigatshana 10 kumele singabi ngaphansi kwezinsuku ezingama-30 kusuka osukwini lokukhishwa kwesaziso.





ISAHLUKO 5

UKULAWULWA KWEZIMALI, UKUPHATHA KANYE NOKUBIKA MAYELANA NESIKHWAMA SAMAQEMBU EZEPOLITIKI



Ukubuyiselwa kwemali esetshenziswe ngokungafanele ngamaQembu 

9.(1) Lapho imali eyabelwe iQembu ngokwesigaba 6 ingasetshenziswanga ngokuhambisana nezidingo zalo Mthetho, isikhulu sezezimali salelo Qembu siyobhekana nokukhokhwa kwemali esetshenziswe ngokungafanele, kuNobhala.



(2) UNobhala, ngokwesikhundla sakhe njengesikhulu esiphethe isiKhwama samaQembu ezePolitiki, kumele aqoqe imali esetshenziswe ngokungafanele, futhi angenze njalo –

(a) ngokufaka isikhalazo esejwayelekile mayelana nesamba esisetshenziswe ngokungafanele esikhulwini sezimali salelo Qembu elithintekayo; noma 

(b) ukutomula isamba esisetshenziswe ngokungafanele esabelweni esiyokhokhelwa iQembu. 





Imali engasetshenziswanga ekupheleni konyaka wezimali

10. (1) Imali engasetshenziswanga yiQembu ekupheleni konyaka wezimali kumele ikhonjiswe emabhukwini nakumarekhodi e-akhawunti yeQembu njengemali esele edluliselwa kunyaka wezimali olandelayo: kuncike ekutheni –

(a) imali engadluliselwa ingaba yisilinganiso sesamba esithile esimele amaphesenti anqunyiwe ezabelo ezenziwe kulowo nyaka wezimali; futhi

(b) imali edluliselwe kunyaka wezimali olandelayo ingangabalwa ekunqunyweni kwesabelo seQembu elithintekayo ngalowo nyaka wezimali. 



(2) Imali esele esiKhwameni samaQembu ezePolitiki kumele idluliselwe kunyaka wezimali olandelayo njengemali esele. 





Ukuphathwa nokulawulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki

11.(1) UNobhala nguye obhekene nokuphathwa nokulawulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki, futhi uyisikhulu sezimali kanye nesikhulu esiphethe sesiKhwama. 

(2) Ngonyaka wezimali ngamunye, uNobhala kumele agcine amarekhodi amayelana nenqubo kanye nemigomo yezimali eyamukelekayo jikelele –

(a) yezimali ezamukeliwe noma eziyinzalo yesiKhwama samaQembu ezePolitiki;

(b) yezabelo kanye nezinkokhelo ezenziwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki;

(c) yokusetshenziswa kwemali okuqhamuka ekwabiweni kwezimali zesiKhwama samaQembu ezePolitiki ; kanye

(d) neyamarekhodi ezimali kanye nezikweletu zesiKhwama samaQembu ezePolitiki ngalowo nyaka. 



(3) Unyaka wezimali wokuqala wesiKhwama samaQembu ezePolitiki kumele uqale kusukela osukwini lokuqala kokusebenza kwalo Mthetho kuze kube ngumhla zingama-31 kuNdasa, kuhlanganisa nazo zombili izinsuku zokuqala ezilandelayo. 





USomlomo uyobika kwisiShayamthetho sesiFundazwe ngesiKhwama samaQembu ezePolitiki 

12.(1) Ngokushesha okungenzeka ngemuva kokuphela konyaka wezimali ngamunye uSomlomo kumele alungise umbiko mayelana nokuphathwa kanye nokulawulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki wesikhathi esiyizinyanga eziyi-12 zonyaka wezimali owedlule, lowo mbiko kumele ubekwe etafuleni lesiShayamthetho sesiFundazwe nguSomlomo engakashayi umhla zingama-31 kuNcwaba wonyaka ngamunye.  



(2) Umbiko wonyaka kumele –

(a) uveze ngokungachemile isimo sezindaba zesiKhwama samaQembu ezePolitiki, ukwabiwa kwaso, ukuqhuba kwaso ezinhlosweni ezazibekiwe nesimo saso sezimali ekupheleni kwalowo nyaka wezimali othintekayo;

(b) ubandakanye umbiko wabacwaningimabhuku kulezo zitatimende; 

(c) ubandakanye isitatimende sezimali sonyaka esihlongozwe kwisigaba 13; futhi

(d) ubandakanye olunye ulwazi njengokuba iLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali lingacela noma lingacacisa ngokubhalwe phansi. 





Ukucwaningwa kwamabhuku kanye nesitatimende sonyaka sezimali

13.(1) Amabhuku e-akhawunti kanye namanye amarekhodi ezimali esiKhwama samaQembu ezePolitiki kumele acwaningwe minyaka yonke ngumCwaningimabhuku-Jikelele noma yinkampani yabacwaningimabhuku evunyelwe ngumCwaningimabhuku-Jikelele. 



(2) Uma esethumela umbiko wonyaka ohlongozwe kwisigaba 12, uSomlomo kumele aphinde athumelele isiShayamthetho isitatimende sezimali sonyaka ezicwaningiwe esihlongozwe kwisigatshana (3), salowo nyaka.



(3) Isitatimende sezimali sonyaka kumele sikhombise –

(a) izamba ezamukelwe kanye neziqoqwe yisiKhwama samaQembu ezePolitiki ngalowo nyaka wezimali; 

(b) izabelo ezenziwe kuleso siKhwama samaQembu ezePolitiki emaqenjini kulowo nyaka;

(c) izamba ezisetshenziswe yiQembu ngalinye kulowo nyaka wezimali mayelana nezinhloso ezichazwe ngaphansi kwemikhakha echaziwe ngokwejwayelekile njengoba kunqunyiwe izikhathi ngezikhathi; kanye

(d) nemali esele esiKhwameni samaQembu ezePolitiki kanye nezamba esinaso ekupheleni kwalowo nyaka wezimali. 



(4) Isitatimende sezimali sonyaka kumele sihambisane nanoma yiziphi izidingo ezingokomthetho zikazwelonke kanye nezesifundazwe ezisetshenziswayo ekwenzeni imisebenzi yokubika nokubalwa kwezimali, kubandakanya uMthetho wokuPhathwa kweziMali zoMphakathi, 1999 (uMthetho No. 1 ka 1999). 





ISAHLUKO 6

IZINHLINZEKO EZEJWAYELEKILE



Ukuhlakazwa kwesiShayamthetho sesiFundazwe

14. Uma isiShayamthetho sesiFundazwe sihlakazwa ngokoMthethosisekelo noma ngaphansi kwanoma yisiphi esinye isimo, iQembu kumele – 

(a) livale amabhuku kanye namarekhodi e-akhawunti yalo zingakapheli izinsuku ezingama-21 ngaphambi kosuku olubekelwe ukhetho noma ezinsukwini ezingama-21 kuhlakazwe isiShayamthetho sesiFundazwe uma lungekho usuku olubekelwe ukhetho;

(b) ezinsukwini eziyi-14 livale amabhuku namarekhodi e-akhawunti yalo njengoba kuhlongozwe kwindinyana (a) ngasenhla, lithumele isitatimende sonyaka esicwaningiwe mayelana nalawo mabhuku namarekhodi kuNobhala; futhi

(c) ngaphambi kosuku lokugcina kushaye usuku olubekelwe ukhetho, likhokhele uNobhala izimali ezisele ezingasetshenziswanga kusukela osukwini lapho livale khona amabhuku namarekhodi. 





IMithethonqubo

15. USomlomo, ngemuva kokuba esebonisene neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, nangesaziso kwiGazethi, angakha imithethonqubo ehambisana nalo Mthetho –

(a) yokunquma uhlelo okuzonqunywa nokuzoqhutshwa ngalo izikhawu noma izitolimende zenkokhelo ephuma esiKhwameni samaQembu ezePolitiki;

(b) yokunquma indlela okuzobalwa ngayo izabelo; 

(c) yokunquma inhloso yokuthi ukusetshenziswa kwesigaba 6(2) kungashayisani nokusebenza kweqembu lezepolitiki kwintando yabantu yesimanje;

(d) ukunquma ulwazi nemininingwane iQembu okumele liyihlinzekele uNobhala ngenhloso yokuqinisekisa ukusetshenziswa, ukuphathwa kanye nokuhambisana nalo Mthetho; kanye 

(e) nakunoma yiluphi olunye udaba olunganqunywa noma okumele lunqunywe ngokwalo Mthetho, noma oludingekayo ukuze kuqaliswe ukusetshenziswa kwezinhlinzeko zalo Mthetho. 





Ukushatshalaliswa

16. IsiKhwama samaQembu ezePolitiki angeke sishatshalaliswe ngaphandle uma kwenziwa ngokoMthetho wesiShayamthetho wesiFundazwe. 





Isihloko esifingqiwe nosuku lokuqala kokusebenza koMthetho

17. Lo Mthetho ubizwa ngoMthetho wokuXhaswa ngeziMali kwamaQembu ezePolitiki, 2008, futhi uqala ukusebenza ngosuku olunqunywe nguNdunankulu ngesaziso kwiGazethi. 



(2) Izingxenye noma izigaba ezahlukene zalo Mthetho zingaqala ukusebenza ngezinsuku ezahlukene.  





















I-MEMORANDAMU NGEZINHLOSO ZOMTHETHOSIVIVINYO WOKUXHASWA NGEZIMALI KWAMAQEMBU EZEPOLITIKI, 2008



1. ISINGENISO

UMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, 1996, ugqamisa isidingo sokuqinisa intando yabantu nokugqugquzela intando yabantu enamaqembu ehlukahlukene. Lokhu kungaphunyeleliswa ngezindlela ezahlukene, kubandakanya ukufundisa ngezepolitiki nokufundisa izakhamizi ngezindaba eziphathelene nenqubo yezepolitiki, kanye nangokuxhaswa ngezimali kwamaqembu ezepolitiki abambe iqhaza kwisiShayamthetho sesiFundazwe ngendlela efanayo nelinganayo.



Inqubo engachemile nekhululekile yepolitiki iyadingeka ukuze kwakhiwe ukuzibophezela kwezakhamizi kanye namalungelo entando yabantu engokomthetho. 



Umgomo wokulingana ngokobuzwe ubalulekile kwinqubo yentando yabantu. Ukuze kugqugquzelwe inqubo yokulingana ngokobuzwe kuyadingeka ukuthi abamele izakhamizi baxhaswe ngezimali ngokulinganayo nangokufanayo. Ukuxhaswa ngezimali okufanayo nokulinganayo nomthethonqubo walolo xhasomali kuqinisekisa ukuthi wonke amazwi, hhayi nje kuphela labo abanoxhasomali abangazama ukusebenzisa lolo xhasomali ukufaka umoya kulabo abakhethelwe ukumela izakhamizi, aba nethuba elilinganayo lokuzwakala.   



Umgomo wokuxhaswa ngezimali komphakathi uqinisekisa ukuthi wonke amaqembu anesimo esifanele sezimali ukuze enze imisebenzi yawo nokuthi asebenze futhi abambe iqhaza kwinqubo yentando yabantu. Lokhu kusiza ekutheni kunqandeke amathuba abaxhasi bangasese ekutheni bazidayise ngokungekho emthethweni, noma inkohlakalo nokugwazelwa ezinqumweni ezithile. 



IsiShayamthetho sesiFundazwe sikholelwa ekutheni lona ngumgomo obaluleke kakhulu. Sihlose, ngalo Mthethosivivinyo, ukuqinisa nokugqugquzela intando yabantu ezingeni likahulumeni wesifundazwe, futhi sizama ukuhlinzekela ukubamba iqhaza okuthe xaxa kwezakhamizi ngentando yabantu egqugquzelwe. 



Akusikhona nje ukuthi uMthethosivivinyo uhlinzekela ngokuqondile lokhu kuphela, kodwa uphinde ugqugquzele ngokufanayo ukusimamiswa kwamaqembu akwisiShayamthetho sesiFundazwe. 



Noma kunjalo, kule ntando yabantu esafufusa, kunesinye isidingo sokuthi kuthathwe izinyathelo zokusimamisa nokugqamisa intando yabantu nenqubo yentando yabantu efundisa nethuthukisa ugqozi lwezepolitiki emphakathini nakwizakhamizi. 





2. IZINHLOSO NEZIMPOKOPHELO ZOMTHETHOSIVIVINYO

UMthethosivivinyo uphokophelele ukuphumelelisa lezi zinhloso ngokuthi, phakathi kokunye:- 

(a) ugqugquzele ukuthuthukiswa kogqozi lwezepolitiki kwizakhamizi; 

(b) ufake umoya emaqenjini amelwe kwisiShayamthetho ukuthi agxile ekwakheni kahle umbono womphakathi; 

(c) usimamise futhi uqhubele phambili imfundiso yezepolitiki;

(d) ukhuthaze ukubamba iqhaza okubonakalayo kwabantu ngabanye abayizakhamizi kwezepolitiki;

(e) usebenzise amandla awo kwipolitiki nakwinhlalo yezepolitiki; futhi

(f) uqinisekise ukuxhumana okuqhubekayo phakathi kwabantu kanye nezinhlaka zikahulumeni, futhi ikakhulukazi, phakathi kwezakhamizi nesiShayamthetho sesiFundazwe. 



Ngaphezu kwalokho uMthethosivivinyo uzama ukuqinisekisa ukusetshenziswa okufanele kwezimali zomphakathi, ukuthi lezo zimali zisetshenziselwa inhloso ebezabelwe yona yini, nokuthi ukuxhashazwa kwezimali kuyancishiswa. 





3. INHLOSO YOMTHETHOSIVIVINYO

Inhloso yoMthethosivivinyo wokuXhaswa ngeziMali kwamaQembu ezePolitiki:-

(a) ukusimamisa intando yabantu kwisiShayamthetho sesiFundazwe;

(b) ukufundisa nokuthuthukisa ugqozi lwezepolitiki emphakathini  njengokugqugquzela ukubamba iqhaza kwawo kwezepolitiki;  

(c) ukuvumela amaQembu ekutheni asebenze ngendlela ebonakalayo njengamaqembu ezepolitiki kwintando yabantu yesimanje; 

(d) ukuhlinzekwa ngosizo lwezimali nolokuphatha emaqenjini; 

(e) ukuhlinzekela ukuphathwa nokulawulwa kwesiKhwama samaQembu ezePolitiki (isiKhwama);

(f) ukuhlinzekela ukuxhaswa ngezimali kwamaqembu ezepolitiki amelwe kwisiShayamthetho sesiFundazwe; 

(g) ukusungula isiKhwama; 

(h) ukuhlinzekela isibopho sokubika saleso sikhwama;

(i) ukuhlinzekela umthethonqubo wokusetshenziswa kwezimali, kanye nokuvezwa kokusetshenziswa kwazo ngamaQembu; kanye

(k) nokuhlinzekela okunye okuvelayo.





4. UKUCHAZWA KWEMISHWANA NGEMISHWANA

Ngokufingqiwe uMthethosivivinyo uhlinzeka kanje: 

Umshwana 1:

Umshwana 1 uhlose ukuchaza amagama asetshenziswe kuMthetho, ngenhloso yokuthibela noma yokwenza kuvuleleke izincazelo zalawo magama. 



Umshwana 2:

Umshwana 2 uhlinzekela izinhloso zoMthetho ezidingekayo ukuze kwenziwe izinhlinzeko zokusungulwa kwesiKhwama. 



Umshwana 3:

Umshwana 3 uhlinzekela ukusungulwa kwesiKhwama.



Umshwana 4:

Umshwana 4 uhlinzekela izinhloso zesiKhwama ezibandakanya ukwamukelwa kanye nokwabiwa kwezimali zabelwa amaqembu ezepolitiki. 



Umshwana 5:

Umshwana 5 uhlinzekela ukuxhaswa ngezimali kanye nokufakwa kwezimali esiKhwameni. Izimali kungaba ngeziqhamuka kwisabelo sesiShayamthetho sesiFundazwe, kwiminikelo, kwinzalo nakweminye imithombo. Umshwana uyadinga futhi ukuthi leyo mali ifakwe kwi-akhawunti yasebhange eseceleni. 



Umshwana 6:

Umshwana 6 uhlinzekela ukwabiwa kwezimali, uchaza imisebenzi yezinhlangano kanye nendlela esetshenziswayo ekwabiweni kwezimali, kanye nokunye okwenqatshelwe mayelana nokusetshenziswa kwezimali ngamaQembu.



Umshwana 7:

Umshwana 7 uhlinzekela ukushicilelwa, ngesaziso kwiGazethi, kwezabelo zesiKhwama ezenziwe nguNobhala kanye nolwazi okudingeka ukuba lubandakanywe kuleso saziso. 



Umshwana 8:

Umshwana 8 uhlinzekela amaqembu ezepolitki ukuthi abike ngemali ayabelwe yisiKhwama. Umshwana udinga ukuthi amaQembu aqoke isikhulu sezezimali futhi uchasisa ngendima okumele idlalwe yilowo oqokiwe okungukulungisa isitatimende kanye namabhuku e-akhawunti, kanye nezidingo zokwenziwa kocwaningo mayelana nezimali ezingenile. Umshwana uphinde uchaze izinqubo okumele zilandelwe uma kumiswa amaQembu esimweni lapho kukhona ukwephulwa komthetho.  



Umshwana 9:

Umshwana 9 uhlinzekela uhlelo okumele lusetshenziswe nguNobhala ukubuyisa imali esetshenziswe ngokungafanele ngamaQembu. 



Umshwana 10:

Umshwana 10 uhlinzekela ukuthi imali engasetshenziswanga ekupheleni konyaka wezimali idluliselwe kunyaka wezimali olandelayo yiQembu njengemali esalile.



Umshwana 11:

Umshwana 11 uhlinzekela ukuphathwa kanye nokulawulwa kwesiKhwama nguNobhala, njengesikhulu sezimali kanye nesikhulu esiphethe sesiKhwama, futhi amarekhodi agcinwe nguye. 



Umshwana 12:

Umshwana 12 udinga ukuthi uSomlomo, ekupheleni konyaka wezimali ngamunye, ukuthi abike kwisiShayamthetho sesiFundazwe ekuphathweni nasekulawulweni kwesiKhwama kulowo nyaka. 



Umshwana 13:

Umshwana 13 udinga ukuthi amabhuku ama-akhawunti kanye namanye amarekhodi ezimali esiKhwama acwaningwe minyaka yonke ngumCwaningimabhuku-Jikelele, noma inkampani yabancwaningi egunyaziwe, nokuthi yini edinga ukubandakanywa esitatimendeni sezimali sonyaka.



Umshwana 14:

Umshwana 14 uhlinzekela imigomo okumele ilandelwe amaQembu esimweni lapho kuhlakazwe isiShayamthetho sesiFundazwe nokuthi zonke izimali ezingasetshenziswanga ezitholakale esiKhwameni zibuyiselwe kuNobhala. 



Umshwana 15:

Umshwana 15 uhlinzeka ukuthi uSomlomo, ngemuva kokubonisana neLungu loMkhandlu oPhethe elibhekele ezezimali, angasungula imigomo.



Umshwana 16:

Umshwana 16 uhlinzeka ukuthi ukushatshalaliswa kwesikhwama kuyokwenzeka kuphela ngokoMthetho wesiShayamthetho sesiFundazwe. 



Umshwana 17:

Umshwana 17 uhlinzekela isihloko esifishane nosuku lokuqala kokusebenza koMthetho. .





5. UKUNQUNYWA KOKUHLELEKA NABASEBENZI

IHhovisi loMgcinimafa lesiFundazwe liyokhipha ulwazi.





6. IMINYANGO/ IMIGWAMANDA/ ABANTU ABATHINTWAYO

IHhovisi loMgcinimafa lesiFundazwe liyokhipha ulwazi.





7. UKUFAKWA KWEZIMALI

IHhovisi loMgcinimafa lesiFundazwe liyokhipha ulwazi. 





8. UKUSETSHENZISWA KOMTHETHO

AbeLuleki boMbuso kwezoMthetho abangaphansi kweHhovisi likaNdunankulu sebeveze ukuthi banokungabaza ngokuhambisana kwalo Mthethosivivinyo ohlongozwayo noMthethosisekelo mayelana namandla kanye nekhono lesiShayamthetho sesiFundazwe ekushayeni umthetho odabeni oluphathelene noMthethosivivinyo ohlongozwayo.  



UMthethosivivinyo kuyaqhutshekwa nawo ukuze kuhlinzekelwe ukwethulwa kwawo kwisiShayamthetho sesiFundazwe nokuthi udluliselwe kwiKomidi lemiSebenzi lesiShayamthetho elifanele ukuze kuvulelwe inkulumo mpikiswano mayelana noMthethosivivinyo kanye nezindaba ezithinta umthetho nomthethosisekelo ziyophathwa ngaphansi kokubusa kwesiShayamthetho sesiFundazwe.  



Le ndlela izokuba nomthelela ekutheni kwenziwe uMthethosivivinyo ube wutaku lwesiShayamthetho okuyiso esinganquma ukuthi sifake eminye imibono yoMthetho kuMthethosivivinyo, kubandakanya umbono womthetho ovela kubeluleki bomthetho besiShayamthetho sesiFundazwe.



Uma isiShayamthetho sesiFundazwe siphetha ngokuvuma nokuphasisa uMthethosivivinyo, uNdunankulu usenalo ithuba lokuthi abuyisele emuva kwisiShayamthetho uMthethosivivinyo uma uNdunankulu enokungabaza ngokuhambisana koMthethosivivinyo nomthethosisekelo (isigaba 121(1) soMthethosisekelo, 1996). UNdunankulu, ekugcineni anganquma ukudlulisela uMthethosivivinyo kwiNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi inqume mayelana nokuhambisana kwawo nomthethosisekelo (isigaba 121(2)(b) soMthethosisekelo, 1996).





9. OKUNGAXHUNYANWA NAYE

Igama:		Mnu. DSD Shabalala

Isikhundla:	iNhloko yeHhovisi loMgcinimafa wesiFundazwe

Ucingo:	(033) 897-4556

Ifeksi:		(033) 342-2486 

Umakhalekhukhwini:	082-458-4113

I-imeyili:	sipho.shabalala@kzntreasury.gov.za 



