UMkhandlu Kamasipala uBuhlebezwe wamukela le mithetho kamasipala elandelayo emhlanganweni wawo owawumhla ziyi-10 kuMbasa wezi-2008 ngokwesigaba 156(2) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika (uMthetho No. 108 we- 1996) ufundwa ngokuhambisana nesigaba 31(2) sezoHulumeni Basekhaya: uMthetho Wezinhlaka Zomasipala, 1998 (uMthetho No. 117 we-1998) kanti lapha ukhipha imithetho kamasipala exhunyiwe ngokwesigaba 13(a) sezoHulumeni Basekhaya: uMthetho Wezinhlelo Zomasipala, 2000 (uMthetho No. 32 wezi-2000) eyoqala ukusebenza ngosuku lokushicilelwa kwayo kwiGazethi yesiFundazwe
IMenenja Kamasipala
UMASIPALA UBUHLEBEZWE 
IMITHETHO KAMASIPALA EVAMILE KANYE NEZINTO EZIWUHLUPHO
Qaphela: [Amagama asebenza kunoma yimuphi umuntu kumele abandakanye abantu,
izinkampani nemifelandawonye, kanti ubulili besilisa buyobe bubandakanya abesifazane ngokunjalo nabesilisa futhi ubunye buyobe bubandakanya ubuningi kanti nobuningi buyobandakanya ubunye]. 
INKOMBA 
INombolo Yekhasi
ISAHLUKO 1: Izincazelo 1
ISAHLUKO 2: Imigwaqo kanye Nezindawo Zomphakathi 5
Ukuphazanyiswa Kokuthula 5
Ukuziphatha Okungenasizotha 5
Inhlamba kumbe Amagama Alumelayo 5
Imibhalo Enokuhlambalaza
kanye Nokumeleleka 6
Ukuchwayitheka 6
Izenzo Eziyingozi 6
Amacala aqondene nokungcolisa 7
Ukuhlanzwa kwendlela eseceleni komgwaqo kanye 
nonqenqema 7 
Izithiyo 8
Amacala 8
Ukulahlwa kwempahla etholakale emgwaqeni 
kumbe Endaweni Yomphakathi 8
Ukuvinjelwa yizihlahla 10
Ukunxiba, ukugembula nobudlwembe 10
Ubudlwembe 11
Ukukhempa Nokulala 11
Imibukiso, Imibuthano, Imihlangano Nezinhlabaluhide 11 Imibuthano, Imihlangano Nezinhlabaluhide 11
Ukuqoqwa Kwemali Emigwaqeni 13
Ukusetshenziswa kwemishini eyizikhulisimsindo 14
ISAHLUKO 3: Amagceke Abanikazi 
Ukugcinwa noma ukuphathwa kwendawo yokudayisa ngomzimba 15
Indawo yomnikazi: Imisebenzi evamile 15
Imisebenzi yokuthuthukisa isiza neminye yokumbiwa komhlaba. 16
ISAHLUKO 4: Impahla Kamasipala Nempahla eyenganyelwe nguMkhandlu 18
ISAHLUKO 5: Izinto eziwuhlupho 21
Okuvamile 21
Imigwaqo Nezindawo Zomphakathi 21
Amagceke Abanikazi 22
Ama-Alamu avikela ukugqekeza 22
Izinto ezisebenza ngogesi ukukhipha umoya obandayo 22
Izinto Eziwuhlupho ngenxa yokusetshenziswa kwamagceke Abanikazi 22
Ukubaswa kwemililo 23
Ukulahlwa kwezidumbu zezilwane 24
Ukususwa Kokhula, Kwezihlahla Nesikhotha 24
Ukulawulwa Komiyane, Izimpukane, Amagundane 
Nezilokazane 24
ISAHLUKO 6: Amacala, Izinhlawulo Nezimali ezimisiwe 25
Ukungacwasi 25
Ukuchithwa kwemithetho kamasipala 26
ISAHLUKO 1
IZINCAZELO
Kule Mithetho Kamasipala, ngaphandle uma ingqikithi ikhomba okunye:-
“Izinga lomsindo endaweni eseduze kakhulu” kusho ukufundwa kwezinga lomsindo odidiyelwe okukalwa ngamamitha ekupheleni kwesikhathi esiyimizuzu eyi- 10 emva kokuba lokho kudidiyelwa kwezinga lomsindo elingamamitha sekuqalile ukusebenza, ngesikhathi okusolakala ngaso ukuthi umsindo ophazamisayo awukho;
“Indawo” kusho indawo elawulwa nguMkhandlu kaMasipala uBuhlebezwe;
“Isikhulu Esigunyaziwe” kusho:
Isikhulu sezemigwaqo noma umphathi oqokwe ngokoMthetho Kazwelonke Wezemigwaqo, 1996 (uMthetho No. 93 we-1996)
Ilungu Lezemisebenzi njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho Wemisebenzi Yezamaphoyisa aseNingizimu Afrika, 1995 (uMthetho No. 58 we-1995)
Isikhulu sezokuthula okuningwe ngaso esigabeni 34 soMthetho Wenqubo Yamacala Obugebengu, 1977 (uMthetho No. 51 we-1977)
Nanoma yisiphi isisebenzi esigunyazwe ngokusemthethweni ngumkhandlu
“IMenenja KaMasipala” kusho umuntu oqokwe nguMkhandlu ngokusemthethweni noma umuntu obambe kulo msebenzi okwesikhashana kumbe ommele oqokwe ngokusemthethweni;
“UMkhandlu” kusho uMasipala uBuhlebezwe noma abazolandela ngokwezikhundla, futhi kubandakanya nomkhandlu walowo masipala noma iKomidi Elilawulayo kumbe nanoma yiluphi olunye uhlaka olubambile ngokwamandla oluwanikeziwe ngokomthetho kanye nanoma yisiphi isikhulu esinikezwe amandla nemisebenzi yikomidi elilawulayo maqondana nale mithetho kamasipala.
“ Umsindo Ophazamisayo’ kusho izinga lomsindo elingaphezu komsindo osendaweni eseduze kakhulu ngo-7dB (A) nangaphezulu, futhi ukuphazamisa okumayelana nomsindo kuyoba nencazelo ehambisanayo;
“Izinga lomsindo’ kusho ukufundwa kwezinga lomsindo odidiyelwe okukalwa ngamamitha ekupheleni kwesikhathi esithile emva kokuba lokho kudidiyelwa kwezinga lomsindo elingamamitha sekuqalile ukusebenza, ngesikhathi okusolakala ngaso ukuthi umsindo ophazamisayo awukho;
Kulokho kufundwa kwengezwa u-5dB (A) uma umsindo ophazamisayo uzwakala bukhoma noma kungowohlobo olusheshayo;
“Izinto Eziwuhlupho” ngale kokunqinda okujwayelekile, kusho nanoma yisiphi isimo, into, isenzo noma iphutha okungaba uhlupho noma kulimaze kumbe okuthikameza ukuphepha, ukuhleleka, ukuthula noma isimo sempilo sendawo noma ingxenye kumbe amalungelo noma ukunethezeka okufanele, ukuhlala kahle noma ukuthula komakhelwane endaweni futhi kuhlanganisa nanoma yisiphi isenzo, umbukiso noma ushicilelo oluphikisana nesizotha nendlela yokuziphatha komphakathi, kanti maqondana nomsindo kuhlanganisa nanoma yimuphi umsindo ophazamisa ukuhlala kahle noma ukuthula kukanoma ngubani;
“Ohlalayo” kusho futhi kubandakanya noma ngubani okunguyena ohlala ngempela kunoma yimuphi umhlaba kumbe amagceke noma obhekele kumbe ophethe, kungakhathalekile ukuthi uhlala lapho ngasikhundla sini, futhi esimweni lapho amagceke ehlukaniswe izigaba futhi eqashisa kubantu abehlukene, kusho umuntu okunguyena owamukela imali yerenti, noma ngabe ngeyakhe kumbe uqashwe ngomunye umuntu onelungelo kumbe onentshisekelo; 
“Umnikazi” mayelana nanoma yimaphi amagceke kusho-
umuntu itayitela lalawo magceke elibhalwe ngaye ngokoMthetho Wokubhaliswa Kwamatayitela, 1937 (uMthetho No.47 we-1937 ) njengoba uchitshiyelwe, futhi kubadakanya nomnikazi welayisensi yesitende;
umuntu okubhaliswe ngaphansi kwegama lakhe isitifiketi sesigaba setayitela lalawo magceke ngokoMthetho Wezigaba Zamatayitela we-1986 (uMthetho No.95 we-1986) futhi ngaphezu kwalokho kuhlanganisa nomnikazi (njengoba kuchaziwe kulo Mthetho okukhulunywa ngawo), abaphathi besakhiwo kanye nomthuthukisi walawo magceke.
Uma lowo muntu esashona, engasenamali, ephazamisekile ngokomqondo noma engakwazi ukusebenza ngendlela,esemncane noma ekhubazekile ngokomthetho, umuntu okunguyena obhekele lowo muntu kumbe ogunyazwe ukubheka amafa akhe, kungaba umbheki, owengamele amafa, noma okusiphi esinye isikhundla; noma
Uma amagceke eqashisiwe, ukubhaliswa kwalokho kuqasha kusemthethweni, oqashile;
Uma umnikazi ochazwe lapha engekho eRiphablikhi noma engaziwa ukuthi ukuphi, igama elithi “umnikazi” libandakanya umkhulumeli walowo mnikazi kumbe nanona iyiphi “ingxenye” (njengoba kuchazwe eMthethweni Wezigaba Zamatayitela we-1986 (uMthetho No. 95 we-1986) walawo magceke;
“Amagceke” kuhlanganisa nanoma yiyiphi indawo yomphakathi kanye nomhlaba womnikazi, wonke amabhilidi, amagumbi, izindlu zokuqashisa, imikhukhu, izindlu zezingodo noma ezinye izakhiwo namabala noma umhlaba oxhumene nawo futhi ayohlanganisa nanoma yiyiphi “ingxenye” (njengoba kuchazwe esigabeni soMthetho Wezigaba Zamatayitela, 1986 (uMthetho No.95 we-1986);
“Indawo Yomphakathi” kusho nanoma yimuphi umgwaqo noma indawo, izindawo zokuzijabulisa zomphakathi, izindawo zemihlangano yomphakathi, noma indawo esemehlweni omphakathi kodwa akufaki nanoma yiziphi iziNdawo Zomphakathi njengoba zichazwe eMithethweni Kamasipala Yomkhandlu emayelana Nezindawo Zomphakathi; 
“Imoto yomphakathi” kuhlanganisa nanoma iyiphi imoto, itekisi eqashwayo, itekisi, ibhasi noma enye imoto eqashwe noma eqashiselwa ukuthutha abagibeli;
“Udoti” ngale kokubeka imikhawulo ngencazelo ejwayelekile yegama, kusho nanoma iyiphi imoto engasetshenzisiwe kumbe umshini noma ingxenye yawo noma insimbi elahliwe, imvuthuluka ephuma uma kwakhiwa, udoti wasengadini, imfucumfucu, izibi, amathayi kumbe nanoma yini enye into elahliwe noma eshiyiwe;
“Imoto” kusho nanoma iyiphi indlela yokuthutha ekwazi ukuhambisa umuntu oyedwa nangaphezulu, ngaphandle kwesihlalo esinamasondo kumbe inqola efana naso esetshenziselwa ukuthutha umuntu okhubazekile.
ISAHLUKO 2
IMIGWAQO KANYE NEZINDAWO ZOMPHAKATHI
Ukuphazanyiswa Kokuthula 
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni kumbe esendaweni yomphakathi –
evimba, ethuka, egxambukela, echukuluza, esabisa noma ehlukumeza omunye umuntu;
ezihlanganisa noma edudana nabanye abantu ngendlela edala noma ebukeka ingadala ukuphazamiseka kokuthula;
olwa noma ogqugquzela kumbe ocela inselelo komunye umuntu ukuba balwe;
Ukuziphatha Okungenasizotha 
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma esendaweni ebonakalayo emgwaqeni kumbe esendaweni yomphakathi –
engagqokile ngendlela enesizotha, okungenanani azingaveli izitho zangasese;
Enza nanoma isiphi isenzo sokungazihloniphi;
noma egqugquzela nanoma ngubani omunye ukuba enze icala elinjalo.
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni kumbe esendaweni yomphakathi –
ezikhulula noma echama ngaphandle uma ekwenza lokhu endaweni ehlinzekelwe lokho nguMkhandlu;
engena endlini yangasese elungiselwe amalungu obulili obehlukile kobakhe;
ephimisa;
edakiwe noma ephuza utshwala ngendlela yokuthi ngokubona kweSikhulu Esigunyaziwe kungagcina lowo muntu esedakiwe ebe kunoma iyiphi indawo okusebenza kuyo le mithetho kamasipala.
edakwe noma esebenzisa izidakamizwa njengoba zichazwe eMthethweni Wezidakamizwa kanye Nokushushumbiswa Kwazo, 1992 (uMthetho No.140 we-1992) kuyena noma komunye umuntu; noma
enza nanoma isiphi isenzo sokungazihloniphi noma esingamukeleki kumbe akhumule ngamabomu.
Inhlamba kumbe Amagama Alumelayo
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma esendaweni yomphakathi ezwiwa ngomunye umuntu ekhuluma inhlamba kumbe amagama alumelayo noma ecula iculo eliyinhlamba kumbe elinezinhlamvu ezilumelayo.
Imibhalo Enokuhlambalaza kanye Nokumeleleka 
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni kumbe esendaweni yomphakathi noma endaweni ebonakalayo endaweni yomphakathi–
ebukisa, esabalalisa, eveza noma edayisa kumbe ezama ukudayisa ngendlela enokuhlambalaza nanoma yiziphi izithombe ezingakhombisi nhlonipho noma ezihlambalazayo kumbe nanoma yikuphi ukumeleleka noma okubhaliwe kumbe okuprintiwe;
edweba, aprinte, abhale kumbe ngandlela thize akhiqize nanoma yimiphi imifanekiso, uhlamvu, isithombe, igama kumbe nanoma yikuphi ukumeleleka ngendlela yokuthi lokho kubonwe umphakathi kumbe omunye umuntu
Ukuchwayitheka
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma esendaweni yomphakathi echwayitheka ngenhloso yokudayisa ngomzimba noma ayengele kumbe agqugquzele nanoma ngubani omunye ukuba enze lokho.
Izenzo eziyingozi
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma esendaweni yomphakathi- 
eqalisa, ebamba noma esebenzisa nanoma iyiphi impahla noma into engaholela ekulimalemi komunye umuntu noma imesabise ngendlela engagcina seyimlimazile, imesabisile noma idale umonakalo; 
engenisa noma ephethe nanoma iyiphi impahla, into kumbe nanoma yini ewuketshezi kumbe eqinile ngokwesimo sayo kumbe ngokwendlela engeniswe noma ephethwe ngayo ingaba isisusa sengozi kumuntu noma esakhiweni kumbe kubukeka ingenza lokho;
ekhanyisa, esebenzisa noma ehlomula emlilweni ngale kwalezo zindawo ezihlinzekwe uMkhandlu ukuba zenze lokho;
enamathisela nanoma yini kumbe elengisa nanoma yini kwi-canopy, ebhulohweni, kuveranda kumbe esigxotsheni noma eposini;
eqhumisa isibhamu, ivolovolo, iziqhumane ngaphandle uma kuhambisana neMithetho kaMasipala yomkhandlu maqondana Neziqhumane, noma esebenzisa isihlilingi; 
enza nanoma yisiphi isenzo esingaholela ekulimaleni komuntu kumbe umonakalo empahleni;
ngaphandle uma egunyazwe noma evunyelwa umthetho ukwenze njalo noma enze njalo ngemvume ebhalwe phansi yeSikhulu Esigunyaziwe futhi kuhambisana nemigomo esiyibekile.
AMACALA AQONDENE NOKUNGCOLISA
2.2.1 (1) Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma esendaweni yomphakathi -
elahla, eshiya, echitha noma ebanga kumbe evumela ukulahlwa noma ukuchithwa kwanoma yimuphi udoti noma enye imfucuza kumbe into kungaba isaketshezi kumbe iqinile, noma kuphi ngaphandle kwasemgqonyeni ohlinzekelwe lokho;
ekhipha emgqonyeni ohlinzekelwe ukulahlwa kukadoti kumbe nanoma yisiphi esinye isikhwama sokulahla udoti kanye nokuphakathi abuye abangele ukuthi kukhishwe kulowo mgqomo.
(2) Umuntu obanga noma ochukuluza omunye umuntu ukuba enze nanoma yiziphi izenzo ezichazwe esigatshaneni (1) naye uyotholakala enecala.
(3) Nanoma iyiphi impahla ewiswa ngumuntu kumbe avumela ukuba iwe angasheshi ukuyicosha kuyothathwa ngokuthi leyo mpahla uyilahlile ngokwesigatshana (1) (a).
(4) Nanoma iyiphi impahla noma into etholakale emgwaqeni noma endaweni yomphakathi eyenza kusoleke ukuthi kunecala elenziwe ngaphansi kwesigaba (1) (a) futhi enegama lomuntu kumbe okunezinsolo ezinkulu zokuthi ngeyakhe kumbe ilawulwa nguye ngokwesigaba (1) (a) uyothathwa njengoyilahlile kuze kuvele okwehlukile.
(5) Umuntu oshanela kumbe ochitha udoti noma yingayiphi indlela emgwaqeni noma endaweni yomphakathi uyothathwa njengowuchithile ngokwesigatshana (1) (a).
(6) Umuntu obonwe yiSikhulu Esigunyaziwe ukuthi waphula isihlinzekelo sendima (a) kumbe (b) yesigatshana (1) siyomyalela ukuba asuse lowo doti, leyo mpahla noma leyo nto kumbe ukuba ayifake emgqonyeni kadoti ohlinzekwe nguMkhandlu kuthi uma ehluleka ukwenza kanjalo abekwe icala.
Ukuhlanzwa kwendlela eseceleni komgwaqo kanye nonqenqema 
2.2.2 (1) Ohlalayo emagcekeni ayifemu njengoba kuchazwe esigatshaneni (3) noma emagcekeni okuqhutshwa kuwo nanoma yiliphi ibhizinisi, umsebenzi noma ukuhwebelana kuyomele ukuthi zikhathi zonke okuqhutshwa ngazo umsebenzi kungaba sefemini kumbe lawo magceke avulewe ibhizinisi noma umsebenzi kumbe ukuhwebelana ngezikhathi zokusebenza, noma ngabe yikuphi okuhambisana naye, agcine indlela eseceleni komgwaqo noma unqenqema oluxhumene nalawo magceke, kuhlanganisa nogadasi kungenazibi futhi kugcinwe kusesimweni esihlanzekile nesigculisayo lokho kusho ukususwa kwawo wonke udoti olapho. 
(2) Ohlalayo okukhulunywe ngaye esigatshaneni (1) kuyomele aqinisekise ukususwa kwawo wonke udoti ngokwesigatshana leso ukuze ufakwe emigqonyeni kadoti ehlinzekwe nguMkhandlu kumbe ngokomyalelo obhalwe phansi weSikhulu Esigunyaziwe, ulahlwe ngendlela evunywe yisoangenza ukuba wonke udoti ususwe ngokwaleso sigaba ukuze ufakwe emigqomeni kadoti ehlinzekwe nguMkhandlu noma ngemvume ebhalwe phansi yiSikhulu Esigunyaziwe,ukuba ulahlwe ngendlela egunyazwe nguye.
(3) Ngokwenhloso yesigatshana (1) igama elithi “ifemu” linencazelo enikezwe nguMthetho Wezempilo Nokuphepha Endaweni Yokusebenza, 1993 kanye nemithethonqubo engaphansi kwawo.
IZITHIYO
Izithiyo: Amacala
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma endaweni yomphakathi-
eshiya nanoma yini inganakiwe, kube kunguye oyibeke lapho bese iba yisithiyo kubantu noma ezimotweni njengoba kuchaziwe eMthethweni Kazwelonke Wezemigwaqo,1996 (uMthetho No.93 we-1996);
eqhuba, alahle, aphathe noma alethe nanoma yini ezoba yisithiyo kumbe iphazamise ukuhamba kwabantu noma kwezimoto ngokukhululeka kumbe ukusetshenziswa komgwaqo noma indawo yomphakathi ngabantu noma izimoto noma ilimaze nanoma ngubani kumbe yenze umonakalo empahleni;
elahla nanoma yini onqenqemeni ngenhloso yokulayisha noma yokuthulula imoto kumbe ukuletha leyo nto kulawo magceke eseme kulowo mgwaqo isikhathi eside kunaleso esifanele ukwenza lowo msebenzi; 
esitha uphawu lomgwaqo njengoba kuchazwe eMthethweni Kazwelonke Wezemigwaqo,1996 (uMthetho No.93 we-1996);
eneka noma edonsa nanoma yini ngaphezu kobonda noma ovumela nanoma yini ukuba ilunguze ngaphezu kwalolo bonda noma ixhumeke ngokungemthetho kulo;
ehlanganyela noma enza umhlangano nabanye abantu endaweni kumbe ngendlela engathikameza noma ivimbele kumbe iphazamise ukuhamba kwabantu noma kwezimoto kumbe ukusetshenziswa noma injabulo yokuba semgwaqeni noma endaweni yomphakathi kubantu noma ezimotweni;
enza nanoma yisiphi isenzo esingaba nomphumela ochazwe endimeni (b) ngenhla;
Ukulahlwa kwempahla etholakale emgwaqeni kumbe endaweni yomphakathi 
2.3.2 (1) Uma kunento eshiywe emgwaqeni noma endaweni yomphakathi ngokuphikisana nesigaba 2.3.1 (a), iSikhulu Esigunyaziwe singayisusa siyoyigcina endaweni ehlinzekelwe lokho nguMkhandlu, uma kungukuthi leyo nto ngeke ikwazi ukudayiseka ngokubona kweSikhulu Esigunyaziwe, singayilahla ngendlela esibona ifanele, bese kuthi umuntu okunguyena owenze lelo cala abhekane nezindleko zalokho kulahlwa eMkhandlwini njengokunquma kwaleso sikhulu.
(2) Izinto ezisuswe zayogcinwa ngokwesigatshana (1) zinganikezwa nanoma ngubani ongafika zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa leyo nto isusiwe noma emva kwesikhathi eside esingavunywa yiSikhulu Esigunyaziwe okuyisona esengamele indawo yokugcina impahla, uma seneliseka ukuthi ngempela ungumnikazi waleyo mpahla, noma unelungelo lokuyithatha, emva kokukhokha izindleko zokususwa nokugcinwa kwayo njengokunquma kwesikhulu ngokuhambisana nentela enqunyiwe, kuphela nje uma isikhulu singayalela ukuthi izimpahla ezibolayo ezingalandwanga emva kwesikhathi esithile ngaphambi kokuthi zibe nobungozi ngokwezempilo kumbe zibange uhlupho zilahlwe ngendlela esiyobona ifanele noma zisiwe endaweni kamasipala yokugqiba udoti;
(3) Izinto ezingalandwanga noma ezingalahlwanga ngokwesigatshana (2) ziyodayiswa ngandlela thile emva kwesaziso esiyokhishwa ngokubona kweSikhulu Esigunyaziwe, emva kokuthi sesibhekisise isimo sazo;
(4) Imali eyotholakala ngalokho kudayisa ngokwesigatshana (3) iyoqala isetshenziselwe ukukhokhelwa -
kwezindleko zokususwa nokugcinwa kwempahla njengoba kunqunywe ngikwesigatshana (2);
nanoma yiziphi izindleko ezenzeke ngesikhathi kuzanywa ukuthola umninizo;
izindleko zokudayisa;
bese kuthi imali eyosala iyocwila esikhwameni somkhandlu uma esikhathini esiwunyaka kusukela osukwini lokudayiswa kwempahla kungekho muntu oyilandayo oveza ukuthi unelungelo ngokomthetho laleyo mpahla ngendlela ezogculisa iSikhulu Esigunyaziwe okuyisona esengamele indawo yokugcina impahla.
(5) uma imali etholakale ngokudayisa impahla ingenele ukuhlangabezana nezindleko okukhulunywe ngazo esigatshaneni (4), umnikazi wezinto ezidayisiwe kanye nomuntu owenze icala ngokwale mithetho kamasipala mayelana nokushiwo lapha, ngokuhlanganyela bayobhekana necala eMkhandlwini lokukhokha ingxenye eshodayo.
(6) Uma izinto zingeke zidayiswe ngokwesigatshana (3) iSikhulu Esigunyaziwe okuyisona esengamele indawo yokugcina impahla singazilahla uma sibona kufanele futhi kuyosebenza izihlinzekelo zesigatshana (5) maqondana nezindleko eziyodaleka ngokulahlwa kwaleyo mpahla.
(7) Ukusetshenziswa kwanoma yimaphi amandla anikezwe yilesi sigatbana angeke kwenze ukuthi uMkhandlu noma iSikhulu Esigunyaziwe babhekane necala lokulahlela kumbe ukwebiwa noma ukulimala kwanoma yini ngokwesigatshana (1).
Ukuvinjelwa yizihlahla
2.3.3 (1) Uma kukhula isihlahla noma isiqu esinye kunoma yimaphi amagceke asondelene nomgwaqo noma nendawo yomphakathi kumbe ingxenye ethile yaleso sihlahla-
iphazamisa ukubona komshayeli wanoma iyiphi imoto ekulowo mgwaqo noma kuleyo ndawo yomphakathi
iphazamisa, kumbe iba wuhlupho kubantu abasebenzisa lowo mgwaqo noma leyo ndawo yomphakathi; noma
isitha uPhawu Lomgwaqo.
noma uma nanoma iyiphi ingxenye yesihlahla iba wuhlupho noma ingaba ingaba umsuka wengozi kulowo muntu, iSikhulu Esigunyaziwe singanikeza umnikazi walawo magceke isaziso, noma kohlalayo uma kungukuthi kulawo magceke kuhlala omunye umuntu ongeyena umnikazi, simcela ukuba asinqume, asisuse kumbe asithene leso sihlahla ngakuleyo ngxenye eba wuhlupho kuze kuphele isikhathi esinqunywe esazisweni futhi lowo muntu uma ehluleka ukuhambisana nomyalelo wesaziso esikhathini esibekiwe uyotholakala enecala.
(2) Uma umuntu onikezwe isaziso ngokwesigatshana (1) ehluleka ukuhambisana nemibandela ebekiwe ngesikhathi esinqunyiwe, iSikhulu Esigunyaziwe singenza ukuthi umsebenzi obalulwe esazisweni wenziwe kuthi lowo muntu abhekane necala eMkhandlwini lezindleko zomsebenzi njengokuboona kwalesi sikhulu.
UKUNXIBA, UKUGEMBULA KANYE NOBUDLWEMBE
Ukunxiba kanye nokugembula
2.4.1 Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma endaweni yomphakathi-
(a) lowo muntu
(i) ecela imali noma izimpahla kumbe ecela noma yini, kungabe ukhombisa ngokwenza, uyasho kumbe nganoma iyiphi enye indlela;
(ii) egembula noma edlala nanoma yimuphi umdlalo ukuze ahlomule, kungaba yimali noma okunye;
(b) ebanga noma enxenxa omunye ukuba enze icala ngaphansi 
kwendima (a) (i) esikhundleni sakhe
Ubudlwembe
Akukho muntu ophila impilo yobudlwembe futhi ongenandlela esemthethweni neyamukelekile yokuziphilisa noma ophila impilo yobuvila, yokungaziphathi kahle noma ongaphilile kahle oyohlala emgwaqeni noma endaweni yomphakathi.
Ukukhempa Nokulala
Umuntu usuke enza icala, uma esemgwaqeni noma endaweni yomphakathi kumbe emagcekeni noma ezakhiweni zoMkhandlu noma ezilawulwa yiwo ezingabekelwanga lokho –
ekhempa, elala noma esebenzisa nanoma iyiphi ingxenye ngenhloso yokuhlala, ngaphandle kwemvume yoMkhandlu;
ecambalala futhi elala kunoma yisiphi isihlalo esihlinzekelwe ukusetshenziswa umphakathi.
IMIBUKISO, IMIBUTHANO, IMIHLANGANO KANYE NEZINHLABALUHIDE
Imibuthano, imihlangano kanye nezinhlabaluhide 
2.5.1 (1) Akukho muntu oyoqalisa, abambe, ahlele noma abe yingxenye yanoma yimuphi umbuthano, umhlangano noma inhlabaluhide ngale kwemvume yeMenenja kaMasipala, 
(2) Isicelo semvume ngokwesigatshana (1) kumele senziwe sibe ngesibhalwe phansi sibhekiswe kwiMenenja kaMasipala esikhathini esingekho ngaphansi kwezinsuku eziyishumi nane ngaphambi kosuku lokuqala komcimbi ohambisana nesicelo, futhi kumele siphelezelwe yimali njengoba inqunywe ngokwentela yomkhandlu. IMenenja Kamasipala ingasamukela ngokokubona kwayo isicelo esifike ngemuva kwesikhathi uma kuvezwa izizathu ezizwakalayo.
(3) Nanoma yisiphi isicelo, ukwengeza ngaphezu kwalolo lwazi oludingwa yiMeneja kaMasipala, kumele -
sibalule uhlobo kanye nenhloso yomcimbi kanye nosuku, isikhathi kanye nobude bawo kanjalo nendawo ozokwenzelwa kumbe umgudu okuzohanjwa ngawo;
sibe namagama aphelele, amakheli, izikhundla, kanye nezinombolo zocingo zabasunguli, abanikazi, abahleli kanye nabaxhasi bomcimbi;
sinikeze imininingwane yabazoba yingxenye kanye nezikhulumi;
sinikezele ngemininingwane yezinsizakusebenza, imishini noma izimoto ezizosetshenziswa, kanjalo nezinsimbi zomculo, izikhulisamsindo, umsakazo kanye nokunye kokwandisa umsindo.
(4) IMenenja Kamasipala ingasenqaba isicelo esifakiwe ngokwesigatshana (1) uma inezizathu ezizwakalayo ezenza ikholwe ukuthi umcimbi ungahle uphethe ngokuthi ungahambisani nomthetho noma uphazamise umphakathi kumbe udale isiphithiphithi, ukulimala kwempahla, uhlupho, ukuvimbeleka kwabahamba ngezinyawo noma ukuhamba kwezimoto, ukuphazamiseka kwezindawo zomphakathi ezikhona endaweni noma ungahambisani nendlela yokuziphatha yomphakathi kumbe udale ubungozi kwezempilo nokuphepha komphakathi.
(5) Uma inikezela ngemvume ngokwesigatshanaa (1) iMenenja Kamasipala ingabeka imibandela kanye nemikhawulo uma ibona kunesidingo ukuvimba imiphumela echazwe esigatshaneni (4), kuhlanganisa nokuvimbela ukusetshenziswa kwanoma yiziphi izinsiza, imishini noma izimoto kumbe nanoma yini okukhulunywe ngayo esigatshaneni (3) (d), futhi ukuze kuqinisekiswe ukuthi ziyalandelwa izihlinzekelo zale Mithetho Kamasipala kanye neminye imithetho, kuhlanganisa nezidingo okumele zikhishwe-
isibambiso ukubhekelela ukulimala kwempahla yoMkhandlu kanye nempahla yomnikazi kanye nezindleko zokususwa kwezibi ezidalwe kumbe ezilahlwe ngesikhathi somcimbi.
inqubomgomo yezikweletu zomphakathi lapho umkhandlu kanye nabanikazi bempahla bengafaka isibizo sanoma yimuphi umonakalo odaleke empahleni ngesikhathi kumbe ngenxa yomcimbi kanye nokususwa kwezibi okudaleke kumbe ezilahlwe ngesikhathi somcimbi;
(6) Umfakisicelo ongagculisekile ngesinqumo seMenenja kaMasipala ngokwesigatshana (5) angadlulisela isikhalo sakhe kwiMeya ngokunikezela ngesaziso esibhalwe phansi esibeka izizathu zesikhalo esikhathini esiyizinsuku ezimbili zokusebenza ethole isaziso ngesinqumo. IMeya ngokuxoxisana namakhansela aqashwe ngokugcwele bayocubungula isikhalo bese bazisa iMenenja Kamasipala kanye nomfakisicelo ngesinqumo esithathiwe, futhi leso sinqumo siyoba ngujuqu.
(7) Nanoma iyiphi imvume ekhishwe ngokwalesi sigaba iyoncika esihlinzekelweni sesigaba 46 kanye no-53 soMthetho Wezokuvikeleka Kwangaphakathi, we-1982 (uMthetho No.74 we-1982) ngokwemvume yeMisebenzi Yezamaphoyisa eNingizimu Afrika.
(8) Noma ngubani oqalisa, obamba noma ohlela umcimbi okhishelwe imvume ngokwalesi sigaba owaphula noma ohluleka ukulandela imigomo noma imikhawulo ebekwe ngokwesigatshana (5) uyotholakala enecala.
(9) Nanoma ngubani okuthi esemcimbini noma ngesikhathi somcimbi kungakhathalekile ukuthi ikhishiwe imvume yawo ngokwalesi sigaba aphazamise noma enze icala kanye nohluleka kumbe owenqaba ukuhamba emva kokuba eseceliwe yiSikhulu Esigunyaziwe ukuba ahambe kumbe ecelwe yiPhoyisa uyotholakala enecala.
(10) Nanoma ngubani okuthi esemcimbini noma ngesikhathi somcimbi kungakhathalekile ukuthi ikhishiwe imvume yawo ngokwalesi sigaba oxwayiswa yiSikhulu Esigunyaziwe noma iPhoyisa ukuthi imvume ayikhishwanga noma imibandela kumbe imikhawulo enikeziwe ngokwesigatshana (5) ayilandelwanga futhi oyohluleka ukuhamba endaweni yomcimbi kumbe ukuyeka ukwenza abekwenza uma ecelwa ukuba ayeke, uyotholakala enecala.
UKUQOQWA KWEMALI EMIGWAQENI
Ukuqoqwa Kwemali Emigwaqeni
2.7.1 (1) Akukho muntu, ngaphandle komuntu oqokelwe lowo msebenzi yinhlangano yezenhlalakahle njengoba kuchazwe eSigabeni 1 soMthetho KaZwelonke Wezenhlalakahle, 1978 (uMthetho No.100 we-1978) noma izinhlangano ezisiza abantu abaswele ezikhululiwe ekubhaliseni ngokoMthetho okukhulunywa ngawo noma izinhlangano eziqongelela imali njengoba kuchaziwe eMthethweni Wezokuqongelelwa Kwemali, 1978 (uMthetho No.107 we-1978) ogunyazwe nguMkhandlu ukuthi ayalela ukuba kuqoqwe imali egameni loMkhandlu kunoma iyiphi indawo yomphakathi, oyoqoqa noma azame ukuqoqa imali kunoma iyiphi indawo yomphakathi.
(2) zonke izinhlangano zezenhlalakahle noma ezisiza abantu abaswele ezikhululiwe ekubhaliseni njengezinhlangano zezenhlalakahle noma eziqongelela imali ezifuna ukuthola igunya loMkhandlu kunoma ikuphi ukuqoqwa kwezimali egameni loMkhandlu kumele zifake isicelo esibhalwe phansi kwiMenenja Kamasipala bese kuthi leso sicelo sihambisane nale mibhalo elandelayo:
isitifiketi sayo sokubhalisa ngaphansi koMthetho Ka Zwelonke Wezenhlalakahle, 1978 (uMthetho No.100 we-1978) noma uMthetho Wezokuqongelelwa Kwezimali, 1978 (uMthetho No. 107 we-1978) noma isitifiketi sokukhululwa esikhishwe ngokwanoma yimuphi kule Mithetho, noma ezinye izichibiyelo ezifanele;
(b) Ikhophi yesitatimende sokusebenza kwezimali sonyakazimali odlule;
(c) Isitifiketi, esisayinwe usihlalo kanye nonobhala esinegama
likasikhwama.
(3) IMenenja Kamasipala, emva kokuthola leso sicelo, ingasivuma isicelo kumbe isenqabe. Uma isivumile, igunya liyonikezelwa ngaphansi kwale mibandela elandelayo:
ukuqoqwa kwemali kumele kwenziwe ngosuku noma ngezinsuku eziphakathi kwesikhathi esibalulwe egunyeni;
Imali eqoqiwe kumele ifakwe kuphela emabhokisini avaliwe oMkhandlu noma ahlinzekwe nguMkhandlu;
imali etholakale ngokuqoqa kumele idluliselwe kuSikhwama wesikhungo bese eyisebenzisela kuphela ukukhokha izindleko zokunakekelwa kanye nokuphathqa kwesikhungo;
akukho muntu oneminyaka engaphansi kweyishumi nesithupha oyoqokelwa lokhu kuqoqa;
UKUSETSHENZISWA KWEMISHINI EYIZIKHULISIMSINDO 
Izikhulisimsindo 
2.8.1 (1) Akukho muntu oyosebenzisa noma avumele ukusetshenziswa kombhobho, isandisimsindo kumbe nanoma yini enye ebangisa umsindo noma ukukhuliswa komsindo kunoma iyiphi indawo yomphakathi ngenhloso yokwenza isimemezelo, isikhangisi kumbe nanoma yini yalolo hlobo, engaqalanga ngokuthola imvume yoMkhandlu.
(2) UMkhandlu unganqaba ukunikeza imvume ngezizathu ezithile ezifanele uma ubona ukuthi ukusetshenziswa kombhobho, isandisimsindo noma enye into kungahle -
(a) kubange isicefe;
(b) kuthikameze noma kuphazamise ukuhamba kwezimoto kanye nabahamba ngezinyawo endaweni yomphakathi noma kulimaze kumbe kudale ukucasuka nokungakhululeki kunoma ngubani;
(c) kuphambane nendlela yokuziphatha kumbe isizotha somphakathi;
(d) kuphethe ngokuphazamisa umphakathi kumbe kudale isiphithiphithi noma kulimaze impahla, noma
(e) kuphazamise izindawo zomphakathi nokukhululeka komphakathi wonkana.
(3) uMkhandlu ungayihoxisa imvume uma kubonakala ukuthi ikhona yonke le mibandela ebaluliwe ku-(2).
ISAHLUKO 3
AMAGCEKE ABANIKAZI
UKUGCINWA NOMA UKUPHATHWA KWENDAWO YOKUDAYISA NGOMZIMBA
3.1.1. (1) Akukho muntu oyogcina noma asize ekugcinweni noma ekuphathweni kwendawo yokudayisa ngomzimba kunoma yimaphi amagceke endaweni.
(2) Akukho muntu, ongumnikazi, eqashile noma engohlalayo kunoma yimaphi amagceke endaweni oyovumela ngamabomu ukuthi lawo magceke noma ingxenye yawo kumbe igumbi elikuwo lisetshenziselwe ukudayisa ngomzimba noma libe yingxenye yokuqhuba lewo msebenzi.
(3) Akukho muntu, ongumnikazi wanoma yimaphi amagceke endaweni noma ongumelekeleli uyovumela ukuthi lawo magceke noma ingxenye yawo noma igumbi kusetshenziswe njengendawo yokudayisa umzimba ebe azi.
AMAGCEKE ABANIKAZI: IMISEBENZI EVAMILE 
Amagceke abanikazi
3.2.1 (1) Umuntu usuke enza icala uma ekunoma yimaphi amagceke- 
emba noma esusa inhlabathi noma enye impahla endaweni yayo mayelana nomngcele ohlukanisa amagceke noma umgwaqo kumbe indawo yomphakathi ukuze asuse okuseceleni okweseke amagceke kumbe lowo mgwaqo noma indawo yomphakathi okungaba umsuka wengozi empilweni noma empahleni;
(b) engumnikazi kumbe ohlalayo kulawo magceke evumela ukuthi ichibi, idamu, ithangi, idamu lokubhukuda, imbobo, umgodi, kumbe nanoma yisiphi isihlahla noma izitshalo ezikulawo magceke zisesimweni kumbe zingavikelekile ngendlela yokuthi zingadala ingozi yokungaphephi kubantu nasempahleni; 
(c) ebanga noma evumela nanoma yini esemagcekeni ukuba ikapakele ngaphandle emgwaqeni noma endaweni yomphakathi, ngaphandle kwasendawenni eklanyelwe imisebenzi yezimboni ngaphansi kohlelo lokuhlelwa kwedolobha, futhi kube ngendlela efanayo efanele indawo akuyo lawo magceke;
(d) engumnikazi kumbe ohlalayo emagcekeni, elahla, egcina noma edala, evumela ukulahlwa nokugcinwa kumbe ukunqwabelana kukadoti wempahla yasendlini engasasetshenziswa, imishini, izimoto noma izinto kumbe izihlahla noma izinsimbi ezilahliwe noma imfucuza kuze kubonakale emgwaqeni noma endaweni yomphakathi; 
echoma kumbe ebeka nanoma yini kulawo magceke ngaphandle kwemvume yomnikazi kumbe ohlalayo ngendlela esitha lawo magceke, kungaba ngokubhala ngoshoki, u-inki noma upende kumbe nanoma yini nje, ngaphandle uma egunyazwe ngumthetho ukwenza lokho. 
(2) ISikhulu Esigunyaziwe singayalela umuntu ophikisana nendima (c) noma (e) yesigatshana (1) ukuba asuse emagcekeni into ehlobene nalokho kuphikisana esikhathini esinqunyiwe kuthi uma ehluleka ukwenze njalo, kusebenze izihlinzekelo zeSigaba 2.3.2.
Imisebenzi yokuthuthukisa isiza neminye yokumbiwa komhlaba 
3.2.2 (1) Ngokwenhloso yalesi sigaba igama elithi “imisebenzi yokuthuthukisa isiza” lisho nanoma yimiphi imisebenzi yokumbiwa komhlaba emagcekeni engaphetha ngokuthi iguqule ngokuphelele izinga lanoma iyiphi ingxenye yengaphezulu lomhlaba akuwo amagceke. 
(2) Akukho muntu ongenza, abange noma avumele nanoma imiphi imisebenzi yokuthuthukisa isiza kulezi zindawo ezilandelayo ngaphandle uma eqale ngokuthola imvume ebhalwe phansi yeSikhulu Esigunyaziwe, esimweni esithinta isigatshana (2) (i) lapha ngaphansi, uMnyango Wezamanzi Namahlathi
(i) kunoma iyiphi indawo, enokuhlaselwa yizikhukhula ngenxa yokuvulelwa kwamanzi ngendlela eyaziwayo kanye nemingenela engeqile ebangeni eliyi-square kilometer ukusuka endaweni yesikhukhula okuyinto esivame ukwenzeka isikhathi esingaphezu konyaka kuya ngaphezu kwengama-50.
(ii) nanoma iyiphi ingxenye yendawo, ngaphandle kwendawo okukhulunywe ngayo endimeni (i) ngenhla, uma ukushitshwa kwezinga ngokuphelele okuphakanyisiwe kungaphezu kwama-1500mm.
(3) Umsebenzi wokuthuthukisa isiza ezindaweni okukhulunywe ngazo esigatshaneni (2) (ii) awudingi ukuthi kuqale kutholakale imvume ebhalwe phansi yeSikhulu Esigunyaziwe uma:
(i) ukushintsha kwezinga ngokuphelele kwanoma iyiphi ingxenye yengaphezulu lendawo kungekho ngaphezu kwama-1500mm, futhi
(ii) wonke amakhona akhiwe ngenxa yalokho kuthuthukiswa kwesiza noma ngabe asikiwe noma aphelele- kumele abe nengaphezulu elihle langeqa kuma-26° ukuvundla.
(4) Akukho muntu oyophakamisa kumbe ehlise noma avumele ukwenyuswa nokwehliswa, kokulingana kwephansi endaweni enesitamkoko ngaphandle kokuqala ngokuthola imvume ebhalwe phansi yoMkhandlu.
(5) Wonke umuntu odinga imvume yokwenza imisebenzi okukhulunywe ngayo esigatshaneni (2) no (4) ngenhla, kumele ahambise isicelo esibhalwe phansi, sihambe ngambili, eSikhulwini Esigunyaziwe kumafomu atholakala kuso.
(6) Ezimeni lapho kuphakanyiswe ukuqalisa umsebenzi wokuthuthukiswa kwesiza, noma imisebenzi yokumbiwa komhlaba okukhulunywe ngayo esigatshaneni (4), ngokuhlanganyela nemisebenzi yokwakha kanye neziphakamiso ezibhalwe ngokugcwele futhi zachazwa njengengxenye yesicelo sokwakha esenziwe ngokoMthethonqubo Kazwelonke Wezokwakha omiswe ngaphansi koMthetho Kazwelonke Wamazinga Nemithethonqubo Yezokwakha, 1977 (uMthetho No.103 we-1977) futhi leso sicelo sokwakha sivunyiwe, asikho esinye isicelo okumele senziwe kumbe kube nemali ekhokhwayo mayelana nale misebenzi yokuthuthukisa isiza, noma imisebenzi yokumbiwa komhlaba okukhulunywe ngayo esigatshaneni (4), njengoba kokhonjisiwe ohlelweni oluvunyiwe maqondana nesicelo sokwakha.
(7) Kuzo zonke izimo ngaphandle kwalezo okukhulunywe ngazo esigatshaneni (6), isicelo semvume kumele senziwe ngokwesigatshana (5) futhi leso sicelo kumele siphelezelwe yimali enqunyiwe kanye nale mibhalo elandelayo:
(i) amaqoqo amane aphelele emidwebo ekhombisa imininingwane egcwele yemisebenzi yokuthuthukiswa kwesiza ezokwenziwa ngokwesilinganiso sika-1: 100 noma isilinganiso esikhulu esingaba ngu-1:50; 1:20 noma 1:10;
(ii) amakhophi amane epulani yezakhiwo, ibe sesilinganisweni esingekho ngaphansi kuka- 1:500, ikhombise ulwazi olufanele njengoba lubekwe eNgxenyeni A yemithethonqubo okukhulunywe ngayo esigatshaneni (6);
(iii) eminye yale midwebo kumbe imininingwane njengoba kungafunwa yiSikhulu Esigunyaziwe, ngokwesicelo esingaphansi kwesigatshana (2) (i) iyobandakanya imininingwane yomphumela, uma ikhona, ukuthi umsebenzi ophakanyisiwe okumele wenziwe emiseleni yamanzi nalapho kugelezela khona amanzi ezikhukhula kwezinye izakhiwo
(8) Imali emayelana nesicelo ngokwalesi sigaba kumele inqunywe nguMkhandlu izikhathi ngezikhathi.
(9) Uma isicelo samukelekile, iSikhulu Esigunyaziwe kumele kuthi ngesikhathi sedlulisela isinqumo saso kumfakisicelo ngokubhalwe phansi, siphindisele amaqoqo amabili epulani yezakhiwo kanye nemidwebo yokusebenza.
(10) Uma isicelo senqatshwa, iSikhulu Esigunyaziwe kumele kuthi ngesikhathi sedlulisela isinqumo saso kumfakisicelo, sibalule izizathu zokwenqatshwa kwaso.
(11) Umnikazi wanoma yisiphi isiza esikhishelwe imvume ebhalwe phansi yokuthi kungenziwa kuso imisebenzi yokuthuthukisa isiza, nguyena oyoqinisekisa ukuthi umsebenzi uyahambisana nemvume ekhishiwe bese kuthi ezinsukwini eziyi-14 uqediwe lowo msebenzi azise iSikhulu Esigunyaziwe ukuthi umsebenzi usuqediwe.
(12) Noma yikuphi ukugunyazwa okukhishwe ngokwalesi sigaba kuyophelelwa yisikhathi uma umsebenzi ungaqalwanga ezinyangeni eziyisi-6, kusukela osukwini lokugunyazwa kokwenziwa komsebenzi noma ungaqedwanga ezinyangeni eziyi-12 kusukela osukwini lokugunyazwa.
(13) Uma imvume isiphelelwe isikhathi ngokwesigatshana (12) iSikhulu Esigunyaziwe nanoma ingasiphi isikhathi singanikeza umnikazi isaziso esibhalwe phansi simcela ukuba abuyisele isiza esithintekayo esimweni ebesivele sikuso esikhathini esiyobe sibalulwe esazisweni, leso sikhathi akumele sibe ngaphansi kwezinsuku ezingama-30 kusukela osukwini lokukhishwa kwaleso saziso, futhi lowo mnikazi kuyomele athobele leso saziso.
(14) Noma yinini uma kunokuthuthukiswa kwesiza okuningwe yisigatshana (2) kumbe nanoma imiphi eminye imisebenzi eningwe esigatshaneni (4) seyenziwe ngaphandle kokuqala kutholakale imvume ngokwalesi sigaba, kuyothathwa ngokuthi umnikazi womhlaba obekusetshenzwa kuwo nguye owenze lowo msebenzi, ngaphandle uma kunobufakazi obuphikisa lokho.
(15) esimweni sokwaphulwa kwalesi sigaba iSikhulu Esigunyaziwe, emva kokuba lowo muntu owephule umthetho ehluleka ukulandela imiyalelo yesaziso esimyalela ukuba alungise isimo, singenza konke okufanele ukuze lowo muntu enze njalo kanti uMkhandlu ungabuyisa zonke izindleko zokwenze njalo kulowo muntu.
QAPHELA: Uma kudingeka igunya loMkhandlu, umnikazi wesiza kumele njengokufuna koMkhandlu, aqinisekise ukuthi yonke imisebenzi yokuthuthukiswa kwesiza yenziwa ibhekelelwe ngunjiniyela ongungoti noma umuntu onekhono lokwenza umsebenzi futhi ogunyaziwe 
ISAHLUKO 4
IMPAHLA KAMASIPALA KANYE NEMPAHLA EYENGANYELWE NGUMKHANDLU
Amacala Avamile
4.1 (1) Umuntu usuke enza icala uma, maqondana nempahla yomkhandlu kumbe eyenganyelwe yiwo, kungaba ngegudlulekayo noma engagudluleki, kuhlanganisa nanoma yimuphi umgwaqo noma indawo yomphakathi-
evumela, noma ebanga ukuthi kwenziwe nanoma yini okungathi ngokubona koMkhandlu iholele ekugugulekeni kwesihlabathi;
evumela, edala ukuthi kwenziwe nanoma yikuphi ukunqunywa, ukususwa kumbe ukugxambukela kwezitshalo zemvelo, okungathi ngokubona koMkhandlu ziphethe ngokudala umonakalo noma ukuphazamiseka kwezitshalo zemvelo;
elahla nanoma yimuphi udoti noma imfucuza kumbe nanoma yiziphi izibi kulawo magceke;
elimaza ngamabomu kumbe ngobudedengu impahla noma ingxenye yayo; 
esusa nanoma yimuphi umhlaba, isihlabathi, ukhethe, ilitshe, utshani kumbe nanoma iyiphi enye impahla noma ingxenye yayo;
ephula, enquma, ecekela phansi kumbe esusa nanoma yiliphi ihlashana, izihlahla ezimfushane, isihlahla noma esusa igatsha, imbali, iqbunga kumbe nanoma yisiphi esinye isihlahla;
exhuma noma ebeka nanoma yini ngaphezulu noma eduze kwempahla kuhlanganisa nanoma yiluphi uqwmbe lwesikhangiso, amapheshana, izingqwembe zokuzwakalisa izikhalo noma amaphosta kumbe nanoma yini ekhonjiswayo, ebhaliwe noma ephrintiwe kumbe egaxiwe noma edlulele kunoma yini; 
ona nanoma iyiphi impahla kungaba ngokusebenzisa ushoki, u-inki noma upende kumbe esebenzisa nanoma iyiphi enye indlela;
ecisha nanoma yiliphi ilambu noma ukukhanya noma egudluza noma esusa nanoma yimuphi umgoqo, indawo ebiyelwe, uthango, ilambu, ukukhanya, isaziso noma uphawu;
emba umgodi noma ephazamisa ingaphezulu lalowo mhlaba;
egibela noma ehlala ngaphezu, eneka kumbe egxumeka nanoma yiyiphi impahla;
ebeka nanoma iyiphi impahla noma exhuma nanoma isiphi isakhiwo kulowo mhlaba;
engena kulowo mhlaba noma ehlala;
evumela, edala nanoma ngubani ukuba enze nanoma yisiphi isenzo kulezi esezishiwo;
ngaphandle uma ekwenza lokho ngelungelo elisemthethweni noma eqale wathola imvume yeSikhulu Esigunyaziwe ngokuhambisana nezihlinzekelo zanoma yimuphi umthetho: Uma nje kungekho okuqukethwe yiwo okuyovimbela umnikazi noma ohlalayo kulawo magceke ukuba atshale noma anakekele utshani noma izihlahla kuleyo ngxenye yonqenqema lo mgwaqo oluncike kulawo magceke inqobo nje kungeke kuthikamezeke indlela yezimoto, abahamba ngezinyawo kanye nenndawo yokupaka izimoto esemthethweni futhi utshani nezihlahla kunakekelwa ngendlela efanele kungakhuli kuze kube yisicefe. 
(2) Nanoma ngubani obekwe icala ngaphansi kwesigatshana (1) kuyomele akhokhele uMkhandlu izindleko zokukhokha okulahlekile noma okulimele uMkhandlu ongene kuzo ngenxa yokwenziwa kwalelo cala kanti futhi izindleko zokususwa kanye nokulahlwa kwanoma iyiphi impahla, into, noma isakhiwo esithintekayo ekwenziweni kwecala futhi ngenxa yalesi sizathu, kuyosebenza izihlinzekelo zeSigaba 2.3.2.
(3) ISikhulu Esigunyaziwe okukhulunywe ngaso esigatshaneni (1)-
singadinga ukuthi umfakisicelo asinikeze ulwazi olweseka isicelo kanye nesibambiso sezindleko zokususwa kwento leso sicelo esiqondene nayo kanye nokulungiswa kwanoma yimuphi umonakalo ongadaleka;
singabeka leyo mibandela noma imikhawulo uma sibona kunesidingo;
singenqaba nemvume uma sibona ukuthi isenzo esiqondene nesicelo singahle singabi semthethweni kumbe singaba yicala kunoma ngubani noma engxenyeni yomphakathi.
(1) Uma into ingasuswa ngokuhambisana nemigomo ebekwe ngokwesigatshana (3) noma uma lokho kususwa kugcina ngokulimala kwempahla, izindleko zalokho kususwa noma ukulungiswa komonakalo uMkhandlu uyozithatha kulowo muntu owanikwa imvume njengesikweletu uma kubonakala ukuthi isibambiso esikhishwe ngokwesigatshana (3) (a) asenele.
ISAHLUKO 5
IZINTO EZIWUHLUPHO: OKUVAMILE
Amacala
5.1.1 Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma endaweni yomphakathi kumbe nakunoma yimaphi amagceke enza noma ebanga uhlupho noma evumela ukuthi kube nento ewuhlupho endaweni elawulwa nguye: Ngaphandle uma lokhu okwenzekayo kungeke kuholele ekutheni lowo muntu agcine esenza izenzo ezisemthethweni lapho esebenzisa ilungelo lakhe noma enza umsebenzi.
IZINTO EZIWUHLUPHO: EMIGWAQENI NASEZINDAWENI ZOMPHAKATHI
Umuntu usuke enza icala uma esemgwaqeni noma esendaweni yomphakathi- 
edlala nanoma yimuphi umdlalo, noma evumela nganoma yisiphi isikhathi ukusetshenziswa kwezingqwembe ezinamasondo eziphushwa ngezinyawo ngendlela enobungozi noma ecasula abahlalayo kumbe abahamba ngezinyawo;
ebeka, eneka izingubo ngenhloso yokuzomisa kumbe enye into.
IZINTO EZIWUHLUPHO EMAGCEKENI
Ama-alamu avikela ukugqekeza
5.3.1. (1) Ohlalayo emagcekeni ane-alamu evikela ukugqekeza uyotholakala enecala uma iyoqhubeka nokubanga umsindo isikhathi esingaba yimizuzu eyishumi emva kokuba isicushiwe kanti leyo alamu iyothathwa njengebeleselayo ngokwenhloso yalesi sigatshana inqobo nje uma iqhubeka nokubanga umsindo nganoma yisiphi isikhawu ngale kokuqhamuka kwembangela entsha; Kuyoncika ekutheni kuzoba yisizathu esizwakalayo ngesikhathi secala uma efakazisa ukuthi wayengekho emagcekeni noma ukuthi umshini ozoshintshayo ofakwe kuleyo-alamu awusebenzi futhi kwakungaphezu kwamandla akhe, kwakungesibona ubudedengu.
(2) Uma i-alamu yokuvikela ukugqekeza ifakiwe emagcekeni, ohlalayo kulawo magceke, ngaphandle uma le ndlela yomshini okukhulunywe ngayo esigatshaneni (1) ifakiwe, kumele afake abuye anakekele isaziso esangweni lokungena emagcekeni esichaza igama nenombolo yocingo yabantu abakwazi ukungena emagcekeni zikhathi zonke ngenhloso yokuzocima i-alamu noma kuzomele ahlele ukuthi kube nendlela yokuzibikela kwe-alamu kubalawuli balo zikhathi zonke.
Izinto ezisebenza ngogesi ukukhipha umoya obandayo
5.3.2 Umnikazi noma ohlalayo engxenyeni yesakhiwo esifakwe noma onakekela abuye asebenzise into esebenza ngogesi ekhipha umoya obandayo kumele aqinisekise ukuthi leyo nto esebenza ngogesi ifakwe, yanakekelwa ngendlela ezovimbela-
ukudaleka komsindo, iphunga noma ukudledlezela okuyisicefe emphakathini, kuhlanganisa nanoma ngubani ohlalayo kuleso sakhiwo kanye nanoma yimaphi amagceke angomakhelwane;
ukuphuma noma ukudaleka kokuconsa kwamanzi okuyela emgwaqeni noma endaweni yomphakathi okungaba yisisusa sengozi noma isicefe emphakathini;
Izinto eziwuhlupho ngenxa yokusetshenziswa kwamagceke 
5.3.3 (1) Akukho muntu ohlalayo emagcekeni -
oyowasebenzisa ngenhloso;
oyobanga noma avumele ukusetshenziswa kwawo ngenhloso;
oyohlela noma avumele umsebenzi noma umcimbi ngaphandle kokugubha usuku lokuzalwa, umethembiso womshado, umshado noma imicimbi efana nayo eyenzeka kanye,
ophambana neziNgxenye Zohlelo Lokuhlelwa Kwedolobha noma okuthi ngokwesimo sawo noma nganoma iyiphi enye indlela kumbe ngesizathu semiphumela udale, okungenzeka udale isicefe, umsindo osezingeni eliphazamisayo; 
Ngaphandle uma kungekho okubaluliwe lapha okungavimbela umnikazi, ohlalayo ngokusemthethweni kuhlanganisa nalezo ezisethenziselwa ukuhlalisa abantu ekutheni azibandakanye nale misebenzi elandelayo:-
nanoma yisiphi isakhiwo esisemthethweni noma umsebenzi wenkontileka awenzayo noma awenzelwayo:
ukubamba iqhaza kunoma yimuphi umdlalo wokuzijabulisa noma umsebenzi obandakanya nanoma yini engeyakhe noma esetshenziwa nguye engadinga ukuba kusetshenziswe izinto ezisebenza ngogesi ezinjengomshini wokusika, umshini wokuxova udaka nokunye okunjalo inqobo nje uma ukusetshenziswa kwaleyo mishini esebenza ngogesi kungeke kuphazamise ukugqama kwesithombe sikamabonakude kunoma yimuphi umuzi noma amagceke angomakhelwane, nokuthi wonke umuntu kumele aqaphele ngayo yonke indlela ukuthi umsindo uyancishiswa ngesikhathi kusetshenzwa lowo msebenzi futhi akuhlobene nemisebenzi eyenziwa kwamanye amagceke noma kwenye indawo; 
Inqobo nje uma leso sakhiwo noma umsebenzi wenkontileka kanye nokusetshenziswa kwezinto ezisebenza ngogesi kulowo mdlalo wokuzijabulisa kuzokwenziwa ngala mahora kusukela ngelesi- 08:00 kuya kwelesi-18:00.
Inqobo nje uma kungekho sicefe noma umsindo ophazamisayo,
Kungavunyelwa ukuthi kuqhubeke ukusetshenziswa kunoma yimaphi amagceke omnikazi emva kwalezi zikhathi: kufakwa neMisombuluko kuya koLwezine ngo- 22:00; kanye
noLwezihlanu, Imigqibelo namaSonto- 00:00(Ebusuku)
(2) Nakuba sikhona isihlinzekelo somtheshwana kamasipala (1) indima 2 ngenhla, lapho iSikhulu Esigunyaziwe sibona ukuthi umuntu owenza umdlalo wokuzijabulisa uyayixhaphaza inkululeko anikwe yona ngokwendima noma sibona ukuthi kunokungahambisani nesigatshana (1), singayalela ohlalayo kulawo magceke kumbe nanoma ngubani okungumsebenzi wakhe kumbe obambe iqhaza ukuba athathe izinyathelo ezifanele njengoba sicacisa ukuvimba isicefe noma ukugwema ukudaleka kwesicefe noma uma lokhu kungaphumelela kuphela ngokuthi kumiswe lowo mcimbi ngesikhathi esinqunyiwe yiso. Uma umnikazi noma umuntu obhekele noma obambe iqhaza ekusetshenzisweni noma emcimbini ehluleka ukuthobela isaziso noma imiyalelo ayinikwa yiSikhulu Esigunyaziwe, leso sikhulu uma sinofakazi abazibonele ngokwabo leso sicefe kanye nokwehluleka ukuhambisana nemiyalelo, singakhipha isaziso ngokwesigaba 341 soMthetho Wenqubo Yamacala Obugebengu, 1977 (uMthetho No. 51 we-1977) sinike umnikazi, ohlalayo noma lowo obhekele.
Ukubaswa kwemililo
5.3.4 (1) Akukho muntu okuyothi kunoma yimaphi amagceke abase umlilo noma ashise kumbe azame ukushisa nanoma yiziphi izibi kumbe imfucuza noma utshani kumbe izitshalo ngale kokuqikelela ukuvimbela ukubhebhetheka komlilo okungalawuleki kumbe ukudaleka kohlupho, okungaba ngenxa yokwakheka komlotha, amalangabi ukushisa, intuthu kumbe nanganoma iyiphi indlela.
(2) Uma umuntu eqhubeka nokushisa nanoma yiluphi uhlobo lwento ngale kokuthatha izinyathelo zoqikelela ezichazwe esigatshaneni (1) ngenhla noma ngabe lokho kusha kulandela izikhalo ezifakwe eMkhandlwini, uMkhandlu, ngeSikhulu sawo Esigunyaziwe ,uyoba nelungelo lokungena kulezo zakhiwo okushiswa kuzo ukuze ucime umlilo bese ubeka icala umuntu othintekayo.
Ukulahlwa kwezidumbu zezilwane
5.3.5 (1) Akukho muntu oyongcwaba noma abeke nanoma yisiphi isidumbu sesilwane noma ingxenye ethile yaso endaweni okungavumelekile kuyo kumbe avumele ukuba kubekwe isidumbu sesilwane noma into efile kumbe nanoma yini ebolile kumbe engamukeleki emagcekeni akhe kumbe nanoma yikuphi noma ukuba kushiywe lapho kuze kubange isicefe.
(2) Esimweni lapho umuntu ehlulekile ukulahla nanoma yini engamukeleki noma ukungcwabs nanoma yisiphi isidumbu sesilwane, kuyomele ahlele noMkhandlu ukwenza lokho ngemali ethile enqunyiwe.
Ukususwa kokhula, kwezihlahla nesikhotha
5.3.6 (1) akukho muntu ongavumela ukuba utshani, izihlahla kumbe isikhotha, ukhula noma izihlahla zokufika okudaluliwe oHlwini loMthetho Wezokuthikamezeka Kwezinsizakusebenza Zezolimo, 1983 (uMthetho No.43 we-1983), kukhule kunoma yimaphi amagceke noma umhlaba ongenalutho olawulwa nguye. Nanoma ngubani, uma enikezwe isaziso esisayiniwe yiMenenja Kamasipala noma yiSikhulu Esigunyaziwe simyalela ukuba enze njalo, uyocekele phansi noma asike futhi asuse kumbe ayalele ukuba kususwe nanoma yibuphi utshani, izihlahla noma isikhotha, ukhula oludaluliwe noma izihlahla zokufika esikhathini esithile esizobe sishiwo esazisweni futhi nangendlela efanele njengoba kubalulwe eMthethweni Wezokongiwa Kwezinsizakusebenza Zezolimo, 1983 (uMthetho No. 43 we-1983)
(2) Uma lowo mnikazi noma ohlalayo ehluleka ukuhambisana nomyalelo wesaziso esibhaliwe uyotholakala enecala lokwephula le mithetho kamasipala futhi ngaphezu kwalokho uMkhandlu okukhulunywa ngawo uyothatha izinyathelo ezifanele oyobona zifanele ukuze uqhubeke egameni lalowo mnikazi noma ohlalayo okukhulunywa ngaye, nezidingo zesaziso futhi ukhokhe izindleko uzithatha kumniakzi noma ohlalayo okukhulunywa ngaye ngokuhambisana nohlelo lwentela yoMkhandlu.
Ukulawulwa komiyane, izimpukane, amagundane nezilokazane 
5.3.7 (1) Kumele kube ngumsebenzi wanoma yimuphi ohlalayo esimweni samagceke asetshenziswa kakhulu yiningi labahlalayo, umnikazi wamagceke, ukuvimbela ukwanda komiyane, izimpukane, amagundane kanye nanoma yiziphi ezinye izilokazana kanti lowo mnikazi kumbe ohlalayo owehluleka ukuhambisana nezihlinzekelo ezilapha uyothathwa njengowephule le mithetho kamasipala.
(2) Ohlalayo noma umnikazi wezakhiwo uma esenikezwe isaziso esisayinwe yiSikhulu Esigunyaziwe, kumele athathe lezo zinyathelo ezibaluliwe kuso mayelana nokususwa kwezimo eziholela ebukhoneni noma ekwandeni komiyane, izimpukane, amagundane kumbe nanoma yiziphi izilokazane esikhathini esibalulwe esazisweni.
(3) Uma ohlalayo noma umnikazi enqaba ukuthatha izinyathelo ezibalulwe esazisweni ngaphansi kwale mithetho kamasipala noma ehluleka ukwenza lokho esikhathini esibaluliwe, iSikhulu Esigunyaziwe singahlela ukuthi kuthathwe lezo zinyathelo bese kuthi izindleko zakho uMkhandlu uzibuyise ngokuzithatha kulowo muntu owanikezwa isaziso ngokulandela uhlelo lweNtela Yomkhandlu Enqunyiwe.
ISAHLUKO 6
Amacala, Izinhlawulo kanye Nokungathekisa
Ukungathekisa
6.1 (1) Uma isisebenzi somuntu ngesikhathi sisaqashiwe senza nanoma yisiphi isenzo noma sitholakala sinecala lokweqa umthetho okuyicala ngokwale mithetho kamasipala, umqashi naye uyothathwa njengosenzile leso senzo kumbe onecala lokweqa futhi uyobhekana nokukhokha inhlawulo ebalulwe esigabeni 6.2 ngaphandle uma eveza ubufakazi obugculisa iNkantolo ukuthi-
ekwenzeni leso senzo esiyicala lokweqa umthetho, isisebenzi esasenza singenalo ulwazi kumbe imvume yakhe;
kuthathwe zonke izinyathelo ezifanele ukuvimba leso senzo noma ukweqa okukhulunywa ngakho;
kwakungekho emandleni esisebenzi ukwenza leso senzo okukhulunywa ngaso.
Amacala Nezinhlawulo kanye Nokudluliswa Kwamacala 
6.2 (1) Izihlinzekelo zemithetho kamasipala yomkhandlu mayelana naMacala, Izinhlawulo kanye Nokudluliswa Kwamacala yikhona okuzosebenza kule mithetho kamasipala.
Ukungacwasi
6.3 (1) Kuyoncika esihlinzekelweni sesigatshana (2), akukho zihlinzekelo zale mithetho kamasipala ezizosetshenziselwa ukucwasa abantu ngokobuhlanga, inkolo, noma ubulili kumbe eziyothathwa njengezinomthelela ekugunyazeni lokho kucwasa kanjalo nelungelo lokugunyaza lokho kucwasa.
(2) Naphezu kwezihlinzekelo zesigatshana (1) ukucwasa ngokobulili kungagunyazwa ngokusobala ngokwanoma yiziphi izihlinzekelo zeMithetho Kamasipala enquma ukuthi kugqokwe izimpahla ezifanele endaweni yomphakathi kumbe ephoqa ukuthi ukungavunyelwa kokungena komuntu kunoma yiziphi izindlu zangasese zomphakathi.
Ukuchithwa kweMithetho kaMasipala/ Imithethonqubo
6.4 (1) Ingxenye RX yeMithethonqubo Elawula Izinto Eziwuhlupho yeBhodi Lezemisebenzi Nezentuthuko njengoba isetshenziswa ngaphansi kwendawo ebalulwe ngezansi angeke isasebenza kusukela ngosuku lokushicilelwa kwale mithetho kamasipala:-
Ingxenye RX – Indawo Esemthethweni: Stuartsville 
