UMkhandlu Kamasipala uBuhlebezwe wamukela le mithetho kamasipala elandelayo emhlanganweni wawo owawumhla ziyi– 10 kuMbasa wezi -2008 ngokwesigaba 156 (2) 
soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika (uMthetho No. 118 we-1998) ufundwa ngokuhambisana nesigaba 31(2) sezoHulumeni Basekhaya: uMthetho 
Wezinhlaka Zikamasipala, 1998 (uMthetho No. 117 we-1998) lapha ukhipha imithetho kamasipala exhunyiwe ngokwesigaba 13(a) sezoHulumeni Basekhay--a; uMthetho Wezinhlaka Zomasipala, 2000 (uMthetho No. 32 wezi-2000) eyoqala ukusebenza ngosuku lokushicilelwa kwayo kwiGazethi yesiFundazwe.
iMenenja kaMasipala
UMASIPALA UBUHLEBEZWE 
IMITHETHO EMAQONDANA NOKULAWULWA KWAMATEKISI NAMABHASI
1. UKUSEBENZA KWEMITHETHO KAMASIPALA
Le mithetho kamasipala iyosebenza kuwo wonke amatekisi noma amabhasi omphakathi asebenza endaweni elawulwa yiMikhandlu kaMasipala uBuhlebezwe kant futhi iqukethe lokhu:-
IKHASI
INGXENYE 1 IZINCAZELO YAMAGAMA……………………………..3
INGXENYE 2 UKUSUNGULWA NOKULAWULWA KWAMARENKI 
NEZITOBHI ZAMATEKISI KANYE/NOMA ZAMABHASI OMPHAKATHI ……………………………………..5 
Isigaba 1: Ukusungulwa Kwamarenki Nezitobhi zamatekisi kanye/noma
zamabhasi: ………………………………………5
Isigaba 2: Ukuklanywa Kwamarenki Amatekisi kanye/noma Amabhasi 
Nezitobhi Zamatekisi kanye/noma Zamabhasi……………...6
Isigaba 3: Ukuklanywa kwemingcele Emarenki Amatekisi kanye/noma 
Amabhasi:…………………………………………………...6
Isigaba 4: Ukwabiwa Kwamarenki Amatekisi noma Amabhasi:………6 Isigaba 5: Izikhathi Zokuma Kwamatekisi kanye/noma Kwamabhasi
Ezindaweni Zokuma Nasezitobhini…………………………6
Isigaba 6: Ukusetshenziswa Kwamarenki Amatekisi kanye/noma
Amabhasi Nezitobhi Okungekho Emthethweni…………….6 
Isigaba 7: Okubhekene noMkhandlu:…………………………………..7 Isigaba 8: Ukuvalwa Kwerenki Yamatekisi noma Yamabhasi:…………7
INGXENYE 3: IZIMVUME ZOKUSEBENZISA AMARENKI………….8 
Isigaba 9: Ukufaka Isicelo Sokusebenzisa Irenki Yamatekisi noma 
Yamabhasi…………………………………………………….8
Isigaba 10: Ukukhishwa Kwezimvume Zokusebenzisa Amarenki Amatekisi
Noma Amabhasi………………………………………………8
Isigaba 11: Izimvume Zokusebenzisa Amarenki Amatekisi noma Amabhasi 
Okumele Ziphathwe Nezimvume Eziyizigqebhezane Okumele 
Zikhangiswe:…………………………………………………..9
Isigaba 12: Ukuphelelwa Yisikhathi Nokuvuselelwa Kwezimvume 
Zokusebenzisa Amarenki:… 10
Section 13: Amandla Okuchitha Isicelo Esifakiwe noma Okwesula Imvume 
Yokusebenzisa Irenki Yamatekisi noma Yamabhasi:…………..10
Isigaba 14: Amandla Okugunyaza Ukufakwa Kwelinye Itekisi noma Ibhasi 
Esikhundleni Selinye:…………………………………………..11 
Isigaba 15: Ukwedluliselwa Kwemvume Yokusebenzisa Irenki Yamatekisi 
Noma Yamabhasi Kwelinye Itekisi noma Ibhasi: ……………...12 
INGXENYE 4: INDLELA YOKUZIPHATHA KWABASEBENZI/
KWABASHAYELI…………………………………………...12
Isigaba 16: Abashayeli kumele bahloniphe Imithetho Kamasipala Kanye
Nemiyalalelo Yezemigwaqo/ Ababhekeleli Bezomthetho noma 
yaMaphoyisa …………………………………….12
Isigaba 17: Ukuziphatha Okungavumelekile Emgaqweni Womphakathi noma
Erenki……………………………………………………………12
Isigaba 18: Ukukhangiswa Kwendawo Itekisi noma Ibhasi eliya Kuyo:……13 Isigaba 19: Ukuhlanzeka Kwetekisi noma Kwebhasi kanye Nerenki……….13
Isigaba 20: Umshuwalense:…………………………………………………13
INGXENYE 5: INDLELA YOKUZIPHATHA KWABAGIBELI:………….13
Isigaba 21: Ukugibela nokwehla etekisini noma ebhasini: …………………13
Isigaba 22: Imigqa NaBalawuli Bemigqa……………………………………14 
Isigaba 23: Ukukhokhwa kwezimali zokugibela: Umthwalo womgibeli 
ukukhipha imali yokugibela……………………………………..15 
INGXENYE 6: IZIMENENJA NABALAWULI BAMARENKI
Isigaba 24: Isidingo Sezimenenja/ Abalawuli Bamarenki
Isigaba 25: Iqhaza Lezimenenja/ Abalawuli Bamarenki 
Isigaba 26: Ukukhishwa Kwemenenja/ Komlawuli Werenki
Esikhundleni
INGXENYE 7: OKUVAMILE ………………………………………………………………………
Isigaba 27: Amalungelo Nokumele Kwenziwe Ngabagibeli 
Uma Itekisi noma Ibhasi lifa:…………………………………15
Isigaba 28: Izinto Eziyingozi noma Ezinengayo:…………………………15
Isigaba 29: Izilwane:………………………………………………………15
Isigaba 30: Izenzo Ezingavumelekile Etekisini noma Ebhasini:…………..16
Isigaba 31: Ukuziphatha Ngendlela Enobudlova noma Ehlambalazayo:….16
Isigaba 32: Kuyicala Ukucekela Phansi Impahla Kamasipala:…………….16 Isigaba 33: Amacala Nezigwebo…………………………….……………..16
2. UKUNGABANDLULULWA
(a) Ngenxa yokuhlinzekwe esigatshaneni (b) lapha, akukho kule mithetho kamasipala okuyosetshenziselwa ukubandlulula phakathi kwabantu ngenxa yobuhlanga, inkolo, ubulili, noma kuthathwe ngokuthi kugunyaza ukubandlula okunjalo.
(b) Phezu kwalokho okuhlinzekwe esigatshaneni (a) lapha, ukubandlululwa ngenxa yobulili kungagunyazwa nganoma yikuphi okuhlinzekwe yile mithetho kamasipala okuchaza ukugqokwa kwezimpahla ezifanele endaweni yomphakathi noma okubeka umkhawulo ekungeneni kwabantu ezindaweni zomphakathi zokugeza, ezindlini zangasese noma ezindlini zokukhumula noma ukubeka imigomo ethize eyahlukahlukene ngalezo zindawo.
INGXENYE 1
IZINCAZELO YAMAGAMA
Ngokwale Mithetho Kamasipala, noma iliphi igama elinencazelo enikezwe lona eMthethweni kaZwelonke Wezemigwaqo noma eMthethweninqubo Yezemigwaqo elivezwe lapha, liyokuba naleyo ncazelo nakule Mithetho Kamasipala. Uma kwenzeka kuba khona ukushayisana ezincazelweni, kuyosebenza izincazelo ezinikezwe eMthethweni kaZwelonke Wezemigwaqo we-1996 ( UMthetho No.93 we-1996). Ngaphandle uma ingqikithi isho okunye, amagama angezansi ayokuba nezincazelo ezilandelayo:-
“UMthetho” kusho uMthetho kaZwelonke Wezemigwaqo, 1996 (UMthetho No. 
93 we-1996);
“Isiphathimandla 
Esigunyaziwe”
Kusho umhloli wezinqola,ohlola namalayisensi okushayela, noma 
iSiphathimandla sezemigwaqo kanye nanoma yimuphi omunye 
umuntu obekwe nguNgqongqoshe Wezokuthutha ngokwesimiso
njengesiphathimandla esigunyaziwe, izikhathi ngezikhathi, kanti
kuyosho nesiphathimandla sezokuthutha njengoba kuchazwe
eMthethweni kaZwelonke Wezemigwaqo,1996 (UMthetho No. 93
we-1996); 
“UMthetho 
Kamasipala” kusho noma imuphi uMthetho owenziwe ngokweSigaba 80A
soMthetho kaZwelonke Wezemigwaqo, 1996 (UMthetho No. 93
we-1996) ofundwa kanye nesigaba 31 (2) soHulumeni Basekhaya:
UMthetho Wezinhlaka Zomasipala, 1998 (UMthetho No. 117 we-1998); 
“Imenenja
Kamasipala ” kusho isiphathimandla esiqokelwe kulesi sikhundla nguMkhandlu njengokufaneleyo nanoma yimuphi omunye umuntu ogunyazwe ukumbambela;
“Umkhaphi” kusho umuntu oqashwe njengomphelezeli obhekelele itekisi kanye / noma ibhasi ukuze aqoqe imali kanti futhi kuyobandakanya nalowo oqashelwe ukubhekelela leyo nqola uma ngabe kuyinqola enomuntu oyedwa;
“UMkhandlu” kusho uMkhandlu Kamasipala uBuhlebezwe kanti futhi kubandakanya nanoma ubani onikezwe amandla okusebenzela uMkhandlu;
“Umshayeli” kusho unoma ubani oshayela noma ozama ukushayela inqola ethutha umphakathi;
“Indawo yokuma” kusho indawo lapho kuma khona itekisi kanye / noma ibhasi 
phakathi kwezinkambo; 
“ Ibhasana” kusho uhlotshana lwebhasi, olwakhelwe noma oluguqulelwe ukuba luthuthe kuphela noma ikakhulukazi abantu abangaphezulu kwabayi-16 nabangaphansi kwabangama-35, behlezi ezihlaweni (kubalwa nomshayeli)
“Itekisi” kusho inqola ethutha umphakathi eyakhelwe kuphela noma ikakhulukazi ukuthuthwa kwabagibeli abangevile eshumini nesihlanu futhi abangekho ngaphansi kwabayisishiyagalolunye kubalwa nomshayeli esetshenziselwa ukuqashiswa noma inkokhelo futhi isebenza noma ihambela ukuqashwa nenkokhelo noma njengoba kuyobe kuchazwe ngumthetho oyobekwa ngokwemisebenzi engahambi ngokuhlelwa kwezikhathi ;
“Umnikazi Wetekisi” kusho umuntu obhekelel ukusebenza kwetekisi futhi obhalisiwe kuMabhalane wesifundazwe njengomnikazi wetekisi ngokulandela uMthetho kaZwelonke Wezemigwaqo;
“Irenki yamatekisi 
kanye/noma
Yamabhasi”
inoma iyiphi indawo ebekwe eceleni nguMkhandlu edwetshwe
omaka ngomaka wemigwaqo osemthethweni na-/noma ngezimpawu 
zemigwaqo bese ifakwa izinombolo ukuze isetshenziswe kuphela
ngamatekisi noma ngamabhasi akhangise ngezigqebhezane ezifanele 
zemvume 
“Imvume
Yokusebenzisa
Amarenki
Amatekisi noma
Amabhasi”
imvume ebhaliwe ekhishwa nguMkhandlu ukuze umnikazi
wetekisi noma webhasi akwazi ukusebenzela erenki ethize yamatekisi noma yamabhasi. 
“Isigqebhezane
Semvume 
Yokusebenzisa Irenki
Yamatekisi noma
Yamabhasi”
Isigqebhezane esikhishwa nguMkhandlu esiveza inombolo 
yerenki engasetshenziswa yitekisi noma ibhasi eveza leso 
sigqebhezane semvume yokusebenzisa leyo renki yamatekisi
noma yamabhasi. 
“Isitobhi Setekisi 
Noma Sebhasi” yindawo ekhonjiswe ngomaka bomgwaqo abasemthethweni 
Kanye/noma izimpawu zomgwaqo, ezibekwe nguMkhandlu ukuze zisetshenziswe ngamatekisi noma ngamabhasi kuphela akhangise izigqebhezane zemvume ezifanele zokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi, ukugibeza noma ukwehlisa abagibeli kuphela kanti futhi kayisiyona indawo yokuma izimoto noma yokulindela izinto zokugibela;
“Isikhulu 
Sasemaphoyiseni” kusho ilungu loPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika noma lowo omlandelayo ngokwesikhundla;
“Ibhasi
Lomphakathi 
noma Ibhasi” kusho inqola ethutha umphakathi eyakhelwe kuphela noma ikakhulukazi ukuthutha abagibeli abevile kwabayi-15 esetshenziselwa ukuqashishiswa inkokhelo ngokomsebenzi ohlelelwe izikhathi futhi enemvume yethuthi Emgwaqeni Womphakathi ekhishwa yiBhodi Yangaphakathi Yezokuthutha Emgwaqeni emzileni esendaweni elawulwa nguMkhandlu ngokugcwele noma ngokungagcwele. 
INGXENYE 2
UKUSUNGULWA NOKULAWULWA KWAMARENKI AMATEKISI/ AMABHASI KANYE NEZITOBHI
Isigaba 1: Ukusungulwa Kwamarenki Amatekisi kanye/ noma Amabhasi
Le mithetho kaMasipala izosebenza kuwo wonke amarenki amatekisi nawamabhasi kanye nasezitobhini, esibekwe eceleni noma ezobekwa eceleni nguMkhandlu ukuze isetshenziswe njengamarenki amatekisi kanye / noma amabhasi noma izitobhi zamatekisi kanye / noma zamatekisi avumelekile ukuwasebenzisa ngemvume yokusebenzisa amatekisi noma amabhasi ekhishwa ngokulandela le mithetho kamasipala.
Amarenki amatekisi namarenki amabhsai noma izitobhi kuyoba yilezo ezibekwe ohlelweni olulungiswe yisiphathimandla esinikezwe lowo msebenzi esiyilingu lomkhandlu njengoba luchitshiyelwe izikhathi ngezikhathi.
Isigaba 2: Ukuklanywa Kwamarenki Amatekisi kanye noma Amabhasi Nezitobhi Zamatekisi kanye / noma Zamabhasi
Ukubekwa eceleni kwamarenki amatekisi noma amabhasi nezitobhi ukuze kusetshenziswe ngamatekisi namabhasi kuphela kuyokwenziwa bese kubonakaliswa ngokugxumeka , ngokudweba omaka, noma ngokubeka kulezo zindawo (ngisho ngabe kuthiwa isemmgwaqeni womphaakthi noma cha), njengokuzoshiwo nguMkhandlu, izimpawu ezifanele zomgwaqo ezibekiwe yiZimiso ezenziwe ngokulandela uMthetho.
Isigaba 3: Ukuhlukaniswa Kwemingcele Emarenki Amatekisi noma Amabhasi
UMkhandlu ungahlukanisa ngokwemingcele indawo ethize noma izindawo ezithize, erenki ngayinye ngenxa yesizathu kumbe izizathu ezithize, njengokugibeza noma ukwehlisa abagibeli, indawo yokuma noma abahwebi abangekho ohlelweni olusemthethweni.
Isigaba 4: Ukwabiwa Kwamarenki Nezitobhi Zamatekisi noma Zamabhasi 
Amarenki asungulwe ngokwesigaba 1 ayosetshenziswa kuphela ngamatekisi noma amabhasi akhangise ngezigqebhezana ezisemthweni zemvume yokusebenza erenki yamatekisi noma yamabhasi ekhishelwa leyo renki yamatekisi noma yamabhasi,(inqobo nje uma lo mkhawulo ungeyukusebenza etekisini noma ebhasini, kuleyo ebambile noma kuleyo eshintshene nayo egunyazwe ngokwesigaba 14).
Izitobhi ezisungulwe ngokwesigaba 1 ziyokuba ngezifanayo kuwo wonke amatekisi noma amabhasi asebenzela kulowo mzila noma anikezwe umnikazi othize, usosesheni, umzila noma indawo lapho kuphokophelwe khona njengoba kuyobe kutshengisiwe ophawini lwezemigwaqo olubekwe kulezo zitobhi.
Isigaba 5: Izikhathi Zokuma Kwamatekisi kanye/ noma Kwamabhasi Ezindaweni 
Zokuma Nasezitobhini 
UMkhandlu , ngophawu olugxunyekwe erenki noma eduzane ungasho ubude besikhathi obuphezulu amatekisi namabhasi angasima erenki.
Akukho tekisi noma ibhasi eliyovunyelwa ukuma esitobhini setekisi noma sebhasi isikhathi eside kunaleso esinesidingo sokuma bese kulayishwa abagibeli.
Akukho tekisi noma ibhasi eliyovunyelwa ukuma ngenkathi lisemsebenzini, ngaphandle kwasendaweni yokuma edwetshwe umaka noma esitobhini. 
Isigaba 6: Ukusetshenziswa Kwamarenki Amatekisi kanye / noma Amabhasi
Nezitobhi Okungekho Emthethweni 
Umshayeli wetekisi noma webhasi onemvume yokusebenzisa irenki noma isitobhi ngaphansi kwale Mithetho kaMasipala kuphela oyodala noma avumele ukuba leyo nqola isebenzise leyo renki noma leso sitobhi nganoma yisiphi isikhathi (Inqobo nje uma lokhu kunqatshelwa kungeke kusebenze etekisini noma ebhasini, kuleyo eyibambele noma leyo eshintshene nayo okugunyazwe ngokweSigaba 14). 
Uyobe wephula umthetho lowo oyomosa itekisi noma ibhasi enikezwe isigqebhezana semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ngokwale Mithetho kaMasipala, uma ema kunoma iyiphi irenki noma isitobhi ngaphandle kwaleyo renki noma leso sitobhi anikezwe sona nesicacisiwe esigqebhezaneni semvume yokusebenzisa irenki ethize yamatekisi noma yamabhasi. 
Umshayeli wetekisi noma webhasi kuyoba nguye oyolokhu enake leyo nqola ngenkathi isekuleyo renki noma sitobhi..
Isigaba 7: Okubhekene Nomkhandlu 
UMkhandlu awuyikuba nacala mayelana:
Nokulahleka noma ukulimala kwqnoma iyiphi inqola, noma okuyingxenye yayo noma kokuphakathi, ebikade ipake noma ime kunoma isiphi isitobhi noma ebikade ingena idlula kumbe iphuma kunoma iyiphi irenki noma isitobhi.
Nokufa, ukulimala, ukukhubazeka noma ukulahlekelwa (kubakwa nokulahlekelwa okulandela kamuva) kwanoma ubani kunoma iyiphi irenki noma isitobhi .
Isigaba 8: Ukuvalwa Kwernki Yamatekisi noma Yamabhasi 
UMkhandlu uyokuba nelungelo lokuvala okwesikhashana noma iyiphi irenki esungulwe ngaphansi kwale Mithetho kanti, uma kunesidingo, unelungelo lokusungula enye irenki yesikhashana kwenye indawo esikhundleni saleyo. Lokho kuxvalwa kwesikhashana nokusungulwa kwenye kuyothathwa kanjalo emva kokuba kubekwe izaziso lapho noma eduze kwerenki leyo kanti futhi ngesikhathi salokho kuvalwa kwesikhashana noma isiphi isigqebhezana semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi esasikhishelwe leyo renki evaliwe siyothathwa njengesisemthethweni ekusetshenzisweni kuleyo renki eyobe esikhundleni senye.
Akukho malungelo alowo onemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ngaphansi kwale Mithetho ayovimbela uMkhandlu ekutheni uvale noma ususe unomphelo noma iyiphi irenki esungulwe lapha noma ngenkathi kushicilelwa le Mithetho. Inqobo nje kodwa uma kukhekho renki eyovalwa noma isuswe unomphela kuze kube kuphela isikhathi esingangezinyanga ezintathu sesaziso esibhaliwe salabo abanezigqebhezana ezisebenzayo ngaleso sikhathi ezikhishwe ngokwale Mithetho, ngaphandle uma kunesimo esiphuthumayo, kanti futhi zonke izimali esezakhokhwa ziyobuyiswa kulandelwa indlela ebala ngokwesikhathi esisetshenziwe .
INGXENYE 3:
IZIMVUME ZOKUSEBENZISA AMARENKI
Isigaba 9: Ukufaka Isicelo Sokusebenzisa Irenki Yamatekisi noma Yamabhasi 
Umnikazi/ umbhekeleli uyofaka isicelo sokusebenzisa noma iyiphi irenki yamatekisi noma yamabhasi ngokubhala incwadi eya kuMenenja kaMasipala. Leso sicelo siyofakwa ngefomu loMkhandlu elisemthethweni..
Onke amatekisi noma amabhasi afakelwe isicelo semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi kuyomele abe nalokhu:-
Isitifiketi esisemthethweni sokuba nempilo{certificate of fitness} (COF);
imvume yeLRTB noma imvume yokwenza umsebenzi ngokulandela izimiso zoMthetho Wezokuthutha Emgwaqeni noma ngokwanoma imuphi umthetho ongena esikhundleni salowo;
igama nekheli lomnini elibhalwe ngendlela ecacile nezohlala isikhathi eside, ngasohlangothini lwangasobunxele enqoleni;
indawo okuphikelelwe kuyo ngaphambili;
ubufakazi bokubhaliswa noMabhalane Wesifundazwe uma kufanele;
inani labantu abathwalwa yileyo nqola kumele libe sibala
Imali ekhokhwayo ebekwe futhi ebukezwa nguMkhandlu izikhathi ngezikhathi iyokhokhwa maqondana nemvume ngayinye yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi, inqobo nje uma kuzothi lapho imvume yokusebenzisa irenki entsha yamatekisi noma yamabhasi, isamba siyobalwa kulandelwa indlela ebala ngokwesikhathi esisiele sokusebenzisa irenki kulowo nyaka, okuzobalwa kusukela enyangeni eseduzane..
Isigaba 10: Ukukhishwa Kwezimvume Zokusebenzisa Amarenki Amatekisi noma 
Amabhasi 
Ukunikezelwa kwezimvume zokusebenzisa amarenki amatekisi noma amabhasi kungumsebenzi woMkhandlu, okungaba nemigomo ethize ebalulekile mayelana nenqola efana nalena: 
Ukunqumela noma iyiphi inqola ukuba ifakele abantu endaweni ethize ekhethekile noma endaweni ethize yokuma;
Ukufaka imikhawulo ethize yamahora okungasetshenziswa ngawo irenki;
Ukusho inombolo ethize yezinqola ezingasebenzisa ingxenye ethize yerenki; 
Ukucacisa umzila okumele usetshenziswe yitekisi noma ibhasi elithize; 
Noma isiphi esinye isimo sokuqinisekisa ukwabiwa ngendlela kwerenki noma ukuvikela ukuphazamisana nokuminyana kwezinqola nabagibeli noma ukuqinisekisa ukulawuleka kahle kwezinqola.
Uma isicelo sokusebenzisa irenki sivunyiwe; umfakisicelo kumele anikezwe imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi kanye nesigqebhezana semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi esinenombolo esakhiwe ngendlela evunywe nguMkhandlu, abeke ngaphambili inombolo yetekisi noma yebhasi nenombolo yerenki kanye nencazelo yokuthi ivunyelwe ukusebenza kuphi. 
Imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi engabelwe indawo ezinyangeni ezi-3 iyophelelwa yithuba lokusebenza, ngaphandle uma kufakwe isicelo sokwengeza isikhathi esivunyiwe nguMkhandlu. Imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi iyosebenza isikhathi esithize esibhalwe kuyo. 
Imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ekhishwe ngokwale Mithetho kaMasipala ngeke idluliselwe komunye umuntu ngaphandle uma uMkhandlu unikeze imvume ebhaliwe. 
UMkhandlu ngokuzinqumela kwawo, unganikeza esinye isigqebhezana semvume esikhundleni saleso esilahlekile noma esenzekelwe umonakalo emva kokukhokhwa kwemali eyisamba esithize esinqunywe ngokwesiphakamiso soMkhandlu, nangasemuva kokuvezwa kwencwadi efungelwe eveza imbangela yalokho kulahleka noma ukudaleka komonakalo..
Isigaba 11: Izimvume Zokusebenzisa Amarenki Amatekisi noma Amabhasi Okumele Ziphathwe kanye Nezimvume Eziyizigqebhezane Okumele Zikhangiswe.
Imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi kumele iphathwe ngaso sonke isikhathi etekisini noma ebhasini eyayikhishelwe lona. Umshayeli waleyo nqola kumele aveze leyo mvume yokysebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi uma kucela isiphathimandla Esigunyaziwe noma Isisebenzi Sasemaphoyiseni. Ukwehluleka ukukhipha leyo mvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi kuyodala ukuba umshayeli abekwe icala. 
Isigqebhezana semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ekhishwe ngokweSigaba 10 sale Mithetho kaMasipala siyohlale ngaso isikhathi sikhangiswe ngakwesobunxele sewindi langaphambili letekisi noma lebhasi esasikhishelwe lona. Ukwehluleka ukukhangisa leso sigqebhezane semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi, njengoba kusho lo mthetho kamasipala, kuyodala ukuba umshayeli, umbhekeleli nomnikazi waleyo nqola abekwe icala. 
Isigaba 12: Ukuphelelwa Yisikhathi Nokuvuselelwa Kwezimvume Zokusebenzisa 
Amarenki Amatekisi noma Amabhasi
Akukho mvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi eyosebenza ngaphezu kwesikhathi esingangonyaka.
Imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ekhishwe ngokwale Mithetho kaMasipala iyophelelwa yisikhathi ngosuku lokugcina kuZibandlela unyaka nonyaka. Izicelo zokuvuselelwa kwemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi zingafakwa eMkhandlwini ngaphambi kosuku lokuqala kuZibandlela unyaka nonyaka ngendlela efanayo njengoba kushiwo eSigabeni 9 sale Mithetho kaMasipala.
Akukho sicelo sokuvuselelwa kwemvume yokusebenzisa irenki yamatekis noma yamabhasi esiyokwamukelwa ngemuva kwezinyanga ezi-3 yaphelelwa yisikhathi ngaphandle uma kwakufakwe isicelo esibhaliwe sokwengezelwa isikhathi esemukelwa nguMkhandlu.
Isicelo sokuvuselelwa kwemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi engavuseleliwe ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi, singathathwa njengesicelo esisha ngokuzinqumela koMkhandlu.
Isigaba 13: Amandla Okwenqaba Isicelo Esifakiwe noma Okwesula 
Imvume Yokusebenzisa Irenki Yamatekisi / Yamabhasi 
UMkhandlu unegunya lokwesula noma lokunqaba ukuvuselela noma ukunikeza imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi uma:
izitifiketi ezikhulula leyo imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi eqondene nayo ukuba ihambe emgaqweni isuliwe noma ihoxisiwe;
imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi yanikezwa yize umfakisicelo wayenikeze imininingwane okungesiyo;
umbhekeleli wetekisi noma webhasi etholakale enamacala amaqondana noMthetho Wezemigwaqo noma amaqondana neMithetho kaMasipala esho ukuthi akakulungele ukusebenza emkhakheni wezokuthuthwa komphakathi;
isicelo sokuvuselelwa kwemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi singafakiwe ngaphambi kokuba iphelelwe yisikhathi;
Kungekho sikhala esikhona setekisi noma sebhasi.
Umshayeli wenqola eqondene naleyo mvume engenayo ilayisensi yokushayela inqola engangaleyo ayishayelayo noma engenayo imvume yabashayeli esemthethweni njengoba kuhlinzekiwe eMthethweni Wezemigwaqo kaZwelonke, 1996 (UMthetho No. 93 we-1996) 
Inqola ingenawo umshuwalense njengokusho kwesigaba sama-20
Ukwesulwa noma ukumiswakwemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ngokwalesi sigaba ngeke kunike umnikazi igunya lokubuyiselwa imali ethize mayelana naleyo ayikhokha.
Isigaba 14: Amandla Okugunyaza Ukufakwa kwenye Itekisi noma Ibhasi
Esikhundleni Selinye 
Uma nganoma isiphi isikhathi itekisi noma ibhasi elinikezwe imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi liyokhandwa, noma uma ngenxa yanoma isiphi isizathu umnikazi efisa kanjalo, uMkhandlu ungagunyaza ukufakwa esikhundleni saleyo tekisi noma ibhasi enye itekisi noma ibhasi, okungaba okwesikhashana noma kuze kube ukuthi kuphela isikhathi semvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi, inqobo nje uma kungukuthi umnikazi wemvume lowo kungumnikazi wetekisi noma webhasi futhi eseyikhokhile imali yokuphathwa kwehhovisi enqunyiwe njengokwesiphakamiso somkhandlu. Lowo onemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi kuyomele abuyise imvume endala ukuze akwazi ukuthola entsha, inqobo nje uma kuyothi lapho kulahleke khona imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi, alethe incwadi efungelwe. 
Ngisho noma ngabe okuhlinzekwe yile Mithetho kaMasipala kuthini, uMkhandlu ungagunyaza lowo onemvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi ukuba ashintshanise itekisi noma ibhasi eliqondene naleyo mvume ngananoma iyiphi enye itekisi noma ibhasi lohlobo olufunayo okungelakhe noma olilungu likasosesheni ofanayo nanoma imvume anikezwe yona yenqola ehamba emgaqweni ngokoMthetho Wezokuthutha Emgaqweni, we-1977 uvumela leyo tekisi noma lelo bhasi ukuba lishintshaniswe inqobo nje uma isibalo esiphelele samatekisi noma samabhasi okungawalowo onemvume futhi osebenzisa noma iyiphi irenki yamabhasi noma yamatekisi noma ngaluphi usuku singeke seqe esibalweni sezimvume zokusebenzisa irenki anikezwe zona maqondana naleyo renki noma yamabhasi. .
Isigaba 15: Ukwedluliselwa Kwemvume Yokusebenzisa Irenki Yamatekisi noma Yamabhasi
Kuya ngokuhlinzekwe yisiGaba -9 no-10, okungaba noshintsho uma kunesidingo, imvume esebenzayo yetekisi noma yebhasi ingadluliselwa kwenye itekisi noma ibhasi ngaphandle kokukhokhwa kwenye imali uma ngabe umnikazi efake isicelo eMkhandlwini futhi uMkhandlu wasamukela, bese kuthi leyo mininingwane igxivizwe kwimvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi, imvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi iyothathwa kukho konke okumayelana nale mithetho kamasipala njengekhishwe maqondana naleyo renki yamatekisi noma yamabhasi edluliselwe kuyo. 
INGXENYE 4
INDLELA YOKUZIPHATHA KWABASEBENZI / KWABASHAYELI
Isigaba 16: Abashayeli kumele bahloniphe iMithetho KaMasipala kanye nemiyalelo yeSikhulu Esigunyaziwe noma yaMaphoyisa.
Umshayeli noma omunye umuntu oshayela itekisi noma ibhasi uyosebenzisa amalungelo awanikezelwe yimvume yokusebenzisa irenki yamatekisi noma yamabhasi egunyaza leyo nqola ukuba isebenzise amarenki athize kanye/ noma izitobhi ngokuqaphela amalungelo kanye nokubhekeleleka kwabagibeli kanye namanye amatekisi noma amanye amabhasi agunyaziwe ukuba asebenzise irenki, kanti futhi kubekwa eceleni lokho okushiwo yile Mithetho kaMasipala, bayohlonipha yonke imiyalelo esemthethweni noma izimpawu ezinikezwa yiSikhulu Esigunyaziwe noma iPhoyisa.
Kule Mithetho kaMasipala, Izikhulu Ezigunyaziwe noma aMaphoyisa ziyagunyazwa lapha ukuba zinikeze leyo miyalelo noma lezo zimpawu, eziyobe zinesidingo ukuze kugwemeke ukuphazamiseka nokuminyana kwezinqola noma abagibeli ukuze futhi kulawuleke kahle izithuthi erenki noma eduze kwayo. 
Isigaba 17: Ukuziphatha okungekho emthethweni Emgaqweni Womphakathi
Noma Erenki
Akukho mshayeli noma umuntu olawula nanoma iyiphi itekisi noma ibhasi oyoma emgaqweni womphakathi, ezindaweni ezinawo amarenki nezitobhi zamatekisi noma zamabhasi, ngokwezizathu zokuliqashisa, ukugibeza nokwehlisa abagibeli noma ukuvumela noma imuphi umgibeli noma lowo ofisa ukugibela ukuba agibele noma ehle kulelo bhasi ngaphandle kwaserenki noma esitobhini esisungulwe ngokwale mithetho kamasipala ezindaweni lapho izindawo ezinjengalezi zikhona maduze nomgwaqo;
Akukho muntu oyohamba efuna abagibeli ebabelesela noma ebancengela nanoma iyiphi itekisi noma ibhasi ngokulokhu ehla enyuka, ebamemeza, epipiza noma esebenzisa noma iyiphi indlela. 
Akukho muntu oyoqhuba itekisi noma ibhasi emgaqweni ngendlela ebanga umsindo omkhulu ongagwemeka ngokwenza ngendlela enokukhathalela abanye. 
Akukho muntu oyogeza itekisi noma ibhasi kunoma yimuphi umgwaqo noma irenki engaphansi koMkhandlu ngaphandle uma kuyindawo ebekwe nguMkhandlu ngokuthanda kwawo ukuthi ngeyokugeza izimoto.
Akukho muntu oyokhanda noma yiyiphi itekisi noma ibhasi kunoma yimuphi umgwaqo womphakathi, erenki noma indawo engaphansi koMkhandlu inqobo nje uma lo Mthetho kaMasipala ungeke ukuvimbele ukulungiswa kwezinto ezincane ezidalwe ukuma kwesikhashana kwetekisi noma kwebhasi obekungalindelekile ngenhloso yokulungisa leyo nqola.
Isigaba 18: Ukukhangiswa Kwendawo Itekisi noma Ibhasi eliya Kuyo 
Uma ibhasi liya erenki yalo esemthethweni yamatekisi noma yamabhasi, umshayeli walo uyokhangisa ngendawo eliya kulo ngokucacile efasiteleni elingaphambili laleso sithuthi
Isigaba 19: Ukuhlanzeka Kwetekisi noma Kwebhasi kanye Nerenki 
Noma ubani oshayela noma iyiphi itekisi noma ibhasi endaweni engaphansi koMkhandlu uyogcina leyo nqola isesimweni esihlanzekile futhi ibukeka kahle, iphilile. 
Bonke ososeshini abasebenzela erenki ethize yamatekisi noma yamabhasi kuyoba ngumthwalo wabo ukugcina leyo renki ihlanzekile.
Isigaba 20: Umshuwalense 
Umnikazi noma umbhekeleli wetekisi noma webhasi uyothatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli kanye nempahla ngokuthi afakele umshwalense leyo nqola, ngaphambi kokuba kukhishwe imvume yokurenka, futhi uyoveza isiqinisekiso uma umkhandlu usidinga. 
INGXENYE 5: INDLELA YOKUZIPHATHA KWABAGIBELI 
Isigaba 21: Ukugibela nokwehla etekisini noma ebhasini 
Wonke umgibeli uyogibela noma ehle etekisini noma ebhasini ngomnyango ohlinzekiwe.
Akukho oyogibela etekisini noma ebhasini kuze kube wonke umuntu ofisa ukwehla etekisini esenze njalo.
Kuyoba yicala uma umuntu engena noma ezama ukungena kunoma iliphi itekisi noma ibhasi elithwele abagibeli abalinani eligunyaziwe labantu abangathwalwa yilelo tekisi noma ibhasi.
Emizileni ehlinzekwe ngamarenki nangezitobhi, akukho muntu oyogibela kumbe azame ukugibela, noma oyokwehla kumbe azame ukwehla etekisini noma ebhasini noma ilaphi emgwaqeni ngaphandle kwasendaweni eklanywe njengesitobhi noma njengerenki yamatekisi noma yamabhasi, uma izitobhi noma amarenki amatekisi/ amabhasi ekhona eduze komgwaqo.
Akukho muntu oyogibela noma azame ukugibela, ehle noma azame ukwehla etekisini noma ebhasini ngenkathi leyo nqola isahamba. 
Isigaba 22: Imigqa NaBalawuli Bemigqa 
Kunoma iyiphi irenki yamatekisi noma yamabhasi esungulwe ngokwale mithetho kaMasipala, uMkhandlu ungagxumeka noma wenze ukuba kugxunyekwe izimpawu zemigqa ezinezingqwembe zezaziso ezikhombisa indawo nendlela abantu abalinde ukugibela itekisi noma ibhasi okumele bame kuyo ukuze kumeke umugqa okungenzeka ukuba lolo phawu aluhlinzekiwe ngezivimbo eziwuhlobo lwensimbi noma imigqa edwetshwe phansi endaweni eklanyelwe ukuba kumiwe kuyona.
Abantu abahlose ukugibela noma iyiphi inqola kunoma iyiphi indawo yokugibela noma kunoma iyiphi indawo yokuma okugxunyekwe kuyo izivimbo bayoma umugqa endaweni futhi kusukela endaweni lapho kutshengiswe khona ukuthi leyo nqola izosukela khona. 
Lapho okungekho phawu olugxunyekiwe lomugqa abantu abalinde erenki noma esitobhini setekisi noma sebhasi noma eduze kwakhona belindele ukugibela itekisi noma ibhasi bayozimela bona umugqa ongeqi kwemibili eqondene, noma udwendwe olulodwa uma becelwa yiSiphathimandla esigunyaziwe noma Iphoyisa.
Abantu abame kulowo mugqa bayokwenza njalo njengokulandelana kwabo ekufikeni kwabo. Akukho muntu oyongena ngaphambi komunye emgqeni uma efike ngaphambi kwakhe.
Akukho muntu oyogibela noma iyiphi inqola kunoma iyiphi irenki yamatekisi noma yamabhasi noma endaweni yokuma ngaphandle uma emi emgqeni (ngaphandle uma bengekho abanye abantu abalindele ukugibela inqola), futhi akukho muntu oyothatha indawo engaphambi komuntu ofike kuqala kunaye.
Wonke umntu ome kunoma imuphi umugqa noma ogibelayo noma ofuna ukugibela noma iyiphi itekisi noma ibhasi kunoma iyiphi irenki yamatekisi noma yamabhasi osekumiwe kuyona umugqa uyolandela yonke imiyalelo enikezwa yinoma isiphi iSiphathimandla Esigunyaziwe noma iphoyisa elingakhona ukuze kulawuleke umugqa noma kugwemeke ukuphazamiseka ekuminyaneni kwezinqola nabahamba ngezinyawo.
Umlawuli womigqa osebenza kunoma yiyiphi irenki kumele abonakale ngokucacile kanti futhi kumele aveze igama lakhe ngokusobala empahleni ayigqokile ngezansi kwehlombe lakhe langakwesobunxele.
Umlawuli wemigqa kuyomele enze umsebenzi wakhe ngobunono nangenhlonipho futhi akhombise ukuzithoba kubo bonke abagibeli.
Lapho umlawuli womugqa elawula ukungena etekisini noma ebhasini, kuyomela angavumeli ukuba kugibele isibalo esingaphezulu kwaleso esivumeleke kuleyo nqola. 
Isigaba 23: Ukukhokhwa kwezimali zokugibela: Kungumthwalo womgibeli
ukukhipha imali yokugibela 
Wonke umgibeli uyokhokha imali yokuhamba esemthethweni. 
INGXENYE 6: IZIMENENJA ZAMARENKI
Isigaba 24: Isidingo Sezimenenja Zamarenki
Amarenki amatekisi/ amabhasi angaphansi kukamasipala ayimpahla yomkhandlu, futhi lapho kungumbono kasosheni owodwa noma abangaphezulu, irenki yamatekisi ingaba nemenenja yerenki, umkhandlu, emva kokuxhumana nabo bonke ososesheni kanye nabanye ababambiqhaza abasebenzisa leyo renki, unganquma ukuba sikhona yini isidingo sokuqokwa kwemenenja yerenki.
Umkhandlu udinga le mininingwane elandelayo ebhalwe ngaphansi maqondana nokuqokwa kweMenenja Werenki ukuba ilethwe nguSosesheni Wamatekisi/ Inkampani Yamabhasi: 
(a) Igama likaSosesheni noma iNkampani Yamabhasi;
(b) Amagama aphelele oMphathisihlalo noma omnikazi;
(c) Iminingwane yokuxhumana: Ucingo nekheli; 
(d) Igama lerenki efakelwe isicelo;
(e) Amagama aphelele alowo okuhlongozwa ukuba abe yiMenenja Yerenki;
(f) Inombolo kamazisi walowo okuhlongozwa ukuba abe yiMenenja Yerenki;
(g) Inani lamatekisi noma lamabhasi agunyaziwe asebenzisa leyo renki;
Amagama nenani labanye ososesheni/ izinkampani zamabhasi ezisebenzisa leyo renki;
Izizathu zikasosesheni/ zabanikazi eziphelele ezibangela ukuba bafune imenenja yerenki ekhethwe ibona;
Isibophezelo esisayiniwe sikasosesheni noma somnikazi esithi usosesheni/ umnikazi kanye nemenenja yerenki, uma eqokwa, uyolandela imigomo enqunywe ngumkhandlu ekwamukeleni lokhu nokuthi lezo zimenenja angeke zigxambukele emisebenzini, ezinqoleni, kubashayeli, kubagibeli nakulabo abasemahhovisi abanye ososesheni/ abanikazi ngaphandle uma enza imisebenzi yakhe, futhi angeke adale ukungezwani phakathi kwalabo ababaluliwe phambilini. 
Imvume yomkhandlu angeke ivinjelwe kungenasizathu.
Isigaba 25: Iqhaza Lezimenenja Zamarenki 
Nanoma iyiphi iMenenja Yerenki eqokwe ngokwalesi sigaba;
(a) Iyolawula ukungena nokuphuma erenki, kwanoma iyiphi itekisi noma ibhasi esebenzisa irenki ukuqinisekisa ukuthi akukho ukuminyana okudalekayo kulezo zindawo zokungena nokuphuma, nanoma yikuphi ngaphakathi erenki;
Iyolawula, ngokunezizathu ezibonakalayo, ukuziphatha kwabantu ngaphakathi erenki;
Iyokhombisa umuntu ofisa ukugibela itekisi noma ibhasi ukuthi atholakala kuphi amatekisi noma amabhasi afunwa yilowo muntu;
Iyofaka inani labagibeli eliyisibalo esiphezulu esamukelekile ngokusemthethweni kunoma iyiphi itekisi noma ibhasi, ingavumeli ukuba kungene isibalo eseqile;
Iyozama ukuba ngumlamuli kunoma iyiphi ingxabano noma ukungezwani phakathi kwabahwebi, abahamba ngezinyawo, abagibeli noma abashayeli maqondana nesabelo noma nokusetshenziswa kwendawo ethize erenki, uma lokho kungaphumeleli, ixhumane nesiPhathimandla Sezemisebenzi Yokuvikela leso sigameko futhi ibuyisele izinto esimweni;
Ngaphandle kokuzifaka engozini, iyozama ukunqunda abashayeli, ababhekeleli, noma abagibeli ukuba bangaphathi izikhali, futhi abike izigameko ezimayelana nezikhali eMaphoyiseni aseNingizimu Afrika noma kwiSiphathimandla Esigunyaziwe.; 
Iyoqinisekisa ukuthi imigqa emiwe ngabagibeli abalindele ukugibela amatekisi noma amabhasi imiwe ngokulandelana, noma yikuphi kulokho okushiwo esigabeni sama-22 sale mithetho kamasipala;
Iyoqinisekisa ukuthi imigqa imiwe ngendlela eshiwo nguyena endaweni eshiwo nguyena;
(i) Iyoqinisekisa ukuthi noma obani abasemgqeni abaphazamisi abanye abasebenzisa irenki futhi abavimbi indlela, unqenqema lapho kuhamba khona abantu noma izitubhi bese kuvimbela abanye abahamba ngezinyawo noma abagibeli bangakwazi ukusebenzisa lokho;
Iyoqinisekisa ukuthi abantu abasemgqeni bagibela itekisi noma ibhasi labo ngendlela ehlelekile, ngohlelo oluthi ofike kuqala ugibela kuqala;
Iyoqinisekisa ukuthi abagibeli abasemgqeni noma abalindile kunoma iyiphi ingxenye yerenki abalahli udoti noma ikuphi ngaphandle kwasemigqomeni ehlinzekelwe lokho, futhi ahlele nenduna yemisebenzi ukuthi leyo migqomo ichithwe nguMkhandlu ngezikhathi ezithize noma uma igcwele;
Iyoqinisekisa ukuthi akukho tekisi noma ibhasi eliyogezwa noma lihlanzwe, ngaphandle uma kwenzelwa endaweni eklanyelwe lowo msebenzi, nokuthi akukho msebenzi wokulungisa noma wokukhanda oyokwenzelwa erenki, ngaphandle kwalokho kukhanda okuphuthumayo okuyisidingo ukuze umshayeli akwazi ukususa itekisi yakhe ayiyise endaweni efanele yokukhanda izimoto;
Iyobika enduneni yemisebenzi noma lowo oyimele mayelana nokuhlanzeka kwezindawo zokusebenzela erenki futhi aqinisekise nalesi siphathimandla ukuthi lezi zindawo ziyahlanzwa ngezikhathi ezithize noma zisesimweni esingahlanzekile, noma uma kube nesicelo sokuba zikhandwe esilandelelwe;
Iqinisekise ukuthi amatekisi noma amabhasi apaka ezikhaleni noma ezindaweni abelwe zona. Konke okungalungile okuqhubekayo kumele kwaziswe lowo okwenzayo uma ephula umthetho okokuqala noma oPhikweni Lwezokuvikela loMkhandlu noma eMnyangweni Wezemigwaqo uma izigameko zilokhu ziphindelela, ukuze kulungiswe. Akukho sikhathi lapho iMenenja Yerenki noma uMlawuli ayovumeka ukuba azigaxe kunoma iyiphi impikiswano noma izimo zokubhekana ngqo nanoma ubani wesithathu;
Iyoqinisekisa ukuthi akukho mgibeli oyovunyelwa ukugibela itekisi noma ibhasi ayibona sengathi ayikho esimweni esikahle engafanelwe ukuba semgwaqeni, futhi akhombise umshayeli lowo monakalo obonakalayo, emcela nokuthi lokho kulungiswe;
Iyazibophezela ukuthi iyobambisana neSiphathimandla Esigunyaziwe maqondana nanoma imuphi umsebenzi noma imisebenzi akholwa ukuthi iqondene naye noma kunoma yikuphi kulezi zigaba ezingenhla okungamdalela ubunzima obungamfanele.
Ima kukhona inkokhelo okumele ukuba ikhokhelwe yona, iyokhokhelwa yilowo sosesheni omqashile.
Isigaba 26: Ukukhishwa Kwemenenja Yerenki
Esikhundleni
(1) Uma kwenzeka iMenenja Yerenki iphula noma imiphi yemigomo engenhla, umkhandlu, ngemuva kokuxhumana noSosesheni wamatekisi noma inkampani yamabhasi eyayimqokile, ungesula ukuqokwa kwaleyo Menenja Yerenki enecala, okuyofanela ishiye leyo renki ngokuthula ngaphandle kwezingqinamba. 
INGXENYE 7: OKUVAMILE 
Isigaba 27: Amalungelo Nokumele Kwenziwe Ngabagibeli 
Uma Itekisi noma Ibhasi lifa 
Uma noma nini kwenzeka itekisi noma ibhasi liphuka noma uma lingasakwazi ukuqhubeka ngenxa yanoma yisiphi isimo, abagibeli bayokwehla, uma umshayeli noma umphelezeli ebacela kanti uma beyobe sebekhokhile, bayoba nelungelo lokucela ukubuyiselwa imali yabo, noma bavunyelwe ukuhamba ngetekisi noma ibhasi elandelayo, ngezindleko zetekisi noma zebhasi eliphukile noma zomshayeli noma zomphelezeli, zebanga elisele maqondana nohambo abebelukhokhele.
Isigaba 28: Izinto Ezinobungozi noma Ezinengayo 
Abantu abagibele itekisi noma ibhasi bephethe nanoma iyiphi into, ithuluzi noma isikhali somsebenzi esingathathwa ngabagibeli, umshayeli, umphelezeli noma iSiphathimandla Esigunyaziwe noma iSisebenzi Sasemaphoyiseni njengesiyingozi noma esinengayo, bangakhishwa. 
Isigaba 29: Izilwane
Umshayeli noma umphelelzeli wanoma iliphi itekisi noma ibhasi noma iSiphathimandla Esigunyaziwe nom iSisebenzi Sasemaphoyiseni singanqaba ukungenisa etekisini noma ebhasini noma singacela umgibeli noma nini ukuba akhiphe noma yisiphi isilwane abona sengathi singabanga noma sibanga isicefe kubagibeli, inqobo nje uma eyobuyiselwa imali yakhe.
Isigaba 30: Izenzo Ezingavumelekile Etekisini noma Ebhasini 
Izenzo ezilandelayo azamukelekile etekisini noma ebhasini:-
Ukubhema, uma kunqatshelwe ngokutshengiswa ngezimpawu;
Ukudlala umculo onengayo noma obanga umsindo kakhulu;
Ukusebenzisa ulimi oluhlambalazayo noma olunengayo;
Ukuphazamisa ukunethezeka kwanoma imuphi umgibeli;
Ukulimaza noma iliphi itekisi noma ibhasi izingxenye zalo;
Ukuphazamisa noma yini engeyetekisi noma engeyebhasi nganoma iyiphi indlela;
Ukuphoqa umshayeli ukuba aphume emzileni wakhe.
Noma ubani owenza noma isiphi salezi zenzo ezingenhla, phezu kokuthola isigwebo okusazokhulunywa ngaso lapho, ngeke abuyiselwe imali ayikhokhile bese ecelwa ukuba ehle etekisini noma ebhasini.
Isigaba 31: Ukuziphatha Ngendlela Enobudlova noma Ehlambalazayo 
Umuntu ophazamisayo noma oziphatha ngendlela enobudlova noma ehlambalazayo, uyobekwa icala kanti futhi angakhishwa etekisini noma ebhasini, emgqeni noma eduze nerenki yamatekisi noma yamabhasi yiSiphathimandla Esigunyaziwe noma Isisebenzi Sasemaphoyiseni.
Isigaba 32: Kuyicala Ukucekela Phansi Impahla Kamasipala 
Akukho muntu oyocekela phansi, adale umonakalo, acwiye, ahlilkihle, akhiphe noma aphazamise impahla kamasipala nanganoma iyiphi indlela.
Isigaba 33: Amacala Nezigwebo
Noma iyiphi inqola epake noma emile:-
(i) ephula noma imuphi wemithetho kamasipala, noma
enamasamanisi angakhokheliwe noma incwadi egunyaza ukuboshwa komnikazi noma umshayeli wayo noma;
engekho esimweni sokuhamba emgwaqeni
ingathathwa yiSiphathimandla Esigunyaziwe noma iSisebenzi Sasemaphoyiseni siyiyise lapho kuvalelwa khona izimoto.
Ukwehluleka ukulandela okushiwo yinoma imuphi umgomo noma isimemezelo okukhulunywe ngaso esigatshaneni (1) ngenhla kuyodala icala eliqhubekayo kanti umuntu ohlulekayo ukulandela okushiwo yilowo mgom noma isimemezelo uyobekwa icala elihlangene nalelo usuku ngalunye ahluleke ngalo ukuhambisana naleyo migomo.
Izihlinzeko zeMithetho yoMkhandlu kaMasipala Emaqondana Namacala Nezinhlawulo kanye Nokudluliswa Kwamacala ziyosebenza kule Mithetho Kamasipala.
