Kodwa-ke ngingathanda futhi ukugcizelela ukubaluleka kokubukezwa kwesu lomnyango okwakubanjwe phakathi noNovemba, lapho abaphathi abakhulu bahlangana nda-wonye khona ukuzoxoxa ngezindaba ezithinta ukwenziwa komsebenzi.
Umnyango sewenze izinhlaka eziningi zeziqephu zomthetho ovikela nonikeza abesifazane amandla. Ihlelo libheka ukuthi Ukuhlonishwa koMthetho Wemishado Yesiko 120 ka-1998 sewuzenze ngcono kangakanani izimpilo zabesifazane abasemishadweni eyenziwe ngokwesiko.
Umqulu Wabahlushwa unamalungelo ayisikhombisa ase-benza kubantu abahlushwe ubugebengu. Kubalulekile uku-wazi la malungelo ukuze ushiyelane ngawo nabangane, izi-hlobo kanye namalungu omphakathi.
Kube unyaka omude, abantu abaningi bathatha ikhefu. Ngiy-ethemba ukuthi nizoba nesikha-thi samaholide esinokuthula. Nishayele ngokuphepha uma nihamba. Masihlanganeni futhi ngoNyaka Omusha.
Ekhuluma ku-gala dinner Umphathi Omkhulu Wezobulungiswa uSandile Ngcobo watshela izithunywa ngeqhaza lenhlangano Yokuphatha Izinkantolo entsha ekuletheni izinsizakalo zobulun-giswa okuseqophelweni eliphezulu kuzakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Umphathi Omkhulu Wezobulungiswa wabonga abahleli bengqungquthela ngokummema ukuze akwazi ukushiyelana nabo ngombono wakhe wohlelo lwezinkantolo oluhle kakhulu. Wathi, "Umsebenzi wami kwezobulungiswa ungeze ngaba nesikhathi sokubheka ezinkantolo nokuthi singakwenza njani ngcono ukuse-benza kahle kwezinhlelo zezinkantolo zethu."
Uthe wayemenywe uMongameli Zuma ePhalamende ezomamukela esikhundleni esisha njengoMphathi Omkhulu Wezobulungiswa.
Umphathi Omkhulu Wezobulungiswa washiyelana ngombono wakhe wohlelo lwesikhathi esizayo lwaseNingizimu Afrika lwezink-antolo. Wachaza wathi "Namhlanje ngithanda ukunazisa ngombo-no wami wohlelo lwezinkantolo lwesikhathi esizayo. Nginombono womsebenzi wezobulungiswa onomandla, ophilile osebenza ngem-pumelelo nozimele. Kufanele sikhumbule ukuthi izinkantolo zinikez-ela ngezinsizakalo ezibalulekile. Akufani namakhasimende ebhizini-si, amakhasimende ezinsizakalo zezinkantolo zethu akukho lapho ezingahlehlela khona. Abampofu bathembele Ohlelweni Lwezobu-lungiswa Obubhekene Nobugebengu ukuthi lubenzele ubulungiswa njengoba singekho esinye isikhungo esingabenzela ubulungiswa. Okwamanje kufanele sizame ukugcina inguquko egxile ekhasimen-deni. Kufanele niqale ukukhombisa indlela elungile yokuphathwa kwezinkantolo".
Enkulumeni yakhe ebalulekile, uNgqongqoshe uJeff Radebe wamukele Umphathi Omkhulu Wezobulungiswa futhi wagcizelela ukweseka komnyango Inhlangano Yokuphathwa Kwezinkantolo entsha. Uphinde wamqinisekisa futhi Umphathi Omkhulu Wezobu-lungiswa ngokweseka komnyango endimeni yakhe njengoMphathi Omkhulu Wezobulungiswa.
Ekunikezeleni ngombono ohlelweni lwesu lomnyango, uN-gqongqoshe Radebe uthe umnyango manje usuyinhloko yeQoqo LezoBulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu Nokuvikeleka. Uthe "Lokhu kusho umsebenzi owengeziwe kuNgqongqoshe naseM-nyangweni. Manje sesibhekene nomsebenzi wokuhola iqoqoekufezeni igunya lalo." Ungqongqoshe ukhuthaze abaphathi ukuthi babheke izindlela zokuthi umnyango ungaqiniseka kanjani ukuthi iqoqo lisebenza ngempumelelo nakahle.
Eminyakeni eminingi Umnyango bewuthola umbiko wokucwaninga amabhuku ezimali ochasisiwe ovela ehhovisi likaMcwaningi Mab-huku Jikelele. Ukubhekana nalolu daba, uNgqongqoshe ukhuthaze abaphathi ukuthi baveze uhlelo lokuphatha izimali zomnyango. "Sidinga uhlelo lokuqinisekisa ukuthi ngonyaka ozayo sinombiko wokucwaningwa kwamabhuku ezimali ongachasisiwe ozoholela ekucwaingweni okuhlanzekile," kusho yNgqongqoshe uRadebe.
NgokukaNgqongqoshe, isakhiwo somnyango sidinga ukubukez-wa. "Umnyango ubizwa ngokuthi Ubulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. Sihlala sizwa ngengxenye yobulungiswa kanti asizwa ngengxenye yokuthuthukiswa komthethosisekelo. Isisekelo sombuso wethu wentando yeningi Umthethosisekelo wethu. Uma singenaso isakhiwo esifanele sokuthuthukisa umthethosisekelo wethu, ngicabanga ukuthi asenzi umsebenzi ofanele kubantu bas-eNingizimu Afrika." Ungqongqoshe uphonsele abaphathi inselele ukuthi beze nohlelo oluzokwazisa ngengxenye yomnyango yo-kuthuthukiswa komthethosisekelo.
UNgqongqoshe uphinde waqinisekisa ukuzimisela kukahulumeni ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika isingatha i-FIFA World Cup yokuqala emhlabathini wase-Afrika ngokuwenza kahle nangolwa-zi. Umnyango unikwe umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi kukhona izindlela ezifanele zenhlangano kanye nezemisebenzi yoHlelo Lwezobulungiswa Oluhlanganisiwe ukuze lubhekane nanoma iyiphi into exabana nomthetho ngesikhathi sesigameko.
Lokhu kubandakanya ukuqinisekisa ukwesekwa kwezinhlangano eziqinisa umthetho ekubhekaneni ngokufanele, kahle nangokushe-sha nezindaba zokuPhathwa Kwezobulungiswa.
UNgqongqoshe uzwakalise ukukhathazeka ngezinsizakalo zeHho-visi lika-Master. "Kudingeka sibheke ukuthi iHhovisi lika-Master lise-benza kanjani futhi libasiza kanjani abantu bethu. Sidinga uguquko lwehhovisi olukhulu." Ube esecela abaphathi ukuthi babe nohlelo lokuthi bahlose ukulishintsha kanjani ngokwesu ihhovisi ukuze lise-benze ngempumelelo nakahle.
Ihhovisi leKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana yaseNingizimu Afrika lakhiwa Uhulumeni Wobunye Bukazwelonke ukusiza ekub-hekaneni nokwenzeka ngesikhathi sobandlululo. Ingxabano ngalesi sikhathi yaholela odlameni nasekuhlukunyezweni kwamalungelo abantu kuzona zona izinhlangothi. Ikhomishini inesikhwama esi-hlose ukusiza abahlushwa uhlelo lobandlululo.
Isikhwama asenzelwe ukunothisa amabhange. Sikhonela ukusiza abahlushwa ubandlululo. Ngakho-ke kufanele siqhamuke nohlelo oluzoqinisekisa ukuthi imali isetshenziswa ngendlela efanele, kusho uNgqongqoshe uRadebe.
Ukuphetha, uNgqongqoshe ufisele abaphathi okuhle kule ngqungquthela yezinsuku ezimbili futhi wabakhuthaza ukuthi base-benze ndawonye ukuqinisekisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bathola ukufinyelela kalula kwezobulungiswa. "Ngokunye lokhu kwezinto, engikholelwa ukuthi uma kwenziwe kahle, sizokwazi uk-wenza ngcono ukufinyelela kwezobulungiswa kubantu bethu bon-ke."
Ingqungquthela ikhulume ngezindlela zokuqinisekisa ukuthi izinhle-lo zomnyango zisebenza ngempumelelo nakahle. Izinhlelo zihlu-kaniswe kahlanu, okuyilezi: Ukuphatha, Imisebenzi yezinkantolo, Imisebenzi Yomthetho Kahulumeni, Iziphathimandla Zokushushisa Kuzwelonke kanye nemisebenzi Yokusiza nehambisana nayo.
Lolu hlelo lubhekene nemisebenzi yomnyango yokuphatha. Lokhu kubandakanya ukuqinisekisa ukusebenza ngempumelelo nakahle kokuphathwa komnyango, kubandakanya abasebenzi, izimali, izimpahla kanye nengqalasizinda yezidingongqangi, izinhlelo zol-wazi nokwazi, izinhlelo, intuthuko nokuphathwa kwezinqubomgomo zawo, izinhlelo kanye namaphrojekthi.
Uhlelo lwemisebenzi yezinkantolo zibhekene nokuhlinzekwa kanye nokuphathwa kwezinkantolo, ukusiza ngezindaba zomthetho ob-hekene nobugebengu, abantu bonke nomndeni. Lolu hlelo futhi lu-bandakanya ukuthuthukiswa nokuvikelwa kwamalungelo ezingane, abantu besifazane, abakhubazekile, abampofu neminye imiphakathi esengozini.
Imisebenzi yomthetho kahulumeni ibhekana nokushaywa komthetho kanye nokuthuthukiswa komthethosisekelo; ukuhlinzeka ngemise-benzi yokweluleka komthetho kwezinye izingxenye zikahulumeni. Ihlinzeka ngemisebenzi yamacala ukuvikela izingxenye zikahulu-meni nokuhlinzeka imisebenzi kuMphathi Wenkantolo Ephakeme.
Lolu hlelo lubhekene nokuhlinzekwa kwemisebenzi yokushushisa, ukuvikelwa kwabahlushwa ngodlame locansi, ukuboshwa kwabona ngokocansi, uphenyo lobugebengu kanjalo nokuqeda ubugebengu.
Lolu hlelo luqinisekisa ukuzimela kanye nesithunzi sokuhlonipheka semigwamanda yomthethosisekelo ebhekene nomsebenzi wokuphathwa kwezobulungiswa ezweni.
Abaphathi babe sebehlukaniswa baba ngamaqembu asebenzayo azoza nezinhlelo zokubhekana nezinselele emnyangweni.
Ukhomishina Omkhulu uyishayele ihlombe in-qubekela phambili eyenziwe ngokulwa nazo zonke izimo zobandlululo kodwa wathi kufanele kwenziwe okunye okungaphezulu. "Ubandlululo aluzipheleli ngokwalo. Kufanele luphonselwe in-selele macala onke. Kufanele siye phambi futhi si-hambe ngokushesha. Ngiyanimema nonke ukuthi nijoyine i-UN kanye nabalwela amalungelo aban-tu abangenakubalwa emzabalazweni wokulwa nobandlululo. Inselele iyiseni emiphakathini yenu, ezikoleni zenu nasezindaweni enisebenza kuzo. Yenzani kanjalo manje," wancenga.
Ekhuluma kuwo lo mcimbi, uNgqongqosheWezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthetho u-Jeff Radebe wezwakalisa ukubonga kweNin-gizimu Afrika ngokunikezwa ithuba lokusingatha lo mcimbi. Wathi, "Kufanele ngizwakalise uku-bonga kwethu ngokuhlonishwa esinikezwe khona, ukuthi sisingathe isehlakalo esibaluleke kangaka egameni leZizwe ezihlangene, ukukhumbula lolu suku olubaluleke kangaka maqondana nokuhlon-ishwa kwamalungelo abantu emhlabeni wonke."
UNgqongqoshe uthe amalungelo abantu ay-inkaba ehlanganisa ukwahlukahlukana ebun-twini obuhlanganyelwe. Wengeze wathi, "Kune-sidingo sokuqeda konke ukubandlulula okuholele ekwephulweni kwamalungelo abantu ngezindlela eziningi."
NgokukaNgqongqoshe uRadebe, ukungalingani kanye nobuhlanga, ukubandlulula ngokobuh-langa, ukuzonda abantu bamazwe angaphandle kanye nokungabekezelelani okuhambisana nakho kuyizimbangela ezinkulu zengxabano kanye ne-ndlala emhlabeni. Ungqongqoshe ukhuthaza ohulumeni emhlabeni wonke ukuthi bakwamukele ukuthi ubuhlanga; ukubandlulula ngokobuhlanga; ukuzonda abantu bamazwe angaphandle kanye nokungabekezelelani okuhambisana nakho kuy-izinselele ezidinga inkulumo mpendulwano evule-lekile kanye nezixazululo ezinokwenzeka ekub-hekaneni nokungalingani kanye nendlala ezwiwa abantu abaningana, ikakhulukazi labo abasemaz-weni asathuthuka.
Ukuphetha, uNgqongqoshe ukhuthaza abantu ukuthi bamukele ukwahlukahlukana nokuqedaudlame ukuqinisekisa ukuvikeleka kanye nempilo engcono yabo bonke. Uthe, "i-UN seyiqhubekile nokuthi ibe yindawo yokuhlanganisa ndawonye isiko lamalungelo abantu. Okudingekayo ukuthi zonke izizwe zomhlaba kufanele zikhombise lokhu kuzimisela uma kungukuthi sizowenza umbono owemukelwa eminyakeni engamashumi eyadlula ukuthi sibe ulwazi oluphilayo lwabo bonke abantu bomhlaba ngaphandle kokukhetheka. Ngempela, ukusebenza ndawonye njengezizwe zomhlaba, singenza okuningi ukwenza ukuthi amalungelo abantu kube ngamalungelo angenamngcele nangawomhlaba wonke ngeqiniso."
I-General Assembly yamemezela isifungo njen-gezinga elijwayelekile lempumelelo yabo bonke abantu kanye nazo zonke izizwe. Wonke umuntu kanye nayo yonke ingxenye yomphakathi ku-fanele, ngokuhlala igcine le-Declaration emqond-weni, iphokophele ngokufundisa nezemfundo ikhuthaze inhlonipho yala malungelo nokukhu-luleka ngezindlela eziqhubekayo, kuzwelonke nasemazweni omhlaba, ukuvikela ukwaziwa kwabo jikelele nokusebenza ngempumelelonokuqapha, phakathi kwabantu bamaZwe anga-Malungu kanye nabantu bezindawo ezingaphansi komthetho wawo.
Umthethosivivinyo Ochitshiyelwe Wezingane.
Umthethosivivinyo Wamacala Ocansi okudala ulindiwe wagcina sewuphasisiwe ngoDisemba 2007 futhi uhlinzeka ngezinguquko ezibalulekile encazelweni yokudlwengula yomthetho waban-tu bonke. Welula isenzo sokudlwengula ukuthi sibandakanye amadoda nabafana futhi ihlela namacala okudlwengulwa, odlame locansi kanye nodlame lomlomo lwezitho zokuzalana. Umthetho omusha futhi wethula izinhlobo zobugebengueziphathelene ngqo nokusetshenziswa kabi ngo-kocansi kwezingane kanye nabantu abakhuba-zeke ngokwengqondo.
Ukukhuthazwa kokubandlulula ngokobuhlanganangokwenkolo kanye nodlame olwenzeka kanye nakho kaningi kuhambisana nalokhu okubonaka-layo, ngokucacile kufuna ukunakwa okushesha-yo komphakathi wamazwe omhlaba. Ukukhula okuqhubekayo kokuvelayo okuhlukene kobuh-langa kugcizelele ngamandla isidingo esikhulu nesijiye kakhulu semizamo yamazwe omhlaba ekuqedeni lesi siqalekiso esibi kangaka.
Ukwandisa amazinga okuqwashisa ngohlupho lobuhlanga kanye nokubandlulula ngokobuhlanga.
Umsebenzi ovela kuPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke (NPA) unikeza umbono jikelele weqhaza lenhlangano yakhe ekukhuthazeni nasekuvikeleni abahlushwa ubugebengu.
Umqulu Wabahlushwa ungumzamo kahulumeni ohlose ukukhutha-za ubulungiswa babo bonke abantu. Uhambisana nombono kahu-lumeni wokutshala isiko lamalungelo abantu ngokuqinisekisa uku-thi kuhlangatshezwana nezidingo zabahlushwa. Umqulu ugqamisa ukuthi phakathi kokunye ngobani abahlushwa, amalungelo akho njengomhlushwa nokuthi usifaka kanjani isikhalazo.
Umqulu wakhiwa kulandelwa ukubonisana okunzulu nalabo abazo-kusiza uma uba ngumhlushwa. Uhlinzeka ngendlela ephelele neh-langanisiwe kumhlushwa wobugebengu.
Lokhu kusho ukuthi nanoma ngubani owahlushwa imisebenzi yobugebengu efana (ukubanjwa inkunzi, ukwephucwa imoto, uku-hlaselwa, ukudlwengulwa, udlame lwasekhaya, ukugqekezelwa, njll.) ungumhlushwa. Umhlushwa kungaba umuntu wesifazane, indoda, ingane, intsha, indoda esindala, isihlobo somuntu obekwe icala, noma ozalwa umhlushwa.
Uma ungenelisekile ngendlela ophathwe ngayo kunoma yizi-phi kulezi zinhlangano, unelungelo lokufaka isikhalazo kuMvikeli Womphakathi. "Zonke izinsuku, ngibhekana nezikhalazo ezivela kuMvikeli Womphakathi, kanye neKhomishini Yamalungelo Aban-tu. Ukuba besenza imisebenzi yethu ngendlela eyanelisa abantu bethu, bebengeke bakhalaze ."
U-Nk Dhlamini uncenga amalungu omphakathi ukuthi eze nga-phambili nolwazi lwenkohlakalo nobugebengu ezweni. Uthe, "Siz-wa abantu bekhalaza ngabasebenzi bakahulumeni, futhi abezi nga-phambili nobufakazi, kanti uma nje kungenamaqiniso aqinisekisa lezi zinsolo, izandla zethu ziboshiwe futhi akukho esingakwenza." Ngokwakhe, kulapho umphakathi uhlanganyela khona lapho okun-gancishiswa khona izinga lobugebengu. Uxwayise amalungu om-phakathi ngokuthi awayeke ukulinga abasebenzi bakahulumeni ngokuthi abenze izenzo zobugebengu. Bekungeke kube noku-lahleka kwamadokhethi ukuba beningazange nithembise ama-phoyisa ukuwakhokhela inani elithile lemali ukuthi awalahle noma awacekele phansi."
Inhloko Yesifunda iphinde yalisho ilungelo lokusizwa.
Uthe ukuhoxiswa kwamacala ngezinye izikhathi kungumphumela wokungabi bikho kobufakazi. "umshushisi anganquma kuphela ukuthi ashushise yini noma cha ngokwesisekelo sobufakazi obuvuna lokho kushushiswa. Waphetha ngokuthi, "Ngakho-ke sincike kini ngalobu bufakazi."
Uveze ukuthi i-UNODC ikholelwa ukuthi uhlelo lobulungiswa ol-ubhekela ubugebengu olusebenza ngempumelelo nakahle yilolo oluhlonipha amalungelo ayisisekelo abahlushwa. Uthe, "Uhlelo lobulungiswa olubhekela ubugebengu kufanele lugxile esidingweni sokuvimbela ukuhlushwa, ukuvikela nokuphatha abahlushwa ngoz-welo nenhlonipho."
Yonke iminyango esebenzisa Umqulu Wabahlushwa kufanele yenze izinhlelo eziyisipesheli ukufundisa imiphakathi ebekeke en-gozini ngamalungelo ayo njengabahlushwa. Izinhlelo eziyisipesheli kufanele zibheke: kwabadala, abantu abakhubazekile, abesifa-zane/amadoda angenamakhaya nezingane, abasebenzi abase-benza ngocansi, abathengisa ngomzimba besilisa nabesifazane, abakhoselisiwe ezweni kanye nababalekele ezweni, imiphakathi yasemakhaya, kanye nanoma yimaphi amanye amaqembu aband-lululiwe. Yonke iminyango kufanele iqinisekise ukuthi ihlinzeka ngez-insizakalo futhi ingabandlululi ngokobuhlanga, ubulili, ukukhulelwa, isimo somshado, ubuzwe kanye nemvelaphi ngokwenhlalo yom-phakathi, umbala, inkomba yokuzikhethela ngokocansi, ubudala, ukukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi nokuzalwa. Njengomhlushwa, kungaba uthinteke ngokuqondile noma okun-gaqondile (umndeni oseduze noma abazalwa nguwe) unelungelo kumalungelo ayisikhombisa oMqulu Wabahlushwa.
Umqulu Wabahlushwa uhlinzeka ngamalungelo alandelayo ayisikhombisa kubahlushwa bobuge mshushisi uzothatha izinyathelo, ikakhulukazi ezimeni zamacala ocansi kanye nodlame lwasekhaya, ukuqinisekisa ukuthi, lapho kunokwenzeka khona, icala liphathwa ngumshushisi oyedwa ezinqubeni zonke ozokubiza ukuthi uzonikeza ubu-fakazi ngokushesha. Uma kunokwephuza, umshushisi onikezwe icala lakho uzokwa-zisa ukuthi kungani futhi kungenzeka ulinde isikhathi esingakanani.
Uzonikezwa ithuba lokuthi uzikhumbuze, ufunde isitatimende sakho, kanti la okuding-eka khona, ufune iseluleko. Ilungu labase-benzi benkantolo lizokwazisa ukuthi kufanele ukhokhelwe izindleko zokuhamba kanyenezinye ngesikhathi osichithe enkantolo uzonika ubufakazi, futhi kuzokusiza ukufaka isicelo sokufuna nanoma yiziphi izindleko okufanele zikhokhwe.
Abasebenzi benkantolo bazokwenza ngamandla abo onke ukuthi bakuvikele ekutheni ungaqhubeki nokuhlushwa noma ukuphinde uphathwe kabuhlungu yilokho okwenzeka enkantolo. Bazokhetha, lapho okunokwenzeka khona, abasebenzi kanye namavolontiya aqeqeshiwe avela eMise-benzini Yokweseka Abahlushwa ukuthi ba-kusize wena kanye nomndeni wakho enkan-tolo ngaphambi kwecala, ngesikhathi secala nangemuva kwecala. Ngesicelo, futhi uma kunokwenzeka, uzovunyelwa ukuthi ubone indlu yenkantolo ngaphambi kokuba icala liqale ukuze uzijwayeze nezindawo zenkan-tolo futhi wazi ukuthi yini okufanele uyilindele uma ufakaza.
Isihlobo noma umngane bangakuphelekez-ela ukuya enkantolo, uma ucela, futhi ungak-wazi ukulinda uhlangane nomuntu obekwe icala noma nofakazi bakhe eceleni. Kuban-ikezeli bemisebenzi yomphakathi kanye namavolontiya ungalindela ukuthi ubuzwe imibuzo ngasese futhi ingxoxo izophathwa njengeyimfihlo. Uzobuzwa imibuzo ngo-limi oluzwayo. Angeke futhi uyekwe ukuze ubhekane necala ngokwakho. Uma ubun-gakalibiki icala emaphoyiseni, umnikezeli wemisebenzi yomphakathi uzokusiza ukuthi ukwenze lokhu. Uma kade ungumhlushwa wecala locansi, kungenzeka amaphoyisa adinge izimpahla zokugqoka njengobufaka-zi, lapho ungacela umnikezeli wemisebenzi yomphakathi ukuthi akusize ngokuthi uthole enye into yokugqoka.
Uzocelwa ukuthi uvume ukuhlolwa ngokok-welashwa noma ukwelashwa, kodwa uzo-kwaziswa ukuthi ungala nanoma yikuphiukunakwa kokwelashwa noma usizo lw-wengqondo, kulesi simo imiphumela yalokhu uzochazelwa yona.
Esimeni secala locansi, uma kuceliwe futhi kunokwenzeka, isisebenzi sezokwelaphasobulili obufanayo sizokwenza ukuhlola kwezokwelapha noma ukwelapha. Isiseben-zi sizoqinisekisa ukuthi ulwazi lwezokwela-pha lubandakanyiwe kumarekhodi ecala lakho. Uzokwelashwa ngokushesha okunok-wenzeka nangendlela efanele kumalungelo akho njengoba ekhona kuMqulu Wamalungelo Esiguli.
Kubasebenzi beMisebenzi Yokuhlunyelel-iswa Kwezimilo ungalindela ukuthi wacela ukuba khona ekulalelweni kwepharoli, usihlalo weBhodi yePharoli, ngaphambikokulalela, uzokwazisa ngolimi olwaziyo, ngezinqubo zesikhathi sokulalela nokuthi ku-lindelekeni.
Uma uya ekulalelweni kweBhodi yePharoli futhi kufanele unikeze umbono, ungacela nanoma yimuphi umuntu omkhethayo ukuthiakuphelekezele ayokweseka ekulalelweni futhi kuyokwenziwa wonke umzamo woku-kuvikela ekuhlushweni noma wokuzwiswa ubuhlungu futhi ngesikhathi sokulalela.
Ngesikhathi sokuphenya icala ungalindela ukuthi iphoyisa lizothatha isitatimende futhi likucele ukuthi usifunde uqinisekise esi-kuqukethe ngokusisayina. Uma ungakwazi ukufunda, kufanele wazise iphoyisa, lapho iphoyisa lizokufundela isitatimende bese lifu-na ukuthi uqinisekise okuqukethwe ngokusi-sayina noma ngokubeka umlobo wesithupha lapho okufanele usayine khona.
Uma ufuna ukuthi isitatimende ufundelwe sona ngolimi oluqondayo ngaphambi koku-siqinisekisa ngesignesha noma ngomlobowesithupha, kuzobandakanywa utolika uma ekhona.
Uma ubona ukuthi isitatimende sakho asiphelele noma asilungile, uzovunyelwa ukuthi wengeze noma uchibiyele isitati-mende sakho sokuqala noma wenze esinye isitatimende. Uzonikwa ithuba lokuchaza es-itatimendeni sakho ukuthi ubugebengu bu-kuphazamise kanjani, lapho kufanele khona, okufunayo kuzocatshangwa ngakho. Ungay-icela ikhophi yesitatimende sakho.
Iphoyisa lizocela imininingwane yokulahlile, umonakalo noma ukulimala bese kuyaqosh-wa lokhu. Kuzodingeka ukuthi uhlale wazisa umphenyi ngekheli lakho, imininingwane yokukuthinta kanye nokuthi ukuphi kuze kuphele uphenyo necala. Uzocelwa futhi ukuthi wazise umphenyi uma umsolwa egxambukela noma ezama ukugxambukela ophenyweni lwecala, uma engeke eze ecaleni noma uma ekwesabisa.
Uma icala liya enkantolo ungalindela ukuthi umshushisi, phakathi kwezinye izinto, acabange ngalokho okufunwa nguwe uma ecaban-ga ukuthi ashushise yini noma cha. Angacela wena ukuthi udalule nanoma yiluphi ulwazi olufanele esinqumeni maqondana nokudedel-wa komsolwa ngebheyili. Isibonelo, ukuthi umsolwa uyagxambukela ebufakazini noma nofakazi, noma ukuthi umsolwa usabisa wena noma umndeni wakho, noma ukuthi umsolwa angeke aye ecaleni. Uma kufanele, umshushisi uzokubiza ukuthi uzonikeza ubufakazi maqondana nalokhu ekulalelweni kwebheyili.
Futhi, uzonikezwa ithuba lokukhumbula ngokubonisana noma ungafunda isitatimende sakho ngaphambi kokunikeza ubufakazi.
Umshushisi uzobonisana nawe ngaphambi kokwamukela isicelo es-iphansi futhi akucele ukuthi uchaze ukuthi ubugebengu bukuphaza-mise kanjani wena noma umndeni wakho.
Kulokhu kubonisana uzoba nethuba lokudalula imininingwaneyananoma yikuphi ukulahlekelwa noma ukulimala obe nakho ngenxa yobugebengu. Umshushisi uzocabanga ngalezi zimo ngaphambi kokuba enze nanoma yisiphi isinqumo ngokwamukelwa kwesicelo sesigwebo esiphansana. Umphumela ubugebengu obube nawo kuwe noma emndenini wakho uzodalulelwa inkantolo noma uzonikezwa ithuba lokunikeza ubufakazi enkantolo.
Ngakolunye uhlangothi, kungalungiswa umbiko ngungcweti bese uhanjiswa enkantolo ngesikhathi sesikhathi sesigwebo.
Abanikezeli bemisebenzi yomphakathi, uma kunesidingo, bazo-kwenza izingxoxo zemibuzo, futhi uma ukuthola ubufakazi bok-welashwa kufanele ecaleni, bazokwenza amalungiselelo okuhlolwa kokwelashwa. Ngokunokwenzeka, bazogcina ukuqhubeka ngokuq-inisekisa ukuthi umnikezeli wemisebenzi yomphakathi ofanayo noma ivolontiya lisebenza nawe kusukela ngesikhathi ubika ubugebengu ekuqedelweni kwecala.
Abasebenzi bokunakekela ezempilo, uma umshushisi noma imant-shi ibacela ukuthi benze njalo, bazohlinzeka inkantolo ngamarekhodi akho okwelashwa kanye nanoma yiluphi ulwazi olufanele ecaleni obanikeze lona.
Abasebenzi beMisebenzi Yokuhlunyeleliswa Kwezimilo bazokuvu-mela ukuthi wenze isicelo esibhaliwe kusihlalo weBhodi yePharoli ukuthi uze ekulalelweni kwepharoli futhi usihlalo uzokwazisa nge-sikhathi, usuku kanye nendawo yokulalelwa kwayo.
Uma uya ekulalelweni kweBhodi yePharoli uzovunyelwa ukunikeza umbono kungaba ngomlomo khona ekulalelweni noma ngokuletha umbiko obhaliwe.
Uma ucela, uzonikezwa imininingwane ephathelene nokuboshwa komsolwa, ukuthi ingabe kufanele uzomkhomba yini kanye nosuku, inamba yecala kanye nezinsuku zokulalelwa kwesicelo sebheyili. Uzokwaziswa ngomphumela wokulalelwa kwebheyili kanye nen-qubekela phambili yophenyo kanye nokushushiswa kwecala lakho, noma nanoma yisiphi isinqumo sokuhoxisa noma sokushintsha ama-cala kakhulu. Amaphoyisa azokwazisa ukuthi ungeza yini ezinqubeni zasenkanto-lo, nangosuku noma izinsuku. Unelungelo lokwazi ngosuku lwecala kanye nomphumela wokugcina, usuku lokukhipha isigwebo kanye nomphumela, ukuthi obekwe icala ulidlulisile yini icala ukuphikissana nesigwebo knye nomphumela wokudluliswa kwesicelo.
Amaphoyisa azokutshela ukuthi impahla eyayithathiwe ingacelwa kanjani futhi nini, yiziphi izinsizakalo ezikhona ukubhekana nezidingo zakho ezithize nokuthi ungazisebenzisa kanjani lezi zinsizakalo.
Uma icala liya enkantolo ungalindela ukuthi abasebenzi basenkan-tolo, lapho okunokwenzeka khona nangesicelo sakho, bazokwenza ukuthi ubone indlu yenkantolo ngaphambi kokuba icala liqale, ukuze wazi ukuthi yini okufanele ukulindele; futhi uqiniseke ukuthi kuhlinze-kwe ngezimpawu ezicacile nezinkomba enkantolo futhi kuzokunika inkombandlela eya endlini yenkantolo. Lapho elikhona khona idesiki lokwazisa lizokwazisa ngokuthi iyiphi indlu yenkantolo okuzolalelwa kuyo ubufakazi bakho.
Umshushisi onikezwe icala lakho uzokwazisa umqashi wakho nga-nanoma yiziphi izinqubo ezizodinga ukuthi ungabi bikho emsebenzini futhi akutshele uma Umqondisi Wokushushisa Kahulumeni enqume ukungalishushisi icala, ukuthi ungasebenzisa umshushisi ozimele nangenqubo okufanele uyilandele maqondana nalokhu.
Uzobhekana nemibuzo yakho maqondana nezinqubo zenkantolo futhi, uma kunokubambezeleka, uzokutshela ukuthi cishe uzolinda isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba wethule ubufakazi. Uma kudingeka, umshushisi uzokunika ithuba lokwelulekwa kwangempela ngaphambi kokuba icala linqunywe.
Uzohlala waziswa ngomphumela wezinqubo zebheyili, nanoma ngaziphi izimo zebheyili eziyisipesheli ezinikeziwe, futhi achaze lok-ho okushiwo imibandela yebheyili. Umshushisi kufanele, futhi uzokuvikela ekubuzweni kwemibuzo oku-nodlame, okulimazayo nokwehlisa isithunzi futhi akwazise ngomphu-mela wecala nokuthi sikhona yini isicelo sokuphikisana nokuboshwa noma nesigwebo.
Umsebenzi osesihlalweni enkantolo, imantshi noma ijaji, nabo banomsebenzi wokukuvikela ekubuzweni imibuzo enodlame ngok-weqile, elimazayo neyehlisa isithunzi. Umsebenzi osesihlalweni naye unomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi icala lakho liphethwa ngokushesha. Isigaba 342A soMthetho Wenqubo Yobugebengu uh-linzeka izindlela zokuthi umsebenzi osesihlalweni aphenye ukubam-bezeleka okungenangqondo, ukuthi athathe izinyathelo zokuqeda ukubambezela nokuvimbela okunye ukubambezeleka.
uma kwenzeka, bakuphelekezele uye enkantolo ngaphambi kwe-cala uyozejwayeza nendlu yenkantolo nezindawo eziyizungezile; futhi bakunikeze usizo kanye nokwelulekwa noma akudlulisele ekwelulekweni okuqeqeshelwe kanye nemisebenzi yosizo.
Uma ngabe umsebenzi wokunakekela ezempilo ebandakanyeka kuleli cala, ungalindela ukuthi uzokunika ulwazi ngokuhlola noma ngezinqubo zokwelapha ezenziwe kuwe futhi akunike ikhophiyamarekhodi akho ezokwelashwa uma uwacela.
Abasebenzi abavela emisebenzini yezemfundo bazokwazisa ngemisebenzi yabahlushwa encike esikoleni efanele ekhona endaweni.
Uma ngabe umuntu owonile esegwetshelwe ukuboshwa, Umnyango Wemisebenzi Yokuhlunyeleliswa Kwezimilo uma kucelwa, uzokwa-zisa uma onecala ezocatshanglwa ukuthi adedelwe ngepharoli futhi waziswe nangesikhathi sokulalelwa kweBhodi yePharoli ngosizo olukhona kanye nezinsizakalo zokwelulekwa ngokwengqondo. Uzo-kwaziswa ngokubhalelwa ngananoma yiziphi izinguquko ngezinsuku zokulalela kwecala noma ukuhlehliswa, ngomphumela wokulalelwa kweBhodi yePharoli kanye nayo yonke imibandela ebekiwe.
Uma wacela ukuba khona ekulalelweni kweBhodi ngolimi ozoluzwa ngezinqubo ngesikhathi sokulalelwa nokuthi yini elindeleke kuwe, uma kucelwa - nangemvume yomuntu obekwe icala - uzokwaziswa ngezinhlelo zentuthuko esezenziwe umuntu obekwe icala ukwenza ngcono indlela yakhe yokuziphatha.
Akunakungatshazwa ukuthi kungesabeka ukuba ufakazi umelane nalabo abakwenza ukuthi ube ngumhlushwa wobugebengu. Kodwa-ke, uma ukholelwa ukuthi wena noma ilungu lomndeni wakho liye-satshiswa noma impilo yakho isengozini, kufanele ukuthi ulubike ngokushesha udaba emaphoyiseni noma kumvikeli womphakathi omdala enkantolo futhi ufake isicelo sokuvikelwa kukafakazi.
Ukwesatshiswa kuzophenywa ngamaphoyisa futhi uma ucabanga ukuthi wena noma umndeni wakho usengozini, nizofakwa oHlelweni Lokuvikelwa Kofakazi.
Uma nifakwe ohlelweni, kufanele nihambisane nayo yonke imithetho njengoba ishiwo esivumelwaneni. Le mithetho izoba yimfihlo. Uma ungahambisani nayo uzibeka engozini futhi ungalahlekelwa uku-vikeleka. Ukuhlinzeka kungenzelwa ukukhokhelwa kwezimali zoku-siza ngesikhathi usohlelweni futhi lokhu kuyobalwa ngokwemithetho nezimiso zohlelo. Kulesi simo, kuzofuneka ukuthi unikeze iminining-wane yakho yezimali kubasebenzi boHlelo Lokuvikelwa Kofakazi, ukuze kuzoshiwo usizo lwemali olulungile.
Uma wamukelwe ohlelweni, uzofakwa endaweni ephephile futhi an-geke ikheli lakho noma imininingwane yokukuthinta inikezwe muntu, ngisho namalungu omndeni wakho imbala noma ngabe kukusiphi isimo.
Emva kokuba sewufakazile, uzonikezwa inothisi ekwazisa ukuthi uzokhishwa ohlelweni ngesikhathi esikahle futhi ungathinta um-phenyi esiteshini samaphoyisa noma umshushisi omkhulu wom-phakathi omkhulu ukuze uthole olunye ulwazi. Uma ungafuni uku-thi umsolwa azi imininingwane yakho uqobo, ungathinta umphenyi noma umshushisi bese ucela ukuthi ulwazi lwakho lugodlwe.
Uma ungummangali ecaleni lodlame lwasekhaya, futhi kubukeka sengathi kunezizathu ezikahle zokuthi ungahle ubhekane nokulimala ngenxa yokwephulwa komyalelo wokuvikeleka okwenziwa umman galelwa ungaletha i-afidavithi emaphoyiseni echaza izimo. Iphoyisa lizombopha ngokushesha ummangalelwa ngokwephula ukwenqa-tshelwa okubekwe yinkantolo ngaphansi kweSigaba 7 soMthetho Wodlame Lwasekhaya.
Uma icala liya enkantolo umshushisi--uma futhi umsolwa enga-phansi kwemiyanka eyi-18--angakukhipha ekutheni ube khona ecaleni ngaphandle uma ubukhona bakho budingekile noma bugu-nyazwe yinkantolo.
Ezimeni ezithize inkantolo ingakwalela ukushicilelwa kwananoma yiluphi ulwazi (kubandakanya ubunikazi bommangali noma ufakazi) oluphathelene necala noma nanoma iyiphi ingxenye yalo ephethwe ekusithekeni. Lapho kufanele khona, uzokwaziswa ukuthi nanoma yimuphi umuntu oshicilela nanoma yiluphi ulwazi noma odalula ngokungekho emthethweni ubunikazi bukafakazi, unecala lokona futhi angashushiswa.
Abanikezeli bemisebenzi yomphakathi bazothatha izinyathelo zo-kuqinisekisa ukuthi wena noma umndeni wakho anikho engozi-ni. Bazohlela ukuthi ubekwe endaweni ephephile. Abasebenzi bokunakekela ezempilo bazobika noma badlulisele nanoma yiliphi icala emaphoyiseni lapho okusolwa khona ubugebengu.
Njengomhlushwa wobugebengu, akulindelekile ukuthi uzabalaze ngokwakho ohlelweni lwezobulungiswa. Amaphoyisa azokusiza ngokukudlulisela kwabanye abanikezeli bemisebenzi ukuze uthole usizo oludingekayo kanye nokungenenela enhlekeleleni kwendawo. Isibonelo, lokhu kungaba usizo lokuqala lwezokwelapha; ukuchaza izinqubo zamaphoyisa; ukukwazisa ngamalungelo akho; nokupha-tha ukuphepha kwakho njengento ephambili ohlwini. Amaphoyisakufanele avikele ubufakazi futhi akunike izeluleko ngokuvimbela ubugebengu.
Kufanele futhi banqande udlame enkundleni yobugebengu. Uma un-gumhlushwa wecala locansi, amaphoyisa azokuhambisa esibhedle-la, i-Thuthuzela Care Centre noma ihhovisi likaDokotela Wesifunda ukuze welashwe futhi kuqoqwe nobufakazi ngokwesayensi. Bazo-kulinda bakuhambise uyobona ikhaya noma indawo ephephile uma ukhetha ukuya endaweni ephephile.
I-SAPS iqashe Abaxhumanisi Bezikhungo Zokusiza Abahlushwa (abanye basebenza amahora angama-24 kanti abanye kuze kub u-17h00). Uma ngabe umhlushwa ozwiswe ubuhlungu (ikakhulukzi ukudlwengulwa/udlame lwasekhaya) efika eSikhungweni Semise-benzi Yamakhasimende, isikhungo sibandakanya Isikhungo Sokusi-za Abahlushwa, okuzochazwa ukuthi yiziphi izinsizakalo ezitholaka-layo. Uma kundingeka umsebenzi oyisipesheli, Isikhungo Sosizo sizobiza ongcweti ukuthi beze bazonikeza ukwelulekwa ngengqondo kanye nolunye usizo oludingekayo.
Uma icala liya enkantolo ungalindela ukuthi umshushisi uzokwethula icala kuhulumeni futhi uzocabanga ngalokho okufunayo. Ungaxoxa ngecala nommeli ozikhethele yena, ikakhulukazi, uma uhlose ukuse-benzisa isicelo somuntu wonke sokunxeshezelwa ngamademeshe noma ngokulimala komzimba noma kwengqondo.
Kuzohlinzekelwa otolika, lapho okufanele khona, ulwazi kuzokwen-ziwa ukuthi lutholakale kubantu abakhubazekile. Amacala abanda-kanya amacala ocansi azolalelwa ezinkantolo eziyisipesheli lapho lezi zinkantolo zikhona khona.
Umshushisi kanye namaphoyisa bazokwazisa ukuthi, uma un-gaphansi kweminyaka eyi-18 yobudala futhi ufakaza ecaleni ku-zokubangela isitresi sengqondo noma ukuphatheka kabi, inkan-tolo, ngokusebenzisa umshushisi, ingaqoka umuntu ukuthi akusize unikeze ubufakazi bakho noma ayalele ukuthi unikeze ubufakazi ngokusebenzisa ukuxhunywa kwethelevishini esendaweni evalele-kile.
Abanikezeli bomsebenzi womphakathi, lapho okunokwenzeka khona futhi kukhona, bazohlinzeka ngokweluleka ngengqondo kanye nos-izo olusebenzayo. Lapho kufanele khona, kuzokhishwa isitifiketi sok-welashwa sokungabi bikho esikoleni noma emsebenzini.
Isinxephezelo sibhekise enanini lemali inkantolo yobugebengu eliy-inikeze wena uma ulahlekelwe noma ulinyalelwe impahla (kubanda-kanya imali) njengomphumela wesenzo sobugebengu noma ukweqa okwenziwa isiboshwa esenze ubugebengu. Umvuzo wesinxephezelo ufuna ukukubuyisela endaweni owawukuyo ngaphambi kokulahleka noma komonakalo.
Uma icala liya enkantolo ungalindela ukuthi umshushisi kanye namaphoyisa, emacaleni afanele, bazokwazisa ukuthi ungaba kho-na enkantolo ngosuku lokukhishwa kwesigwebo nokuthi ungacela umshushisi ukuthi afake isicelo enkantolo yomyalelo wokunxephe-zela.
Inkantolo ingasimisa isigwebo uma kungukuthi umsolwa uyakunx-ephezela ngokulahleka noma ngokulimala kwempahla ngenxa ye-cala. Umshushisi uzokwazisa, kanye nonobhala wenkantolo uzoku-siza ukugcizelela lowo mvuzo. Uzokwaziswa uma umvuzo wenziwa inkantolo nokuthi lokhu kukuphazamisa kanjani ukwahlulela jikelele.
Unobhala wenkantolo noma umshushisi, ezimeni ezifanele, uzokwa-zisa uma imali ithathwe kumuntu oboshiwe kanti inkantolo ingayalela ukuthi inkokhelo kuleyo mali yenziwe ngokushesha. Uma umyalelo wesinxephezelo ungakuvuni ecaleni lobugebengu umshushisi uzo-kwazisa, ukuthi ungasebenzisa isenzo sabantu bonke uphikisane nomsolwa.
Umsebenzi osesihlalweni uzokwazisa ukuthi, uma umvuzo wawu-kuvuna, unezinsuku ezingama-60 okwala noma okuyekela lowo mvuzo ngokubhala. Uma wenza kanjalo, kufanele ubuyise nanoma iyiphi imali osuvele uyikhokhelwe kurejistra noma kumabhalane wen-kantolo. Uyexwayiswa, uma uhluleka ukwala umvuzo ezinsukwini ezingama-60, angeke ukwazi ukusebenzisa isenzo jikelele ukuphiki-sana nomsolwa ngokuhamba kwesikhathi.
Uma ufaka isicelo enkantolo yabantu okufanele banxeshezelwe ngezindleko zokwelashwa maqondana nokulimala komzimba oku-tholakale ngenxa yesenzo sobugebengu, umsebenzi wokunakekela ezempilo okuhlolile uzokwazi ukweseka isicelo sakho ngokunikeza ubufakazi enkantolo nokuhlinzeka ulwazi olufanele enkantolo, ku-bandakanya imibiko yokwelapha.
Ukubuyisela kubhekise amacaleni lapho inkantolo, emva kokubosh-wa, iyalela umsolwa ukuthi abuyisele kuwe impahla noma izimpahla ebezithathwe kuwe ngokungekho emthethweni noma ebezilinyazwe ngokungekho emthethweni. Ukubuyisela esimeni indawo obewukuyo ngaphambi kokunikezelwa ngecala.
Uma icala liya enkantolo umshushisi uzokwazisa ukuthi, emacale-ni afanele, ungacela umuntu owonile ukuthi abuyisele ngokuqotho kuwe, emndenini wakho noma kobazalayo. Lokhu kubuyisela kuzo-bandakanya ukubuyiswa kwempahla noma izimpahla noma ukulun-giswa kwempahla noma izimpahla ezilimele. Isicelo sakho kulokhu kungagcizelelwa yinkantolo futhi, emacaleni afanele, uzovunyelwa ukuthi ulethe leso sicelo enkantolo.
Umshado wesiko umshado wendabuko ophethwe ngokomthetho wesiko nga-phandle komsebenzi oshadisayo noma umsebenzi obhalisayo. Emva kokufa kwabaganene nabo, abesifazane bas-eNingizimu Afrika babebhekene nenselele yokufaka izicelo zezimpesheni zabo kanye nezinye izinzuzo.
benzi abayizifiki. Kwezinye izimo abayeni banquma ukushada amakhosikazi esibili kanti leyo mishado ibhaliswe njengemishado yabantu bonke.
Ngaphandle kobufakazi bokuthi babeshade ngokwesiko kunzima ukuthi umfelokazi aziwe njengomfazi osemthethweni futhi afune izinzuzo. Umthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko 120 ka-1998 wethule-lwa ukubhekana nalezi zinselele. Isiqephu somthetho siyawuhlonipha umshado we-siko futhi sihlinzeka ngezidingo zokuba semthethweni kwemishado yesiko.
Akukho okuganenwe naye emshadweni wesiko ozokwazi ukungena emshadweni ngaphansi koMthetho Womshado 25 ka-1961 ngesikhathi kusekhona umshado wesiko.
Uma ngabe oyedwa kwabaganene emncane noma eyintandane, kungaba abazali noma abambhekile ngokusemthethweni okufanele bawuvumele umshado. Uma ingatholakali imvume yomzali noma yombheki osemthethweni isigaba 25 soMthetho Womshado, 1961 siyasebenza.
Ungqongqoshe noma nanoma yimuphi umsebenzi emisebenzini yomphakathi owagun-yazwa uNgqongqoshe anganikeza imvume ebhaliwe kumuntu ongaphansi kweminya-ka eyi-18 ubudala ukuthi angene emshadweni wesiko. Lokhu kuzokwenzeka uma uN-gqongqshe noma umsebenzi oshiwo ethatha lowo mshado njengofunekayo uthandwa abantu okukhulunywa ngabo.
Kuwumsebenzi omkhulu wabantu ababili ukuthi baqiniseke ukuthi umshado wabo ubha-lisiwe yini nomsebenzi obhalisa imishado. Ababili abathandanayo kufanele banikezele ngalo lonke ulwazi olushiwo kanye nanoma yiluphi ulwazi olwengeziwe olungadingwa um-sebenzi obhalisayo ukuze afeze ukuba khona komshado.
Kukhona imishado yesiko okwakungenwe kuyo ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho futhi ingabhaliswanga ngokwananoma yimuphi omunye umthetho. Leyo mishado kufanele en-gabe yabhaliswa esikhathini esiyizinyanga eziyi-12 emva kokuqala noma esikhathini es-ishiwo ngezikhathi ezahlukene nguNgqongqoshe kuGazethi.
Uma ngabe umsebenzi obhalisayo enelisiwe ukuthi abaganene baphethe umshado we-siko oyiqiniso, umshado uyabhaliswa ngokurekhoda ubunikazi babaganene, usuku lom-shado, nanoma yiliphi ilobolo elivunyiwe kanye neminye imininingwane eshiwo. Emva kwalokho umsebenzi kufanele akhiphele abaganene isitifiketi sokubhalisa. Umsebenzi unamandla okwala ukubhalisa umshado wesiko uma engenelisekile ukuthi abaganene bangena emshadweni wesiko oyiqiniso.
Inkantolo ingangenelela kuphela uma kwakunesicelo esasenziwe kuleyo nkantolo. Uma sekwenziwe uphenyo, inkantolo ingakhipha umyalelo wokubhaliswa kwananoma yimuphi umshado wesiko; ukwesulwa noma ukulungiswa kwananoma yikuphi ukubhalisa komshado wesiko oqaliswe ukusebenza ngumsebenzi obhalisayo.
Isitifiketi sokubhaliswa komshado wesiko esikhishwe ngaphansi kwalesi sigaba noma nanoma yimuphi omunye umthetho ohlinzeka ngokubhaliswa kwemishado yesiko kuno bufakazi obanele bokuba khona komshado kanye nemininingwane ekhona esitifiketini.
ukulawula imiphumela yobunikazi bemishado yesiko kanye namandla abaganene kuleyo mishado nokulawula ukuchithwa kwemishado yesiko phakathi kwezinye izinto.
Iphepha futhi lisho ukuthi ukubheka nje kusendlalelo umuntu anga-cabanga ukuthi ingxaki yabantu besifazane abaningi ezindaweni zasemakhaya abashade ngesiko nangendabuko izobhekelwa futhi mhlawumbe iqedwe. Kodwa-ke ukuphathwa koMthetho kwenze iz-inkinga eziningi kubaphathi futhi kwavula negebe lokukhwabanisa. Lokhu kufakazele ukuthi kusekuningi okufanele kwenziwe nga-phambi kokuba zonke izinkinga zibhekelwe kanye nenhloso yo-Mthetho isifeziwe.
Isigaba 2 sibhekene nokuhlonishwa kwemishado yesiko. Ngokwe-sigaba yonke imishado eyiqiniso emthethweni wesiko eyayikhona ekuqaleni koMthetho ihlonishwa njengemishado. Kodwa-ke imi-shado okwangenwa kuyo emva kokuqala kwalo Mthetho kufanele ihambisane nezidingo zalo Mthetho ukuthi ihlonishwe njengom-shado.
Isigaba 3 sisho izidingo zegunya lemishado yesiko. Isidingo esikhulu ukuba neminyaka eyi-18 yobudala yokuvuma ukusha-da ngaphansi komthetho wesiko nokuthi kufanele kuxoxiswane ngomshado futhi ugujwe ngokuhambisana nomthetho wesiko.
Isigaba 4 silawula ukubhaliswa kwemishado yesiko. Abaganene banomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umshado wabo ubhalisiwe. Ngokwalesi sigaba noma ngubani kwabaganene angasifaka isicelo sokubhalisa umshado wakhe wesiko kumsebenzi obhalisayo. Um-sebenzi obhalisayo kudingeka ukuthi azenelise ukuthi abaganene baphethe umshado wesiko oyiqiniso ngaphambi kokubhalisa lowo mshado.
Isigatshana sibhekana nomyeni ofuna ukungena komunye um-shado wesiko nomunye umuntu wesifazane emva kokuqala kwalo Mthetho futhi kuleso simo kufanele enze isicelo enkantolo ukuze ivume inkontileka ebhaliwe ezolawula uhlelo lomshado lwesikhathi esizayo lomshado wakhe.
Umshado wesiko ungaqedwa ngezindlela ezahlukene okunguku-thi ukuqedwa ukufa, ukuqedwa ngenye indlela kunokufa: inkantolo kuphela futhi ngesizathu esisodwa kuphela, ukubuyiswa kwekhazi emva kokuqedwa, ukuqedwa ngesivumelwano, ukuqedwa uma umfelokazi engena emshadweni wesibili wesiko ngaphandlekwemvume.
Ngenxa yokuthi umshado womthetho wabantu bonke waseNin-gizimu Afrika owokushada umuntu oyedwa, akekho kulowo mshado okwazi ukungena kunanoma yimuphi omunye umshado. Kodwa-ke, indoda kanye nowesifazane okunomshado wesiko phakathi kwabo, uma kungekho kubo oganene nomunye emshad-weni wesiko okhona nomunye umuntu, angenza isivumelwano somshado ngaphansi koMthetho Womshado ka-1961. Ngamanye amazwi, bangaguqula umshado wabo okunokwenzeka ukuthi kube ngowesithembu ube ngowokushada umuntu oyedwa, uma benza umshado wokuhlanganyela impahla kanye nowenzuzo nokulahlekelwa ngaphandle uma abantu bengena esivumelwaneni sangemuva komshado. Nanoma yisiphi isivumelwano selobolo esenziwa uma kungenwa emshadweni wesiko siyalungiswa.
finyelela kwabesifazane kwezobulungiswa maqondana nalokhu.
Kuncike eKapa, i-WLCE isikhungo esifuna ukuzuza ukulingana kwabesifazane, ikakhulukazi abesifazane abamnyama, ngokusebenzisa inqubo yomthetho.
U-Jennifer wathi, "abesifazane babhalisa kuphela imishado yesiko uma befuna ukudivosa, uma abalingani babo bebashiya, uma be-hlukanisa, noma ekushoneni kwabaganene nabo ukuze bavikele amalungelo abo omshado. I-RCMA okwamanje ihlinzekela uku-bhaliswa kwemishado yesiko ngumuntu oyedwa emshadweni. Kodwa-ke, izichibiyelo ezihlongoziwe ku-RCMA zizolithatha leli lungelo, kudingeke ukuthi bobabili abantu babe khona ukuzobha-lisa umshado."
Uphinde wagcizelela ukuthi lokhu kubangela abesifazane izink-inga okungenzeka ukuthi abanamandla ebudlelwaneni ukuphoqa abayeni babo ukuthi babhalise umshado, noma abaganene nabo sebeshonile. Ugqamise ukuthi, "Ungawunciphisa umthwalo wok-uphathwa kwamabhuku, kodwa wehluleke ukucabanga ngeqiniso labesifazane abaningi futhi ube wugongolo kubo ekutheni bafi-nyelele kumalungelo aku-RCMA."
Uthe ezinye izinkinga okuhlangatshezwana nazo ekuvikeleni am-alungelo abesifazane abashade ngokwe-RCMA zivezwa ukuthi abalingani babo ababengene emishadweni yabantu bonke nga-phambilini noma ngesikhathi beshade nabo ngokwendabuko nok-wesiko. Kulezi zimo umshado wokuqala kuphela oliqiniso kanti abesifazane abasemishadweni yesibili (ayisilo iqiniso) kaningi ulahlekelwa ukuvikeleka, nakuba babengazi ukuthi kunonkosi-kazi wesibili noma ukuthi kwakuwumshado wabantu bonke, aku-vamile ukuthi babe namandla okumisa umshado wesibili noma baxoxisane ngesimo sawo.
U-Nk Williams wanikeza isibonelo se-Gasa v Road Accident Fund, Inkantolo enkulu Yokwedlulisa Izicelo yakhipha umyalelo wo-kuthi (ngesivumelwano phakathi kwabantu) umfazi wesiko, lapho kwakunomshado wabantu bonke ngaphambilini, wayenelungelo lokufuna ukulahlekelwa ukondliwa umyeni wakhe. Okunye, Um-nyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo wayalelwa ukuthi: "ezinyangeni eziyi-18 zalo myalelo, ubukeze uk-ufaneleka kokuba khona okuqhubekayo kweSigaba 31 soMthetho Wokuchibiyela Imithetho Yabantu Abamnyama 76 ka-1963 ngoku-bona ukukhishwa kwawo ohlelweni lwawo lwabesifazane imishado yabo esemthethweni ngokomthetho wesiko, nakuba umshado wa-bantu bonke ukhona nasembonweni wokusungulwa kwawo ngo-kohlelo lomthetho olubandlulula ngokobuhlanga."
Okunye, i-RCMA ihlinzekela indlela yokuthi indoda ehlose uku-thatha abanye abafazi ngokomthetho wosiko ifake isicelo enk-antolo ukuze ithole imvume yesivumelwano esishoyo ukuthi im-pahla yabafazi kuzobhekwana kanjani nayo. Lokhu kuhlinzeka, yize uhlose okuhle awusebenzi ngempumelelo. Akunanhlawulo endodeni engenzi kanjalo futhi akucaci (futhi angeke kwenzeke) ukuthi umshado wesibili awuzuba semthethweni ngenxa yokunga-bi bikho kwesivumelwano. Uma ngabe bekunjalo lokhu bekusazo-bandlulula umfazi wesibili, njengoba ubezohlawuliselwa ukuhlule-ka ohlangothini lomyeni wakhe.
U-Elizabeth Gumede wangena emshadweni wesiko ngonyaka ka-1968, okwakuwumshado kuphela lapho umyeni womfaki sicelo wayeyingxenye khona. Umshado sewuchithekile futhi angeke kusalungiseka, ngoJanuwari ka-2003 umyeni wakhe wafaka iz-inqubo zesahlukaniso. U-Nkk Gumede wayengasebenzi nge-sikhathi beshadile, kodwa wayenakekele ikhaya lomndeni kanye nezingane ezine. Umndeni wathola iziqephu ezimbili zempahla enganyakazi ngesikhathi somshado nefenisha nezinto zikagesi kukokubili kwakungabiza cishe izinkulungwane ezingamashumi amane (R40 000) ngakunye.
Umthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko uhlinzeka ngokuthi umshado wesiko ophethwe emva kokuqala koMthetho, okungom-hla ka-15 Novemba 2000, ngokuzenzekelayo bashade umshado ohlanganisa amafa. Umthetho awuhlinzeki-ke kodwa ngomthetho wempahla maqondana nemishado yesiko ephethwe ngaphambi kokuqala koMthetho, kanti leyo mishado okulandelayo ilawulwa umthetho wesiko. Umthetho wesiko KwaZulu-Natali uhlelwe kuMthetho waKwaZulu kanye neKhodi yaseNatali, kokubili okuh-linzeka, esigabeni 20, ngokuthi umyeni uyinhloko yomndeni kanye nomnini wayo yonke impahla yomndeni.
Ngenxa yoMthetho waKwaZulu, Ikhodi yaseNatali kanye nokunga-bi bikho kokuhlinzekelwa kuMthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko ukuthi owesifazane osemshadweni wesiko ophethwe nga-phambi koMthetho empeleni angeke abe nelungelo lalutho eku-pheleni komshado. Kodwa-ke, kwenziwe ukuhlinzeka kuMthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko enkantolo, ekuhlakazek-eni komshado wesiko, ukusebenzisa amandla ashiwo kuMthetho Wezahlukaniso NgokoMthetho wezahlukaniso, inkantolo inokwen-za ngokubona kwayo, ekuhlakazekeni komshado, ukudlulisela im-pahla komunye okuganenwe naye iye komunye.
UMoseneke DCJ, ebhalela Inkantolo evumelana ngazwi linye, wah-lola izigaba 71 no-720 zoMthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko, okunomphumela wokuthi imishado ephethwe ngaphambi kokumiswa koMthetho Wokuhlonishwa kwemishado Yesiko imi-shado 'emidala' izoqhubeka ilawulwe umthetho wesiko, ngesikha-thi leyo ephethwe emva kokumiswa koMthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko imishado 'emisha' kufanele kube yimishado ehlanganise amafa kanye nenzuzo nokulahlekelwa, ngaphandle lapho abantu bevumelana ngenye indlela.
Uphinde wabheka umthetho wesiko womshado ohlelwe ngo-koMthetho KwaZulu-Natali, okubeka owesifazane oshadile nga-phansi komthetho wesiko emandleni omshado omyeni wakhe, onamandla akhethekile nonokulawula yonke impahla yomndeni. UMoseneke DCJ wathola lokhu kuhlinzeka okuphikisanayo kuz-iveza ngokwakho ukuthi kuyabandlulula okungenani ngesizathu esisodwa esibaliwe sobulili.
UMoseneke DCJ wathola ukuthi abaziphendulelayo behluleka uku-nikeza isizathu esanele salokhu kubandlulula okungesilo iqiniso. Wayekholelwa ukuthi isigaba 8 (a) soMthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko, esinikeza inkantolo enikeza isahlulelo ses-ahlukaniso somshado wesiko amandla okuyalela ukuthi izimpahla zomshado wesiko kufanele zahlukaniswe kanjani phakathi kwa-bantu, akusiyo impendulo noma isizathu sokubandlulula ngendlela engenaqiniso okuncike esizathwini esishiwo sobulili.
Lokhu kungenxa yokuthi isigaba 8 soMthetho Wokuhlonishwa Kwemishado Yesiko asikwelaphi ukubandlulula umlingani osem-shadweni wesiko okufanele akubekezelele ngesikhathi eshadile. Uhlelo lobunikazi emshadweni womthetho wesiko ngesikhathi sokuqhubeka komshado, njengoba kuhlelwe emthethweni weKho-di yaseNatali, ngokucacile ubeka umkhawulo kokushiwo ngokulin-gana kuMthethosisekelo kanye noMthetho Wokuhlonishwa Kwem-ishado Yesiko.
amakhophi amane afakazisiwe omyalelo wenkantolo wesikhashana i-afidavithi eyenziwe umuntu okhalazayo noma umsebenzi wenkantolo ngemali ekweletwayo okufanele ikhokhwe ngokomyalelo.
isimemezelo noma ubufakazi bommangali ikheli lendawo kanye nelasemsebenzini lommangalelwa.
isithombe kanye nencazelo yommangalelwa ubufakazi basekuqaleni isitifiketi somshado, isitifiketi sokuzalwa, izithombe njll.
njenge-afidavithi amakhophi amathathu emibhalo eshiwo ku-(b) no-(c) ngenhla esimeni seNkantolo Ephakeme, Amakhophi amane kanye nekhophi yokwengeza edingeka enkantolo.
ziswe ngesiNgisi. Isitifiketi sokuthi umbhalo uyikhophi eyiqiniso yowokuqala embhalwe-ni ngokwawo kufanele uvele hhayi njengesi-jobelelo noma okuxhunyiwe.
Umsebenzi wezezondlo uzodinga enk-antolo yezondlo ukuqinisekisa ubuzwe bommangalelwa. Umsebenzi angenzaukuthi nanoma yimuphi umuntu, kubanda-kanya nomuntu okufanele akhokhe isondlo ngokusemthethweni abizwe uukuthi azovela ngaphambi kwenkantolo yezondlo. Lowo muntu uzonikeza ubufakazi noma akhiphe incwadi noma isitatimende, kubandakanya isitatimende esenziwe umqashi wakhe esho umholo wakhe ogcwele.
Uma ummangalelwa kungowaseNingizimu Afrika, imibhalo ephathelene nomyalelo wokugcina idluliselwa ehhovisi eliyinhlo-ko le-DoJ&CD kumantshi wesigodi lapho ummangalelwa ehlala khona. Umyalelowokugcina kufanele ubhaliswe ngokwesiga-ba 3 soMthetho ngokufaka imininingwane yemiyalelo kurejista egcinelwe ukubhaliswa emiyalelweni yezondlo. Kurejista, usuku, indawo, kanye nezwe elimenyezelwe lapho kwenziwa khona umyalelo kufanele laziwe. Umyalelo kufanele urejistwe ngokushesha futhi kungabi nasizathu sokuthi uyekweumisiwe.
Isaziso sizodluliselwa kummangalelwa nge-posi elirejistiwe simtshela ukuthi akakhokhe ngokomyalelo kamabhalane wenkantolo ye-zondlo. Ihhovisi eliyinhloko kufanele laziswe ngosuku lokubhaliswa komyalelo.
Ngelanga lokuqala lomcimbi kwakunandisa amaqembu asendaweni. Onke amaqembu akhuthaza umphakathi, ikakhulukazi abesi-fazane, ukuthi bakhulume futhi kube khona abakwenzayo ukulwa nokuhlukunyezwakwabesifazane nezingane.
UMnu. Magadane wakhuthaza abasebenzi ukuthi bamthinte uma kwenzeka behlangabezana nezink-inga futhi bedinga usizo. Abasebenzi banikezwa ithuba lokubuza imibuzo.
UJaji Musi wathi i-HIV ne-AIDS wudaba lwezempilo nelungelo lomuntu ngoba lubu-lala ngisho abazali bese beshiya izingane eziyizintandane. "Ngonyaka odlule sigubhe lolu suku njengeNkantolo Ephakeme kodwa namhlanje luhlukile njengoba luhlanganiswe neHhovisi Lesifunda Lezobulungiswa."
Uqhubeke wathi uma abantu sebehlolwe baba nalo akufanele baphile ekhoneni labo kodwa babonane nengxenye ye-Wellness ukuze belulekwe ngokwengqondo. Abase-benzi bezobulungiswa nabo belulekwa ukuthi basebenzise abeluleki abangontanga ehho-visi lesifunda sabo. Wathi, "Ukuze nisizakale kufanele nazi amalungelo enu emsebenzini ngokuthi nivule i-intranet yomnyango nifunde ngenqubomgomo ye-HIV emsebenzini. Uk-wazi isimo sakho kuyakusiza ukuthi uphile impilo enempilo ngokuthi uvocavoce futhi udle ukudla okunempilo."
Inhlanganyo i-Mosamaria efundisa abantu abane-HIV ukuthola ukwelashwa nokusiza imindeni empofu ukuthi ilime ukudla ezokudla ngemuva emagcekeni ayo nayo yabusisa lo mcimbi ngokuba khona. Izingane ezivela eMosamaria zadlala idrama ethinta imizwa nge-HIV ne-AIDS nokuthi ingadluliswa kanjani emndenini.
Izimali ezingafuniwe sikhwama Sababheki sivikela futhi siphatha izimali ezikhokhwa ehhovisi lika-Master egameni labo bobabili abantu abaziwayo nabangaziwa.
Akekho umuntu kubandakanya u-Master onomthetho wokuqasha umbheki osemthethweni noma umuntu ozobheka ingane engaphansi kweminyaka ngaphandle kweNkantolo Ephakeme. Kanjalo-ke Inkantolo Ephakeme kuphela engancisha umbheki wendalo ukubheka ingane yakhe engaphansi kweminyaka.
Ukunikezwa amandla okubheka ingane engaphansi kweminyaka, Umthetho Wokunakekela Ingane, 74 ka-1983, uhlinzeka ngokuthi Ukhomishina Wenhlal-akahle Yezingane wesigodi lapho ingane engaphansi kweminyaka ehlala khona, oyiMantshi ekhethiwe, angaqoka umuntu ozobheka ingane engaphansi kweminyaka, uma emva kokubuza, kutholakala ukuthi ingane engaphansi kweminyaka ingane edinga ukunakekelwa.
Isigaba 14 soMthetho Wokunakekela Izingane usho izimo lapho ingane enga-phansi kweminyaka kuthiwa idinga ukunakekelwa khona, futhi kubandakanya isimo lapho ingane ingenabazali noma nambheki noma ingane umzali wayo noma umbheki kungatholakali umkhondo wakhe. Umuntu onikezwe amandla okugcina ingane, oqokwe nguKhomishina Wenhlalakahle Yezingane, umuntu obhekene nomsebenzi wokunakekela usuku nosuku ingane engaphansi kweminyaka. Kodwa-ke umuntu ogcina ingane unelungelo lokuphatha izim-pahla zengane esengaphansi kweminyaka yobudala.
Kwenzekani ngezimali uma zidiphozwe eSikhwameni SababhekiUma u-Master ethola noma emukela nanoma iyiphi imali kufanele avule i-akhawunti ezincwadini zeSikhwama Sababheki egameni lomuntu imali okung-eyakhe noma ifa leyo mali eliyingxenye yalo. Uma umzuzifa engaziwa kunga-vulwa i-akhawunti egameni lomuntu imali evela kuye noma ifa okususelwe kulo le mali. Imali eseSikhwameni Sababheki itshalwe ku-Public Investment Com-mission kanti kucutshungulwa amabhuku njalo ngonyaka?
Ngingakwazi ukufuna nanoma yisiphi isondlo eSikhwameni Sababheki, uma kunjalo, kanjani?
Umnikazi we-akhawunti osengaphansi kweminyaka yobudala kanjalo no-muntu ongeke akwazi ukubheka izindaba zakhe angafuna isondlo eSikhwa-meni Sababheki. U-Master unelungelo lokukhokha yonke inzalo enqwabelene kanjalo nefika ku-R 100 000 emalini etshaliwe iyonke yesondlo, njengezimali zesikole nezenyuvesi, izimpahla zokugqoka, izimpahla zokudlala nezekhompi-yutha, izimali zokwelashwa, imali yokubhoda kanye nokuhlala kanye nanoma yiziphi ezinye izidingo ezingabekelwa izizathu. Isondlo singafunwa umbheki, umfundisi, umgcini noma umuntu obheka um-nikazi we-akhawunti ngokufaka isicelo ngesimo sefomu J 341, elesekwa nga-makhotheshini kanye nama-akhawunti. Kungakhokhwa ngqo kumnikezeli wom-sebenzi, njengezikole, amanyuvesi, izitolo zezincwadi, njll.
Umnikazi we-akhawunti angayifuna nini imali etshaliwe, futhi kanjani?
Izingane ezingaphansi kweminyaka yobudalaEsimeni esejwayelekile ingane engaphansi kweminyaka yobudala ingafaka isicelo semali etshaliwe kanjalo nenzalo enqwabelene uma isifika eminyakeni yobudala babo bonke abantu, okuwusuku lokuzalwa leminyaka eyi-18, um-shado noma isimemezelo esenziwa Inkantolo Ephakeme yabadala. Kodwa-ke umnikazi wefa angasho eminye iminyaka yobudala uma umzuzifa enelungelo emalini yonke etshaliwe, okuyiminyaka engamashumi amabili nanhlanu noma ngisho iminyaka engamashumi amathathu esimeni sokugcina inzalo iyonqwa-belana kuphela eminyakeni engamashumi amabili nanhlanu yobudala.
Imali ingafunwa umnikazi we-akhawunti uma enelungelo ngendlela yokufaka isicelo ngesimo sefomu J 251, yesekwa ikhophi efakazisiwe yencwadi kamazisi yomnikazi we-akhawunti/iphasiphothi/isitifiketi somshado/umyalelo wenkantolo.
Imali ingafunwa umnikazi we-akhawunti uma sebazi nge-akhawunti futhi ku-fanele ngendlela yokufaka isicelo ngesimo sefomu J 251, elesekwa yikhophi efakazisiwe yencwadi kamazisi yomnikazi we-akhawunti/iphasiphothi.
Zenzeka kanjani izinkokhelo?
Imali kungaba eyesimo senzalo noma isondlo ikhokhwa ngokusebenzisa isheke eliqondene nomuntu okhokhelwa lona bese liposwa noma lidophozwe ku-akhawunti yebhange yomuntu okhokhelwayo.
Kwenzekani ngemali uma ingafunwanga ngesikhathi?
Ngizokwazi kanjani ukuthi nginelungelo lemali eseSikhwameni Sababheki?
U-Master ukhangisa kuGazethi Kahulumeni njalo ngonyaka ngoSepthemba onke ama-akhawunti okufanele kufunwe kuwo imali. I-akhawunti ngayinye ikhangiswa kathathu. Izinhlu eziseshekayo zezinhlu zemali engafuniwe eSikh-wameni Sababheki zizoba khona ngokushesha kuwebhusayithi yeHhovisi lika-Master.
Ziyini izindleko zokuphatha kubanikazi bama-akhawunti?
Isekela LikaNgqongqoshe u-Andries Nel ngesikhathi senkulumo yakhe ebalulekile. Phakathi nendawo: UMnu. Nel unikeza abasebenzi izitifiketi zokubonga abavela ezifundeni kanye ngakwesoKudla le: Abasebenzi balalela inkulumo ebalulekile yeSekela LikaNgqongqoshe.
Ekhuluma ngendikimba, "Ngibhekene Nomse-benzi, Sibhekene Nomsebenzi, i-SA Ibhekana Nomsebenzi," Isekela LikaNgqongqoshe lathi wonke umuntu ubhekene nomsebenzi wokud-lulisa le miyalezo. "Ngicabanga ukuthi kuwum-sebenzi wethu ngamunye ukuthi sithathe le mi-yalezo sikhulume ngayo noma kuphi lapho esiya khona. Sinecala kithi kanye nesizwe sethu lo-kuthi sibhekane nomsebenzi kokubili ngamunye nangokuqoqana." Wengeza ngokuthi indikimba ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqede ukusabalala kwe-HIV ne-AIDS.
UMnu. Nel uqhubekile wachaza ukuthi indikimba yalo nyaka isho ukuthini. Ngibhekene nomse-benzi, kuthi sonke ngamunye masisazi isimo sethu sokuhlolela i-HIV ngokuvamile. Wathi int-sha kufanele yephuze ukuya ocansini okokuqala benze izinqumo ezenziwe ngokwazi ukuvimbela ukukhulelwa okungadingekile kanye nezifo ze-HIV.
Waqhubeka wakhuthaza wonke umuntu ukuthi abambe iqhaza lakhe ekulweni nokusabalala kwe-HIV ne-AIDS. "Sonke njengabasebenzi balo mnyango sidlala indima yobuholi emiphakathini ehlukene. Njengoba sesizoya esikhathini sama-holide kakhisimuzi, ukuchitha isikhathi nemindeni yethu kanye nezinhlangano esingaphansi kwazo, kuyithuba lethu lokudlulisa le miyalezo."
Ekhuluma ngokuqwashisa ngokukhubazekaemnyangweni. U-Dkt De Wee wathi umnyango uzoqhubeka nokunikeza amandla abasebenzi ezindabeni zokukhubazeka. Wathi indlela yom-nyango ukuqhubeka nokukhuphula ukuqwashisa ngezindaba eziphathelene nokukhubazeka em-sebenzini. Lokhu kuzoqinisekisa indawo ekahle yabantu abakhubazekile. Kuzokwenza indawo efanele yokusebenza ukuqinisekisa ukwazi amandla omuntu ngamunye.
Wakhombisa ukuthi imizamo yokuveza uku-qwashisa ngezindaba zokukhubazeka ziqondis-wa Uhlaka Lomthetho Wokukhubazeka. Wathi umnyango kufanele uhambisane nazo zonke iz-inhlaka zomthetho futhi uze weqele ngale kwalezi zidingo ukuze ufeze lokho okuhlosile ngezindaba zokukhubazeka. "Kwamukelwe amasu ahlukene ukufeza lokho okuhlosiwe ngalezi zindaba."
Wathi, "Lokhu kubandakanya ukubukeza amasu okuqasha, ukuhlinzekwa kwendawo yokuhlala ekhale kanye nokwakhiwa nosizo lokuphatha izakhiwo zokukhubazeka. Umnyango wenze inqubekela phambili ekuqin isekiseni ukuthi kuyafinyeleleka kuwo wonke amabhilidi omnyango. Ngiyajabula ukunazisa ukuthi ama-odithoriyamu ehhovisi likazwelonke manje abantu abakhubazekile ngo komzimba sebeyakwazi ukufinyelela kuwo."
Iqoqo libandakanya Umnyango Wezokuhlunyelel-iswa Kwezimilo, Ezokuvikela kanye Nomkadebona Kwezempi, Wezasekhaya, Ubulungiswa kanye Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, Wezama-phoyisa Nokuvikeleka Kukahulumeni.
Inhloso eyisisekelo yeqoqo ukuhlinzeka indlela ehlanganisiwe ekuqaliseni ukusebenza kwezinhle-lo zomnyango ezahlukene ezingena ngaphansi kokuqiniswa komthetho wesambulela sokuvikela. Lezi zinhlelo ekugcineni kwakho konke zifaka isandla enhlosweni eyodwa yokuqinisekisa ukuthi izwe lethu yindawo lapho abantu beqhubeka nok-uphila enkululekweni nasekuvikelekeni.
balulekile zizoqinisekisa ukufinyelela ekufikeni nasekuphumeni ezweni.
Kunemizamo eminingana eyenziwayo ukulungisa Uhlelo Lwezobulungiswa Olubhekene Nobuge-bengu ukuze kwenziwe ukuthi lusebenze kahle nangempumelelo.
Leli qulo liphenya izindlela zokwenza nokuqinisa Izinhlangano Zokuphepha Emphakathini ezizoya ngale kwendlela "yokuqashwa kwendawo ese-duze" yokuvikela imiphakathi. Izinhlangano zizobe zibheka ukuthi ababambiqhaza abehlukene baka-hulumeni nabemiphakathi bangasebenzisana kanjani ukwakha imiphakathi esimeme, ena-kekelayo neqaphelayo. Ngesikhathi esibhekiwe, amaphrojekthi ayisishiyagalolunye obugebengu obuhleliwe aqedwa ngempumelelo kwenziwa nokuboshwa okuphathelene nawo okungama-53. Lokhu futhi kwaholela ekuthathweni kwezibhamu ezingekho emthethweni eziyi-5 080.
Kunenamba enkulu yeziboshwa ezisalindele ukuthethwa kwamacala ezingakwazi ukukhokha amanani aphansi ebheyili ebekwa yizinkantolo. Isidingo sokuthi kuhlanganiswe futhi ngempu-melelo iziboshwa zangaphambilini nomphakathi kuseyinselele enkulu emkhakheni wokuhluny-eleliswa kwezimilo. Ukubhekana nalezi zinselele iqoqo lizosebenzisa ukuhlinzeka koMthetho Wez-inqubo Zobugebengu ovumela abantu ababekwe amacala noma abashushisi ukuthi bafake izicelo zokwehliswa kwamanani ebheyili. Izinhloko zezik-hungo zokuhlumelelisa izimilo zizovunyelwa futhi ukudedela abantu ababekwe amacala ngesex-wayiso esikhundleni sebheyili. Kunesivumelwano senqubo yeBheyili ekhona esayinwe yiyo yonke iminyango engamaqoqo e-JCPS ukwenza lula in-qubekela phambili yalolu hlelo.
Njengamanje ziyi-15 000 iziboshwa ezihlang-anyela ekufundeni ukubhala nokufunda, imfundo eyisisekelo kanye nokuqeqeshwa, kanye nez-inhlelo zezemfundo eqhubekayo nokuqeqeshwa. Lokhu kumelele ingxenye encane yabantu bonke abasejele jikelele futhi kufuna imizamo emikhulu ukuhlomisa inamba enkulu yabonile ukuthi uma sebephindela emphakathini.
Ubuchwepheshe bokubamba okuphilayo buqal-iswe emahhovisi esifunda angama-40 ukuvikela ulwazi oluqoqiwe oluthathwe emahhovisi apham-bili. Okwamanje lusetshenziselwa izicelo zama-phasiphothi futhi luzokwelulelwa ezicelweni zi-kamazisi (ID) ngo-2010.
Isitifiketi esifingqiwe sokuzalwa sesenziwe ngco-no izinga ukuthi sifake imininingwane yomzalioyedwa (ikakhulukazi umama). Ukufakwa kolwazi olwengeziwe kuzosiza kakhulu ekuvimbeleni uku-setshenziswa ngendlela engafanele izitifiketi zoku-zalwa.
Iqoqo nalo lisohlelweni lokwenza into yokupha-tha umngcele owodwa ohambisana nokwenza kwamazwe omhlaba. Kuzoholela endleleni ewum-faniswano nehlanganisiwe ekuvikeleni umugqa womngcele nokuphatha amachweba okungena.
Lokhu kwakuhlanganyelwe ne-Hhovisi Lesifun-da LaseMpumalanga, Imisebenzi Yamaphoyisa eNingizimu Afrika, Imisebenzi Yokuhlunyelel-iswa Kwezimilo, Imisebenzi Yezempilo Nenhla-lo Yomphakathi.
U-Advocate Faith Phala wachaza iqhaza leqo-qo le-JCPS ngokugcizelela Umqulu Wemise-benzi Yabahlushwa Bobugebengu. Uthe,"Abahlushwa bobugebengu kanye nokuhlu-kunyezwa banelungelo lokuvikela kunanoma yikuphi ukusabisa okungabekwa abenza ubugebengu. Umnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo unoHlelo Lokuvikelwa Kofakazi olwenzelwe ukuvikela abahlushwa ubugebengu nokuqinisekisa uku-thi uma kudingeka bazoyiswa endaweni yoku-phepha."
UMnu. Don Makaula, Umsebenzi Wokupha-tha Kwezomthetho, wafundisa umphakathingeNkantolo Yokufuna izimali ezincane nokuthi bangazifuna kanjani izimali ezincane ngokuse-benzisa izinkantolo. Uthe, "Into ebaluleke kakhulu ngokufuna izimali ezincane ukuthi isi-vumelano esibhaliwe phakathi kwabantu ababi-li senza ukuthi kube lula ukuthi ubize imali. Isivumelwano sizofakwa bese sisetshenziswa njengobufakazi enkantolo yomthetho."
U-Adv Nkosi wathi nakuba umzali ekhokha imali yesondlo ngenyanga ngengane, umzali kufanele futhi size ngokuhlinzeka ngezinye izidingo ezifana nezimpahla zikaKhisimuzi. Lokhu kwenzeka uma imali yesondlo yenyanga ingenele ukubhekela zonke izidingo zengane.
Izihlwele nazo zafundiswa ngamalungelo abo okuthola ukumelelwa komthetho okuvela ku-Legal Aid South Africa uma bengeke bakwazi ukukhokhela ummeli. Wagcizelela ukuthi abazali abasebancane kufanele bangakhishelwa ngaphandle esondlweni. Wathi, "Uma indodakazi yakho inengane akufanele ukuthi incishwe amalungelo ayo esondlo."
U-Advocate Nkosi uqhubeke wakugqamisa ukondliwa ngokulingana lapho umzali esezweni elingaphandle. Wakhuluma ngamalungelo ez-ingane okufuna isondlo ngaphadle komngcele wobudala. "Izingane zinelungelo lokondliwa zize zisebenze ngisho ngabe zineziqu zamaz-inga emfundo aphezulu."
UThokozile Moloi weMisebenzi Yokuhlunyelel-iswa Kwezimilo uphakamise inselele ebhekene nomnyango ngezingane ezingafanele ukuba sejele. Uthe izibalo zikhombisa ukwanda kwe-namba yezingane ezingabahlushwa ngokudl-wengulwa ngenxa yabazali bazo. U-Nk Moloi ukhulume ngecala lengane eyadlwengulwa ubaba wayo emva kokuba umama wayo ese-shonile. Ingane yagcina ngokumbulala ubaba wayo ngenxa yokuthi wayihlukumeza ngocansi.
Ummeleli we-Msugaligwa Cooperative Forum wayejabule ngokuthi uhulumeni ubabanda-kanya kanjani abanikazi bamaphrojekthi kanye nomphakathi. Watshela bonke abazali besilisa ukuthi omama badinga ukuvikelwa nokuthand-wa kodwa amadoda adinga ukuhlonishwa. "Uhulumeni udinga abantu abazosebenza ngamaqembu abantu abahlanu babe nombono ofanayo. Uthe, "Kudingeka futhi abahlangany-eli ukuthi balwe nobumpofu emindenini." Um-phakathi wexwayiswa futhi ngabantu abase-benzisa igama likahulumeni nggokungekhoemthethweni ukwenza imali.. UMnu. Shabangu udlulise umyalezo ocacile ovela ku-Chrissiesmeer Community Policing Forum (CPF). Uthe, "sekuyisikhathi sokuyeka ukuthembela eminyangweni engamaqoqo uku-lwa nobugebengu. Nanoma hlobo luni lobuge-bengu kubandakanya ukuhlukunyezwa nakho kungumsebenzi wethu futhi kungumsebenzi wawo wonke umuntu."
Wakhombisa ukuthi kunemibiko eyenziwe ngesenzo esivukayo futhi ezingxenyeni ezithize zezwe. Wathi amantombazanyana aphakathi kweminyaka eyi-11 ukuya kweyi-18 aphoqelelwe ukuthi agane amadoda amadala. "Ikhomishini seyicele ukuphenya lesi senzo sokuthwala ikakhulukazi umthelela waso ezinganeni bese yenza izincomo," kusho uMnu. Mdumbe. Lokhu kuvamise ukwenzeka ngemvume yababheki kanye nabazali bekhuthazwa ukucabangela ukuthola imali yelobolo. UMnu. Mdumbe ukuvumile ukungenelela okuthize okwenziwa nguhulumeni ukubhekana nalezi zinselele.
Wathi kufanele ukuthi abantu bakwazi ukuphen-dula ukuthi ingabe "ukhona yini omunye umnyan-go ofanele ukubhekana nalesi senzo ngaphandle koMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo." U-Adv Ntsebenza wabuza izithunywa ukuthi ingabe lesi senzo ngesidala na, sinobuqiniso noma siyindida yini. Wathi "Kuding-eka sazi ubukhulu balesi senzo, ngoba uma sin-gazi, asinasiqiniseko sokuthi yini lena esibhek-ene nayo."
USihlalo we-SALRC u-Justice Yvonne Mokgoro wathi umqondo woKuthwala isenzo sesiko. "Thi-na njengesizwe siye sazibophezela ukuhlonipha amasiko abo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Savuma ukuthi sizohlonipha amasiko amaqembu ahlukene ezweni," kusho u-Justice Mokgoro. Wathi kwakuphikisana nalo mlando ukuthi isiga-ba 31 siyingxenye yoMthethosisekelo wethu.
Lesi sigaba sikhuluma ngokuvikeleka kwesen-zo sesiko kanye nenkolo kuleli zwe. U-Justice Mokgoro wathi Ukuthwala kungenzeka kungabi inkinga ngaphandle uma kusetshenziswa ngendlela ephikisana nenkululeko yokuzikhet-hela komuntu ngamunye kodwa isiko ngokwalo alibukeki liyinkinga kodwa ukwenziwa kwesiko kuphazamisa uthando lwabesifazane nezingane.
Wakhumbuza izithunywa ukuthi isizwe sikugci-zelela kakhulu ukuphatheka kahle kwezingane. Wathi izwe lizinikele ukubona futhi lithathele ph-ezulu lokho okufunwa yizingane kube kukhulu ezimeni zonke, yingakho nje kunesigaba 28 soMthethosisekelo esivikela amalungelo ez-ingane.
Umthethosisekelo, kuchaza u-Justice Mokgoro, uhlanganisa zonke izakhamuzi zaleli zwe ukuthi zihloniphe amasiko abanye abantu. Kufanele ngabe samukela isidingo sokuthi senze amasiko ethu kahle hle ukwenza okukhulu amasiko ngoba isiko linomphumela wokuhlanganisa emphakathini ngamunye kanye nomphakathi wonke.
Ucele bonke ababambiqhaza, ikakhulukazi abezindaba ukuthi banikezele ngesixazululoezinkingeni ezibhekene nomphakathi. "Lena akusiyona nje inkinga kahulumeni ne-SALRC; kuhle ukuthi imiphakathi yonke kanye nabezind-aba ikakhulukazi nabo basize ekuthombululeni ubunzima beze nezixazululo. Ngibona ubukhona benu lapha namhlanje njengesixazululo sobunz-ima esibhekene nabo maqondana nokuvikeleka kwezingane zethu kuleli zwe."
Iziphakamiso kanye nemibono kwavela kubabambiqhaza abehlukene. uma into iyicala lobugebengu, kufanele iphathwe kanjalo, kusho esinye isithunywa. Esinye isithunywa sathi izwe akufanele libanjwe ngesidlozana ngamanyeamalungu omphakathi afuna ukwanelisa lokho okufunwa yiwo uqobo ekulweni nalabo besifa-zane nezingane njengoba bevikelwe Umthetho-sisekelo. Wathi izwe akufanele lisinake lesi senzo nhlobo.
Ukukhuthaza ukuphila kahle kwabasebenzi endaweni yomsebenzi u-Nk Ephenia Mo nana ugqamise izinsizakalo okufinyeleleka kuzo zabo bonke abasebenzi eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthetho-sisekelo. Abasebenzi batshelwa ukuthi base-benzise amakhadi okuqwashisa abasebenzi nokuvimbela izifo ezintsha. U-Nk Monana uxwayise wathi, "Sinokutheleleka okusha okuholela emdlandleni ophansi kubasebenzi. Ngikhuthaza ukuthi nethembeke kubalingani benu futhi nikhulume nge-HIV. Uma ungeke ukwazi ukuhlala sebenzisa amakhondomu-ke ukuvimbela ukusabalala kwaleli gciwane."
Uqhubeke wathi uma abantu sebehlolwe baba nalo akufanele baphile ekhoneni labo kodwa babonane nengxenye ye-Wellness ukuze be-lulekwe ngokwengqondo. Abasebenzi bezobu-lungiswa nabo belulekwa ukuthi basebenzise abeluleki abangontanga ehhovisi lesifunda sabo. Wathi, "Ukuze nisizakale kufanele nazi amalungelo enu emsebenzini ngokuthi nivule i-intranet yomnyango nifunde ngenqubomgo-mo ye-HIV emsebenzini. Ukwazi isimo sakho kuyakusiza ukuthi uphile impilo enempilo ngo-kuthi uvocavoce futhi udle ukudla okunempilo."
I-GEMS ihlinzeka ukuxhasa okungamaphe-senti ayikhulu kumazinga abasebenzi oyedwa kuya kwabahlanu kodwa angibaboni bezile namhlanje." Wathi, "Uhlelo Lokuphatha Isifo lwe-GEMS oluphelele noluyimfihlo lukhona futhi abasebenzi kufanele bazi amalungelo abo ukuze bathole ama-ARV noma ngabe bakuluphi ukhetho ."
Isikhulumi selanga sokukhuthaza, sakhuthaza izihlwele ukuthi zithi ukuyeka ukucabanga nge-HIV ne-AIDS ngokuthi zingavumeli ub-hubhane ukuthi luthathe izimpilo zazo kodwa kufanele zibe nisifiso sokuphila. Saphinde sathi i-HIV ibonakala njengomsebenzi we-sikhathi esigcwele ngoba kufanele ibhekelwe njalo ngezingcindezi zayo nezinselele. Sathi, "Izinselele zingahluka kusuka kukho kokubili wena uqobo nokuthuka kwabantu. Ezinye izin-selele zingabangelwa odokotela abaphikisana bodwa ngani, imindeni yenu kanye nabangane kwesinye isikhathi abenza sengathi bayanith-anda futhi bayaninakekela."
Abantu abakhubazekile batshelwa ukuthi ban-gavumeli zimo zempilo ukuthi zilawule lapho beya khona. Saphetha ngokuthi, "Ekukhubaze-keni unezinto ezifana nezabo bonke ozakwenu emsebenzini. Ukuphila nokukhubazeka kusho ukuthi ungakhona ngokwemizwa nangoko-moya."
U-Nk Phillipine Movundlela ongaboni wagci-zelela isidingo sokufananisa ukukhubazeka nakho konke okunye. Wathi isidingo sokufa-nanisa nakho konke kwaholela ekutheni kube khona Umthetho Wokulingana Emsebenzini kanye nenqubomgomo yokuKhubazeka. Im-inyango yabaqondisi yayikhuthazwa ukuthi ihlanganyele futhi ithole ukuthi ziyini izidingo zabantu abakhubazekile emsebenzini.
U-Nk Movundlela wathi, "Angeke sikwazi ukwenza yonke into sisodwa futhi yileso sizathu sidinga usizo lwenu. Isibonelo, ukugcwalisa ifomu lokubhalisa kanye nokuthayipha ngekhompiyutha ejwayelekile kungaba umsebenzi onzima kithi. Yingakho nje uhlelo lwe-JAWS kufanele lwethulwe emsebenzini."
