‘Sigubha iNyanga yeNtsha’
Isiqubulo: “IPhalamende elinakekelayo elenza ngcono intuthuko yentsha ukuze ifinyelele enkululekweni yezomnotho.”
“Umlando wethu ubulokhu uphoqa abantu abasha ukuthi bakwazi ukumelana nemisebenzi besebancane. Yibo abalwela inkululeko ngenkathi kufanele ngabe bayadlala noma basesikoleni. Manje intsha yaseNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo ezinkulu ngenxa yokuncisheka amathuba eminyakeni eminingi, ngenxa yodlame kanye nokuphazamiseka kwemfundo. Kuzodingeka ukuthi umuntu abe nesibindi aphinde azibophezele ukuze anqobe izingqinamba kanye nokuthi abantu abasha bazithokozele ngokugcwele izinzuzo ezilethwe yintando yeningi ezinzile.” (NguNelson Mandela, mhla ziyi-15 kuNhlangulana (kuJuni) we-1997)
Ukubaluleka kukaNhlangulana 16
uNhlangulana mhla ziyi-16 wamenyezelwa nguhulumeni wentando yeningi njengoholide emva konyaka we-1994. Lokhu kungukukhumbula ukusukuma/ukuphakama kwentsha okwenzeka kuNhlangulana ngonyaka we-1976. Inyanga yonke ibekelwe ukugubha ukuzabalaza kwabantu abasha baseNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo.
Uwuphawu lokuzabalaza kwentsha yaseNingizimu Afrika, okwaqala ngonyaka we-1976 waqhubeka kwaze kwafika intando yeningi ngonyaka we-1994.
Lo mzabalazo wentsha waholela ekuthuthukisweni kohlelo lwezemfundo oluhlonipha isithunzi, ukwehlukana kwamasiko, kanye nokwazi ukuzikhethela, nokulwela ukuqinisekisa ukuthola okulinganayo.
Intsha yeminyaka yo-70 yaba nesandla ekwenzeni ikusasa lezwe lethu.
Basaqhubeka nokudlala indima ebalulekile emphakathini, kanti nohulumeni wentando yeningi naye uzibophezele ethuthukiseni intsha, njengabaholi bakusasa kanye nabagcini benkululeko yethu esayithola kanzima.
Izinselelo intsha ebhekene nazo.
Intsha yanamhlanje ibhekene nezinselelo eziningi ezibandakanya lezi:
Ukuntuleka kwemisebenzi
Inhlupheko
Ubugebengu
Izifo kanye nokutheleleka
Ukusweleka kwamakhono
Ukungatholakali kwezinsiza eziyisisekelo.
Umthelela wegciwane lesandulela-ngculaza kanye nesifo sengculaza uqobo iwuzwele kakhulu intsha. Imizi ephethwe yintsha nezingane ezincane iyanda ngenxa yokushona kwabazali bebulawa yizifo ezingosomathuba, ezifana nesifo sofuba ezisondelene negciwane leandulela-ngculaza nesifo sengculaza uqobo.
Intsha inalawa mathuba
Ethula iNkulumo kaMongameli ngeSimo seZwe, uMongameli uJacob Zuma uthe unyaka wezi-2011 owokwenza amathuba emisebenzi. Uthe ukuqashwa kwabantu kumele kubhekiswe ekukhuliseni ukuthuthukiswa kwentsha.
Ukubhekana nokusweleka kwemisebenzi, uhulumeni ufaka imali ukukhokhela izindleko zokuqasha abantu abasha ukugqugquzela abaqashi ezinkampanini ezizimele ukuthi baqashe abantu yize noma bengakaze basebenze ngaphambilini.
Indaba yokuthuthukiswa kwezemfundo, amakhono kanye namabhizinisi amancane entsha kukhulunyiwe ngayo kakhulu enkulumweni yesabiwomali eyethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan, sangonyaka wezimali wezi-2011/2012.
UNgqongqoshe wezezimali uveze ukuthi usizo lwezimali zabafundi luzokhushulwa ukuze kunikezwe intsha eningi ithuba lokuqhubeza izifundo zabo kanye nokuqeqeshwa emakolishi, ukuze bathuthukise amakhono. Kwafakwa imali eyengeziwe esiKhwameni sikaZwelonke samaKhono, okuyimali ebekelwe ukuqeqesha abafuna umsebenzi.
Ezinye izinhlelo zikahulumeni zibandakanya:
Uhlelo lukaZwelonke lweNtsha yaseMaphandleni lokuSebenza ngokuBambisana, olusungulwe umnyango wezokuThuthukiswa kweZindawo zaseMakhaya neziNguquko zoMhlaba ukusiza abantu abasha bathuthukise amakhono amasha azoba wusizo emphakathini
Uhlelo lukaZwelonke lokuQeqesha iNtsha engabaPheki, olusungulwe umnyango weZokuvakasha, ukunikeza amakhono, ulwazi kanye nolwazi lomsebenzi kubantu abasha ukuze bezokwazi ukuthola umsebenzi ezimbonini zokuphathwa kwabantu kanye nezokuvakasha
Uhlelo lokuThuthukisa iziNgcweti zezemiSebenzi, olusungulwe uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ukuthuthukisa amakhono abantu abasha emkhakheni wokwakha
Uhulumeni wentando yeningi ubeke izinhlelo ezifana noPhiko lukaZwelonke lokuThuthukiswa kweNtsha i-NYDA, egunyazwe wumthetho ukuthi ibhekane nazo zonke izindaba ezithinta intsha, kusukela kunqubomgomo kuya ekuthuthukisweni.
I-NYDA wuhlelo olwasungulwa nguhulumeni ukuze luphendule ngqo izinselelo zezomnotho ezibhekene nabantu abasha, iphinde futhi ibe wuphiko lokuthuthukisa isikhwama sezimali, yakhelwe ukusungula inkundla yokwakhiwa kwemisebenzi, ukuthuthukisa amakhono, kanye nokudluliselwa kwamakhono entsheni yaseNingizimu Afrika.
Indima yePhalamende ekuThuthukisweni kweNtsha
Ukuphakamisa isiqubulo:“IPhalamende elinakekelayo elenza ngcono intuthuko yentsha ukuze ifinyelele enkululekweni yezomnotho,” iPhalamende lisungule izinkundla eziningi ezibhekene nezinkinga intsha ebhekene nazo.
IPhalamende linalawa makomidi alandelayo abhekene nezinkinga zentsha:
iKomidi lemisebenzi ethile leNdlu yesiShayamthetho kaZwelonke loMama, iziNgane kanye naBantu abanokuKhubazeka
iKomidi elikhethiwe loMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe loMama, iziNgane kanye naBantu abanokuKhubazeka
Lawa maKomidi umsebenzi wawo wukubheka wonke umsebenzi ophathenelene nezinkinga zentsha futhi kumele abhekane nokuphathwa komthetho othinta abantu abasha.
IPhalamende lisungule amasu ahlukene emikhakheni eyahlukene, isibonelo, iPhalamende leNtsha (eliba ngeNyanga yeNtsha) lapho izindaba eziphathelene nentsha zidingidwa khona. Abantu okufanele babambe iqhaza yintsha, kanti futhi okuqhubekayo kubhekiswe kubo.
UMthethosisekelo ubophezela iPhalamende ekubandakanyeni umphakathi ezintweni elizenzayo, ngakho-ke intsha njengengxenye yomphakathi iyamenwa ukuthi izobamba iqhaza emaswini ePhalamende, afana nemihlangano yoMphakathi, iNkulumo kaMongameli ngeSimo seZwe kanye nezinye izinhlelo zokufinyelela kanye nokubandakanya umphakathi.
Bangaphinde bazwakalise izimvo zabo ngokwenza iziphakamiso zomlomo noma ezibhaliwe.
Intsha iphinde  ibe yingxenye yomphakathi ozohambela imihlangano yamaKomidi lapho umsebenzi omningi wePhalamende wenziwa khona, nabantu abasha bengakuhambela ukuhlala kwephalamende ukuze bezozibonela, bathole ulwazi bakwazi ukuzihlomisa.
“IPhalamende leNtsha: “Silawula ikusasa”
