INKULUMO KAMONGAMELI EMAYELANA NESIMO SEZWE
(SoNA)
“Sigubha igalelo lenkululeko ngokuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kwePhalamende naBantu”
UFebruwari yinyanga ebalulekile ePhalamende kanye nakubo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Yisikhathi sokubuka emuva, nokubhekela phambili kanye nokubhekana nezidingo eziza kuqala zakuleli lizwe lakithi. Inkulumo KaMongameli Emayelana Nesimo Sezwe ibakhona minyaka yonke ngoFebruwari, lapho uMongameli ethulela isizwe inkulumo njengenhloko yombuso.   
Iyini Inkulumo KaMongameli Emayelana Nesimo Sezwe?
Inkulumo KaMongameli Emayelana Nesimo Sezwe, yinkulumo kaMongameli weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ayethulela isizwe ekuvulweni kwePhalamende njalo ngonyaka. Le nkulumo yethulelwa Izindlu Ezihlangene zePhalamende – okuyiSishayamthetho Sikazwelonke (esaziwe ngamafushane ngokuthi yi-NA) kanye neNdlu yoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngamafushane ngokuthi yi-NCOP). Ibhekisisa izinto ezenzekayo kwezepolitiki kanye nakwezenhlalo-mnotho. Lomhlangano ubizwa nguMongameli kanti usingathwa uSomlomo weNdlu yesiShayamthetho Sikazwelonke kanye noSihlalo we-NCOP. Lesi ngesinye sezikhathi esingavamile lapho zontathu izinhlaka zombuso zihlangana endaweni eyodwa ngesikhathi esisodwa: lapha sibala Isigungu Esiphezulu Esiphethe izwe, esimelwe nguMongameli, uSekela Mongameli noNgqongqoshe; Uhlaka Lokusebenza Kwezinkantolo, olumelwe uMphathi Omkhulu wamajaji kanye naMajaji angoMongameli; kanye nesiShayamthetho, esimelwe ngaMalungu ePhalamende (aziwa kafushane ngelithi-MP). Amalungu omphakathi nawo amelwe kule Nkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe ukuze azobamba iqhaza kulesi sikhathi esibaluleke kangaka esidlala indima ekwakhiweni kwesizwe sakithi.
Kungani Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe ibalulekile? 
Kule nkulumo, uMongameli usuke eqhakambisa impumelelo kanye nezinselelo okuhlangatshezwene nazo ngonyaka owedlule bese ehlela indlela ezolandelwa kulowo nyaka. Le nkulumo ihlanganisa izindaba zepolitiki, ezomnotho kanye nezenhlalakahle futhi ibheka nesimo sezwe laseNingizimu Afrika jikelele. Ikhuluma ngezindaba zangaphakathi kwaleli lizwe laseNingizimu Afrika kanye nobudlelwano bayo namazwe ase-Afrika kanye nalawo waphesheya. Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe iyisikhali esibalulekile sokuphendula kulo iPhalamende kanye nakubantu baseNingizimu Afrika ngokwenzekile onyakeni owedlule kanye nokubandakanya abantu ohlelweni lwezepolitiki lwalowo nyaka. Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe futhi ingokubhiyozela isizwe sethu kanye nokwakha isizwe kabusha. 
Yethulwa nini le nkulumo?
Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe ivamise ukuba ngoFebruwari. Kodwa-ke, uma kukhona ukhetho lukazwelonke, kuyaye kubekhona Izinkulumo ezimbili kulowo nyaka, enye iqopha ihlandla lokugcina lwePhalamende eliphumaya, kanti enye ibakhona ngemva kokhetho lapho kwamukelwa khona uMongameli omusha kanye nePhalamende elisha. NgoFbruwari ka-2010 kwachezukwa emkhubeni owejwayelekile, Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe yethulwa kusihlwa ngokokuqala, lokho kwakwenzelwa ukuthi kunikwe iningi labantu baseNingizimu Afrika ithuba lokubona okuqhubekayo kanye nokulalela inkulumo kaMongameli. Lolo shintsho lwadala ukwenyuka kokubukelwa kukamabonwakude ukusuka ezigidini ezimbili ukuya ngaphansana kancane kubabukeli abayizigidi ezine. 
Ukubandakanywa komphakathi Enkulumweni KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe
Ukubandakanywa komphakathi kuyingxenye yalomcimbi. Amalungu omphakathi amenyelwa ukuzobamba iqhaza njengezihambeli zePhalamende kulomcimbi. Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezisuka kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika ziba yingxenye yeZinhlabaluhide eyaziwa ngelithi i-Junior kanye ne-Civil Guards of Honour. Le Nhlabaluhide Yomphakathi i-Civil Guard of Honour, eyamukela uMongameli ePhalamende, ibunjwe ngabantu abajwayelekile baseNingizimu Afrika. INhlabaluhide Yabasebancane i-Junior Guard of Honour ibunjwe yizingane ezivela ezikoleni ezithile zakuzo zonke izingxenye zakuleli lizwe kanti futhi imele abantu abasha okuyibona iNingizimu Afrika ebeke ithemba nekusasa laleli lizwe ezandleni zazo. 
Kuvamise ukuthi kumenywe abantu baseNingizimu Afrika abavelele ukuthi babe yingxenye yokwenziwayo. Bathathwa ezifundazweni ezahlukene kanti bangabantu abaye babaneqhaza elibonakalayo ezweni.
Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe nomsebenzi wePhalamende wokuhlolisisa
Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe iyingxenye yomsebenzi wokuqapha nokuphendula ngokwenziwe. IPhalamende lingahlola ukusebenza kwentandoyeningi yeqiniso, ngokuqinisekisa ukuthi uhulumeni uhlala ezibophezele ngokuphendula kubantu. UMthethosisekelo unikeze iPhalamende umsebenzi wokuhlolisisa ukuze libukisise futhi liqaphe izenzo zikahulumeni. IPhalamende ligunyazwe ukuthi liqaphe zonke izinhlaka zoMbuso kubalwa lezo ezisezingeni lesifundazwe nelikahulumeni wasekhaya ukuze:
Lenze ukuthi uhulumeni aphendule ngezimali zabakhokhi bentela
Lenze ukuthi okwenziwa uhulumeni kwaziwe ngabantu
Likhuphule izinga lokwethenjwa kukahulumeni ngumphakathi.
Uma iPhalamende lenza umsebenzi wokuhlolisisa ligxila ekutheni:
Imithetho isetshenziswa kanjani
Izabelomali zisetshenziswe kanjani nokuthi
Ingabe iMinyango kahulumeni iphathwa ngokuyikho yini.
Umsebenzi wokuhlolisisa uholela ekuphathweni ngokuyikho kweminyango kahulumeni ukuze kwenziwengcono ukunikezelwa kwezidingongqangi nokuthi kutholakale izinga lempilo engcono yazo zonke izakhamuzi. 
Enkulumweni KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe, uMongameli uyaye ahlole isimo sezwe futhi abeke imigomo yengqubomgomo nalokho okuzokwenziwa kulowo nyaka. Kungokulandela le migomo kanye nalokho okuhlelwe ukuthi kuzokwenziwa lapho uNgqongqoshe Wezezimali ethula khona inkulumo yeSabiwomali salowo nyaka, ngokujwayelekile kuyaye kwenziwe ngasekupheleni kuka Februwari. Imigomo yengqubomgomo kanye nalokho okuzokwenziwa okusesihlokweni kuba umgogodla walokho okufanele kwenziwe nguhulumeni kulowo nyaka. Kuyinkomba yalokho iPhalamende okufanele liqinisekise ukuthi uhulumeni uyaphendula kubantu ngakwenzile, nangalokho akwenzele umphakathi, asho nokuthi imali ekhishiwe isebenze kanjani.
Kwenzekani ngemuva kokwethulwa Kwenkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe?
Ngemuva kokwethulwa Kwenkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe, iZindlu ezimbili zePhalamende ziyaye zibenenkulumompikiswano. Amaqembu ezepolitiki athola ithuba lokuveza imibono yawo kanye nokubuza imibuzo ngezindaba okokukhulunywe ngazo kule nkulumo. Kuphakanyiswa izindaba ezikhathazayo futhi kuqhakanjiswe nezindaba ezibalulekile kakhulu zesizwe. Umphakathi umenyelwa ukuhambela futhi ulalele le nkulumompikiswano njengoba kuyaye kwenzeke kuyo yonke imihlangano yePhalamende. UMongameli uyaye aphendule emaphuzwini aphakanyiswayo kanye nasemibuzweni ephakanyiswe kulenkulumompikiswano. 
Siyini isiqubulo sePhalamende salo nyaka?
Isiqubulo sePhalamende sika 2011 sithi “Sigubha igalelo lenkululeko ngokuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kwePhalamende naBantu”. Njalo ngonyaka iPhalamende liyaye lihlwaye isiqubulo esiyaye sibe umsuka wenhlosongqangi yePhalamende ngaleso sikhathi. Umbuso wentandoyeningi yeqiniso uyaye uthole igunya lokubusa ebantwini, ngokubamba ukhetho njalo ezikhathini ezithile nangokuthi umphakathi uqhubeke ngokubamba iqhaza ezinhlelweni zokubusa. Isiqubulo sigqugquzela ukubakhona kwentandoyeningi yokuzibandakanya, yokumeleleka, nefanelekile, lapho izakhamuzi zibakhona ezindabeni zokushaya imithetho kanye nokuqapha. Siqinisekisa indima edlalwa yiPhalamende yokumela abantu futhi liqinisekise nohulumeni wabantu obusa ngaphansi koMthethosisekelo. Umsebenzi wePhalamende kanye nowaMalungu alo kufanale kube ukugxila ekuqiseni amaxhama okuxhumana phakathi kwabantu kanye nezithunywa zabo ezikhethiwe. Impumelelo yePhalamende isekuzibandakanyeni okubonakalayo kwezakhamizi zonke zaseNingizimu Afrika ngokuthi zitshele izithunywa zawo ezikhethiwe okungaMalungu EPhalamende (MP) kanye nalesi sikhungo umkhombandlela wemisebenzi okufanele yenziwe.
Ingabe umphakathi ungalibamba kanjani iqhaza ePhalamende?
Ukuzibandakanya kulomsebenzi walomkhosi wokwethulwa Kwenkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe ngenye yezindlela umphakathi ongabamba ngayo iqhaza ePhalamende lawo. Kukhona ezinye izindlela lapho umphakathi ongabamba ngazo iqhaza ePhalamende, zona zibala ukuvota okhethweni, ukuba yilungu lenhlangano yezepolitiki, ukuzifunela ukuxhaswa kombono wakho kanye nokuba yilungu lenhlangano engakhokheli noma inhlangano engekho ngaphansi kuka hulumeni, ukuxhumana nama-MP, ukwenza izethulo kanye nokuthumela amaphethishini ePhalamende.
IPhalamende lizibophezele ukuthi lifinyeleleke kuwo wonke umphakathi waseNingizimu Afrika ngokwakha amathuba okuthi kubekhona ukuzibandakanya kanye nokubamba iqhaza okubonakalayo kwawo wonke umuntu: abesilisa nabesifazane, abafundile nabangafundanga, abasebenzayo nabangasebenzi, abangenakho ukukhubazeka nabaphila nokukhubazeka, abampofu (ikakhulukazi labo abahlala emaphandleni) kanye namanye amaqoqo abantu abhekiwe: ukuhlangana nokuveza imizwa yabo ezindabeni eziphathelene nezidingongqangi ezibhekene nabo. Izinhlelo ezikhethekile ezifana Nomhlangano Wabantu i-People’s Assembly, Ukuyiswa IPhalamende Kubantu i-Taking Parliament to the People, IPhalamende Labesifazane i-Women’s Parliament kanye nePhalamende Labantu Abasha i-Youth Parliament yizo zonke izithangama okuhloswe ngazo ukusebenzisana nomphakathi ukuzwa imibono yawo ngezinto eziwukhathalele kakhulu. IPhalamende lifuna ukwandisa ukuzibandakanya komphakathi kanye nokubamba kwawo iqhaza ekutheni kuhanjiswane nesiqubulo salonyaka esithi: “Sigubha igalelo lenkululeko ngokuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kwePhalamende naBantu”.
Ingabe ungathanda yini ukuvakashela iPhalamende na?
IHhovisi Lezokufundiswa Komphakathi lasePhalamende linikezana ngezinkambo zangaphakathi ePhalamende mahala lize linikezane ngamathuba okuthi umphakathi ulalele izinkulumompikiswano usemagalari eSishayamthetho Sikazwelonke kanye naweNdlu yoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe. Futhi kungahlelwa ukuthi umphakathi uhlangane naMalungu ePhalamende futhi uze uhambele neZimbizo Zomphakathi noma imihlangano yamaKomidi. Uma ungakwazi ukufinyelela ePhalamende, ungangena kuwebhusayithi yethu ethi: www.parliament.gov.za ukuze uzothatha uhambo ngaphakathi kwePhalamende lethu usebenzisa izithombe zekhompuyutha ukuphi nakuphi emhlabeni jikelele.
Ukwazi kabanzi ungaxhumana no:
Okungaxhunyanwa naye:	Nhlanhla Mrwerwe
Ino. Yocingo:		(021) 403 2266
Ino. Ye-Fax:			(021) 403 3817 / 403 3303
Ye-E-mail:		nmrwerwe@parliament.gov.za 
AMAPHUZU EZIMISO 
Inkulumo KaMomgameli Emayelana Nesimo Sezwe i-(SONA) izoba kusihlwa futhi, ngomhla zi-10 February 2011.
I-SONA ihlukaniswe izigaba ezintathu. Esokuqala ukubamba iqhaza komphakathi lapho Inhlabaluhide Yomphakathi i-Civil Guard of Honour yamukela uMongameli kanye nezihambeli zakhe ngesikhathi behamba komata ababomvu. Lokhu kulandelwa umkhosi wombuso okubala ukuqhunyiswa kwenganono amahlandla angama-21 kanye nokundiziswa kweZindiza Zomkhosi Wezempi bese kugcinwa ngenkulumo kaMongameli esuke ilindelwe ngamehlo abomvu.
Amalungu Wombutho Wezempi waseNingizimu Afrika i-(SANDF) ema agudle umzila uMongameli azowuthatha ukubheka ePhalamende.
Umkhosi Wezempi nawo uyalibamba iqhaza kulomkhosi ngokwenza iNhlabaluhide Yomkhosi Wezempi i-The Military Guard of Honour kanti futhi ibhendi yomkhosi idlala iculo lesizwe saseNingizimu Afrika.
Inganono eqhunyiswa izihlandla ezinga-21 yenzelwa ukuhlonipha Inhloko Yombuso, ifulegi lesizwe, Izinhloko Zombuso zamazwe angaphandle ezibakhona, amalungu endlu yasebukhosini kanye neNhloko Yombuso yangaphambilini.
UMKHOMBANDLELA
Ukwakha iPhalamende labantu elisebenzayo neliphendula izidingo zabantu neliqhutshwa umqondo wokwenzangcono izimpilo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
