UKULALELWA KWEZIMVO ZABANTU EKUBUYEKEZWENI KUKASOMQULU WEZEZIMAYINI
 USomqulu Wezezimayini wasungulwa ngokulandela isigaba se-100 soMthetho Wokuthuthukiswa Kwezimbiwa naMafutha i-Petroleum, onguNombolo 28 ka-2002 (i-MPRDA). 
Umnyango Wezindaba Zezimbiwa usanda kubuyekeza lo Somqulu Wezezimayini. Lokhu kubuyekeza kuye kwabuka izinto ezahlukene kulosomqulu ezibala ubunini, ukuthenga kanye nokuthuthukiswa kokuhweba, ukuhlomulisa abathile, ukuqasha ngokulingana kanye nokuthuthukiswa kwezabasebenzi.
Ngokulandela inhlosongqangi yePhalamende yokukhuthaza ukuzibandakanya komphakathi, iKomidi LeSishayamthetho Sikazwelonke leZindaba Zezimbiwa lizoqhuba Ukulalelwa Kwezimvo Zabantu ngemiphumela yokubuyekezwa kukaSomqulu Wezezimayini omdala kanye nangeziphakamiso zikaSomqulu Wezezimayini omusha eKlerksdorp (Anglo Ashanti no1 Shaft hall), esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ngoLwesine, zingama-31 kuMashi ka-2011.  Ikomidi lizothanda ukuhlangana ikakhulukazi neZinhlangano Zezimayini, izisebenzi zasemayini, izinhlangano zezisebenzi kanye memiphakathi ezungeze izimayini.
Imibuzo kufanele iqondiswe kuNks Noluthando Skaka noma uMnu Vido Mfuniselwa, ePhalamende, eKapa:
Imininingwane yokuxhumana: Ucingo (021)403-3751 iselula 083 709 8520 noma 083 966 7720 ikheli le-imeyli (nskaka@parliament.gov.za) noma (vmfuniselwa@parliament.gov.za); Ifeksi: 086 619 9194.
Ikhishwe nguMnu MF Gona, MP: USihlalo: Wekomidi LeSishayamthetho Lezindaba Zezimbiwa 
