IPHALAMENDE LINIKEZA IMVUME. . .
IPhalamende laseNingizimu Afrika lisungule  Inqubomgomo Yokwengamela Imfucuza njengohlelo oluhlangene lokwengamela ngempumelelo indawo yokusebenzela ephephile.
UMthethosisekelo ubalula ukuthi abantu base Ningizimu Afrika banelungelo lendawo engenabungozi empilweni yabo noma kwinhlalakahle yabo. Lokhu kuhlanganisa ukuvikeleka kwemvelo okufaka phakathi imithetho nezinhlelo eziqondakalayo.ukuvikela ukungcoliswa  nokuthathelwa phansi kokuluhlaza, ukuqhubekisela phambili ukongiwa, nokulondoloza intuthuko eqhubekela phambili. Singaguqula omunye umonakalo owenzeka  onozungezilanga bethu uma sonke senza okuthile ukuze senze umehluko.
IPhalamende lizibophezele ukuqinisekisa impilo nokuphepha kwawo  onke amaLungu nezisebenzi zasePhalamende nabobonke abantu abasebenza ngokusemthethweni noma abangena emagcekeni alo. Isikhungo sizinikele ekugcineni amagceke ePhalamende esesimweni esihle ukuhlinzeka  indawo yokusebenzela ephephile nenempilo, nokwengamela nokubhekelela izingozi emsebenzini. 
INDIMA NEZIBOPHO ZEPHALAMENDE EKUGCINENI IMVELO ILUHLAZA
Umthetho, Obhekelela Ezempilo Nokuphepha Emsebenzini (OHSA) ubophezela iPhalamende ukuthi lihlinzeke futhi ligcine ngokufanele okuqondakalayo  nokunokwenzeka , indawo yokusebenza ephephile futhi engenabungozi nokuzifaka engozini empilweni yezisebenzi zalo. Kunethemba lokuthi abasebenzi babambisane nomqashi ukuqinisekisa ukuthi kuyafinyelelwa kwizimfuno zomthetho. IPhalamende lisibopho sokusungula ukuqwashisa phakathi kwazo zonke izisebenzi mayelana nokubaluleka kokugcinwa kwemvelo kanye nendima ehambisana nezibopho 
IZINYATHELO NEZINQUBO
IPhalamende lisungule uhlelo olubumbene ukwengamela indawo yokusebenzela enempumelelo nephephile, okufaka phakathi ukusungulwa kwenqubomgomo yokulawula imfucuza.
Inhloso yalenqubomgomo ukuhlinzeka uhlaka olufanele olufinyelelekayo,nokwethulwa kwezinkonzo zomphakathi okusimeme ezisebenzini nasemphakathini emagcekeni ePhalamende. Inqubomgomo ihlose ukuqinisekisa ukulahlwa kwemfucuza okuphephile ukunciphisa ukungcoliswa, ukukhuphula ukuguqula kabusha nokuqiniseka ukuthi imfucuza eyenzeka ePhalamende iphethwe ngendlela ehambisana nemihlahlandlela equkethwe kuyo.
UKONGIWA KWAMANDLA KAGESI
IPhalamende liqhubekisela phambili ukusetshenziswa amalambu kagesi onga amandla kagesi ukwenzela ukunciphisa ukungcoliswa, ukonga amandla kagesi nentengo. Amalambu kagesi okonga ugesi asetshenziswa ukukhanyisa kuzozonke izindawo zomphakathi nasemihubheni yasePhalamende
. UKUPHATHWA KWEMFUCUZA
“Imfucuza” isho noma iyiphi into, kungaba okuyigesi, okuluketshezi noma okuqinile noma yikuphi okuyinhlanganisela yalokho , njengokukhethwa uNgqongqoshe Wezemvelo Nokuvakasha nezikhathi ngezikhathi. Nangokwazisa kwiGazethi kaHulumeni.
Ukuphathwa Kwemfucuza Eqinile
Imfucuza Eyomile
Imfucuza eyomile iqoqwa nsukuzonke emapulasitikini  abonakalisa okungaphakathi naseziqukathini ukusuka kuzozonke izindawo bese ihanjiswa endaweni egunyaziwe yokulahla imfucuza.
Imfucuza Yezikhungo zezempilo
Imfucuza yezikhungo zezempilo ifakwa emapulasitikini asezingeni elibekiwe  (aphuzi) bese isuswa njalo umniki zinsiza okontilakiwe noma uma kunesidingo .  
Imfucuza kagesi
Onke amashubhu e-florescent  anagsasebenzi ahanjiswa endaweni yokuwagaya ukuze aphihlizwe ngokuphephile.
Imfucuza Emanzi 
Imfucuza emanzi ifakwa eziqukathini/emigqomeni esezingeni elibekiwe  bese isuswa njalo. 
Imfucuza Yamakhemikhali
Amakhemikhali abekwa endaweni yamakhemikhali ekhiywayo ukuvimbela ukusetshenzizwa okungagunyaziwe. Amakhemikhali onke kufanele abekwe eziqukathini ezikhojisiwe, nezimumathi ezincane zamakhemikhali anobungozi kufanele zilebulwe ngokuyikho.
Amasilinda eGesi acindezelwe
Umhlinzeki ngezinsiza ukhipha ngokushesha amasilinda angasadingeki emagcekeni futhi  aqinisekise ukuthi amasilinda ayalahlwa njengokwezimfuno zomthetho, ukuvimbela ukuphinde asetshenziswe ngengozi.
OKUSAZOKWENZIWA
Ukulahlwa kowoyela wokupheka
IPhalamende lisohlelweni lokuthola iziqukathi zokwenza kabusha uwoyela wokupheka okungaguqula uwoyela wokupheka olahliwe ube wudizeli.Lomkhuba wokulahla uwoyela wokupheka emiseleni yamanzi emvula ayikhuthazwa.
Ukususwa kweMfucuza yephepha nokwenziwa kabusha
IPhalamende  lifuna Umniki zinsiza omusha ozosusa imfucuza yephepha ukuze yenziwe kabusha.Amahhovisi onke ePhalamende azonikwa amakhadibhodi amabhokisi okuqoqa imfucuza yephepha. Lamabhokisi azothululwa masonto onke.
Konke okwenziwayo ukuvikela indalo, kulondoloza amandla kagesi futhi kunciphisa izibalo zemfucuza. Kuyisibopho sazozonke izakhamizi zase Ningizimu Afrika,okufaka onke amaLungu nezisebenzi zasePhalamende ukulondoloza indalo yethu ukuhlinzeka izizukulwane ezizayo noku thuthukisela phambili isiko lentuthuko eqhubekayo.
