UKUGUBHA USUKU LWE-AFRIKA
Usuku lwe-Africa lugujwa minyaka yonke zingama-25 kuMeyi
INhlangano Yobumbano Lwe-Afrika (OAU) yasungulwa zingama-25 kuMeyi 1963 e-Addis Ababa, e-Ethiopia
Ukukhumbula lokhu, uSuku Lwe-Afrika luzogujwa okwama-48 kulo nyaka
I-OAU yazala i-African Union (AU) eyasungulwa eThekwini,e-South Africa ziyi-9 Julayi 2002
Kunamazwe angama-54 e-Afrika kanti angama-53 awo angamalungu e-AU. Izwe lase-Morocco alilona ilungu le-AU. 
I-AU isihlanganise izwekazi le-Afrika ukubhekana nezinselelo ezifana nengxabano yezimpi ngezikhali, ukuguquka kwesimo sezulu kanye nobubha.
UKUBALULEKA KOSUKU LWE-AFRIKA 
USuku Lwe-Afrika luwukubungaza i-Afrika, abantu bayo kanye nobumbano
Luwukuvuma inqubekelaphambili esiyenziwe abantu base-Afrika nokubheka izinselelo ezifanayo esibhekene nazo emhlabeni jikelele
IQHAZA LE-AFRICAN UNION (AU) KWIZWEKAZI 
I-AU iyisikhungo esiqavile ekuthuthukiseni ukubambisana ezwenikazi kwezenhlalo nomnotho, kuhloswe ukuhlangana nokubambisana okukhulu phakathi kwamazwe kanye nabantu base-Afrika
I-AU isekelwe phezu kombono ofanayo wezwekazi elinokubambisana futhi elinamandla
Isekelwe futhi esidingweni sokwakha ukubambisana phakathi kohulumeni nayo yonke imikhakha yomphakathi, ikakhulukazi abesimame, intsha kanye nalabo abazimele
Njengenhlangano yezwekazi, igxile kuxolo, ukuphepha nozinzo, futhi ihamba phambili ekuzameni ukuvuselela izwekazi 
I-AU ihlose ukuvikela amalungelo entandoyeningi, awabantu kanye neminotho eqhubekayo e-Afrika, ikakhulukazi ngokuqeda ingxabano nokwakha ezokudayiselana ezisebenzayo.
UMBONO
Umbono we-African Union uthi: “I-Afrika ebambisene, ethuthukayo futhi enokuthula, elawulwa izakhamizi zayo futhi emele iqembu elikhethekile ezindabeni zomhlaba wonke”.
IZENZO ZOKUBAMBISANA ZE-AFRICAN UNION
Ama-Afrika aseqhamuke nezinto azobambisana kuzo ngokusebenzisa i- AU ukuze:
kuvikelwe indawo
kuliwe nobuphekulazikhuni 
kuliwe nobhubhane lwegciwane lesandulela ngculazi kanye nesifo sengculazi, umalaleveva nofuba
kusetshenzwe ezintweni zobuntu njengokuhlupheka kwababhacile nabasuswe izimo ezithile ezindaweni zabo
kugqugquzelwe uxolo, ukuphepha nokuzinza, nokwenza kube khona ukubambisana nentuthuko e-Afrika
kuqiniswe ukubambana kulo lonke izwekazi nokwakha iphupho elifanayo lenqubekelaphambili yabantu base-Afrika.
ININGIZIMU AFRIKA KANYE NOKUGUJWA KOSUKU LWE-AFRIKA
Ukubungazwa koSuku lwe-Afrika kuveza iqhaza nokuzibandakanya kwe-South Africa ezindabeni zezwekazi
USuku lwe-Afrika luwusuku lokubungaza amagugu ase-Afrika nokukhombisa ngomlando, amasiko nezobuciko zezwekazi i-Afrika
Lugxilisa umuzwa wokwenza okuthile kubo bonke, ikakhulukazi intsha, ukuthuthukisa izinga lempilo yabantu bonke ezindaweni ezibalulekile ezihlanganisa lezi:
Ezempilo, ukuphepha nezokuphepha
Ukwakhiwa kabusha kwe-Afrika
Ukubambisana kwezenhlalo, amasiko nezemfundo
Ekugubheni uSuku lwe-Afrika, sithola umzuzu wokuvuselela ukuzinikela kwethu kithina, ezwenikazi lonke kanye nakumagugu ethu afanayo nalapho esiphokophele ukuya khona.
IQHAZA LEPHALAMENDE LERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA
IPhalamende leRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika libamba iqhaza ezinhlanganweni ezahlukahlukene zase-Afrika okubalwa kuzo i-Pan African Parliament (PAP) kanye ne-Southern African Developing Community Parliamentary Forum (SADC PF)
Ngokuhambisana nomgomo wezangaphandle wezwe laseNingizimu Afrika kunakwa ngokukhethekile i-Afrika yonke ohlakeni lwenqubomgomo ebudlelwaneni namazwe omhlaba. Lokhu kuhlanganisa ukusebenza ngokubambisana nezishayamthetho zamazwe lapho iNingizimu Afrika ebibambe khona iqhaza ekwakheni uxolo
Kulo nyaka iPhalamende laseNingizimu Afrika lizoba ne-African Dialogue zingama-23 Meyi ezolandelwa inkulumompikiswano zingama-25 ku-Meyi ngendikimba ethi “Ukuvuselelwa kwe-Afrika, inqubekelaphambili kanye nentuthuko” ukugubha uSuku lwe-Afrika.
I-AFRIKA NEZEHLO 2011
I-World Economic Forum on Africa 2011: e-Kapa, eNingizimu Afrika, 4-6 Meyi 2011
Indikimba: “Ukusuka eMbonweni ukuya eKwenzeni, Ikhasi Elilandelayo le-Afrika”.
I-World Economic Forum iyinhlangano ezimele ezibophezele ekuthuthukiseni ubunjalo bomhlaba ngokubheka ezamabhizinisi, ezombusazwe, ezemfundo emanyuvesi nabanye abaholi bomphakathi ukuhlela kabusha izinhloso zomhlaba, izingxenye zamazwekazi kanye nezimboni.
Umbukiso weZempilo zase-Afrika noMhlangonokazi 9-11 Meyi, 2011
Umbukiso weZempilo Zase-Afrika noMhlanganokazi kuyoqala ngoMeyi 2011 e-Johannesburg Expo Centre, e-Nasrec, eNingizimu Afrika. EZempilo Zase-Afrika zizodonsa izinsuku ezintathu kukhulunywe ngezihloko eziningi ezithinta ezempilo e-Afrika, futhi zizoheha izinkulungwane zabantu abasebenza ngezempilo abasuka eduze nasemhlabeni wonke jikelele.
UMCIMBI WOSUKU LWE-AFRIKA 27 – 29 Meyi 
Ukugubha uSuku lwe-Afrika kusukela kuMeyi 27 - 29, eGoli kuzoba nomcimbi owaziwa ngokuthi Sanaa Africa, The Spirit of Celebration, ozofaka umgqumo wenhliziyo ye-Afrika kanye nomongo onomdlandla ngokuba khona kwezobuciko eziphapheme, ezokunandisa, umculo nokunye kwase-Afrika.   
EZINYE IZINSUKU EZIBALULEKILE E-AFRIKA 
16 Juni uSuku lweNgane yase-Afrika 
9 Julayi  uSuku lwe-African Union 
25 Septhemba  uSuku Lwabesimame base-Afrika 
