Umthetho Wokuvimbela Nokulwa Nemisebenzi Yenkohlakalo wenza ukuthi inkohlakalo ibe ubugebengu. Ubhekela noma ubani osebenza kuhulumeni (njengoNgqongqoshe, abasebenzi bomnyango, kanye namaphoyisa) kanye nabantu abangaphandle kukahulumeni (njengomuntu osebenzela ibhizinisi). Ubhekela ngisho izehlakalo zokugembula nezemidlalo (njengokukhokhela unompempe ukuze aqinisekise ukuthi olunye uhlangothi luyanqoba).
Umthetho ubeka izinhlobo ezahlukene zenkohlakalo, zonke ziyafana - umuntu onikeza (noma onikela ngokunikeza) omunye okuthile ukuze basebenzise amandla abo, ngokungekho emthethweni nangendlela engenaqiniso, ukuze basizakale bona uqobo - noma benzela noma ubani omunye. Umuntu ohlala enza isithembiso sokunikezela okuthile uhlala njalo enecala lenkohlakalo. Kanti bobabili laba bantu bazoba necala uma ngabe umnikelo wamukeliwe.
Ubugebengu benkohlakalo kaningi bubandakanya imali. Kodwa ezinye izinhlobo 'zenkokhelo' nazo azemukelekile- njengeminikelo, izipho kanye nokunikeza umuntu umsebenzi.
Abantu abatholwe benecala lenkohlakalo babhekana nenhlawulo enzima noma isigwebo sokuhlala ejele isikhathi eside. Kungenzeka benqatshelwe ukusebenza kuhulumeni esikhathini esizayo. Kanti abantu abasemagunyeni (njengomphathi kamasipala noma umphathi webhange) kufanele babike inkohlakalo nobunye ubugebengu obubalwe eMthethweni obubandakanya imali eyi-R100 000 noma ngaphezulu emaphoyiseni. Uma bengabiki, bayoba necala lobugebengu.
