INHLANGANISELA YOMTHETHOSIVIVINYO 

YOKUPHATHWA KOGU 

Ingcazelo efingiwe ukusiza abantu babandakanyeke kumthethosivivinyo 

environment & tourism 

Department: 
Environmental Affairs and Tourism 

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA 

ISINGENISO 
IPhalamende lidinga umbhalo ozovumela imibono yomphakathi mayelana neMiqulu (Bills) esephephandabeni eliqukethe izimemezelo zomphakathi ngaphambi kokuba leMiqulu ithulwe ePhalamende ngenhloso yokuyenza ibe yisibophezelo esisemthethweni somthetho oshaywa ePhalamende. Lokhu kuhambisana nomthetho kahulumeni oqinisekisa ukuthi uhulumeni uyakwazi ukuchaza kabanzi nokuzibophezela, ukuphendula ngokugculisayo kanye nokungabi namfihlo. 
Ngesonto lokuqala ku-Disemba ka-2006 amalungu ephalamende avumelana ngokubhalwa koMqulu wenhlanganisela yokuphathwa koGu ephephandabeni likahulumeni eliqukethe izimemezelo zomphakathi, ukuze uphakathi ukwazi ukuphefumula ngemibono yawo. UNgqongqoshe weZemvelo nokuVakasha u Marthinus Van Schalkwyk wamemezela ziyisi-8 ku-Disemba ka-2006 ukuthi lomQulu uzotholakala ephephandabeni lezimemezelo zomphakathi (gazette) ziyi-15 ku-Disemba ka-2006. UNgqongqoshe wakubeka ngokusobala ukuthi ngenxa yezinhlaka eziningi ezakha lomQulu, uphakathi unikwa izinsuku ezingama-90 ukuze ukwazi ukuphefumula uphinde ubeke imibono yawo ngalo Mqulu. Lo mbhalo utholakala kwabashicilela imibhalo kahulumeni (inombolo yocingo 012-334 4511 noma ku 012465 7531) noma ekhelini lekhompuyutha likahulumeni elithi http://www.deat.gov.za/. 
Inhloso yalezi zihloko eziqukethwe lapha ukusiza umphakathi ukuba uphefumule ngezinto ezakha umqondo nezincike elwazini olwanele ngalokho umphakathi othanda ukuphefumula ngakho ngalezi zinsuku ezingama-90 obekelwe zona. Lezi zihloko zibekelwe ukuchaza ngomlando owaholela ekushicilelweni kombiko osemthethweni kahulumeni ngokuphathwa nokuthuthukisa koGu eNingizimu Afrika (the White Paper on Sustianinable Coastal Development in South Africa (ebizwa nge White Paper). Lombiko kahulumeni wanika umgomo kazwelonke wokuphatha uGu lwethu. Lapha kuqukethwe incazelo kafushane echaza ngomsebenzi wesahluko ngasinye esiqukethwe yiloMqulu. 
Uma loMqulu usuba umthetho wephalamende laseNingizimu Afrika, kuzoba okokuqala ukuba loMqulu ube nomthetho (Act) wokuphathwa nokwenganyelwa koGu. UGu luwumnotho ongebalwe ngokwezezimali. Ukuchicilelwa koMqulu ukuze umphakathi uphefumule ngawo kuletha ithuba eliwumlando kwababambe iqhaza kuGu, abathanda ukuzibandakanya nabathintekayo ngokuphathelene noGu kanye namalungu omphakathi afisa ukuba negalelo ekulungisweni okuqukethwe umthetho oyinhlanganisela wokuphathwa koGu. 
KUNGANI KUMELE KUBE NOMTHETHO KAZWELONKE WOKUPHATHWA KOGU? 
Imibuzo evamise ukubuzwa- kungani kumele kube nomthetho oshayelwe ukuphathwa koGu ngqo- ingabe uGu aluyona ingxenye yemithetho eshayelwe ukwengamela eZemvelo na? Izimpendulo zalemibuzo ziyalandela ngezansi. 
UGu luyingxenye yemvelo ehlukile. Yilapho kuhlangana khona umhlaba (land) nolwandle, yindawo engengakanani kodwa exhasa okuningi okuyizidingo kubantu. UGu luwuhlelo olunezinhlaka eziningi esingabala kuzo, uhlelo lwesayensi yezidalwa eziphilayo zoGu, ukonga, ezokungcebeleka nokuxhumana kwalezi zinhlaka okwenza kube nesidingo sokwengamela nokubhekelela kokuphathelene noGu. UGu kumele lwenganyelwe ngendlela efanele ukuze lenyuke izinga lokuhlomula kuwo onke mathuba aqukethwe uGu. Kodwa ke loluhlelo lokwengamela nokuphathwa koGu aluzange lusebenze kuze kubemanje ngoba izinhlaka ezahlukene zikahulumeni ezibhekelele kuphela okuqondene nezinhlaka zakho kuphela afana nokusetshenziswa komhlaba, ezolimo, ezamanzi, ukugcinwa kwezemvelo kanye nezinye. Lo Mqulu 
ugqugquzela indlela eyengamela zonke izinhlaka zokugqugquzela ukuphathwa koGu. Loluhlelo luveza uGu njengendawo okumele iqhakanjiswe njengebalulekile nokuthi kumele iphathwe ngaloko kubaluleka. 
Ngaphambilini ukubaluleka kwezilwane kanye nemvelo ezisoGwini njengesidingo ngqangi sentthuko kwakungaziswa ngendlela efanele kwizinqumo ezazithathwa eNingizimu Afrika. Umbiko osemthethweni kahulumeni uqgamisa ukubaluleka koku bona inzuzo yoGu. Inani lezinzuzo ezitholakale ngokutholakala koGu, ngonyaka ka-1998 labalelwa kumabhiliyoni (billion) angama R168 amarandi ngonyaka, nokuyinzuzo ebalelwa kwisilinganiso esingamaphesenti angu35 ekhulwini (35%) somkhiqizo wakuleli ubuningi bomnotho woGu. Umnotho omningi uvaleleke kuGu futhi kuyaqhutshekwa ukusetshenziswa kwalo ngendlela engafanele okungabalwa kuko ukwakha kanye nezokungcebeleka. 
Amathuba okuthuthukisa lubalulekile noma kuyinkinga ukushabalala kwalo. umnotho nezokungcebeleka Indlela esiphatha ngayo uGu yiyo eyenza ukuba uGu luhlale 


nokulingana kwamathuba awo wonke umuntu ayalahleka, izilwane nemvelo zoGu nazo zicekeleka phansi. 
Umbiko osemthethweni kahulumeni uphinde ugqamise ukwenganyelwa kwemvelo okuzokwenza ukuthi imvelo yoGu isetshenziswe ngokuphindelela. Lokhu kudinga ukuthi ukuphila kwendalo nezitshalo, ezokungcebeleka kwenzeke ngendlela efanele. Ukuze ukuphila kwezilwane kanye nemvelo kube okuphephile ukuze kusebenziseke kahle ngokuphindelela kungesatshelwa ukuphela kwezilwane kanye nemvelo. Ukuze amathuba okungcebeleka oGwini atholwe yiwo wonke umuntu ngokulingana kumele kufundiswe umphakathi osebenzisa uGu ukuzibandakanya nokulunakekela, kuhlonyiswe abahlwempu nemiphakathi abaphuma kuyo kubalwa abesifazane kanye nezingane. Ukuze loluhlelo lusebenze kumele umphakathi uthole amathuba angcono, imisebenzi kanye nokuhlonyiswa ngamathuba anenzuzo. 
Umbiko osemthethweni kahulumeni awuzange uveze kuphela umbono, imiqathango, izimiselo (goals) kanye nokubhekelelwa ekuphathweni koGu ngendlela efanele eNingizimu Afrika. Lombiko uthathe esinye isinyathelo ngokumele kulandelwe uma kuqalwa loluhlelo lokwengamela uGu. Olunye uhlaka lwalokhu ukuthuthukiswa kwesikhungo kanye neziphathelene nomthetho kuleso sikhungo. Ngemuva kokuba amalungu ephalamende evumelene ngalombiko kwahlaziywa icandelo eliphathelene nezomthetho. Lokhu kwakwenzelwa ukubheka ukuthi lombiko osemthethweni kahulumeni ungakwazi yini ukuqalwa uhambisane nemigomo ebhekelele ezomthetho ebivele ikhona. Ngemuva kwaloluhlaziyo kwatholakala ukuthi kudingeka kushaywe umthetho ophathelele nokwenganyelwa koGu ukuze kuqalwe lombiko. 
OKUQUKETHWE UMQULU 

Inhloso yalombiko kanye nokusebenza kwawo 
Inhloso yalombiko kanye nokusebenza kwenhlanganisela yokwenganyelwa koGu okuhlongozwayo kuncike kumaphuzu okuxoxwe kabanzi ngawo ngasenhla. 

Isahluko 1: ukuhunyushwa kombiko, okuhloswe ngawo kanye nokuqalwa kokusetshenziswa kwawo 
Lesisahluko sichaza ngamagama kanye nezivumelwano, uphinde usebenze njengomthetho ozolekelela ekuhunyushweni kwalombiko, siphinde sicacise indima kahulumeni ekwenganyelweni koGu, siphinde sicacise ukuthi lombiko uqondene futhi uthinta baphi abantu. Lomthetho oshayiwe kumele ufundwe kanye kanye nomthetho wokwengamela ezemvelo kaZwelonke, lombiko uphinde ucacise okumele kwenziwe uma kukhona ukungahambisani kwalomthetho kanye neminye. 
Isahluko 2: Indawo yoGu esetshenziswa amalungu omphakathi 
LoMqulu uphathelene nokubekwa komthetho wokusetshenziswa koGu wumphakathi, naleyo mithetho enemithelela kuGu. Indawo yoGu ichazwe kabanzi ephuzwini lokuqala (isahluko sokuqala), Indawo esonqenqemeni lwendawo yoGu esetshenziswa umphakathi ukuze ungcebeleke uphinde wenze inzuzo ngoGu (coastal buffer zone). Kuphinde kube nezindawo ezivikelekile oGwini. 

Phakathi kwendawo yoGu kunendawo eyisihlabathi kanye newulwandle, ekuyindawo esetshenziswa umphakathi wase Ningizimu Afrika (isahluko 7). Izivumelwano ngaphansi komthetho woGu (Sea-shore Act), lomthetho ubeka ukuthi isihlabathi solwandle kanye nolwandle kwenganyelwe uMengameli wezwe emele umphakathi wakuleli. Indawo yoGu yenziwe indawo eyisihlabathi (phakathi kwendawo ebonakalisa ukuthi amanzi olwandle aphakame noma ehle kangakanani). Amanzi oGu ilawo anamagagasi (kungaba ilapho ulwandle luhlangana khona nomfula, isesikhumulweni semikhumbi, imifula njalo njalo). 
Ukuze kuvikeleke izindawo ezisoGwini, kumele kubekhona imithetho elawula ukusetshenziswa kanye nokungavunyelwa ukuba umphakathi usebenzise izindawo ezithile lapho kuphila khona izilwane kanye nemvelo yoGu. Ukuvimbela kokusetshenziswa kwezindawo zoGu kubalulekile ukuze kuvinjelwe ukuphazamiseka kwemvelo kanye nokulinyazwa kwayo ngenxa yokuguguleka komhlabathi woGu, ngenxa yezikhukhula, noma okungadalwa okusha okufana nokushisa okukhulu emhlabeni (global warming). Lomthetho uzama ukulungisa lokhu ngokuthi kube nendawo ewumhlaba (land) (isahluko 16). Lomthetho usho ukuthi indawo esonqenqemeni loGu ingaba ngangamakhilomitha ayikhulu (100 kilometre) ukusuka onqenqemeni lwendawo yomphakathi (lapho amanzi emaningi khona), kungaba isendaweni ebekelwe ukwakha izindlu, izimboni zokuhweba, izimboni kanye nezindawo zokusebenza ngemikhiqizo eyahlukene, ngesinye isikhathi indawo ingaba ikhilomotha elilodwa (1km) ukusuka ogwini. Sicela kubhekelelwe ukuthi izimo zokubekwa kwalezizindawo kuhlukana endaweni ngayinye. Isahluko 28 sibeka ngokusobala izimo zokukwanywa kwendawo ngayinye ngokwesimo sayo. Ukwenza isibonelo, eThekwini kanye nase Sea Point kunezindawo ezilungisiwe ezingena ububanzi bezindawo ezilungiselwe ukwakha, lendawo ingehla ngamamitha ayikhulu (100 metres). Ngesinye isikhathi uma amagagasi ehamba ibanga elingaphezulu kwekhilomitha ukusuka endaweni enamanzi amaningi noma lapho izinduli zasogwini zingaphezu kwekhilomitha, indawo yokwakha inganezezelwa idlule ngekhilomitha. 
Ukuze umalungu omphakathi akwazi ukungena endaweni yoGu loMqulu wenza ukuthi umasipala ngamunye abeke indawo elungiselwe amalungu omphakathi (coastal access land) (bheka isahluko 18). Izindawo ezithile zoGu ziyoba yilezo 
ezingavakashelwa amalungu omphakathi uma loMqulu usuba umthetho, kodwa kungenzeka ukuba lezizindawo zibuye zivalwe amalungu omphakathi angavumeleki ukuba angene kuzo. Izizathu ezingenza ukuba lezizindawo zivalwe kungaba izimo lapho ukuba khona kwazo kulimaza ukuphila kwendalo. Uhlelo lokubeka noma ukuvala izindawo 
ezivuleleke kumalungu omphakathi luqukethwe kwisahluko 19. imibandela eqondene nomasipala ngalomhlaba kuqukethwe kwisahluko 20. Ngaphambilini kwakwakhiwa kungabhekelelwa ngokwanele ezemvelo. Lokhu kwakugcina ngokuthi ngesinye isikhathi kwakhiwe izindawo zokupaka izimoto ezindaweni ezinezinduli ezibangwa ukuguguleka komhlaba, noma ezindaweni okuguguleka kuzo umhlaba ngenxa yemimoya enamadla olwandle. Umasipala ngamunye kumele abhekelele zonke izinto eziphathelene nezemvelo. 

Imithetho sivivinyo (draft) edlule yoMqulu ohlanganise izinhlaka ezehlukele ezengamele uGu yayichaza kabanzi ngezindawo ezivikelekile zoGu (coastal protected areas) (bheka isahluko 22). Kwaphinde kwavunyelwana ukuthi izindawo ezivikelekile zoGu kumele zibhekelelwe wumthetho wezindawo ezivikelekile (Protected Areas Act) umthetho wama-57 ka 2003( Act No 57 of 2003).Kunokuba zibhekeleleke kuMqulu ohlanganise izinhlaka ezihlukene zokwengamela uGu. Inhloso yesahluko 22 ukwenzela ukuthi ilungu lesifundazwe elibhekelele ezemvelo ukuba likwazi ukubeka izindawo ezivikelelekile kanye nalezo ezivulelekile kumalungu omphakathi. Izindawo ezivikelekile ziyangena kwisahluko 11(1) (c). Ukubandakanywa kwezindawo ezivikelelekile kwisahluko 22 kuvumela ukuthilezi zindawo zenganyelwe ngokuhambisana nomthetho wezindawo ezivikelelekile. 
Isahluko 23 sisinika uhlelo ukuthi izindawo ezinesivumelwano esikhethekile zingadalulwa kwisahluko 24, lesi sahluko sibhelele izivumelwano ezinjalo. Lolu hlelo kuhloswe ngalongalo ukuba kwakhiwe indlela yokwengamela izivumelwano ezikhethekile ukuze kuhlonishwe umbiko osemthethweni kahulumeni, uGu ludinga izindlela zokulengamela ezihlukene njengoba nezindawo zoGu zihlukene. Kungadingeka ukuthi kusetshenziswe izindlela zokwengamela ezehlukene, futhi zizosetshenziswa lokhu ukuze kube nohlelo lokusebenzisa uGu ngokuphindelela ngaphandle kokuyicekela phansi ikakhulukazi kulezo zindawo ezivikelekile. Isibonelo, kunganganyelwa ukuvunwa kwezinhlanzi ezise magobolondweni kulezo zindawo okungaba nenkinga yokuphela kwazo uma zivunwe kakhulu. 
Obhekelele ezemvelo oGwini (MEC) kumele abeke umgcele ngokwesahluko 25. uma usubekiwe lo mngcele umuntu ofuna ukwakha noma ukushintsha okuthile kwisakhiwo esikhona kumele athole imvume kuqala ngaphambi kokuba enze lokho. Kungenzeka kubekwe umngcele ukuze kuvinjelwe ukuba kube nezithunzi olwandle ngenxa yamabhilidi aphakeme, noma ukubhekelela izinga lokukhuphuka kwamanzi. 
Isahluko 3: imingcele ezindaweni ezisoGwini 
Lesahluko sinika imigudu okumele ilandelwe uma kubekwa imingcele noma kulungiswa imingcele ebibekiwe ezindaweni zokungcebeleka komphakathi kanye nasezindaweni ezivikelekile (isahluko 26 kuya ku-29). Lesahluko sibeka nokumele kubhekelelwe uma kubekwa le mingcele noma kulungiswa ebivele ikhona.isa ukuzibandakanya kanye nabathintekayo kulokhu banethuba lokuba balekelele ekubekweni kwemingcele nase kuyilungiseni. Inhloso yesahluko 31 kanye no32ukubekwa okumele kulandelwe uma kubekwa lemi ngcele, noma uma lemi ngcele isifakwa kwibalazwe kanye nokubhalwa kwemingcele ngokusemthethweni ilunga elenza lo msebenzi. (isahluko 31 kanye no 32). 
Ukubekwa kanye nokushintsha komngcele kungenzeka kuphela uma leyo ndawo ingena kwezingaphansi komthetho othile (kungaba ikhilomitha noma amamitha ayikhulu ukusukela kumngcele woGu, lokhu kuya ngendawo ngayinye) uma kunomthelela ongemuhle ekwengameleni imvelo. 

Isahluko 4: umlomo womfula (lapho umfula ungenisa khona olwandle) 
Lesi sahliko sihlose ukuthi kumele umlomo womfula wenganyelwe kanjani ngokuhambisana no (a) 
mthetho wokwenganyelwa kwemilomo yemifula 
(bheka isahluko33) esigunyaziswe
Isahluko salomthetho ocutshungulwayo sibhekana nezindawana 
amalungu esifundazwe
ezilangazelelwa ngabangcebelekayo. 
engamele ezemvelo 
namanzi, kanye no (b) zinhlelo zokuphatha umlomo womfula ngamunye (bheka 
isahluko 34). Lo mthetho uzokwakha umgomo kazwelonke wokwengamela nokuhlela 
ukwenganyelwa komlomo womfula ngamunye. 
Isahluko 5: izinhlelo zesikhungo ngasinye 
Umbiko osemthethweni kahulumeni wenza izincomo zokuthi kwenziwe izivumelwano ezintsha ekwenganyelweni koGu eNingizimu Afrika. Lesi sahluko sakha indlela yokwenza izivumelwano ezintsha ukuze kube nesiqiniseko sokwenganyelwa izinhlaka ezehlukene zoGu. isahluko 35 sakha ikomidi lokwengamela uGu lika zwelonke, lale komidi lizo sebenzisana necandelo lalokhu lika hulumeni. Isahluko 36 sininka uNgqongqoshe ilungelo lokwakha leli komidi. 
Isahluko 37 sichaza ngokusebenza kwekomidi lesifundazwe lizobamba iqhaza eliphambili ekusebenzisaneni nohulumeni. Isahluko 38 sichaza ngokubunjwa kwekomidi lesifunda elizoholela ekuhlelweni kokwenganyelwa koGu kwisifunda ngasinye. Isahluko 39 sinika igunya uNqongqoshe wesifunda ngasinye ukuba ache leli komidi. 
Isahluko 40 sinika igunya ungqongqoshe ukuba akhethe amalunga azinikele ekusebenzeni ngoGu, bese ebanika isivumelwano sokusebenza kwabo kanye nendlela okumele basebenze ngayo. Lokhu kusiza ekuzinikeleni kwamalunga azibandakanya ekwenganyelweni koGu( bheka inhloso yalo mbiko kanye nokusebenza kwawo) ukuze kuthuthukiswe iqhaza elibanjwe uamalunga omphakathi ekwenganyelweni koGu. 
Isahluko 6: Ukwenganyelwa koGu 
Le sahluko sakha ukuhlelwa kanye nezindlela ezintsha zokwengamela okutholakala ogwini ukuze kusebenziseke kahle konke kungabi semathubeni okucekeleka phansi, kanye mokubandakanywa kwabathanda ukuba yingxenye yalokhu. Le sahluko sibeka ngokusemthethweni imigudu yezomthetho okumele ilandelwe uma kubhekelelwa izinhlaka ezihlukene zokwenganyelwa koGu ( kuhlangene zonke izinhlaka zasemanzini) ezingena ekuthuthukisweni komnotho wasezindaweni ezingekho emanzini, ukuze kuhanjiswane nombiko osemthethweni kahulumeni. Indlela yokusetshenziswa komhlaba elandelwa manje eNingizimu Afrika ima endaweni lapho amanzi ephakeme khona. Lesi sahluko senzelwe ukuthi sihlanganiswe ukusetshenziswa kwamanzi kanye nendawo ewumhlabathi ukuze kube nendlela yokwengamela ehlanganisa izinhlaka ezihlukene zengcebo yoGu. 

Isiboniso 2. Uhlelo lokuphathwa koGu. 
Lesi sahluko sivesa imigomo okumele ilandelwe ngokubaluleka kwayo uma kwenziwa izinhlelo zokwengamela uGu (CMP-bheka isigaba 2). Phezulu kwalolu hlelo kukhona izinhlelo zokwengamela uGu okufanele uNgqongqoshe alungiselele ukuzisebenzisa kungakapheli iminyaka eyisithupha kuqalwe lolu hlelo (bheka isahliko 41 kuya ku 42). Isahluko 103 sidinga ukuba kusetshenziswe umbiko osemthethweni wonyaka ka 2000uma kungakakhiwa izinhlelo ezintsha okumele zilandelwe ngokuhambisana nesahluko 41.izifundazwe ezisogwini kumele zizenzele eyazo imigomo yokwenganyelwa koGu kungakapheli iminyaka emine ngokuhambisana nemithetho eyengamele imilomo yemifula (bheka isahluko 44 kuya ku 45). Lo mthetho uphinde udinge izifundazwe ukuze ziwuqale lo mthwtho ngokuhlanganyela neminye noma uhambe wodwa, ngokuhambisana nomthetho wokusebenza komasipala (bheka isahluko 46 kuya ku 47). Ongqongqoshe bezifundazwe kumele babhale imibono yabo ngokwenganyelwa kogu ezindaweni abasebenza kuzo, kumele baphinde babeke abafisa ukukuzuza ogwini (CMO), kumele bafake nendlela abafisa ukusebenza ngayo benze uhlu ngokulandelana baphinde bafake nezinkomba abazobona ngazo uma behlaziya ukusebenza kwalo mthetho. 
Isahluko 49 sidinga ukuhambisana kwamasu okwengamela uGu ukuze kube besiqiniseko sokuthi zonke izinhlaka ziyahambisana. Ngendlela efanayo isahluko 50 sidinga ukusebenza ngendlela efanayo phakathi komthetho wokwengamela uGu kanye nombono wezinye izinhlaka zika hulumeni. Lokhu kumele kuhambisane isibonelo, uNgqongqoshe kumeleabhekelele ukuthi imigomo kazwelonke yokwenganyelwa koGu iyahambisana naleyo yesifundazwe. 
Imigudu okumele ilandelwe ukuze amalunga omphakathi abambe iqhaza ekwenzeni izinqumo ngokuhambisana nalo mthetho oshayiwe, zibhalwe kwisahluko 51 kuya ku 52. 
Amandla kaNgqongqoshe kaZwelonke noNgqongqoshe wesiFundazwe okucubungula iimihlahlandlela yokuphathwa koGu kusiFundazwe nakuHulumeni baseKhaya ngokwehlukana ashiwo kusahluko 53 kuya ku54 
Isahluko 55 sinika izinhlaka ezehlukene ezengamele ukwenganyelwa koGu (sekuhlanganiswe nezinhlaka zase manzini) amandla okwakha imingcele (zoning schemes). Isahluko 56 sidinga ukuba izindawo ezibekelwe izidingo ezithile kwisishayamthetho zihambisane nalezo zezinhlaka ezihlukene. Indlela yokusetshenziswa koGu njengoba kuchazwe kabanzi kulesi sahluko izokwenza ukuthi kukwazi ukuhlukanisa izindawo zomphakathi kanye nalezo ezivikelekile. Lo mbiko uyophinde usize futhi ekuhlaziyeni inhlolovo yokufakwa kwezomthetho ekwenganyeleni koGu. 

Isahluko 7: Ukuvikelwa kwemvelo yoGu 
lesi sahluko sibeka izindlela zokuvikela ukwenzeka kwezinto ezingaba nomthelela omubi oGwini kanye nokuvimbela lokhu. Lapha kuphinde kubekwe izindlela zokuvimbela lesi simo.isahluko 57 sidinga ukuba umphakathi osebenzisa uGu, abanikazi kanye nabahlala ngasogwini, abaphathi abengamele uGu kanye nabanye abantu ababandakanyekayo ukuba bagweme ukwenza okungaholela ekucekelekeni phansi koGu ngokuhambisana nesahluko 28 somthetho kazwelonke wokwengamela ezemvelo (Umthetho wesi-9 ka 1998) obizwa lapha ngezansi nge-NEMA. Isahluko 59 sichaza kabanzi ngezimo ezingadala ukucekeleka phansi kwemvelo. Isahluko 59 sinika uNqongqoshe ukuba akhiphe isexwayiso esibhalwe phansi esizothathwa ukuze kuvikelwe uGu (izinqumo ezizovimba ukucekeleka phansi kwemvelo). Isahluko 60 sigunyaza uNgqongqoshe ukuba akhiphe izexwayiso ngokulungiswa kanye nokususwa kwezinto ezithile ogwini. 
Isigaba sesibili (isahluko 62 kuya ku 64) zivimbela izinto eziyingozi ukuba zenzeke endaweni evikelekile yoGu ngaphandle uma kutholakale imvume yokwenza lokhu ((bheka uhlelo (schedule ) 3 kwi khasi 102)). Lemvume ingashintshwa ngokubhekelela umonakalo owenzekile. Lo Mqulu awethuli izinhlelo ezintsha sokwengamela imvelo ecekeleke phansi. Ukuhlolisisa komonakalo owenzeke kwi-mvelo uzokwenziwa kokulandela umgomo wokuhlolisisa umonakalo obizwa nge NEMA owasungulwa zingama 21 ku Ephreli ku 2006. 
Isigaba sesithathu (isahluko 65 kuya ku 66) sivimbela izimo ezithile ezenzeka endaweni ethile esetshenziswa umphakathi naleyo evikelekile ogwini ngaphandle kokuthola imvume (bheka uhlelo 3 kwikhasi 102). Imvume iyadingeka noma kungazuthathwa lutho ogwini,ukusetshenziswa koGu kwezokuhweba endaweni ezivimbela lokho ukuze kutholakale indlela yokumisa umthetho wabangenayo 

Isithombe ngabakwaMasipala waseThekwini. 
Ukuthuthukiswa okwenzeka ngaphambi kolwandle kumele kwenziwe endaweni enesithambisi ngoba iphambili lolwandle yindawo eyingozi. 
nabaphumayo ikakhulukazi kwezokuvakasha. Njengasekubekweni kwemingcele ezindaweni ezivikelekile ogwini labo abafuna ukungena bayodinga izimvume ngemuva kokuhlolisiswa kwezicelomvume zabo ngokubhekelela indalo. Lesisahluko sinika umhlahlandlela wezinqumo ezibhekelelwayo uma kukhishwa izimvume. 
Isahluko 68 sibekelwe ukuhlahla indlela yokuthuthukiswa kwezinhlaka ezehlukene uma kukhishwa izimvume, ukuze kuvikeleke indalo. Loku kuphumelela ngokuba kube nezinhlaka eziningi ezihlanganyele ndawonye ekukhishweni kwezimvume. 
Isigaba 4 ( isahluko 70 kuya ku 71) ichaza kabanzi ngokuqashiswa kwendawo yomphakathi, loku kuqashiswa akwandile. 
Isigaba 5 (isahluko 72 kuya ku 73) sikhuluma ngokuvumeleka kokuhlala ogwini ngokuphathelene nokulungiswa, ukumiswa isikhashana noma ukumiswa kwemvume. Lezizinguquko, ukumiswa kwesikhashana kanye nokumiswa kwezimvume kuchazwe kabanzi kwi-sahluko 73. 
Isahluko 8: ukuvikelwa kokungcola olwandle nasoGwini 
Lesi sahluko senzelwe ukubhekelela ukugwenywa kokulahlwa kukadoti olwandle kanye nasemlonyeni womfula .okwamanje ukulahlwa kokungcola olwandle kanye nasemlonyeni womfula imikhumbi ngamapayipi kubhekelelwe amacandelo izigaba ezahlukene esishayamthetho. Lo Mqulu uhlose ukuvimbela ukulahlwa kokungcola okuyingozi emanzini noma ngabe kuphuma kuyiphi indawo (isahluko 74), lokhu kuzokwenziwa ngokuba kucelwe izimvume zokulahlwa koku kungcola. Lo Mqulu awukuvumeli ukulahlwa kokungcola olwandle(isahluko 75) noma okwaluphi uhlobo.Lo Mqulu unika izimvume zokulahla noma ikuphi ukungcola (bheka uhlelo 2 kwikhasi 97. 
Lo mqulu unika uNgqongqoshe igunya lokukhipha inqubo efanele uma kulahlwa udoti ngenxa yezimo eziphuthumayo ( isahluko 77). Isibonelo ngalokhu, uma umkhumbi ufa ngenxa yokungasebenzi kahle kwemishini yawo, kungadingeka ukuba uthulule imithwalo. Lo Mqulu udinga ukuba uNgqongqoshe akhe uhlelo lukazwelonke okumele lulandelwe ukuze kubhekwe uhlolo lwemfucuza elahlwayo, nobungozi engaba nabo ezimpilweni zabantu kanye nakwimvelo yasolwandle, (isahluko 78). 
Isahluko 9: Ukufaka isicelo sokuphikisana nesinqumo esithathiwe 
Lesi sahluko sicacisa ngemigudu ekumele ilandelwe uma kufakwa isicelo sokuphikisa isinqumo esithathiwe mayelana nokuvikela, ukulungiswa kanye nokunikeza noma ukunqatshelwa ukunikwa imvume ngaphansi komthetho (isahluko 79). Lokhu kunika uNgqongqoshe amandla okubheka lesi sicela mathupha noma abeke ikomodi elibheke lesi sicelo sokuphikisa isinqumo esithathiwe ukuze kuhlaziywe isicelo (isahluko 80) inhloso yokuba khona kwaleli komidi ukwenzela ukuthi kube khona abantu abanekhono elidingekayo ukuze kuhlaziywe izicelo uma kudingeka. Uma kusahlaziywa isicelo kungenzeka ukuba uNgqongqoshe athathe isinqumo sesikhashana (interim order) asibona sihambelana nomthetho ( isahluo 81). 

Isahluko 10:Ukuqiniswa kwezomthetho 
Lesahluko sibhekene nezinhlobo ezehlukene zokwephulwa komthetho (isahluko 84), lokho ke kube sekucacisa ngenhlawulo efanele (isahluko 85), isigwebo esifanele ithathelwa kumthetho wamajaji asenkantolo (isahluko 86) , ube usunikeza uNgqongqoshe noma umasipala amandla okuthatha isinqumo sezomthetho ngokuphathelene nendawo yamalungu omphakathi noma umthetho wezemvelo (isahluko 87) 
Isahluko 11: Amandla kanye nomsebenzi kaNgqongqoshe 
Lesi sahluko sibeka ngokusobala amandla kanye nomsebenzi kaNgqongqoshe kanye nekomidi elibhekelela ezemelo kwizifundazwe. Ingxenye yokuqala ukucacisa ngamandla kaNgqongqoshe okubeka imithetho kanye neziphakamiso okumele zenziwe uma kwenziwa lemithetho. Ingxenye yesibili ikhuluma ngamandla abangawasebenzisa uNgqobgqoshe kaZwelonke nowesiFundazwe. Isahluko 92 sinika uNgqongqoshe kaZwelonke amandla namagunya okwenza imisebenzi ethile ejwayele ukwenziwa nguNgqongqoshe wesiFundazwe ngaphansi kwezimo ezithile. Isahluko 93 sinika uNgqongqoshe wesiFundazwe amandla okunika omasipala imigomo okumele bayilandele. 
Ingxenye yesithathu ichaza ngokunika kukaNgqongqoshe umsebenzi okumele wenziwe kwabanye abasebenzi bomnyango wakhe. Isahluko 94 sibhekene nokunika kukaNgqongqoshe umsebenzi kubasebenzi abengamele lo msebenzi kumnyango wakhe. Isahluko 95 sinikeza amagunya uNgqongqoshe kaZwelonke ukwenza umsebenzi ojwayele ukuwenziwa nguNgqongqoshe wesiFunda ngaphansi kwezimo ezithile. Isahluko 96 sibhekene namandla kaNgqongqoshe wesiFundazwe okunikeza amandla noma imisebenzi yakhe kwabanye. 
Ingxenye yesine ibhekene nezindaba jikelele. Isahluko 97 sibhekene nolwazi nokwaziswa kwezinto ezenzeka oGwini. UNgqongqoshe kaZwelonke kufuneka athathe ulwazi olubhekene nokuvikelwa nokuphathwa koGu akuse kubantu. Umsebenzi woNgqongqoshe kaZwelonke nowesiFundazwe ukulungisa umbiko wobunjani boGu ubekiwe. Isahluko 98 sifuna ukuhlanganiswa kwemisebenzi phakathi kukahulumeni wesiFundazwe nowaseKhaya. 
Isahluko 12: Okunye okuhlukene 
Lesi sahluko sicacisa ngokunye okuhlukene okuzosiza ukuba ukuqalwa kwalemithetho kungabi nezinkinga uma sekusukwa kumthetho wokwengamela odlule sekuthathwa uMqulu omusha ohlongozwayo. Lokhu kuhlanganisa ukuqhubeka nokuqhubeka nokuqashisa noma amalungelo okuqashisa kwendawo yomphakathi oGwini (isahluko 99), imigomo okumele ilandelwe uma kubekwe izakhiwo ezingekho emthethweni endaweni yomphakathi (isahluko100) ezazisemthethweni ngaphambi kokubekwa kwalo mthetho kodwa ngemuva kwalokhu kumele zibe nezimvume zokubekwa (isahluko101). Lapha kuphinde kususwe imithetho engasekho emthethweni noma kulungiswe leyo ekhona. Omunye umthetho ozothatha indawo yemithathu ekhona (umthetho wesihlabathi solwandle ka 1935, umthetho wokuthuthukisa amadamu ka 1975 kanye nowokubhekele ukulahlwa kukadoti olwandle ka 1990) futhi uyobe sewenza lena ekhona ingabi khona kumthetho Wokongiwa kwemvelo ka 1987 wasesiFundazweni esasibizwa nge-Ciskei kanye nalowo Wokongiwa kwemvelo ka 1992 wasesiFundazweni esasibizwa nge-Transkei. 

IZINZUZO KANYE NENANI LAZO NGOKWEZEZIMALI 
Ukuqalwa kwalo mthetho kuzobiza ezinye izimali ezinhleni zikahulumeni kaZwelonke, izifundazwe kanye neminye imikhakha kahulumeni. Lokhu kuzodalwa izinsiza okumele zibekhona ukuze kuqalwe lezi zinhlelo zokwengamela uGu. Kodwa ke lezi zimali kumele zithathwe ekubekweni kanye nasekwenganyelweni koGu. 

UMA LO MQULU USETSHENZISWA UZOKWAZI YINI UKUNIKA INQUBO ENTSHA YOKWENGAMELA UGU? LENA YEMINYE YEMIBUZO OKUMELE UYIBHEKE UMA UPHEFUMULA NGALO MQULU 
Ingabe uMqulu u: 
 	
Uyayixhasa yini inqubo entsha yokwengamela ngokuhlanganyela (ICM) ewumgogodla wombiko osemthwethweni kahulumeni omusa (White Paper)? 

 	
Nika isiqiniseko sokuthi uGu luzohlala luwumnotho kaZwelonke? 

 	
Zonika izigaba ezahlukene zikahulumeni ithuba lokuthi ziwenze kahle umsebenzi wawo kanye nalowo asazonikezwa wona? 

 	
Zogwema noma unciphise amakomidi amasha ahlongozwa umbiko osemthwethweni kahulumeni? 

 	
Zokwazi yini ukudala amathuba ehlukene omphakathi /abamabhizinisi ekwemganyelweni koGu ngokubhekelela izidingo ezihlukene zoGu kanye nezimo ezikhona ezidinga ukwenganyelwa ngendlela ebhekelele isimo ngasinye? 

 	
Kunikeza isizinda sezomthetho esizokwazi ukusiza ukuthi kukwazi ukuphumelela kweziphakamiso ezenziwe? 

 	
Kuthuthukisa ukwenganyelwa koGu kuZwelonke, kwiziFundazwe kanye nako masipala? 

 	
Kuvikelwa komlando, amasiko kanye nokuphila kwezilwane nezitshalo oGwini? 

 	
Kubhekelela amalungelo omphakathi kanye nabasebenzela uGu izinto zabo ezingasese, ukuze kungabikhona ukungezwani uma kuqalwa lombiko? 

 	
Kugqugquzela ukuthola amathuba aqhamuka ekusebenziseni uGu? 

 	
Kuthuthukiswa nokusetshenziswa kosebe lolwandle kungaphazamisi neminye imisebenzi? 

 	
Kunikeza izinsiza zokuthuthukiswa komnotho ezibhalwe kumbiko kahulumeni osemthethweni ukuze kufezwe inhloso yalo mbiko. 

 	
Kunika kafishane noma ngokugcwele izijeziso ezihambisana nokuphula umthetho njengoba kubhalwe kumbiko kahulumeni osemthethweni. 


Kubalulekile nokukhumbula ukuthi imithetho sivivinyo edlule yenziwe kubhekelelwe imvelo eyayenziwa uMnyango weZemvelo neZokuvkasha. Enye yezinhloso zalo mthetho kwakuwukwakha umthetho obhekelela ukusebenza ngokuhlanganyela kwezigaba ezahlukene ngaphansi kwemithetho yeZemvelo eNingizimu Afrika. Kanjalo ke lo mthetho sivivinyo wenzelwe ukuba usebenze ngokubambisana phakthi komthetho omdala kanye nalo. 

IZIFUNDO / IINCWADI EZICETYISWAYO 
1. 	
COUNCIL FOR THE ENVIRONMENT. 1989. A Policy for Coastal Zone Management in the Republic of South Africa. Part 1. Principles and Objectives. Joan Ltter Publications, Pretoria. 

2. 	
COUNCIL FOR THE ENVIRONMENT. 1991. A Policy for Coastal Zone Management in the Republic of South Africa. Part 2. Guidelines for Coastal Land use. Academica Publishers, Pretoria. 

3. 	
DEPARTMENT OF ENVIRONMENTAL AFFAIRS AND TOURISM. 1998. Coastal Policy Green Paper: Towards Sustainable Coastal Development in South Africa. Wynland Printers. 

4. 	
DEPARTMENT OF ENVIRONMENTAL AFFAIRS AND TOURISM. 2000. White Paper for Sustainable Coastal Development in South Africa. Printed for the Government Printer by Formeset Printers, Cape. 

5. 	
GLAVOVIC, B. 2000. Our Coast, Our Future A New Approach to Coastal Management in South 


 Africa. Mega Digital. 
6. 	
GLAVOVIC, B. 2000. Building Partnerships for Sustainable Coastal Development The South African Coastal Policy Formulation Experience: The Process, Perceptions and Lessons Learned. Mega Digital. 

7. 	
GLAZEWSKI, J. 1997. Towards a Coastal Zone Management Act for South Africa. The South African Journal of Environmental Law and Policy 4(1):1-22. 

8. 	
SOWMAN, M. R. 1993. The status of Coastal Management in South Africa. Coastal Management 21:163-184. 


Lemibiko engenhla iyatholakala kulamakheli alandelayo: 
www.deat.gov.za www.mcm-deat.gov.za 

Umnyango weZemvelo nokuVakasha 
Imibono ngaloMthethosivivinyo ungathunyelwa kulelikheli: 
The Assistant Director: Institutional and Legal Development Chief Directorate: Integrated Coastal Management Department of Environmental Affairs and Tourism Private Bag X2 Roggebaai 8012 
Isikhahlamezi: 021 402 3009 Ikheli lekhompuyitha: czm@deat.gov.za 



environment & tourism 

Department: 
Environmental Affairs and Tourism 

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA 



