Ilayisense yethelevishini inikeza umuntu igunya lokuthenga ithelevishini eyodwa ukuze abukele ithelevishini.
Lapho uthenga ilayisense yeThelevishini okokuqala, ukhokha inani lemali yonyaka egcwele okungu-R225. Intengo yelayisense yesaphulelo kwabathize ngu-R65 ngonyaka.
Noma ngubani oneminyaka engaphezulu kuka-70 noma ngaphezu kwayo, ongahlali nabantu abasebenzayo ancike kubo noma angancikile kubo.
Izinhlangano zidinga ilayisense yethelevishini, kwithelevishini nethelevishini ngayinye enayo enhlanganweni. Emakhaya badinga ilayisense eyodwa kuwo wonke amathelevishini abanawo endlini.
Umthengisi wethelevishini kumele azise abathengi ukuthi ngeke bathenga ithelevishini ngaphandle kokukhipha ubufakazi belayisense yethelevishini. Abafuna ukuthenga amathelevishini bangenza isicelo samalayisense iPosini eliseduzane, noma bacele umthengisi ukubathengela ilayisense.
Ilayisense ivuselelwa njalo ngonyaka.
Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi website ethi www.tvlic.co.
Yenza isicelo ePosini eliseduzane noma kumthengisi onegunya lokukhipha amalayisense eTV.
Ungenza nesicelo kwi-inthanethi ekhelini elithi:www.tvlic.co.
Kungathatha amahora ambalwa.
