
AMAZINGA OSIZO OLUTHOLAKALA EMNYANGWENI WEZAMANZI NOKUTHUTHWA KWENDLE KAMASIPALA WASETHEKWINI 
1.	NGELOKHOZI 
Umqulu wosizo uMnyango wezaManzi Nokuthuthwa Kwendle kaMasipala waseThekwini ohlinzeka ngalo amakhasimende awo wenzelwa ukuqinisekisa ukuthi okulindelwe ngumphakathi ekulethweni kwezidingo kuyahambisana namazinga angakaleka okwenza umsebenzi. 

Lo mqulu ubhalwa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi: 
	
Ubudlelwane obukhona phakathi koletha izidingo, uMnyango wezaManzi Nokuthuthwa Kwendle kaMasipala, kanye nekhasimende noma ohlinzekwa ngezidingo, benziwa ngcono, 

	
Izinto okungekho ukugculiseka ngazo ziyancishiswa, 

	
Lapho kunokungaboni ngaso linye khona, indlela yokuxazulula icacile, 

	
Ukulindela izimanga kuyaqedwa, 

	
Iyacaciswa inqubo yokudlulisela phambili udaba uma kunokungaboni ngaso linye phakathi koletha izidingo namakhasimende, 

	
Umphakathi uyazi ukuthi ungathintana kanjani noMnyango wezaManzi Nendle kaMasipala waseThekwini. 



Lo mqulu uqonde nokukhanyisa ukuthi: 
	
Kungalandelelwa kanjani ukusebenza ngendlela efanele, 

	
Ulwazi mayelana nokushaya emhloleni kokulethwa kwezidingo kungabikwa kuphi futhi kungabhekwana kanjani nakho, 

	
Bungagwenywa kanjani ubudlelwane obungebuhle namakhasimende, 

	
Bungagcinwa kanjani bubuhle ubuhlobo namakhasimende ngenxa yokuzikhethela ukuhambisana neqophelo lokuhlinzeka ngezidingo elishicilelwe kodwa futhi amalungelo amakhasimende ebe esahlonishwa. 


2.	NGESO ELIBANZI 
Lo mqulu uqonde ukucacisa: 
	
ukuthi uMnyango wezaManzi Nokuthuthwa Kwendle kaMasipala waseThekwini uzokusiza futhi ukweseke kanjani wena njengekhasimende lethu, 

	
iqophelo lowenzelwa khona wena njengekhasimende lethu ongalilindela, 

	
ukuthi ungasisiza kanjani ukuba sikusize kangcono nokuthi ungazenza kanjani iziphakamiso ukuze senze kangcono, 

	
imigudu wena njengekhasimende ongayilandela uma ufisa ukuzwakalisa ukungeneliswa kwakho ngeqophelo lomsebenzi wethu. 



3. AMAGAMA ASETSHENZISIWE: 
Kulo mqulu, ngaphandle uma kubekwe ngenye indlela, 
Wonke amahhovisi kusho lapho kuqhutshwa khona izindaba eziphathelene namanzi. Wonke amahhovisi aqondise ngqo kulezi zindawo ezilandelayo:  
 
3 Prior Road (Inhlokohhovisi), 

 
Pinetown One Stop Shop (60 Kings Road), 

 
Kingsburgh One Stop Shop (729 Mayors Mews), 

 
Umhlanga Water Office (327 Umhlanga Rocks Drive), 

 
Hammarsdale Water Office (58 Anderson Road) 


Isikhungo sezingcingo kuqondwe ukuxhumana noMnyango wezaManzi 
Nokuthuthwa Kwendle kaMasipala waseThekwini ngenombolo yamahhala yakwaTelkom eshayelwa ubusuku nemini ethi 080 1313 013 noma ngenye yalezi zindlela ezilandelayo: 
 
e-mail : eservices@dmws.durban.gov.za 

 
SMS : 083 707 3013 

 
FAX : 031- 311 8220 



4. AMAZINGA OSIZO OLUTHOLAKALAYO 


Amanzi 
Ukwenza amanzi atholakale kumakhasimende ngemali engambi eqolo, kunamaqophelo ehlukene okulethwa kwawo kumakhasimende asekhaya: 
	
Ukulethwa kwamanzi anomfutho ophelele eza ngqo endlini esuka emapayipini kaMasipala. 

	
Ukulethwa kwamanzi anomfutho ophansana afika endlini esedlule ethangini elisophahleni. 

	
Amalitha angama-200 amanzi ngosuku atholakala ngethangi eliphansi eligcwaliswa nsuku zonke  alingana namalitha ayizi-6 000 amanzi amahhala ngenyanga. 

	
Ompompi basemgwaqeni abafakelwa imiphakathi esagobe amadlangala okwesikhashana. 

	
Izikhwanyana zamanzi noma afika ngeloli lapho kunokuphazamiseka isikhathi eside. 



Ukuthuthwa kwendle 
Iqophelo elemukelekile lokuthuthwa kwendle yileli: 
	
Ukuthuthwa kwendle ngamapayipi okwejwayelekile kusetshenziswa amanzi kuxhunywa kwingqalasizinda yamapayipi endle. 

	
Ukuhanjiswa kwendle ngamapayipi kusetshenziswa amanzi kuchithwe khona ejalidini  ithangi elingaphansi komhlaba nokuhambisana nalo. 

	
Lapho kusetshenziswa amanzi khona, kuchithelwe ethangini okufika iloli lizomomela ethangini layo lihambe nayo indle liyoyichitha kwenye indawo. 

	
Indlu yangasese enomgudu womchamo wodwa nowendle(dry sanitation) 


5. USIZO LWAMAHHALA 


Amanzi 
Wonke amakhasimende athola amakhilolitha ayisithupha okuqala amanzi mahhala ngenyanga, ziye ngokwenyuka-ke izimali kulawo makhasimende athola amanzi anomfutho ophelele noma ophansana kanye nezimali ezingaguqukiyo kulawo makhasimende omfutho ophelele asebenzisa amakhilolitha angaphezulu kwayisithupha ngenyanga futhi ahlala ezindaweni zokuhlala ezibiza ngaphezu kuka-R40 000 ngokwemiklamo kaMasipala.  
Wonke amanzi alethwa ngompompi basemgwaqeni amahhala 

Ukuthuthwa kwendle 
Noma yiliphi ikhasimende inani lomuzi walo elingaphansi kuka-R36 000 ngokwemiklamo kaMasipala futhi elingabe likhokhela ukuthuthwa kwendle lolu sizo luhlinzekwa mahhala. Noma iyiphi indlu yangasese yomgodi yohlobo lwe-VIP ithululwa mahhala kanye eminyakeni emihlanu. 
6. USIZO OLUTHOLAKALAYO NAMAZINGA ALO AMA-AKHAWUNTI 
USIZO  IZINGA LOKULETHWA KOSIZO  LAPHO UMPHAKATHI UNGALUTHOLA KHONA LOLU SIZO  
Ukubhaliswa kwe-akhawunti entsha  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Ukuvalwa kwe-akhawunti  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Ukushintsha i-akhawunti isuswa kumuntu okubhaliswe ngaye i-akhawunti iswa komunye  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Ukuhlanganisa i-akhawunti nezidingo, isibonelo: Ugesi namanzi  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Ukuguqula igama kwi-akhawunti  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Ama-akhawunti aphezulu  Ukuvuza: Kwelulekwa ikhasimende mayelana nendlela yokukubheka lo khu.  Amamitha afundwe ngokungesikho: Uphenyo  Ngaso leso sikhathi Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi Wonke amahhovisi  
Amamitha aphambene Izicelo zomshini okala amanzi  Izinsuku ezingu-14 Izinsuku ezintathu  Wonke amahhovisi Wonke amahhovisi  
Ukwesulelwa isikweletu (lapho kufanele khona)  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Imikhawulo, ukuvalwa nokuvulwa  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Amakhophi ezitatimende  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Imibuzo ngezikweletu ezisilele  Ngaso leso sikhathi  Wonke amahhovisi  
Amamitha angaphezulu kweyodwa  Izinsuku ezingu-14  Prior Rd  
Ukulawulwa kwezikweletu ngokweNqubomgomo yaManzi  Nsuku zonke  Wonke amahhovisi  
Inkokhelo emaqondana nodoti ongamanzi nokungcolisa indawo  Usuku olulodwa  Prior Rd  
Ukuvalwa kwamakhasimende adoti ongamanzi wezimboni  Ngaso leso sikhathi  Prior Rd  
Ukuphendula emibuzweni ngezimali ezikhokhelwa udoti osaluketshezi wezikhungo zohwebo  Usuku olulodwa  Accounts Prior Rd.  
Ukusetshenzwa kwezicelo zokuchithwa kukadoti wezikhungo zohwebo osaluketshezi emapayipini noma ngokulandwa ngeloli  Izinsuku ezingu-7  Scott Rd-Pollution KwaMashu-Pollution Southern Waste Treatment Water  

Works-Pollution  
Izikhalo mayelana nokungcoliswa kwamanzi ezikhukhula nawemifula  Emahoreni amabili  Isikhungo sezingcingo, Scott Rd, KwaMashu, Southern Waste Water Treatment Works  
Izicelo zokufaka izindawo zokunyanga indle yasekhaya, khona ekhaya  Izinsuku ezingu-7  Prior Road  

ENGINEERING SERVICES CONTACT CENTRE

USIZO  IQOPHELO LOSIZO  LAPHO UMPHAKATHI UNGALUTHOLA KHONA LOLU SIZO  
Ukuthatha yonke imibuzo efika ngocingo emayela na nezinkinga kumasevisi ezobunjiniyela  Ngaso leso sikhathi  Prior Road Isikhungo sezingcingo  
Ukusetshenzwa kwazo zonke izinkinga zamasevisi ezobunjiniyela ezibikwa ngama-e-services nangezinye izindlela  Ngaso leso sikhathi  Prior Rd, Isikhungo sezingcingo  
Ukuphendulwa kwemibuzo yocingo  u90% wazo zonke izingcingo esigamini somzuzu kuthi u80% emizuzwaneni engama20  Prior Road  
Amahora okusebenza  24/7/365  Prior Road  

UKUFUNDISWA KOMPHAKATHI

USIZO  IZINGA LOKULETHWA KOSIZO  LAPHO UMPHAKATHI UNGALUTHOLA KHONA LOLU SIZO  
Ukuvakashela esikhungweni sokufundisa somnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle  Uma ucela futhi nethuba likhona  031-577 1605  
Ukufundisa ezikoleni ngamanzi, ukuthuthwa kwendle nangezemvelo  Izinsuku okusetshenzwa ngazo ezingu-15  031-577 1605  
Ukuya emihlanganweni yomphakathi  Izinsuku okusetshenzwa ngazo ezingu-7  031-3118784  

EZOBUCHWEPHESHE

USIZO  IZINGA LOKULETHWA KOSIZO  LAPHO UMPHAKATHI UNGALUTHOLA KHONA LOLU SIZO  
Imibuzo yobuchwepheshe eyejwayelekile mayelana namanzi nokuthuthwa kwendle ngamanzi  izinsuku ezintathu  Prior Rd, Scott Road, 60 Kings Road (Pinetown), uMhlanga Water Office  
Ukusebenza izicelo zokugudluzela kwenye indawo amamitha kanye nokuwahlola  izinsuku ezingu-14 zokusebenza  Wonke amahhovisi  
Ukusebenza izicelo zokugudluzela kwenye indawo izigxobo okuxhunywa kuzona amapayipi okucisha imililo  izinsuku ezingu-14 zokusebenza  Wonke amahhovisi  
Ukusebenza izicelo zokufakelwa amanzi okokuqala  izinsuku ezingu-14 zokusebenza  Wonke amahhovisi  
Ukuhlola ukuxhunywa kwamapayipi amakhasimende ezikhungo zohwebo ukuthi ayahambisana yini nemigomo yokucishwa kwemililo  Usuku olulodwa  Wonke amahhovisi  
Ukuphenya ngezikhalo/imibuzo eyejwayelekile yamakhasimende asekhaya emayelana namanzi Ukuphenya nokuxazulula izinkinga zokuma kwamachibi amanzi egcekeni nezikhalo mayelana nomfutho wamanzi  Amahora angu-48 Amahora angu-48  Isikhungo sezingcingo/ Wonke amahhovisi Isikhungo sezingcingo/ Wonke amahhovisi  
Ukusebenza nokuhlola umfutho nokugeleza kwamanzi  Izinsuku ezingu-7  Isikhungo sezingcingo/ Wonke amahhovisi  
Ukuhlola izakhiwo nokuhlonza amapayipi amanzi amakhulu aseduze, ukubheka izinombolo zeziza nezikhonkwane zemingcele ukuze kwenziwe lula ukufakwa kwamanzi okungokokuqala  Amahora angu-48  Paver Rd  
Ukufaka amanzi < 25mm ngokuhlukana ezakhiweni eziningi ndawonye  Izinsuku ezingu-14  Paver Rd  
Ukuxhumela izakhiwo zokuhlala ezinkulu, ezohwebo, nokuxhumela indlu ngayinye >25mm kuhlanganisa nokuxhumela ukufafaza kanye nokucisha imililo  Izinsuku ezingu-14  Paver Rd  
Ukufunda wonke amamitha amanzi amakhasimende (ezindaweni zokuhlala nakwezokuhweba) kuMasipala weTheku  Ngenyanga  Paver Road  
Ukwenza umsebenzi wangaphandle/ukubheka  Izinsuku ezintathu  Paver Road  

ukufundwa kwamamitha lapho kunesidingo khona  
Ukufunda okungathekisiwe lapho kungefundeke khona  Ngenyanga  Paver Road  
Ukugcina amamitha nezigubhu zamanzi kusesimweni esifanele  Amahora angu-48  Paver Road  
Ukulandela ukuvuza okuphathelene namamitha amanzi  Amahora angu-48  Paver Road  
Ukuthungatha amamitha amanzi agqibekile  Izinsuku ezinhlanu  Paver Road  
Ukukhiphela ngaphezulu nokugudluzela kwezinye izindawo amamitha amanzi  Amahora angu-48  Paver Road  
Ukushintsha amamitha anamaphutha  Amahora angu-48  Paver Road  
Ukukhipha ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho noma ukungakhokhi  Amahora angu-48  Paver Road  
Ukuphenya imibuzo eyejwayelekile ngamamitha amanzi nangama-akhawunti  Izinsuku ezingu-7  Wonke amahhovisi  
Ukunikeza abakhi nama-consultants imininingwane yokuhlelela amanzi nokuthuthwa kwendle kwesikhashana nokwesikhathi eside  Ngokubonisana  Prior Rd  
Ukunikeza amakhasimende ulwazi lwe-GIS, izithombe ezithwetshulwe ngebhanoyi, ukusilela emuva, nezinye izibalo .  .A4 evamile- Khona manjalo mahhala futhi .Okunye kungaze kufike ezinsukwini zokusebenza ezingu-7 uma kucelwa ngokuyisipesheli futhi ngokwetharifu ebekwe uMkhandlu  Prior Rd  
Ukuhlola amasampula, isibonelo: ukungcola kwamanzi asemhlabathini, izinga lamanzi okuphuza, nelamanzi asemfuleni  Amahora angu-48  Halifax Rd  
Ukuhlaziya isimo sendawo nomthelela waso  kuphawulwe maqondana namanzi nokuthuthwa kwendle  Izinsuku ezingu-30  Prior Rd  
Ukuqinisekisa ukuhambisana nokulandelwa kombhalo wemibandela yokwemukelwa kwamapulani, ukwedluliswa kwawo, ukuphasiswa kanjalo nokubeka imibandela nguMnyango wakwaTown Planning/Building, Estates  Izinsuku ezingu-7  Prior Road as as well as Scott Rd KwaMashu Works, 2 Byfield Rd  
Izinhlangano zabakhokhi bama-rates nabamabhizinisi Ukuxhumana nabo kuboniswane ngezindaba zezomthetho nenqubomgomo ethintekayo  Ngokubonisana  Scott Rd, Kwa Mashu Works, 2 Byfield Rd  
Ukuhlola kabili noma kathathu ngonyaka ukuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho kaMasipala yokulahlwa kwendle, imithetho kazwelonke yezokwakha neminye imithetho emayelana nendawo  Kabili noma kathathu ngonyaka kuye ngesidingo  Scott Rd, KwaMashu Works, 2 Byfield Rd  

Ukuletha umbiko wokuhlola, isaziso, noma incwadi yalokho embonini lingakapheli isonto elilodwa kuhloliwe  Isonto elilodwa  Scott Rd, KwaMashu Works, 2 Byfield Rd  
Ukuqinisekisa ukuthi yonke imithetho nenqubomgomo yoMnyango iyaziswa abezimboni  Kuye ngesidingo  Scott Rd, KwaMashu Works, 2 Byfield Rd  
Ukulungisa umbiko ozokhishelwa abezindaba odinga ukugunyazwa ngabaqondisi omayelana nezehlo zokuchitheka noma zokungcolisa  Amahora angu-24  Scott Rd, KwaMashu Works, 2 Byfield Rd  
Ukulungisa isitatimende esizokhishelwa abezindaba uma kunentatheli ecelayo kugunyazwe ngabaqondisi  Amahora angu-24  Scott Rd, KwaMashu Works, 2 Byfield Rd  
Ukunikeza abakhi ulwazi oludingekayo njengezindawo ezinengcindezi, izinga lokuhamba kwamanzi, ukunikeza ngomthamo omkhulu  Isonto elilodwa  Prior Rd  
Ukuhambisa amanzi okuphuza kumakhasimende ezindaweni lapho amanzi abenqamukile khona  Amahora angu-6 ngemuva kokuphazamiseka  Isikhungo sezingcingo  
Ukuhambisa amanzi ngezikhwanyana ezindaweni zokuhlala lapho enqamuka khona  Amahora amane ngemuva kokunqamuka  Isikhungo sezingcingo  
Ukugcwalisa imisele ebimbiwe ngenxa yomsebenzi ophuthumayo emigwaqeni nasonqenqemeni lwemigwaqo  Usuku olulodwa  Isikhungo sezingcingo  
Usizo lwamaloli athulula izindlu zangasese: Ukuthululwa kwamathangi endle angaphansi komhlaba ekhaya, okungahleliwe  Izinsuku ezimbili  Wonke amahhovisi/ Isikhungo sezingcingo  
Ukuthulula izindlu zangasese  Mahhala kanye njalo ngeminyaka emihlanu  Springfield  
Ukuxhunyelwa ohlelweni lwamapayipi okuthutha indle  Izinsuku ezinhlanu  Springfield  
Ukuhlola ukuxhunywa okusha ohlelweni lwamapayipi okuthutha indle  Izinsuku ezimbili  Springfield  
Ukwamukelwa/Ukwedluliswa kwamapulani okwakha mayelana nokuthuthwa kwendle.  Izinsuku ezintathu kusukela osukwini isicelo esitholwe ngalo uMnyango kuze kube wusuku esibuyela ngalo kubahloli bezindlu  Prior Road  
Ukubheka ukugcwala kuchichime izitamukoko/ukuvaleka kwazo/iphunga/umonakalo   Okubucayi kulungiswa engakapheli amahora amane.  Isikhungo sezingcingo  

 Okungebucayi  
kulungiswe  
engakapheli  
amahora  
angu-24  
Ukubheka ukuvaleka kwamapayipi okuhambisa  Izinsuku ezimbili  Isikhungo  
indle ezakhiweni okungezona ezikaMasipala  sezingcingo  

EZOKUPHATHA



