            
 
ISIFUNDAZWE SAKWAZULU-NATALI 
UMNYANGO WEMFUNDO  
 
UMHLAHLANDLELA WAMAQOPHELO OKUNIKEZELWA KWEMISEBENZI 
 
Thina basebenzi bomNyango weMfundo KwaZulu-Natali siyaqonda futhi siyalihlonipha ilungelo lezakhamizi ezingabasebenzisi bemisebenzi yethu lokuba bathintwe, banikezwe impatho efanele nomsebenzi onohlonze ngesikhathi, bekwazi ukufinyelela ezinsizakalweni ngaphandle kokwenzelela, baziswe ngohlobo neqophelo lomsebenzi abazohlinzekelwa wona, ukukhononda uma bethole umsebenzi ongekho eqophelweni elifanele ngesikhathi esifanele nangendlela ekhathalela ukusebenza kwemali kanye nokuzibandakanya ngokugcwele emisebenzini ngomoya wokuvuleleka nokuveza obala. 
 
ESIPHATHISWE UKUKWENZA 
UmNyango weMfundo  KwaZulu-Natali uphathiswe nguMthethosisekelo wezwe laseNingizimu Afrika ukuba uhlinzeke imfundo yomphakathi kubo bonke abafundi esifundazweni saKwaZulu-Natali, kungayi ngobudala. 
 
IMISEBENZI ESIYIHLINZEKAYO 
 Imfundo yezikole zamabanga aphansi neyamabanga aphakeme. 
 ukubhalisa nokuqapha ukusebenza kwezikole ezizimele nabafundela emakhaya 
 Imfundo yabafundi abanezidingo zokufunda ezahlukile. 
 Imfundo yasemakolishi emfundo eqhubekayo nokuqeqesha.  

 Imfundo eyisisekelo nokuqeqeshwa kwabadala 

 Ukusekelwa kokuthuthukiswa kojahidada 


 Izinhlelo zokusekelwa kwabafundisi nabafundi ezikoleni nasezikhungweni zokubathuthukisa besemsebenzini. 
 Ukuthuthukiswa kokuphatha nokwengamela kanye nezinhlelo zokwesekela 

 Ukusekelwa ngezinhlelo ezenziwa kufundwa nalezo ezengezelelwa ekufundeni 

 Ukuphathwa kwezinhlaka zemisebenzi nezimali nokusekelwa ngokwezinhlelo zemisebenzi. 


 
AMAQOPHELO EMISEBENZI YETHU 
 Ukunakwa nokuphendulwa kwemibuzo ngokushesha 

 Ukuphendula ucingo ngokushesha 

 Ukusebenza izicelo zomsebenzi kungevile ezinsukwini ezingama-30 

 Ukukhombisa ukwamukela izikhalo ezibhaliwe zingakedluli izinsuku eziyisi-5 

 Ukuhlangabezana nezicelo ezibhaliwe zingakedluli izinsuku ezingama-21 

 Ukukhokhela esibakweletayo zingakapheli izinsuku ezingama-30 

 Ukwakha okungenani amagumbi okufundela ayi-1500 ngonyaka 

 Ukwehlisa izinga lokuphutha ngoku-1% ngonyaka 

 Ukuhlinzeka ngezinsizakufunda ezikoleni ezingama-90% zalezo zikole ezingekho esigabeni sama-21 (ngomthetho) ngaphambi kosuku lokuvulwa kwezikole unyaka nonyaka 

 Ukwenyusa izinga lokwazi ukufunda nokubhala nelokubala ebangeni lesi-3 ngoku-3% ngonyaka 

 Ukwenyuswa izinga lokwazi ukufunda nokubhala nelokubala ebangeni lesi-6 ngoku-4% ngonyaka 

 Ukwenyusa izinga lokuphumelela ebangeni lesi-9 ngoku-2% ngonyaka 

 Uwenyusa izinga lokuphumelela ebangeni le-12  ngoku-3% ngonyaka 

 Ukwenyusa inani lababhalisela ukufunda ezikhungweni zemfundo eyisisekelo nokuqeqeshwa kwabadala (ABET) ngezi-4000 ngonyaka 

 Ukwenyusa inani lababhalisela ukufunda kojahidada ngokuyi-10% ngonyaka 

 Ukwenyusa inani lababhalisa ezikhungweni zemfundo eqhubekayo nokuqeqeshwa ngokuyi- 15% ngonyaka 


 
UKUBHEKELWA KWEZIKHALO 
Siyaqonda futhi siyalihlonipha ilungelo lezakhamizi lokukhononda uma imisebenzi ingenzeki ngendlela noma ingenelisi. 
 
 Ungasibhalela ekhelini elingezansi. 

 Siyozama ngakho konke ukuxolisa nokulungisa uma iphutha silithole lingakithi. 

 Siyoqinisekisa ukuqoshwa kwezikhalo nobukhona bezinhlelo zokulandelela 

 Siyazibophezela ekuphatheni noma yiluphi ulwazi lwenkohlakalo nemikhonyovu ngokucophelela 

 Ungasebenzisa  inombolo yamahhala uma ubika ngemikhonyovu, inkohlakalo kanye nokuphathabudlabha. 


IKHELI : 
  Inhlokohhovisi 
  Isikhwama seposi X9137, Pietermaritzburg.3200 


  228 Pietermaritz St.  
  Pietermaritzburg 
   3201 
 Uma usishayela siyokwenza lokhu: 
. Ukuphendula ucingo ngokushesha 
. Ukuzisho ngegama nangokophiko esikulo, 
.Ukukusiza ngendlela enesizotha nenosizo. 
.Ukudlulisela kubantu / ophikweni olufanele ngaphakathi emNyangweni. 
    Inombolo Yocingo:                      (033) 846 5100 
 Inombolo yefeksi                        (033) 846 5185 
   Inombolo yamahhala :    0800204353 
 


 

