﻿Rural Safety | Farm Attacks(Zulu) | Part 10










    


 
































 Crime Stop
 08600 10111
 crimestopgauteng &nbsp;@saps.org.za

 Report
 Child Abuse/images
 childprotect@saps.org.za

 


 





10. IMIKHUBA YOKUPHEPHA EMIHLE


10.1 Wamele amalungelo akho njengomnikazi wepulazi. Abantu abangaziwa nababambe itoho kufanele bathole imvume kuqala uma bengena epulazini. Buza esiteshini samaphoyisa sangakini ukuthi umthetho uthi yini ongayenza nokuthi ungawasebenzisa kanjani amalungelo akho.

10.2 Abasebenzi basepulazini:

10.2.1 yakha ubuhlobo obuhle nabasebenzi basepulazini.
10.2.2 gcina umfanekiso kamazisi walowo nalowo msebenzi ;
10.2.3 khuthaza abasebenzi ukuba bakuqaphele ukuphepha nokuthi babike uma kunobugebengu.
10.2.4 khuthaza abasebenzi ukuba babaqaphele abantu abangabaziyo endaweni nokuthi bakwazise ngabo.
10.2.5 klomelisa abasebenzi uma bekunike amacebo noma ulwazi olunosizo.
10.2.6 Vikela ngokwanele imizi noma izindlu zabasebenzi nemindeni yabo.

10.3 Ungavumeli muntu angene epulazini noma endlini, ikakhulukazi ebusuku ngaphambi kokuba esezichazile ukuthi ungubani.

10.4 Kufanele ulalise ngaphakathi endlini okungenani inja eyodwa.

10.5 Qiniseka ukuthi amathuluzi okusebenza asindayo njengezimbazo, amapiki, amalele, amahalavo nokunye uyakukhiyela uma kungasetshenziswa.

back to top

10.6 Ukulawula okhiye:

10.6.1 Sebenzisa imibhalomfihlo kunoma ubhale amalebula kokhiye.
10.6.2 Zama ukuthi ungahlali uphethe isixhaka sokhiye. Sebenzisa okhiye abasebenza ngemibhalomfihlo. Imibhalomfihlo kufanele ihlale ishintshwa njalo.
10.6.3 Bakhiphe okhiye emotweni uma bengadingeki.
10.6.4 Bashintshe okhiye bakho uma ngabe okhiye bokuvula benyamalele.
10.6.5 Qiniseka ukuthi zonke izivalo (kumbandakanywa nesivalo segalaji) amafasitela namasango kuhlala kukhiyiwe uma kungasetshenziswa.
10.6.6 Ngaphambi kokuba uvule noma yini, qiniseka ukuthi uphethe ukhiye ongowakhona.
10.6.7 Ungalingi ufihle ukhiye endaweni eqangeleka kalula njengaphansi komata noma imbiza yezitshalo.
10.6.8 Uma ngabe ushiye ukhiye ebhotsheni kakhiye ngaphakathi kwesivalo, kufanele uwuphendule ukhiye ukuze ungafuduleki.

10.7 Ngaso sonke isikhathi uma uhamba yazisa umndeni wakho ukuthi uyaphi, uzohamba ngayiphi indlela nokuthi uzobuya nini.

10.8 Hlola ucingo lwakho njalo ukuze uqiniseke ukuthi luyasebenza. Beka ucingo endaweni lapho luzofinyeleleka khona kalula okufanele kube yindawo engaqondene nefasitela lapho lungadubuleka khona kalula.

10.9 Ngaso sonke isikhathi hlala unethoshi eduze kwakho ebusuku, uma ngabe usebenzisa ithoshi lisebenzise ngendlela yokuthi lingakhombisi ukuthi wena ukuphi.

10.10 Zama ukwenza izithiyo zokuthi kungantshotshwa uphethilomu neminye imikhiqizo.

10.11 Ungenzi umsebenzi ofanayo noma owodwa zonke izinsuku.

10.12 Kwenze kuba umkhuba wakho ungalali ngokushesha ngemuva kokucima izibani ebusuku. Hlala usabhekile isikhashana eside. Ungalali endaweni lapho ungabonakala khona ngumuntu ongaphandle kwendlu.

10.13 Ungami phambi kwefasitela uma ngabe uvala noma uvula amakhethini. Hlehlisa amakhethini ngendlela yokuthi ungazivezi kalula kumuntu ongaphandle. Amakhethini akufanele abe ngabonakalisayo okungaphakathi. Ukunyakaza kwabantu noma izithunzi zabantu akufanele zibonakale ngaphandle endaweni engamamitha ayi- 10 ukuba kude nendlu.

back to top

10.14 Thatha izithombe nezithupha zabo bonke abasebenzi ukuze besabe ukwenza noma ukuzimbandakanya nobubugebengu.

10.15 Ukuzijwayeza ukuqhumisa isibhamu epulazini (endaweni ephephile) nakho kungabathunaza labo abafisa ukwenza ubugebengu.

10.16 Izingane zakho kufanele zikwazi ukuphendula ucingo ngendlela enenhlonipho. Akufanele zikhulume nabantu ezingabazi noma zamukele izipho kubantu ezingabazi. Wonke umuntu okhone ekhaya kufanele akungenele ukuviliyela kokuzivikela.

10.17 Hlala unomshini wokuthwebula izithombe omdala emotweni. Thwebula izithombe zabo bonke abantu ongabazi abasendaweni noma abavakashele ipulazi lakho.

10.18 Uma ngabe ungaqinisekile ukuthi uzofika kuphephe kanjani endlini yakho ngemuva kokuba kade uthathe uhambo, thinta umakhelwane wakho ukuze akusize ukuhlola ikhaya lakho. Lokhu kungavimbela ukulalelwa izigebengu.

10.19 Qamba izindawo ezijwayele ukuba ngeziphephile njengezindlu zangasese, ezokugezela noma ezigcina impahla. Kungcono ukuba neminyango namafasitela amancane.

10.20 Ungagcini izinto ezinokugqamuka amalangabi endlini.

back to top

10.21 Yazi kahle indawo ukuze ukwazi ukubaleka , ikakhulukazi ebusuku.

10.22 Fika ekhaya kusakhanya noma kusesemini njalo nje.

10.23 Zijwayeze noma yazi inqubo ephathelene nokuvakashelwa ngamaphoyisa, uKhomanda noma omakhelwane.

10.24 Ukuxhumana ngokuyikho yingxenye enkulu yokuzivikela yasemaphandleni. Ngakho-ke, lelo nalelo pulazi kufanele libe nendlela yokuxhumana namanye amapulazi akuleyo ndawo, noMbutho wamaphoyisa kanye noMbutho wezokuVikela.

10.25 Kufanele kube khona izindlela ezimbili zikwesekela noma esizosiza esimweni esiphuthumayo njengocingo noma umsakazo weviyo lezakhamuzi. Umakhalekhukhwini uyasiza kakhulu ngoba ayixhunywa kulayini okungenzeka unqanyulwe.

10.26 Kufanele kusungulwe indlela yokuxhumana ngemisakazo ezobhekwa futhi ilungiswe njalo. Kufanele kuqokwe umuntu oqotho ozobhekana nalomsebenzi.

10.27 Abasebenzi basepulazini nabo bayingxenye yaleliqembu kanti kufanele nabo bazimbandakanye namacebo okuphepha.

10.28 Abasebenzi basepulazini kufanele bambandakanywe ngokulinganayo ekugcineni ukuphepha epulazini.

10.29 Abasebenzi kufanele bajwayezwe ukusebenzisa amagama ayimfihlo ukuze bakwazi ukwenza izimpawu ezithile uma kunengozi noma isimo esiphuthumayo.

10.30 Zijwayeze umkhuba wokubhala yonke imininingwane

10.31 Khombisa futhi wazise wonke umuntu okhona epulazini izindawo nezintuba zokubaleka.

10.32 Izindlela zokuxhumana (kumbandakanywa nezinye izindlela zokuxhumana ezahlukile) kufanele kujwayelwe ukuba zihlolwe ukuthi ziyasebenza.

10.33 Uma ngabe kukhona izixhushuxhushu zabasebenzi ukuphepha kufanele kuqiniswe. Thatha lonke ulwazi njengolusemqoka

10.34 Zama izindlela eziningi ezahlukene. Dlulisela kwemanye amalunga endawo, kuKhomanda noma eMbuthweni wamaPhoyisa ezobunhloli.

10.35 Ubuhlobo bokusebenzisana obuhle bubaluleke kakhulu.

back to top













Disclaimer
About the site
Copyright



This site is best viewed at a screen resolution of 800 x 600.
Most compatible with Microsoft Internet Explorer, version: 4 and higher.


