INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOLIMO NEZEMVELO UMHLONISHWA UMTHOLEPHI MTHIMKHULU NGENKATHI KWETHULWA IZINHLELO ZIKABHONTSHISI KOMASIPALA BASEDUMBE NASEBAQULUSINI  
 
KWADINANE, OTHAKA, MONDLO TOWNSHIP, SATURDAY 31 MAY 2008 
 
 
Ngibingelele umphathi wohlelo udadewethu uPatience Khaba; 
 
Ngibingelele osivulele ngomthandazo, uMfundisi Ndima; 
 
Ngibingelele usokhaya wendawo, uNdabezitha iNkosi Mdlalose; 
 
Ngibingelele onke Amakhosi aseNdlunkulu akhona; 
 
Ngibingelele Abantwana baseNdlunkulu abakhona; 
 
Ngibingelele ilunga elihloniphekileyo elingusihlalo wekomidi lesiShayamthetho elibhekene nezindaba zezoLimo, uMama Fathima Nahara 
 
Ngibingelele amalunga ahloniphekileo eSishayamthetho aphakathi kwethu; 
 
Ngibingelele uSokhaya kuMasipala waseBaqulusini, uKhansela uDlamini;  
Ngibingelele loyibamba lenhloko yoMnyango wezoLimo nezeMvelo uMnuz, Siddiq Adam; 
 
Ngibingelele osihlalo bamaprojects aseDumbe naseBaqulusini, umama uMthembu nobaba uQwabe; 
 
Ngibingelele abaphathi nezisebenzi zoMnyango wezoLimo nezeMvelo; 
 
Bafowethu nodadewethu nomphakathi wonkana ngiyanibingelela; 
 
Sanibonani; 
 
Mphathi wohlelo, ngaphambi kokuthi ngiqhubeke nenkulumo engizoyethula bengizocela ukuthi sigebise amakhanda umzuzu owodwa ukukhombisa ukuhlonipha abafowethu nodadewethu abebengabokufika kuleli bephuma kwamanye amazwe esakhelene nawo lapha kwizwekazi lakithi lase Africa abasishiyile emhlabeni ngenxa yezenzo zobunswelaboya ebezibhekiswe kubo ngabantu abebengenwe ngumoya wobulwane nokungahloniphi amalungelo abanye abantu. Ngiyabonga. 
 
 
Mphathi wohlelo, kuyangithokozisa ukuthi namhlanje kunguMgqibelo osukwini lokugcina enyangeni kaMeyi sihlangene lapha KwaDinane ukuzokwethula uhlelo lokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele kwimiphakathi yakithi. 
 
Ngikusho lokhu mphathi wohlelo ngoba udaba olusematheni kulezizinsuku umhlaba wonke-jikelele yilo phela lolu lwamanani aphezulu okudla okukhombisa ngokusobala ukuthi awezukehla kepha asazoqhubeka eya ngokwenyuka. 
 
Ekuqaleni kwenyanga edlule iNhlangano yeZizwe imbala kanye nezinhlangano ezinkulu ezibolekisa ngezimali emazweni asethuthuke kakhulu ezifana no International Monetary Fund kanye ne World Bank zaphawula zakhombisa ukukhathazeka kakhulu ngalesisimo samanani okudla asemba eqolo ikakhulukazi umthelela omubi lokhu okuwubangayo kubantu abampofu emazweni asathuthuka njengaleli lakithi. 
 
Ungqongqoshe weziMali wakuleli uMhlonishwa uTrevor Manuel ezinyangeni ezimbili ezedlule utshele umhlangano we International Monetary Fund owawuhlangene eMelika ukuthi lokhu kunyuka kwamanani okudla okukhombisa ukungami kusho into eyodwa vo: abantu nemiphakathi ikakhulukazi lena ehlala emazweni asathuthuka kumele babuyele emkhakheni wezolimo ukuze baziphilise. 
 
Lesisimo sokukhuphuka kwamanani okudla sibabuhlungu kakhulu uma sithola ukuthi emazweni athuthukile abalimi bakhona basekwa kakhulu ngoHulumeni babo ngezimali ngemikhiqizo yezolimo abayikhiqizayo okwenza isimo sokuwhebelana singalingani.  Lokhu ngizibonele ngamehlo ami njengoba emasontweni amabili edlule bengiseBelgium entshonalanga ye Europe. 
 
Ngokusho kwezazi nongoti kulomkhakha wezolimo, lesiSifundazwe sakithi KwaZulu-Natali uma siqhathaniswa nalezi ezinye eziyisishiyagalombili yiso esihamba phambili ngokuba nomhlabathi ovunde kakhulu siphinde futhi sibenenhlanhla ukuthi siyakwazi ukubamba amanzi emvula ezindaweni ezahlukene zaso isifundazwe. 
 
Lokhu-nje kokubili (umhlabathi ovundile kanye nenala yamanzi emvula) kucacisa kuthi bha ukuthi empeleni yithi okumele ngabe sondla lelizwe lakithi eNingizimu Africa. 
 
Kodwa-ke ngenxa yobuvila kanye nalomkhuba ongemuhle oya ngokudlanga wokuthi abantu bathi bazohlala ngokukhangeza kuHulumeni sizithola sibhekene nomqansa uma sizama ukukhuthaza abantu bakithi ukuthi mabasebenzise inhlabathi ukuze baziphilise. 
 
Bakwethu impilo iya ngokuqina iba nzima. Namhlanje umphongolo kawoyela ubiza imali ethi ayibe yikhulu namashumi amathathu amadola aseMelika kanti bekungekudala lapho wona umphongolo lona ububiza-nje amashumi amathathu amadola aseMelika. 
 
Lokhu kunyuka kwentengo kawoyela sekube nomthelela omubi kumanani okudla kanye nokutholakala kwakho. Ukudla esingathi simele sikudle njalo ukuze sihlale siphilile sondlekile (basic staple food such as rice, flour and maize) njenge rice, imikhiqizo eyenziwa ngokolweni kanye nommbila kubiza ngendlela exakile. 
 
Kungagcini lapho, ngisho namafutha okupheka noma lokhu esithi ukalakateni namhlanje abiza into enganambithisiseki. Omama abaningi esinabo lana bazongifakazela kulokho engikushoyo njengoba kuyibo abathenga ukudla emakhaya. 
 
Namhlanjena imali engangezinkulungwane yamarandi (R1000) isithenga into ezimbalwa kabi uma wenza igrocer noma uthenga ukudla kwasendlini. 
 
Kungakho nathi singuMnyango wezoLimo nezeMvelo KwaZulu-Natali sihamba emazwini kaNgqongqoshe uManuel sithi bakwethu isimo ngeke sishintshe kulesi okuyisona njengamanje kepha siya siba simbi kakhulu njengoba sonke sizwile ukuthi intengo kapetrol iyenyuka ngoLwesithathu lolu esiya kulo. 
 
Ukunezezela kulokhu kunezinkulumo ezithi iBhange-Ngodla lakuleli lingahle lenyuse izinga lemali eyinzalo ngamaphesenti amabili (2% interest rate increase) uma kuhlangene ikomidi leli elibhekene nenqubo-mgomo wemali ngenyanga ezayo. 
 
Lokho kusho into eyodwa okungukuthi abantu abanezindlu abazithengelwe ngamabhangi noma izimoto ezisakhokhelwa bazothwala kanzima kugcine ngokuthi zidliwe zibuyele kuwo amabhange ngenxa yokuthi abantu abasakwazi ukukhokha izikweletu zabo zanyangazonke njengesivumelwano. 
 
Ngithi angikusho lokhu ngoba yinoma ngubani lapha emhlabeni into yokuqala ayicabangela imali uma ebhekene nezimo ezingezinhle ngasohlangothini lwempilo yakhe uma kuthinta izimali ukuthi athenge into eya ngaphansi kwekhala lokho okungukudla ngaphambi kokuthi abhekane nezinye izikweletu. 
 
Ngokocwaningo lwe IMF, amanani okudla emhlabeni jikelele asekhuphuke cishe ngesibalo esithi asiphindwe kuleso ayeyiso ngonyaka ka 2006 (World Food Prices have increased by 48% since 2006.  
 
Ukwenza-nje isibonelo ngalokhu engikushoyo, uma ngo 2006 isaka lempuphu elingu 12,5kg wawulithenga ngo R15, njengamanje isaka elifanayo usungalithenga ngo R28.. 
 
Mphathi wohlelo, abaningi bazozibuza ukuthi uNgqongqoshe uMthimkhulu kutheni esifundekela ngento engekho eduzane nathi.  
 
Cha, bakwethu ngithi lokhu angikusho ngoba ngisho nakuleli lakithi lenkinga yamanani aphezulu okudla nangendlela ekhahlameza ngayo abantulayo noma imiphakathi ehlwempu isibonakele kanti nathi singuHulumeni ikakhulukazi iMinyango yezoLimo kuzozonke izifundazwe nakuzwelonke loludaba lusikhathaze kakhulu. 
 
Ngokocwaningo nangezibalo ezisanda kukhishwa aboMkhandlu kaZwelonke wezokuQhakambisa ezoLimo (National Agricultural Marketing Council) kube nokukhuphuka kokudla okukhulu kulonyaka odlulile. 
 
Ucwaningo lwaloMkhandlu lukuveza ngokusobala ukuthi ukudla okukhombise ukunyuka kakhulu amanani akho yilokho okungumgogodla wansuku zonke kubantu abangenamali etheni (Consumers of the basic staple diet foods have been the hardest hit). 
 
 
Mphathi wohlelo yikho kubalulekile ukuthi siyimiphakathi sibambisane noHulumeni noMnyango uma kukhona izinhlelo ezifana nalezi esizozithula lapha namhlanjena. 
 
Ngiyathokoza kakhulu ukusho singuMnyango wezoLimo nezeMvelo sikwazile onyakeni wezimali  ka 2007/2008 ophele ngoMarch nonyaka ukuthi sibe nezinhlelo lezi ezifana nalezi engizozethula namhlanje lapha kwaDinane. 
 
Lezizinhlelo zokutshalwa kukabhontshisi nommbila kulaboMasipala ababili okungowaseBaqulusini kanye nowaseDumbe zihlomulise abantu abevile ezinkulungwaneni ezine namakhulu amabili (more than 4 200 beneficiaries benefited from these projects). 
 
Lapha endaweni yasoThaka sitshale ubhontshisi endaweni engamahektha angu 200 kanti singuMnyango silekelele ngemali ethi ayibe yisigidi nengxenye (R1,4million).  
 
Njengoba besengeshilo ngenhla ngaloluhlelo lokutshalwa kukabhontshisi lapha abantu abazohlomula bayizinkulungwane ezimbili (2 000 beneficiaries). 
 
Siphinde futhi satshala isibalo esifanayo samahektha kabhontshisi endaweni yaKwaDlamini nakhona futhi singuMnyango silekelele ngemali ethi ayibe yisigidi nengxenye (R1,4million). Abantu abazohlomula bangamakhulu ayisishiyagalombili (800 beneficiaries). 
 
Mphathi wohlelo kunemiphakathi eyathola umhlaba ngaphansi kohlelo lokubuyiswa komhlaba laphaya emapulazini aseGeluk kanye nase Berooft. Kulamapulazi womabili sitshale ummbila endaweni engamahektha angu 40 ipulazi ngalinye.  
 
SinguMnyango salekelela ngemali engango R300 000 ipulazi ngalinye kanti abantu abazohlomula laphaya eGeluk bangamakhulu ayisithupha (600 beneficiaries) bese kuthi lapha eBerooft babengamakhulu ayishiyagalombili (800 beneficiaries). 
 
Iyonke imali esilekelele ngayo kulamaprojects omane eDumbe naseBaqulusini ithi ayifike ezigidini ezintathu nengxenye (R3, 4 million) 
 
Ngalezizinhlelo esizethula namhlanje siyethemba singuHulumeni ukuthi sikwazile ukuthi silekelele imiphakathi ehlukene ehlomulile ukuthi nayo izicathulele ngokuzayo ukuze iqale ukubamba iqhaza emnothweni wakuleli njengoba sonke siyazi ukuthi lemikhiqizo izothengiswa bese nikwazi ukuba nemali okuyiyo ezonisiza ukuthi nibe ngabalimi abasimeme ngokuhamba kwesikhathi. 
 
Ngazo futhi izinhlelo lezi kudaleke amathuba emisebenzi ngenkathi ziqala zethulwa kunina. 
 
Ngalamazwi amafishane ngithi angithathe lelithuba ukuthi ngibonge kuzozonke izisebenzi zoMnyango lapha kuMasipala waseBaqulusini kanye naseDumbe ngomsebenzi omuhle engiwubonile laphaya ngenkathi ngivakashele amasimu kabhontshisi. 
 
Ngibonga kusukela kubalimisi noma abaluleki nabaphathi babo kanye nezimenenja ngomsebenzi omuhle owenziwe lapha. 
 
 
Ngiyabonga! 

