
 	
Kungabe ushiya izikhiye zakho zisobala? Qaphela izikhiye zasehhovisini ezikuwe uzigcine endaweni ephephile. Nika kuphela izikhiye abantu abavunyelwe ngumthetho futhi wenze isiqiniseko sokuthi bayazibuyisa. 

 	
Kungabe ushiya isikhwama semali noma iwalethi phezu kwedeskhi? Gcina isikhwama sakho semali noma iwalethi yakho noma yiziphi izinto ezingamagugu, zikuwe ngaso sonke isikhathi noma-ke zikhiyelwe ediloweni noma ekhabetheni. 

	
 Kungabe ushiya umakhalekhukhwini wakho engaqashelwe phezu kwedeskhi? 

 	
Kungabe ushiya imali yakho phezu kwedeskhi noma ediloweni? Ungalokothi ushiye imali noma ushintshi phezu kwedeskhi noma ediloweni. Esikhundleni salokho faka imali emvilophini bese uyifaka ediloweni oyikhiyayo. 

 	
Kungabe ushiya umnyango wehhovisi yakho uvuliwe uma uphuma noma kungabe kuyimizuzu embalwa nje? 

 	
Kungabe ushiya isikhwama sakho singaqashelwe? 

 	
Kungabe uma uhleli esiteshini sakho sokusebenzela ufulathela umnyango? Hlela isiteshi sakho sokusebenzela ngendlela yokuthi ubhekane nomnyango ngaso sonke isikhathi. Hlala ngaso uqaphile endaweni okuyo kanti futhi uxwaye nobungozi obungakwehlela. 

 	
Uma ungowokuqala ukufika ehhovisi,bheka ukuthi akugqekezwanga yini. Uma ubona izimpawu zokuthi kugqekeziwe, ungangeni, biza amaphoyisa bese uxwayisa bonke abasebenzi abafikayo ehhovisini. 

 	
Kungabe uyabazisa abezokuphepha uma uqaphela abantu abasolisayo noma izimoto ezisolisayo  ikakhulukazi ngemuva kwamahora okusebenza  noma-ke uyayeka uthembe ukuthi kukhona ozobika? Kumele ukuqaphele lokhu ikakhulukazi emahhovisi asemabhilidini amakhulu kanti futhi uma sekudlule isikhathi samahora ajwayelekile okusebenza. 

 	
Kungabe uyaye uqaphele kakhulu ezitebhisini, ezindaweni ezithulekile noma ezindaweni ezingenakho ukukhanya kahle? 

 	
Uma usebenzisa ilifthi, uyaye ume maduzane nalapho okucindezelwa izinkinobho, ubheke inkinobho yesimo esiphuthumayo bese ungena uma kunomuntu osolisayo? 

 	
Kungabe uyababikela abagcini besakhiwo nabezokuphepha uma kukhona izibani ezephukile noma ezibhanyazayo,neminyango engavuleki noma engavaleki kahle, namafasitela aphukile noma izingcingo zomphakathi ezingasebenzi? 







 	
Uma usebenza ehhovisini noma esitolo ngemuva kwamahora okusebenza ajwayelekile, yenza isiqiniseko sokuthi iminyango yangaphandle namafasitela kukhiyiwe. Uma unohlelo lwe-alamu ungayicimi ukuze uvikeleke ngokuthe xaxa. 

 	
Uma usebenza amahora angajwayelekile ( njengokuhlala ukulungele ukubizelwa emsebenzini noma nini noma njengokusebenza amashifu) hambisana nabanye noma ucele omunye wabasebenzi akuphelekezele ukuya emotweni. Izikhiye zakho zemoto mazifinyeleleke lula kanti futhi uhlole izihlalo zangasemuva kuqala ngaphambi kokuba ungene phakathi. 

 	
Kungabe ushiya izinto ezisemqoka emotweni yakho uma usehhovisi? Khiyela izinto ezisemqoka ebhuthini ngaso sonke isikhathi, noma-ke uzishiye ekhaya.   

 	
Hlala unokuxwaya. Ukutshela oshaya ucingo ukuthi umuntu osebenza naye usekhefini, kungafana nokutshela isigebengu ukuthi leli yithuba elihle lokuyogqekeza ezindlini zabo. Zama ukutshela abantu abashaya izingcingo ukuthi lo muntu abamfunayo akatholakali  ukungavezi eminye imininingwane kungcono. 

 	
Qikelela ukuthi laba bantu abeza emsebenzini ehhovisini lakho noma esakhiweni bezolungisa okuthile, bayazazisa kanti futhi ubaqaphele kakhulu ngaleso sikhathi belapho. 


Social Crime Prevention  Tel (012) 358-3444  socialcrime@tshwane.gov.za 
