UMkhandlu kaMasipala waseMthonjaneni 156 soMthethosisekelo weRiphabhliki yaseNingizimu Afrika, 1996 (uMthetho 108 ka 1996) ufundwa nezigaba 11 no 98 zothetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000), usiwenze le Mithethodolobha elandelayo. 
UMASIPALA WASEMTHONJANENI 
IMITHETHO EMILE KANYE NEZINQUBO KWEMIHLANGANO YOMKHANDLU KANYE NAMAKOMIDI AWO 
1. 	Imihlangano kaMasipala 
(1) 	
Yonke imihlangano yoMkhandlu, neyamakomidi awo iyovuleleka emphakathini: Inqobo nje uma lesi sigaba zingeyukusebenza uma kunesizathu sokwenza njalo kubhekelelwe uhlobo lomhlangano obanjiwe ngokwesigaba 20(1)(a) soMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000). 

(2) 	
Kule Mithetho eMile, umhlangano usho yonke imihlangano yoMkhandlu. 


2. 	Imihlangano yoMkhandlu 
UMkhandlu uyobamba umhalngano ojwayelekile wokuqhuba umsebenzi okungenani kanye ezinyangeni ezintathu. 
3. 	Imihlangano ephuthumayo yoMkhandlu 
USomlomo noma yingasiphi isikhathi, ngokucelwa ngokubhaliweyo yiningi lamakhansela kaMasipala, angabiza umhlangano ophuthumayo woMkhandlu. 
4. 	Ukukhishwa kwezaziso 
Okungenani emahoreni angamashumi ayisikhombisa nambili (72) ngaphambi kwanoma yimuphi umhlangano ojwayelekile woMkhandlu kanti okungenani emahoreni angamashumi amane nesishiyagalombili ngaphambi kwanoma yimuphi umhlangano ophuthumayo woMkhandlu, isaziso sokwethamela umhlangano, esibalula okuyodingidwa lapho nesisayinwe nguSomlomo noma nguMqondisi wezikuXhumana siyoshiywa noma siyothunyelwa endaweni lapho siyothokala kalula ngmalungu oMkhandlu noma endaweni okufinyeleleka kuyo kalula njengoba ikhansela linganquma. 
5. Ukungathunyelwa kwezaziso 
Ukungathunyelwa kwesaziso somhlangano ngephutha kunoma yiliphi ikhansela akuyukhinyabeza izinqubo zalowo mhlangano. 
6. Izindaba ezisemqoka 
Akukho daba oluyodingidwa emhlanganweni ngaphandle kwalokho okubalulwe ezazisweni zawo, ngaphandle kwezindaba usihlalo ofanele abona ukuthi zibalulekile futhi ziyaphuthuma, nanoma yiluphi udaba uMkhandlu noma ikomidi elikhulu elibona ukuthi ngenxa yeningi lamalungu elingokubili kokuthathu kumele ludingidwe ngkushesha. 
7. Imihlangano ehlehlisiwe 
UMkhandlunoma ikomidi elikhulu lingahlehlisa umhlangano ube nganoma yiluphi usuku noma ihora, kodwa akukho daba oluyodingidwa kunoma yimuphi umhlangano ohlehlisiwe ngaphandle uma lokho kwakubekwe esazisweni somhlangano owahlehliselwa. 
8. Isaziso somhlangano ohlehlisiwe 
Uma umhlangano uhlehliswa, isaziso sokuhlehlisa umhlangano siyothunyelwa kwilungu lomkhandlu noma lekomidi elikhulu ngalinye, sibalule isikhathi, usuku kanye nendawo yalowo mhlangano ohlehlisiwe. 
9. Ikhoramu kanye nezenzo zoMkhandlu 
Iningi lamakhansela kumele libe khona emhlanganweni woMkhandlu ngaphambi kokuba kuthathwe ivoti kunoma yiluphi udaba. Yonke imibuzo ephathelene nokubalulwe esigabeni 160(2) soMthethosisekelo inqunywa nguMkhandlu ngevoti lokwesekela iningi lamakhansela. Yonke eminye imibuzo ngaphambi komkhandlu iyonqunywa yiningi lamavoti kweyame kwisigaba 34 soMthetho weziNhlaka zoMasipapa woHulumeni baseKhaya, 1998 (uMthetho No. 117 ka 1998) ophathelene nokuhlakazeka kweMikhandlu yoMasipala. 
10. 	Ukuvota 
Uma kunoma yimuphi umbuzo kunamavoti alinganayo, ikhansela elingusihlalo kumele lifake ivoti elingujuqu ngaphezu kwevoti lalo njengekhansela. 
11. 	Uma amakhansela engeke akwazi ukwethamela nokuthi abambe iqhaza ezinqubeni zomkhandlu, zekomidi elikhulu, zekomidi lezikhundla noma zekomidi elincene 
(1) 	
Ikhansela kumele lidalule eMkhandlwini, noma kunoma yiliphi ikomidi lelo khansela eliyilungu lakho, noma yiziphi izinzuzo zebhizinisi lakhe noma elizimele ikhansela, noma umlingani walo, noma elisebenzisana naye elingaba nazo ngaphambi koMkhandlu noma kweKomidi. 

(2) 	
Ikhansela kumele lihoxe ezinqubeni zoMkhandlu noma emhlanganweni woKomidi ngesikhathi udaba ludingidwa nguMkhandlu noma yiKomidi, ngaphandle uma uMkhandlu noma iKomidi linquma ngesixazululo ukuthi ukuzuza kwekhansela okuqondile noma okungaqondile kulolo daba akubalulekile noma akusho lutho. 

(3) 	
Ikhansela, lona uqobo, noma elimlingani walo, noma osebenzisana nalo noma ilungu lomndeni walo elisondele, lithola noma lisethubeni lokuthola inzuzo eqonde ngqo esivumelwaneni sikaMasipala, kumele lidalule imininingwane egcwele yaleyo nzuzo ikhansela elaziyo ngayo emhlanganweni wokuqala woMkhandlu kaMasipala lapho kunokwenzeka ukuba ikhansela lidalule lokho. 

(4) 	
Lesi sigaba asisebenzi uma inzuzo ikhansela, noma umlingani walo, osebenzisana nalo noma ilungu lomndeni walo elisondele, liyizuze kanye nezinye izakhamuzi zakwaMasipala. 


12. 	Ukungabibikho kwekhoramu 
Uma ekupheleni kwesikhathi esiyimizuzu eyishumi emva kwehora Lapho noma yimuphi umhlangano woMkhandlu noma weKomidi loMkhandlu uqokwe ukuba kubanjwe ikhoramu ingakahlangani, akukho mhlangano oyoba khona, ngaphandle uma kunquma, ngazwi linye wonke amalungu, ukuthi kwelulwe isikhathi, esingeyukweqa emizuzwini emihlanu ngaphezulu, ukuze ikhoramu ikwazi ukuhlangana, kodwa amalungu akhona ngobuningi bawo anganquma ukuhlehlisela umhlangano, esikhathini esingcono. 
13. 	Ukubalwa 
Uma nganoma yisiphi isikhathi uMkhandlu noma iKomidi eliKhulu elihlangene ngaso, usihlalo uyokwaziswa ngesibalo samalungu akhona, uyowabala, futhi uma kutholakala ukuthi akukho khoramu ekhona, uMkhandlu noma iKomidi eliKhulu liyohlale lihlehliselwe leso sikhathi esiyonqunywa ngamalungu akhona. 
14. 	Usihlalo wemihlangano yoMkhandlu 
(1) 	
Kuyo yonke imihlangano yoMkhandlu, uSomlomo, uma engekho noma ibamba likaSomlomo, liyoba ngusihlalo. 

(2) 	
Imeya iyoba ngusihlalo wemihlangano yeKomidi eliKhulu, kodwa uma iMeya ingekho, iSekela leMeya. 


15. 	Inqubo emihlanganweni yoMkhandlu 
(1) 	
Inqubo kunoma yimuphi umhlangano woMkhandlu noma weKomidi lawo elikhulu imi kanje: 

(a) 	
Isaziso somhlangano 

(b) 	
Ukuhlaba ikhefu 

(c) 	
Amaminithi omhlangano odlule 

(d) 	
Ezinye izindaba ezivuka emaminithini 

(e) 	
Izimemezelo 

(f) 	
Izicelo kanye nezinxuso 

(g) 	
Izaziso ezivela eziphamisweni 

(h) 	
Imibiko yamaKomidi amaKhulu 

(i) 	
Ezingxubevange ngohlelo oluzonqunywa nguMphathi kaMasipala noma njengoba kunqume uSomlomo maqondana nemihlangano yoMkhandlu. 



(2) 	
Usihlalo, ngokubona kwakhe, angethula noma yiluphi udaba olusohlelweni nganoma yisiphi isikhathi. 

(3) 	
Kuyosetshenziswa utolika ngaphandle uma iningi lamakhansela akhona lingavumelani nalokho. Kulindeleke ukuthi amakhansela asebenzisane notolika ongaphansi kukaSomlomo. 


16. 	Ukungethanyelwa kwemihlangano 
(1) 	
Isicelo sokungethameli noma yimuphi umhlangano woMkhandlu noma wamakomidi siyofakwa kuMqondisi wezabaSebenzi ngokubhaliweyo ngaphambi kokuthi kuqale umhlangano othintekayo. 

(2) 	
Uma ikhansela ngezizathu ezizwakalyo lingakwazi ukuhambisanan noMthetho (1), lingafaka isicelo ngokubhaliweyo kuMqondisi wezabaSebenzi sokudluliswa kwalokho kungahambisani leso sicelo siyobuyekezwa nguMkhandlu kuncike esicelweni esibhaliwe. 

(3) 	
Ngenhloso yezihlinzeko zezigaba 3 no 4 (Ukwethanyelwa kwemihlangano) zoMgomo wokuziPhatha kwamaKhansela (uHlelo 1 loMthetho weziNhlaka), inqubo yokwephula umthetho njengoba iqukethwe ezindimeni 66, 67 no 68 yaleMithetho eMile ziyosebenza. 

(4) 	
Amakhansela okudingeka ukuthi ashiye umhlangano woMkhandlu ngaphambi kokuthi uphele ayocela imvumem kuSomlomo. 

(5) 	
Ngenhloso yoMthetho 6 ukungenthanyelwa kwemihlangano, imihlangano yokwakhana noma yokuthuthukisana ehleliwe noma evunywe nguMkhandlu ithathwa njengemihlangano. 


17. 	Amaminithi okumele agcinwe nokuqinisekiswa kwalokho 
Amaminithi ezinqubo zayo yonke imihlangano ayoqoshwa ngemishini esebenza ngogesi noma ngenye indlela futhi agcinelwe leyo nhloso nguMqondisi weMisebenzi yokuXhumana. UMphathi kaMasipala uyoba nomthwalo wokulungisa lokho, kanti amaminithi omhlangano ngamunye ayoqinisekiswa emhlanganweni olandelayo futhi asayinwe nguSihlalo. 
18. Akukho zingxoxo ngamaminithi 
Akukho zingxoxo eziyovunyelwa ngamaminithi, ngaphandle kobuqiniso bawo. 
19. Izikhalazo kumele zibhalwe, ziqoshwe noma zishicilelwe 
Izikhalazo, okumele zibhalwe ngokucacile, ziqoshwe noma zishicilelwe, kumele zisayinwe yizakhazumi ezingengaphansi kwezintathu futhi kumele zibhalwe ngolimi oluhloniphekile futhi zethulwe ehhovisi loMphathi kaMasipala, uma ebona kufanele, oyokwethula udaba ngaphambi kwekomidi elikhulu. 
20. Amanxusa kumele athumele imemorandamu 
Amanxusa afisa ukwamukelwa yikomidi elikhulu kuyodingeka, okokuqala ukuba athumele imemorandamu ebhaliwe, futhi uMphathi kaMasipala uyokwethula imemorandamu ekomidini elikhulu, elingayigunyaza, uma libona kufanele ukwamukela amanxusa, futhi libike emkhandlwini emva kwalokho. 
21. Ukwamukelwa kwamanxusa 
Amanxusa afisa ukwethula inkulumo eKomidini eliKhulu akumele abe ngaphezu kwesihlanu ngesibalo, kodwa yilungu elilodwa kuphela lawo elingethula inkulumo eKomidini (ngaphandle uma kuphendulwa imibuzo yamalungu eKomidi) futhi ayokwenza lokho isikhathi esingevile emizuzwini eyishumi. Ikomidi aliyubuye libhekelele lolo daba kuze kube amanxusa ayozihoxela emhlanganweni. 
22. Ukwethula isiphakamiso 
USihlao weKomidi noma iSekela likaSihlalo weKomidi uyophakamisa isincomo esiqukethwe embikweni ngaphandle uma ekade ephakamise ukungahambisani naso phambilini. USihlalo weKomidi noma elinye ilungu elethula umbiko lingahoxisa noma lichibiyele noma yisiphi isigaba ngemvume yeKomidi eliKhulu. 
23. Indlela yokukhpiha isaziso sesiphakamiso 
Akukho daba oluyokwethulwa emkhandlwini noma eKomidini eliKhulu ngayinoma yiliphi ilungu lomkhandlu ngaphandle uma kunjengoba kuhlinzekwe eMthethweni oMile 6, esiyobe sibhaliwe futhi sasayinwa yilungu elethula isaziso. Leso saziso siyonikezwa uMphathi kaMasipala. 
Isaziso siyolethwa ngaphambi kwehora le12:00, ezinsukwini eziyisikhombisa ngaphambi komhlangano weKomidi eliKhulu. 
24. 	Ukuhlelwa kwezaziso zeziphakamiso 
Zonke izaziso zeziphakamiso ziyofakwa usuku kanye nezinombolo njengoba zitholwe nguMphathi kaMasipala, futhi ziyofakwa ohlelweni nguMqondisi wezokuXhumana ngohlelo azithole ngalo, azigcine futhi alindele ukuthi izichibiyelo zezaziso zeziphakamiso ziyofakwa ngokushesha emva kwaleso saziso sesiphakamiso, kungakhathalekile ukuthi isaziso sitholakale ngasikhathi sini. 
25. 	Izithibelo zezaziso zeziphakamiso 
(1) 	
Akukho lungu eliyoba nezaziso zeziphakamiso ezingaphezu kwezimbili ohlelweni olulodwa ngasikhathi sinye; inqobo nje uma loMthetho ungeyukusebenza koSotswebhu bamaqembu. 

(2) 	
Ekuphatheni izaziso zeziphakamiso, uSihlalo uyoqale afunde inombolo ngayinye kanye negama lobeke leso siphakamiso, futhi uyoqinisekisa ukuthi iziphakamiso aziphikiswa, bese zidluliswa ngaphandle kwezingxoxo. USihlalo uyobe esebiza labo iziphakamiso zabo eziphikisiwe ngokulandelana kwabo ohlelweni. 


26. 	Iziphakamiso ezamukelekile 
Ngaphambi kokuthi noma yisiphi isaziso sifakwe ohlelweni siyokwethulwa kuMphathi kaMasipala okumele athole imobono ephusile ezinhlokweni ezahlukahlukene zeminyango kaMasipala, uma kunesidingo, futhi uma ebona ukuthi ngaphandle kwegunya lomthetho okhona, uyokwenza ukuba okhiphe isaziso aziswe ngalokho. Umuntu okhiphe isaziso, uyoba nelungelo lokukhalaza ekomidini elincane leKomidi eliKhulu elibunjwe yiMeya kanye neSekela leMeya kanye namakhansela amabili, aboyolubhekisisa udaba bese benquma ukuthi leso saziso sesiphakamiso singafakwa yini ohlelweni. 
27. 	Isiphakamiso esingathulwanga 
Uma isiphakamiso, isaziso esibalulwe ohlelweni, simenyezelwe, kodwa singathulwanga yilungu elikhipe isaziso noma ngelinye ilungu eligunyazwe ukuba lenze njalo ngokubhaliweyo, siyothathwa njengesishiyiwe futhi asiyukwethulwa ngaphandle komyalelo. 
28. 	Amalungu awayukuthwala emakhanda futhi ayoma lapho ethula inkulumo 
Ngesikhathi umkhandlu uhlangene, amalungu ngaphandle kwabantu besifazane kanye namalungu agqoke izigqoko zendabuko noma zesonto awayuthwala lutho emakhanda. Uma ekhuluma, amakhansela ayohlala phansi, kodwa ngazo zonke izikhathi, abhekise inkulumo yawo kusihlalo. 
29. 	Ukugxila odabeni 
Ilungu elikhulumayo liyogxilisa inkulumo yalo odabeni noma encazelweni noma embuzweni okudingidwayo. 
30. 	Ubuholi bukaSihlalo 
Noma yinini uma usihlalo ekhombisa ukungenelela ngesikhathi sengxoxo noma esukuma esihlalweni sakhe, noma yimaphi amalungu akhulumayo ayoyeka ukukhuluma ngokushesha, athule, ukuze usihlalo azwakale ngaphandle kokuphazanyiswa. 
31. 	Ubude bezinkulumo 
Akukho nkulumo ayokweqa emizuzwini eyishumi ngaphandle kwemvume yomhlangano. 
32. Ukungaziphathi kahle kwekhansela kanye nomsebenzi kasihlalo 
Uma kunoma yimuphi umhlangano woMkhandlu, weKomidi eliKhulu noma wamanye amaKoimidi oMkhandlu, ikhansela liziphatha ngendlela engafanele, liziphatha bededengu noma libelesela ngokuthikameza umhlangano noma liphikisana nesinqumo sikaSihlalo nganoma yikuphi ukuziphatha ngendlela efanele noma lenqaba ukuhoxisa amazwi uma linxuswa ukuba lenze njalo nguSihlalo noma libelelsa nokudina noma lilokhu lisebenzisa ulimi olungamukelekile noma lephula noma yimuphi omunye wale mithetho, uSihlalo uyoqondisa lelo khansela ukuba liziphathe kahle futhi, uma likhuluma, liyeke ukukhuluma bese lihlala phansi, uma kade limile. Uma liqhubeka lingayinaki imiyalelo kasihlalo, usihlalo uyocela lelo khansela ukuba liphume kuleyo ndawo okubanjelwe kuyo umhlangano isikhathi esesisele somhlangano, futhi, uma kunesidingo, uyokwenza ukuba likhishwe kuleyo ndawo. 
33. 	Ukuthathwa kwezinyathelo ngokungaziphathi kahle 
Ngaphezu kwanoma yiziphi izinyathelo ngokwendima engenhla, uSomlomo angathathela izinyathelo noma yiliphi ilungu elingaziphathanga ngendlela noma eliziphathe budedengu noma elithikameze ngenhloso inqubo yomhlangano noma eledelele igunya likasihlalo ngokuhambisana nenqubo equkethwe ezigabeni 66, 67 no 68 yaleMithetho eMile; inqobo nje uma ikhansela elibandakanyekayo kunguSomlomo, izinyathelo okumele zithathwe ngokwalesi sigaba ziyothathwa yikomidi elincane eliqokwe yiKomidi eliKhulu. 
34. 	Ukuphazamisa kwabanye abantu ngaphandle kwamakhansela 
Noma yimuphi umuntu, ngaphandle kwekhansela, oziphatha kabi noma othikameza izinqubo zoMkhandlu noma zeKomidi eliKhulu kunoma yimuphi umhlangano, uma usihlalo esho njalo, liyokhishwa endaweni okubanjelwe kuyo umhlangano, futhi usihlalo angakhipha lowo muntu ekutheni aphinde amukelwe ukwethamela eminye imihlangano isikhathi angasibona sifanele. 
35. 	Amalungu kumele akhulume kanye kuphela: Ilungelo lowethula inkulumo lokuthi aphendule: Akukho lungu eliyokhuluma emva kokuba owethula inkulumo esephendulile 
Maqondana nesaziso sesiphakamiso, akukho lungu eliyokwethula inkulumo emkhandlwini amahlandla angaphezu kwelilodwa nganoma yisiphi isiphakamiso noma isichibiyelo. Umuntu okunguyena obebeke isiphakamiso, kodwa, angaphendula, kodwa kumele agxile ekuphenduleni umbuzo wokade eqeda ukukhuluma angafaki udaba olusha engxoxweni. Ilungelo lokuphendula angeke ligunyaze obebeke isiphakamiso ukuba enze isichibiyelo. Emva kokuphendula akukho elinye ilungu elingakhuluma futhi imibuzo iyobekwa khona lapho. 
36. 	Izichibiyelo kumele zibhalwe 
Usihlalo angabiza noma yimuphi umuntu obethula inkulumo ngesichibiyelo ukuba asibhale, futhi, emva kokuyisayina, ukuba ayihambise kuMphathi kaMasipala. 
37. 	Ukuhoxiswa kwesiphakamiso, ukuchitshiyelwa kanye nesaziso sesiphakamiso 
Isikhulumi ngemvume yosesekelayo singahoxisa isiphakamiso noma isichbiyelo. 
ezimbili ngaphambi kwalowo mhlangano olandelayo, uyobe esedlulisele ikhophi yaleso saziso sesiphakamiso ekhanseleni ngalinye. 
38. 	Isiphakamiso ezisekelwayo ngaphambi kwengxoxo 
(1) 	
Akukho ziphakamiso noma zichibiyelo eziyodingidwa noma zethulwe emkhandlwini kuze kube zisekeliwe. 

(2) 	
Ilungu elesekele isiphakamiso noma isichibiyelo ngendlela esemthethweni liyovunyelwa emva kwesikhathi ukuthi likhulume ngaso. 


39. 	Amaphuzu adingidwayo kanye nezincazelo 
(1) 	
Noma yliliphi ilungu, noma ngabe selikhulumile ngodaba noma cha, lingakhuluma ngephuzu oludingidwayo noma lichaze, kodwa leyo ncazelo iyohambisana nenkulumo yalo edlule engazwakalanga kahle. Ilungu elikhulumayo liyoba nelungelo lokulalelwa khona lapho. Iphuzu elidingidwayo kumele libe ngokuqukethwe oHlelweni 2 lwaleMithethoeMile. 

(2) 	
Uma ilungu elifisa ukubeka iphuzu elizodingidwa, liyosukuma ukuze libonwe nguSihlalo. 


40. 	Isinqumo sikaSihlalo ngombuzo wodaba oludungidwayo 
Isinqumo sikasihlalo mayelana nenqubo noma nokuvumeleka kokuzichazela kuyoba ngujuqu futhi angeke kuvuleleke ekutheni kudingidwe. 
41. 	Isinqumo seningi 
Zonke izixazululo ezingethulwa eMkhandlwini kanye naseKomidini eliKhulu lawo ziyophethwa futhi zinqunywe ngokuhambisana nendima 9 yeMithetho eMile. 
42. 	Wonke amalungu kuyomele avote 
(1) 	
Ikhansela ngalinye, liyovota kunoma yisiphi isigaba elikhona kuso, futhi akukho khansela eliyoshiya umhlangano ngesikhathi uSihlalo esabeka umbuzo. Ikhansela lingevote futhi leyo nhloso ingabekwa ngokuthi iqoshwe. 

(2) 	
Ukuvota kuyokwenziwa ngokuphakamisa izandla noma ngephepha lokuvota eliyimfihlo. 


43. 	Ayothathwa kanjani 
(1) 	
UMphathi kaMasipala noma isiphathimandla esigunyaziwe siyosebenza njengomqoqi futhi simemezele kuSihlalo imiphumela yezigaba. USihlalo khona lapho uyomemezela isiphakamiso esiphumelele noma esingaphumelelanga, futhi siyobhalwa emaminithini. Uma noma yiliphi ilungu licela, amagama nawo ayoqoshwa, agcinwe lapho kuvotwa ngokuyimfihlo. 

(2) 	
Usihlalo uyokwazi ukuphinde avote okwesibili noma afake ivoti elingumnqamula juqu uma amavoti elingene. 


44. 	Amaphuzu okusetshenzelwa phezu kwawo ouksiza iKomidi eliKhulu 
Ekuqokweni kwanoma yiliphi iKomidi, iKomidi eliKhulu liyonquma amaphuzu okuzosetshenzelwa phezu kwawo alelo Komidi futhi kuyobunjwa ikhoramu yalelo Komidi. IMithetho eMile yoMkhandlu iyosebenza ngokuguquguquka okudingekayo kuwo wonke amakomidi amancane. 
45. 	UMkhandlu ungakhuphula noma unciphise amandla 
Ngaphandle kweKomidi eliKhulu elimisebenzi yalo inqunywa ngokwesigaba 44 soMthetho weziNhlaka woHulumeni baseKhaya, 1998 (uMthetho No. 117 ka 1998), uMkhandlu noma yingasiphi isikhathi ungelula isikhathi, ungahoxisa noma uguqule imisebenzi namandla eKomidi. 
46. 	Amaminithi amakomidi 
(1) 	
Wonke amakomidi, aqokwe ngokwesigaba 80 soMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 1998 (uMthetho No. 117 ka 1998), ayoqopha amaminithi emihlangano yawo futhi aqinisekisie ukuthi agcinwa ngendlela efanele nguMqondisi wezokuXhumana. Kuyo yonke imihlangano ejwayelekile yeKomidi amaminithi angaqinisekisiwe ayothathwa afundwe, ngenhloso yokuwaqinisekisa, inqobo nje uma ikhophi yalowo maminithi iyobe ithunyelwe kwilungu ngalinye lekomidi emahoreni angamashumi amabili ngaphambi kwalokho. 

(2) 	
Amaminithi awo wonke amakomidi oMkhandlu ayolethwa kwiKomidi eliKhulu. 


47. 	Ukuhlolwa kwamabhuku amaminithi ngamakhansela 
Amaminithi oMkhandlu kanye nawamakomidi ayovuleleka ukuba ahlowe yiwo wonke amalungu oMkhandlu ngezikhathi zokusebenza. 
48. 	Amalungu angashiya isikhundla ekomidini 
Noma yiliphi ilungu lingashiya isikhundla ekomidini ngesaziso esibhalwe yilo bese lisithumela kuMphathi kaMasipala. Noma yikuphi ukwesula okunjalo kuyobikwa eKomidini eliKhulu ukuze leso sikhala sigcwaliswe. 
49. Usuku nesikhathi somhlangano 

Usuku nesikhathi somhlangano kwanoma yiliphi iKomidi eliqokwe ngokwesigaba 80 soMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 1998 (uMthetho No. 117 ka 1998) kuyonqunywa ngamaphuzu okusetshenzelwa kuwo alelo komidi. 
50. Ukuhlangana kwamakomidi ezikhundla 
Wonke amakomidi ezikhundla ayohlangana ngokuhambisana namaphuzu asebenzela phezu kwawo. 
51. Amalungu oMkhandlu angathamela noma yiliphi ikomidi 
Amapungu oMkhandlu ayoba nelungelo lokwethamela noma yilihpi iKomidi, kodwa amalungu oMkhandlu ethamele angeke abe nelungelo lokugxambukela kunoma yiziphi izingxoxo zekomidi elithintekayo, ngaphandle kwemvume yekomidi. 
52. Izinqubo zamakomidi 
Zonke izindaba ezilethwe ekomidini ziyonqunywa yiningi lamalungu akhona nangokuvota. Kuyovotwa ngokuphakamisa izandla. Noma yimuphi amalungu amabili eKomidi akhona navotayo kuyodingeka amagama abantu abavotayo futhi ivoti ngaliye liyoshicilelwa emaminithini. 
53. Imisebenzi kaSihlalo weKomidi 
USihlalo weKomidi uyophatha kuyo yonke imihlangano yeKomidi akhona kuyo. Uyoba nelungelo lokuvota okokuqala, futhi, uma kunokulingana kwamavoti, anganikeza ivoti lesibili noma elingumnqamula juqu. Uyosayina amaminithi uma iKomidi seliwadlulisile. Kuyoba ngumsebenzi wakhe, uma, ekhona, ukwethula umbiko weKomidi eKomidini eliKhulu. 
54. Ukuqokwa kweSekela likaSihlalo 
IKomidi ngalinye, uma libona kufanele, liyoqoka iSekela likaSihlalo, uma eqokiwe oyophatha emhlanganweni uma uSihlalo engekho. 
55. 	Amandla eSekela likaSihlalo 
ISekela likaSihlalo, uma liphathe, linamandla afanayo namalungelo afanayo okuvota nalawo kaSihlalo. Uma uSihlalo engekho, uyokwethula umbiko weKomidi eMkhandlwini. 
56. 	IKomidi lingaqoka uSihlalo wesikhashana 
Uma uSihlalo neSekela likaSihlalo bengekho, amalungu akhona ayoqoka elinye lamalungu awo ukuba liphathe emhlanganweni futhi ilungu eliqokiwe, uma liphethe, linamandla namalungelo okuvota afanayo nalawo kaSihlalo. 
57. 	Inqubo yokuchitha izixazululo zaphambilini zoMkhandlu 
Ngaphandle uma kungesincomo seKomidi elinikezwe amandla noma umsebenzi wokwenza okuthile nguMkhandlu, akukho sixazululo esamukelwe kunoma yimuphi umhlangano esingachithwa noma sishintshwe kunoma yimuphi umhlangano olandelayo ngaphandle uma isaziso sesiphakamiso sokuchitha noma sokushintsha leso sixazululo bese sinikezwe uMphathi kaMasipala okungenani ezinsukwini eziyisikhombisa ngaphambi kwalowo mhlangano futhi uMphathi kaMasipala, okungenani ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwalowo mhlangano, uyodlulisela ikhophi yaleso saziso ekhanseleni mgalinye. 
58. 	Ulwazi okumele lutholakale kuMphathi kaMasipala noma koMphathi othintekayo 
Amalungu oMkhandlu afisa ukuthola kunoma yisiphi isiphathimandla soMkhandlu ulwazi mayalana nokuphathwa komsebenzi woMkhandlu, olungenakutholwa ngumphakathi wonkana, kumele abhekise imibuzo yawo kuqala kuMphathi kaMasipala emva kwalokho ayibhekise kuMphathi yoMnyango ofanele. 
59. 	Ulwazi oluya emaphendabeni nakweminye imithombo 
yezindaba: 

(1) 	
IMeya, uSomlomo kanye noMphathi kaMasipala ngokubona kwabo, ekufakweni kwesicelo ngayinoma yiliphi iphephandaba, banganikeza labo bezindaba noma obamele, ulwazi nemibiko okuphathelene nomsebenzi kaMasipala. 

Ngokwazi ukuthi uMphathi kaMasipala, nguyena ogunyaziwe ukuthi abezindaba bathole kuye ulwazi kanye nemibiko, ngakhoke amalungu oMkhandlu kulindekele ukuthi angizibandakanyi nokuthumela abezindaba imibhalo noma ulwazi abalunikezwe nguMkhandlu nanoma yiliphi iKomidi ngokucophelela ukuthi noma yiluphi ulwazi noma izitatimende ezingahluziwe okungathathwa njengokudalula ulwazi oluyimfihlo okungakhinyabeza uMkhandlu. 

(2) 	
Ngenhloso yalolu hlamvu ulwazi oluyimfihlo kusho ulwazi okukhulunywe ngalo esigabeni 10(2) soMgomo wokuziPhatha kwamaKhansela oHlelweni 1 loMthetho weziNhlaka, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000). 


60. 	Ukunxenxa amavoti ukuze uqokwe: Ukuchithwa 
(1) 	
Ukunxenxa amavoti ukuze uqokelwe esikhundleni somkhandlu akuvunyelwe nakancane. Ubufakazi buyochitha umfakisicelo ekuqokweni. 

(2) 	
Lomyalelo omile okukhulunywe ngawo ngenhla uyocashunwa ezikhangisweni zokumema abafakizicelo ukuze baqokwe. 


61. 	Ukusetshenziswa komakhalekhukhwini emihlanganweni yoMkhandlu noma yeKomidi 
Angeke kuvunyelwe ukusetshenziswa komakhalekhukhwini emihlanganweni yoMkhandlu noma yeKomidi. 
62. 	Ukumiswa kwemiyalelo emile 
Akukho myalelo omile oyomiswa ngaphandle kwevoti leningi lamalungu oMkhandlu noma lamavoti amabili kwamathathu amalungu akhona futhi isiphakamiso sesekwe ngokugcwele, sokumisa imiyalelo emile ngaphandle kwempikiswano. 
63. 	Ukuvikelwa ngumthetho nokuvimbela amacala kwamakhansela kanye neziphathimandla zomkhandlu 
(1) 	
UMkhandlu unganquma izimo lapho uyovikela noma lapho uyokhokhela izindleko zomthetho noma isamba sezindleko maqondana nanoma yziphi izindleko zanoma yiziphi izinqubo zomthetho, noma ezobugebengu noma eliphakathi kwabantu abathile, ikhansela noma isiphathimandla esingaba nalo nanoma yimuphi umuntu, umgwamanda, inhlangano noma isikhungo elivela esikhundleni salo njengekhansela noma njengesiphathimandla sikaMasipala waseMthonjaneni. 

(2) 	
Izihlinzeko zesigaba 28 soMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 1998 (uMthetho No. 117 ka 1998), njengoba uqukethwe oHlelweni 3 saleMithetho eMile zihlanganiswe njengenxnye yaleMithetho eMile. 


64. 	Igunya lamakhansela 
(1) 	
Amakhansela angeke abe nanoma yimaphi amandla okuphatha futhi angeke akhiphe imiyalelo kwiziphathimandla noma athathe izinqumo ezibophezela noma ngubani ezindabeni zoMkhandlu; kweyame elungelweni lokucela uMphathi kaMasipala ukuthi abike noma yingaluphi udaba, noma lokucela ikomidi elitnintekayo ukuphenya nanoma yiluphi udaba loMkhandlu abona ukuthi ukucutshungulwa. 

(2) 	
Izihlinzeko zesigaba 11 (ukungenelela ekuphatheni) soMgomo wokuziPhatha kwamaKhansela njengoba ziqukethwe oHlelweni 1 loMthetho weziNhlaka, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000) zifakwe njengenxenye yaloMthetho. 


65. 	Impahla yoMkhandlu 
Ikhansela angeke lisebenzise, lithathe noma lizuze nganoma iyiphi impahla, kokulawulwa noma kokuphethwe ngumasipala lelo khansela elingenalungelo kukho. 
66. 	Inqubo yokugcina umthetho 
(1) 	
Umsebenzi kaSomlomo 

(a) 	
Ukubhekelela ukuziphatha kwamkhansela kungumsebenzi kaSomlomo. 

(b) 	
USomlomo kumele anqume ukuthi ukwephulwa komthetho okusolakalayo koMgomo wokuziPhatha kwamaKhansela (uHlelo 1 loMthetho weziNhlaka, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000)) noma leMithetho eMile kubhekwana nakho ngokukhipha isexwayiso esibhaliwe, ngokuthetha icala kuSomlomo noma eKomididini eliyiSipesheli. 



(2) 	
Uphenyo 

Uma uSomlomo, enezinsolo ezizwakalayo, ebona ukuthi inhlinzeko yale Mithetho eMile noma uMgomo wokuziPhatha wamaKhansela kwephuliwe okuhlinzekelwe ngesijeziso, uSomlomo uyogunyaza uphenyo lwamaphuzu nezimo ngezinsolo zokwephulwa komthetho oluyokwenziwa ngumgwamanda ojutshwe nguSomlomo. 

(3) 	
Isikhalo 

(a) 	
Uma uSomlomo, enezinsolo ezizwakalayo, ngokubona komgwamanda ojutshwe nguSomlomo ngophenyo, okubonakala kufanele isijeziso esiqinile kunesexwayiso esibhaliwe, ikhansela elithintekayo liyonikezwa nguSomlomo isikhalo esichaza kabanzi  

(i) 	
izinsolo zokungaziphathi kahle; kanye 

(ii) 	
nobufakazi balokho kungaziphathi kahle. 



(b) 	
Isikhalo siyonikeza ikhansela elithintekayo isaziso ngelungelo lalo 

(i) 	
lokubona noma yibuphi ubufakazi obufungelwe, imibhalo nobufakazi obuphathekayo obutholakele ngesikhathi 

kwenziwa uphenyo kanye nombiko womgwamanda ophenya ukwephulwa komthetho; 

(ii) 	
lesikhathi esenele lokuphendula ngokubhaliwe mayelana nezinsolo zokwephula umthetho; 






(iii) 	lokwesula; 
(iv) 	lokulalela ubufakazi obethulwa ngomlomo lapho kuthethwa icala noSomlomo. 
 	Ikhophi yesikhalo iyodluliselwa nguSomlomo usotswebhu weqembu lekhansela elithintekayo. 
(4) 	Amalungelo amaKhansela 
Ikhansela elithola isikhalo liyoba nelungelo  
(a) 	
lobufakazi obufungelwe, lemibhalo noma lobufakaziobuphathekayo obutholakale ngesikhathi kwenziwa uphenyo kanye nelokuthola umbiko womgwamanda ojutshwe nguSomlomo ukuthi wenze uphenyo; 

(b) 	
lokwesula eMkhandlwini kaMasipala: Inqobo nje uma lenze njalo ngaphambi kokulelwa kobufakazi kunoma iyiphi inkundla; 

(c) 	
lokuphendula kuSomlomo ngokubhaliwe ngesikhalo lethula ubufakazi obuphikisayo noma bokuzivikela; 

(d) 	
lokuthi kube khona usotswebhu weqembu lalo kunoma yikuphi ukujeziswa; 

(e) 	
lokulalela ubufakazi obethulwa ngomlomo lapho kuthethwa icala noSomlomo noma neKomidi eliyiSipesheli njengoba kuyonqunywa nguSomlomo ngaleso sikhathi njengoba kungabekwa esikhalweni. 


(5) 	Ukujeziswa ngaphandle kokulalewa kwecala nguSomlomo 
Uma  
(a) 	
ikhansela elithintekayo lingafuni ukulalela ubufakazi obethulwa ngomlomo enkundleni yokuthethwa kwecala kaSomlomo ngokwaleMithetho eMile; futhi 

(b) 	
uSomlomo ngokubona ukuthi angeke benziwe ubulungiswa ngokwethanyelwa kwenkundla kaSomlomo, 


uSomlomo, angajezisa ikhansela ngokeMithetho eMile: Inqobo nje uma eyobika udaba lwakhe kane nezinqumo emhlanganweni woMkhandlu kaMasipala ngnendlela enqunywe eMthethweni weziNhlaka zoMasipala, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000). 
(6) 	Ukuthethwa kwecala nguSomlomo 
(a) 	
Ukuthethwa kwecala nguSomlomo kuyokwenziwa yibandla likaSomlomo elithetha amacala kanye nabahloli ababili abaqokwe yiKomidi eliKhulu esikhathini esanele 

(i) 	
sekhansela elithintekayo sokuthi lilalelwe; noma 

(ii) 	
sekhansela sokunquma ukuthi ubulungiswa buyagcinwa ngokulalela icala. 



(b) 	
USomlomo uyokhipha isaziso mayelana nesikhathi kanye nendawo yokulalelwa kwecala. 


 	Kunoma yikuphi ukulalelwa kwecala  
(i) 	
ukulalelwa kwecala kuyolandela indlela yokuqophisana; 

(ii) 	
umuntu ofanele uyohola ubufakazi besikhalo; 


(iii) 	ikhansela lingamelwa ngusotswebhu weqembu, nanoma yiliphi elinye ikhansela noma omunye umuntu ekulalelweni kwecala; 
(iv) 	
ikhansela kanye/noma olimele linelungelo lokuhlaba ngemibuzo ubufakazi obethulwa ngohola ubufakazi nokwethula nanoma yibuphi obunye ubufakazi; 

(v) 	
uSomlomo uyoba nelungelo lokuhlaba ngemibuzo ubufakazi obethulwa yikhansela noma ngolimele; 

(vi) 	
ukulalelwa kwecala, emva kokuhlangana kwabantu, kuyoqoshwa ngokuhambisana nezidingo zikaNobhala woMkhandlu oyobe ebhekele ubuqiniso bokuqoshwayo. 


(d) 	
Emva kokucubungula ubufakazi, ibandla likaSomlomo elithetha amacala kanye nabahloli ababili bayothatha isinqumo ngamavoti amaningi. 

(e) 	
Uma ibandla likaSomlomo livumelana ngokuthi kwaba khona ukwephulwa komthetho, bayolalela isicelo sokwehlisa ngaphambi kokukhipha isigwebo. 

(f) 	
Uma ibandla likaSomlomo, emva kokucubungula izinhlangothi zombili, libona ukuthi kunokushayisana kobufakazi, ikhansela okumele lijeziswe, uSomlomo uyokhipha leso sigwebo futhi athumele isaziso sesigwebo kulelo khansela lapho beyobeka khona  

(i) 	
amalungelo ekhansela ngaphansi koMthethosisekelo, koMthetho weziNhlaka zoMasipala, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000), uMthetho wokuPhathwa kobuLungiswa kanye nanoma yimuphi omunye umthetho; kanye 

(ii) 	
nesikweletu (uma sikhona) ezidaleke ksukela ngosuku okwakhishwa ngalo isaziso. 



(g) 	
Ikhansela liyosayina ikhophi yesaziso liqinisekisa ukuthi liyitholile. 

(h) 	
Usomlomo uyobika ukuthi ukuthethwa kwecala kanye nesinqumo eBandla lakhe emhlanganweni woMkhandlu kaMasipala. 

(i) 	
Umbiko ngokwesigaba 66(6) waleMithetho uvulelekile emphakathini. 

(j) 	
USomlomo uyodlulisela umbiko kuNgqongqoshe woHulumemi baseKhaya ngokuhambisana noMgomo wokuziPhatha kwamaKhansela. 


(7) 	Ukungenga kwangaphakathi 
(a) 	
Ikhansela linelungelo lokukhalaza eKomidini eliyiSipesheli uma iBandla likaSomlomo selikhiphe isijeziso salelo khansela: Inqobo nje uma 

(i) 	
incwadi yokukhalaza inikezwe uSomlomo ezinsukwini ezinhlanu kutholakale isaziso ngokwesigaba 66(6) saleMithetho; 

(ii) 	
izikhalo ziyolalelwa uma isikhalo silethwe yikhansela elithintekayo encwadini yalo yokukhalaza. 



(b) 	
Akukho sijezo esiyokhishwa nguMasipala ngaphambi kokuphethwa kwesikhalo esifakwe ngesikhathi ngokwesigaba 66(7) (a)(l) waleMithetho eMile. 

 	IKomidi eliyiSipesheli lingaphinde lilalela udaba lonke noma inxenye yalo noma ubeke umkhawulo engxoxweni ngeziziathu ezithile. 

(d) 	
IKomidi eliyiSipesheli, ngesikhathi kulalelwa isikhalo, lingehlisa isijeziso esikhishwe yiBandla likaSomlomo noma lisibeke eceleni noma liqinisekise isinqumo esikhishwe enkundleni kaSomlomo. 

(e) 	
Ngenhloso yenqubo yoMkhandlu yokuphulwa komthetho, iKomidi eliyiSipesheli liyoba namalingu 


amahlanu ekomidi njrngoba eqokwe yiKomidi eliKhulu enkundleni yokuthetha icala ngayinye. 
(8) 	Inqubo 
(a) 	
Kweyame kwizihlinzeko zesigaba 66(7) saleMithetho, izihlinzeko zesigaba 66(3) ziyosebenza kunoma iyiphi inkundla yokuthethwa kwecala okwenganyelwe yiKomidi eliyiSipesheli. 

(b) 	
Noma yiliphi ikhansela linelungelo lokukhalaza kuNgqongqoshe nganoma yibuphi ubufakazi obutholwe yiKomidi eliyiSipesheli kanye/noma ngesigwebo esokhishwe yilelo Komidi emva kokulandela inqubo efanayo ngokwesigaba 66(7) saleMithetho. 


67. 	Izigwebo 
(1) 	
Okujwayelekile 

Kweyame ekudingekeni kobulungiswa, uMgomo wokuziPhatha wamaKhanselal (uHlelo 1 loMthetho weziNhlaka, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000)) kanye nezihlinzeko zaleMithetho eMile, iBandla likaSpmlomo noma iKomidi eliyiSipesheli, njengoba kungaba njalo, linelungelo lokunquma isigwebo esizokhishwa, kuncike ezingeni lokwephulwa komthetho. 

(2) 	
Izexwayiso 


(a) 	Izexwayiso zomlomo ezingashubile 
Lapho iBandla likaSomlomo libona ukuthi buyofezeka kangcono ngokunikeza ikhansela isexwayiso somlomo esingashubile ngokwephula umthetho, uSomlomo  
(i) 	
uyonikeza ikhansela leso sexwayiso ngasese; futhi 

(ii) 	
yokwazisa usotswebhu weqembu ngokukhipha leso saziso. 


(b) 	Izexwayiso ezishubile 
(i) 	Lapho iBandla likaSomlomo noma iKomidi eliyiSipesheli, njengoba kungaba njalo, libona ukuthi ubulunguswa buyofezeka kangcono ngokunikeza khansela isexwayiso esishubile ngokwephula umthetho, leso sexwayiso, emva kokuqinisekiswa nguMkhandlu kaMasipala 
(aa) 	siyobhalwa; futhi 
(bb) 	sinikezwe ikhansela elithintekayo kanye nosotswebhu, futhi uSomlomo uyobe esefaka igama lekhansela, umthetho owephuliwe kanye nesigwebo erekhodini okukhulunywe ngalo esigabeni 66(6) 
(vi) sale Mithetho futhi angabuye ashicilele ukwephulwa komthetho ngendlela ayibona ifanele. 
(ii) 	Lapho, ngenxa yokwephulwa komthetho kuphindelelwa, iBandla likaSomlomo, iKomidi eliyiSipesheli, njengoba kungaba njalo, libona ukuthi ubulunguswa buyofezeka kangcono ngokunikeza khansela isexwayiso sokugcina ngokwephula umthetho, leso sexwayiso, emva kokuqinisekiswa nguMkhandlu kaMasipala 
(aa) 	siyobhalwa; futhi 
(bb) 	siyocacisa ukuthi ikhansela lephule uMgomo wokuziPhatha wamaKhansela noma LeMithetho eMile, iKomidi eliyiSipeshei liyoluleka uMkhandlu kaMasipala ukuthi umise emsebenzini noma uxoshe lelo khansela ngokoMgomo wokuziPhatha wamaKhansela; futhi 
(cc) 	sinikezwe ikhansela elithintekayo kanye nosotswebhu, kanye noSomlomo uyobe esefaka igama lekhansela, umthetho owephuliwe kanye nesigwebo erekhodini okukhulunywe ngalo esigabeni 66(6) 
(vi) sale Mithetho futhi angabuye ashicilele ukwephulwa komthetho ngendlela ayibona ifanele. 
(3) 	Ukujeziswa 
Uma, iBandla likaSomlomo, iKomidi eliyiSipesheli, njengoba kungaba njalo, libona ukuthi ubulunguswa buyofezeka kangcono ngokujezisa ikhansela ngokwephula umthetho, leso sexwayiso, uSomlomo emhlanganweni woMkhandlu kaMasipala  
(a) 	
angabiza ikhansela elithintekayo ukuthi lime phambi koMkhandlu kaMasipala; futhi 

(b) 	
angacacisa izinga lokwephlwa komthetho nokujeziswa kwekhansela ngolimi alubona lufanele; futhi uSomlomo esefaka igama lekhansela, umthetho owephuliwe kanye nesigwebo erekhodini okukhulunywe ngalo esigabeni 66(6) (vi) sale Mithetho futhi angabuye ashicilele ukwephulwa komthetho ngendlela ayibona ifanele. 


(4) 	Ukumiswa 
(a) 	
Uma iKomidi eliyiSipesheli libona ukuthi ubulungiswa buyofezeka kangcono ngokumisa ikhansela eMkhandlwini kaMasipala isikhashana ngokwephula umthetho, iKomidi eliyiSipesheli liyobika eMkhandlwini kaMasipala bese kuthi uMkhandlu kaMasipala ubike kuNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya ngokoMgomo wokuzuPhatha wamaKhansela. 

(b) 	
Uma uNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya ekhipha noma yisiphi isigwebo sokumisa ikhansela okwesikhashana ngokoMgomo wokuziPhatha kwamaKhansela  

(i) 	
ikhansela liyomiswa ngaphandle kokuthola umholo ngaleso sikhathi; 

(ii) 	
uSomlomo uyobe esefaka igama lekhansela, umthetho owephuliwe kanye nesigwebo erekhodini okukhulunywe ngalo esigabeni 66(6) (vi) sale Mithetho futhi angabuye ashicilele ukwephulwa komthetho ngendlela ayibona ifanele. 




 	Ukumiswa kuyothathwa njengesigwebo esiqinile kunokuthola isexwayiso sokugcina nokujeziswa. 
(5) 	Izinhlawulo zasenkantolo 
(a) 	
Uma iBandla likaSomlomo noma iKomidi eliyiSipesheli, njengoba kungaba njalo, libona ukuthi ubulungiswa buyofezeka kangcono ngokwephulwa komthetho obalulwe oHlwini 1 loHlelo 1 lwaleMithetho emile ngokuhlawulisa ikhansela imali enkantolo okubalulwe oHlwini 2 lwalolo Hlelo, leso sigwebo  

(i) 	
siyobhalwa; futhi 

(ii) 	
sinikezwe ikhansela elithintekayo kanye nosotswebhu, kanye noSomlomo uyobe esefaka igama lekhansela, umthetho owephuliwe kanye nesigwebo erekhodini okukhulunywe ngalo esigabeni 66(6) (vi) sale Mithetho futhi angabuye ashicilele ukwephulwa komthetho ngendlela ayibona ifanele. 



(b) 	
Uma kwenziwe umhlinzeko kuleMithetho eMile yokuhlawulisa noma yiliphi ikhansela, futhi ikhansela lihlawuliswa, uMasipala ungathatha leyo nhlawulo kunoma yiziphi izimali njengoba uMasipala azikweleta ikhansela noma uthole leyo mali njesikweletu sasenkantolo. 


(6) 	Ukuxoshwa 
(a) 	
Uma iKomidi eliyiSipesheli libona ukuthi ubulungiswa buyofezeka kangcono ngokuxosha ikhansela eMkhandlwini kaMasipala ngokwephula umthetho, iKomidi eliyiSipesheli 

liyobika lokho eMkhandlwini kaMasipala bese kuthi uMkhandlu kaMasipala ubike lokho kuNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya ngokoMgomo wokuziPhatha wamaKhansela. 

(b) 	
Uma 

(i) 	
uNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya ekhipha isigwebo sokuxosha ikhansela ngokoMgomo wokuziPhatha wamaKhansela; noma 

(ii) 	
ikhansela lixoshwa ngokwesigaba 67(96)(a), 




uSomlomo uyobe esefaka igama lekhansela, umthetho owephuliwe kanye nesigwebo erekhodini okukhulunywe ngalo esigabeni 66(6) sale Mithetho futhi angabuye ashicilele ukwephulwa komthetho ngendlela ayibona ifanele. 
68. 	Amarekhodi ezigwebo 
(1) 	
USomlomo uyogcina irekhodi lazo zonke izigwebo ezinikezwe amakhansela, lelo rekhodi eliyovuleleka ukuthi lihlolwe ngumphakathi eHhovisi lokugcina iMibhalo ngesikhathi somsebenzi. 

(3) 	
Irekhodi lezigwebo elihlongozwe esigabeni 68(91) sale Mithetho liyohlala ligciniwe futhi liyocutshungulwa ezigamekweni ezilandelayo nasekunqunyweni kwesigwebo seekhansela ima liphinda lephula umthetho. 


69. 	Ukuchithwa kweMithetho eMile neMigomo 
IMithetho eMile neMigomo kaMasipala waseMthonjaneni ngalokhu iyachithwa. 
UHLELO I 

Ukwephulwa komthetho kanye nezinhlawulo 

Uhlu 1 Ukwephulwa komthetho  Uhlu 2 Inhlawulo  
(1) Ukuphutha emhlanganweni obekumele ikhansela liwethamele.  Umholo wamasonto amabili  
(2) Ukwehluleka ukuhlala kuzu kuphele umhlangano ikhansela obekumele liwethamele.  Umholo wamasonto amabili  
(4) Ukuhluleka ukuhoxa ezinqubeni zoMkhandlu kaMasipala noma zeKomidi uma udaba ikhansela elithintekayo noma elishade naye, umlingani noma elisebenzisana naye ebhizinisini enenzuzo ebhizinisini ngokuqondile noma ngokungaqondile; ngaphandle uma uMkhandlu kaMasipala noma iKomidi linqume ukuthi lokho kuba nenzuzo akusho lutho.  Umholo wenyanga eyodwa  
(5) Ukwehluleka ukuveza imininingwane komhlomulo ikhansela elaziyo ngawo emhlanganweni woMkhandlu kaMasipala lapho ikhansela ligakwazi ukudalula lokho, uma elishade naye, umlingani, elisebenzisana naye ebhizinisini noma ilungu lomndeni walo, selihlomule noma selizohlomula kwinkontileka ekhishwe nguMasipala.  Umholo wenyanga eyodwa  
(6) Ngaphandle kokuqale athole imvume eMkhandlwini kaMasipala, libe yinxenye noma lihlomule kwinkontileka yokuhlinzeka izimpahla, imisebenzi kuMasipala.  Umholo wamasonto amathathu  
(7) Ngaphandle kokuqale athole imvume eMkhandlwini kaMasipala, lube yinxenye noma lihlomule kwinkontileka eyenza noma yimuphi omunye umsebenzi kaMasipala ngaphandle kowokuba yikhansela.  Umholo wamasonto amathathu  
(14) Ukucela, ukunxusa noma ukwamukela noma yimuphi umvuzo, isipho noma isibonelelo ngokuvota noma ngokungavoti ngandlela thile kunoma yiluphi udaba lukaMasipala noma lweKomidi ikhansela eliyilngu lalo.  Umholo wezinyanga ezinhlanu  

(15) Ukucela, ukunxusa noma ukwamukela noma yimuphi umvuzo, isipho noma isibonelelo ngokweluleka uMasipala mayelana nokusebenzisa noma yimaphi amandla noma umsebenzi.  Umholo wezinyanga ezinhlanu  
(16) Ukucela, ukunxusa noma ukwamukela noma yimuphi umvuzo, isipho noma isibonelelo ngokumela umuntu kuMasipala.  Umholo wezinyanga ezinhlanu  
(17) Ukucela, ukunxusa noma ukwamukela noma yimuphi umvuzo, isipho noma isibonelelo ngokudalula ulwazi oluyimfihlo.  Umholo wezinyanga ezinhlanu  
(18) Ukugxambukela ekuphathweni kukaMasipala ngaphandle uma ligunyazwe ukwenze njalo ngesixazululo soMkhandlu kaMasipala.  Umholo wezinyanga ezintathu  
(19) Ukusebenzisa isikhundla noma amagunya obukhansela ukuze lizuze ngasese noma lizuze ngendlela engafanele komunye umuntu.  Umholo wezinyanga ezinhlanu  
(20) Ukusenezisa ulwazi oluyimfihlo eliluthole njengekhansela ukuze lizuze ngasese noma lizuze ngendlela engafanele komunye umuntu.  Umholo wezinyanga ezinhlanu  
(21) Ngaphandle kwemvume yoMkhandlu kaMasipala noma yeKomidi elithintekayo ukudalula noma yiluphi ulwazi lukaMasipala oluyimfihlo noma yingayiphi indlela.  Umholo wamasnto ayisithupha  
(22) Ukunikeza noma ukuhlosa ukunikeza noma yimuphi umyalelo kumsebenzi kaMasipala ngaphandle uma ligunyaziwe ukuthi lenze njalo ngesixazululo sikaMasipala.  Umholo wamasonto amathathu  
(23) Ukuthikameza noma ukuzama ukuthikameza ukuqaliswa kwanoma yisiphi isinqumo soMkhandlu kaMasipala noma seKomidi ngumsebenzi kaMasipala  Umholo wamasonto ayisithupha  
(24) Ukugqugquzela, ukucela noma ukuzibandakanya kunoma yikuphi ukungaziphathi ngendlela eyamukelekile kuMasipala.  Umholo wamasonto amathathu  
(25) Ukusebenzisa, ukuthatha, ukuthola noma ukuzuza ngokusebenzisa noma iyiphi impahla elawulwa noma okungekaMasipala ikhansela elingenangelo lokuyisebenzisa.  Umholo wamasonto ayisithupha  
(26) Ukushaya noma yimuphi umuntu lapho kusetshenzelwa khona kwMasipala  Umholo wezinyanga ezintathu  
(27) Ukuntshontsha noma iyiphi impahla kaMasipala  Umholo wezinyanga  

ezintathu  
(28) Ukulimaza ngenhloso impahla kaMasipala  Umholo wezinyanga ezinhlanu  
(29) Ukudakwa yizidakamizwa kunoma yimuphi umhlangano woMkhandlu kaMasipala noma weKomidi loMkhandlu.  Umholo wamasonto amabili  
(30) Ukuhluleka ukuthula ngesikhathi isiPhathimandla sikhuluma noma sisukuma emhlanganweni.  Umholo wamasonto amabili  
(31) Ukwehluleka ukuthobela umthetho noma umyalelo wesiPhathimandla kunoma yimuphi umhlangano woMkhandlu noma wanoma yiliphi iKomidi loMkhandlu.  Umholo wamasonto amabili  
(32) Ukwehluleka ukuthobela umthetho noma umyalelo wesiPhathimandla kunoma yimuphi umhlangano woMkhandlu noma wanoma yiliphi iKomidi loMkhandlu.  Umholo wamasonto amabili.  
(33) Ukwehluleka ukuphuma eGumbini okubanjelwa kulo imihlangano ngesikhathi licelwa yisiPhathimandla.  Umholo wamasonto amabili  

UHLELO 2 
Isichasiso: Ukukhomba okuphambene nomthetho (Isigaba 39) 
Incazelo: 	Eqinisweni isikhalo esibhekiswe kusihlalo ngesinqumo sakhe odabeni oluthinta ukuphatha emhlangano. Isinqumo sikasihlalo singujuqu futhi noma ngaphezu kwalokho unegunya lokwamukela noma lokungamukeli ukuphambuka emthethweni. 
Isichasiso 
34. 	
Ukukhomba okuphambene nomthetho okukhulunya ngakho ngennhloso yokukhombisa ukuphambuka kokunqunyiwe ezinqubeni zezingxoxo. 

35. 	
Noma yiliphi ikhansela noma ngabe selikhumile ngodaba olusezithebeni noma cha, lingabeka iphuzu lokukhomba okuphambene nomthetho noma lichaze. 

36. 	
Leyo ncazelo iyogxila kokuthile engxoxweni obekungachazekanga kahle. 

37. 	
Ikhansela elisukumela lokho liyoba nelungelo lokulalelwa kuqala. 

38. 	
Kumele libeke iphuzu licace futhi ligxile odabeni oludingidwayo. 

39. 	
Isinqumo sikasihlalo ngokukhomba okuphambene nomthetho, noma ngencazelo yomuntu siyoba ngejuqu futhi angeke saphikiswa. 

40. 	
Uma ilungu liphikisa isinqumo sikasihlalo nganoma yikuphi ukuphambuka emthethweni, usihlalo uyolicela ukuthi liziphathe ngendlela futhi liyeke ukukhuluma bese lihlala phansi. 


Isifinyezo 
(1) 	
Ukukhomba okuphambene nomthetho kungabekwa noma yingasiphi isikhathi emhlanganweni. 

(2) 	
Ukukhomba okuphambene nomthetho kungabekwa maqondana 

(a) 	
ulimi oluqosheme; 

(b) 
ukungathobeli umthetho obekiwe; 
 umthethosichibiyelo ongathotshelwanga; 



(d) 	isichibiyelo esingaphandle kwegunya lomthetho; 
(e) 	
udaba oluphathelene nokuziphatha ngendlela efanele; noma 

(f) 	
nencazelo edingekayo. 



(3) 	
Ukukhomba okuphambene nomthetho kumele kubekwe njengombuzo. 


UHLELO 3 
Amalungelo kanye nezivikelo 

(1) 	Umthetho wesifundazwe ngokwesigaba 161 soMthethosisekelo kumele okungenani uhlinzeke lokhu okulandelayo: 
(a) 	
ukuthi amakhansela abe nelungelo lokubeka izimvo zawo eMkhandlwini kaMasipala nasemaKomidini, kweyame emithethweni nasemiyalelweni yamakhansela njengoba kubekiwe esigabeni 160(6) soMthethosisekelo; 

(b) 	
nokuthi amakhansela awanakubizezelwa enkantolo noma aboshwe noma akhokhele ukulimala 

(i) 	
nganoma yini ayishilo, okulethwe eMkhandlwini noma ekomidini layo; noma 

(ii) 	
nganoma yini evezwe ngenxa yanoma yini eliyishiyo, okulethwe eMkhandlwini noma ekomidini layo; noma 




 	Kuze kube umthetho ohlongozwe esigatshaneni (1) usumisiwe, amalungelo okukhulunywe ngawo endimeni (a) no (b) esigaba (1) ayosebenza kuyo yonke iMikhandlu kaMasipala esifundazweni esithintekayo. 
