UMkhandlu kaMasipala waseMthonjaneni, ngokulandela isigaba 156 soMthethosisekelo, 1996 (uMthetho 108 ka 1996, ufundwa nesigaba 11 kanye nesgaba 98 zoMthetho weziNhlelo zoMasipala, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000), ufundwa kanye nesigaba 6A(1) soMthetho wamaBhizinisi, 1991 (uMthetho No. 71 ka 1991) sewenze lemithethodolobha elandelayo. 
UMASIPALA WASEMTHONJANENI 
IMITHETHODOLOBHA YOKUPHATHWA KWEZIKWELETU 
1. Izincazelo 
(1) Ngaphandle uma ingqikithi isho okwehlukile  
isiqinisekiso sebhange kusho isiqinisekiso esingenambandela esenziwe yisikhungo sezimali lapho siqinisekisa ukuthi isamba esithile siyosikhokha uma ikhasimende lehluleka ukukhokha; 
izamba ezibaliwe kusho izamba ezibalwe yisiKhulu esiPhethe seziMali okumele zikhokhelwe uMkhandlu maqondana nokuphakwa kwemisebenzi ethile kamasipala nanganoma yisiphi isikhathi lapho inani elifanele lingeke lanqunywa ngokucacile nanganoma yisiphi isikhathi, futhi ziyobalwa ngokokusetshenzisiwe, uma kukhona, imisebenzi ehlinzekwe ikhasimende ezinyangeni ezintathu ngaphambi kwanoma yisiphi isikhathi sokukhokha, noma uma lolo lwazi lungatholakali, ukusetshenziswa okwejwayelekile kwemisebenzi kamasipala endaweni eyodwa noma ngaphezulu enobukhulu newuhlobo olulinganayo nalapho ikhasimende lihlala khona; 
isiKhulu esiPhethe ezeziMali kusho iNhloko yoMnyango ebhekele izimali zoMkhandlu, kanye nanoma yimuphi umuntu ogunyazwe yiyo ukuba asebenze kuleso sikhundla; 
iakhawunti ehlanganisiwe kusho iakhawunti eyodwa ehlanganisiwe yayo yonke imisebenzi kamasipala, yezintela, yentela yendawo kanye nezimali ezijwayelekile ezikhokhwayo; 
umthengi kusho ikhasimende; 
amamitha agesi nawamanzi kusho amamitha agesi nawamanzi, njengoba kungaba njalo, asetshenziselwa ukukala ugesi noma amanzi asetshenzisiwe futhi afundwa njalo ngenyanga nanganoma yisiphi isikhathi esinqunyiwe; 
uMkandlu kusho umkhandlu kamasipala okukhulunywe ngawo esigabeni 157(1) soMthethosisekelo; ikhasimende kusho noma yimuphi umuntu ohlinzekwa noma ohlinzekwe nguMkhandlu ngomsebenzi kanti ukuhlinzekwa ngemisebenzi kwamakhasimende kunencazelo efanayo; 
usuku lokugcina kusho, lapho kungekho sivumelwano maqondana nalokho phakathi koMkhandlu nekhasimende, usuku olobalulwe kwiakhawunti nenqunywe nguMkhandlu njalo emva kwesikhathi kusukela ngosuku lokugcina iakhawunti engakhokhwa ngalo; 
amakhasimende akhona kusho amakhasimende asengene esivumelwaneni sokuhlinzekwa ngemisebenzi akmasipala; 
unyaka wezimali kusho umhlaka 1 kuNtulikazi kuya kumhlaka 30 kuNhlangulana wonyaka olandelayo; 
ucwaningo lwamamitha kusho uphenyo lokuqinisekisa ubuqiniso bokusetshenziswa nokuhlinzekwa kwagesi namanzi; 
umphathi kamasipala kusho umuntu oqokwe njengoMphathi kaMasipala ngokoMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 2000, nanoma yimuphi umuntu osebenza kuleso sikhundla; 
amahora okusebenza kusho amahora amahhovisi esiKhulu esiPhethe ezeziMali avulelwe ngaso umphakathi kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngaphandle kwamaholide omphakathi; 
intela yendawo kusho izintela ezikhokhwa ngenani lendawo elingancika enanini lomhlaba noma lokuhlungiswa noma kokubili, futhi kunenczelo efanayo neyemali yokuthela; 
okuhlehlulwe emalini kusho isaphulelo kunoma iyiphi intela yendawo noma imali yokukhokhela umsebenzi enqunywe nguMkhandlu njalo emva kwesikhathi; 
imali yokuxhuma kabusha kusho imali ekhokhelwa ukuxhuma kabusha kkwagesi noma kwamanzi lapho kade kunqanyuliwe ngenxa yokungakhokhi, leyo mali iyonqunywa njalo emva kwesikhathi nguMkhandlu futhi iyoba yinxenye yezintela zikamasipala; 
inani elidingekayo kusho isamba senani elibaliwe lamanzi nogesi osetshenzisiwe nganoma yisiphi isikhathi sokuthikameza, kanye nemali ekhokhelwa lokho kuthikameza; 
amaakhawunti emisebenzi kusho amaakhawunti maqondana nokusetshenziswa nogesi namanzi; 
isivumelwano sokuhlinzekwa kwemisebenzi kusho isivumelwano sokusetshenziswa kwagesi namanzi; imali yokuthikameza kusho imali ekhokhelwa ukuxhuma okungekho semthethweni, ukulungisa noma ukuphutha kwemitha lokusetshenziswa kwamanzi nogesi kuphakelwa lapho kungenamitha khona, leyo mali iyonqunywa njalo ngonyaka ngesikhathi kwabiwa imali futhi iyoba yinxenye yezintela zikamasipala; 
iakhawinti evaliwe kusho iakhawunti yokugcina yemisebenzi emva kokuthi ikhasimende selihambile kulezo zakhiwo, noma ngabe ikhasimende linikeze isaziso sokuvala ukuphakwa kwemisebenzi noma cha; 
ithuluzi elilawula ukuphakwa kwemisebenzi kusho ithuluzi elifawe emapayipini amanzi elivumela ukuphakwa kwamanzi noma ukuvalwa kwawo; 
isimiselo senkokhelo kusho umyalelo wenkantolo wokuthatha isamba semali emholweni wekhasimende. 
(2) 	Amagama abhekiwe kunoma yimuphi umuntu ayobandakanya abantu, izinkampani kanye nezinhlangano, kanti ubulili buyobandakanya abasifazane kanjalo nabesilisa, kuthi ubunye bubankanye nobuningi. 
2. 	Isivumelwano semisebenzi 
(1) 	
Ngaphambi kokuhlinzekwa ngogesi, amanzi kanye neminye imisebenzi ehlinzekwa amakhasimende, wonke amakhasimende kumele angene esivumelwaneni noMkhandlu lapho, phakathi kokunye, ikhasimende livuma ukuthi uhlelo lokuhkokhela ugesi namanzi lungasetshenziswa ukuqoqa izimali ezisilele maqondana nezintela zemisebenzi. 

(2) 	
Uma ikhasimende lihlulekile ukungena esivumelwaneni semibenzi noMkhandlu, amanzi nogesi kuyovalwa noma kukhishwe ngemibandela ethile, njengoba kungadingeka, kuze kube kungenwa esivumelwaneni sokuphakwa kwemisebenzi futhi nemali afanele iyakhokhwa. Lelo khasimende kuyomele likhokhe imali enqunyiwe. 


3. 	Amaakhawunti 
(1) 	
UMkhandlu uyokhokhisa abahlali, kanye nabanikazi bezindawo kanye nabahlala kulezo ndawo intela kanye nemisebenzi kamasipala ehlinzekwa nguMkhandlu ngezikhathi ezithile noma njengoba kunqunywe emthethweni. 

(2) 	
Umnikazi wendawo kumele akhokhele imisebenzi yokuthuthwa kadoti nokuchithwa kwamanzi angcolile. 

(3) 	
UMkhandlu uyoposa noma ulethe ngesandla iakhawunti ehlanganisiwe kumakhasimende ahlukene ekhelini elinikezwe 

yikhasimende ngalinye, ukufinyelela kumakhasimende ngaphambi kosuku lokugcina olubhalwe kwiakhawunti. Noma yikuphi ukushintshwa kwekheli kuqala ukusebenza kuphela emva kokutholakala kwesaziso sokushintsha samukelwe nguMkhandlu. 

(4) 	
Amakhasimende kumele akhokhe, ngokugcwele, isamba esikhishwe ngaphambi kosuku lokugcina. Ukwehluleka ukuhambisana nalesi sigaba kuyodala ukuthi kuqoqwe isikweletu kwikhasimende, futhi inzuzo ngendlela eyonqunywa nguMkhandlu njalo emva kwesikhathi noma lapho kungekho mali enqunyiwe, njengoba kunqunywe ngumthetho, iyokhokhiswa kusukela ngosuku okwakumele ikhokhwe ngalo. 


4. 	Amadiphozi 
(1) 	
Amadiphozi ayonqunywa yisiKhulu esiPhethe ezeziMali, lokho kunqunywa okuyoba ngokubili nenxenye kwiakhawunti yenyanga yemisebenzi ehlinzekwe endaweni, noma ngabe yingendlela enqunyiwe noma yingesamba esibaliwe. 

(2) 	
Ekunqumeni idiphozi echazwe esigabeni 4(1), isiKhulu esiPhethe ezeziMali siyohlukanisa phakathi kwezindawo ezizobhekelwa ngamazinga emisebenzi nawokusetshenziswa ehlukile.

(3) 	
IsiKhulu esiPhethe ezeziMali singabuye sihlole amadiphozi amakhasimende ahwebayo nayizimboni ezinyangeni ezintathu emva kosuku lokuqala lokufaka idiphozi, futhi, angadinga ngenxa yokuhlolisisa kwengezwe enye imali ngaphezu kwediphozi kunoma yiliphi ikhasimende. 

(4) 	
IsiKhulu esiPhethe ezeziMali kumele sibuyekeze wonke amadiphozi kanye eminyakeni emibili noma uma imisebenzi ehklinzekwa ikhasimende inqanyuliwe noma imisiwe ngenxa yokungakhokhi. Umphumela walokhu kubuyekezwa uyokwaziswa ikhasimende lapho kukhona ushintsho kwidiphozi futhi kwenziwe amanye isivumelwano adingekayo. Uma idiphozi okukhulunywe ngayo esigabeni 4(2) noma 4(3) kutholakala ukuthi ayenele, ikhasimende livumelekile ukwenza isivumelwano okukhokha leso samba esingaphezulu nesiKhulu esiPhethe ezeziMali. 

(5) 	
Amadiphozi amakhasimende ayo yonke imisebenzi ekalwayo kumele akhokhwe. 

(6) 	
Amadiphozi amakhasimende kumele akhokhwe maqondana nemisebenzi yokuphakwa kwagesi namanzi kuphela. 

(7) 	
Amadiphozi kumele akhokhwe ngokheshi noma ngesheke. Umkhandlu uyokwamukela iziqinisekiso zamabhange lapho idiphozi ingaphezu kwamarandi ayizinkulungwane ezimbili (R2000,00). Lezo ziqinisekiso 

zamabhange kumele zithunyelwe ngesandla ngamahora okusebenza emahhovisi esiKhulu esiPhethe ezeziMali eCivic Centre. 

(8) 	
Wonke amadiphozi kumele akhokhwe okungenani ezinsukwni ezimbili ngaphambi kokuhlala endaweni noma ngosuku imisebenzi edingeka ngalo, uma ingadingeki ngosuku lokuqala ukuhlala. Ukwehluleka ukuhambisana nalo Mthethodolobha kungabambezela ukuxhunywa kwemisebenzi, futhi uMkhandlu angeke ukhokhele noma yikuphi ukulahleka okungaba khona. 

(9) 	
Akukho diphozi edingekayo uma kufawe imitha ekhokhelwa ngaphambi kokuhlinzekwa komsebenzi othile. 

(10) 	
Lapho kufakelwa amakhasimende amadala uhlobo olusha lwamamitha kagesi nawamanzi, alawo makhasimende kumele angene esivumelwaneni esibhaliwe noMkhandlu sokukhokha amadiphozi, esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha. 


5. 	Ukunqanyulwa ngenxa yokungakhokhi 
(1) 	
Okwejwayelekile 

Imali yokuxhuma kabusha iyohlawuliswa lapho amakhasimende ahlinzekwa ngeminye imisebenzi kamasipala yanoma yiluphi uhlobo nalawo angena ohlwini lwabakweletayo maqondana naleyo misebenzi nasenqanyuliwe noma asebethitshelwe ugesi namanzi. 

(2) 	
Izaziso ezithunyelwa amakhasimende 

(a) 	
UMkhandlu, ngokubona kwawo, uyothumela izaziso nezinye izikhumbuzo kumakhasimende asakweleta, ngaphambi kokunqamula imisebenzi. 

(b) 	
UMkhandlu uyokhipha isamanisi lokukhokha izimali ezisilele maqondana nawo wonke amaakhawunti akweletwayo akhombisa imali esisilele izinsuku ezingaphezu kwamashumi amathathu (30), emva kwalokho iakhawunti iyodluliselwa kuba qoqi bezikweletu, ngokwesigaba 10, ngaphezu kokunqanyulelwa ukuphakwa kwemisebenzi. 



(3) 	
Ugesi 

(a) 	
UMkhandlu uyonqamula imisebenzi kumakhasimende amamitha amasha kagesi maqondana namaakhawunti asilele emva kosuku lokugcina lokukhokha. Uma lawo makhasimende efisa ukuxhunyelwa kabusha ugesi, bayokhokhiswa imali yokuxhuma kabusha efanele kanti umsebenzi angeke uvuselelwe ngaphambi kokuthi iakhawunti ikhokhwe ngokugcwele noma sekwenziwe isivumelwano agculisayo nesiKhulu esiPhethe ezeziMali ngokwesigaba 7. 

(b) 	
UMkhandlu kumele unqamule ukuphakwa kwagesi ngaphambi kwehora lokuqala (13:00) ngosuku lokuwunqamula. Ukuxhuma kabusha kuyoqala ngokushesha, kodwa kuyokwenziwa kuphela ngamahora ajwayelekile okusebenza. 

(c) 	
Lapho kunqanyulwe imisebenzi ezindaweni eziningi, uMkhandulu awuphoqelekile ukuqalisa ukuxhuma kabusha ngesikhathi esisodwa. 

(d) 	
UMkhandlu angeke uphoqeleke kuudayisa ugesi kumakhasimende anamamitha akhokhelwa ngaphambi kokuthi awusebenzise ngaphandle uma iakhawunti yekhasimende yakwamasipala yeminye imisebenzi kanye nentela yendawo, uma ikhona, isikhokhwe ngokugcwele noma sekwenziwe isivumelwano nesiKhulu esiPhethe ezeziMali agculisayo ngokwesigaba 7 sale Mithethodolobha, futhi sagcinwa. 

(e) 	
Wonke amamitha kagesi amisiwe kumele amakwe ngokugqamile uma ukuphakwa kunqanyulelwe ukungakhokhi, ukuze kugwemeke ukuthi amamitha anqanyuliwe abikwe njengaphukile. 

(f) 	
UMkhandlu uyonciphisa ukuphuma kwamanzi amakhasimende avalelwe ugesi isikhathi esiyizinyanga ezimbili ezilandelanayo futhi angakhokhile noma angenze malungiselelo okukhokha imali esilele. 

(g) 	
UMkhandlu uyoba nelungelo lokunqamula, lokuvala noma lokuthibela ukuphakwa kwagesi namanzi, njengoba kungaba njalo, ngokushesha, amakhasimende azokhokhela imisebenzi ehlinzekwa ngumasipala ngesheke uma lelo sheke libuyiswe yisiKhungo sezeziMali ebelishintshwa kuso nanganoma yisiphi isizathu. Iakhawunti yekhasimende iyomakwa ngendlela futhi akukho sheke eliyophinde lamukelwe. 

(h) 	
Abakhandi bagesi abacuphile, abafunda amamitha kanye nosonkontileka bavumelekile ukubuyisela noma yimuphi umsebenzi kumakhasimende ngaphandle kwegunya loPhiko loMkhandlu oluLawula iziKweletu. 

(i) 	
Amakhasimende amisebenzi yawo ixhunywe ngokungekho semthethweni kuyothathwa ngokuthi athikameze imitha noma ukuphakwa kwemisebenzi, futhi izihlinzeko zesigaba 6 ziyosebenza. 



(4) 	
Amanzi 

(a) 	
UMkhandlu uyonikeza amakhasimende anamaitha okukala amanzi isaziso esibhaliwe maqondana namaakhawunti emisebenzi kamasipala asilele, ubeke inhloso yawo yokuvulela amanzi kancane ezinsukwini ezibekiwe njengoba kuhlongoziwe esigabeni 4 soMthetho weMisebenzi yaManzi, 1997 (uMthetho No. 108 ka 1997) kanye/noma neMithethodolobha yaManzi. 

(b) 	
Ukuphakwa kwamanzi kumakhasimende anamamitha okukala amanzi okukhulu ngakho esigabeni 5(4), kuyothitshelwa emva kokuphela kwesikhathi esibhalwe esazisweni esikhishwe ngokwesigaba 5. Lawo makhasimende ayokhokhiswa imali yokuxhuma kabusha efanele. 

(c) 	
Lapho ukuphakwa kwamanzi kuthitshelwe, uMkhandlu ungafaka okukhipha amanzi kancane ukuze ukwazi ukuphinde exhume kabusha. Umsebenzi ogcwele angeke wafakwa ngaphambi kokukhokhela umasipala ngokugcwele noma kwenziwe isivumelwano esifanele nesiKhulu esiPhethe ezeziMali ngokweNqubomgomo yokuPhathwa kweziKweletu, kuphela uma leso sivumelwano sigciniwe. 

(d) 	
UMkhandlu angeke uphoqeleke ukudayisela amakhasimende anamamitha akhokhelwa ungakawasebenzisi amanzi uma amaakhawunti emisebenzi kamasipala engakhokhiwe ngokugcwele noma ngaphandle uma kwenziwe isivmelwano esigculisayo nesiKhulu esiPhethe ezeziMali ngokwesigaba 7, futhi kuphela uma leso sivumelwano siyogcinwa. 

(e) 	
Uma kwenzeka, wonke amamitha amanzi avaliwe noma athitshelwe ayomakwa ngokugqamile ukuze kuvinjelwe ukuthi aphanjaniswe nalawo aphukile. 

(j) 	
Abakhandi bamapayipi abacuphile, abafunda amamitha nosonkontileka bavumelekile ukubuyisela noma yimuphi umsebenzi kumakhasimende ngaphandle kwegunya loPhiko loMkhandlu oluLawula iziKweletu. 

(f) 	
Lapho amanzi kutholakala izimbobo ecaleni lemitha lekhasimende futhi lingasheshi ukukulungisa lokho, okukunciphisa ukuphuma kwamanzi kuyofakwa ukuvimbela ukuchitheka kwamanzi nokunciphisa isamba esizokhokhiswa ikhasimende ngamanzi. 


6. 	Ukuthikameza 

(1) 	
Lapho ukuphakwa kwamanzi nogesi kutholakala ukuthi kuthikanyeziwe noma imitha leqiwe, kweyame kule Mithethodolobha kanye neminye imithetho ehambisana nayo, uMkhandlu uyobeka eceleni noma unqamule ukuphakwa kwemisebenzi, futhi uhlawulise ikhasimende elithintekayo imali, amanani abaliwe okumele akhokhwe kanye nemali yokuxhuma kabusha lapho ukuphakwa kwemisebenzi kumisiwe kanye nemali yokuxhuma kabusha lapho imisebenzi ikhishiwe. 

(2) 	
Lapho kunobufakazi bephutha phakathi kokusetshenziswa kwagesi kanye nolando wokuthengwa kwendawo ethile, abephula umthetho bayojeziswa ngnendlela elandelayo: 

(a) 	
Kweyame kwindima (b), ukuphakwa kwemisebenzi kuyomiswa uma kwephulwe umthetho okokuqala bese ikhishwa uma sekuyinjwayelo. 

(b) 	
Isaziso esibhaliwe siyonikezwa ikhasimende, silazisa ngokumiswa noma ngokukhishwa kwemisebenzi, kanjalo nangezimali okumele zikhokhwe mayelana nokuthikameza imisebenzi, ukuxhuma kabusha/ukuxhuma kanye nezimali ezingakhokhiwe. 

(c) 	
UMkhandlu uyobuyisela kuphela imisebenzi emva kokuthi izimali okukhulunywe ngazo endimeni (b) sezikhokhiwe. 



(3) 	
Lapho kutholakala ukuthi ngumuntu odale ukuthikamezeka kokuphakwa kwagesi, izaphulamthetho ziyojeziswa ngale ndlela elandelayo: 

(a) 	
Ukuphakwa kwagesi kuyomiswa ngokushesha lapho kwephulwe umthetho okokuqala bese ikhishwa uma sekuyinjwayelo. 

(b) 	
Isaziso esibhaliwe siyonikezwa ikhasimende, silazisa ngokumiswa noma ngokukhishwa kwemisebenzi, kanjalo nangezimali okumele zikhokhwe mayelana nokuthikameza imisebenzi, ukuxhuma kabusha/ukuxhuma kanye nezimali ezingakhokhiwe. 




(c 	UMkhandlu uyobuyisela kuphela imisebenzi emva kokuthi izimali okukhulunywe ngazo endimeni (b) sezikhokhiwe. 
(4) 	Ngaphezu kwezihlinzeko zalo Mthethodolobha, uMkhandlu ungaqinisekisa ukuthi amanye amalungelo noma ungasebenzisa noma yimaphi amandla owanikwe uMthetho wezeMpilo nokuPhepha eMsebenzini, 1993 (uMthetho No. 108 ka 1997), iMithethodolobha yaManzi yoMkhandlu, uMthetho kaGesi, 1987 (uMthetho No. 41 ka 1987), iMithethodolobha kaGesi yoMkhandlu kanye nanoma yimuphi omunye umthetho. 
7. 	Izivumelwano namakhasimende akweletayo 
(1) 	
IsiKhulu esiPhethe ezeziMali noma osibambele banegunya lokungena esivumelwaneni namakhasimende akweletayo nokuthi belulele labo bantu isikhathi sokukhokha. 

(2) 	
IsiKhulu esiPhethe ezeziMali singanquma, ngokuhlola isimo sekhasimende ngalinye, imali okumele ikhokhwe njengenxenye yaleso sivumelwano, kanjalo nesibalo sezigamu lemali ezokhokhwa ngazo kanye nesikhathi okumele kukhokhwe ngaso. Leso sikhathi angeke seqe ezinyangeni ezingamshumi amabili nane (24). 

(3) 	
IsiKhulu esiPhethe ezeziMali, ezimweni ezehlukile nangemvume yoMphathi kaMasipala, singelula isikhathi sokukhokha okukhulunywe ngaso esigabeni 7(2). 

(4) 	
Lapho isiKhulu esiPhethe ezeziMali sigculisekile, ngesikhathi kwenziwa amalungiselelo nangemuva kocwaningo, ukuthi ngempela ngempela ikhasimende angeke likwazi ukukhokhela imisebenzi ephakwayo, imininingwane yalelo khasimende ioqoshwa futhi izinyathelo zomthetho ziyohoxiswa, njengoba isiKhulu esiPhethe ezeziMali singanquma. 


8. 	Ukuvunywa kwesikweletu 
(1) 	
Abakweletayo abaphethe omazisi kuphela noma abagunyazwe yibo abayovunyelwa ukugcwalisa isivumelwano sokuvuma isikweletu. 

(2) 	
Isivumelwano sokuvuma isikweletu kumele sibe nawo wonke amalungiselelo okukhokha amaakhawnti anezikweletu. Ikhophi eyodwa yombhalo iyonikezwa bese kuthi enye igcinwe efayeleni oPhikweni lokuPhatha loMkhandlu. 

(3) 	
Ikhasimende eselithunyelwe amasamanisi ngabameli boMkhandlu lingafaka isicelo sokukweletelwa. Kodwa, zonke izindleko zomthetho osekungenwe kuzo ngenxa yesikweletu sakhe kanti futhi kuyodingeka nemali yokukhokha okungenani eyinxenye yemali ayikweletayo. Ikhasimende kumele nail lisayine leyo ncwadi livuma kuyo isikweletu, eyobandakanya izimali zokuthatha izinyathelo zomthetho. 

(4) 	
Ukwehluleka ukugcina isivumelwano sesikweletu kuyoholela ekuvalweni, ekunqanyulweni kwemisebenzi ngaphandle kokuthola esinye isaziso, nokuqaliswa kwezinyathelo zomthetho. 

(5) 	
Njalo uma ikhasimende elikweletayo lisebenza uMkhandlu ungathola imvume yokuzibambela imali emholweni walo. 

9. 	Inzalo emalini ekweletwayo 

(1) 	
Inzalo iyofakwa ezimalini ezisilele zemisebenzi ngezinga lentela elinqunywe nguMkhandlu, noma uma leso sinqumo singenziwe, njengoba kunqunywe ngumthetho. 

(2) 	
Inzalo iyofakwa emalini kwintela yendawo esilele njengoba kunqunyiwe emthethweni okhona. 


10. 	Izidluliselo 
(1) 	
UMkhandlu uyokhipha incwadi yokugcina yokufuna imali maqondana nalowo maakhawunti amakhasimende akhombisa izimali ezisilele isikhathi esingaphezu kwezinsuku ezingamashumi amathathu (30) futhi, uma leyo akhawunti ikhombisa inani lemali esilele emva kwezinsuku ezingamashumi ayisithupha (60), iyodluliselwa kongoti bangaphandle abaqoqa izikweletu. 

(2) 	
IsiKhulu esiPhethe ezeziMali kumele sicwaninge izindlela zokusiza amakhasimende ngaphambi kokudla impahla yazo egudlukayo nengenakugudluka. 


11. 	Ikhasimende angeke lizikhethele ukukhokhela okuthile 
Ikhasimende alinalo ilungelo lokuhlukanisa noma iyiphi imali eliyikhokhayo kunoma iyiphi inxenye yesikweletu. Imali ekhokhiwe iyokwabiwa yisiKhulu esiPhethe ezeziMali. 
12. 	Ukudluliselwa kwendawo 
(1) 	
Isitifiketi ngokwesigaba 118 soMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni basekhaya, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000) iyokhishwa kuphela uma sekukhokhwe idiphozi enqunywe yisiKhulu esiPhethe ezeziMali ngokwesigatshana (2), inqobo nje uma lesi sigatshana singasebenzi ezimweni okukhulunywe ngazo esigabeni 118(4) zoMthetho weziNhlaka zoMasipala woHulumeni baseKhaya, 2000 (uMthetho No. 32 ka 2000). 

(2) 	
Inani lediphozi okukhulunywe ngalo esigatshaneni (1) liyophindwa kane enanini leakhawunti yezinyanga ezintathu kamsipala ngaphambi kwesicelo sesitifiketi. Uma umlando wezinyanga ezintathu ungekho, idiphozi iyonqunywa yisiKhulu esiPhethe ezeziMali. 

(3) 	
Ekubhaliseleni ukudlulisa indawo, iakhawunti iyolhanganiswa yisiKhulu esiPhethe ezeziMali kuthi noma iyiphi imali esalayo ibuyiselwe kwikhasimende. 


13. Igunya lokuqoka ongoti abaqoqa izikweletu 

IsiKhulu esiPhethe sezeziMali sinegunya lokuqoka ongoti abaqoqa izikweletu futhi singene esivumelwaneni nalezo zinkampani ngokweContingency Fee Act, 1997. 
14. 	Izindlela zokusiza abahola, impesheni kanye nohlelo lokuxhasa abampofu 
(1) 	UMkhandlu ungahlephula imali yentela kubanikazi noma kubantu abahlala uma beletha isicelo esibhaliwe najlo ngonyaka futhi bangethula ubufakazi obugculisayo kwisiKhulu esiPhethe ezeziMali ukuthi bayahambisana nalokhu okulandelayo: 
(a) 	Umfakisicelo kumele kube ngumkhokhi wentela oneminyaka engashumi ayisithuthpa (60) noma ngaphezulu noma ngumuntu ohola impesheni 
NOMA 
Umkhokhi wentela ohola impesheni yokukhubazeka kuhulumeni wasekhaya noma empeshenini ebhalisiwe 
NOMA 
Osohlelweni lokuxhasa abantu abampofu ngokweMithethodolobha yoLawulwa nokuQoqwa kweziKweletu. 
(b) 	
Umfakisicelo kumele abe ngumnikazi wendawo yokuhlala ethintekayo futhi indawo kumele ibhaliswe egameni lakhe (Imigwamanda yezindawo zokuhlala zyibaliwe). 

(c 	Isamba somholo womfakisicelo akumele sibe ngaphezu kwaleso esinqunywe ngumasipala. 

(d) 	
Umfakisicelo kumele ahlinzeke incwadi efungelwe esho ukuthi  

(i) 	
imali ayishilo iyona kuphela ayitholayo ohola impesheni; 

(ii) 	
imali engenayo ayeqi imali ebekwe endimeni (c); futhi 




(iii) 	uhlala ngokugcwele kuleyo ndawo. 
(2)  Zonke izicelo kumele zilethwe ngaphambi kosuku olunqunyiwe futhi  
akukho zicelo ezitholakale emva kwalokho eziyocutshungulwa.  
(3)  Kumele kufakwe isicelo esisha njalo emva konyaka wezimali.  

(4) 	Iphesenti lemali ehleshulwayo okukhulunywe ngayo esigatshaneni (1)(a), imali ehlangene ebalulwe esigatshaneni (1)(c) kanye nosuku lokuvala lwezicelo okukhulunywe ngalo esigatshaneni (2), uyonqunywa njalo ngonyaka ngesikhathi kwethulwa uhlahlomali, futhi kumele lushicilelwe emva kwalokho. 
15. 	Isihloko esifishane 
Le Mithethodolobha ibizwa ngokuthi iMithethodolobha yokuPhathwa kweziKweletu kaMasipala waseMthonjaneni futhi iyoqala ukusebenza ngosuku lokushicilelwa kwale Mithethodolobha. 
