Ukubhalwa kwemikhiqizo yokudla 
Ukudla okudayiswa emishinini ebekwa esigangeni kufanele kube nesaziso ngaphambili emshinini  esikhombisa amagama okudla ngaphandle kwezimo lapho ilebula (igama lokudla) ivela emkhiqizweni wokudla uqobo lwawo. 

Imikhiqizo yokudla eyizixhanti (ebhangqene) 
Uma umkhiqizo wokudla udayiswa ngezixhanti (ubhangqene), isitsha kufanele sibhalwe (igama  lokudla) ngokuhambisana nomkhiqizo wokudla odayiswa uhamba wodwa kanti futhi izinhlamvu zamagama kufanele zibe nesilinganiso (usayizi) esifundekayo kuMthengi. 


Ukukhululwa ngokuphelele ekubhalweni 
Ukudla okuthize kuyakhululwa ngokuphelele ekutheni kubhalwe (igama lakho). Lokhu kubandakanya 
 	
amaqanda ezikhukhukazi kanye namaqanda entshe; 

 	
ukudla kwamakhekhe kafulawa okufika sekupakishiwe emaphaketheni akhanyayo; 

 	
izithelo kanye nezitshalo ezingakalungiswa ezintsha kubandakanya ezingakahlanganiswa; 

 	
ukudla okuvela esiKhungweni sokuPhakela okudayiselwa ukuba kudliwe ngaleso sikhathi; 

 	
izingxenye ezingapakishiwe noma ezifakwe emaphaketheni akhanyayo zokudla okuthambile okudayiswa esakhiweni sokulungiselela kubandakanya oswidi abalunywa kanye; 

 	
nanoma yikuphi ukudla okudayiswa kubhangqiwe ngaphandle kokudla okudayisa ngakunye noma okuphelekezelwa imibhalo yoHwebo efanele; 

 	
nanoma yisiphi isiphuzo okukhulunywe ngaso eMthethweni weMikhiqizo yoPhuzo oluDakayo, 1989 (uMthetho No. 60 ka 1989). 



uMnyango wezeMpilo
 Private Bag X9051 
Pietermaritzburg;  3200 

 Inombolo yocingo:  033 - 3952772 
Inombolo yefeksi:  033 - 3421405
 E-mail:  maniramj@dohho. kzntl.gov.za 




 Ukubhalwa 
Kokudla 


esitsheni esinamandla omfutho isitsha sinamandla  
Ipheshana legama lomkhiqizo kufanele
 libhalwe  omfutho futhi sigcine ngaphansi kwamazinga 
=r~ ~==h~= 	ngolulodwa lwezilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni.    Kufanele lifundeke futhi libonakale futhi akufanele okushisa angama 500 C noma Ungasephuli noma    lisithwe yinanoma yini esasithombe. ungasishisi emva kokusisebenzisa. 
Umbhalo (ilebula) kunanoma yimuphi umkhiqizo  uhlinzeka ngolwazi olubaluleke kakhulu mayelana nalowo mkhiqizo uqobo. Ngakho-ke ukuqiniseka ukuthi izinqubo ezilungile ziyalandelwa, kunezimfuneko ezahlukene  zomthetho ezengamele ukuBhalwa koKudla njenga lena:  

. 	
uMthetho wokuHlanzeka kwamaDele, 1992 (uMthetho No. 121 ka 1992); 

. 	
uMthetho wamaZinga eMikhiqizo yezoLimo, 1990 (uMthetho No. 119 ka 1990); 

. 	
uMthetho wezoKudla, iziGcobiso kanye   neziBulala-magciwane, 1972 (uMthetho No. 54 ka 1972); 

. 	
uMthetho wamaZinga, 1993 (uMthetho No. 29 ka 1993); 

. 	
uMthetho weziMpawu zoHwebo, 1963 (uMthetho No. 62 ka 1963); 

. 	
uMthetho woHlelo lweZilinganiso zoHwebo, 

1973 (uMthetho No. 77 ka 1973).  Uma ubukabuka ipheshana legama lempahla, lelo pheshana kufanele lihlinzeke ngemininingwane  eyisisekelo, njengalena:  

 	
Igama kanye/noma nencazelo yomkhiqizo; 


 Igama ikheli lalapho kwakhele khona uMkhiqizi/              uMdayisi/uMsabalalisi; 


 Uhlu lwezithako ngokwehla kwazo ngokwezinga               lokusetshenziswa, okungukuthi kusukela ezitha   kweni ezisetshenziswe kakhulu kuya ezithakweni             ezingasetshenziswanga kakhulu ekuthakweni    kokunonophalisa kwalowo mkhiqizo; 

	
 Isisindo noma umthamo; 



 Ulwazi lokunonophalisa luphoqeleke kuphela                   ezimweni lapho izinhlamvu zombhalo zenziwe              khona kanye nokwenzela ukuba lolo hlamvu              lombhalo lwesekelwe. 


Izithako zokwengeza kanye nezithako 
Ezinikeza umbala ekudleni 


Ukudla okuqukethe izithako zokwengeza, imithi      yokuvimbela ukubola kanye nezithako ezinikeza umbala  kufanele kusho igama lesithako sokwengeza, lemithi  yokuvimbela ukubola kanye negama lezithako ezinikeza  umbala okusetshenzisiwe. Uhlobo lwe-Monosodium Glutamate (okuwuhlobo lwesithako olunikeza ukudla ukunambitheka okwengeziwe) kufanele nayo ibekwe  ohlwini njengesithako uma iqukethwe kunanoma yimuphi umkhiqizo wokudla. Imikhiqizo yokudla equkethe imithi yokuvimbela ukubola kanye  nesithako esinikeza umbala sohlobo lwe-Tartrazine kufanele isho igama lomuthi   wokuvimbela ukubola noma isithako esinikeza umbala futhi esimweni semithi evimbela ukubola igama elisebenzayo umuthi ovimbela ukubola kufanele livele kanye nezinye izithako zokwengeza zokudla kufanele zibekwe ohlwini lezithako ngegama lohlobo lwesithako.  
Isitatimende sokwexwayisa  Uma umkhiqizo, nakuba kuhloswe ngawo ukuba use tshenziswe, ungaba ngandlela thize nobungozi       ekuphepheni komuntu, ngakho-ke izimpawu ezifanele zokwexwayisa kufanele zivele emkhiqizweni, isibonelo,  Izitatimende ezingavumelekile Akukho kuqhakambisa impilo okungenziwa. Amagama impilo kanye kunempilo akufanele abandakanywe emalebuleni (emibhalweni yemikhiqizo) njengoba lokhu kuchaza ukuthi lowo mkhiqizo unezithako     ezinikeza impilo. Esimweni sokupheka okujwayelekile okuqhamuka  ezitshalweni amagama akusidali isifo senhliziyo       kuyothatha lokho kuqhakambisa njengokuqhakambisa okungalungile. Isitatimende esifana nesithi inconywa ngodokotela akufanele sisetshenziswe njengoba sichaza ukuthi  lowo mkhiqizo wanconywa ngungoti wezempilo (ngudokotela).  
Imikhiqizo eqandisiwe Imikhiqizo elawulwa ngamazinga okushisa nokubanda kufanele ichaze izimo zokugcina. Kufanele isho     izindlela zokusebenzisa, njengokuncibilikisa,    ukushisisa, ukupheka ukuze lokho kudla kusebenziseke futhi nezinga elifanele ligcineke. 
  Ukuveza emisebeni ukuze kufe amagciwane          
Ukudla okunokubola kakhulu kuvezwa emisebeni  yelanga enesilinganiso esiphansi sokukhipha izinga lokushisa ukuqhubezela impilo yakho yokuvikeleka ngokubulala nanoma yiziphi izilwanyana ezingaphila ezikhona. Kuyilungelo lomthengi womkhiqizo      ukwazi ukuthi yimiphi imikhiqizo evezwe emisebeni yelanga, ngakho-ke igama kugeqiwe noma kuveziwe emisebeni ukubulala amagciwane kufanele livele kwilebula kodwa  uma ingxenye engaphansi  kwamaphesenti ayi -10 eveziwe emisebeni yelanga ngakho-ke akunasidingo sokusho ukuthi lowo mkhiqizo uveziwe emsebeni welanga. 



