4.	 UMHLAHLANDLELA OKHISHWE YIKHOMISHANA YAMALUNGELO ESINTU 
4.1 	INCAZELO 
(1) 	
Isigaba se-10 somThetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi (umThetho wesi-2 we-2000), (ebizwa ngosomThetho lapha) yaqala ukusebenza mhla ziyi-15 Febhuwari 2002. Lesi sigaba sivumela ukuba iKhomishana yamaLungelo esiNtu, zingakapheli izinyanga eziyishumi nesishiyagalombili emva kokuba lesi sigaba sesisebenza, yenze lo mhlahlandlela wolwazi ube ngazo zonke izilimi ezisemthethweni ngendlela elula futhi efundekayo, ukwenza wonke umuntu odinga ukusebenzisa la malungelo aqukethwe kulo mThetho akwazi ukuyisebenzisa. 

(2) 	
Lo mhlahlandlela kumele ufake incazelo ye 

(a) 	
-zinjongo zomThetho 

(b) 	
-kheli, nenombolo yendlu, nocingo, nefeksi, kanye nekheli leemeyli uma likhona kwalaba abalandelayo  

(i) 	
wonke umsebenzi osebenza ngezindaba zolwazi ezinhlanganweni zomphakathi 

(ii) 	
nawo wonke amasekela abasebenzi asebenza ngolwazi lwazo zonke izinkundla zomphakathi 



(c) 	
yonke le mininingwane yezinhlangano zikahulumeni kufanele kube yinto elula ukuba yenzeke; 

(d) 	
indlela namafomu ezicelo zo  

(i) 	
kutholakala kwemilando yeminyango kahulumeni; no 

(ii) 	
kutholakala kwemilando yeminyango yangasese; 



(e) 	
usizo olutholakala kulowo osebenza ngezolwazi eminyangweni kahulumeni ngoko mThetho; 

(f) 	
usizo olutholakala kwiKhomishana yamaLungelo esiNtu ngokomthetho; 

(g) 	
zonke izinto zokulungisa ezikhona emthethweni mayelana nezenzo noma ukuhluleka ukwenza umsebenzi mayelana namalungelo noma nomsebenzi okukhulunywe ngawo noma onqunywe yilo mthetho, kubalwa nendlela yokufaka 

(i) 	
isikhalo ngaphakathi; kanye 

(ii) 	
nesicelo senkantolo sokuphikisa isinqumo esenziwe yilowo osebenza ngolwazi kuhulumeni, isinqumo sokwedluliswa sangaphakathi noma isinqumo salowo ophethe umnyango ozimele; 



(h) 	
imithetho efuna umnyango kahulumeni kanye nomnyango ozimele ngokulandelana ukuthi uhlanganise incwadi echazayo kanye nokuthi itholakala kanjani leyo ncwadi; 

(i) 	
imithetho efuna ukuba kukhishwe ulwazi ngaphandle kokucela kwezinye izigaba ezithile zamarekhodi eminyango kanye nomnyango ozimele ngokulandelana; 

(j) 	
izaziso ezikhishwa mayelana nemali ekhokhwayo uma kufakwa izicelo; kanye 

(k) 	
izilawulo ezenziwe ngokwe sigaba sama-92 salo mThetho. 



(3) 	
IKhomishana yamaLungelo esiNtu kufanele, uma kukhona isidingo, ibheka kabusha, yenze ngcono iphinde ishicilele umhlahlandlela njalo esikhathini esiyiminyaka engekho ngaphezu kweminyaka emibili. 



4.2 	UBUKHONA NOKUTHOLAKALA KOMHLAHLANDLELA 
(1) 	
IKHOMISHANA YAMALUNGELO ESINTU IKhomishana yamaLungelo esiNtu, kufanele ukuthi ngokushesha okukhulu emva kokuba lo mhlahlandlela usuwenziwe noma wenziwa kabusha  

(a) 	
yenze ikhophi yalo mhlahlandlela ngazo zonke izilimi ezisemthethweni  

(i) 	
yenzele oyinhloko yomnyango kazwelonke obhekene nokuxhumana kukahulumeni nemisebenzi yokwazisa; 

(ii) 	
yenzele imiSebenzi yomTapo weziNcwadi oseDolobheni lase Bloemfontein 


(iii) 	yenzele umTapo weziNcwadi wasePhalamende, eKapa; 
(iv) 	
yenzele umTapo weziNcwadi waseNatal Society, eMgungundlovu; 

(v) 	
yenzele umTapo weziNcwadi waseNingizimu Afrika, eKapa 

(vi) 	
yenzeke umTapo weziNcwadi kahulumeni, ePitoli; 


(vii) 	yenzele izikhungo zikazwelonke zamafilimu, amavidiyo, imilando elalelwayo elondiwe esePitoli; 
(viii) 	yenzele zonke izikhungo zemfundo ephakeme ezisungulwe ngaphansi kwanoma yimuphi umthetho; kanye 
(ix) 	Nokuthi yenzele lowo oyinhloko yesikhungo esizimele uma eyicela; 

(b) 	
yenze ikhophi yalo mhlahlandlela itholakale, ngazo zonke izilimi ezisemthethweni  

(i) 	
kubasebenzi ababheke imisebenzi yezolwazi abangaphansi kukaHulumeni; kanye 

(ii)	
 nakuMqondisi-Jikelele: kwezokuXhumana; 



(c) 	
ishicilele lo mhlahlandlela ngazo zonke izilimi kwiGazethi ahulumeni; 

(d) 	
yenze ukuthi kube khona ikhophi yalo mhlahlandlela ngazo zonke izilimi ezisemthethweni ukuze umphakathi ukwazi ukuwuhlola ngesikhathi somsebenzi emahhovisi eKhomishana 

yamaLungelo esiNtu; kanye nokuthi 

(e) 	
yenze ikhophi yalo mhlahlandlela ukuthi itholakale kwi webhusayidi yeKhomishana yamaLungelo esiNtu ethi http://www.sahrc.org.za. 



(2) 	
UMSEBENZI OSEBENZA NGOLWAZI: UMNYANGO WOBULUNGISWA NOKUTHUTHUKA KOMTHETHOSISEKELO 

(a) 	
Ikhophi yalo mhlahlandlela izoba khona ngazo zonke izilimi ezisemthethweni KUWO WONKE AMAHHOVISI EZIMANTSHI; futhi 

(b) 	
Okungenani ikhophi eyodwa yalo mhlahlandlela, ebhalwe okungenani ngezilimu ezimbili ezisemthethweni ezisetshenziselwa umsebenzi wezidingo zikahulumeni wesifundazwe izoba khona KUWO WONKE AMAHHOVISI ezoMnyango webuLungiswa neNtuthuko yomThethosisekelo. 



(3) 	
UMSEBENZI OPHETHE EZOLWAZI: IZIKHUNGO ZIKAHULUMENI Kuwo WONKE AMAHHOVISI EZIKHUNGO ZIKAHULUMENI kuzoba khona okungenani ikhophi eyodwa, okungenani ngezilimi ezimbili ezisetshenziselwa izidingo zikahulumeni wesifundazwe lapho lelo hhovisi likhona. 


Qaphela: Isikhungo sika Hulumeni sisho ukuthi  
(a) 	
yinoma imuphi umnyango kahulumeni noma amahhovisi kahulumeni kuzwelonke noma esifundazweni angaphansi kukahulumeni noma umasipala, kohulumeni basekhaya (isib: UPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, UPhiko lwezemiSebenzi yokuHlunyeleliswa kweziMilo, njll.); noma 

(b) 	
isiphi esinye isikhungo esisebenzayo uma  

(i) 	
sisebenzisa amandla aso noma senza umsebenzi ngokomThethosisekelo noma ngokomthetho sisekelo wesifundazwe; noma. 

(ii) 	
sisebenzisa amandla ngokukahulumeni noma senza 




umsebenzi ngaphansi kwanoma yimuphi umthetho; (isib:UmCwaningijikelele wamaBhuku, umVikeli womPhakathi, njll.) 
(4) 	
UMQONDISI JIKELELE: WEZOKUXHUMANA Kuwo WONKE AMAPOSI, kuzoba khona okungenani ikhophi eyodwa yomhlahlandlela, okungenani ngezilimi ezimbili ezisetshenziselwa izidingo zikahulumeni kuleso sifundazwe lapho lelo posi likhona. 

(5) 	
INHLOKO EPHETHE IHHOVISI, EVEZWE ESIGABENI SESI (2),(3) NO (4) KANYE NOMUNTU OPHETHE IPOSI Inhloko yehhovisi, evezwe kulezi zigaba (2), (3) no (4), lapho umhlahlandlela okufanele ibe khona, futhi umuntu ophethe eposini  

(a) 	
kufanele, ngezikhathi zomsebenzi futhi noma ecelwa, kube khona ikhophi yomhlahlandlela ngolimi olusemthethweni olukhona uma umphakathi kukhona ofuna ukukuhlola; 

(b) 	
akufanele bakhokhiswe imali uma befuna ukuhlola; futhi 

(c) 	
kumele, uma umuntu edinga ikhophi yomqulu ingxenye ethile yayo ngaphandle kokufuna ukuhlola okuthile, ngezikhathi zomsebenzi, ahlawuliswe noma akhokhiswe imali ebekiwe  la manani abekiwe esigabeni sokuqala sesithasiselo soku-A, semithetho [njengoba ishicilelwe kwiGazethi (inombolo yayo ama-23119 kamhla ziyi-15 Februari 2002 (kwisaziso sikaHulumeni esingunombolo-R.187 ka mhla ziyi-15 Februari 2002]. 






5. 	ISICELO SOKWAZI UKUTHOLA ULWAZI OLULAWULWA NOMA OLUPHETHWE UPHIKO LWEZEMISEBENZI YAMAPHOYISA   
5.1 	INJONGO YALO MTHETHO Injongo yalo mthetho ukwazi ukwenza ukuthi kutholakale amalungelo ngokomthethosisekelo, ukuze kwazeke ukutholakala kwemibiko noma ulwazi, olungaphansi noma oluphethwe nguHulumeni noma imuphi umbiko obanjwe noma ophethwe ngomunye umuntu futhi oludingekayo ukuze kwazeke noma kuvikeleke noma imaphi amalungelo. Umgomo ukukhuthaza isiko lokubeka izinto obala kanye nokukwazi ukuzibophezela ezikhungweni zikahulumeni nalezo ezizimele ukutholakala kanye nokukhuthaza kakhulu isizwe lapho abantu baseNingizimu Afrika bekwazi ukuthola imibiko ukuze bakwazi ukuthi bavikele amalungelo abo ngokwanele. 
5.2 	IMINININGWANE ENGACELWA 
Noma yimiphi imininingwane ekhona ebhalwe phansi ungacelwa.  
(1) 	
kungakhethi indlela noma ulimi; 

(2) 	
osezandleni noma ongaphansi koPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa noma ngaphansi komunye umnyango ongaphansi kahulumeni; kanye 

(3) 	
noma ngabe yenziwa yilona uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa noma lowo mnyango kahulumeni. 



5.3 	UKUSETSHENZISWA KWALO MTHETHO 
(1) 	UKUNGAFAKWA KOKUNYE OKUBALIWE KWEMINYE IMITHETHO 
Lo mThetho usebenza lapho eminye imithetho emisiwe ingafakwanga, engavimbela noma enqumela ukungakhishwa kwerekhodi futhi ingahambisani nemibandela engaphansi kwalo mThetho. 
(2) 	IZIZATHU ZOKUNGAVUMI UKUTHI KUTHOLAKALE ULWAZI OLUGCINIWE Isahluko sesi-4 salo mThetho, Izizathu zokunqabela ukutholakala kwemilando eyenziwe, sibeka umbandela wokuthi ngokwalo mThetho isicelo sokuthola ulwazi olugciniwe singamukeleka noma singemukeleki. 
(3) 	IZINHLANGANO ZABASEBENZI Inhlangano yabasebenzi inelungelo lokukwazi ukuthola olunye lolwazi olugciniwe ngokwesigaba se-16 somThetho obhekele izindaba zabaSebenzi, we-1995 (umThetho wama-66 we-1995).  UmThetho awusebenzi uma inhlangano yabasebenzi icela ulwazi olugciniwe ukuze ikwazi ukusiza umqashwa mayelana nesikhalo noma ukuqhubeka kokuqondiswa kwezigwegwe (ukuthola lolu lwazi olugciniwe kumahhala ngokomThetho obhekele izindaba zabaSebenzi, we-1995 (umThetho wama-66 we-1995). 
Uma inhlangano yabasebenzi icela ukuthi ithole ulwazi kodwa olungeke kusetshenziselwe ukusiza umqashwa ngesikhathi sokuqondiswa izigwegwe noma ukusiza umqashwa ofake isikhalo, isicelo siyohanjiswa emnyangweni ofanele okungaba sezingeni likazwelonke noma lesifundazwe okuyiwona obhekele izindaba zabasebenzi kulelo zinga lesifundazwe noma likazwelonke.  Lowo mnyango uyoveza ukuthi lolo lwazi olugciniwe ngabe luyahambisana yini nezingxoxo eziqhubekayo nenhlangano yabasebenzi.  Uma kunjalo, ikhophi yolwazi olugciniwe iyohlinzekwa inhlangano mahhala ngokwesigaba se-16 somThetho obhekele izindaba zabaSebenzi. 
(4) 	UKUQHUTSHWA KWEMISEBENZI EMAYELANA NOBULELESI NOMA UMSEBENZI WOMPHAKATHI (OKUBANDAKANYA UKUQONDISWA KWEZIGWEGWE KANYE NOKWETHULA IZIKHALO) 
(a) 	
UmThetho awusebenzi (njengoba kuhlinzekiwe esigabeni sesi7 somThetho)     emininingwaneni yoPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa egciniwe uma

(i) 	lolo lwazi olugciniwe ludingeka ngenxa yokuqhuba izinhloso zobulelesi noma imisebenzi yomphakathi; 
(ii) 	kucelwa emva kokuba seyiqalile leyo nqubo okungaba eyokuqondiswa kwezigwegwe noma umsebenzi womphakathi; kanye 
(iii) 	ukukhishwa nokutholakala kolwazi olugciniwe ngenhloso evezwe esigabeni (i) kuyahlinzekwa kunoma yimuphi omunye umthetho. 

(b) 	
Noma yiluphi ulwazi olugciniwe olutholakale ngendlela ephikisana nesigaba (a)angeke lwamukelwe ngjengobufakazi ecaleni noma ekuqhutshweni kwamacala omphakathi ngaphandle uma ukungasetshenziswa kwalolo lwazi, ngokwalo, kungalimaza umsebenzi wobulungiswa ngandlela thile. 

(c) 	
Inqubo yokuthethwa kwecala iqala uma icala selibhalisiwe ebhukwini lamacala oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa ICAS. Ukuthethwa kwamacala omphakathi kuqala emva kokuba sekukhishwe amasamaniso noma kukhishwe ezinye izinto, kubandakanya emva kokuba isaziso saleso sikhungo somthetho siqhubeka ngapahndle koPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa  ngokwesigaba sesi-3 (1) somthethosisekelo sokusebenza komThetho umelene nomThetho weziNhlaka eziThile zikaHulumeni, we-2002 (umThetho wama-40 we-2002) usutholakele.  Indlela ejwayelekile yokuwuthola kumele ilandelwe, noma uma kwenzeka kusetshenziswe amasamaniso okubizela enkantolo, ukuze kutholakale indlela yokuthola lolo lwazi olugciniwe kulelo cala.  Kumele kuqapheleke ukuthi ngaphambi kokuthi kukhishwe amasamaniso kanye namanye amaphepha noma isaziso mayelana nalo mThetho, umThetho uyosebenza kunoma yisiphi isicelo sokuthola ulwazi olugciniwe, ngisho ngabe isicelo senziwa ngenhloso yokubona umthetho wenqubo yemisebenzi yomphakathi. 


(5) AMACALA AVULIWE Qaphela ukuthi indlela yokuthola umbiko wengozi awubandakanyi indlela yokuthola amarekhodi asecaleni elivuliwe njengoba sekuxoxiwe kulesi sigaba. Ukuthola umbiko wengozi kudingidwa eceleni esigabeni sesi-7. 
(a) 	ISICELO ESIFAKWA UMSOLWA (NOMA LABO ABAMMELE) SOKUTHI KUTHOLAKALE IKHOPHI YESITATIMENDE SAKHE ESISECALENI ELIVULIWE 
UmThetho awusebenzi.  Isicelo siyomukeleka nemvume iyotholakala mahhala (njengoba eminye imithetho isikuhlinzekile lokho). 
(b) 	ISICELO ESIFAKWA UMSOLWA (NOMA LABO ABAMMELE) SOKUTHI KUTHHOLAKALE IKHOPHI YANOMA YILIPHI IREKHODI ELISECALENI ELIVULIWE 
UmThetho awusebenzi uma sekuze kwaqala ukuthethwa kwecala.  Isicelo kumele senziwe ngokuth ikubhalwe (incwadi) futhi kumele kucaciswe yonke imininingwane yesicelo. Isicelo siyohanjiswa kumshushisi womphakathi kanye nedokodo lamaphoyisa kanjalo nezincomo zomphenyi wecala.  Lowo ofake isicelo uyokwaziswa ngokuhanjiswa kwencwadi yakhe kumshushisi womphakathi kanjalo nomphumela (uma umshushisi womphakathi ebanika ilungelo lalokho, amakhophi ayonikwa umsolwa mahhala). 
(c) 	ISICELO ESIFAKWA YINOMA NGUBANI (KUNGESIYE UMSOLWA NOMA LABO ABAMMELE) SOKUTHI KUTHOLAKALE IKHOPHI YEREKHODI ELISECALENI ELIVULIWE 
Isekela lesiKhulu semininingwane esiqondene siyocubungula leso sicelo bese liqinisekisa ukuthi lowo ofake isicelo ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo nokuthi imali yokufaka isicelo iyakhokhwa uma kufanele (isib. uma lowo ofake isicelo engesiye ohlukunyeziwe noma ufakazi ecaleni).  Isicelo siyodluliselwa kumshushisi womphakathi kanye nedokodo lamaphoyisa nezincomo zomphenyi wecala. 
Lowo ofake isicelo uyokwaziswa ngokuhanjiswa kwencwadi yakhe kumshushisi womphakathi kanjalo nomphumela.  Uma umshushisi womphakathi ebanika ilungelo llokuthi bayithole imvume, bangavunyelwa uma sebeyikhokhile imali yokukhishwa kwayo. 

(6)	 AMACALA AVALIWE 
(a) 	ISICELO ESIFAKWA YINOMA YIMUPHI UMUNTU MAYELANA NEKHOPHI YEREKHODI ELISECALENI ELIVALIWE 
Iphini eliqondene elisebenza ngolwazi liyobhekana nesicelo njengoba kuvuma umThetho (okuwukuqinisekisa ukuthi ifomu lesicelo ligcwaliswe ngokugcwele, ngokuliyisa kukhomanda womphenyi oqondene ukuze athathe isinqumo, ukuqinisekisa ukuthi imali yokufaka isicelo ikhokhiwe uma kudingeka, ukwazisa abantu besithathu abathintekayo mayelana nesicelo, njll). 

(7) 	IMIBIKO YEZINGOZI 
Uma uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa seludlulisele umbiko wengozi emnyangweni wezokuThutha noma komunye umnyango oqondene noma isikhungo (isib. Metro) uma sitholakala isicelo, iphini elisebenza ngolwazi liyodlulisela isicelo emnyangweni noma esikhungweni esifanele. Uma lowo ofake isicelo ekhona ngokwakhe, angaziswa ukuthi angacela umbiko emnyangweni noma esikhungweni esiqondene. 
Imvume yomshushisi womphakathi ayidingeki ukuze kutholakale umbiko wengozi yomgwaqo osecaleni elivuliwe ohlangothini olwalubandakanyeka engozini noma kulowo muntu ommele noma lowo muntu ogunyazwe uyena (uma linikeziwe iphepha eliyisiqiniseki). IsiKhwama seziNgozi zemiGwaqo noma labo abasimele kumele benze isicelo esibhaliwe (incwadi) kanye nawo wonke amarekhodi amayelana nengozi kuhlinzekwa ngesihle esiKhwameni seziNgozi zemiGwaqo. 
Uma i-OAR isaphethwe noma isalawulwa uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa, kuyolandelwa le nqubo elandelayo- 
(a) 	ISICELO SOKUTHOLA UMBIKO WENGOZI ESIFAKWA YILOWO OBANDAKANYEKE ENGOZINI 
Iphini elisebenza ngolwazi eliqondene noma umqashwa osebenza ngezicelo zemibiko yezingozi uyodingida lesi sicelo. Umuntu ofaka isicelo kumele agcwalise ifomu lokufaka isicelo bese isisebenzi sokuthula (isib. iphoyisa) noma imantshi kumele basethifaye leli fomu endaweni efanele.  Lowo ofaka isicelo akakhokhi imali yokufaka isicelo, kodwa-ke ngaphambi kokuthi kutholakale imvume, imali enqunyiwe iyakhokhwa ikhokhelwa ikhasi ngalinye okumele lifothokhophiwe. 
(b) 	ISICELO SOKUTHOLA UMBIKO WENGOZI ESIFAKWA NGUMUNTU OGUNYAZWE YILOWO OBANDAKANYEKA ENGOZINI  (Isib. ummeli inkampani yomshuwalense, njll) 
Iphini elisebenza ngolwazi noma umqashwa osebenza ngezicelo zemibiko yezingozi uyodingida lesi sicelo.  Lowo ofake isicelo kumele agcwalise ifomu bese efaka isiqiniseko samandla (isib. amandla ommeli) uma kukhona isiqinisekiso samandla esifakiwe, isisebenzi sokuthula noma imantshi akudingekile ukuthi basethifaye ifomu lesicelo.  Uma singekho isiqiniseko samandla esifakiwe ifomu lokufaka isicelo kumele lisethifaywe yisisebenzi sokuthula endaweni efanele.  Lowo ofaka isicelo akakhokhi imali yokufaka isicelo, kodwa-ke ngaphambi kokuthi kutholakale imvume, imali enqunyiwe iyakhokhwa ikhokhelwa ikhasi ngalinye okumele lifothokhophiwe. 
(c) 	ISICELO ESIFAKWA UMUNTUONGABANDAKANYEKANGA ENGOZINI NOMA ONGAGUNYAZWANGA UKWENZE NJALO YILOWO OBANDAKANYEKE ENGOZINI 
Iphini elisebenza ngolwazi eliqondene liyosebenza ngesicelo njengokuhlinzekwe umThetho (okuwukuthi ukuqinisekisa ukuthi ifomu lokufaka isicelo ligcwalisiwe, ukuqinisekisa ukuthi imali yokufaka isicelo ikhokhiwe, ukuqinisekisa ukuthi imali yokwenza amakhophi ikhokhiwe, njll.). Uma umbiko wengozi usedokodweni elivuliwe, isicelo siyohanjiswa kumshushisi womphakathi kanye nedokodo lamaphoyisa kanjalo nezincomo ezivela kumphenyi wecala oqondene.  Lowo ofake isicelo uyokwaziswa ngokudluliselwa kwesicelo kumshushisi womphakathi kanye nomphumela walokho.  Uma umshushisi enikeza imvume yalokho, ilungelo lokuthi siphumelele isicelo lyonikwa emva kokuba sekukhokhwe imali efanele yokwenza amakhophi. 
(8) 	IREKHODI ELIPHETHE IMINININGWANE YOMQASHWA EMAYELANA NESIMO SEMPILO YOMZIMBA NOMA YENGQONDO 
(a) 	
UmThetho umchaza kanje uchwepheshe wezempilo: umuntu owenza noma obhalisiwe ngokomthetho wokwenza umsebenzi obandakanya ukuhlinzekwa kokunakekela noma ukwelapha abagula emzimbeni nasengqondweni noma ukuze abantu baphile kahle 

(b) 	
noma yisiphi isicelo sokuthola amarekhodi noma umbiko esiphethe imininingwane yokuphila ngokomzimba nangokwengqondo komqashwa eliphethwe noma elilawulwa uPhiko lwezemiSebnzi yamaPhoyisa, liyolethwa kwiphini elisebenza ngolwazi elifanele, eliyosebenza ngalo mayelana nokushiwo umThetho, futhi uma kwenzeka kube mayelana nesigaba sama-30 somThetho. 

(c) 	
Uma lowo ofake isicelo ENGESIYENA

(i) 	
umqashwa okuqondene naye irekhodi noma umbiko ocelwayo; noma 

(ii) 	
ebambe isikhundla somqashwa ongumnini werekhodi noma umbiko ocelwayo (isib.  lowo ofake isicelo akusiye lowo omele umqashwa ngokomthetho noma akusiye umuntu obhale isigunyazo esigunyaza umqashwa ukuthi ambambele, njll), iphini elisebenza ngolwazi liyosebenza ngaleso sicelo njengoba kuhlinzeka umThetho.  Uma kunjalo, umqashwa okungawakhe la marekhodi noma imibiko, ungumuntu wesithathu 




(ISAPS 512 (n) kumele igcwaliswe, imali yokufaka isicelo kumele ikhokhwe, umuntu wesithathu kumele aziswe, njll.). 
(d) 	uma lowo ofake isicelo  
(i) 	
kungumqashwa okuqondene naye irekhodi noma umbiko ocelwayo; noma 

(ii) 	
ebambe isikhundla somqashwa ongumnini werekhodi noma umbiko ocelwayo (isib.  lowo ofake isicelo akusiye lowo omele umqashwa ngokomthetho noma akusiye umuntu obhale isigunyazo esigunyaza umqashwa ukuthi ambambele, njll),  yile nqubo elandelayo ezolandelwa: 

(i) 	
uma uchwepheshe wezokwelapha ENGAZANGE AQINISEKISE NOMA ASHO ngokuthi abhale ukuthi ukuvezwa kwamarekhodi noma kombiko kumqashwa aqondene naye angase noma angaba yingozi empilweni yakhe yokomzimba neyengqondo, iphini elisebenza ngolwazi liyo (aa) cela loyo ofake isicelo sokuthi lo muntu okucelwe 


kuye amarekhodi kumele akhethe uchwepheshe wezempilo  (Lokhu kwenzeka ngokugcwalisa ifomu iSAPS 512 (p) engxenye yalo yoku-A kanye neye-C iyosulwa bese kuhanjiswa ifomu kulowo ofake isicelo); kanye 
(bb) 	emveni kokuba esekhethiwe uchwepheshe wezempilo ekhethwe ngumuntu oqondene namarekhodi aceliwe, liyoxhumana nalowo chwepheshe ukuthola ukuthi ngabe ukuvezwa obala kwerekhodi noma umbiko kumuntu eliqondene naye kungaba yini yingozi empilweni yakhe yokomzimba neyengqondo  (Lokhu kwenziwa ngokugcwalisa nokuhambisa ifomu iSAPS 512(q) lihambisane nerekhodi  noma umbiko wokwelashwa kulowo chwepheshe wezempilo okhethiwe) 
(ii) 	Uma uchwepheshe wezempilo EQINISEKISILE NOMA ESHILO ngokuthi abhale ukuthi ukuvezwa obala kwerekhodi noma umbiko kumqashwa oqondene nawo kungase kwenze ukuthi kube nengozi empilweni yakhe yokomzimba nona kweyengqondo, iphini elisebenza ngolwazi liyo (aa) uma uchwepheshe wezempilo esho waqinisekisa 
ukuthi ukuvezwa obala kwerekhodi noma kombiko kumuntu oqondene naye angeke kwaba nengozi engako empilweni yakhe yomzimba noma yengqondo  -liyokwazisa lowo ofake isicelo ngokuthi 
libhale umbono kachwepheshe wezempilo bese lifaka ifomu iSAPS 512(e) ukwazisa lowo ofake isicelo ukuthi yimalini okumele ayikhokhe ngaphambi kokuthi anikezwe imvume; kanye 
-uma sekutholakale ubufakazi bokuthi imali okufanele ikhokhwe isikhokhiwe, liyohlinzeka lowo ofake isicelo ngamakhophi alawo marekhodi noma umbiko; 
(bb) 	uma lowo chwepheshe wezempilo ekubeke kwacaca ukuthi ukuvezwa obala kwerekhodi noma umbiko kumuntu oqondene naye kuyoletha ubunzima obukhulu empilweni yakhe yokomzimba neyengqondo  -liyokwazisa lowo ofake isicelo ngokuthi 
libhale umbono kadokotela bese lifaka nefomu eligcwalisiwe i-SAPS 512 (p)  (kuleli fomu lowo ofake isicelo uyacelwa ukuthi akhethe umeluleki ozomeluleka noma ozohlela njengoba bekwenzeka ngaphambi, ngesikhathi noma emva kokuthi kuvezwe obala irekhodi noma umbiko ukuze kubalekelwe ukulimaza lowo muntu) 
(iii) uma esekhethiwe umeluleki, iphini elisebenza ngolwazi liyo (aa) liyokwazisa lowo ofake isicelo ngokuthi libhale ukuthi ikhophi yerekhodi noma umbiko liyohanjiswa kumeluleki okhethiwe emveni kokuba sekutholakale isiqiniseko sokuthi isikhokhiwe imali edingekayo; 
(bb) 	liyofaka ifomu eligcwalisiwe iSAPS 512 (e) emayelana nemali enqunyiwe okumele ikhokhwe; kanye 
(cc) 	uma sesitholakele isiqiniseko sokuthi kukhokhiwe, kuyohanjiswa irekhodi lelo noma umbiko kulowo meluleki okhethiwe ngokugcwalisa nokuhambisa ifomu iSAPS 512 (r) kanye nekhophi yerekhodi noma umbiko
(kwifomu iSAPS 512 (r) umeluleki okhethiwe uyocelwa ukuthi aluleke noma ahlele njengoba kade kwenzeka ngaphambi, ngesikhathi noma emva kokuvezwa obala kwerekhodi, ukunciphisa noma ukuvimba ukuthi lowo muntu oqondene nerekhodi angalimali, lowo meluleki uyokwaziswa ukuthi angaliveza obala irekhodi noma umbiko uma esebona ukuthi isikhathi sesifikile).  


(9) 	IZINHLAKA ZIKAHULUMENI 
(a) 	
ngokomThetho, uhlaka lukahulumenialufakiwe encazelweni yalowo ofake isicelo.  Uhlaka lukahulumeni lungachazwa njengesikhungo esisebenzisa amandla omphakathi noma esenza imisebenzi yomphakathi ngokomthetho.  Ngakho-ke uhlaka lukahulumeni lungaziwa njengento kahulumeni yokwenza umsebenzi noma isigungu sikahulumeni. 

(b) 	
umThetho awusebenzi uma uhlaka lukahulumeni lucela ukuthola amarekhodi kolunye uhlaka lukahulumeni.  Isicelo sokuthola irekhodi kolunye uhlaka lukahulumeni kuthathwa njengesicelo esenzeka ngaphakathi kweminyango sokuthola amarekhodi aphethwe olunye uhlaka lukahulumeni, okungaba uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa. 

(c) 	
UmSebenzi (ongesilo iphini elisebenza ngolwazi) okubekwe  ngaphansi kwakhe irekhodi futhi osebenza ukubhekana nodaba olumayelana nerekhodi, uyo

(i) 	
cubungula isicelo; aphinde 

(ii) 	
anqume ukuthi ngabe kufanele yini ukuthi ikhophi yerekhodi inikezelwe ohlakeni lukahulumeni oluyicelile. 



(d) 	
Uma kunqunywe ukuthi ingahlinzekwa le khophi yerekhodi, lolo hlaka lukahulumeni kuyomele laziswe ngaleso sinqumo. Uma kunqunywe ukuthi lunikwe, ikhophi yerekhodi iyonikezwa ngesihle. Uhlaka lukahulumeni alukhokhi imali yesicelo noma imali yokuthola irekhodi. 

(e) 	
Ifomu yokufaka isicelo okuyi SAPS 512 (n) noma iFomu A, njengoba kuveziwe kwinqubo yomthetho, akumele igcwaliswe. 

(f) 	
UmSebenzi kuyomele abe nesiqiniseko sokuthi ngabe lowo ofaka isicelo uhlaka lukahulumeni yini noma cha.  Isicelo esivela ohlakeni lukahulumeni esibhalwe ephepheni 


elinophawu lwalolo hlaka siyokwamukeleka njengobufakazi bokuthi isicelo senziwe uhlaka lukahulumeni.  Uma uhlaka lukahulumeni lwenze isivumelwano nomunye umuntu (isib. umhlaziyi noma isithunywa), incwadi akathunywa ngayo lowo muntu kuyomele ibe ngubufakazi bokuthi ngempela isicelo senziwa uhlaka lukahulumeni. 
(10) 	ISIGABA SE-102 SOKUBUZA MAYELANA NOMTHETHO WOKULAWULWA KWEZIBHAMU (UMTHETHO WAMA-60 WE2000) 
(a) 	
Ngokwesigaba se-102 somThetho wokuLawulwa kweziBhamu, we-2000 (umThetho wama-60 we-2000), uKhomishana kaZwelonke anganquma ukuthi  umuntu othile akekho esimeni sokuphatha isibhamu ngokwaleso sigaba.  Ukuthola ukuthi lowo muntu akufanele aphathe isibhamu, uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika lungaba nesikhathi sokubuza lowo muntu ukuthi kungani kungafanele ukuthi kuthiwe akekho esimeni esihle ngokwempilo yakhe. 

(b) 	
Isigaba se-102 semibuzo sithathwa njengesenzo sokuphatha esingaba nomthelela ongemuhla emelungelweni noma lokho okulindelwe ngumuntu ophenywayo noma ofakwa imibuzo. UPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika luyosebenzisa lokho okuhlinzekwa isigaba sesi-3 somThetho wokuKhuthaza ubuLungiswa bezokuPhatha, we-2000 (umThetho wesi-3 we-2000)  hhayi umThetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi, we-2000 (umThetho wesi-2 we-2000). Isicelo akumele neze ukuthi sihanjiswe kwiPhini eliSebenza ngoLwazi. 

(c) 	
Uhlangothi noma umuntu othintekayo angacela ukuthola amarekhodi noma amakhophi amarekhodi athile (isib. amakhophi ezitatimende zezinye izinhlangothi, njll.) aphethwe noma alawulwa uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa.  Lawo marekhodi angaba nezinsolo uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa olungazibhekisa ohlangothini oluthintekayo. Ukutholakala kwalawo marekhodi noma amakhophi kufanele kwenziwe kube ngokwesihle ohlangothini oluthintekayo kusenesikhathi ngaphambi kokufakwa kwemibuzo ukuze lowo othintekayo akwazi ukuthi azilungiselele ukuthi akwazi ukuphendula ngalezo zinsolo abekwe zona. 


5.4 IMALI EKHOKHWAYO UmThetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi noma imibiko, we-2000 (UmThetho we-2 we-2000): Imithetho [njengoba ishicilelwe kwiGazethi (No 23119) yomhla ziyi-15 Februari 2002 (Isazisi sikaHulumeni senombolo R. 187 somhla ziyi-15 Febhuwari 2002] inganquma noma imise amanani akhokhwayo ukuze kutholakale amarekhodi. 
5.5 	INDLELA YOKUCELA UKUTHOLA IREKHODI ELIPHETHWE NOMA ELILAWULWA UPHIKO LWEZEMISEBENZI YAMAPHOYISA UKhomishana kaZwelonke: woPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, useqoke iPhini likaZwelonke eliSebenza ngoLwazi futhi wakhetha amaphini asebenza ngolwazi kuzo zonke izingxenye, nezifundazwe, neziyingi kanye neziteshi zamaphoyisa ukuze kusetshenziswe lo mThetho. (Bheka isigaba sesi-3 IMINININGWANE LAPHO KUTHOLAKALA KHONA IPHINI ELISEBENZA NGEZOLWAZI) 

(1) 	THOLA IFOMU LOKUFAKA ISICELO 
Thola ifomu lokufaka isicelo [SAPS 512 (n)] ngokuthi 
(a) 	
wena ngokwakho uzitholele lona esisebenzini esisebenza ngolwazi esiteshini esiseduze; noma 

(b) 	
ngokushaya ucingo, u-emeyle noma ubhale incwadi ubhalele iphini elisebenza ngolwazi ucele ukuthi lelo fomu lifekswe noma liposwe (noma lithunyelwe nge-emeyli uma lelo phini elisebenza ngolwazi lingakwazi ukukwenza lokho) liposelwe kulowo ofake isicelo ekhelini noma inombolo ayihlinzekile. 


(iFomu A lemiGomo esemThethweni lingasetshenziswa njengefomu lokufaka isicelo 
(2) 	GCWALISA NGOKUGCWELE IFOMU LESICELO BESE ULIHAMBISA KWIPHINI ELISEBENZA NGOLWAZI 

(a) 	USIZO OLUVELA KWIPHINI ELISEBENZA NGOLWAZI 
Iphini elisebenza ngolwazi lingasiza lowo ofake isicelo ngesicelo sokuthola amarekhodi ukuqinisekisa ukuthi isicelo siyahambisana nezidingo zomThetho.  Iphini likaZwelonke elisebenza ngolwazi lingathintwa uma lowo ofake isicelo engazi ukuthi ubani iphini elisebenza ngolwazi eliqondene. 
(b) 	GCWALISA IFOMU LESICELO 
(i) 	UMA IFOMU LESICELO LINGAGCWALISIWE NGOKUGCWELE 
Iphini elisebenza ngolwazi lingasenqaba isicelo uma ifomu lingagcwalisiwe ngokugcwele noma kahle.  Iphini elisebenza ngolwazi lingazisa lowo ofake isicelo ngokuthi libhale ifomu leSaziso sokuFuna ukwEnqaba i[SAPS 512 (c)] ngesizathu sakhe sokungasemukeli isicelo.  Uma kwenzeka kanjalo, lowo ofake isicelo angahlinzeka ngemininingwane egcwele mayelana nesicelo. 
(ii) IREKHODI ELICELIWE ELINEMINININGWANE YOMUNTU OFAKE ISICELO Uma lowo ofake isicelo ecela amarekhodi aqukethe imininingwane yakhe, kumele ahambise ifomu lakhe esiteshini samaphoyisa esiseduzane kufanele alisayine phambi kwephoyisa noma isisebenzi sokuthula basethifaye kwikholamu efanele leli elisayinwe yilowo ofake isicelo phambi kwabo.  Lowo muntu osayina ifomu kanye nenombolo kamasizi evela kwifomu, kusengumuntu oyedwa. 
(iii) LOWO OFAKA ISICELO UMELWE NGOMUNYE UMUNTU Uma kuyilowo omele noma obembele umuntu omele lowo omininingwane yakhe iserekhodini eliceliwe, loyo muntu (isib. ummeli, inkampani yomshuwalense, noma yimuphi umuntu ombambele, njll.) kumele baqinisekise ukuthi ifomu lesicelo eligcwalisiwe lihambisana namaphepha adingekayo.  (iphepha eliyisiqiniseko samandla kusho iphepha elinelisa iphini elisebenza ngolwazi ukuthi ngempela lowo ofake isicelo umanandla okufaka isicelo sokuthola amarekhodi esikhundleni somuntu othile).  Lawo maphepha anesiqiniseko, phakathi kwezinye izinto, angaba -Amandla ajwayelekile noma akhethekile ommeli; -Ikhophi esethifayiwe yesitifiketi sokuzalwa sengane kanye nekhophi esethifayiwe yomzali; -Incwadi ebhalwe yilowo ofakelwa isicelo, egunyaza  lowo ofaka isicelo ukuthi amfakele isicelo kanjalo nesitifiketi esikhushwe yisisebenzi sokuthula, siqinisekisa ukuthi uzenelisile ngokuthi lowo ofakelwa isicelo uyena obhale incwadi egunyaza lowo omfakela isicelo ukuthi amfakele isicelo; -Incwadi yokuqokwa njengmahluleli wombuso ekhishwe yinkantolo ePhakeme, kanye nesiqiniseko sikamazisi uma isicelo senzelwa umuntu oseshonile; 
-Uma isicelo senzela isigungu esinabantu abaningi, incwadi ebhalwe umuntu ogunyaziwe egunyaza lowo ofake isicelo ukuthi afake isicelo; noma 
-Incwadi engumyalelo wesiKhwama seziNgozi zemiGwaqo uma kungummeli (noma omunye umuntu) osebenza ngomyalelo wesiKhwama seziNgozi zemiGwaqo. 

(c ) 	HAMBISA IFOMU LESICELO ELIGCWALISIWE 
Ifomu lesicelo eligcwaliswe kahle kumele lihanjiswe (ngesandla, ngeposi noma ngefeksi) e 
(i) 	
kwiphini eliqondene elisebenza ngolwazi; noma 

(ii) 	
kwiphini elisebenza ngolwazi esiteshini samaphoyisa esiseduzane; noma 


(iii) 	kwiphini elisebenza ngolwazi lesifundazwe-noma lesiyingi;noma 
(iv) 	kwiphini likaZwelonke elisebenza ngolwazi. 
(3) 	IZIMALI ZESICELO Iphini elisebenza ngolwazi, emva kokuthola isicelo sokuthola amarekhodi esenziwe ngokugcwalisa kahle amafomu afanele, ngaphandle uma kuyisicelo esizodluliselwa kumunye umnyango, (njengoba kuchaziwe kwisigaba 5.2), kufanele agcwalise ifomu lokwazisa ngemali ekhokhwayo eliyifomu [SAPS 512 (b)] bese elinika lowo ofake isicelo.  Ngaleyo ndlela lowo ofake isicelo uyokwaziswa ngemali ekhokhwayo kanye nendawo okukhokhwa kuyo (isiteshi samaphoyisa esiseduze, ihhovisi lesiyingi, ihhovisi lesifundazwe noma iHhovisi eliKhulu), ngaphambi kokuba kuqhutshekwe nokusebenza ngaleso sicelo. 
Umuntu uxolelwa ukukhokha imali yokufaka isicelo uma lowo muntu 
(a) 	
engumuntu ozifakela isicelo ngokwakhe  ("umuntu ozifakela isicelo ngokwakhe umuntu ocela ukuthola irekhodi eliphethe ulwazi noma imininingwane ephathelene naye); 

(b) 	
ocela ulwazi oluvele selusezandleni zomphakathi noma oluthathwa njengolutholakalayo; noma 

(c) 	
oxolelwe nguNgqongqoshe wezobuLungiswa ngesimemezelo esisemthethweni esishicilelwe kuMqulu kahulumeni (iGazethi) ekutheni akhokhe 

(i) 	
imali yokufaka isicelo; noma 

(ii)	
 ezinye izimali 




(4) 	UKUSEBENZA NGEZICELO 


(a) 	UKUTHOLA UKUTHI IREKHODI LIKHONA FUTHI LIYATHOLAKALA 
Iphini elisebenza ngezolwazi lizothola ukuthi ubani umuntu oqondene nodaba olusesicelweni (okunguyena ophethe) futhi onegunya ekutholeni lelo rekhodi eliceliwe, bese edlulisela leso sicelo kulowo ophethe. Ophethe yena-ke uzobheka ukuthi lelo rekhodi likhona noma lingatholaka yini. 
Uma irekhodi eliceliwe lingatholakali, noma lingakaze libekhona, iphini elisebenza ngezolwazi kufanele libhale isitatimende esifungelwe (ukwenza ubufakazi) linikeze ngokugcwele zonke izinyathelo ezithathiwe ukuthola lelo rekhodi elifunwayo noma eliceliwe noma athole ukuthi lelo rekhodi likhona yini ngokuxhumana nabo bonke abantu okukhulunywe nabo abekade besiza ekulicingeni, besiza lowo ophethe izindaba zolwazi. Iphini elisebenza ngezolwazi kufanele bese ligcwalisa ifomu lesiNqumo sesiCelo sokuThola iRekhodi okuyi [SAPS 512(e) bese elithumela kulowo ofake isicelo. 
(b) ISICELO SAMUKELEKILE NOMA SINQATSHIWE 
Iphini elisebenza ngezolwazi kufanele ligcwalise ifomu lesiNqumo sesiCelo sokuThola iRekhodi okuyi fomu [SAPS 512(e)] bese elithumela kulowo ocelile, uma kuvumelana nemigomo ebekiwe eMthethweni, esikhathini esiyizinsuku ezingama-30 emva  kokuba isicelo sitholiwe, emazisa loku okulandelayo  
 	
Ukuthi isicelo sokuthola ulwazi sivunyiwe (noma sinqatshiwe kanye nezizathu zokwenqaba); 

 	
Indlela noma ulimu ulwazi noma irekhodi ezotholakala noma elizokhishwa ngalo; 

 	
Imali ekhokhwayo ukuze kutholakale lelo rekhodi; 

 	
Ukuthi angafakwa isikhalo ngaphakathi. 



(c) 	UKUHLEHLISWA KWESICELO 
Uma isicelo sokuthola irekhodi kungenzeka sivunywe, kodwa irekhodi eliceliwe   
 	
Lisazo shicilelwa; 

 	
Kudingeka ngokomthetho ukuba lishicilelwe kodwa futhi lingaka shicilelwa; noma 

 	
Selilungiselelwe ukufakwa noma kusiphi isishayamthetho noma kumuntu othile, kodwa libe lingaka thunyelwa, 


Iphini elisebenza ngezolwazi lingahlehlisa ukutholakala kwalelo rekhodi. 
Uma ukutholakala kwe rekhodi kuhlehlisiwe, iphini elisebenza ngezolwazi kufanele  
 	
Lithole ukuthi lelo rekhodi lizoshicilelwa ngaluphi usuku, noma lizothunyelwa nini kwisishayamthetho noma kumuntu othile; 

 	
ligcwalise ifomu lesiNqumo sokuSebenza ngesiCelo okuyifomu [SAPS 512(d)] bese elisa kulowo ofake isicelo emazisa ukuthi  

. 	
Angakwazi ukuthola lelo rekhodi alicelile ngosuku olubhaliwe kwinothisi  [SAPS 512(d)] (lolu suku kufanele kube usuku lelo rekhodi elizoshicelelwa ngalo noma elizothunyelwa ngalo kwisishayamthetho noma kumuntu othile; kanye 

. 	
Angaletha isikhalo sokuthi ukutholakala kwerekhodi kufanele kuhlehliswe kwiphini elisebenza ngolwazi esikhathini esiyizinsuku ezingama-30 emva kokukhiswa kweNothisi.




 Iphini elisebenza ngezolwazi kufanele lazise lowo ofake isicelo ukuthi ukutholakala kuzohlehliswa noma angeke ngokuthi ligcwalise ifomu lesiNqumo sesiCelo sokuThola iRekhodi, okuyifomu [SAPS 512(e)] bese elithumela kulowo ofake isicelo. 
(d) 	UKWANDISWA KWESIKHATHI Iphini elisebenza ngezolwazi, lelo okwenziwe kulo isicelo sokuthola irekhodi, lingandisa isikhathi esibekiwe esiyizinsuku ezingama-30 kanye, ngezinye izinsuku kodwa zingabi ngaphezu kwezingama-30 uma  
(i) 	
isicelo kungesamarekhodi amaningi kakhulu noma kufanele acingwe kumarekhodi amaningi kakhulu futhi uma ukugcinwa kwesikhathi esibekiwe, kungaphazamisa neminye emisebenzi yoPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa; 

(ii) 	
Isicelo sidinga kucingwe noma kulandwe lawo marekhodi kwamanye amahhovisi oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa angekho edolobheni elilodwa naleli okufakwe kulo isicelo, nalapho kukhona lowo osebenza ngolwazi okufakwe kuye isicelo futhi leso sicelo singeke sikwazi ukuthi siqedwe ngalesi sikhathi esibekiwe; 


(iii) 	uma kudingeka kuxhunyanwe neminye iminyango ngaphansi koPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa noma nomunye umnyango ongaphansi kukaHulumeni ukuze kunqunywe ngesicelo futhi lokho kuxhumana kungeke kuphele ngesikhathi esibekiwe; 
(iv) 	
uma kukhona esicelweni lezi zimo ezibaliwe ezingaphezu kweyodwa kulezi zigatshana (i), (ii) or (iii) okufanele kugcinwe isikhathi esibekiwe kodwa kungeke kwenzeke nhlobo; noma 

(v) 	
lowo ofake isicelo evuma ukuthi kwandiswe  isikhathi ngokuthi abhale. 


Uma isikhathi sandisiwe, iphini lomsebenzi wezolwazi kufanele lazise lowo ofake isicelo ngalokho kwandiswa kwesikhathi ngokuthi agcwalise ifomu lesiNqumo sokuSebenza ngesiCelo okuyifomu [SAPS 512(d)]. 
(e) 	ABANTU BESITHATHU Umuntu wesithathu kungaba noma yimuphi umuntu ngaphandle kwalowo ofake isicelo kanye nomnyango kahulumeni - kungabuye kube uhulumeni wezwe langaphandle, inhlangano yaphesheya noma imuphi umnyango walowo hulumeni noma leyonhlangano, lelo rekhodi noma lolo lwazi olungaye. 
Uma irekhodi eliceliwe limayelana nomuntu wesithathu, isekela lesikhulu semininingwane liyokwazisa lowo muntu wesithathu ngaleso sicelo.  Umuntu wesithathu angabhala afake isicelo sokuthi lowo ofake isicelo sokuthola irekhodi akumele anikwe. Iphini elisebenza ngezolwazi kufanele   
(i) 	
Licubungule noma yisiphi isethulo esivela kumuntu wesithathu esitholakale esikhathini esiyizinsuku ezingama-30 emva kokuba lowo wesithathu azisiwe ngesicelo esifakiwe; 

(ii) 	
lithintane nophethe maqondana nemisebenzi yezomthetho, banqume ukuthi kufanele yini ukuthi lowo ofake isicelo anikwe imvume; bese 


(iii) 	ligcwalise ifomu lesiNqumo sokuCela ukuThola iRekhodi eliphathelene nabaNtu besiThathu elingu fomu [SAPS 512(g)] bese elithumela kubo bonke abantu besithathu abathintekayo. 
Umuntu wesithathu angasifaka isikhalo ngaphakathi ngesinqumo sokunikwa imvume. 
Uma umuntu wesithathu engakasifaki isikhalo sakhe kuze kuphele izinsuku ezingama-37 emva kokuba esethole inothisi, iphini elisebenza ngezolwazi lizovuma ukunikeza irekhodi uma kungekho ezinye izizathu zokunqaba ezikhona ezimayelana nomThetho. 
(f) IZIKHALO ZANGAPHAKATHI Ifomu lesaziso sokufaka isikhalo ngaphakathi, ISAPS 512 (o) noma ifomu B lemiThetho, kumele ligcwaliswe bese lithunyelwa kwisekela lesikhulu semininingwane uma kufakwa isikhalo sangaphakathi.  Umuntu wesithathu angasifaka isikhalo ngaphakathi uma ephikisana nesinqumo sokunikwa imvume.  Lowo ofaka isicelo angafaka isikhalo sangaphakathi mayelana nalokhu okulandelayo  
 
Imali ekhokhwayo; 

 
Ukwandiswa kwesikhathi; 

 
Indlela yokungena noma yokuthola ulwazi; 

 
Ukunqatshwa kwesicelo sokuthola irekhodi. 


Izikhalo zangaphakathi ziyodluliselwa phambili yilelo phini elisebenza ngezolwazi eliqondene naleso sikhalo kwiSekela likaZwelonke lesiKhulu semiNinigwane. Sone-ke siyocubungula lezo zikhalo zangaphakathi bese lizidlulisela kuNgqongqoshe wezokuPhepha nezokuVikeleka ukuze athathe isinqumo. 
ISekela  likaZwelonke lesiKhulu semiNinigwane liyothumela isinqumo sikaNgqongqoshe kulowo ofake isicelo ngokuthi lithumele iSaziso kulowo ofake isicelo sesiNqumo ngefomu lokufaka isikhalo ngaphakathi [SAPS 512(K)]. 
Lapho isikhalo sangaphakathi siphathelene nomuntu wesithathu, lowo ofake isicelo kanye naye umuntu wesithathu kufanele baziswe ngesinqumo sesikhalo ngokuthi banikezwe ifomu leNothisi yofake isicelo ngesinqumo sesikhalo sangaphakathi okuyi fomu [SAPS 512 (k) kulowo ofake isicelo bese umuntu wesithathu yena enikwa ifomu eliyinothisi kumuntu wesithathu, ngesinqumo sesikhalo sangaphakahi okuyifomu [SAPS 512 (j)] 
Lowo ofake isicelo noma umuntu wesithathu uma engagculisekile ngesinqumo sesikhalo sangaphakathi, kufanele abuye afake isikhalo ngaphambi kwezinsuku ezingu 37 afake isicelo sakhe enkantolo ukuze athole isinqumo esingujuqu. Uma lesi sicelo singafakangwa ngalesikhathi esibekiwe, kuzolandelwa isinqumo sikaNgqongqoshe. Uma isicelo sifakwe enkantolo, isinqumo secala lasenkantolo sizolindwa. 



6. 	UKUCHAZWA KWEZINDIKIMBA NEZINHLOBO EZINGENA NGAPHANSI KWENDIKIMBA 
IZINGOZI NEZINHLEKELELE 
Izingozi: embonini, imishini kanye nezokwakha Izingozi eziphathelene nezinto eziyingozi Izingozi zamabhanoyi kanye nokwehlikela enhlabathini okuphuthumayo Izinto eziphathelene nalendikimba ngokujwayelekile Imililo Izingozi sasezimayini Izinhlekelele zemvelo Izingozi ezenzeka emgwaqeni Ukugwila nokucwila kwemikhumbi noma izikebhe Izingozi zezitimela 

UKUPHATHWA, UKUHLANGANISWA KANYE NOKULAWULA 
Ukukwazi ukulawula nokuphephisa Ukwazi ukungena emagcekeni amaphoyisa Ukuphathwa kwamabhodi okuphenya Imibiko yonyaka Amakhomishana ophenyo Amakomidi  Ezokuxhumana Eziphathelene namakhomputha Ukuphathwa kwamarekhodi noma ulwazi Ukusebenzisana Ukuziphatha kahle kanye nokuzimisela Ukuphiwa izipho, izipho eziyisikhumbuzo noma izevatho zesikhundla Izipho ezitholakala ukuze kube khona intuthuko Imisebezi kanye nezibopho Amafulegi kanye namaduku okukhangisa Ukudluliswa kwemiyalo Umsebenzi obhekene neziphandla ezifanele abantu abathile Ukwakhiwa kwemifanekiso noma izithombe Amakomidi noma amabhodi azokwelapha Izindlela zokuphatha ukubhalelana   Imiyalezo evela kuzwelonke, ezifundazweni kanye naseziyingini. Ezempilo zasemsebenzini, ukuphepha kanye nokongiwa nokuphathwa kwemvelo Ukukhishwa kwemibiko yomsebenzi Ukusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni Ukuphathwa komsebenzi nokubuye uhlelwe kabusha Amandla kanye namagunya Iziphakamiso ezibhekela uPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa Ukukhiqiza ngokomsebenzi Ibhande elibomvu Ukubuyiswa kwezinguquko Imixhaso Izibalo eziqoqiwe zezinto ezithile kanye nokubuyiswa kwamahora okusebenza 

UKUPHATHWA KOBULUNGISWA 
Ukuphathwa kobulungiswa  Ukwamukelwa kwecala Ukuxolelwa kwababoshiwe Ukuyolalela icala enkantolo Ibheyili Izinkantolo nemisebenzi yazo Ukunikezwa kobufakazi Ubulungiswa boxolo kanye noKhomishana nokuFunga Amahhovisi asiza kwezomthetho kanye nabangani beziboshwa Izincwadi zomthetho Abasebenzi bomthetho Izifunda zezimantshi kanye nezindawo zabalungiswa boxolo Abasebenzi boxolo Isithembiso sokungabaleki Izikhulu zoxolo Izindawo eziphephile zokugcinwa kofakazi Ukuboshwa okungaphambili Ukuphawula namazwi akhishwa amajaji kanye nezimantshi Izigwebo 

EZOLIMO 
Imibiko yezolimo    Izifo zezilwane kanye nokuvalelwa ngenxa yezifo Ukuhweba ngokulanda noma kuthunyelwe izilwane ngaphandle kwaleli Ukuhweba ngokulanda noma kuthunyelwe ngaphandle izimpahla zezilwane Ukuhweba ngokulanda noma kuthunyelwe ngaphandle izimpahla zezolimo (ngaphandle kwemikhiqizo yezilwane) Ukumaketha Izilokazane ezikhathazayo kanye nobhubhane Imfuyo kanye nemboni yenyama Ukudayiswa kwemfuyo endalini Ukhula Izilwane zasendle: ukulawulwa nokuqedwa kwazo   

IZILWANE 
Izilwane zoPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa  

IZINDABA ZEZIKHUMULO ZAMABHANOYI 
Izikhumulo zamabhanoyi Ukuphula imithetho yasemoyeni Ukuphepha kohambo ngezindiza Ukuhlelela okungase kuvele Ukudunwa kwamabhanoyi Izinyathelo zokuphepha 

IZIBHAMU, IZINHLAMVU, UKUHLOMA KANYE NEZINKOHLISO 
Ukugunyazwa komThetho oLawula iziBhamu, we-2000 (umThetho wama60 we-2000) Ukulawulwa kokuhloma, nezinto zakho kanye nezinto zokukhohlisa Izikhali eziyingozi Ukuphathwa kwezibhamu kanye nezinhlamvu Izibhamu: ibhodi lezikhalo Ukuba nezibhamu, izinhlamvu kanye nezincwadi zesibhamu kuthenga izibhamu nezinhlamvu ngokuthi ubanike izibhamu nezinhlamvu ezindala 

IZINDABA ZEMISAKAZO-, AMATHELEVISHINI-, IZINDABA KANYE NAMAPHEPHA ASHICILELWE 
Ukusakazwa ngomsakazo kanye/noma ngethelevishini Ukuqopha ngemisakazo kanye/noma ngethelevishini Ukushicilela Imisakazo yezimfundamakhwela Umsakazo-, ithelevishini-amaphephandaba: Abezindaba 

ABASEMAGUNYENI KANYE NEZINHLANGANO 
Imisebenzi yama ambulensi Izinhlangano ezilwisana nobulelesi Ezinye izinto ezithinta lesi sihloko Izinhlangano eziphathelene nalabo ababesebenza oPhikweni lwezemiSebenzi yamaPhoyisa Amabhizinisi Izinhlangano eziphanayo, ezenhlalakahle, kanye nezamasonto Izinhlangano zokuphepha zomphakathi Izinhlangano zamasiko Izikhungo zezemfundo  Izinhlangano zabasebenzi Izinhlangano zabalimi nezolimo    Izinhlangano zaphesheya eziphathelene nokwebiwa kwezinto ezihambayo Izinkampani zemishwalensi Izikhungo nezinhlangano zokwelapha Abenzi bezimoto   Izinhlangano zabemilingo Izinhlangano ezinikeza usizo kubantu abanenkinga yophuzo kanye nezidakamizwa Izinhlangano ezinikeza usizo kubantu abaswele amakhaya Izinhlangano ezivimbela izinhlekelele zemvelo Izinhlangano ezivikela izilwane nezitshalo Izinhlangano zezombusazwe Izinhlangano zabaphenyi bangasese Isigungu esiziMele esilawula imboni yezokuPhepha Izinhlangano zabakhokhi ntela Izinhlangano ezibhekele ukuphepha emgqaqweni Ibhodi  yabasebenzi bezokuphepha Izinhlangano zokusesha, zokusindisa impilo kanye nezosizo lokuqala Izinhlangano zokudubula Imisebenzi yokudonsa izimoto Izinhlangano zabasha 

IZAKHIWO KANYE NENGAPHAKATHI LENDAWO 
Ukuhlalisa eminye iminyango kahulumeni ngaphakathi endaweni yamaphoyisa Izakhiwo kanye nengaphakathi lendawo Umonakalo ezakhiweni zamaphoyisa Izindawo zabantu abakhubazeke ngokomzimba Ukulwa nemililo kanye nokuvimbela imililo ngaphakathi ezindaweni zamaphoyisa Ukufakwa kokuhlanzeka Ukugcinwa kwemfuyo kanye nokwenza imisebenzi yezolimo ngaphakathi ezindaweni zamaphoyisa   Ukuthengwa nokudayiswa kwezakhiwo kanye nengaphakathi lezindawo zamaphoyisa Ukunukubezeka kwendalo Ukugcinwa kwempahla yabantu ngaphakathi endaweni yamaphoyisa Ezemisebenzi 

UBULELESI 
Amacala aphathelene nomThetho owengamele izikhungo ezibhekele ukuvuselelwa kwezimilo zabasebenzisa budedengu izidakamizwa Amacala aphathelene nemithetho, ukulungiswa kwezimiso neziphathimandla zasekhaya Amacala aphathelene nokuqamba kanye nezimvume ngokomthetho Amacala aphathelene nemithetho yokuhweba ngezimali namazwe angaphandle Amacala aphathelene nemithetho yokuvikela ulwandle Amacala aphathelene nemithetho ngamadayimane kanye namatshe ayigugu Ukudunwa kwamabhanoyi Amacala aphathelene nemithetho yezolimo kanye nebhange lomhlaba Amacala okushisa ngabomu Amacala aphathelene nezikhali kanye nezinhlamvu Ukulimaza Ukuzama ukubulala Amacala aphathelene nemithetho yabameli Ubudlova   Ukusatshiswa ngamabhomu kanye namacala aphathelene neziqhumamlilo Ukwephula kanye nokuphazamisa kokuthula Ukugwazela Izincwadi eziwuhide Amacala aphathelene nomthetho wokuhamba ngezindiza Amacala aphathelene nemithetho yezinkampani ezivalekile Amacala aphathelene nemithetho yezinkampani 
 Ukudelela inkatolo Ukufihlwa kokuzala Amacala aphathelene nemithetho yezemiSebenzi yokuHlunyeleliswa kwezimilo Amacala aphathelene nenkohlakalo Amacala enzeka emikhunjini kanye nasezindizeni ngaphandle komngcele waseNingizimu Afrika Ubugebengu obukhulu Ubulelesi obubhekiswe ezinganeni Ubulelesi Unya ezilwaneni   Amacala aphathelene nemithetho yokuthenga kanye nentela ekhokhwayo yempahla Icala lokubulala ngokungenhloso Ukuhweba nokuphatha izinambuzane Ukuhweba noma ukutholakala uphethe izitho noma izicubu zemizimba yabantu Ukudingiswa kanye nokubuyiselwa ezweni lakho Ukungcoliswa kwamathuna Amadokodo Umthetho obhekele udlame lwasemakhaya Amacala aphathelene nomthetho walabo abadayisa ngezindlu nezitende Amazibithi Izinga lobulelesi Ukuthatha imali engafanele ngokuphoqa Amacala aphathelene nemithetho yezimali Iminyatheliso yeminwe, yezinyawo kanye nezintende Amacala aphathelene nemisebenzi yemililo Ukwenza into mbumbulu nokukhuluma amanga Ukukhwabanisa Ababaleki kanye nezilelesi ezifunwayo Ukugembula Amacala aphathelene nemithetho yokwenza imisebenzi eyingozi Amacala aphathelene nemithetho yezempilo Ukugqekeza   Ukuzingela, ukweba, nokuntshontshwa kwezilwane zasendle Ukuhlasela ngokungenamahloni Ukuzikhonjwa kanye nokukhonjwa kwabamangalelwa Ukuthandana noma kulalana nomuntu wakini Izimpimpi kanye nokufuna umkhondo Amacala aphathelene nezokuphepha kwangaphakathi Ukuphenya kanye/noma ukuvimbela ubulelesi Amacala aphathelene nemithetho elawula ukuphuma nokungena kwempahla Ukushona ebhizinisini Amacala aphathelene nemithetho yemishwalensi Amacala enziwa amajongosi namatshitshi (bengakafiki eminyakeni engu 18) Ukuthumba Amacala aphathelene nemithetho yezophuzo oludakayo kanye nemikhiqizo yotshwala Amacala aphathelene nemithetho yezinkantolo zezimantshi Amacala aphathelene nemithetho yokugcina kanye nokuthuthukisa ukuqhudelana Ukwenza umonakalo omkhulu ezakhiweni Amacala aphathelene nemithetho ephathelene nezindaba zasolwandle Amacala aphathelene nemithetho yezindlela zokuthengisa Amacala aphathelene nemithetho yamalungelo ezokumbiwa phansi Amacala aphathelene nemithetho yezokumbiwa phansi Indlela youkusebenza nabenzi macala Okubunjiwe Ukubulala Ukucuywa kwezidumbu  Amacala aphathelene nemithetho yendlu kazwelonke elondoloza imilando yezwe laseNingizimu Afrika Amacala aphathelene nemithetho yamatshe ezikhumbuzo zikazwelonke Ukuvinjelwa kobulungiswa Amacala aphathelene nemithetho yezokuphepha nezempilo emsebenzini Amacala enziwa abantu abadayisa emgaqweni Abagibeli abahamba ngaphandle kwamathikithi asemthethweni Ukufunga amanga Amacala aphathelene nemithetho yemikhiqizo kaphethiloli Izithombe kanye namaplani Isithembu Ukuzenza iphoyisa Ukuphatha, ukusabalalisa, ukudayisa, ukuthutha kanye nokulahla izinto ezinoshevu ongaba yingozi Amacala aphathelene nokulawulwa kwenani lentengo Umthetho wokuqhutshwa kobulelesi Amacala aphathelene nokuvinjelwa kokuzifihla Ukuthengisa ngomzimba Amacala aphethelene nokuvikela ulwazi Amacala aphathelene nezimali zomphakathi kanye nabacwaningi bamabhuku Ukungaziphathi kahle emphakathini Ukudlwengula Ukwamukela nokuba nezimpahla ezebiwe Ukujeziswa, ukuboshwa nokushushiswa Ukuntshontsha Ukonela phansi Amacala aphathelene nemithetho ezimpahla esezisebenzile Amacala aphathelene namatayitela ahlukanisiwe Amacala aphathelene nemithetho yezindawo zokuhlalisana njengama Fulethi) Inhlamba Ukunukubeza Ukweba Ukwebiwa nokushushumbiswa kwezintshe Ukwebiwa nokushushumbiswa kwemfuyo Amacala aphathelene nemithetho yokudoba izinhlanzi olwandle Ukuhweba nokutholakala uphethe izitshalo ezisengozini, ezivikeliwe kakhulu Ukuhweba kanye nokutholaka uphethe okushicilelwe okungavumelekile Ukuhweba nokutholakala ukuphethe, kanye futhi nokuthutha izinyoni Ukuhweba nokutholaka uthutha izinto ezingaqhuma njengamabhomu Ukuhweba nokutholakala uphethe izilwane ezihuquzelayo Amacala asemgwaqeni Ukuthutha nokulahla izinto eziyingozi nezibulalayo Ukungena nokuhlalisana ngokungemthetho endaweni yomunye umuntu Ukusakaza ngokungemthetho Ukubheja Amacala aphathelene nemithetho yokuvimbela ukuthakatha 

UKUFA KANYE NEMINGCWABO 
Ukufa, imingcwabo nokushiswa kwezidumbu Izidumbu kanye nokuhlolwa komuntu emva kokufa Abangcwabi Ukuzibulala 

UKUGQOKA, IZINGUBO KANYE NEZINTO ZABANTU 
Izingubo Ukugqoka Ukulahleka nokonakala kwezimpahla zokuqgoka ezithuthwayo Ukubolekwa nokugqokwa kwenyufomu yoPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa ngabantu abangewona amalunga oPhiko lwezemisebenzi yamaPhoyisa Izimpahla zabantu 

UKUTHUTHUKISWA NOKUHLELWA KWEZEMVELO 
Ukuthuthukiswa nokuhlelwa kwemvelo 

IZIQHUMANE, IZINTO EZIKHAFULA UMLILO, ISISI EZIKHALISA UNYEMBEZI KANYE NEZINTO EZIYINGOZI 
Izinto eziyingozi, ezamakhemikhali kanye nezinto eziphilayo Iziqhumane Izinto ezikhangisa ngokuqhunyiswa zikhiphe umilo Ukwalusa nokulawula: Abathengi Isisi esikhalisa unyembezi 

UKUPHATHWA KWEZIMALI 
Imihlomulo Ukuhlela izimali nokulawula ukusetshenziswa kwazo Amacala omphakathi Izitatimende zezindleko Izikweletu zikaHulumeni Ukukhululwa Incwadi yokuchaza ngezimali kanye nemilayezo yomnyango wezimali zezwe Unyaka wezimali: Ukuqondiswa kwezimali Ukusetshenziswa kwemali okungalethi nzuzo Ezezindlu Umshwalense wezindawo zikaHulumeni Izikweletu ezingenakubuyiswa Ukugcinwa kwamaholo   Izindleko zomthetho Ukukhokhwa kwezimali kanye nemali edingeka ikhishwe Ukukhokhwa kwemiholo Ukugcinwa ngokuphephile kanye nokuzibophezela ngemali kahulumeni Ukumiswa kwamaholo  Ukuthola imali ngaphambi kwesikhathi Ama-akhawunti amisiwe Ukukhishwa kwemali ngokuphindiwe 

IZINDABA ZANGAPHANDLE 
Ukumeleka nokuqina kochwepheshe abasebenza ukuxhumanisa izizwe Izindawo zamanxusa nezimishini zaseNingizimu Afrika ezisemazweni angaphandle Izindawo zamanxusa angaphandle nezimishini zawo ngaphakathi eNingizimu Afrika Imingcele yezangaphandle- eNingizimu Afrika Izindaba eziphathelene nendlela yokuxhumana Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe 

UMLANDO 
Amatshe ezikhumbuzo, izithombe ezibaziwe, ukubizwa kwamagama abantu abahlonishwayo kanye nezikhumbuzo UPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika 

EZOKUPHEPHA ZANGAPHAKATHI KANYE NEZINDABA ZOBUNHLOLI 
Ukuvimbela ukusebenza kwezobunhloli Ubunhloli Izindaba zobunhloli Iziteleka kanye nothuthuva lwabasebenzi Izinhlangano ezisolisayo  Ubudlova bomphakathi kanye nezenzo zokuketula umbuso Abantu abayizitha zikahulumeni noma abasolekayo Izinto kanye nezenzo ezingavamile nezingajwayelekile 

UKUHLOLWA, UKUVAKASHA KANYE NOHAMBO LOMSEBENZI 
Ukucwaninga izimali Ukuhlolwa kwezakhiwo kanye nengaphakathi lezindawo Ukuhlolwa kwezinto zokuthutha Ukuhlola, ukuvakasha kanye nohambo lomsebenzi Ukuviva nokuhlola kungabikiwe   Ukuphathwa kolwazi olugciniwe nokuphenywa kwezokuphatha Ukuvakashela izikhungo zamaphoyisa ngeminye iminyango, nabasemagunyeni kanye nabantu nje Ukuvakasha kwamalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika kweminye iminyango nabasemagunyeni 

IZIKHUNGO KANYE NEZINDAWO ZOKUSEBENZA: EZICISHE ZIBE SEMTHETHWENI 
Isikhwama sokusiza Inhlangano yamaSiko amaBhunu ophiko lweSAPS  (i-Acpol) Isikhwama sokududuza Isikhwama somfundisi woPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa Isikhwama sokuphana Isikhwama sokuthuthuka Isikhwama sokunakekela abakhubazekile Isikhwama sokunakekela abantu abagugile (abadala) Inhlangano yamaphoyisa omhlaba wonke (IPA) Isikhwama sesikhumbuzo Isikhwama sezemidlalo sikaKhomishana kazwelonke Iqembu elibhekene namaholidi Izikhungo nezindawo zokusebenza zamaphoyisa: imiyalelo ejwayelekile Umshwalensi wamaphoyisa iAssupol Inhlangano yaseNingizimu Afrika yezeSayensi yamaphoyisa (Polsa) Izitolo zamaphoyisa ` Isikhwama sokuphumula nobumnene Inhlangano yomshuwalense woPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Izinhlangano zemidlalo kanye nokuphumula, izindawo namaklabhu (adayisa utshwala) Iqembu lokuthosta loPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Iphephabhuku loPhiko lwezemiSebenzi amaPhoyisa aseNingizimu Afrika Izikhungo zamaholidi amapoyisa nezindawo zokuphumula noma nokuzuthokozisa Isikhwana sabafelokazi kanye nezintandane 

UKUKHISHWA, UKUSETSHENZISWA KANYE NOKUPHATHWA KWEZIKHALI 
Ukuhlolwa nokugcinwa kwazo Ukukhishwa Ukubekwa kwazo endaweni ephephile Ukuthuthwa kwazo Ukusetshenziswa nokuphathwa kwezikhali 

UMTHETHO KANYE NEZINDABA ZOMTHETHO 
Imiyalo, imithetho kanye nezimiselo Izindaba zomthetho 

UTSHWALA 
Ukuphuza ngokweqile kanye nokudakwa Ukusebenza nokuhlinzeka ngotshwala Utshwala Amabhodi akhipha amalayisensi otshwala Amalayisensi otshwala nabanamalayisensi otshwala Izindawo eziphatha utshwala: ukuphathwa nokulawulwa kwazo Imithi kanye nezinye izinto ezinotshwala 

AMAGUNYA ASEMAKHAYA 
Abasemagunyeni emakhaya 

AMALOTHO, UKUGEMBULA, UKUBHEJA KANYE NOHIDE LWEZINCWADI 
Uhide lwezincwadi Ukugembula Ilotho Ukubheja 

UKUTHOLA UKWELASHWA NOKUNAKEKELWA KWEZEMPILO 
Izikhalo kanye nemibuzo: ngezindaba zokwelashwa Izifo Ukuhlolwa ukuze kutholakale ukuthi isimo/izinga lempilo linjani maqondana nemisebenzi ethile Ukunakekelwa kwezempilo Ukulimala Ukugoma   Isikhwama sokwelashwa: Kwamalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Ukwelashwa ngemithi: Kwamalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Ukwelashwa ngemithi: UmThetho wabaSebenzi bakahulumeni, boPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Ukwelashwa ngemithi: abafundi abasaqeqeshwa Eminye imisebenzi yezokwelapha Abahlinzeka ngemisebenzi 

IMIHLANGANO KANYE NEMIBUTHANO YABANTU 
Imicimbi     Ukuhalaliselana Ukududuza Ukubingelela oKhisimuzi noNcibijane Imihlangano Ukuvivinywa kwamabutho Imisebenzi yezenkolo neyezikhumbuzo  
IZIMAYINI NOKUMBA 
Amadayimane namatshe angamagugu Izimayini nokumba 

 EZENHLALAKAHLE ZIKAZWELONKE 
Izingane kanye nezingane ezigangile Ukunakekelwa komphakathi Izindaba eziphathelene nesimo somnotho womphakathi Izikhungo zezenhlalakahle

 IZINDABA ZASEPHALAMENDE 
Izindaba eziphathelene nephalamende 

IMISEBENZI YABEFUNDISI, EZENHLALAKAHLE KANYE NEZENGQONDO 
Ucingo lokusiza abasezinkingeni ezinkulu (abakhungathekile) Ukunakekelwa ngabefundisi Uphiko lwezemisebenzi yezengqondo Izinhlangano zezenkolo Umsebenzi wezenhlalakahle 

IZINDABA EZIPHATHELENE NABASEBENZI 
Ukuqashwa   Ukuhlaselwa kwamalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa kanye nempahla yawo Izindaba zokufa nezemingcwabo Ukukhononda kanye nezikhalo zabasebenzi boPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa   Izimo zomsebenzi Ukukhishwa nokuthatha impesheni Ukusungulwa kanye nokubeka izindaba zezimo zomsebenzi Izindaba zomndeni Izindlu: zabasebenzi boPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa   Ukwaziswa komuntu omusha emsebenzini Ilivu Izifundo zasemsebenzini Amacala kanye nokukhononda ngomuntu Izimpesheni Abasebenzi Ukubheka ukuphepha: amalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa nempahla yawo   Ukuhanjiswa kwabasebenzi ukuthi bayosebenza kwenye indawo Ukuzibulala: kwamalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa Umshwalensi wokungasebenzi Amavolontiya, imisebenzi nosizo ekhethekile newusizo 

UMSEBENZI WAMAPHOYISA, KWABASEMAGUNYENI KANYE NOMPHAKATHI WONKANA 
Ama-alamu    Izitifiketi kanye nokufakazela imibhalo  Izikhalo emaPhoyiseni: ngaphandle kwezobulelesi Ukuthintana namalunga oPhiko lwezemiSebenzi yamaPhoyisa ngamacala aphathelene nenhlala kahle Imisebenzi yasenkantolo: amalunga oPhiko lwezemisebenzi yamaPhoyisa Imibuzo kanye nemibiko yamaphoyisa Imisebenzi yeminyango eyengeziwe Ukuhlola kanye nokuvakashela abakhandi nabadayisi bezibhamu, kanye nabanikazi bezibhamu Ukunika amalayisensi kanye nokuvakasha: abathengisa ngezinto ezindala Abantu abalahlekile: ukuthungathwa kwabo Ukukhokhela imisebenzi yamaphoyisa Imikhangiso yamaphoyisa Ukuvikela nokugcina umthetho nokuthula ngamaphoyisa Izinto zokuthola umlando wento 

UKUBHALISWA KOMPHAKATHI, UKUBALWA, UKHETHO, UKUNGENA NOKUPHUMA KWABANTU KANYE NOKULAWULWA KWAMAPHASIPHOTHI 
Izindaba eziphathelene nalolu daba ngokujwayelekile Ukhetho kanye nokubhaliswa kwabantu abazovota Ukuhamba kwabantu bezwe, ukungena kwabantu abaphuma kwamanye amazwe, abantu bakwezinye izizwe nokulawulwa kwamaphasiphothi Ukubhaliswa kwabantu kanye nokubalwa kwabo 

IZINDABA ZAMAPOSI KANYE NEZINYE IZINDLELA ZOKUXHUMANA 
Amakheli, izingcingo, amafeksi, izinombolo zamaselula kanye nemisebenzi yakho Ukuphepha kokuxhumana  Ukubhekwa kweposi ngogesi Izindawo zokuposa Izingcingo zomphakathi Ukuxhumana ngomsakazo Ukuxhumana ngamathelevishini Umsebenzi wokubhala oqoshwe ngesandla noma ngomshini 
IZIBOSHWA KANYE NEZINDABA ZAMAJELE 
Izindaba zeziboshwa 

UKUKHUSHULWA KANYE NEZIKHUNDLA ZOKUHLONISHWA 
Izikhundla zokuhlonishwa Ukukhushulwa esikhundleni 

UKUBUTHANA KOMPHAKATHI, IMIBUKISO KANYE NEMIGUBHO 
Imibuthano, imibukiso kanye nemikhosi noma imigubho 

 EZEMPILO YOMPHAKATHI 
Odokotela, abalapha ngamakhambi kanye nabalapha ngesintu Izifo eziqubukile ezibulalayo nezithathelanayo Ukupha ukudla  Abagula ngengqondo Imithi kanye noshevu Impilo yomphakathi Ukwelashwa   

 IMPAHLA 
Izilwane Impahla elahlekile yabuye yatholakala Impahla Impahla etholakale ezidunjini Impahla ebanjiwe noma ethulwa njengelahliwe 

UKUBONGWA NGOMSEBENZI OWENZIWE   
Ukunconywa komsebenzi wamaphoyisa Ukunconywa kwemisebenzi eyenziwe umphakathi Imiklomelo yezilwane zamaphoyisa Imiklomelo yempumelelo enkulu kanye nemisebenzi eyenziwe Imiklomelo yobuphoyisa basemphakathini Umbophi ovelele wenyanga noma wonyaka Umuntu okhubazekile wonyaka Imincintiswano yokuba nemizimba ephilile neqinile Izakhamuzi ezihlonishwayo Izincwadi zokubonga ngesikhathi uthatha umhlala phansi Izindondo, imihlobiso kanye nokunconywa Oyisibonelo sonyaka Imiklomelo kazwelonke neyezifundazwe yezemidlalo Isiteshi samaphoyisa esinobunono kunazo zonke Umsebenzi wonyaka ongaphansi kwesikhundla sobukapteni     Umsebenzi wonyaka; abasebenzi bamaphoyisa bengabalwa Iphoyisa lesifazane lonyaka Umdlali (owesilisa noma wesifazane) wonyaka Izinkomishi, izihlangu kanye namamedali okuhlonishwa  

 UKUQASHWA NOKUSEBENZA 
Ukuqashwa Ukuqashwa  kwabantu abangebona abaseNingizimu Afrika Ukuqashwa kabusha Inqubomgomo yokuqasha Imikhankaso nokusakaza ukuqasha 

IMIDLALO KANYE NOKUPHUMULA 
Umdlalo wekhilikithi (weqakamba) Ukudona Ukunemba ngemicibisholo Izinto eziphathelene nayo yonke imidlalo Ukugijima: kubalwa ukugijima amabanga amade IBadminton Ibasketball IBaseball IBiokinetic Ukwakha izikhwepha zomzimba Amabowl Isibhakela Ichesi ICorfball Ikhilikithi Amabhayisikili AmaDarts Umdlalo we-Equestrian IFencing Igalofu AmaGymnastics Ibhola lesandla Ukukhwela izintaba IHokhi Ukuhamba ku-ayisi ngezicathulo ezinamasondo nasemhlabathini (okhonkiwe) IJudo ne Jo-jitsu IJukskei Ikaladi Isibhakela esifaka nezinyawo Ukuphephisa izimpilo zabantu iModern Pentathlon Ibhola lamantomazane iParachute Jumping iParagliding iPool Table Tennis iPowerlifting iRecreation Gymnastics Ithenisi   Imijaho yezimoto Irabhi iScuba diving Ukudubula Umculo ISnooker and billiards ISoftball Ibhola lezinyawo Iqembu lomdanso lamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Iqembu lemidlalo yeshashalazi lamaPhoyisa aseNingizimu Afrika Imidlalo kanye nezindawo zokuphumula Imidlalo   Imidlalo yasemanzini ISquash Ukubhukuda Ukubhukuda nokudayva/ ukugxumela emanzini Ithenisi ITenpin bowling ITrampoline ITug-of-war IVolleyball Imidlalo yasemanzini Ukuqubula izinsimbi Umdlalo wokudlala nezinja IWrestling Ezezikebhe 

 UKUPHATHWA KUKAHULUMENI 
Ukuphathwa kukahulumeni 

IMPAHLA KAHULUMENI: UKUGCINWA KWEZINTO EZINGASHESHI UKUGUGA 
Ukuthola nokuphatha amabhuku nemibhalo eshicilelwe Ukuthenga, ukuqasha, ukwaba nokugcina impahla kahulumeni Ukuthenga, ukudayisa, ukwaba, ukulimaza kanye nokulahla izikhali, izinhlamvu neziqhumane Ukuzibophezela empahleni kahulumeni Impahla kahulumeni: ukulawulwa kwayo Ukukhethwa kwamabhodi, nokulahlwa kwempahla kahulumeni engasasebenzi 

IMPAHLA KAHULUMENI: NGAPHANDLE KWEZINTO EZINGASHESHI UKUGUGA 
Ukulondwa kwezinto ezidliwayoAmakhonteyina nezinto zokupakishaIzindawo zokugcina izinto ezikhishwayoIzindawo zokubeka imithi nezilwane Izinto eziyizithombe Izindawo zokulondoloza: ukuphathwa kwazoIzabelo Ukucela, ukuthengwa nokuhlinzekwa ngezinto zokubhala, ukugaya,izitembu, amarejista kanye namafomu 

UKUDLULISWA KANYE NEZIKHALA 
Ukudluliswa Izikhala zomsebenzi 

UKUQEQESHA NEZEMFUNDO 
Ukuvakasha kwabafundisayo ngenhloso yokufundisaImfundo Izifundo nokufundiswa, ngeminye iminyango, abasemagunyeni nomaizinhlangano zamaphoyisa kanye nehlangano i-InterpolIzifundo kanye nokufundisa eminye iminyago, abasemagunyeninezinhlangano zamaphoyisa kanye ne InterpolUkuqeqesha

 IZINTO ZOKUTHUTHA 
Izingozi, ukulimala nokwebiwa: kwezithuthi zamaphoyisa Ukuphatha nokunakekelwa: kwezithuthi zamaphoyisa Abashayeli bezimoto, bamabhanoyi nabemikhumbi: izithuthi zamaphoyisa Izithuthi eziqashiwe Izithuthi zemishini Uhlelo lokuxhasa ngemali izimoto zabasebenzi abasemazingeni aphezuluIzithuthi zomsebenzi Ukupaka nokubhekela ukuphepha: kwezithuthi zamaphoyisaIzithuthi okungezona ezamaphoyisa: ukusetshenziswa kwazo ukwenzaumsebenzi Izithuthi zomphakathi: ukusetshenziswa kwazo amalunga oPhikolwezemiSebenzi yamaPhoyisa Izithuthi ezixhasiwe Izithuthi: ukuphathwa kwazo Izimoto ezibolekiwe 

IZITHUTHI KANYE NOKUSEBENZA KOMGWAQO 
Izincwadi nalabo abanezimvume Ukuhamba olwandle Ukuhamba ngesitimela Imigwaqo, izibuko, amabhiliji kanye nezindawo zokuphumula Izimoto emgwaqeni     Ukulawulwa kwezimoto 


