
ISIFUNDAZWE SAKWAZULU-NATALI 
INKULUMOMGOMO YESABELOZIMALI KA-2008/2009 
YOMNYANGO WEZEZINDLU KAMHLONISHWA 
UMNUMZANE MICHAEL MABUYAKHULU 


Indlu ayikhona nje ukuzikhethela kepha iyisisekelo soguquko 



ISIFUNDAZWE SAKWAZULU-NATALI 
UMNYANGO WEZEZINDLU 

INKULUMO MGOMO KA-2008/2009 
YESABELO SEZIMALI 
(I-Voti lesi-8) 

17 April 2008 


INKULUMOMGOMO KA-2008/2009 YESABEZOZIMALI 
KANGQONGQOSHE WOHULUMENI BASEKHAYA, EZEZINDLU 
NEZINDABA ZOMDABU, UMHLONISHWA 
UMNU. MICHAEL MABUYAKHULU 

IVOTI LESI- 8 (UMNYANGO WEZEZINDLU) 

1. UKUBINGELELWA KWEZICUKUTHWANE NGOKWEZIKHUNDLA 
Sihlalo ohloniphekile; 
Ndunankulu waKwaZulu-Natali, uMhlonishwa uDkt. S.J. Ndebele; 
Malungu esiGungu Esiphethe sesiFundazwe; 
Malungu ahloniphekile esiShayamthetho; 
IziMeya namaKhansela ohulumeni basekhaya; 
Amakhosi ahloniphekile akhona; 
IziNhloko zeMinyango; 
Iziphakanyiswa, amanxusa akwamanye amazwe; 
Zihambeli ezikhethekile; 
Bafowethu nodadewethu; kanye 
Nabantu baKwaZulu-Natali 

Indlu ayikhona nje ukuzikhethela kepha iyithuluzi loguquko 

2. ISINGENISO NESENDLALELO 
Sihlalo ohloniphekile ngisukuma lapha ukuba ngethule isabelozimali sika-2008/2009 se-Voti lesi-8 (uMnyango Wezezindlu) ngaphansi kwengqikithi ethi: Indlu ayikhona nje ukuzikhethela kepha iyisisekelo soguquko. Le ngqikithi ihambisana nokugcizelelwa kokuhlaliswa ngokudidiyela njengoba sesibheke ekupheleni kohlelo lweminyaka emihlanu. Siseqophelweni lapho khona kumele sihlole ngokunqala igalelo lohlelo lwezezindlu njengengxenye yokuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye futhi nangokubheka isimo sokudidiyelwa kwezinhlelo zezomnotho, ezomphakathi kanye nomhlaba. Njengoba siqala sihlola umthelela wohlelo lokwakhiwa kwezindlu, siyakuqonda ukuthi ukusebenza kwethu angeke kusabhekwa nje kuphela ngesibalo sezindlu ezakhiwe. Siyakuqonda ukuthi izindlu ziyisisekelonqangi okwakhelwa phezu kwaso intuthuko yezomnotho, ukufinyelela kuzidingonqangi kanye nokubuyiswa kwesithunzi kubantu. Kuyingalesi sizathu sithathe ingqikithi eqoqela ndawonye lo mqondo wokudidiyela. 

Sihlalo ohloniphekile, ekuqondeni kwethu ingqikithi yosuku lwanamuhla, sinikezwa ugqozi ngamazwi esikhondlakhondla somzabalazo wethu wenkululeko nesaba nguMengameli wokuqala weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ekhululekile, uNelson Mandela, owathi enkulumeni yakhe egcotshwa njengoMengameli: Singena 
esivumelwaneni  sokuthi  sizokwakha  umphakathi lapho  khona  bonke  abantu  
baseNingizimu  Afrika,  abamnyama  nabamhlophe,  bazokwazi  ukuhamba  
ngokuziqhenya,  ngaphandle  kokwesaba  ezinhliziyweni  zabo,  beqinisekisiwe  

ngelungelo labo abangephucwe lona lesithunzi somuntu 
NjengoMnyango, sikuqonda kahle kamhlophe ukusilela emuva kwezezindlu esifundazweni sakithi. Sisalokhu sizinikele kusinqumo sesu lokuqeda ukuminyana, ukungaqinisekiswa kwelungelo lobunini, ukungazinzi kwezakhiwo, ukungakwazi ukufinyelela ezinsizeni, ingcuphe kwezempilo nezokuphepha kanye nezinye izimo zasemijondolo, ikakhulukazi ezindaweni zethu ezisemadolobheni kanye nalezo ezakhele amadolobha. Ekufezeni izinjongo zethu, sithola uholo sibuye futhi silandele imigomo equkethwe nguSomqulu Wenkululeko (Freedom Charter), ubumqoka bawo obusaqhubeka nokusinikeza ubuhlakani, yize sekuphele amashumi amahlanu eminyaka emva kokwamukelwa kwawo yizingqalabutho zomzabalazo wethu, nesiyohlala njalo sonke sizibonga. 
Sihlalo ohloniphekile, kwakufanele kithina ukuba sikhulume  ngamathantala amathuba kanye nentokozo ngesikhathi sethula isabelozimali se-Voti lesi- 8 eminyakeni yokuqala kwalolu hlelo lweminyaka emihlanu. Ukusilela emuva ekulethweni kwezidingo ngaleso sikhathi kwakudla lubi, futhi umsebenzi omkhulu owawusihlalele wawusicacele. Kodwake asizange sigudluke ekuzibophezeleni ngokuhlanganyela, okwabalulwa nguMengameli uMandela ngokuqondene nokubuyiswa kwesithunzi kubantu kanye nokukhuthazwa komphakathi obumbene njengesisekelo  senkululeko yethu. 
Ekuqinisekiseni ukufezwa kwalo myalelo, sike saba nemihlangano eminingana yokubuyekeza amasu okusebenza, ngaphezu kwezingqungquthela zaminyaka yonke zezezindlu nezihanjelwa ngabantu abaningi kulesi sifundazwe. Ngaphezu kwalokho, siye saphumela ngaphandle kwemingcele yakuleli sacobelelana ngolwazi neminyango yezezindlu kanye nongoti base-Cuba, Kenya, Canada kanye namanye amazwe esingaziqhathanisa nawo. Sibuye futhi sabamba iqhaza ezinhlelweni zokushintshiselana ngabasebenzi namazwe anjengo-Cuba. Ngenxa yalokhu kusebenzelana nokusebenzisana, sikwazile ukuhlaziyisisa ukuqonda kwethu imiyalelo yethu kanye nokuqaliswa kwezinhlelo zezezindlu. 

Ngalokho-ke ngikusho ngokuzethemba ukuthi, siwamukela ngazo zombili umsebenzi wethu wokwakha izindlu ngokuhambisana nohlelo lwethu lweminyaka emihlanu. Kodwa-ke sikwamukela ngokugcwele futhi ukuthi okusemqoka ohlelweni lwethu lokwakhiwa kwezindlu, isidingo sokuba singalibali umthelela obalulekile wokudidiyela kumasu okusebenza. Lokhu kuhambisana neziNhloso Zekhulunyaka Zentuthuko, izinjongo zokulethwa kwezidingo njengoba zemukelwa yiKomiti Longqongqoshe Bezezindlu (MINMEC) kanye nawuHlelo LwaKwaZulu-Natali Lwezinto Eziseqhulwini. 
Sihlalo ohloniphekile, lesi sabelozimali sisethula ngesikhathi lapho khona amasu ethu ezinhlelo zokulethwa kwezindlu esenziwe ngcono kakhulu. Omasipala bawumgogodla obalulekile ezinhlelweni zethu. Ngenxa yalokhu, uMnyango Wezezindlu usubeke eceleni abasebenzi abazinikele ukusiza omasipala ekulungiseni amasu abo ezinhlelo zezezindlu. Lezi zinhlelo zezezindlu zamukeleka kuphela uma zithathwa ngokuthi ziyazigculisa izimfuneko zokuhlaliswa ngokudidiyela ngokuphelele. Siyajabula ukukusho ukuthi ukuhlaliswa kwabantu, esiqhubeka nokukwenza  kusethubeni elihle kunakuqala lokufeza ukudidiyela kwezomnotho, ezenhlalo kanye nomhlaba. Ngenxa yalokho, uhlelo lokulethwa kwezindlu KwaZulu-Natali lusethubeni elihle lokusimama kakhulu. Le mpumelelo isisondeza eduze kokunqoba ngokuphelele izinhlelo ezaziyingxenye yezinqubomgomo zenqubo yobandlululo. 
Sihlalo ohloniphekile, njengoba sigubha le mpumelelo, siyincoma kakhulu imibono kanye namagalelo ababambi-qhaza. Ukuhambisana nalokhu, isabelozimali esethulwa namuhla sibheke imibono yababambi-qhaza abehlukene. Abanye omibono yabo esiyibhekile, ngomasipala, amaKhosi, ochwepheshe bezezindlu, abakhiqizi bempahla, izifundiswa kanye nabanye ababambi-qhaza esasebenzisana nabo. Kubalulekile ukuphawula amanye amaphuzu aphakanyiswe kulokhu kuxoxisana, nokuyilawa: 
a)  Ukulethwa kwezindlu kumele kubuke izimfuneko zezinhlobo ezahlukene  
zezidingo zokuhlaliswa kwabantu.  
b)  Ukulethwa  kwezindlu KwaZulu-Natali kumele kubhekele nabanye abantu   
ngaphandle kwalaba abahlonzwe njengabahola kancane.  
c)  Izinselelo ekwakhiweni kwezindlu ezingaminyene kakhulu.  
d)  Izinselelo ekuhlanganisweni kwemiphakathi ngokwenhlalomnotho  
e)  Ukukhishelwa ngaphandle kwamadolobha asemakhaya emihlomulweni   
eyabelwe  izindawo eziklanywa kabusha.  
f)  Amaphrojekthi ezezindlu  awaphumeleli ekuqedeni umthelela wobandlululo  
ngesivinini esidingekayo  
g)  Umhlaba okhona onezinsiza ukumalokishi aziwa ngama-R293 (ngokuhlela  
kwenqubo yobandlululo)  
Indlu ayikhona nje ukuzikhethela kepha iyisisekelo soguquko  

h)  Njengamanje akukho luhlaka lwamasu okusebenza esifundazweni  
oluqondene nokuhlaliswa kwabantu.  
i)  Amanye amaphrojekthi ezindlu ayaqalisa kumanje emadolobhaneni  
asemakhaya asakhasa ngokomnotho, nokuyinto esho lukhulu ngamathuba  
okuqashwa kanye nezinye izimfuneko zokusimama.  
j)  Izinganhle  elingagculisi lamapulani emkhakheni wezezindlu kanye nokungabi  
khona kokulungelaniswa kwezinhlelo  
k)  Ukulungelaniswa kokwakhiwa kwezindlu nokulethwa kwengqalasizinda   
Angafezeka yini amaqophelo empumelelo?  
l)  Ukubambezeleka kwamalungelo okuthuthukisa umhlaba kanye  
nokuphasiswa kwezinhlelo zokwakha.  
m)  Ukukhula kwezindleko ngenxa yokubambezeleka.  
n)  Ukulahlekelwa ngenxa yezinga elingagculisi.  
o)  Izithiyo ekuqalisweni kwamaphrojekthi.  
p)  Izingqinamba zamakhono.  

Sihlalo ohloniphekile, sethula lesi sabelozimali seVoti lesi- 8 siwaqonda ngokugcwele la maphuzu anikeziwe. Siliqonda ngokugcwele futhi iqiniso lokuthi izingqinamba zamakhono zithinta bonke ababambi-qhaza. Uhulumeni kanye nabomkhakha wezamabhizinisi bayakwamukela ukuthi kunokwentuleka kwamakhono. Njengoba simatasa silungisa ukwentuleka kwamakhono ezingeni lesifundazwe nelohulumeni basekhaya, siyakuqonda ukuthi nozakwethu emkhakheni wezinkampani ezizimele banenkinga yokwentuleka kwamakhono. Isibonelo salokhu yisidingo sokuba kukhushulwe isibalo sabafundi abathathwayo nabakhiqizwayo emkhakheni wezobunjiniyela. Angeke siyixazulule ngokuphelele inselelo yokwentuleka kwamakhono ezobuchwepheshe uma izikhungo zemfundo ephakeme zingakwazi ukuheha nokuqeqesha isibalo esanele sabafundi emikhakheni efanele yezemfundo. 

3. 	UKUHLALISWA NGOKUDIDIYELA NJENGENGXENYE YOMBONO OMUSHA KWEZEZINDLU 
Sihlalo ohloniphekile, umbono omusha kwezezindlu okuyiwona onikeza ingqikithi yalesi sabelozimali usayigcinile inhlosongqangi yawo yokukhuthaza ukuba nomphakathi ongacwasi ngokobuhlanga nodidiyele ngokwakhiwa kwezindlu zokuhlalisa abantu ezisimeme neziseqophelweni. Lesi sabelozimali siwubufakazi bomdlandla wethu owengeziwe ekuqedeni ubandlululo ngokwenhlalo-mnotho nangokobuhlanga ekulethweni kwezindlu. Ngamanye amazwi, sihlanganise isabelozimali esikwamukelayo ukuthi ukudidiyelwa kwezomnotho kuyimfuneko ukuze kuqinisekiswe ukusimama. Kodwa-ke, lokhu akusho ukuthi siyeka izinhlelo zokwakhiwa kwezindlu ezigxile kakhulu ezindaweni lezo ezisilele emuva ngakwezomnotho. Empeleni, sicabanga ukuthi ukungenelela kwethu kwezezindlu kumele kube yisikhuthazi, ngisho nasemiphakathini eqhelile ezizindeni ezithuthukile ngokomnotho, ukuze kukhule umnotho. Kulokhu-ke uhlelo lwethu lwezezindlu luzosiza kakhulu kumaphrojekthi okuthuthukiswa komnotho wezindawo lezi ebezishaywe indiva esikhathini esiphambili. 

Sihlalo ohloniphekile, izimfuneko zokuhlaliswa ngokudidiyela kazithinti nje ingqalasizinda kuphela. Sesiyibonile inqubekela phambili kwizinga lokuhlela uma sekuziwa ngasemkhakheni wokuhlelwa kokwakhiwa kwezindlu. Siyalithokozela ikhono lomasipala lokukwazi ukulungelanisa ukwakhiwa kwezindlu nezinhlelo zokwakhiwa kwengqalasizinda. Kodwa-ke, sisadinga ukuba senze kangcono lapho sihlela ukuze sibe nokudidiyelwa okuphelele. Sisenezinselelo ezinqala ekulungiseni indlela yethu yokuhlela siyilungelanise nokutholwa kwamalungelo okuthuthukisa umhlaba nokwakha. Kumele sifike eqophelweni lapho khona singaba nokwethemba ukuthi ukuhlela, ukutholwa kwamalungelo okuthuthukisa umhlaba kanye nokuphothulwa kokwakha kuzokwenzeka ngale kokuthi, kuze kunyuswe izindleko futhi kulimale izinga lezindlu. Siyazi futhi ukuthi ezimweni eziningi izinselelo zethu ziyizimpawu nje zezingqinamba eziyisisekelo. Lesi sabelozimali silungiswe ngokuqonda okugcwele ukuthi uMnyango WezeZindlu kumele ukhuthaze ubuye ugqugquzele usiko lokuthuthukisa amakhono kubona bonke ababambi-qhaza, ikakhulukazi komasipala. Ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka, isabelozimali siyakwamukela ukuthi kumele kuhlinzekelwe izindleko zokuthola amakhono ezobuchwepheshe ukuqhuba amaphrojekthi okwakhiwa kwezindlu komasipala. Ngaphezu kwalokho, lesi sabelozimali siyakwamukela futhi ukuthi kunesidingo sokubhekana nezingqinamba zokwentuleka kwamakhono kwabanye bababambi-qhaza abasemqoka abanjengabathuthukisimhlaba nabanye. 
Sihlalo ohloniphekile, sike sabalula igalelo labababambi-qhaza abehlukene, eliye labhekwa ngenkathi kulungiswa lesi sabelozimali. Kodwa ukusebenza kwe-Voti lesi-8 kulo nyaka wezimali kuzokhombisa ukuhambisana nendlela esisebenze ngayo esikhathini esedlule. Ngalokho-ke ngizothanda ukuba nginethulele ubuyekezo olufushane ngokusebenza kwesabelozimali onyakeni wezimali ka-2007/2008. 

4. UBUYEKEZO LWEZINTO EZAZISEQHULWINI ONYAKENI WEZIMALI OWEDLULE 
4.1 Ukuqedwa kwemijondolo 
Sihlalo ohloniphekile, Ndunankulu ohloniphekile, kuyintokozo kimina ukuba ngibike ukuthi sikwazile ukufinyelela emaqophelweni empumelelo ka-2007/2008 ohlelweni oluseqhulwini nolugxile ekuqedweni kwemijondolo KwaZulu-Natali. Le Ndlu izokhumbula ukuthi enye inselelo esemqoka yomsebenzi wethu yayibandakanya ukwakhiwa kwesu esasizohlaba ngalo ikhwelo libuye futhi libe yindlela yokuqalisa uhlelo lokuqedwa kwemijondolo. Ukuqinisekisa lokhu, saqala sabuye saphothula uhlelo lokwakha umthetho wesifundazwe, nolwagcina ngokuthi kuphasiswe uMthetho WaKwaZulu-Natali Wokuqeda Nokugwema Ukuvumbuka Kabusha Kwemijondolo. Ngaphezu kwalokhu, sisebenzise izigcawu zokucobelelana ngolwazi nomphakathi ukuze sicacise okuqukethwe nokuhlosiwe ngalo mthetho. Inhloso enkulu ngalo mthetho ukuqeda umkhuba wokudala izimo zemijondolo nalapho sithi sesedlule khona. Sesixoxisene nababambi-qhaza abehlukene sabuye sacacisa inhloso yomthetho engakuvimbeli ukungahleleki kwalezi zindawo. Inhloso yethu ngalo mthetho icacile  asizukuvumela ukuxhashazwa kwabantu abampofu ngokwandiswa kwemijondolo kanye nangezinye izindlela zokusebenzisa umhlaba ezixhaphazayo. Ngalokho-ke, kasifuni ukuba sithatheke njengabantu abahlose ukwenza izisulu abantu abangenamakhaya nabahlwempu ngenxa yokuthi bahlala ezimeni zasemijondolo. 

Sihlalo ohloniphekile, siyajabula ukuba sibike ukuthi lo mthetho usubuye wenza sabuye sagxila kabusha kwisidingo sokuba omasipala baqikelele kakhulu lapho besebenza ngezindaba ezithinta umhlaba. Lokhu, phakathi kokunye, kusho ukuthi omasipala kumele baqinisekise ukuthi abakhi abaqokiwe, banamakhono okwakha izindlu bese bezaba ngokufanele nangesikhathi. Sesike sabona abantu behlala emhlabeni ngodli nokwenza isimo semijondolo siye ngokuya siba sibi, ngenxa yokungaphathwa ngendlela komhlaba ngomasipala. Umthetho wethu ugcizelela isibopho salabo abaphethe umhlaba sokuqinisekisa ukuthi akukho ukubuyela emuva ekuqubukeni kwemijondolo nasezimeni ezidala lokho. 

4.2 Ukusizwa ngamakhono komasipala 
Sihlalo ohloniphekile, umkhakha wesibili obekwe eqhulwini kulo nyaka wezimali odlule bekuyilowo wokusizwa ngamakhono nokunikezwa amandla komasipala. Siyajabula ukumemezela ukuthi izinhlelo zethu zokuthuthukisa amakhono nokuhlela zinikele ngesikhathi nezinsizasidingo kulokhu. Njengamanje sesinezinhlelo zezindlu eziseqophelweni elamukelekayo, ngaleyo ndlela sesenze uhlelo lwethu lokulethwa kwezindlu lwahambisana nezinhlelo zeminye imikhakha komasipala. Lokhu kubaluleke kakhulu, uma sibheka iqiniso lokuthi izindlu ziyisisekelo kubantu, okusetshenzelwa phezu kwaso ukuletha izidingonqangi ezifana namanzi ugesi kanye namathoyilethe ahlanzekile. Sesingasho manje ukuthi sekunobhekwa kwesimo somhlaba ezinhlelweni zethu zezindlu. Ngamanye amazwi lokhu kusho ukuthi imihlomulo kulabo abathola izindlu seyenziwe ngcono. Siyajabula ukusho ukuthi labo abahlomula ngohlelo lwethu lwezindlu basezindaweni ezibhekela ukufinyelela emathubeni ezomnotho kanye nezidingo zokuthuthukisa umnotho wezindawo. 


4.3 Izindlu eziqashisayo 
Sihlalo ohloniphekile, sasinqume futhi ukuba sibhekane nezinselelo zokwakha izindlu eziqashisayo. Sawamukela lo msebenzi sikuqonda ngokugcwele ukuthi izinhlelo zenqubo yobandlululo zancisha abantu bakithi ithuba lokuba nemizi emadolobheni ethu kanye nasezindaweni eziwazungezile. Sisaqhubeka nokususa izingqinamba lapho khona ukwakhiwa kwamalokishi kanye namadolobha kungenele. Siyazi ukuthi izibalo zokusilela emuva ziphezulu njengoba abantu abasebasha beqhubeka nokuthutheleka emadolobheni ukuzofuna amathuba emisebenzi. Sisalokhu sizinikele ekuhlinzekeni ngezindawo zokuhlala ezanele kulabo abafuna ukuqasha. Siyaqhubeka emizameni yethu yokuhlela kabusha amahositela njengezindawo ezingaqashiswa. 

4.4 Ukwakhiwa kwezindlu emakhaya 
Sihlalo ohloniphekile, sabuye futhi sazinikela ekusheshiseni uhlelo lokulethwa kwezindlu ezindaweni zasemakhaya. Sabalula nokho ukuthi, iningi lemindeni edinga ukwakhelwa izindlu ezindaweni zasemakhaya, yileyo ephethwe ngabesifazane, izingane, abantu abadala kanye nalabo ababuthaka. Ohlwini lwabahlomuli bangabesibili ngobuningi. Sesibe nezinselelo zokugqagqelana kokuhlala kwabantu, ukungabi khona kwamatayitela, ukungafinyeleli ezinsizeni, ukufakwa kwamapayipi kagesi okubizayo, ukwentuleka kwamakhono ezobuchwepheshe kanye nokunye. 
Kodwa-ke, impumelelo yethu ebabazekayo ekwakheni izindlu ezindaweni zasemakhaya, ingenxa, phakathi kokunye, yobudlelwane bokusebenza obuhle nababambi-qhaza, abafaka phakathi izakhiwo zobuholi bomdabu. 

4.5 Ukwakhelwa izindlu kwababuthaka 
Sihlalo ohloniphekile, lo mkhakha, yiwona oseduze kakhulu nezinhliziyo zethu. Lapha-ke, sikhipha amangwevu ethu ekuhlinzekeni ngezindlu ababuthaka. Siyajabula ukusho ukuthi uhlelo lokwakha izikhungo zezingane eziyizintandane ngenxa yeSandulelangculazi neNgculazi, luyaqhubeka nokuba ngumgogodla wemibhidlango yethu. 

4.6 Amaphrojekthi amisiwe 
Sihlalo ohloniphekile, ekwenzeni imisebenzi yethu, siphindela ezinhlelweni ezashiywa zingaphothuliwe. Sihlonza onke amaphrojethi  amisiwe. Sibheka izingqinamba ohlelweni lokusebenza kanye nakwezinye izindawo bese sibhekana nazo ngokuzinikela. Sibeka eceleni izinsiza zamakhono ukuze sibhekane nezinselelo ezisendleleni yokusebenza. Ngaleyo ndlela siyakwazi ukuthi sisungule sibuye siqalise izinhlelo ezifana nokukhuthazwa kobunini bemizi ngohlelo olunwetshiwe lwezaphulelo nokudalwa kwamathuba emisebenzi. 



5. UKUBUYEKEZWA KWEMPUMELELO EZINHLELWENI ZIKA-2007/08 
5.1 Uguquko lomnyango, ukuphatha okuhle kanye nokulungelaniswa komnyango nombono wezezindlu. 
Sihlalo ohloniphekile, kunokuvumelana ngokuthi indlela umnyango ome ngayo nosebenza ngayo kudlala indima ebaluleke kakhulu ekulethweni kwezidingo ngokuhambisana nomyalelo wethu. Izigcawu zethu zokubuyekeza amasu okusebenza ziyicacise ngokusobala isidingo sokuhlala njalo kuguqulwa futhi kulungelaniswa umnyango wethu nezinguquko ezikhona. Ubuholi boMnyango wethu bukwazile ukulungelanisa uhlaka lokuma komnyango nezinhlelo zethu kanye nemisebenzi yethu esemqoka.   

5.2 	Ukuhlelwa kwezindlu nentuthuko 
Sihlalo ohloniphekile, isiyonke ingu-R21,541 wezigidi imali eyabelwa lolu hlelo kulo nyaka wezimali odlule. Siyajabula ukuba sibike ngalamazwibela alandelayo abe yimpumelelo: 
a) 	Ukusungulwa koHlelo oludidiyele lwesiFundazwe Lwezindawo Zokuhlala Abantu Ezisimeme ngokubambisana nayo yonke iminyango nababambi-qhaza abaqondene: Lo mqondo ukhuthaza isu lokusebenza elizoqinisekisa ukuthi kuneqhinga elididiyele elibheke ekuthuthukisweni kwezindawo zokuhlalisa abantu ezisimeme. Lokhu kuzobuye kuguqule lezi zimo zokuhlala ezadalwa ngesikhathi sobandlululo esifundazweni futhi kuzoqinisekisa ukuthi ukulethwa kwezidingo kuyasheshiswa, kwenziwa ngendlela enekhono, enempumelelo neyongayo. 
b) 	UUkusatshalaliswa komkhankaso wokufundisa abathengi bezindlu, owaholela ekutheni abantu abangama-20,000 babambe iqhaza eThekwini naseMgungundlovu. Lo mkhankaso uhlose ukuqinisekisa nokwazisa abathengi ukuthi izindlu ziyifa laphakade. 

c) 	NgoNdasa zingama-31 ku-2008 omasipala abangama-51 base bephothule iziNhlelo Zezindlu Zomasipala. Lolu hlobo lotshalozimali komasipala nguMnyango Wezezindlu luzoba yingxenye ebalulekile yesu elibanzi lokuguqula ezezindlu kanye nezindlela okuhlaliswa ngazo abantu KwaZulu-Natali. 

5.3 	Ukuphathwa Kwamaphrojekthi 
Sihlalo ohloniphekile, yimali elinganiselwa ku-R1,2 wezigidigidi eyabelwa lolu hlelo kulo nyaka wezimali odlule futhi kusinikeza intokozo ukuba sibike ngalezi zinto ezilandelayo ezibe  yimpumelelo: 
(a) 	
Kuyintokozo enkulu ukuba ngimemezele ukuthi sisebenze saze sedlula ezinjongweni zethu ngokuphathwa kwamaphrojekthi. Okokuqala ngqa, sakhe ngempumelelo izindlu eziyi-5,202 ezindaweni zasemakhaya lapho khona injongo yethu kwakuyizindlu eziyi-3,100. Sibuye futhi senza kahle, uma sibuka isibalo sesisonke sezindlu esizakhile ngoba, sakhe izindlu eziyi- 20296 ekubeni injongo yethu kwakuyizindlu eziyi-22,800. Sicishe sifinyelele kumaphesenti ayi100 ekufezeni injongo yethu. Singakukhohlwa ukuthi izibalo zokugcina zokuphela kukaNdasa nazo zizokwengeza kulesi sibalo sika-20,296 esinikeziwe. 

(b) 	
Ukuphasiswa koMthetho Wokuqeda Nokugwema Ukuvumbuka Kabusha Kwemijondolo: Lo Mthetho angeke usize nje kuphela abazoba ngabahlomuli okumanje bahlala emijondolo, kodwa futhi uzobavikela komasitende basemijondolo kanye nalabo abayizishoshovu-mbumbulu, abasebenzisa ukuhlupheka nosizi  lwabantu bakithi ukuze bazihlomulele bona. Lo Mthetho uhlinzeka omasipala ngethuluzi elizobasiza ukuba babhekane nokuvumubuka kwemijondolo ngaphansi kwezindawo zabo. Ubasiza futhi ekutheni bazi isibalo semijondolo. Ngaphezu kwalokho, unikeza izizathu ngezilinganiso zezimali ezinikezwe ngomasipala. 

(c) 	
Sihlalo Ohloniphekile, njengoba sasizibophezele kule Ndlu ngenkathi sethula inkulumomgomo yethu yonyaka wezimali ka-2007/2008, ukulungiswa kwezindlu e-Cato Manor, kwaphothulwa ngempumelelo. Lolu hlelo selususe izindlu eziyikhulu ebezingafakelwe ngendlela izintambo zikagesi obekuyingozi. Esikhundleni sazo kwakhiwe eziyikhulu ezihambisana nezidingo eziyisisekelo zezempilo nokuphepha. Uhlelo lokulungisa luyeza naseMsunduzi. 



(d) 	
Sihlalo ohloniphekile, ukulungiswa kwezindlu ezikhona njengamanje okufaka phakathi lezo ezakhiwa ngohulumeni bangesikhathi esedlule kusalokhu kubekwe eqhulwini ekwenzeni kwethu umsebenzi wokwakha izindlu. Siyaziqhenya ngokuthi sibike ukuthi umphakathi wase-Lamontville usanda kuhlomula ngalolu hlelo. Ukuqinisekisa lokhu, kusanda kwethulwa ngempumelelo iphrojekthi ebizwa ngele-Lamontville Regeneration Project. Le phrojekthi igxile emikhakheni eyehlukene efaka phakathi ukwenziwa ngcono kwezakhiwo, ukuqedwa kwezimo zasemijondolo kanye nokuvuselelwa komnotho. 

(e) 	
Sihlalo ohloniphekile, sibe nempumelelo ekuhlinzekeni ngengqalasizinda yezezindlu kulabo ababuthaka. Phakathi kwezinto esisize ngazo kube ukwakhiwa kwe-Rehoboth Childrens Home kumasipala wesiFunda sasoGwini. Ulwazi esesinalo lusifundise ukuthi lona ngumkhakha esingadlondlobalisa kuwona impumelelo yethu ngokumbandakanya  abanye ababambi-qhaza. 

(f) 	
Sihlalo ohloniphekile, ukwakhiwa kwezindlu ezingaminyene (medium density housing) kungenye yemisebenzi yethu esemqoka njengoba sibheke ku-2010 nangale. Ukwakhela umphakathi izindlu kusayilona thuluzi uMnyango Wezezindlu olusebenzisela ukuhlinzeka ngezindlu eziqashisayo ngokubambisana nezikhungo ezakhela umphakathi izindlu. Kulo nyaka wezimali ofile nje uwodwa, sethula amaphrojekthi okwakhela umphakathi izindlu eBonella nase-Cator Manor kuMasipala WeTheku. Ngaphezu kwalokho, ukwakhiwa kwezindlu eziqashisayo kuMasipala WaseMsunduzi kwangezeka ngezinye izindlu ngohlelo lwase-Signal Hill Lokwakhelwa Komphakathi Izindlu. Le phrojekthi yase-Signal Hill isiphothuliwe futhi kumanje isesigabeni sokuhlalisa labo abafanele. 



5.4 	Izindaba ezithinta iminyango eyehlukene 
(a) 	Sihlalo ohloniphekile, okokuqala ngqa uMnyango Wezezindlu wathola umbiko womcwaningi-mabhuku othi sahambisa konke ngendlela ngonyaka wezimali ka-2006/2007. Imiphumela yokucwaningwa kwamabhuku ayitholakalanga kwaze kwahamba isikhathi ku-2007. Nakuba lokhu kumele kube yinto evamayo kunokuba kuqabuke ukwenzeka, ngokukhulu ukuzithoba lokhu, ngicabanga ukuthi uMnyango Wezezindlu kumele ushayelwe ihlombe. Kungenxa yemizamo yokusebenza ngokuzikhandla kukaNksz. Zandile Nyandu, oyiNhloko Yomnyango aphinde abe yisikhulu esinesibopho sokubika, ebambisene nethimba lakhe lezezindlu, eyenze uMnyango Wezezindlu wathola le zindlu. 

miphumela ejabulisayo. 
(b) 	UMnyango Wezezindlu usuluphothulile ucwaningo lwemiXhaso Yezezindlu kwase kuthi amacala adinga ukuphenywa nokushushiswa edluliselwa oPhikweni Oluyisipesheli Lwezokuphenya Lukazwelonke. Ngenxa yezinqubo zolawulo eziqatha, uMnyango Wezezindlu ukwazile ukubhekana nenkinga yokukhwabanisa kanye nenkohlakalo kulo nyaka wezimali. 
c) 	UMnyango usulungise izinhlelo zawo ukuze kube khona ukusebenzelana ne-Akhawunti Esebenza Ngezezindlu Komasipala. UMnyango manje usunerekhodi lazo zonke izimali ezikomasipala ezibekelwe ukwakha i 


6. IZIMEMEZELO EZIYISIPESHELI 
Sihlalo ohloniphekile, isimo esisebenza ngaphansi kwaso sihlala njalo siguquka ezingeni lenqubomgomo kazwelonke neyesifundazwe. Lezi zinguquko kwinqubomgomo zisabela ngqo kuzinselelo, okuhlangatshezwana nazo emazingeni aphansi. Le Ndlu ehloniphekile izokhumbula ukuthi ngamemezela kusabelozimali sonyaka wezimali owedlule se-Voti lesi- 8, ukuthi isabelo sokuhlela kabusha sethulelwa ukusheshiswa kwesivinini kanye neqophelo lokulethwa kwezindlu ezingaminyene. Kusabelozimali sika-2008/2009 ngaphansi kwe-Voti lesi-8 sifisa ukwenza lezi izimemezelo ezilandelayo, uhlelo ngalunye: 
Uguquko lomnyango (Ezokuphatha) 
Umnyango usuphumelele ukuguqula uhlaka lokuma koMnyango. Bekungumsebenzi onzima nothathe isikhathi eside. Wabuye futhi wenziwa nzima nangukuthi sathi sesiphakathi nomsebenzi, kwase kuchitshiyelwa iMithethonqubo Yabasebenzi Bakahulumeni ngokuqondene nokuhoxiswa kanye nokudluliselwa kwamandla nguNgqongqoshe Wemisebenzi Kahulumeni Nokuphatha kumaLungu esiGungu Esiphethe esifundazweni. 
UMnyango Wezezindlu awukuthathi ukushintshwa kohlaka lokuma koMnyango njengoguquko oluphelele loMnyango. Ngaphezu kwalokho uhlaka lokuma koMnyango luyinto engamile ndawonye futhi lumele ukuba lukwazi ukuguquka ukuze luhambisane nezinguquko zenqubomgomo ngaso sonke isikhathi. Ngokubona lokhu, uMnyango Wezezindlu uzoqhubeka ngamandla nohlelo lokuletha uguquko ngaphakathi noluzogxila ezinhliziyweni nasemiphefumulweni yabasebenzi bawo kanye nakubabambi-qhaza kwezezindlu. 

UMnyango, ngokulandela umyalelo woMnyango Wabasebenzi Bakahulumeni Nokuphatha, uzoqalisa uHlelo Lokulawula Ukusebenza Nokuthuthukiswa Kwabasebenzi. Lolu nguhlelo oselwenziwe ngcono nobeluvele lukhona. 

Ukukhushulwa kwesamba soxhaso 
Sihlalo ohloniphekile, umkhakha wezezindlu awukwazi ukuhlala ungathinteki kulo msinga wezinguquko zezomnotho ongundabamlonyeni ezweni lethu namuhla. Uhulumeni uselusukumele ngemfanelo udaba lokukhuphuka kukaphethilomu, inzalomboleko nezinye izinto ezingaba nomthelela ezindlekweni zomkhiqizo kwezezindlu. 
Siyajabula ukuba sikusho ukuthi ubukhulu kanye nezinga lomkhiqizo wethu wezindlu angeke sikuyekelele. Ukuqinisekisa lokhu, uxhaso olusha nolusebenza kwezezindlu manje selume ku-R 61,380 umuntu ngamunye ozohlomula. 

Isu Lokwabela Ngokufanele Omasipala 
Ngonyaka wezimali ka-2008/2009, uMnyango uzosungula indlela ezoqinisekisa ukwabiwa ngokufanele kwezimali kubo bonke omasipala KwaZulu-Natali. Isizathu ngalesi sinyathelo, isidingo soMnyango Wezezindlu sokuqinisekisa ukuthi utshalozimali kwingqalasizinda yezezindlu lwabiwa ngendlela efanele futhi ebheka isidingo kubo bonke omasipala KwaZulu-Natali. 
Ngaphezu kwalokho, lokhu kuzoqinisekisa ukwabiwa ngokufanele kwezimali futhi kuzoqinisekisa ukuthi utshalozimali KwaZulu-Natali luqhutshwa ngokwesekelwa ulwazi futhi luyalungelaniswa notshalozimali olwenziwa ngeminye iminyango kahulumeni. Lokhu kuzosiza ukulungelanisa ukulethwa kwezindlu neSu Lesifundazwe Lokuthuthukiswa Kwezindawo Ngakwezomnotho (PSEDS) 

Ukufundiswa Kwabathengi Bezindlu 
UMnyango uhlose ukuqinisa uHlelo Lokuqeqeshwa Kwabathengi Bezindlu okuhloswe ngalo ukufundisa abathengi nababambi-qhaza emkhakheni wezezindlu. Onyakeni wezimali ka-2008/2009, balinganiselwa kuma-25,000 abathengi esihlose ukuba baqeqeshwe. 
Imikhankaso yokufundisa abathengi izoqiniswa onyakeni wezimali ka-2008/2009. Leli thuluzi lidala inkundla lapho zonke izakhamizi zaKwaZulu-Natali zizokwazi ukuxhumana noMnyango ngendlela efundisayo, inikeze ulwazi ibe ithokozisa. 


Ukuthuthukisa Amakhono Kubabambi-qhaza Kwezezindlu 
Ngonyaka wezimali ka-2008/09 kuzoqeqeshwa kubuye kuthuthukiswe amakhosi nabaholi bomdabu abayikhulu kulesi siFundazwe.  Okuzogxilwa kukho kakhulu kulokhu kuqeqesha, ukwakhiwa kwezindlu, isu lokwakhiwa kwezindlu emakhaya kanye nokwakhiwa kwezindawo zokuhlalisa abantu ezisimeme. 
Amakhansela azoqhubeka nokuqeqeshwa kanye nokuthuthukiswa nguMnyango ngokubambisana noMnyango Wezezindlu kaZwelonke. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi amakhansela aqeqeshwe ngokwanele ukuze akwazi ukufeza umyalelo awunikezwe uhulumeni ebe enza ngcono ohulumeni basekhaya. 
Ngonyaka wezimali ka-2008/09, sizonikeza amandla umasipala okuphatha izinhlelo zezezindlu kuMasipala weTheku. Lona kuzobe kungumasipala wokuqala ezweni lonke ukunikezwa lamandla. 

UMnyango Wezezindlu WaKwaZulu-Natali uzohola ukuqaliswa kohlelosivivinyo koMthetho Wemijondolo kuzwelonke. 
IKomiti LikaNgqongqoshe Wezezindlu kanye nabo bonke oNgqongqoshe bezifundazwe ababhekele ezeZindlu (MINMEC) selithathe isinqumo okuzothi ngaso, uMnyango Wezezindlu KwaZulu Natali usize kuzwelonke ekulandelweni kwemiyalelo yoMthetho Wemijondolo. Ngokuzithoba, siyakubonga ukunconywa kohlonze nobuholi bethu kulokhu. 
Njengoba sikwamukela ukunconywa kuzwelonke, sithi kumele siqale ekhaya. Ngalokhoke sesiqalile ukulungisa uhlaka omasipala abazosizwa ngalo ekulandeleni izihlinzeko zomthetho. Isibonelo salokhu sizoba sekusizweni komasipala ekulungiseni uhlelo oludidiyele lokuhlolwa kwemijondolo. 

Ukwakhelwa izindlu kwalabo ababengamasosha 
UMnyango Wezezindlu uyasibona isidingo sokuhlinzeka imiphakathi ethile ngezindlu. Ngaphezu kwalokho siyazazi izinselelo ezibhekene nalabo ababengamasosha ngokuqondene nokuthola izindlu. Lezi zinselelo zibandakanya ukungakwazi ukuba namaakhawunti emabhange, ukungabi nemali kanye nokuhluleka ukunikeza ubufakazi obubhaliwe obungahle budingeke njengesibambiso. Kade sakubona ukuthi lena ngeminye yemiphumela engagwemeki endleleni enzima eyayibheke enkululekweni lena esiyithokozelayo kumanje. 

Siyajabula ukumemezela ukuthi kulo nyaka sizophothula uhlelo lokuhlomulisa labo ababengamasosha ngezindlu. Lolu hlelo luzolungisiswa lube uhlelo olusebenzayo noluzoqinisekisa ukuthi akukho ukubambezeleka ekuhlinzekeni ngendawo yokuhlala kulaba bantu abasemqoka kangaka esiyohlala njalo sibabonga. 

Ubambiswano nabezikhungo zezezimali 
UMnyango wethu ngonyaka owedlule wasayinda isivumelwano sokubambisana nebhange lakwaABSA nalapho lelibhange lalizibophezela ekusebenzisaneni nathi emikhankasweni yethu yokwakha izindlu, ikakhulukazi kubhekwa ukwakhiwa kwezindlu zalabo abesimazingeni aphakathi ngokomnotho. Kulonyaka ke sizobe siqinisekisa ukuthi lesisivumelwano siyasebenza ngokuba sibe namaphrojekthi esiyobe siwenza ebonwa yizwe lonke. 
Sihlalo ohloniphekile, kuyintokozo kithi ukwazisa leNdlu ehloniphekile ukuthi, izothi ingakapheli lenyanga, sibe sesisayinde isivumelwano esifanayo nebhange lakwaFNB. Asingabazi futhi ukuthi uyothi ungakapheli lonyaka, siyobe sesakhe obunye ubudlelwano namanye amabhange. Ngalokhu siyobe siqonde ukuba uhlelo lwethu lokwakha izindlu luhambe ngesivinini esihle futhi siqinisekisa ukuthi umphakathi uyakwazi ukukhetha phakathi kwezinhlelo ezehlukene zezezindlu. 

Uhlelo Lwezezindlu Oluqhutshwa Ngumphakathi 
UMnyango Wezezindlu usunesikhathi ukholelwa ekutheni kusemqoka ukuthi abantu babandakanywe futhi bafake isandla entuthukweni yabo. Lo mbono uyisona sizathu esenza sigcine uHlelo Lwabantu Lwezindlu, njengesu elisemqoka lokuletha intuthuko loMnyango Wezezindlu. Kule minyaka embalwa eyedlule leli lisu selibhekene nezinselelo ikakhulukazi, ngokuqondene nekhono lomphakathi lokwakha izindlu ezisezingeni elifanele lobuchwepheshe kwazise iningi lomphakathi alikaze lithole ukuqeqeshwa kwezobuchwepheshe. 
Siyaziqhenya ukuthi simemezele ukuthi uhlelo lokubukeza uHlelo Lwezindlu Zabantu seluphothuliwe futhi seluholele ekusungulweni koHlelo Lwezezindlu Oluqhutshwa Ngumphakathi. Lolu hlelo luzoqaliswa sakuhlolwa kulesi sifundazwe ngaphambi kokuba lusatshalaliswe kwezinye izifundazwe ezweni. Imikhakha edinga ukuba yenziwe ngcono ibandakanya ukuhlelwa kabusha kwabasebenzi babe ngamaqoqo, ukudluliselwa kwamakhono, ukubandakanywa kochwepheshe base-Cuba ukuze bazokhuthaza umoya wokusebenza okuhle kanye nokubandakanywa kwemiphakathi kusukela esigabeni sokuqala kusahlonzwa iziza kuze kube kudwetshwa amapulani ezindlu. 


Ukususwa Kwamakhaya Ezindaweni Ezinezikhukhula 
UMnyango Wezezindlu usukubonile ukuthi, maningi amakhaya akhe ezindaweni ezithandwa yizikhukhula kanye nasezindaweni ezingakufanele ukuhlala abantu. Ngonyaka ka-2008/09, uMnyango uzoba matasa nohlelo lokuhlonza lawo makhaya akhe ezindaweni ezithandwa yizikhukhula. UMnyango uzothola umhlaba ofanele, okungathuthelwa kuwona labo abazohlomula. 
UMnyango Wezezindlu uzowabeka eqhulwini la makhaya ngokubuka izinga lobungozi nengcuphe akuyo. Silindele ukuthi kuzoba khona isidingo esiphuthumayo sokuthuthwa kwabantu, kanti lokhu sekubekelwe isabelozimali ngokufanele. 

Ukuthuthukiswa nokwakhiwa kabusha kwezindlu ezikhona (Shallcross Flats) 
Enye yezinjongo zoMnyango Wezezindlu ukukhuthaza ubuninimizi kulabo abangabahlomuli abafanele, ngohlelo olwaziwa ngele- Extended Enhanced Discount Benefit Scheme ngokudluliselwa kwezindlu kubo. Osekucacile ukuthi uMnyango awukwazi ukukhuthaza ubunikazi ngokuthi udlulisele isikweletu esikhundleni sokuthi udlulisele into ezoba yifa kulaba bahlomuli. 
Esimweni sase-Shallcross, ukungabi sesimweni esihle nokukhandleka kwezakhiwo kusho ukuthi uma uMnyango Wezezindlu ungadlulisela lezi zindlu ebantwini, sekungaba ukubagidlabeza ngomthwalo wesikweletu kunokuba kube yifa kubona. 
Kuyingaleso sizathu, uMnyango ngonyaka wezimali ka-2008/2009 uzoqalisa uhlelo lokuthuthukiswa nokwakhiwa kabusha kwe-Shallcross Flats kanye nezinye izindawo ezifana ne-Austerville ngaphambi kokuba zidluliselwe kubantu. 

Ukwethulwa Kohlelo Lwezindawo Zokuhlala Zomphakathi 
Sihlalo ohloniphekile, kusinikeza intokozo ukuba simemezele ukwethulwa koHlelo Lwezindawo Zokuhlala Zomphakathi oluzothatha indawo yohlelo oludala lokuThuthukiswa Nokwakhiwa Kabusha Kwamahositela. Uhlelo lwezindawo zokuhlala umphakathi nolwaziwa nge-CRU luphokophelele ukuhlinzeka ngesu elididiyele lokubhekana nezinhlobo ezahlukene zezindawo zokuhlala abantu. Lusiza uMnyango ukuba uqhubeke nokuhlinzeka ngezindawo zokuqasha kubantu abahola kancane ezindaweni ezinhle nezesekwa ngabantu futhi luyisisekelo sokuguqukela kwimakethe yezezindlu ezihlelekile. 

Izinjongo zalolu hlelo, olusha ukuba kunikezwe uzinzo kwezezindlu kanye nakwimakethe, ukweseka ukudidiyelwa kwezezindlu kwimakethe esabalele yezezindlu ukuze kuqinisekiswe ukwakhiwa kwezindlu zomphakathi ezinokusimama. Lolu hlelo lugxile kubahlali basemahositela abangenayo, abafanelekayo nabangafaneleki ngokwemali abayiholayo (R3,500 nangaphansi), abantu abangenadawo abasuswa emijondolo ngenxa yezinhlelo zokwakha kabusha, ezezindlu eziphuthumayo, abakhishiwe ezindlini njll. kanye nabafakizicelo abasha abahola u-R3,500 noma ngaphansi ohlwini lomasipala lwalabo abalindele izindlu. Kulo nyaka wezimali, sizosheshisa imizamo yethu yokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo lwezindawo zokuhlala eziqashisayo lufinyelela ebantwini abaningi. 

Izinhlelo uMnyango ozozibeka phambili kusabelozimali sika-2008/09 
Sihlalo ohloniphekile, ngithe ekuqaleni sesiqala ukuhlola umthelela nomphumela wemibhidlango yezinhlelo zethu ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu bakithi. Siyajabula ukuba simemezele ukuthi imikhakha ebekwe eqhulwini esizogxila kuyo kulonyaka wezimali isibuyekeziwe yabuye yaqinisekiswa ukuze isifinyelelise ngokushesha embonweni wethu wokwakha iNingizimu Afrika ephila impilo engcono. 
Phakathi kwezinhlelo esizozibeka phambili kulonyaka wezimali yilezi: 
 	
Sizoqinisa umkhankaso wokuqeda yonke imijondolo; 

 	
Ukuqinisa ukuphatha kanye nokusheshisa ukulethwa kwezidingo; 

 	
Ukuqinisekisa ukudalwa kwamathuba emisebenzi ngezinhlelo zezindlu; 

 	
Ukusheshisa ukuthuthukiswa kwezindlu ezindaweni ezisemakhaya; 

 	
Ukwenza ngcono amahositela omphakathi; 

 	
Ukuqinisekisa ukuqedelwa kwemisebenzi emisiwe kungakashayi u-2009; 

 	
Ukudala amathuba ezindlu eziqashisayo; 

 	
Ukusiza ekuthuthukisweni kwamakhono; 

 	
Ukukhuthaza ubuninimuzi; kanye 

 	
Nokuhlinzekela ngezindlu labo ababuthaka okubandakanya abanegciwane leSandulelangculazi neNgculazi. 







AMAZWI OKUPHETHA 
Sihlalo ohloniphekile, bafowethu nodadewethu lesi sabelozimali sibophezela uMnyango wethu ekulweni nobuphofu emphakathini yakithi. Siphinde futhi sibhekane nesidingo sokuthuthukisa amakhono esifundazweni sethu ukuze sikhulise umnotho. Asikwazi ukulinda singaxazululi ngamandla ukwentuleka kwamakhono. Sesizihlonzile izindaba ezithinta amakhono kanti sisebenzisana nomasipala, abakhiqizi, kanye nezikhungo zemfundo ephakeme ukubhekana nokwentuleka kwamakhono. 
Sihlalo ohloniphekile asingabazi ukuthi noma ngubani uyazibonela ukuthi KwaZulu-Natali umuntu uba ngumuntu ngekhaya. Lesisabelo-mali sibuyisa isithunzi kubantu bakithi. Sifisa ukwazisa le Ndlu ehloniphekile ukuthi esesikwenzile kuleminyaka edlule kusinikeza omfutho wokuthi sisebenze ngamandla nakulonyaka wezimali Sethemba ukuthi sizokwazi ukusebenzisa ulwazi nezifundo esizitholile kuleminyaka edlule ukwakha imiphakathi esimeme KwaZulu-Natali. 
Njengoba sesikhula kulokhu ebesigxile kukho, kokubhekana nokusilela emuva ngesibalo sezindlu ezakhiwe, sikhuphula iqophelo lokufezekisa izinhlelo zamasu okusebenza afana nokudidiyelwa kwezomhlaba, ezenhlalo kanye nezomnotho. Sikwenza lokhu ngokulandela ukuzibophezela kwethu okucaciswe ngokusobala emazwini alowo owaba nguMongameli wokuqala ngaphansi kweNingizimu Afrika ekhululekile uBaba uNelson Mandela esike sawabalula phambilini lapho khona athi: Singena esivumelwaneni sokuthi sizokwakha umphakathi lapho khona bonke abantu baseNingizimu Afrika, abamnyama nabamhlophe, bazokwazi ukuhamba ngokuziqhenya, ngaphandle kokwesaba ezinhliziyweni zabo, beqinisekisiwe ngelungelo labo abangephucwe lona lesithunzi somuntu 
Ekufezeni lesi sibophezelo, siyayiqinisekisa le Ndlu ukuthi izinhlelo zethu zezezindlu ngonyaka wezimali ka-2008/09 zizobeka eqhulwini ukuhlaliswa ngokudidiyela okuphelele kanye nokubuyiselwa kwesithunzi somuntu. Simema bonke ababambi-qhaza ukuba bazibophezele ekwesekeni leli khwelo bengakhohliwe ukuthi indlu iyisisekelo okwakhela kusona zonke ezinye izinsiza. 
Kuleliqophelo ngithanda ukwedlulisa amazwi okubonga kubasebenzi boMnyango wezeZindlu beholwa ngobuchule yiNhloko yoMnyango, uNksz Zandile Nyandu ngokuzinikela kwabo nokuzimisela ekuqinisekiseni ukuthi abantu besifundazwe sakithi baba nezindlu ezisezingeni elifanele 
Ngiyabonga Inkosi inkosi ngesizwe, ikhansela ikhansela ngentuthuko, umuntu ngumuntu ngekhaya, isizwe isizwe ngokweseka nokubambisana nobuholi baso! 

Masisukume sakhe i-KwaZulu-Natali 
uMhlonishwa uMnumzane Michael Mabuyakhulu 
uNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya, ezeZindlu neziNdaba zoMmdabu, 







