Umbiko WoMvikeli WoMphakathi NeNhloko YaBaphenyi  eThekwini Online



eThekwini Online - http://www.durban.gov.za/durban

Home  City Government  Ombudsperson  isiZulu Umsebenzi wethu


Umbiko WoMvikeli WoMphakathi NeNhloko YaBaphenyi





Ukuhlonipheka ekubeni nguMvikeli woMphakathi neNhloko yaBaphenyi kusemongweni nasemlandweni wale ligama, elikugqamisa ngokusobala ukuzwelana ngokobulili kukaMasipala waseThekwini futhi libe lesekelwe emigomeni eyisisekelo yokulingana ngokobulili yoMthethosisekelo wethu.

Ngenxa yawo kanye umsebenzi wethu wokuba ngumvikeli womphakathi, kungumsebenzi waleli hhovisi ukungagcini nje ngokuqwashisa, kodwa futhi nokuvikela, ukugqugquzela kanye nokuzinikela ngokuphelele ekuqinisekiseni ukuthi amalungelo ayisisekelo omuntu ngamunye kuMasipala waseThekwini ayagcwaliseka.

Nginesiqiniseko sokuthi umphakathi waseThekwini uyazigqaja kakhulu ngomsebenzi wehhovisi loMvikeli woMphakathi neNhloko yaBaphenyi nabasebenzi balo abazinikele ukwenza lo msebenzi wobuntu onesithunzi wokungagcini nje ngokuphenya, ukwamukela kanye/noma ukweluleka mayelana nezindaba ezithinta uMasipala waseThekwini, kodwa futhi wokufundisa umphakathi ngamalungelo awo ikakhulukazi ilungelo lobulungiswa ekuphatheni, elokuthola ulwazi nelungelo lokulingana.

Ngakho, ngamafuphi, lokhu kusho ukuthi uMvikeli woMphakathi neNhloko yaBaphenyi nabambisene nabo, ubeka phambili okufunwa ngumphakathi, okukhulu kunakho konke uvikela amalungelo aqukethwe umthethosisekelo omuntu ngamunye, eqinisekisa ukuziphatha ngobuqotho emizamweni yakhe ukusiphula noma yiluphi uhlobo lwengozi engase ingagcini nje ngokuphazamisa noma ibe nomthelela ongemuhle embusweni wentando yeningi eyesekwe umthethosisekelo, kodwa futhi engase iphazamise ukulethwa kwezidingo ezidingekile, ukuphatha ngokuyikho nokungenagcobho.




 2009 eThekwini Municipality. All rights reserved.


