
UmNyango wezobuCiko namaSiko 
UHLAKA 

LWENQUBOMGOMO YOLIMI 
KAZWELONKE 

Uhlelo Lokugcina 

13 Novemba 2002 

OKUQUKETHWE 
ISETHULO NGONGQONGQOSHE WEZOBUCIKO ,AMASIKO ,ISAYENSI 3 NEZOBUCHWEPHESHE 
UHLU LWEZIFINYEZO	4 
ISIGABA 1  ISIZINDA NENGQIKITHI	5 
5 
1.1 Isingeniso	6 
1.2    Ingqikithi Yezomlando	7 
1.3    Ingqikithi Yezomthetho 10 
ISIGABA 2    IZIMPAWU EZISEMQOKA ZENQUBOMGOMO 
10 
2.1 Izinjongo	10 
2.2 Imigomo	11 
2.3 Indlela Yokwenza	12 
2.4 Ububanzi 15 
ISIGABA 3 UKWAKHIWA KWAMAKHONO ABANTU 
17 
ISIGABA  4 AMASU OKUSETSHENZISWA 
19 



UHLU LWAMAGAMA 

ISETHULO NGONGQONGQOSHE WEZOBUCIKO,AMASIKO,ISAYENSI NEZOBUCHWEPHESHE, UDOKOTELA B S NGUBANE
Ulimi lomuntu ngandlela thile luyisikhumba sesibili , ukuba nokuthile ngokwemvelo komuntu wangempela,esikusebenzisa esethula  ngakho amathemba nezifiso, ukuphimisa imicabango yethu nokuyigugu, ukuhlola ulwazi kanye namasiko ethu , kanye nokwakha umphakathi wethu nemithetho ewuphethe . Ngolimi sikwazi ukusebenza njengabantu emhlabeni oguquka njalo. Ilungelo lokusebenzisa izilimi ezisemthethweni ozikhethile luyaziswa ngumThethosivivinywa wamaLungelo nomThethosisekelo wethu ovumayo ukuthi izilimi zabantu bethu ziwumthombo okumele usetshenziswe. 
Ngiyaziqhenya kakhulu ukuthi , emva komsebenzi wokubonisana ngempela, siyakwazi ekugcineni ukwethula uhlaka lwenqubomgomo yolimi yaseNingizimu Afrika. Loku ukuqedelelwa komsebenzi owaqalwa ngonyaka we-1995, lapho ngaqoka iQembu lokuSebenza lokuHlela uLimi  (LANGTAG) ukuze lingeluleke ngohlaka oluhlangene lohlelo lwenqubomgomo yolimi. Lesi sinyathelo sasisemqoka ngombono wokungabikhona kokumelana kokwehluka kwezilimi nomphumela wokuthi indlela yokusebenza kobuliminingi iyinkinga yezinkokhelo okubonakala kwezinye izingxenye zomphakathi wethu , kanye nokwanda kwezinsolo ezivela kwabaphethe bolimi ngokujwayelwa kokusetshenziswa kolimi lunye eNingizimu Afrika. 
Uhlaka LweNqubomgomo yoLimi kaZwelonke lusekelwe phezu komphumela wezindlela zokusebenzisana ngokubonisana, ngokusebenzisa kokubili i-LANGTAG kanye futhi namandla omNyango ngokuhlanganyela neQembu lokweLuleka leNqubomgomo yoLimi. Uhlaka lenqubomgomo lusemqoka ekuphathweni kwemithombo yezilimi zethu ezahlukile kanye nokufinyelela kukaHulumeni kwinhloso yokuthuthukisa intando yeningi, ubulungisa,ukulingana nobumbano lukazwelonke. Kungalomoya omuhle ukuthi ukuthuthukiswa kwezilimi ezisemthethweni eziyi 11 zezwe lakithi njengoba kunikeze umThethosisekelo zathatha ingaphakathi elingunqa phambili kule nqubomgomo. 
Lolu Hlaka lweNqubomgomo luphinde lubheke iphuzu lokuthi ubumqoka bezilimi zethu buvezwa kakhulu ukusetshenziswa kwezomnotho ,kwezenhlalakahle nezombusazwe.Uma ulimi luphelelwa ubumqoka balo kulezi zimo, isikhundla salolo limi siyehla . Uhlaka lweNqubomgomo luphinda futhi lubonise ukuthi sibhekene nenselele yokusebenza emhlabeni jikelele nokuthi futhi izilimi zethu zomdabu kumele zibe yingxenye yendawo yobuchwepheshe obanda ngokushesha. Yingakho-ke luzimisele ukubuyisela isikhundla nokusetshenziswa kwezilimi zomdabu zaseNingizimu Afrika. 
Ngethemba ngenhlonipho ukuthi zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zizolujabulela lolu Hlaka lweNqubomgomo yolimi kaZwelonke njengolwabo. Ngiyakholwa ukuthi ngokudibene kumele siqinisekise ukuthi inqubomgomo iba yinto yangempela ezimpilweni zethu, futhi isenza siziqhenye ubuthina beNingizimu Afrika engajwayelekile. 
.. 
DKT B S NGUBANE, ILUNGU LEPHALAMENDE 


UHLU LWEZIFINYEZO/AMA-AKHRONIMI 

DAC UmNyango wezobuCiko namaSikoDoE UmNyango wezeMfundo LANGTAG   Iqembu lokuSebenza ngoHlelo loLimi HLT UbuChwepheshe boLimi lwaBantu LiEP Ulimi kuNqubomgomo weMfundoMTEF UHlaka lokuSetshenziswa kweMali esiKhathini esiLingene NLS  IziNsiza zoLimi zikaZwelonkePanSALB Ibhodi yeziLimi yaseNingizimu AfrikaSADC Umphakathi wokuThuthukisa waseNingizimu AfrikaSAQA UmKhandlu wokuQinisekisa iZiqu waseNingizimu Afrika. SASL ULimi lweziMpawu lwaseNingizimu Afrika TISSA IziNsiza zokuHumusha ngoCingo zaseNingizimu Afrika
ISIGABA- 1: ISIZINDA NENGQIKITHI 
1.1 	Isingeniso 
1.1.1 	Zicishe zifinyelele ema-25 izilimi ezahlukene ezikhulunywa eNingizimu Afrika, eziyi -11 yizona ezinikezwe isikhundla sokuba semthethweni kulandelwa isiGaba -6 somThethosisekelo we- 1996 (UmThetho weNombolo we - 108 wonyaka we-1996), kusekwa ngokuthi kumele ukusetshenziswa kwazo kufakele amaphesenti angama-98 ezakhazamuzi sezizonke. 
1.1.2	 Izilimi eziyi-11 ezisemthethweni yisiNdebele, isiXhosa, isiZulu kanye nesiSwati (ezibizwa ngokuthi iqembu lezilimi zesiNguni); IsiSuthu, isiPedi kanye nesiTswana (ezibizwa ngokuthi iqembu lezilimi zesiSuthu); isiVenda, isiTsonga, isiNgisi nesiBhunu. 
1.1.3 	INingizimu Afrika iyizwe eliziliminingi . Uphawu olugqamile lobuliminingi eNingizimu Afrika ukuthi izilimi zomdabu eziningana zikhulunywa ukweqa nemingcele yezifunda, ezahlukaniselwana phakathi kwemiphakathi yalolo limi oluvela ezifundeni ezahlukene. 
1.1.4	Kukhona manje ukwazi okunamandla kwesidingo sokukhuphula amandla okwenza ukuthuthukisa izilimi zomdabu ezazibandlululwa esikhathini esedlule kany nokuthuthukisa ubuliminingi, uma ngabe izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kumele zikhululeke ekusekeleni ngokunganqamuki phezu kwezilimi okungezona zomdabu njengezisemqoka,okuyizona izilimi ezisemthethweni zombuso. 
1.1.5	Ukufikela kulesi sikhathi ukuphathwa kokwehluka kwezilimi eNingizimu Afrika edlule kahulumeni wobandlululo kwenziwe kwaba yinkinga ngokungabi khona kwenqubomgomo yolimi echaziwe, okwaholela ekutheni kusetshenziswe isiNgisi nesiBhunu njengeziLimi ezinamandla okuthelela ezenhlalakahle nezomnotho kanye nezingxenye zombusazwe zomphakathi wethu. 
1.1.6	Emva kweminyaka eyisishiyagalombili yombuso wentando yeningi, iNingizimu Afrika ifinyelele ephuzwini elisemqoka emlandwini walo. Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kumele ziphendule ukwehluka kwazo ngokolimi nangamasiko kanye nenselele yobuliminingi obusemthethweni ,yingakho-ke kungeniswa uHlaka lweNqubomgomo yoLimi kaZwelonke. 
1.1.7	Lolu Hlaka lweNqubomgomo aluqalisi kuphela indlela entsha yokubhekana nobuliminingi eNingizimu Afrika, kodwa lugqugquzela ngamandla ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu njengezilimi ezisemthethweni ukuze londle luphinde luthuthukise ubumbano lukazwelonke .Ifakela ukuvunywa okubanzi kokwehluka kwezilimi ,ezobulungisa ,umthetho wokufinyelela ngokulinganayo kuzinhlelo nezinsiza zomphakathi,nokuhlonishwa kwamalungelo olimi. 
1.1.8	Lo mbhalo ubeka uhlaka olukwazi ukusetshenziswa lwenhlangano ebumbene yobuliminingi ngaphakathi kwemigomo yomThethosisekelo. 

1.2 	Ingqikithi yezomLando 
1.2.1	Ukusukela ekuhlaleni kokuqala kwamaDashi eNingizimu Afrika ngonyaka we-1652, ngokulandelana kwezikhathi zomthetho wokubusa wamaNgisi(Bhrithishi),iNyunyana yaseNingizimu Afrika, kanye nombuso wobandlululo nokulandelana neRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, kuze kufinyelele ekuveleni kombuso wentando yeningi ngonyaka we-1994 kanye nokufakwa emThethweni kobuliminingi obusemthethweni, umthethomgomo wolimi kahulumeni kanye namandla eziphathamandla kwehluleka ukubona ukwehluka ngokolimi kweNingizimu Afrika.  
1.2.2	Umphumela walesi simo kwaba ukungalinganiswa, lapho ukubusa kwesiNgisi nesiBhunu kwakha  ukusebenzisana okungalingani phakathi kwezilimi zaboMdabu kanye nalezi zilimi. 
1.2.3	Ngakho-ke , izinqubomgomo zolimi zamakholoni nezobandlululo, sezihlangene nenqubomgomo yezenhlalakahle ,ezomnotho nezombusazwe, zaveza ubukhosi bezilimi, ukungalingani okuveza izakhiwo zokungalingani ngokwebala nangakwezikhundla /amakilasi okwasingatha umphakathi waseNingizimu Afrika. 
1.2.4 	Zonke lezi zimo zehlisa izinga eliphezulu lezilimi zomdabu kanye nezinhlobo zezilimi zabantu bomdabu kanye nabezinye izinhlobo zabantu base-Afrika namanye amaqembu ayebandlululwa kufakelelwa nabangeZwa neziMpumputhe  kuphoqelelwa inkolelo embi okungeyona ngezilimi zabamnyama, loku akubangelwa yizikhulumi zolimi lwesiBhunu nolwesiNgisi kuphela, kodwa nayizikhulumi eziningi zolimi lomdabu ngokwazo. 
1.2.5	Isimo sandiswa yiphuzu lokuthi, ngenxa yezizathu zokungacacelwa kahle kanye nezokufuna amandla eziphikisana nokufakwa kobuliminingi, izikhungo zikahulumeni nezangasese zinendlela ethile yokuthatha izinqumo zesikhashana zolimi eziphikisana nengxenye yomthethosisekelo kanye nezidingo ezihambisana nezilimi. 

1.3 	Ingqikithi Yezomthetho 
1.3.1	IsiGaba sesi-6 somThethosisekelo sinikeza uhlaka oluphakeme olusemthethweni lobuliminingi , ukuthuthukiswa kwezilimi ezisemthethweni kanye nokukhuthazwa kwenhlonipho nokubekezelana kokuhluka ngolimi kwaseNingizimu Afrika. Ithola amalungelo olimi lwezakhamuzi ,okumele ahlonishwe kuzinqubomgomo zolimi zikazwelonke. 
1.3.2	UmThethosisekelo ugcizelela ukuthi zonke izilimi ezisemthethweni kumele zibe nesithunzi esilinganayo futhi ziphathwe ngokulinganayo,loku kuzawube sekukhulisa izinga nokusetshenziswa kwezilimi zendabuko, nohulumeni athathe izindlela zokushaya umthetho kanye nezinye zokulawula kanye nokubheka isimo sokusetshenziswa kwezilimi zendabuko ezingenamathuba. 
1.3.3	UmThethosisekelo uvumela inguquko kulesi simo solimi kulo lonke lelizwe,unikeza ukunakwa kwezenhlalakahle kanye nezombusazwe kumaqembu ezilimi akade encishwa amathuba ngaphambilini ngezizathu zezidingo eziveziwe zemiphakathi kanye namaqembu anentshisekelo. 
1.3.4	IsiGaba sesi-6(2) somThethosisekelo sidinga izindlela zokwenza zilungiswe ukuthuthukisa lezi zilimi zomdabu. 
1.3.5	IsiGaba sesi-6(3) nese (4) siqukethe ukunikezelwa okuhlobene nezilimi zikahulumeni kazwelonke nohulumeni bezifunda ,lapho iminyango kahulumeni kumele isebenzise okungenani ezimbili izilimi ezisemthethweni. 
1.3.6	Ukuthuthukisa ukwehluka kuye phambili, isigaba sesi-6(5) sivumela ukusungulwa kweBhodi lezilimi laseNingizimu Afrika (PanSALB) ukuthuthukisa ubuliminingi nokuthi libone ukuthi ukuthuthukiswa kungasetshenziswa ezilimini ezisemthethweni kuphela, kodwa nasezilimini zama-Khoyi, amaNama kanye namaSeni, kanye naseziLimini zeziMpawu zaseNingizimu Afrika. I-PanSALB izawuphinde futhi itshale inhlonipho yeziLimi zeNdabuko ezikhulunywa yizingxenye zomphakathi wethu nezilimi ezisetshenziselwa izinjongo zezenkolo. 
1.3.7	Okunye ukuvunyelwa okuphathelene nezindaba zolimi kwenziwa kwenye indawo yomThethosisekelo. IsiGaba sesi-9(3) sivikela ukubandlululwa ngezizathu zolimi ,ngaso leso sikhathi isigaba sama-30 nama-31(1) sikhuluma ngamalungelo esintu mayelana namasiko ,inkolo kanye nokuzibandakanya ngokolimi nokuzijabulisa. IsiGaba sama-35(3) nama (4) sikhuluma ngamalungelo olimi abantu ababoshiwe ,abagciniwe nabasolwa ngokuthize ,ngokugcizelela ikakhulukazi ilungelo lokugwetshwa ngokungabandlulula nenqubo okuqhutshwa ngayo noma okuhunyushwa ngayo ngolimi oluthandwa yiloyo muntu. 
1.3.8	UmNyango wezeMfundo (DoE) wangenisa Inqubomgomo yoLimi lweMfundo (LiEP), egcizelela ubuliminingi  njengokwandiswa ukwehluka kwamasiko kanye nengxenye esemqoka yokwakha iNingizimu Afrika engabandlululi ngebala . Umgomo okuncikwe kuwo ukugcina ulimi lebele lomfundi ekufundeni nasekufundiseni, kodwa abafundi bagqugquzelwa ukuthi bafunde nezilimi ezengeziwe. I-LiEP ibhekene nalezi zindaba ezifana nolimi/nezilimi zokufunda nokufundisa ezikolweni zikahulumeni ,ohlelweni lwezifundo lwesikole, kanye nasemisebenzini ephathelene nolimi kuminyango yemfundo yezifunda kanye nezinhlangano eziphethe esikoleni.  
1.3.9	UmThethosisekelo kanye nemithetho ehambisana nawo kubonakala kahle ukuthi kusekela ukuthuthukiswa kobuliminingi eNingizimu Afrika. Lolu hlaka lwenqubomgomo kumele luvumele ukulinganisa ngokwanele ukuhlanganisa inqubomgomo yolimi kuzo zontathu izigaba zikahulumeni futhi luveze ngokucacile ukuthi inqubomgomo imephi ngezinga nangokusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni kuzo zonke izifunda eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika.  
ISIGABA- 2: IZIMPAWU EZISEMQOKA ZENQUBOMGOMO 
2.1 	Izinjongo 
Inqubomgomo yolimi iyakunaka ukwenza komthethosisekelo wobuliminingi futhi iyavumelana nezinjongo zikahulumeni phezu komnotho ,ezenhlalakahle kanye nokukhula ngemfundo. Ihlose  
2.1.1	ukuthuthukisa ukusetshenziswa ngokulingana kwezilimi ezisemthethweni eziyi-11 ; 
2.1.2	ukwenza ukufinyelela okulinganayo emisebenzini kahulumeni ,elwazini nasemininingwaneni ; 
2.1.3 ukuqinisekisa ukulungiswa kobandlululo kwangaphambilini kwezilimi zendabuko ezizemthethweni ; 
2.1.4	ukuqala nokonga inkulumo ezwakalayo ngobuliminingi nayo yonke imiphakathi yolimi ; 
2.1.5	ukugqugquzela ukufundwa kwezinye izilimi zendabuko ezisemthethweni ukuthuthukisa ubumbano lukazwelonke,nokwehluka ngokolimi nangamasiko ; no
2.1.6	kuthuthukisa ukuphathwa kahle kolimi nokuphathwa kahle kwezemisebenzi yomphakathi ukuhlangabezana nokulindelwe ngamakhasimende kanye nezidingo.  

2.2 	Imigomo 
Inqubomgomo yolimi isekelwe yile migomo elandelayo : 
2.2.1	Ukuzibophezela ekuthuthukiseni ukulingana kwezilimi kanye namalungelo olimi njengoba kudingwa ukwabiwa kwentando yeningi; 
2.2.2	Ukubona ukuthi izilimi ziyimithombo yokukhulisa ulwazi ,ubuchwepheshe nokuzibandakanya ngokuphelele emikhakheni yezemibusazwe kanye nezenhlalakahle ; 
2.2.3	Ukusebenzisana ngokuhlanganyela ukuthuthukisa ubuliminingi obuhambisana nomthethosisekelo; 
2.2.4	Ukuvimbela ukusetshenziswa kwanoma yiluphi ulimi ngezinjongo zokuxhaphaza , ukubusa ngendlovuyangena nokubandlulula; no 
2.2.5	Kukhulisa ukucatshangelwa kwabantu uma kwenziwa izinto ezithandwa ngabantu ,izidingo kanye nezifiso zemiphakathi yezilimi eziningi ngokukhulumisana kanye nenkulumo-mpikiswano eqhubekayo. 

2.3 	Indlela Yokusetshenziswa 
Le ndlela yokwenza ibheka okulandelayo: 
2.3.1	Ukuthuthukisa ubuliminingi eNingizimu Afrika kudinga imizamo enganciphisa ulwazi oseluvele lukhona emiphakathini lapho izilimi ezisemthethweni zendabuko zibaluleke kakhulu .Loku kuzakwenziwa ngokusebenzisa nangokubandakanywa kwemiphakathi njengababamba iqhaza ezinqutsheni zokuthuthukiswa kolimi .  
2.3.2	Ilindeleke ukuthi izibandakanya nezingcweti zolimi ukunceda ukuthuthukisa indlela yokwenza izinhlelo ezisebenzayo zobuliminingi ngokwenza uhlolo kanye nokusakazwa kokutholiwe. 
2.3.3	Ukuqhubekisa ukubambisana kanye nokwabelana ngezibopho phakathi kukahulumeni namalungu e-SADC ukuphuthumisa ukuthuthukiswa kolimi. 
2.3.4	Kuzawuba nesidingo sokubuyekeza inqubomgomo esikhathini esizwisisekayo ukuze kubhekwe inqubekelaphambili ebhekene nobuliminingi obuphelele bomphakathi waseNingizimu Afrika. 
2.3.5	Indlela encike emphakathini ekuthuthukiseni ubuliminingi yiyo engaba nemiphumela emihle ,ngenxa yobuningi obukhulu bomphakathi waseNingizimu Afrika. Kumele kube yindlela endlalekile futhi ebandakanya wuwonke wonke ekuhlelweni kolimi nasekusetshenzisweni kwenqubomgomo eqinisa ubuchwepheshe bobuciko ekudluliseni ulwazi kanye namakhono . 

2.4 	Ububanzi 
Ububanzi noma okunikeziwe kwenqubomgomo kumi ngendlela elandelayo: 
2.4.1	Zonke izakhiwo zikahulumeni (uhulumeni kaZwelonke,wesifunda kanye nowendawo), kanye nezinhlangano ezisebenzisa amandla kahulumeni noma zenza umsebenzi kahulumeni ngokusho komthetho, oboshwe yilolu Hlaka lweNqubomgomo yoLimi. 
2.4.2	Ekuthuthikiseni ubuliminingi izifunda zizakwakha inqubomgomo yazo ngokuhambisana nezinkomba eziqukethwe kulolu hlaka lwenqubomgomo ,zinake izehlakalo zezigodi zazo ,kanye nezidingo kanye nezincomo zemiphakathi njengoba kushiwo kumThethosisekelo. 
2.4.3	Ohulumeni basemakhaya bazawunquma ukusetshenziswa koLimi kanye nokufunwa ngumphakathi wabo ngokuhambisana nohlaka lwenqubomgomo yolimi lwezifunda .Ngaphezu kokunquma ukusetshenziswa kolimi kanye nokufunwa yimiphakathi yabo ,ohulumeni basemakhaya kumele ngokuxhumana okubanzi nomphakathi wabo  ,basungule ,bakhiphe futhi basebenzise inqubomgomo yobuliminingi. 
2.4.4	Ulimi olusemthethweni lizawusetshenziswa njengoba kudingekile kumisebenzi yezishayamthetho, kufakelela nemikhiqizo ye-Hansard, njengendaba yelungelo, uma kungenzeka kube nezindaba zezishayamthetho zesifunda ,izehlakalo zesifunda zizawunquma izilimi okumele zisetshenziswe. 
2.4.5	Uhulumeni uzawugqugquzela, lapho kudingeka khona asekele, amabhizinisi angasese ukusungula nokusebenzisa inqubomgomo yoLimi lawo ngokuvumelana noHlaka lweNqubomgomo yoLwimi kaZwelonke 
2.4.6	Ukuthuthukisa ubuliminingi le nqubomgomo iveza ukusetshenziswa kwezilimi ezakhiweni zikahulumeni ngokulandelayo. 
2.4.6.1 U(Izi)limi olu(ezi)setshenziswayo / U(izi)limi lo(zo)kurekhoda: Ngokuvumelana isakhiwo sikahulumeni ngasinye kumele sivumelane ngo(ngezi)limi olu(ezi)sebenzayo (ngezinjongo zokuxhumana ngaphakathi kwemiNyango kanye nokuxhumana neminye imiNyango ), lapho kungaphumeleleka khona, akekho umuntu ozawuvinjelwa ukusebenzisa ulwimi olufunwa nguye. Ngezinjongo zokubamba imihlangano noma ukwenza imisebenzi ekhethekile, yonke imizamo kumele yenziwe ukusebenziza izinsiza zokwenza ulimi lube lula njengokuhumusha noma ukuhumusha ( kokubili kulandelana, nangesikhathi esisodwa,noma ukutolika ngokuhleba )lapho kungaphumeleleka khona ngokubonakala 
2.4.6.2.	 Ukuxhumana namalungu omphakathi: Ngezinjongo zokubhalelana ngokusemthethweni, ulimi oluthandwa yisakhamuzi kumele lusetshenziswe. Konke ukuxhumana ngomlomo kumele kuqhubeke ngolimi, kwenzeke ngolimi elithandwa ngabantu okuqondiswe kubo .Uma kudingekile, yonke imizamo kumele yenziwe kusetshenziswa izinsiza zokwenza ulimi lube lula njengokutolika (ngokulandelana ,ngesikhathi esisodwa nangocingo noma ukutolika okuhleliwe )lapho kungaphumeleleka khona. 
2.4.6.2	 Imiqulu kaHulumeni: Uhlelo lwemibhalo yobuliminingi obusebenzayo kumele lulandelwe iminyanngo kahulumeni kaZwelonke kulemBhalo engadingi ukuthi ikhishwe kuzo zonke izilimi eziyi-11 ezisemthethweni. 
2.4.6.3	Lapho ukusebenza okunemiphumela nokusimeme kukahulumeni kunoma ngabe kukusiphi isigaba kudinga ukuxhumana okuqondakalayo kwemininingwane kumele kukhishwe ngazo zonke izilimi ezisemthethweni eziyi-11 kanye nasezifundeni ,kuzo zonke izilimi ezisemthethweni ezinikeziwe. 
2.4.6.4	Lapho imiqulu kahulumeni ingeke yenziwa ukuthi itholakale kuzo zonke izilimi ezisemthethweni eziyi-11, imiNyango kahulumeni kaZwelonke kufanele ikhiphe imiqulu ngesikhathi esisodwa okungenani ngezilimi eziyisithupha .Ukukhethwa kwezilimi kuzokwenziwa ngendlela elandelayo:  
	
Okungenani linye iqembu labe-Nguni (isiNdebele, isiXhosa, isiZulu ne siSwati); 

	
Okungenani iqembu linye labe-Suthu(isiSepedi, isiSuthu, isiTswana); 

	
 isiVenda; 

	
 isiTsonga; 

	
 Isingisi; nesi 

	
 Bhunu. 


2.4.6.5	Umgomo wokujikeleza kufanele usetshenziswe uma kukhethwa ulimi lokukhipha imiqulu kahulumeni olwimini lwabe Nguni nabeSuthu. 
2.4.6.6	 Ukuxhumana nomhlaba jikelele: Ukuxhumana kukahulumeni nomhlaba jikelele kuzawuba ulimi lwesiNgisi noma kokungavamile kwenziwe ngolimi olukhethwe yizwe okuxhunyanwa nalo. 



ISIGABA-3:UKWAKHIWA KWAMAKHONO ABANTU 
3.1	Ukusetshenziswa kwenqubomgomo yolimi kuzokongeza ukufuneka kokuhumusha nokuhlela umsebenzi kanye nemisebenzi yokutolika, ikakhulukazi ezilimini zendabuko. Umnyombo wokukwazi ukuhumusha kulezi zilimi kuzomele uthuthukiswe wandiselwe emiNyangweni kahulumeni nasemisebenzini yangasese yabasebenzi bolimi abazimele njengabahumushi ,abahlali , kanye notoliki .  Lesi sidingo esingeziwe semisebenzi yezisebenzi zolimi eziyizingoti kuzawidingeka ukuqeqeshwa kwamakhono okwengeziwe. 
3.2	Ukusungulwa kwamayunithi kulowo nalowo mnyango kahulumeni kaZwelonke kanye nakuleso naleso sifunda kuzawuba nomthelela emisebenzini eyenziwa yiGatsha loLimi lukaZwelonke. I-NLS izawudingeka ukuthi lixhumanise ukuphatha nokusetshenziswa kwenqubomgomo ngokwenza lula ukuqeqeshwa kweqembu leyunithi yabasebenzi boLimi emisebenzini yokuhlelwa kolimi nokusekela izinhlelo zemisebenzi zalamaqembu.I-NLS izawuphinde ibe nomthwalo wokuxhumanisa ukusungula izinhlelo zokuqeqeshwa kwabahumushi ,abahleli kanye nabatolikayo, kanye nokusungula izinkomba ezisebenzayo ezindabeni zezinga. 
3.3	Izindawo zetheminografi netheminoloji nazo ngokunjalo zizoshintsheka .Lo msebenzi owengeziwe wokuhumusha uzakudinga ukusungulwa okuphuthumayo kwetheminoloji/amagama kulezi zilimi ezisemthethweni kanye neNqolobane yamagama kaZwelonke efinyelelwa ngababili kalula ohulumeni kanye nezisebenzi zolimi ezizimele. 
3.4 	Ukutholakala kokusetshenziswa kwezobuchwepheshe bolimi lwabantu (HLT) (isib. Ukuhumusha okuncedwa ngumshini ,iqoqa lamagama okuhumusha ,izinhloli zesipelingi)kulezi zilimi zendabuko kuzawudlala indima enkulu emisebenzini yokwenza lula ulimi. 
3.5	Ubukhulu obukhethiwe beyunithi yolimi buzawunqunywa nokuqeqeshelwa amakhono kule ndawo kuzawubekwa phambili emva kokunakwa kwenani lezilimi nezisemthethweni okumele zisetshenziswe. Amayunithi aqukethe abasebenzi abayizingcweti abane noma abangaphezulu, azodinga onobhala. 
3.6	Ukwakhiwa kwamakhono ezindaweni eziboniwe zokwenziwa lula kolimi kuzokwenzeka ngokubambisana okunamathelene nabanikazi balo msebenzi njengezakhiwo zemfundo ephakeme enikeza izinhlelo ezamukelwa yi-SAQA kanye nezifundo zokusebenza ngolimi, ukuhumusha, ukuhlela, ukutolika ,ukuhlela ulimi, ukuqanjwa nokuqoqwa kwamagama amasha (itheminografi) kanye isayensi yokwakhiwa kwezichazamagama (neleksikhografi). 


ISIGABA-4: AMASU OKUSETSHENZISWA 
4.1	Isigaba esiqhubekayo ekusebenziseni lenqubomgomo esikhathini esifushane ,esilingene kanye nasesikhathini eside yindlela encomekayo kuzo zonke izigaba.  
4.2	Mayelana nemibhalo kahulumeni ,ukwenziwa kwayo kuzawubekwa ngendlela eguqulwa kalula kanye nephathekayo kuzakhiwo zikahulumeni esikhathini esingaba okungenani iminyaka emithathu. Ubuhle ngokwenziwa kancane kancane komzimba wemisebenzi ukuthi iminyango izokwazi ukuthuthukiswa ulwazi olwengeziwe futhi aphathe lendlela yokwenza ngempumelelo enkulu.  
4.3	Izakhiwo zikahulumeni zizokuba nesikhathi sokuhlela izinhlelo mali ngokongeza kancane kancane ukunikezwa kwezimali esikhathini se-MTEF nemisebenzi yokuhlela ngokuhambisana nezinsiza ezidingekayo ekusebenziseni ngempumelelo lenqubomgomo. 
4.4	Izindlela zokugada ukuqinisekisa izinga lokuhumusha kanye nemisebenzi yokuhlela izawuthuthukiswa. 
4.5	Ngokubambisana ne-PanSALB, UmNyango wezoBuciko namaSiko uzawubheka inqubekela phambili bese uyabika esikhathini esibekiwe kuzo zonke izigungu ezithintekayo. 
4.6	Ukubuyekezwa kwenqubomgomo kuzakwenziwa ngenjwayelo futhi nangokunconywayo kuzashiwo kuze kuchibiyelwe lapho kudingeka khona ukuze izinhlelo mali zilungiswe ngokufanele. 
4.7	Izakhiwozimo ezidingekayo ukusebenzisa inqubomgomo zizokwakhiwa. Loku kuzofakela ukusungulwa kwamayunithi olimi kuyo yonke iminyango kanye nasezifundeni ukuze kuphathwe.  
	
Ukuxhumana ngomlomo kwangaphakathi kweminyango kanye nokuxhumana neminye imiNyango kuyo yonke imikhakha kahulumeni. 

	
Ukuxhumana ngokubhalelana ngaphakathi kweminyango kanye nokuxhumana neminye iminyango kuyo yonke imikhakha kahulumeni. 

	
ukuxhumana ngomlomo nomphakathi ; 

	
ukuxhumana ngokubhalelana nomphakathi; no 

	
kuxhumana nomhlabajikelele lapho kudingeka khona. 


4.8	Ezinye izindlela zokusebenzisa inqubomgomo ezizawusetshenziswa kuzawuba yiNdlela yokuziPhatha yoLimi yabaSebenzi bakaHulumeni ,ukusungulwa koMkhandlu yabaSebenzi boLimi baseNingizimu Afrika ,neyeMisebenzi yokuHumusha ngoCingo yaseNingizimu Afrika (TISSA), isu lokuthuthukisa izilimi ezazibandlulilwe ngaphambili kanye ne-HLT. 
4.8.1	Izibopho ezengeziwe zikaHulumeni ezimayelana nokusetshenziswa kwenqubomgomo yoLimi kaZwelonke injengokulandelayo: 
	
Ukweseka ukuthuthukisa kwemithombo yokusiza yabantu ekusetshenzisweni ngempumelelo kobuliminingi. 

	
Ukuphatha umsebenzi wokwenziwa lula kolimi ,okusho ukuthi ,ukuhumusha ,ukutolika kanye nokusungula kwetheminoloji,ngentuthuko kanye nezishayamthetho ezifanelekile . 

	
Ukweseka ubulungisa obukhethekile noma izinhlelo zolimi zendabuko ebekade zibandlululiwe ,okungukuthi ,iziLimi zabamNyama kanye nezilimi zama-Khoyi ,ama-Sani kanye nama-Nama, kanye nezilimi zezandla zaseNingizimu Afrika; kanye no- 

	
kweseka ukufunda nokufundiswa kwazo zonke iziLimi zabaMnyama ezisemthethweni eNingizimu Afrika kuwo wonke amazinga esikole. 



UHLU LWAMAGAMA 
ubulimimbili   Indlela yokusebenzisa izilimi ezimbili (kungasho ukuthi uzazi ngokulingana zombili )  
ukuthuthuka kolimi  Ukuthuthukiswa kolimi ngokulubhala, ukulenza libe semthethweni nokwandiswa kwemisebenzi ukuze ulimi lusetshenziswe kuzinsizakuxhumana, emfundweni , kwezomthetho nezinhlelo zokuphatha,njll.,nokunikeza ububanzi jikelele bokushicilela imisebenzi ebhaliwe ngalolo limi.  
ukulungisa Amaphutha  Isenzo sokufakela ukulungiswa kolimi kanye/noma indlela yokubhala iziqephu.  
ukulinganisa  Izinga lobuqotho, ukungalingani; ukusebenzisa ngokulingana; kokuqotho nokulungile.  
ubuliminingi obusebenzayo  Kushiwo ulimi noma izilimi ezithile endaweni ethile ,obunqunywa yingqikithi yolimi olusetshenziswayo ,umsebenzi, Izethameli kanye nomlayezo odluliswayo.  
izilimi zomNotho weMvelo  Izilimi okungezona ezendabuko ezweni kodwa izilimi zezihambi.  
izilimi ezazibhekelwa phansi ngokomlando  Ingqikithi yaseNingizimu Afrika ,kunezilimi ebezikade zinganakwa ngamaqembu anamandla akudala futhi ke ngenxa yaloko bezingasetshenziswa noma zisetshenziswe emsakazweni,kwezemfundo(ngemuva kwesikole semfundo ephansi),noma esizweni noma emnothweni. Lezi zilimi bezingasekelwa ngalutho .Zifakela ngaphakathi izilimi zendabuko ,izilimi zomNotho weMvelo kanye nolimi lwezimpawu( SASL).  
ubuchwepheshe bolimi lwabantu  Ukusetshenziswa kolwazi lolimi ekuthuthukiseni izinhlelo zekhompyutha ezingabona ,zihumushe ,futhi zikhiphe ulimi lwesintu ngazo zonke izindlela; njengokuthuthukisa okusetshenziswayo okwenza ukuthi kukwazeke ukuthi abantu basebenzisane namakhompyutha .  
izilimi zoMdabu  Ulimi olungelabahlali balelo zwe.   
ukuhumusha  Isenzo sokudlulisa inkulumo ukusuka kolunye ulimi uye kolunye.  
ukuqapha ulimi  Ukuqaphela ukuthi ulimi lusetshenziswa kanjani esizweni ,ukuthi abasebenzisi bolimi bayawazi yini amalungelo olwimi ,nokuthi ulwimi lusetshenziswa kanjani ukukhuphula amandla nokuphinde ubehlise.  
ukulinganisa ulimi   Ngokomthethosisekelo ,zonke izilimi kumele zithole ukuhlonishwa okulinganayo. Ukuphathwa ngokufana kwezilimi ezimbili noma ezingaphezulu ,ikakhulukazi ukuya ngezingxenye zomphakathi  

ezisemthethweni ezinjenge zishayamthetho ,ezobulungisa ,ukuphatha kanye nokuqondiswa komphakathi.  
ukulinganisa ulimi  Ukunikezwa ngokulinganayo kanye /noma ukuphathwa kwezilimi ezimbili noma ezingaphezulu .Izinto ezifana nenani labakhulumi kanye nesimo solwimi esingenza inqubomgomo inqume lapho kungasetshenziswa khona ulimi oluthize .Loku kusetshenziswa angeke kulingane .(A) umbuso angeke usebenzise ngempumelelo izilimi zazo zonke izakhamuzi futhi ungahle uzibophelele ngokusebenzisana ngolimi noma izilimi zawo ezisemthethweni ,noma izilimi ezithize ngandlela thize (Turi, 1993:14 - 15).  
ukuhlela ulimi  Ukuhlelwa kolimi kubhekene nezimpendulo zezinkinga zolimi ngokuthola ezinye izindlela kanye nemiphumela .Ukufakelela izinqubo zokuqondisisa kanye nokwenza kangcono izilimi ngokuthuthukisa ulimi .  
umthethomgomo wolimi  Isinqumo esisemthethweni sesimo solimi esehlukene nesikhulunywayo emiphakathini ,isibonelo ,yiluphi ulimi oluzoba wulimi lwesizwe noma ulimi olusemthethweni ,yiziphi izilimi ezizawusetshenziswa ezifundeni kanti zizawuthola siphi isikhundla.  
amalungelo olimi  Imithetho enquma izimo lapho izakhamuzi zingazikhethela khona ulimi.  
amayunithi olimi  Izikhungo zikahulumeni eminyangweni nasezifundeni ukubhekana nezindaba zezilimi zalowo Mnyango nesifunda okusukela kuNqubomgomo yoLimi kaZwelonke futhi zithintana neminyango ngokuphathelene nezilimi.  
ukubhala izichazamagama  Umsebenzi noma ubungcweti bokwakha  izichazamagama.  
izinhlelo zokuhumusha ngemishini  Izinhlelo zekhompyutha ezihumusha imiqulu kagesi ukusuka olimini uya kolunye.  
ulimi olunganakwa  Noma yiluphi ulimi olungasetshenziswa ngokusemthethweni noma olucekelwa phansi ekusetshenzisweni ezindaweni eziphezulu (isib.kwezemfundo ,kwezokwelashwa ).Kuthathelwa phansi esikhathini esiningi kusho ukuba phansi kolimi futhi kungenzeka nabantu bakhona. Isibonelo, isiTsonga ,isiVenda ,isiNdebele neSiswati zithathwa njengezilimi eziphansi eNingizimu Afrika.  
ulimi lokufunda nokufundisa  Ulimi lokufundisa ekilasini njengoba luboniswe kuhlelo lwezifundo nakunqubomgomo yolimi. Ulimi lokufunda lufaka kancane umqondo wokuthi kungasetshenziswa  izilimi eziningi futhi nabafundi bangafunda olunye ulimi ngaphandle kolimi olusemthethweni.  
ubuliminingi  Ukusetshenziswa kwezilimi ezintathu noma eziningi ngumuntu oyedwa noma iqembu lezikhulumi njengabantu besigodi esithize noma izizwe.  
ulimi olusemthethweni  Ulimi olusetshenziswa kuhulumeni ,enkantolo yamacala ,kwezamabhizinisi, kwezemfundo kanye nasezindaweni zokuxhumana.  

Ukuhumusha  Isenzo sokuguqulela ulimi imibhalo ukusuka kolunye ulimi ukuya kolunye  
ngendlela ebhaliwe.  
Itheminoloji  Ukwamukelwa  kwamagama  anobuchwepheshe  amiswe  umkhakha  
wesifundo esithile.  

(22337  A-MB -2002-11-13) 


