INQUBOMGOMO YOKWABA ELAWULA AMATHUBA OKUHWEBA NEZIMVUME KUBAHWEBI ABASEBENZELA EZINDAWENI OKUZINGEZIKAMASIPALA 
1. Isingeniso 
Inhloso yale nqubomgomo yokwaba ngukweseka intuthuko, nokuvula amathuba okungena kwabahwebi abasha ngendlela enosizo ngokungenamkhawulo emkhakheni wezomnotho nowenhlalakahle yomphakathi. Ingasiza kakhulu ekwakheni amathuba omsebenzi nasekumbandakanyweni kwabantu ababekhishwa inyumbazana emnothweni esikhathini esiphambili. Izosetshenziswa ngendlela ezodala ukuxhumana phakathi kwabanesipiliyoni kulo msebenzi wokuhweba nalabo abangenaso. 

2. Imibandela 
2.1 	Ezindaweni ezilawulwa nguMasipala ezikhonjiwe ezibekelwe ukuhweba, kuyobekwa usuku oluyoba ngunqamula juqu lokuvunyelwa ngokusemthethewni kwabo bonke abahwebi kuleyo ndawo. Ngemuva kwalokho noma ngubani ohweba ngokungemthetho uyosuswa, umnyango bese ubika eMkhandlwini nyanga zonke mayelana nokuvunyelwa kwabahwebi ukuba basebenze ngokusemthethweni. 
2.2 	Kuyovunyelwa kuphela abasesigabeni sokuqala/sokungena ebhizinisini. 
2.3 	UMkhandlu uyokhuthaza ukukhushulelwa kwabahwebi ezindaweni ezingconywana bagcine sebengene ezimakethe zangempela, ngokudala amathuba okuthuthukisa abantu namabhizinisi abo isikhathi esithize esinqunyiwe okuyothi ngemuva kwaso umhwebi aphinde futhi afake isicelo uma esafisa ukusebenzisa indawo efanayo. Umnyango kumele wenze izivumelwano zokuhwebela ezindaweni zokuhwebela zikaMasipala, eziyoba yisivumelwano phakathi koMkhandlu nabahwebi abayisisayinda ngesikhathi babelwa izindawo abazohwebela kuzona. 
2.4 	Isicelo sokwedlulisela indawo yokuhwebela esihlotsheni/kowasemndenini uma umnikaziyo esesimweni esibucayi, egula, eshona noma ekhubazeka, kumele silethwe eMkhandlwini ukuze sicutshungulwe.  (Sibhekwe ngokomhwebi uma kunezimo eziyisipesheli). 
2.5 	Ukubheka umlando wendawo ukuthola ukuthi kukhona yini okufanele kubhekwe ngokwehlukile kuleyo mibandela eyejwayelekile okwavunyelwana ngayo, noma ukuthi kufanele kusebenze imibandela eyejwayelelkile yini. 
2.6 	
Kuyoqala kucatshangelwe abesifazane, abasebasha (18-35 ubudala) nabantu abakhubazekile kanjalo nabayizakhamuzi zaseNingizimu-Afrika. 

3. 	
Imibandela ephambili 


3.1 Ukuzinikela ukukhokha irenti yetafula/yendawo yokuhwebela 
3.2 Indawo eyodwa yokuhwebela umhwebi ngamunye umndeni ngamunye 
3.3 Akumelekile ukuba umhwebi owabelwayo abe nelinye ibhizinisi 
3.4 Kube ngumuntu ongaqashwe ndawo 3.5 Athobele imithetho kahulumeni nekamasipala 
3.6 Impahla edayiswayo ivumelane nobunjalo bendawo, kodwa uMkhandlu uyophokophelela ekuthuthukiseni amathuba omnotho/ezimakethe endaweni. 
4. 	Imibandela 
Ekwabeni izindawo zokusebenzela uMasipala waseThekwini uyozama ukufeza le migomo elandelayo. 
4.1 Umgomo 
4.1.1 	UMkhandlu uyosebenzisa ukwabiwa kwezindawo zokusebenzela ukubhekana nokungabi bikho mathuba kwamathuba ezomnotho kuleyo miphakathi eyayincishwa amathuba phambilini. 
4.1.2 	Ekwabiweni kwezindawo zokusebenzela kuyobhekelwa kakhulu abesifazane nabantu abasebasha nalabo abakhubazekile ngokuchaza komthetho wezwe. 
4.1.3 	Abokufika kuleli abasemthethweni abenezimvume zokusebenza bayovunyelwa ukuba bahwebe inqobo nje uma bezanelisa izidingo okuvunyelwene ngazo. 
4.1.4 	
Kuyobhekela imifelandawonye ebhalisiwe emnyangweni ofanele kaMasipala. 

5. 
Amaphuzu 


Ukubalwa kwamaphuzu kuyokwenziwa ngendlela eyohlangabezana nemigomo ebekiwe. 
5.1 Noma ngubani owayavumelekile ukuvota ngaphambi kuka-1984 = 1 
5.2 Noma ngubani owayngavumelekile ukuvota ngaphambi kuka-1995 = 2 
5.3 Imifelandawonye yokusebenzela = 3  eyaziwayo  njengoba  kuyosizakala  abantu  abangaphezu  koyedwa  ngendawo  
5.4 Impahla edayiswayo enenani kanye nekhono = 1  
5.5 Impahla edayiswayo enenani eyakhiwa lapho ngumfelandawonye ofake isicelo ayilunga lawo = 1  kuleyo  ndawo  yokusebenzela,  noma  eyakhiwa  
5.6 Ofake isicelo endaweni engowendawo = 1  

5.7 Noma ngubani ofake isicelo sendawo yokuhwebela esendaweni engaphansi kukalo Masipala ngobubanzi bayo ebe ehlala endaweni engaphansi kukalo Masipala = 1     
6.Indlela 
 
Isekhula ngezindawo zokuhwebela ezingenamuntu iyokhishwa inikwe amakhansela ngenjongo yokuwazisa ngezindawo ezitholakalayo. 

 
Noma iyiphi indawo yokuhwebela engenamuntu iyokhangiswa kubantu bendawo abakhele leyo ndawo. Izindawo zokuhwebela ezisezingeni likaMasipala ngokubanzi ziyokhangiswa kuyo yonke indawo engaphansi kukaMasipala. 

 
Ngeke lube khona uhlu lwabalindile, labo asebesohleni olunjalo bayokwaziswa ukuze baphinde bafake izicelo uma kuvela indawo ezokwabiwa. 

 
Lapho amaphuzu elingana, indawo iyokwabiwa ngokutomula. 

 
Abahwebi vele asebekhona bangafaka izicelo zezinye izindawo. Uma umuntu ethola indawo entsha, kuyodingeka ukuba ayishiye leyo akade esebenzela kuyona. 

 
Umnyango uyonika amakhansela imibiko njalo ngekota mayelana nokwabiwa kwezindawo zokuhwebela. 




