Le nkohliso isungulwa ngumkhohlisi ngokuxhumana nenkampani ethize ngokuyithumela ifekisi, incwadi noma i-email. Kwenziwa isiphakamiso sebhizinisi, lokhu kwenziwa yiqembu lezigelekeqe ezezikhohlise ngokuthi ziyizikhulu zikahulumeni. Abakhohlisi baqamba amanga bathi banesamba semali yebhajethi eningi ngokweqile, imvamise bathi ingamadola aseMelika. Isiphakamiso sebhizinisi sivame ukuchaza ukuthi banesamba semali eningi ngokweqile, abafuna ukuyikhipha ezweni lakubo bayifakele ebhangi langaphandle kwalelo lizwe evela kulo. Umuntu othola leyo ncwadi uvamise ukuthenjiswa ukuthi uma engasiza uzothola amaphesenti angu-20 ukuya kwangu-35 aleyo mali ezodluliselwa ebhangi njengekhomishini ngokuvuma ukuthi kusetshenziswe i-akhawunti yakhe yabhangi.
Lowo ovumayo ukusebenzisana nabo uyaye acelwe ukuthi afakele imali kwi-akhawunti yebhangi elithize yokusiza ukubhekana nezindleko zokudlulisa le mali.
Uma esekhokhele leyo mali, uvamise ukutshelwa ukuthi kuvele "isixaka-xaka" thizeni, ngakhoke kumele afakele enye imali futhi.
Kuvamise ukuthi kwenziwe amalungiselelo omhlangano nalowo muntu kwelinye izwe, kanti uma lowo muntu eselapho kulelo lizwe, uthathelwa ipasipoiti yakhe, naye abanjwe ukuze enze amalungiselelo okufakelwa kwenye imali kwi-akhawunti yezigelekeqe.
Kungasetshenziswa ama-letterhead abonakale engawangempela kanti awambumbulu ukufakela imininingwane yeBhangi, ukudlulisela imali yalowo muntu obanjwa inkunzi esuka kwi-akhawunti yakhe ifakelwa kwi-akhawunti yezigelekeqe.
Inkohliso yomgunyathi ivamise ukusungulwa wumkhohlisi ngokuxhumana nabantu nje yonke indawo, kuvamise ukusetshenziswa i-email. Umkhohlisi uyaye athi uyisikhulu esimele inkampani ye-Lottery, kanye nokweluleka umuntu, ukuthi uwine imali yelotho, lapho umuntu engathenganga nathikithi lelotho. Basho izinombolo eziwinile ezincwadini abazibhalayo, ngisho noma iNkampani yeLotto abakhohlisi abathi basebenzela yona ikhona ngempela, izinombolo abakhohlisi abazikhiphayo ziyizo ngempela eziphumela , lokhu kuyinkohliso yenkwabaniso. Lezi zindlela zomgunyathi wenkohliso zisetshenziswa ngabe-419 scam ukuphuca abantu ababakhohlisayo izimali.
Ukuthola olunye ulwazi ngalo mgunyathi wenkohliso, ungaluthola kumaPhoyisa aseNingizimu Afrika kwi-website, kanti kunezindlela laba bakhohlisi bomgunyathi abasebenza ngazo, kwisikimu sabo, sokukhwabanisela abantu izimali zabo, kanye nezindlela zokuzivikela ongazithatha.
Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
Uma uthola incwadi yenkohliso yomgunyathi ihambise incwadi, nolwazi kwabe-Interpol.
Nikeza imininingwane yokuxhumana nawe kanye nezinombolo zocingo, noma zalowo muntu abathintekayo.
Uma kunokuxhumana phakathi kwesikimu se-"419" kanye neNingizimu Afrika, chaza lokhu kahle nayo yonke imininingwane efanele.
Nikeza imininingwane yokuxhumana nawe kanye nezinombolo zocingo, noma zalowo muntu abathintekayo.
AbeNkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika yibona ababeka isikhathi esizothathwa ekwenzweni komsebenzi, sokukhipha umbiko wokuthi kuqhubekeka kanjani ngomsebenzi. Imibiko ivamise ukukhishwa njalo emavikini amabili kuye ngesimo sodaba nodaba.
Imibiko ngokuthi umsebenzi uqhubeka kanjani ngeke yanikezwa abantu ziqu, uma kungekho kulahlekelwa okwenzekile. Kodwa-ke, kubalulekile ukuthi abeNkonzo yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika banikezwe amakhophi ezincwadi zomgunyathi wenkwabaniso yesikimu se-"419", ukuze bazifakele kwi-database yabo.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Awekho, kodwa kubalulekile ukukhombisa kumadokhumende uma kube nokuhlahlekelwa zimali okwenzekile.
