Kwenzakani uma Umyalelo Wokuvikeleka wephulwa? 
Uma uMmangalelwa ephula Umyalelo Wokuvikeleka ngokuphinda ahlukumeze ngokomzimba noma ngokomlomo ngendlela echazwe ekuqaleni kwale ncwajana, ungakwazi ukufaka isikhalazo esiteshini samaphoyisa bese unikezela Incwadi Yokubopha kumaphoyisa azobe esebopha Ummangalelwa. 
Isinqumo sokusebenzisa Incwadi Yokuboshwa emva kokweqiwa koMyalelo singesakho ngokuphelele. Emva kokuba eseboshiwe, uMmangalelwa uzobhekana namacala obugebengu bese equliswa icala eNkantolo Yezobudlova ngokwephula Isifungo Sokuzivikela. 


Ungakwazi, nganoma yisiphi isikhathi, ukufake isicelo ukuze Umyalelo wakho ubekelwe eceleni, kodwa, kungumbono kaMantshi ukuthi Isifungo asibekele ecelene noma cha. Loku kuzokusho ukuthi Umyalelo wokuzivikela uzothathwa njengongasasebenzi. 




Umnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo Ucingo: 012 315 1856/4 Ifeksi: 012 315 1851 



Umthetho Wokuhlukunyezwa Kwemindeni We-116 Ka-1998 uvumela ukuthi ohlushwayo ngohlukunyezwa umndeni noma olinyazwayo afune Umyalelo Wokuvikeleka Enkantolo Yemantshi maqondana nomuntu omhlukumezayo. Inhloso yalo Mhlahlandlela ukuthi unikeze ohlushwayo ulwazi aludingayo ukuthi alethe incwadi yesicelo soMyalelo Wokuvikeleka ngokulandela Umthetho Wokuhlukunyezwa kwemindeni. Bobabili abesifazane nabesilisa bangaba necala, baphuinde babe ngabahlushwayo Odlameni Lwemindeni. Ngenhloso yalo Mhlahlandlela kodwa, siye safanekisa ukuhlukunyezwalinygzwa okumaqondana nabesifazane ngoba lokhu yikhona okujwayelke ukwenzeka kakhulu. 
1. 	
kumuntu oshade nayo, kungaba ngamalungelo omthetho noma esiko; 

2. 	
kumlingani wakho (wobulili obufanayo noma obehlukile) ohlala noma okade ehlala nawe, noma ngabe naningashadile noma ningakwazi ukushadana ( uma, isibonelo, omunye wenu ayeseshade nomunye umuntu); 

3. 	
omunye umzali wengane yakho noma abantu enabelana nabo ngesibopho sobuzali bengane; 



4. abantu abahlobene nawe ngokwegazi, ngomshado noma ngokutholwa; 
owabelane naye ngesethembiso somshado, ukuthandana ngokwesiko noma ngokuvakashelana, okufaka ukuthandana kwangempela noma okwakubonakala, okunokwazana kakhulu noma kokuya ocansini nganoma yisiphi isikhathi umuntu owabelana naye noma oye wabelana naye kungekudala indawo efanayo Le ndaba ingahlehliswa ibekelwe olunye usuku lokuya enkantolo. UNobhala Wenkantolo uzokusiza noma akuqondise emuntwini ozokusiza ngokubhala impendulo. 


Ngosuku lokulalela icala iMantshi izozama ukwenza isinqumo esesekwe ngeZifungo ezifayilwe yibo bobabili. Imantshi ingacela oyedwa wenu noma nina nobabili ngencazelo yenu yezindaba ezithile. Imantshi ingathatha isinqumo sokuqinisekisa Umyalelo ibekele eceleni Umyalelo bese iphoqelela ukuthi kulalelwe ubufakazi bomlomo. 




Khumbula ukuthi ngokoMthetho, Amaphoyisa kumele akusize nganoma yiyiphi indlela echazwe kuMyalelo Wokuvikeleka, isibonelo ekuthathweni kwezinto okungezakho, incwadi yakho yomazisi, izincwadi noma izimpahla zabantwana njll. Uma uthola ukuthi Iphoyisa alikusizi noma liyenqaba ukusebenzisana nawe ngokulandela Umyalelo, ungakwazi ukukubika lokhu eBandleni leziphathimandla Lomgondisi Elizimele (Indepedent Complainysa Directorate). 



uMmangalelwa uzoboshwa yini ngoMyalelo Wokuvikeleka? 
uMmangalelwa angeke aboshwe lapho enikezwa Umyalelo Wokuvikeleka. Angaboshwa kuphela uma ephula umthetho onikezwe ngumyalelo 

Yini ukwephulwa koMyalelo Wokuvikeleka? 

Lokhu kwenzeka lapho uMmangalelwa ehluleka ukuhambisana noMyalelo, ngamanye amazwi ephinda ukuziphatha okuhlukumezayo, avinjelwe nguMyalelo Wokuvikeleka 

Yini Ukudelela Inkantolo? 
Lokhu kwenzeka uma Ummangalelwa engalandeli Umyalelo, noma ehluleka ukuvela eNkantolo Yamacala Obugebengu ukuzophendula ngamacala abekwe wona. 




 Ukuhlukunyezwa 
ngokomzimba 
 
Ukuhlukunyezwa ngokocansi 


 Ukuhlukumeza ngokwethuka 


 Ukuhlukunyezwa 


ngokomnotho 
 Ukwesabisa 
 Ukuhlupha 
 Ukulandelela noma ukungena endaweni yokuhlala ngaphandle kwemvume, lapho ungahlali nalowo muntu 
 Ukuphula impahla noma ezinye izinto umuntu anazo 
 Noma yisiphi isimo sokuphatha noma sokuhlukumeza kuwe lapho ukuziphatha okunje kukulimaza noma kungabanga ukulimala okuseduze kakhulu nasekuphepheni, empilweni noma ukuphila kahle kwakho noma umndeni wakho 


Kufanele ngenzeni? 
Uma ucabanga ukuthi ungohlushwayo nganoma yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa Kwemindeni njengoba kubalwe ngenhla, 
yiya eNkantolo Kamantshi eseduzane bese ucela usizo lokuthi 
ungasifaka kanjani isicelo soMyalelo Wokuvikeleka. Unobhala 
weNkantolo uzokusiza ukuthi ugcwalise amafomu afanele futhi 
akuse naphambi kwemantshi ezobheka ukuthi kumele yini 
ikunikeze Umyalelo noma cha. Imininingwane yabanikezela 
ngezinsiza abangakweluleka bakusize ngokuphathelene nalokhu inikeziwe ekuqaleni kwalo Mhlahlandlela. 



Khumbula ukuthi esimeni esiphuthumayo, lezi zinsiza ziyatholakala amahora 


UNobhala weNkantolo uzokusiza ekugcwaliseni amafomu adingekayo kanye nokukusa ngaphambi kweMantshi. 

Kumele ngiye kuyiphi Inkantolo? 
Iya enkantolo eseduzane nalapho uhlala noma usebenza khona. Uma ngabe kuwukuthi waphoqwa ukuthi ushiye indawo ohlala kuyo ngenxa yokuhlukunyezwa futhi uhlala kwenye indawo okwesikhashana, ungaya enkantolo eseduzane nendawo ohlala kuyo okwesikhashana. 


Uzothini Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana? 
 	
Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana uzocela Ummangalelwa (umuntu ohlukumezayo) ukuthi angakuhlukumezi ngendlela ecaciswe eshiwo ku-Affidavit yakho. 

 	
Ummangalelwa anganikezwa umthetho wokuthi angakuhlukumezi ngokomzimba noma 


ngokuhlambalaza wena noma izingane zakho 
 	
Ezimweni ezimbi kakhulu, iMantshi ingakubona kufanele ukuthi iphoqelele Ummangalelwa ukuthi aphume endlini abahlala kuyo bonke noma amvimbele ukuthi angene ezindaweni ezithile zendawo abahlala kuyo. 

 	
Uma ngabe yizingane ezihlushwayo kuloku kuhlukunyezwa, Inkantolo ingaphoqelela ukuthi Ummangalelwa angabonani nezingane nhlobo noma azibone okwesikhashana nje. 

 	
Inkantolo ingenza umyalelo wokusizwa ngezimali esheshayo. Loku kusho ukuthi uma udinga ukufaka isicelo sezindleko zokugula noma imali yokuhlala kwenye indawo ezivele ngokuqondene ngqo nokuba ngumphumela wokuhlukunyezwa, kumele unikeze ubufakazi bezindleko obe nazo bese ucela inkantolo ukuthi ibheke lesi sicelo. 

 	
Inkantolo ingatshela amaphoyisa ukuthi athathe isibhamu sommangalelwa uma ngabe 


eke wenza nanoma yikuphi ukwesabisa impilo yakho ngaso. 
Ukuze ibhekele ngokugcwele uhlobo lokuhlukunyezwa okucacile okwenziwa kuwe inkantolo ithembele kuSifungo osenzile lapho ufaka isicelo sakho. Ngakho-ke kumele unikeze inkantolo lonke ulwazi olufanele kuSifungo sakho, isibonelo, imininingwane yezehlakalo zokuhlukunyezwa, usuku kanye nendawo nohlobo lokuhlukunyezwa lwesehlakalo sokugcina 


Ngenzani ngoMyalelo Wokuvikeleka Wesikhashana? 
Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana kumele unikezwe Ummangalelwa (umuntu ohlukumezayo) ngokushesha okukhulu. Awukwazi ukuya ngokwakho uyonikeza Ummangalelwa Umyalelo Wokuvikeleka njengoba lokhu kungeke kube indlela yokwenza umsebenzi elungile. Ngamanye amazwi, ukunikeza Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana ngumsebenzi womunye umuntu osesikhundleni sokuba semthethweni okusho ukuthi Iphoyisa. Kumele umukise Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana Ehhovisi likaSherifu noma esiteshini samaphoyisa esiseduzane nekheli lommangalelwa lasekhaya noma lasemsebenzini. Esiteshini samaphoyisa, uyacelwa ukuba ukhumbule ukubhala phansi igama kanye/noma inombolo yebheji yomuntu oyiphoyisa omnikeza lo-Myalelo. Lokhu kuzokusiza ukuthi ukwazi ukulandelela kalula Umyalelo esikhathini esizayo. Iziteshi eziningi zamaphoyisa zineSisebenzi esiGunyaziwe sokuphatha izindaba zokuhlukunyezwa kwemindeni. 


Hlela nePhoyisa ukuthi liqoqe, Incwadi Ebuyiswayo,(Ubufakazi Bokunikeza). Lobu wubufakazi bokuthi Umyalelo Wokuvikeleka uye wanikezwa Ummangalelwa nokuthi lowo muntu uwamukele ngokwakhe. Ungahleli ukuthi iphoyisa lithumele noma lipose Incwadi Ebuyiswayo iye Enkantolo ngoba lokhu kuhamba kancane kakhulu futhi akufiki enkantolo ngaphambi kosuku lokubuyiswa. 



