

Inkantolo 
yokumangalela
izimfuno
ezincane

Inkantolo 
yokumangalela
izimfuno
ezincane



Zifakele isimangalo ngemfuno sakho !


1. Ngubani ongenza isimangalo sezimfuno?
 Noma ngubani ngaphandle kwezinkampani ezibaliswe ngokomthetho kanye nezinhlangano.
 Umuntu ongaphansi kweminyaka engu 21 kufanele asizwe ngumzali wakhe noma umbheki wakhe osemthethweni.
2. Ngubani ongamangalelwa zimfuno?
 Ngaphandle kuka hulumeni, noma ngubani angamangalelwa kuhlanganise nezinkampani, izinhlangano, omasipala ngisho nanoma yini enye esebenza endaweni ephethwe yileyo nkantolo.
3. Imali engakanani engamangalelwa?
 Imali engengaphezu kuka R7000.
 Uma izimfuno zakho singaphezu kwenani lika R7000, ungafaka izimfuno zenani elingaphansi ukuze isimangalo sakho samukelwe enkantolo yokumangalela izimfuno ezincane.
4. Yimaphi amacala angenakuqulwa kulenkantolo?
 Izimfuno zemali yenani elingaphezu kuka R7000.
 Izimfuno zokumangalela u-Hulumeni.
 Izimfuno ezimayelana nokumiswa noma ukudluliswa kwamalungelo
 Izibizo zokunxephezelwa ngenxa yesethuko, yokumangalelwa okunenzondo, yokugqunywa ejele ngephutha, yokuboshwa ngephutha, yokuyengwa nokwephulwa kwesithembiso somshado
 Izimfuno zokuchithwa komshado
 Izimfuno zokubanga ifa
 Izimfuno ezimayelana nobunjalo besimo sengqondo yomuntu.
 Izimfuno ezibizela isenzo esithile esingavumi inkokhelo yokunxeshezelwa, ngaphandle kwecala elihlanganisa ukudluliswa kwe akhawunti noma kwempahla ezinzile noma ethwalekayo engengaphezu kuka R7000 inani layo.
5. Ingabe uphoqelekile ukumangala enkantolo yezimfuno ezincane?
 Cha, ungakwazi ukukhetha ukuthi ufuna ukumangala enkantolo yezimfuno ezincane okanye noma kuyiphi inkantolo engaqula icala lakho.
6. Ukuthola ummeli nosizo lwakhe ekulungiseleleni isimangalo.
 Akuvunyelwe ukumelwa ngummeli ojwayelekile noma ophakeme.  Kodwa nokho, ngezindleko zakho ungazitholela iseluleko sommeli ngaphambilini.
 Omabhalane nabasizi bezomthetho balenkantolo yezimfuno ezincane bangakusiza ngaphandle kwenkokhiso.
7. Abahumushi
 Noma yiluphi ulimi kwezisemthethweni e-Ningizimu Afrika lungasetshenziswa kulenkantolo.
 Kufanele kuhlelwe kusengaphambili nomabhalane wenkantolo ukutholakala komhumushi uma ubufakazi buzonikezwa ngolimi olungaqondwa kahle ngomunye wabathintekayo.
8. Kwenziwa kanjani ukumangalela
 Izinyathelo ezithathwa ngaphambi kokufaka isimangalo sezimfuno
 Mazise ummangalelwa (lona ngumuntu ofaka isimangalo esingokomthetho ngokumelene naye) ngokuya kuye ngokoqobo, ngocingo noma ngokumbhalela, umcele ukuthi akwanelise izimfuno zakho.
 Uma ummangalelwa engaphenduli esicelweni sakho, mbhalele incwadi yezimfuno (ubalule yonke imibandela yemfuno, nenani izimfuno zakho) umnikeze ithuba lezinsuku ezingu 14 ukusuka usukwini athole ngalo incwadi yezimfuno yokwanelisa imfuno zakho evela kuwena.
 Yihambise ngesandla noma ngeposi elibhaliswayo incwadi yesibizo kummangalelwa (lomuntu ofaka isimangalo esingokomthetho ngokumelene naye).
 Ngemva kwezinsuku ezingu 14, yiya wena uqobo mabhalane wenkantolo uphethe isiqinisekiso sokuthi wayihambisa kummanglelwa incwadi yezimfuno.
 Okufanele ukuphathe uma uya kumabhalane wenkantolo
 Incwadi yakho yezimfuno nesiqinisekiso sokuthi wayithumela kummangali (isibonelo: isiliphu saseposini)
 Noma yiyiphi incwadi yesivumelwano noma eyisiqinisekiso semibandela izimfuno zakho.
 Igama eliphelele nekheli (ikheli lase khaya, nelasemsebenzini, uma likhona) nenombolo yocingo kammangalelwa.
 Okufanele kwenziwe ngumabalane wenkantolo
 Yena nomsizi wezomthetho bazocubungula izincwadi oziphethe bese bekusiza ukubhala isamanisi elilula.
 Uzobe esekwazisa usuku nesikhathi eliyoqulwa ngalo icala
 Uyobhala isamanisi akunikeze lona.
 Yini okufanele uyenze ngesamanisi?
 Ungalihambisa wena uqobo isamanisi kummangalelwa. (Zama ukuthola indlela ebonisa ukuthi ulitholile) 
 NOMA
 Isamanisi ungalinikeza nenkokhelo yokulihambisa ephoyiseni lesifunda (u-Sheriff) lapho ummangalelwa ehlala khona, ukuze iphoyisa lilihambise kummangalelwa.
 Yini okufanele uyenze ngokulandelayo?
 Lapho uyewasetshenzelwa khona ngu sherrif, kufanele uthole isiqinisekiso sokuthi ukwenzile lokho ngaphambi kosuku lokuqulwa kwecala.
 Gcina incwadi yesivumelwano noma iyiphi incwadi eyisiqinisekiso semibandela yesibizo osenzayo.
 Yazisa ofakazi bakho ngosuku nesikhathi sokuqulwa kwecala uhlele nokuthi babe khona enkantolo ngaleso sikhathi esibekiwe.
9. Okungase kwenziwe ngummangalelwa lapho ethola amasamanisi
 Angase abambisane ngokwenelisa izimfuno sika mmangali.
 Angathumela isitatimende esibhaliwe kunobhala wenkantolo, esiqukethe imininingwane nemibandela yokuzivikela kwakhe, abese ethumela ikhophi kummangali.
 Angafaka esakhe izimfuno esimelene naleso ngokuletha isitatimende esiqukethe iminingwane edingekayo yesamanisi mabhalane wenkantolo.
 Uma kuvela isikhalo sika shwele noma izimfuno esimelene, icala kusafanele liqhubeke nokuqulwa.
10. Yini okufanele uyenze uma ummangalelwa esenelisile izimfuno sakho?
 Kufanele umnikeze ilasidi elibhaliwe
 Wazise umabhalane wenkantolo masinyane ukuthi izimfuno sakho sesanelisiwe nokuthi ngeke usaqhubeka necala.
11. Yini okufanele uyenze ngosuku nesikhathi sokuqulwa kwecala?
 Kufanele uze enkantolo qobo lwakho.
 Uqiniseke ukuthi uphethe zonke izincwadi ezinemininingwane nemibandela izimfuno zakho
 Uqiniseke ukuthi bakhona bonke ofakazi bakho
 Uqiniseke ukuthi uphethe isiqinekiso esibhaliwe sokuthi amasamanisi athunyelwa kummangalelwa
12. Ukuqulwa kwecala
 Indlela yokuqulwa kwecala ingekhululekile futhi elula.
 Akuvunyelwe ukukhulunyelwa ngummeli ojwayelekile noma ophakeme
 Ukhomishani wenkantolo uzokucela ukuba wethule udaba lwakho.  Bika indaba ngamazwi a.ngqiwe ngoku nokwenzeka.
 Phendula imibuzo kaKhomishani bese wethula izibonakaliso zobufakazi
 Akuvunyelwe ukufakana imibuzo phakathi kwabamangalalene.  Nokho, ngemvume ka Khomishani ungayibuza imibuzo embalwa kwenimangalanene naye.
 Mlalelisise lowo enimangalanene naye lapho echaza kuthi uma eseqedile ukukhuluma, bese uphawula ku Khomishani noma yiziphi izici ngokucabanga kwakho obona ukuthi akazibekanga ngendlela.
 Lapho uKhomishani eselalele okushiwo nguwena nalowo enimangalanene naye nofakazi abangase kube bakhona, inkantolo izokwethula isinqumo. (Ukhomishani angasho nokuthi uzonazisa isahlulelo sakhe ngokunibhalela kamuva.)
13. Ukudluliswa nokubuyekezwa kwecala
 Akuna sikhalazo esiyokwamukelwa ngokumelene nesinqumo noma isiqondiso senkantolo.
 Ukuqulwa kwecala kungadluliselwa eNkantolo yamaJaji (iNkantolo ePhakeme) ngezizathu ezintathu kuphela:
 - Inkantolo uma ingenalo igunya lokuqula lelo cala;    ukuthinteka ecaleni; ukwenzelela; inzondo noma    inkohlakalo ngokhomishani;
 - ukuphathwa budedengu okukhulu kwalelo cala.
14. Izinyathelo ngemva sinqumo
 Uma kwenzeka ukuthi isahlulelo simelene nawe
 Isinqumo senkantolo singu juqu, ngaphandle-ke uma sikhona isizathu esamukelekayo sesikhalazo.
 Khokhela noma yiziphi izindleko ezibekwa yinkantolo kuwena. Izindleko ezingaba khona yilezo ummangali angabe uzithole ngokukhokhela u-sheriff.
 Hambisana nesinqumo senkantolo.
 Uma kwenzeka ukuthi isinqumo sivunana nawe
 Lowo enimangalenene naye uyokukhokhela masinyane imali yesahlulelo, uma enayo. Mnikeze ilasidi laleso samba masinyane.
 Uma lowo enimangalenene naye engakwazi ukulandela isinqumo senkantolo khona lapho, inkantolo izofunisisa isimo sakhe ngokwezimali nokuthi angakwazi yini ukukukhokhela mayelana nesahlulelo kanye nezindleko bese ikhipha isinqumo salokho.
Uma okweletayo ehluleka ukulandela isahlulelo noma isinqumo senkantolo
Uma lowo olahlwe yicala ehluleka ukulandela isahlulelo noma isinqumo senkantolo yokumangalela izimfuno ezincane kanti wena ufuna ukumphoqa ngaleso sahlulelo, icala lidluliselwa enkantolo yemantshi, bese liqulwa ngokulandela uMthetho weZinkantolo zeziMantshi, 1944 (Umthetho 32, ka 1944).  Kuyancomeka ukuba uthole ummeli ngokuqulwa kwaleli cala.
15. Okubalulekile
 Leli pheshana likwazisa nje ngezinyathelo ezisemqoka okumelwe zilandelwe mayelana nokufaka isimangalo secala enkantolo yokumangalela izimfuno ezincane.
 Uma udinga noma yiluphi usizo nganoma yiyiphi indaba, liyatholakala ikheli nenombolo yocingo kanobhala wenkantolo yokumangalela izimfuno ezincane, enkantolo kamantshi yangakini.
Likhishwe ngebeMfundo yoMphakathi nokuXhumana, 
uMyango weZobulungisa nokuThuthukiswa koMthetho Sisekelo.
Private Bag X81, Pretoria, 0001



