Lesi yisikhungo esisebenza amahora angu-24 sokubika ubugebengu, esibhekana nemibiko nezikhalazo ezivela kubantu. Izingcingo zingashayelwa ngokusebenzisa ulayini wakwa-Telkom noma ngeselula . Zonke izingcingo ezingena esikhungweni ziyarekhodwa.
Qaphela: Shayela kule nombolo kuphela uma kunesimo esiphuthumayo.
lokhu kuvimbela izingcingo ezishayelwa ngabantu abakwisimo esiphuthumayo nesiyingozi, kanti futhi abadinga ukusizwa ngamaphoyisa masishane.
lokhu kuchitha isikhathi samaphoyisa ngoba kudingeka izikhulu zithathe imoto noma zindize ziye kuleyo ndawo okubikwa khona ubugebengu lokhu futhi kuchitha izimali ngoba izikhulu zingathunyelwa ukuthi ziye endaweni lapho okungekho khona isimo esiphuthumayo.
Uma unesikhalazo esingaphuthumi noma ukubuza imibuzo nje ngokunabile, shayela esiteshini samaphoyisa sendawo yangakini.
Shayela inombolo ethi: 10111 noma ngabe ukuphi eNingizimu Afrika.
Ulwazi luyaqoqwa ebese unikezwa inombolo yereferensi njengobufakazi kanye nokulusebenzisa ngesikhathi esizayo.
Zonke izingcingo ziphendula ngokushesha ngendlela okukhonakala ngayo.
Awekho amafomu okumele agcwaliswe.
