Ukuzibandakanya komphakathi;-Ukuthuthukisa nokukhuliswa kwezenhlala kahle kanye nezomnotho;-Ezokuphepha, ezokuvikeleka kanye nokulwa nesandulela, ngculazi nyo unqobo;-Ukuletha izidingo ngqangi;-Ukuphathwa kwezimali ngobuqotho;-Ubuholi obuqotho;-Ukuvikelwa kwezemvelo.
i Ukuletha intuthuko ezindaweni ezisemaphandleni nasemadolobheni. ii Ukwenzalula intuthuko yezindawo ezihlelekile nezingahlelekile, ezikhona nezintsha zokuhlala. iii Ukuvimbela ukusebenzisa umhlaba ngokungemthetho. iv Ukugqugquzela ukuthuthikiswa komhlaba ngokusheshayo. v Ukugqugquzela ukuthuthukiswa komhlaba ngokwanele futhi nokuhlangene.
Ukugqugquzela ukuthuthukisa umhlaba okuhlanganisa ezenhlalakahle yomphakathi, ezomnotho, nokuhleleka, nangokwakheka komhlaba ngokwendalo, Ukugqugquzela intuthuko ehlanganisile emaphandleni nasemadolobheni Ukugqugquzela ukuba khona kwezindawo zokuhlala nokuvuleleka kwamathuba emisebenzi ezindaweni ezisemaduze noma lezi zindawo zihlanganiswe ndawonye Kusentshenziswe kwemkhakha ekhona ngokwanele ibandakanye imikhakha ethintene nezolimo, umhlaba, ezimbiwa phansi, izinqalasizinda, ezokuthutha, nezinto zomphakathi. Ukugqugquzela ukusentshenziswa komhlaba okuxubile, nasemhlabeni womuntu oyedwa noma emhlabeni ehlukanisiwe. Kuvinjelwe ukugqagqana kwezindawo ezingamadolobha, bese kuxhaswa intuthuko yamadolobha ahlangene. Ukuxhasa ekulungiseni izindawo Ukugqugquzela kukulandela imikhuba kanye nezindlela okuyizona ezibheke ezemvelo.
Loluhlelo luveza izindlela ezidinga ukunakwa ngokucophelela, kanye nezindawo lapho izinhlelo eziseqopheleni eliphezulu esezenziwe khona, noma obekusadingeka ukuba izinhlelo zenziwe. Lezindawo zifaka inxenyekazi enkule Edendale ne Imbali, inxenye enkulu yedolobha (Central Area), kanye nomhlaba onothe kakhulu ngokwezolimo osentshonalanga nomkhandlu (Vulindlela). Kuloluhlelo kukhona neziphakamiso zokwandisa imiphakathi, ukuvikeleka kwezakhiwo, kanye nemigomo yezinhlelo zentuthuko efanelekile kwezinye izindawo.
iiEkuqhubekeni kokuhlanganiswa kwezinhlelo zalezizindawo ezine, izinga elithize lokuhlanganisa izinhlelo libalulekile ukuze kuqinisekiswe intuthuko ephumelelayo.
Umlando iUkubona izinkinga ezihambisana nesimo sedolobha, kanye nokuhlela okudinga ukwenziwa ukulungisa lesisimo, kuyofanele sizikhumbuze ukuthi imingcele yomkhandla yaqhamuka kanjani. Njengoba kukhonjisiwe ebalazweni 1, indawo yomkhandlu uMsunduzi uhlukene izinxenye ezintathu, eziyikhaya kubantu abalinganiselwa ku 200.000.
ivNgeminyaka yo 1970.s kwasungulwa indawo yase Edendale njengendawo ezimele yezokubhalisa eyayingaphansi kohlelo lukahumeni wobandlululo. Ngesikhathi esifanayo, emizameni yokukhipha abantu emalokishini, okwenza ukuthi kwakheke amaqulu ezindaweni ezazibizwa ngezabelungu, ukuntshalwa kwezimali kwaba kuncane ngakwezengqalasizinda, lokhu kwaholela ekutheni ukunakekela izindawo ezinjengo Sobantu kube sezingeni eliphansi ngedlela yokuthi izakhiwo zokuhlala zaba sezingeni eliphansi.
Noma ke lezi zindawo ezidinganayo sezenza umkhandlu owodwa, ezinye zezindawo eziqhelile zisasebenza njengezindawo zokuhlala nje kuphela ezakhele iPietermaritzburg, lapho ezohwebo zenziwa khona kakhulu. Esinye sezimpokophelo saloluhlaka lokuthuthukisa izindawo SDF kungukwehlisa izinga lokuhlukana kwezinhlanga, intuthuko engalingani eyayikade yenziwe ukudliwa kwemihlaba Colonialism kanye nokuhlela ngesikhathi sobandlululo.
Ukwakhiwa komgwaqo onguthela wayeka uN3, okwenza ukuba kufinyeleleke kalula kwamanye amadolobha amakhulu kanye nezinye izifundazwe ezakhelene nomkhandlu.
Isimo sezentuthuko esikhona njengamanje, ukubambisana kwezindawo zokuhlala nezokusebenza, kanye nokuba khona kwezidingo nqangi emiphakathini.
Izinga lengqalasizinda yezokuthutha ebheke kakhulu endaweni emaphakathi nomkhandlu, kanye nezinga eliphansi lokuxhumana kwezindawo ezisekupheleni kwendawo yomkhandlu.
Izinga eliphansi lokuthola ama"services" kanye nezinye izidingo zomphakathi ezisemadolobheni.
Ububha, ukuswela kwemisebenzi kanye nezinga eliphansi lokuzibandakanya kwezomnotho wendawo kwemiphakathi ehola kancane.
Isingeniso i Imikhombandlela yezokuhlela kanye nezindlela okuyizona ezigada iSDF zibalulekile kanti ziyasenthenziswa, ikakhulukazi leyo ehambisana nemithetho eysisekelo, ekhona kumucu wesibili ongenhla.
ivEkusentshenzisweni kwayo lendlela okuhle, igqugquzela ukubekwa kwezakhiwo ezahlukahlukene kuyona lemingwaqo. Akukaze kwenzeke ukuthi kube khona izinkomba zokuthi lendlela ixhasa indlela eyaziwa ngokuthi i"Ribbon Development" ekusungulweni kwalendlela. Lendlela yokuhlela ezentuthuko iqonde ukuthi ama"nodes" angafani kanti futhi ahlukaniswe ngokufanele, ngokujwayelekile ayaye ahlukaniswe ngebanga elingango 2km ukusuka kwenye. Lokhu kwenzelwa ukuthi abantu abaningi bakwazi ukuhamba bafike kulezi zindawo. Kusezindaweni ezikhethiwe kuphela, la kutholakala khona inxanxathela yokusentshenziswa komhlaba ibekwe eduze kwayo lemingwaqo emikhulu, kanti lokhu kubizwa nge "Mixed-use corridor".
vNgeshwa, lendlela yama "corridor" isixhunyaniswe neyama "mixed-use", okungayona inhloso noma into enhle neze. Sekuze kwaba khona ngisho nomkhuba wokuthi kubekwe ama"nodes" noma ikuphi nje la kukhona lemigwaqo engothela wayeka.. Ngokusobala, kukhona amazinga ahlukene ama "nodes" angawezohwebo, njengoba emadolobheni amakhulu kuba khona ama"nodes" asezingeni lokuba isigaba sesihlanu kanye nokunezelwa kwezinhlobo ezintsha zenxanxathela yezitolo. Okunye okungaba khona ama"nodes" amahhovisi, isibhedlela okanye ezokubhalisa Adminstration angaba kude kulawa manye ama"nodes". Okuyaye kungabi iyona indlela yokwenza izinto, ukuzama ukufaka wonke lama"nodes" kuzigaba eziyi "Primary, Secondary and Tertiary" ezinhlelweni ezenziwayo, ikakhulukazi ezingeni leSDF, lokhu akusiyo indlela eqotho.
Ukungeniswa kwemigwaqo "Mobility and Arterial roads" ezokwenza ukuthi imigwaqo isebenze kangcono, enezindlela zokuhamba eziningi. Ibuye futhi yenze ngcono ukufinyelela ezindaweni ezazikade zishaywe indiva phambilini.
Ukusungulwa kwama "nodes" amaningi ezindaweni zedolobha ezisemadolobheni kanye nezisemakhaya, kumele abe sezindaweni ezihambeka kalula kuzona umuntu athole izidingo nqangi ezitholakala kuwona lama "nodes".
Ukusentshenziswa kwalezi zidlela eMsunduzi i Ukuze kugwemeke ukungaboni ngaso linye, ekusentshenzisweni kwalezi zindlela kuzosentshenziswa lamagama alandelayo. Kanti isithombe esikhona langaphansi, sikhombisa izinto ezahlukene ezihlanganisa zonke lezi zindlela.
Arterial Roads" Nalemigwaqo izokuba nama "Nodes" ezimpambanweni zemigwaqo ezifanelekile. Kanti kungenzeka ukuthi kube khona izakhiwo ezithize eduze kwayo lwemigwaqo "Spines", enjengezinkudla ezinkulu zezemidlalo, izibhedlela, izikole zamabanga aphezulu kanye nezinye izakhiwo ezingafaneleka, okungenzeka nokuthi zingabi nhlobo ingxenye yaleyo"Node". Imigwaqo emisha ehlongozwayo yokulekelela ikhuphule izingalokuxhumana kwezindawo iphinde inciphise izinga lesiminyaminya sezimoto nayo ibonisiwe kwiSDF.
Mixed-Use Corridors" Lokhu khona kuzoba khona ezindaweni ezikhethekile kuphela, ngamanye amazwi kulezo zindawo lapho i"Arterial Road" isuka phakathi nedolobha (CBD) noma kuma"Nodes" asondelene kakhulu.
Ama "Nodes" avele asekhona azoyekwa asezingeni akulona njengamanje.
oKuzosungulwa ama"Nodes" amasha, aphinde abekwe ezingeni elifanele.
Ukuphakanyiswa kokuhlelwa kwama"Nodes" ngezigaba ezahlukene, kusukela ekutheni kukhona izigaba nezindlela ezahlukene zezentuthuko kanye nokuxhumana ngezokuthutha, ukuze kufinyeleleke kalula ezintweni ezithenngwayo kanye nezidingo nqangi ngendlela elinganayo engachemile.
Ama"Nodes" avele esekhona, futhi adinga ukuyekwa asezingeni akulona.
Avele esekhona kodwa asezingeni eliphansi, kanti adinga ukukhuliswa aphinde ahlanganiswe ukuze abe ama"Nodes" asezingeni eliphezulu.
Ama"Nodes" amasha azosungulwa, okuyothi uma kuhamba isikhathi abuyekezwe, abekwe ezingeni elifanele uma nenani labantu abalisebenzisayo likhula, kodwa azokhonjiswa ezingeni eliqondiwe.
iwatholile lama"Nodes", amanye awo azodinga ukuyekwa asezingeni akulona amanye azokwandiswa, kanti amanye azobuye asungulwe ngesikhathi esizayo.
Provincial Cabinet. Umsebenzi walo omkhulu ukuba yi"Corridor" exhumanisa izindawo eziqhelelene, noma ukuhlanganiswa kwezomnotho kuwona lomgwaqo kumele kusekwe, kodwa akumele kuphazamise umsebenzi wayo omkhulu. Ngendlela ehleliwe, kuyoba khona intuthuko ethize eduze kwezindawo lakuhlukana khona imigwaqo kuwona lomgwaqo onguthela wayeka.
Ama"Activity Spines" ajwayele ukubizwa ngama"Corridors" entuthuko, kanti avame ukuba emigwaqeni emikhulu esuka noma eya kwi "CBD Node". Inxanxathela yokusentshenziswa komhlaba okuhambisanayo, okubalwa kuyo ezohwebo, amahhovisi, ezemidlalo kanye nezindawo zokuhlala. Mhlawumbe ingxenye yezakhiwo ezibheke kuwo lowomgwaqo kumele sigqugquzelwe, kodwa ezindaweni ezikhethwe kahle.
Lemigwaqo esivele ikhona neminye esahlongoziwe, kuhloswe ukuba yenze ngcono ukufinyelela kanye nokwehlisa izinga lesimimnyaminya emaphakathi nedolobha, kanye nokufika kalula kwezinye zezindawo ezazikade zibandlululiwe phambilini. Esimeni semigwaqo emisha ehlelelwe isikathi esizayo eminye yawo ikhonjiswe ngomdwebo.
Ukukhonjiswa kokusentshenziswa komhlaba a Kusentshenziswe izimpawu ezahlukehlukene ukuze kwenziwe ngcono ukubukeka kwebalazwe Map, kanti ngokunjalo ukusentshenziswa komhlaba okukhulukazi kukhonjiswe ngokufifiyela ngemuva.
Imingcele kanye nobubanzi bentuthuko ehlelelwa isikathi esizayo, ingatholakala ngokwenza ucwaningo olunzulu, kanye nokuthola eminye imithetho eyisisekelo egunyazayo mhlawumbe ebhalelwe leso sikhathi esizayo. Lomfanekiso olandelayo ukhombisa amanani ezindlu okungenzeka ukuba zakhiwe kulezi zindawo ezihlongoziwe.
Vulindlela  224.
ngasenxenyeni eshona ngaseningizimu ntshonalanga nendawo yomkhandlu.
d Ukukhuliswa kwezinye izindawo, kuvinjwa izingqinamba zokwakheka komhlaba ngokwendalo, kanti enxenyeni eshona ngasenyakatho nasempumalanga yomkhandlu kuhlongozwe intuthuko ekalelekile Longer Term Development Areas. Njengamanje lezi zindawo kuphakathi kokuthi azithuthukisiwe noma zisentshenziselwe ezolimo, kanti kusukela ekuhlawumbiseleni okukhona kanye nakuzinhloso zeSDF, angeke zidingeke ekukhulisweni kwedolobha esikathini esifushane nesiphakathi nendawo esizayo. Inhloso enkulu, ukungcina kuphindwe kwenziwe ngcono izindawo zasemakhaya esezikhona, lapho ukusentshenziswa komhlaba okusahamba phambili ezolimo, okuxhaswe ezokuvakasha ezisezingeni eliphansi. Ukushintshwa kokusentshenziswa komhlaba okukhulu, kuzomele kungangqungquzelwa, kanti lapho intuthuko ehlongozwe khona uma kungahambisani nalemigomo, kuyodingeka ukuthi kwenziwe umbiko osezingeni eliphezulu oyokhombisa isidingo nokubaluleka kwaleyontuthuko, okuhambisana nezinhloso zeIDP kanye nezeSDF, ukunikezela kwezidingo nqangi, indlela yokufinyelela, intuthuko eyoba khona isikhathi eside kanye nezinye izinto.
e "Restricted Use Areas": Lezi izindawo ezingeke zathuthukiswa nganoma yini, ngenxa yesimo sesemvelo ngokwakheka komhlaba. Izintaba zakhona zime kabi umqansa wakhona ungaphezu kuka 1:3, kunemifula, kanye nezindawo ezivikeliwe ngoba zibalulekile ngaphansi kwezemvelo. Ukuphathwa kwalezi zindawo kongwesikhathi esizayo kuyovezwa ngokuphelele kwi pulani yomkhandlu yokuphathwa kwezemvelo "Environmental Management Framework",esenziwa njengamanje.
Lezi izindawo ezikhonjiwe, lapho kuzoba khona izidingo ngqangi ezahlukene ukuze zisosentshenziswa imiphakathi entulayo. Lezi izindawo ezibalulekile, lapho izidingo ngqangi eziningi zitholakala khona. AmaRCS.s asukele kwicebo elaziwa ngokuthi yi "Rural Service System", elibhekele ukwaba ezohwebo ngedlela ehlelekile okufaka phakathi ukulethwa kwezidingo ngqangi ngendlela ebonakalayo, ezindaweni ezikhonjiwe eziphithizelayo Node, ezisemigwaqeni yezokuthutha. Ukuhlanganiswa kwezohwebo, kususelwa ekutheni kumele kuhlomule abantu abaningi, ngamanye amazwi ukusebenzisa ingqalasizinda ngokuhlanisela, ukushiyelana emakethe, kanye nokukhiqizelana izinto. Inani labantu abadinga izidingo ngqangi endaweni ilona eliyosho ubuningi balezo zidingo ngqangi eziyoba khona kulezi zindawo, okusho ukuthi uma inani labantu abazidingayo lilikhulu, nazo ziyoba zininngi g "Urban Agriculture": Lokhu kuqode ukusho ukuthi izindawo ezisengxenyeni yedolobha, kodwa zinothile ukukhiqiza ezolimo, okuyomele zibekwe eceleni ngesizathu sokuthi kukhiqizwe okudliwayo kuzo. Ukunezela, ezinhlosweni zendawo kanye nezokuphepha kokudla, lokhu kungcinwa kwalezi zindawo kuhambisana nezinhloso zokuvikela imvelo.
