Ulwazi lwemakethe eduze kwakho
Ukuhambisana nobuchwepheshe obuqhubekayo, uphiko lezoKuzithengisa loMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezezinhlanzi (i-DAFF) lwethula iDatha Yezinsizo Ezingahlekekile Zokwesekela (i-USSD) ngonyaka odlule ngoSephtemba.  Lolu hlelo luhlose ukwelekela abalimi kanye nanoma ngabe ngubani ongenako ukufinyeleleka ku-ithanethi ukuba athole ulwazi ngemakethe.
Ngaphambilini uHlelo Lolwazi Lwemakethe Yezolimo (i-AMIS) olutholakala ku-inthanethi labe lungukuphela komthombo wolwazi ngemakethe olutholwa ngabalimi abanokufinyelela ku-inthanethi. Manje, ulwazi olusetshenziswayo olutholwa ngabalimi kuphela ku-inthanethi lutholakala ku-inthanethi ngeselula. Ngalolu sizo, ngisho abalimi abasezindaweni zasemakhaya abangenakufinyeleleka ku-inthanethi ukuze bathole ulwazi ngokuthi imikhiqizo yabo ibiza kanjani ngokuhambelana nokubiza okufana nalokhu ezimakethe. Ngemikhiqizo eyi-157 yokutshalwayo kanye nokubiza kwenyama ezimakethe eziyi-16, abalimi banendathane yamathuba okukhetha kuwo uma bebeka ukubiza kwezimpahla zabo. 
"Lolu sizo luhlomisa abalimi ukuba benze izinqumo ezifanele zokuthengisa ngaphambu kokuba baye emakethe futhi aliphoqi ukuba babe sendaweni ethile nomalidinge ukuba babe nokufinyeleleka ku-ithanethi" kusho uBilly Morokolo ongumqondisi wophiko lokuzithengisa, ekhuthaza abalimi ukuba basebenzise usizo lwabo. Uqhubeke nokukhuthaza ukuba bangaqedwa umoya izindleko ezibizwayo ngenxa yokuthi ulwazi lufanele nanoma iliphi isenti elikhokhwayo.
Lo lusizo lubiza amasenti angama-60 ngomzuzu, futhi kuthatha ngaphansi komzuzu ukuhlinzekwa ngolwazi oluzwakalayo. Lolu sizo lusekelwe nganoma ngabe yimuphi umakhala ekhukhwini futhi lutholakala kunoma ngabe kukumuphi umhlinzeki wosizo lomakhalekhukhwini ofana no-MTN, u-CellC, kanye no-Vodacom. Lukhuluma ngokuphelele futhi alufani ne-SMS. Lolu hlelo lukuphendula ngesikhathi okuyisona. Yonke imiyalo yohlelo izovela kumakhalekhukhwini wakho, futhi ilindele ukuba umsebenzisi aphendule, ngokufanayo nemishini yasebhange ama-ATM. Lezi zinyathelo ezilula zizoqinisekisa ukuthi noma ngabe ngubani ofuna ulwazi lwakamuva nje ngezimakethe aluthole ngokushesha. Bhala le nombolo *120*4040# bese ucindezela inkinobho yokushaya ucingo, uhlelo luzophendula ngemenu enkulu, lukhombise okuthathu kokulandelayo umsebenzisi angakhetha kukho: 
Umkhiqizo      
Ukufuna
Ukuxhumana nathi
Umsebenzisi angakhetha okuku-1 okungukukhiqiza bese ethumela, izinhlobo zomkhizo ezahlukene zizobe sezivela. Ukubuka umkhiqizo khetha inombolo edingekayo, isibonelo, ukunquma ukubiza kwamazambane emakethe yaseBloemfontein, u-Bloemfontein (Bfn) ungunombolo 2. Cindezela impendulo okungu-2 bese uthumela.
Ukwengeza ku-USSD, kukhona olunye usizo olubizwa i-SMS bulk olwethulwa ngo-Ephreli futhi njengamanje lusahlolwa kubalimi bokutshalwayo abayi-10 kuzo zonke izifundazwe. Ngokuhlukile ku-USSD, i-SMS bulk ithumela ulwazi lokubiza ezimakethe zomkhiqizo wezolimo nge-SMS kubalimi ababhalisile kanye nabakudathabhesi . UTlou Kabe ovela ophikweni lokuzithengisa weluleke abalimi ukuba babhalise kuzigodi zabo nakomasipala babo ukuze bazuze ekutholeni lolu ziso oluhlinzekwayo.   
UPhiko: Ukuzithengisa: 
Ucingo lukaTlou Kabe: (012) 319 8065
IziNhlelo Zikazwelonke Zokunakekela Umhlaba
Inhlosombono yoHlelo Lukazwelonke Lokunakekela Umhlaba (i-NLP) ukuba nemiphakathi kanye nabantu ngabanye abazokwemukela indlela ezimele yobudlelwano bezinto nendawo yazo ekuphatheni imvelo nemithombo yemvelo yaseNingizimu Afrika, ngenkathi zenza ngcono ikhwalithi yempilo yabantu. Lokhu kusho ukuthi abantu basebenzisa inhlabathi, amanzi kanye nemithombo yezimila ngendlela yokuthi ikhwalithi yempilo yabo ibe ngcono kanye nokuthi izizukulwane zakusasa zikwazi ukuyisebenzisa ukwanelisa izidingo zazo. Lokhu kusho ukuthi ukutshala, ukufuya kanye nokuvuna imithombo yemvelo kufanele iphathwe ngendlela enqanda umunakalo (ofana nokuguguleka kwenhlabathi, ukuphela kwezakhamzimba, ukuphela kwezingxenye zezimila, ukukhula kokugeleza kwamanzi, njll. 
Ukuze kufezwe lokhu, uMnyango Wezolimo Kazwelonke uhlinzeka ngokusekelwa kokuphathwa kwemithombo yemvelo ngoHlelo Lukazwelonke Lokunakekela Umhlaba. Ngalolu hlelo amaqembu omphakathi akhuthazwa ukuba aphathe ngemfanelo futhi alondoloze umhlabathi, izimila, amanzi kanye nokwehlukahluka kwemvelo ezindaweni zabo.
Ukwedlula kulokhu, uMnyango Wezolimo Kazwelonke ufuna ukuqhubekisela phambili inqubomgomo yawo kaZwelonke Yokuphathwa Komhlaba Kanye Nemithombo Yezolimo kuyo yonke imikhakha kahulumeni nakwabanye abanotho ngokusebenzisa lolu hlelo. 
Izinhloso Nezintshisekelo
Inhloso yoHlelo Lukazwelonke Lokunakekela Umhlaba (i-NLP) ngukusungula kanye nokusebenzisa izindlela ezimbandakanyayo zokuphatha imithombo yemvelo yaseNingizimu Afrika ngempumelelo, ngokuzimele, nokulingana, kanye nezihambisana nemigomo yokuthuthukiswa okuzimele kobudlelwano bemvelo.
Izintshisekelo ze-NLP:
• Ngukukhuthaza ubudlelwano phakathi kwemiphakathi,, imikhakha yangasese kanye noHulumeni ekuphathweni kwemithombo yemvelo;
• Ngukwenza amalungiselelo ezikhungo okusungula nokusebenzisa izinqubomgomo, izinhlelo kanye nezinqubo ezizokhuthaza ukusetshenziswa okuzimelel kwemithombo yemvelo.
• Ngukukhuthaza ukuthuthukiswa kwamakhono okuziphilisa okuzimele;
• Ngukuvula amathuba okuthuthukiswa kwezinhlangano zamabhizinisi ngokugxila ekuphatheni okuzimele kwemithombo.
• Ngukwenza ngcono ukukhiqizwa kwesikhathi eside kwemithombo yemvelo.
Izingxenye Zezibonelelo Zemiphakathi Emincane Yezinhlelo Zikazwelonke Zokunakekela Umhlaba
Lezi zibonelelo ezifika kuma-R100,000 kuhloswe ngazo ukuhlinzeka izinsizo zokukhuthaza ukufezwa kwezitshisekelo ze-NLP. Lezi zibonelelo zitholelwa amaphrojethi agcizelela: 
• Ukwenza ngcono ukukhona kwabasebenzisi mhlaba ukuphatha umhlaba, amanzi kanye nezimila ezihlobene nakho ngendlela ezimele nethembekile;
• Ukubhekana nezimbangela zokonakala kwemvelo kanye nemithombo, kunokubhekana nezimpawu;
• Ukuqhubekisela phambili izindlela ezimbandakanyayo kuzindawo eziyimingenela yemifula zendawo kanye nasekuhlelweni kwendawo;
• Ukukhombisa izindlela zokuqamba ekuphatheni imithombo yemvelo;
• Ukukhuthaza ukusetshenziswa komhlaba, amanzi kanye nemithombo yezimila ezihlobene ngokusemandleni; 
• Ukukhuthaza ukusungulwa kwamaqembu okunakekelwa komhlaba/izindawo eziyimingenela;
• Ukubhekana nezidingo zemiphakathi eyabe ishiyeke ngaphandle ngaphambilini;
•	Ukugxila okukhulu ekugqugquzeleni izinqubo ezingcono kakhulu ekuphathweni komhlaba.
•	Ukuthola ukufinyeleleka kulolu hlelo, amaqembu emiphakathi kulindeleke ukuba enze amaphrojekhthi okuphatha nokulondoloza anesici esisodwa noma ngaphezulu kwezilandelayo: 
• 	Umphakathi wendawo ungabelana ngenzuzo;
• 	Amaphojekhthi aqinisa ubudlelwano phakathi kwemikhakha ehlukene yomphakathi wasemaphandleni;
• 	Ubukhona bokusekelwa kanye nokubamba iqhaza okukhulu komphakathi;
• 	Iphrojekhthi izosiza ukuthuthukiswa ulwazi lomsebenzi olufanele, ulwazi namakhono emphakathini, isibonelo, ngokubonisa ngephrojekhthi encane; 
• 	Ukwenza okuhleliwe kokuphatha kwemithombo yendawo engumngenela;
• 	Iphrojekhthi eyingxenye yesu lesikhathi eside lokuphathwa kwemithombo yemvelo, isibonelo uhlelo lwendawo noma lendawo engumngenela;
• 	Imiphumela yephrojekhthi inendima kuzintshisekelo zikazwelonke zokuphathwa okuzimele kwemvelo (sicela ubheke inqubomgomo kaZwelonke Yokuphathwa Komhlaba Nemithombo Yezolimo, isiQephu sesi-4 senqubomgomo kazwelonke yezolimo ukuthola ulwazi oluthe xaxa); 
• 	Ngokukhonekayo uhlangana namanye amaphulo kaHulumeni;
• 	Iphrojekhthi kufanele ikhuthaze ukuthuthukiswa komnotho nenhlalo noma ukwenziwa kwamabhizinisi okufanele kuhlangane nokusetshenziswa kahle kwemithombo kanye nokuvuselelwa kwemvelo;
• 	Imiphumela izokukwaziswa abanye abantu kanye nezinhlangano ezithintekayo.
Lezi zibonelelo akuhlosiwe ngazo ukuba zithathe indawo yemisebenzi yokuphatha imithombo, kumbandakanya imisebenzi yocwaningo, yamanye amazinga kahulumeni noma abantu ngabanye, kodwa kunqondwe ngayo ukusheshisa isenzo kanye kanye nokubophezela ekuphathweni kwemithombo yemvelo.
Ukusekelwa kwesikhathi eside kwemisebenzi yokuphathwa kwemithombo akukho ngeziNxenye Zezibonelelo Ezincane Zezinhlelo Zikazwelonke Zokunakekela Umhlaba. Ukunikwa kwemali yephrojekhthi akujwayelekile ukuba kuhlinzekwe isikhathi ubukhulu baso obuyiminyaka emithathu (izinyanga ezingama-36). Lokhu kuvumela izimali ukuba ziqondiswe kumathuba amasha njengoba evela.
Ukufakwa kwezimali akuzukunconywa lapho amaphrojekhthi ephindaphinda ngokungadingekile imisebenzi eyenziwa kwezinye izindawo, noma anganikwa izimali ngemfanelo ngezinye izinhlelo.
Okuxhunyanwa naye ukuze kutholakale ulwazi oluthe xaxa:
UMnu. M klaas
012 319 7687
IMODELI YOKWENZIWA KUKAKOPELETSHENI WEZOLIMO OMBANDAKAYO WENINGIZIMU AFRIKA
ISINGENISO
Enye yezintshisekelo ezibalulekile zomkhakha wezolimo bekukade kunguhlinzeka kanye nokuqhubeka nokuhlinzeka ngokudla okwanele umphakathi waseNingizimu Afrika. Ukuthunywa ngokomthethosisekelo komnyango wezolimo, ezamahlathi kanye nezezinhlanzi kokuqinisekisa ukuthi imindeni nesizwe bathola ukudla kufanele kwenziwe ngamandla. Ukubiza kokudla okulokhu kukhuphuka kanye nezindleko zokufakwayo okubizayo kunomthelela ongemuhle kumkhakha futhi kubeka ukutholakala kokudla engozini ezweni. Ukutholakala kokudla kuholela endlaleni futhi kungaba nemiphumelela engadingekile yokungaziphathi kahle enhlalweni.
Ngeminotho emikhulu yomhlaba ehlupheka ngokwehla komnotho kusukela ngesikhathi sokwehla komnotho sakamuva nje (kufakwa phakathi neNingizimu Afrika), inani elikhulu lemisebenzi lilahlekile emikhakheni emikhulu yomnotho. Lesi simo nezinye bubeka ubunzima emkhakheni wezolimo wokwakha amathuba emisebenzi kanye nokuba nendima ekuqedeni ubuphofu. Ekwaziseni ukuthuthukiswa kwezindawo zasemaphandleni njengensika ebalulekile ekulweni nokungabikhona kwemisebenzi, ubuphofu kanye nokungalingani, imizamo kufanele iqondiswe ekwenzeni ngcono izinga lokwethulwa kwezinsizo emiphakathini yasemaphandleni. Okopeletsheni bezolimo njengolunye lwezinhlobo zamabhizinisi bangasetshenziselwa ukuqhubekisela phambili izintshisekelo zikahulumeni zokwakha imisebenzi emkhakheni ukwenzela imiphakathi yasemaphandleni.
ISENDLALO
Okopeletsheni emkhakheni wezoLimo babe ngabokuqala ukwenziwa babe semthethweni ngaphansi komthetho wokopeletsheni waseNingizimu Afrika futhi ukusuka lapho sebethuthuke baba yinhlangano ehlelekile neyimpumelelo yombuthano kuzwelonke, umKhandlu Wamabhizinisi Ezolimo (i-ABC). Inhlangano kakopeletsheni wezolimo yaphumelela futhi yathuthuka njengomphumela wesimo esihle esakhiwe nguhulumeni ngokwenza izinqubomgomo namasu afanele okusekela inhlangano. Ukwethulwa kweBhange Lomhlaba ngonyaka we-1912 njengelinye lamasu okusekela abalimi kwaba ngumnyakazo omkhulu emkhakheni.
IBhange Lomhlaba laqoka okopeletsheni bezolimo ukuba basebenze njengama-ejenti okudlulisela kubalimi izimali zokwesekela umkhiqizo kanye nokuba yibhange elibolekisana ngqo kokopeletsheni bezokulimo. Yize kunjalo, ikakhulukazi ngenxa yezinqubomgomo zobandlululo zikahulumeni wangaleso sikhathi, kwabe kunokungahambi kahle entuthukweni yokopoletsheni njengoba lezi zinqubomgomo zabe zibhekela uhlangothi oluthile labantu. Okopeletsheni bohwebo lwabamhlophe baba abazuzi kuzinhlelo zikahulumeni eziqondiswe ekusekeleni umkhakha wezolimo. 
Ngemuva konyaka we-1994 umnotho waseNingizimu Afrika wabhekena nezinselelo eziningi futhi ikakhulukazi inselelo ekabili yokwakha amathuba emisebenzi ezimele kanye nokuhlisa amazinga aphakeme obuphofu ikakhulukaza kumikhakha ehlukeneyo yabantu. Iningi lokopeletsheni bezolimo elisungulwe abalimi abakhasayo alikakhoni ukuqophisana kahle nokopeletsheni abami kahle kwezomnotho futhi iningi labo ngabamhlophe. Laba okopeletsheni abakwazi ukuba negalelo elizwakalayo emnothweni kanye nasekwakhiweni kwamathuba emisebenzi ikakhulukazi ebantwini abampofu basemaphandleni. Lokhu kungabangwa ukuswelakala kwesu elimbandakanyayo lokusekela eliqinisekisa ukuthi okopeletsheni bezolimo bazuza kuzo zonke izinhlobo zokusekelwa ezitholakalayo.
Ukuze okopeletsheni bezolimo baphumelele badinga ukwamukela indlela embandakanyayo. Ukopeletsheni ombandakanyayo ubeka ngokuvumelana imisebenzi yakhe nezidingo zemisebenzi yamalungu. Kunokuba ahlinzeke izinsizo nje kokufakwayo kanye nokwenziwe, ukopeletsheni ombandakanyayo usiza ngqo amalungu ukukhulisa umkhiqizo wawo, ngokuhlinzeka ngeqoqo elimbandakanyayo lezinsizo, kumbandakanya ukwelula, isikoledu, okufakwayo, umhlahlandlela nokuqashwa, ukubiza okungcono kokwenziwe kwabo kanye neminye imisebenzi yokuzithengisa. Ohlelweni likakopeletsheni wezolimo ombandakanyayo, ingeniso yamalungu ilindeleke ukuba ingezeleleke ngezizathu ezilandelayo:
[a] 	Imisebenzi yokwenza ngcono umkhiqizo (imbewu engcono, amakhemikhali, njll.)
[b]	Umsebenzi owonga izindleko (ukuthengwa ngobuningi kokufakwayo)
[c] 	Imisebenzi yokunqanda ukulahlekelwa (ukupakisha okungcono, ukugcina okungcono, ukuthutha nokuzithengisa)
[d] 	Ukungeza ukubaluleka (ukuguqulela kweminye imikhiqizo)
INHLOSO YEMODELI
Inhloso yale Modeli ukuhlinzeka ngohlaka lokusekela okopeletsheni bezolimo ukuqinisekisa ukuthi baba amabhizinisi asebenzayo ayakwazi ukwakha amathuba emisebenzi futhi aba nesandla emnothweni ojwayelekile. Ubunini bokuphatha ingozi ngokuhlanganyela.
IZINTSHISEKELO ZEMODELI
Intshisekelo yeModeli ukufeza lokhu okulandelayo:
Ukuhlela imiphakathi ukuba ibe ngamabhizinisi azimele
Ukwakha izinhlangano zabalimi ezifana namaQembu Okuzisiza kanye nokopeletsheni ngokuhambelana nempahla ekhiqizwayo
Ukuhlela onke amaqembu ezimpahla asungulwe abe ukopeletsheni wezolimo (uhlaka) ezingeni likamasipala
Uhlaka olwelekelelayo oluzosebenza njengendawo yosizo olusheshayo
Ukukhuthaza ukonga phakathi kwamalungu
Ukusungula izinhlangano zezinsizo zezezimali zamalunga, isib. okopeletsheni bezinsizo zezezimali/ Amabhange Okopeletsheni
Ukuhlela izinhlelo zikahulumeni ezifana neMafisa, i-Casp, njll.
Ukwenza lula ukufinyeleleka kuziMakethe nakumathuba e-Agro-processing
Ukuqeqesha kanye nokuhlomisa amalungu
IZIZATHU ZOKUSEKELA KUKAHULUMENI OKOPELETSHENI BEZOLIMO
Okopeletsheni bezolimo banamandla anele okuvala isikhala esinganalutho somphakathi ngokuhlinzeka izinsizo ezidingwa ngumphakathi ngempumelelo nangesikhathi futhi ezisekelwe kumigomo yezinga eliphezulu lokuphatha kanye nakunkambiso elungile yeNkambiso yoKopeletsheni. Ezinye zalezi zinsizo zimbandakanya ukuthenga ngobuningi, ukuzithengisa, ukwakha amandla, ukungeza ukubaluleka, njll. Kodwa-ke okopeletsheni bohwebo lwezolimo ababe ngababamhlophe babehlinzeka futhi basahlinzeka ngalezi zinsizo kumalungu abo. 
Ngabhadi limbi kungeke kwakhulunywa okufanayo ngokopeletsheni bezolimo abavelayo. Inselelo enkulu ngukunganeli kwamakhono. Abasebenzi kanye namalungu ebhodi alabo kopeletsheni aswele amakhono jikelele okuphatha ngenxa yokunganeli kokusekelwa kokuqeqeshwa okukhona. Amathuba amabhizinisi amaningi amahle ayalahleka ngoba kunokunganeli kokuxhumana phakathi kwabaphathi nebhodi. 
Ubunzima bohlobo Iokuphatha okopeletsheni kanye nokubambelela emthethweni okuphoqayo kudinga ukwesekelwa okuphelele kokopeletsheni. Uhlobo olukhulu lobunikazi obuphawula le modeli yebhizinisi bethula ubunzima obuqhubekayo obuvimbela inqubekela phambili kula mabhizinisi.  
Ukwenziwa kokopeletsheni kuphawulwe ngoHlaka Lwamasu Esikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) njengenye yezinkundla ezibekwe phambili ezizoqiniswa ukuba zisize uhulumeni ukuba afeze okukodwa kwezinhloso ngqangi zamasu akhe okuqinisekisa ukuthi kunesu eliphelele lokuthuthukisa izindawo zasemaphandleni elihlobene nenguquko yomhlaba nezolimo kanye nokutholakala kokudla. Ngaphandle uma okopeletsheni bezolimo basekelwa futhi baqinisiwe ukuba baqinisekise ukuthi badlala indima ebalulekile kulo lonke iketanga lokubaluleka kwezolimo, bazokudlala indima engabonakali enqonde ekufezeni izintshisekelo zoHlaka Lamasu Esikhathi Esimaphakathi. Ngakho-ke kuyabaluleka ukuba uhulumeni abeke izilinganiso kanye nezinhlelo zokusekela okopeletsheni bezolimo.
INDIMA YOKOPELETSHENI EMNOTHWENI WEZOLIMO
Kuwo wonke umhlaba okopeletsheni bezolimo badlale indima ebalulekile ekwakheni iminotho, ekwakheni amathuba emisebenzi kanye nasekwenzeni ngcono amazinga empilo yemiphakathi yasemaphandleni. Okopeletsheni babakhiqizi bezolimo besilinganiso esincane bahlinzeka ngendlela eyimpumelelo nengenzeleli yokuhlela imiphakathi empofu yasemaphandleni futhi neyakha amandla ayo okuqala amabhizinisi asekelwe emphakathini asukela kumisebenzi yepulazi kanye nengeyona eyepulazi. Ukwenza okufaka bonke abalimi kubonakala kuyisu elizwakala kakhulu lokufeza ukuhlanganiswa kwabalimi abancane ukuba babe yizimakethe eziguqukayo. Ngokujayelekile okopeletsheni bangadlala lezi zindima ezilandelayo emnothweni: 
Okopeletsheni bezolimo bangasiza amalungu ukuba aphumelelise iminotho yezinga ngokufaka ndawonye umkhiqizo ukuze uthengiswe 
Okopeletsheni bezolimo bangasiza amalungu ukuba ehlise izindleko zokuthengiselana
Izenzo ngokuhlanyela kwamalungu okopeletsheni zisiza ukukhuphula amandla awo okuxoxisana
Bangasetshenziselwa ukuhlela imithombo yamalungu entuthukweni yawo
Okopeletsheni bokusebenza bangasiza ukwehlisa ukuzibophezela kukahulumeni ekusekeleni intuthuko yasemaphandleni
Okopeletsheni bezolimo bangahlinzeka ngeseluleko esiphathelene nokusetshenziswa kwemishini kanye nokwelulelwa kwayo kumamalungu
I-Letsema/Ilima
I-Letsema/Ilima isho ukusebenzisana ukuze sizikhulule engcindezelweni yobuphofu, ukusebenzisana ukukhiqiza ukudla, ukwakha izindlu, ngaleyo ndlela kuhlinzekwa umndeni indawo yokufihla ikhanda; ukusebenzisana ukutheza izinkuni ukwenza amandla; ukusebenzisana ukuqondisa izigwegwe nokubonisa izingane zethu njengoba zikhula; ukusebenzisana ukuvikela inkululeko yethu kanye nokwakha lesi sizwe.
Isiko le-Letsema/Ilima livela ephuzwini lokuthi izindawo ezinkulu zomhlaba zinikwe imiphakathi kanye nabantu ngabanye, umhlaba osezandleni zamakhosi kanye nomhlaba okade ungalinywa kahle iminyaka ngeminyaka, manje usushiwe uvukuziwe noma ungasetshenziswa ngokuphelele. Ngalokho lo mkhankaso uzosetshenziselwa ukukhuthaza abantu bethu ukuba basebenzise ngemfanelo isikhathi sokulima samanje nesizayo.
Nge-Operation Gijima (Operation Accelerated Production), lesi sikhathi se-Letsema/Ilima kufanele sisetshenziswe ngenhloso nangepumelelo ukuthola imiphumela emihle. Lolu hlelo lusekelwa yi:-
• Mafisa
• CASP
• Ukuzithengisa
• Ukusetshenziswa kwemishini kwezolimo
• AgriBEE
• IFSNP
• Ukuthuthukiswa kukaKopeletsheni
• Ukunakekelwa Komhlaba
Umuntu okungaxhunywana naye: NguNobhala we-CASP
UNks. E Mtshiza
012 319 7380
Uhlelo Oluphelele Lokusekelwa Kwezolimo (i-CASP)
Inhloso yalolu hlelo ngukuhlinzeka ngokusekelwa ngemuva kokuhlaliswa kwabazuzayo kuzinguquko zomhlaba kanye nabanye abakhiqizi abazitholele umhlaba ngezindlela zangasese futhi, isibonelo, abaneqhaza kumabhizinisi enza ukubaluleka ngaphakathi ezweni nangaphandle.
Lolu hlelo lungukugxila okukhulu komnyango futhi lizokwenza ukungenelela ezindaweni eziyisithupha ezibekwe phambili:
Ukuphathwa kolwazi nobuchwepshe
Usizo lokusetshenziswa kwemishini kanye nokululekwa 
Uthuthukiswa kokuzithengisa kanye namabhizinisi
Ukuqeqeshwa kanye nokwakhiwa kwamandla 
Izingqalasizinda zepulazi/nezingezona ezepulazi  
Ukusekela kwezezimali (i-MAFISA) – Imalimboleko yokukhiqiza
Imiphumela elindelwe:
Ukukhula kokwakhiwa komnotho wezolimo kanye nasezindaweni zasemaphandleni 
Ukukhula kwamathuba emisebenzi okuzimele
Ukukhula kwemali engenayo kanye nokukhula kwemali engenayo yakwamanye amazwe 
Ukwehla kobuphofu kanye kanye nokungalingani kubunini bomhlaba nobamabhizinisi
Ukulima ngempumelelo okwenziwe ngcono 
Ukutholakala okwenziwe ngcono kokudla kuzwelonke kanye nasemakhaya 
Imiphakathi enzinzile nephephile yasemaphandleni, ukwehlisa amazinga obugebengu nodlame, kanye nentuthuko ezimele yasemaphandleni
Ukuzethemba okungcono kwabatshalizimali, okuholela ekukhuleni kokonga ngaphakathi ezweni nesemazweni angaphandle 
Ukuziqhenya nesithunzi kwezolimo njengomsebenzi kanye nomkhakha 
Abazuzayo:
Abaswele ukudla
Abakhiqizela ukuziphilisa kanye nabakhiqizela ukuba badle emakhaya 
Abalimi
Izinhlelo ezinkulu zezolimo ngaphakathi kwendawo yabathengi
ISIBONELELO I-CASP
Izintshisekelo kanye nendlela yoKwaba:
Ukumbandakanyeka komphakathi kanye nobumnini 
Abazuzi abanqondiwe kufanele babe abavela emaqenjini abeshiyeke ngaphandle ngaphambilini
Ukwenza ngcono ukutholakala kokudla kuzwelonke kanye nasemakhaya 
Isibonelelo sakanye futhi asibophezeli uHulumeni kunoma yiluphi uhlobo lokusebenza ngqo ngokubuyelela noma izibonelelo zamaphrojekhthi okulungisa
Ukuqhubekekela phambili kwesikhathi eside kanye nokuthuthuka komnotho 
Ukusekelwa kwezezimali kwephrojekhthi kuzohlinzekwa kuphela imisebenzi yezolimo enezinga elifunwayo lokusekelwa kwesikhungo kanye nokusekelwa kwemishini 
Amaphrojekhthi lawo azokwenza amathuba emisebenzi kufanele abekwe phambili
Imibandela yesibonelelo
Izabelozimali zokungezelela kuzifundazwe zokwenza ngcono futhi zikhuphule izinsizo zokusekelwa kwabalimi ngaphakathi kohlaka lwe-CASP. 
Ukuqaliswa ukusebenza kokubika kwekota kuzinhlelo ezamukelwe kuzindawo ezinqondiwe kanye namaqembu abazuzi 
Izinhlelo zamasu zonyaka we-2005/06 ukukhombisa ngokucacile izintshisekelo ezikalekayo kanye nokusebenza okuqondiwe
Umuntu okungaxhunywana naye:
UNks. E Mtshiza
012 319 7380
UHLELO OLUNCANE LWEZEZIMALI ZEZOLIMO LWENINGIZIMU AFRIKA
Luyini uHlelo Oluncane Lezezimali Zezolimo LweNingizimu Afrika?
Ngokulandela isaziso sikaMongameli uThabo Mbeki, sokusungula kabusha uHlelo Lokukweledisa Lwezolimo kuMnyango Wezolimo, i-MAFISA yasungulwa njengohlelo oluncane lwezimali zohwebo lwezolimo ukwenzela abantu abaswele abakhuthele kwezomnotho.
I-MAFISA izovumela ukufinyeleleka kuzinsizo zezezimali ngezikhungo zezezimali ezisendaweni ngokwamaziko anzinze endaweni yasekhaya ngokwendlela engabizi neqhubekayo.
INGABE UHLELO LWEZIKOLEDI EZINCANE ZEZOLIMO LWENZANI?
Ukufinyeleleka okukhulu kuzikoledu ezincane zezolimo kanye nakuzinsizo zokonga. 
Izimalimboleko okuqondwe ngazo amaqembu ukuzisa kubalimi ngabanye abakumaqembu.
Izikhungo zokonga nokufaka imali ebhange kuzikhungo ezamukelwe.
NGUBANI OKUFANELE AFAKE ISICELO SEMALIMBOLEKO?
Abalimi abancane abasafufusa abangabanini bomhlaba.
Uguquko lomhlaba kanye nabazuzayo kwezolimo.
Abalimi abasemhlabeni ohlanganyelwe ngesikhathi soguquko lokusuka ekulimeleni ukuziphiliza ukuya ekubeni ngabalimi abasafufusa.
Abesimame nentsha
Abanikazi bemihlaba emincane 
Abasebenzi basemapulazini
Izinhlangano zokuzisiza
Amabizinisana amancane ezolimo
UNGASIFAKELANI ISICELO?
IMALIMBOLEKO:
Yokufakwayo ukuze kukhiqizwe (umanyolo, imbewu, izibulalazinambuzane), njll.
Ukuthengwa kwemfuyo
Amaphampu okunisela nawamanzi
Ukuthengwa kwamathuluzi okulima kanye nezinye izisetshenziswa (amahalavu, izimfologo, ogandaganda, imishini, njll.)
Izakhiwo ezimile impela (ukwenziwa ngcono) zokuba umlimi wezinyoni noma izingulube, njll.
I-akhawunti yokonga imali ngePosi.
USIFAKA KANJANI ISICELO?
Xhumana nezindawo zeMAFISA kuzikhungo okubanjiswene nazo ezikhona ezibamba iqhaza ezifana neBhange Lomhlaba, iPosi Hhovisi, kanye neziKhungo Zesifundazwe Zezimali Zentuthuko, ukuze uthole amafomu okufaka isicelo, kusukela ngezinsuku ezishiwo. 
ULIGCWALISA KANJANI IFOMU LOKUFAKA ISICELO?
Uma ungakwazi ukugcwalisa amafomu adingekayo usizo luzotholakala:
Kusikhulu Sokwelulwa soMnyango Wezolimo.
KuBhange Lomhlaba, iPosi Hhovisi noma izikhungo zezezimali ezibamba iqhaza.
IMIBANDELA YEMALIMBOLEKO YEMALI YAKWAMAFISA OYIBOLEKILE?
Uma imali ibolekwe ivela kwa-MAFISA kufanele ibuyiswe ngokwezimo nemibandela okuvunyelenwe ngazo njenganoma kukuyiphi imalimboleko. 
Nanoma ngabe yikuphi okwenziwayo kuzobe kusiza obolekayo.
Izinombolo zokuxhumana:
012 319 7295
