Ukwaziswa Okuvela Kubaphathi









ABaphathi be-SATI bebewubambe ngomhla ka-14 Febhuwari 2009 umhlangano wabo wamuva nje. Lapha ngezansi kubekwe ufingqo lwezindaba eziyinhloko okukhulunywe ngazo.



Uhlaka lwe-SATI kanye nokhetho luka-2009



Iningi lezingxoxo emhlanganweni beliphathelene noMthetho-sisekelo kanye nohlaka (lwale nhlangano) ukuya phambili. Amalungu azokwaziswa ngokuhamba kwesikhathi ngezichibiyelo zoMthetho-sisekelo ezihlongozwayo, kanti nesimemo sokuphakanyiswa kwamagama alabo abazofakwa kuBaphathi nakumakomiti kule minyaka emibili ezayo sizokwenziwa maduze.



Umklomelo we-SATI ngeNkumusho Evelele



Izigaba kanye nemithetho mayelana nalo Mklomelo kuphothuliwe futhi isimemo esigabeni ngasinye kulezi sizothunyelwa ngoMashi. Khumbula ukuthi umklomelo jikelele uyekisiwe futhi manje sekuzokhishwa imiklomelo engayodwa kulezi zigaba: ukulotshwa kwamabhuku, okungekona i-fiction, amabhuku ezingane, ukuhumusha kokusebenza kanye nezichazamazwi. Amalungu ayakhuthazwa ukuba asabalalise ulwazi ngalo Mklomelo kanye nesimemo sokuphakanyiswa kwamagama phakathi kwamakhasimende nabanye nje abanesithakazelo.



Umcimbi wemiklomelo uzoba ngoSeptemba 2009 (budebuduze noSuku Lokuhumusha Lwamazwe).



Imifundaze



Imifundaze ye-SATI yengqikithi ka-R25 000 iye yanikwa abafundi abahlanu kulo nyaka wokufunda ka-2009. Iminikelo yamalungu engena eSikhwameni Sokuthuthukisa isetshenziselwa ukusiza abafundi abebengenayo enye indlela yokuqhubeka nezifundo zokuhumusha. Kwavunyelanwa ngokuthi ukusuka ngonyaka ozayo zizomukelwa izicelo ezivela kubafundi abasonyakeni wokuqala.



Amalungu ayakhunjuzwa ukuthi zinokucatshangelwa nezicelo zemifundaze mayelana nezifundo zokuqeqeshwa kwesikhathi esifushane.



Amakomiti



Ikomiti lokuqeqesha liphezu kwenhlolovo yokuhlonza izidingo zamalungu zokuqeqeshwa, ikakhulukazi ngokuphathelene nezifundo zokuqeqeshwa kwesikhathi esifushane ezimayelana nokuhumusha. Loku kuzothunyelwa kumalungu maduze nje.



Ikomiti le-website libike ukuthi kulindeleke ukuba i-version yesiBhunu egcwele ye-website ye-SATI ibe isisebenza maphakathi no-Aprili. Ukuhumusha ngesiXhosa nangesiTswana nako kuyaqhubeka nakuba kona kuhamba ngesivinini esiphansi. Amalungu asebenza ngalezi ezinye izilimi ezisemthethweni








akhuthazwa ukuba avolontiye ngosizo lwawo elekelele ukuqinisekisa ukuthi le Website imelela zonke izilimi ngokulinganayo.



Ukuqinisekiselwa umsebenzi



Ngeshwa, sinqamukile isivumelwano i-SATI ebinaso ne-NAATI (Australian National Accreditation Authority for Translators and Interpreters), leso ebesivumela ukuqinisekiselwa umsebenzi kwabahumushi abasebenza ngezilimi ezisetshenziswa ngabambalwa zangaphandle kwakuleli, ngenxa yolawulo olusha e-NAATI kanye nezindleko zokuhlolwa ezimba eqolo.



Indebe Yomhlaba Kanobhutshuzwayo ka-2010



Amalungu ayakhunjuzwa ukuthi kuzoba khona ikhasi elikhethekile ku-Website ye-SATI elinohla lwemininingwane yotolika abazimisele ukwenza ukuba izinkonzo zabo zitholakale kule Ndebe Yomhlaba. Uma ngabe awukakayilethi imininingwane yakho kanti ubungathanda ukuba igama lakho livele kuleli khasi, siza uthinte ihhovisi le-SATI ngokushesha okunokwenzeka.



Umhlangano waBaphathi olandelayo uzoba ngoJuni 2009.





Ulwazi oluvela emhlangwaneni wakamuva wabaphathi
 
Vol. 4 No. 1
 

 

 

 
Febhuwari 2009
 

 

 

 

 

 

 


