Gazette, Volume 402, No. 19640, usuku 23 Disemba 1998 ukucubungula kuzokwenziwa ukuqinisekisa ukuthi inqubo yokuhlolwa ihlale isezingeni elifanelekile. Lokhu kuzokwenziwa kusetshenziswa isampula emazingeni ehlukene ohlelo njengesisekelo, esikoleni, esixukwini, kanye nasezingeni lesifundazwe.
ecwaningwe inhloko yesifundo/inhloko yesigaba/umfundisi omkhulu.
ayayiswa abuye alandwe ezikhungweni zokucwaninga. IQembu lokuHlola lesiGodi (DAT) lizocebisa othishanhloko ngendlela okuyiyonayona yokubopha amaphothfoliyo ngenjongo yokuthi aphatheke kahle.
Isifundazwe sizonikeza izikole uhla lwamagama angu-6 abafundi akhethwe noma yikanjani kwi-learning area ngayinye, ngaphandle kwezilimi bheka isigaba 5.2 ukuthi banikeze i CTA isigaba kanye nephothfoliyo yombukiso ukuze icutshungulwe.
Yileso naleso sikole sizonikeza isamba samaphothfoliyo angu-54 kanye neziqephu ezingu-54 zesigaba A seCTA ukuze zicutshungulwe.
Lapho umfundi okhethiwe esesishiyile isikole, uthishanhloko kumele akhethe omunye ozothatha indawo yakhe . Uma umfundi egula engakwazi ukubhala iCTA akakwazi ukumelwa ngomunye, ngakho-ke iphothfoliyo yakhe yombukiso kumele ilethwe. Incwadi echazayo evela kuthishanhloko kumele ifakwe kwiphothfoliyo kathisha.
Umdibanisi weDAT kumele aqoke izikhungo okuzocutshungulelwa kuzo, banike futhi bazise othishanhloko bezikole kanye nehhovisi elikhulu imininingwane edingekayo ngomhlaka 29 Agasti 2003.
Uhlelo lokucubungula luzokwenzeka ezinsukwini ezingu- 10 bheka ithebula elisekhasini-6 mayelana nezinsuku zokucubungula iCASS ne CTA.
Umfundisi omela isikole emihlanganweni yesixuku kumele abekwe abe ngumcubunguli.
Uma kwenzeka kuba nomehluko ngokwencazelo phakathi kwale sekhula ehunyushiwe nalena esuselwe kuyo, lena esuselwe kuyo yiyo ezosiqondisa.
