Abafundi abakusigaba 9 kumele benze ama-Learning Area anqunyiwe kanye nezilimi ezimbili ezisemthethweni okungenani olulodwa ulimi lube lokuqala bese lolu olunye lube ulimi lwesibili lolungeziwe.
Okungenani nesilinganiso "Uphumelele ingxenye" kuwo wonke ama-learning area ayisithupha asele.
Amamaki ezogcwaliswa emakhasini amamaki asebenzayo working marksheets aleyo naleyo Learning Area. Lawa makhasi amamaki asebenzayo azogaywa nguMnyango wesiFundazwe bese ethunyelwa ezikoleni.
Ikhasi lamamaki ahlangene (composite marksheet) lizobe seligcwaliswa nguthisha wekilasi bese kuthi leli khasi lamamaki lisetshenziswe ukugcwalisa ikhadi lombiko (report card) lomfundi. Amakhasi amamaki ahlanganisiwe aqukethe ulwazi oluphathelene nabafundi azonikwa izikole.
Okuvivinya lwesiFunda. Amasheduli amamaki azogaywa ekuqaleni konyaka omusha ebese esetshenziselwa ukuqinisekisa ukuqhutshekiselwa phambili ezikoleni. Kuzobe sekuba yisibopho samaqembu okuhlola esikoleni school assessment teams ukuqinisekisa ukuthi inqubo yokufakwa kwamamaki esikoleni isezingeni.
Okungekho kulokho okudingekayo okukhethiwe kanye nokunikwa indawo okuyisipesheli ngokwezinhlobo zokuhlolwa kunganikwa indawo yizikole.
Ukuqhubekela phambili ngokuxolelwa kuzosetshenzwa ngako ngokubheka izimo ezibikwa yizikole ezithintekayo. Isikole kudingeka ukuba sinike izizathu ezichaza ubungako besimo sokukhubazeka esenza ukuthi sifaneleke ukuthi sixolelwe.
bayaxolelwa/bayakhululwa kumgomo wezilimi ezimbili. Kodwa-ke, uma laba bafundi benza izilimi ezimbili, isigaba 3.4 sizosetshenziswa. Uma umfundi enza ulimi olusemthethweni olulodwa nje kuphela kumele athole okungenani isilinganiso esingu "Uphumelele ingxenye" ukuze anelise izidingo zokuqhutshekiselwa phambili.
kolulodwa kwezimbili izilimi. Abafundi abakhubazeke ngokwezindlebe abenza ulimi olulodwa olusemthethweni kumele okungenani bathole isilinganiso esingu "Uphumelele ingxenye" ukuze bafaneleke ukuthi baxolelwe. Lokhu kusho ukuthi kumele kube okungenani nesilinganiso esingu "Uphumelele" ku MLMMS.
Abafundi abayizifiki asebehlale ezweni iminyaka engaphansi kwemithathu bazoxolelwa kumgomo wezilimi ezimbili.
Uphumelele" okungenani kolulodwa ulimi abalwenzayo kanye no "Uphumelele ingxenye" okungenani kulolu olunye (bheka isigaba 2.3).
Uma kutholakala ukuthi kunokuhluka ngokwencazalo phakathi kwale sekhula ehunyushiwe nalena esuselwe kuyo, lena esuselwe kuyo yiyo ezosiqondisa.
