Okuqukethwe kule sekhula kufanele kwenziwe khona-manje. Qaphelani ukuthi phakathi nonyaka ka 2000 kuzokwengezwa/ noma kushintshwe lapho nalapho okuqukethwe kule sekhula, futhi okushintshiwe kuzothunyelwa kini.
Inhloko yoMnyango wezeMfundo (HOD) inesibopho sokubhekana nokuphathwa kwenqubo yokwamukelwa kwabafundi ezikoleni zika wonke-wonke.
Ukuphathwa kwalenqubo kuhlanganisa kukho izinto ezinjengokukhishwa kwamakhadi okushintshelwa kwabafundi kwezinye izikole, ukuthunyelwa kwemininingo yabafundi esikoleni esisha kanye nokulondolozwa kwerejista enemininingo emayelana nokwamukelwa kwabafundi esikoleni.
UHOD ngalamazwi unikezela lo mthwalo namandla wokuwuthwala kutshishanhloko wesikole. Uthishanhloko unikezwa intembeko yokuthi aqinisekise ukuthi uzolandela indlela echazwe kulesekhula aqhubeke nomsebenzi wokwamukela abafundi esikoleni, kodwa ngaso sonke isikhathi abeke phambili ukuthi ulandela imigomo emayelana nalokho kanye namasekhula azothunyelwa esikhathini esizayo.
QAPHELA: Akusingumsebenzi/noma indima kathishanhloko ukunquma ukuthi umfundi makamukelwe na esikoleni noma cha.
UHOD unelungelo lokujezisa uthishanhloko othe watholwa ukuthi akazenzanga ezinye izinto ezikhankanywe kulo mgomo.
Ukuqondana nokwakhiwa kwezinto ezidingekayo ekuqhubekiseni abafundi abamukelwe kumabanga anabantwana abancane kakhulu kunabo ngobudala.
Ukuqondana nokubhaliswa kwabafundi uma sekudlule isikhathi kwaliwe izincwadi zokubhalisa, ukuze aqinisekise ukuthi labo bafundi bathola izindawo esikoleni ngokushesha.
Ukuqondana nokuthola indawo ekuzothunyelwa kuyo abafundi abanezinto ezibavimbelayo ezikoleni zikawonke-wonke noma uma kwenzeka ukuthi isimo senhlobo yesikole umfundi angangena kuso iseyishintshile.
Ahlole ukuthi kwenzeka kangakanani na ukuthi abafundi bangezi esikoleni uma labo bafundi besasebudaleni babafundi ekufanele bangene isikole.
Ahlole irejista lokubhaliswa kwabafundi, kanye nerejista labamele ukuvela kwezindawo.
Ukuqiniseka ngomgomo wokwamukelwa kwabafundi ongeniswa ngamandla wabaphathi-zikole.
Ukuthathwa kwezinqumo mayelana nokuthi sikhona na isidingo sokuthi umfundi abhale uvivinyo ukuze asizwe ukuthola indawo esikoleni.
I-SGB kufanele idale umgomo ozosetshenziswa ekwamukeleni abafundi ngokusebenzisa imigomo yeprovinsi kanye neyezwe mayelana nalendaba. Le ndlela yokudala lo mgomo kufanele ihambiselane nezimiso ezichazwe kumthetho i-Education Policy Act.
Kumele ibandla linikezele umqondisi wesiqephu ngencwadi yomgomo wokwamukelwa kwabafundi phambi kokuphela kuka-Apreli yonke iminyaka, ukuze yena umqondisi ayibhekisise azokwazi ukuyinikeza imvume.
Likhuthaze abazali ukuthi bafake izicelo zokutholela abantwana babo izindawo esikoleni phambi kokuphela konyaka wesikole.
Umfundi ofunda kuleso sikole noyimisele ukuthi abuyele kuso ngonyaka ozayo kufanele abikele isikole ngalokho phambi kokuphela kuka-Okthobha wonyaka lo, umangabe akhona.
Isidingo salokhu akusiwukunquma ukuthi uzakwamukeleka na, kodwa kuyadingeka njengoba kuzakuba wusizo esikoleni mayelana namapulani wenani lamakilasi azodingeka kanye nenani labafundisi abazodingeka.
Akuvumelekanga ukubiza izimali zokwenza le nqubo engenhla ebazalini.
Umfundi ofuna ukungena esikoleni okokuqala ngqa ekuqaleni konyaka wesikole kufanele abhalise kuso ukuqala kuka-Agasti kuya ekupheleni kuka-Septhemba wonyaka wangaphambili kokuqala kwakhe esikoleni.
Abafundi abahlala ezindaweni ezingekho kumaphethelo wendawo ekwakhiwe kuyo isikole, bangabhalisa kodwa amagama wabo azokulondolozwa kwirejista labafundi abamele indawo; futhi bazokwaziswa phambi kokuphela kuka-Okthobha walonyaka ababhalise ngawo ukuthi ngabe bayayithola na indawo kulesikole bebefake isicelo kuso. Umfundi ozokwalelwa imvume yokungena isikole esikoleni ebefake isicelo kuso umangabe nje isikole leso sesigcwele.
Abazali kumele banikezwe ifomu lokubhalisa uma bezokufaka amagama wezingane zabo erejisteni.
Zonke izimali ezibizelwe ukubhalisa noma ukwamukelwa esikoleni kufanele zidonswe emalini yenkokhelo ezokhokhwa ngumzali esikhathini esizayo. Uma kwenzeka ukuthi umfundi akazokuyithatha indawo ayinikeziwe yisikole, lezo mali asezikhokhile kumele zibuyiswe yisikole.
Imali ebizelwa ukubhalisa akufanele idlule inani lemali ekhokhwa kancane kancane ngenyanga ezimalini zenkokhelo.
Akukho mfundi okumele alelwe ukufunda kuleso sikole ngenxa yokuthi umzali wakhe akakhoni ukukhokha imali yokubhalisa noma idiphozithi.
Akukho umfundi okumele alelwe indawo esikoleni ngenxa yokuthi umzali wakhe akahambiselani nemission statement yesikole, noma engahambiselani nenhlanganisela yemithetho ebhalwe yisikole eqopha indlela yokuziphatha kwabafundi (code of conduct); noma ale ukungena kwinkontilaka eqopha ukuthi umzali akazokubiza zindleko esikoleni umangabe kuvele umonakalo ngenxa yemfundo enikezwe umntwana wakhe.
QAPHELA: UMnyango uyazi ukuthi sekukhona izikole eseziqale ngenqubo yokwamukela abafundi kunyaka ka 2000, futhi ezinye zalezikole sezithumele nombiko emphakathini wokuthi zona azisenandawo kubafundi abafuna indawo kunyaka ka-2000. Lesisenzo salezikole saphula umthetho obekwe ngulo mgomo. Kepha, iNhloko yezeMfundo (HOD) kumele iqinisekise ukuthi inqubo yokwamukela abafundi iqhutshwa kahle, nokuthi futhi labo bazali asebabhalise abantwana babo esikoleni abazothathelwa izithuba abasebezitholile futhi ngekhe kubenesidingo sokuthi baqale phansi babhalise. Phezu kwalokhu iHOD isasenelungelo lokuqinisekisa ukuthi abafundi abahlala duzane nendawo leyo ekwakhiwe isikole yibo abathola indawo esikoleni phambi kokuthi kwamukelwe abafundi ababuya ezindaweni ezingaphandle kwamaphethelo endawo ekwakhiwe kuyo isikole.
Kumele kwaziwe ukuthi umfundi wamukelwe kwinhlanganiselo yezinto ezenziwayo kwiprogramu ephelele yesikole, futhi akumele alelwe ukuza kwamanye amakilasi wesikole, ukufikelela kwizinto ezenziwayo zobuzwe, ezemidlalo noma ezokujabulisana esikoleni, noma angatholi incwadi yombiko yasesikoleni noma amasetifikhethi wokushintshela kwesinye isikole; noma ahlukunyenzwe phansi kwalokhu okubhalwe kwisahlukwana 4.
Itransfer card litholakala esikoleni lapho umfundi ebefunda khona. Leli khadi kumele lithunyelwe ngeposi noma linikezelwe kuthishanhloko wesikole esisha ngumuntu osemthethweni linganikezwa umzali noma ummeli-mzali womfundi.
Uthishanhloko kumele aqinisekise ukuthi ngempela lamaphepha asemthethweni. Uma kwenzeka ukuthi amanye walamaphepha awakho kumele kuxoxiswane nomqondisi wesiqephu; kusukela lapho umfundi amukelwe okwesikhashana sezinyanga ezintathu lapho esikoleni. Ngaso lesikhathi isikole kanye nomqondisi wesiqephu kufanele bakhombise umzali indlela yokuthola la maphepha asadingekayo. Uma siphela lesikhathi sezinyanga ezintathu umzali engekawalethi la maphepha adingekayo, ibandla labaphathi-sikole kumele lixoxisane nomqondisi wesiqephu baxazulule le nkinga. Akukho mfundi obudala obunyanzelekile ukuthi abesesikoleni ozakwalelwa ukungena isikole ngesizathu sokuthi umzali akakhonanga ukuletha amaphepha adingekayo.
Umfundi kufanele ahambe isikole kuze kufikelele isikhathi sosuku lokugcina lonyaka wesikole lapho umfundi ezakuba neminyaka eyi-15 noma eqeda u Gredi 9, noma eyiphi eyenzeka kuqala kulezi.
Umfundi obudala buwela kuleli nani eliqophiwe njengelokuthi usamele abe usangena isikole, uma etholwe ukuthi uyalidlula ngeminyaka emithathu nangaphezulu, kumele avunyelwe ukungena isikole. Uthishanhloko, ngokuxoxisana nomqondisi wesiqephu, kufanele nakanjani amfake loyo mfundi kwiprogramu lokumqhubekisa phambili ngokushesha ukuze afikelele ezingeni labafundi balelogredi afakwe kulo (ngesinye isikhathi lokhu kungadinga ukuthi umfundi afakwe kwesinye isikhungo esizosiza ngalokhu).
Amabandla abaphathi zikole awavumelekile ukuvivinya abafundi ngenhloso yokuthi azobanikeza izindawo ezikoleni, futhi awavumelekanga nokuthi ayalele othishanhloko nanoma ubani ukuthi enze lokho.
Lapho umfundi adinga ukufakwa ezinhlobeni zezifundo eziyisipesheli njengezifundo zezinhlobo-nhlobo zomsebenzi, umdanso kanye nomculo futhi nalapho kuzakuba wusizo kumfundi ukuthi ahlolwe; umfundi angacelwa ngumqondisi wesiqephu ukuthi avumele isikole ukuthi simhlole.
Abafundi abahlala eduzane nendawo lapho isikole sakhiwe khona kufanele banikezwe ilungelo lokuqala lokuthola indawo. Isikole esiseduzane sithathwa ngokuthi yileso sikole esingekho kude nalapho umfundi ahlala khona noma esiseduzane nalapho abazali (noma umzali) bomfundi basebenza khona.
Laba bafundi kumele baziswe ukuthi amagama wabo abhalwe kuhlu lwabafundi abamele ukuvela kwezindawo, futhi kumele banikezwe nenombholo yabo kulerejista.
Lo mgomo uzosetshenziswa ngokufanayo ekwamukeleni abantwana abangasiyizakhamuzi zezwe, kanye nakulabo abazali babo banepemethe yokuhlala lana umlibe noma okwesikhashana, kanye noma abazali belapha ngaphandle kwemvume kahulumeni wezwe.
Umfundi ongene ezweni ngokuthola ipemethe yokufunda kumele atshengise abaphethe esikoleni ukuthi unayo leyo pemethe.
Abazali abalapha ezweni ngokungekho mthethweni uma befakela abantwana babo izicelo kumele babenezaziso zokuthi basebefake izicelo eMnyangweni wezaseKhaya ukuthi umthetho wezwe ubavumele bahlale ngokusemthethweni.
Uma bengenazo lezi zaziso, kumele balulekwe ukuthi bangawathola kanjani na amaphepha adingekayo. Ngalesikhathi kusamelwe amaphepha, bona abantwana ekufanele ukuthi babesesikoleni ngomthetho bangaloko beqhubeka ngezifundo zabo.
Uma ngabe umfundi uyalelwa ukuthola indawo esikoleni, uthishanhloko kuzofanele asebenzise amandla awanikwe ngu HOD, abhale incwadi echaza isizathu sokwaliwa komfundi. Uthishanhloko futhi kufanele anikeze umzali womfundi umniningo wekheli nothelefoni wehhovisi lesiqephu kanye negama leDEC ebhekane nalenhlobo yomsebenzi.
Uma kwenzeka ukuthi ibandla labaphathi sikole liyamalela umfundi ukuthi athole indawo ehostela noma limyalela ukuthi aphume ehostela kuzofanele lona ibandla linikeze uHOD incwadi echaza izizathu zokwenza lokho.
Umangabe umfundi engasadingi indawo ehostela, asikho isidingo sokuthi kuthathwe indawo yakhe esikoleni.
Akukho sikole esivumelekile ukuthi siqhube imisebenzi ye ECD ezimele endaweni yesikole sikahulumeni ngaphandle kokuthola imvume kumqondisi wesiqephu.
Lezo zikole ezinalezinhlobo zomsebenzi kudingeka ukuthi yonke iminyaka zifake izincwadi zezicelo zokuqhubeka kunyaka ozayo ekupheleni kwethemu lesibili lonyaka ongaphambili kwalowo ezifuna ukuqhubeka ngawo; zizame ukuthola imvume yokwenza lo msebenzi ngonyaka ozayo.
UMqondisi wesiqephu kufanele asibikele isikole ngencwadi uma siyayithola imvume noma cha.
UMqondisi wesiqephu kufanele anikeze isigaba se-ECD and Primary Unit eHhovisi elikhulu uhlu lwamagama wezikole ezifake izicelo nombiko wokuthi ziyitholile na imvume noma cha. Lo mbiko wenziwa ngokusebenzisa ifomu u-Annexture 4.
